Voice of Justice

Voice of Justice

2019/12/30

UNkulunkulu USomandla UyiNkosi UJesu Ebuyile

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Emva komsebenzi kaJehova, uJesu waba inyama ukuze enze umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Umsebenzi Wakhe awenziwanga uzimele wodwa, kodwa wakhelwa phezu komsebenzi kaJehova.

2019/12/29

Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaNkulunkulu Nowomuntu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo ubandakanya umsebenzi wabo bonke abantu, futhi uphinde umele umsebenzi waso sonke isikhathi somlando.

2019/12/28

New South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" (English Dubbed)



New South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" (English Dubbed)


Akekho ngaphandle Kwakhe owazi esikucabangayo.
Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.
Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.
Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.

2019/12/27

Ukulahla Amaketanga

ukukholwa,funa iqinisoUkuthanda uNkulunkulu


UMomo edolobheni laseHefei, Esifundazweni sase-Anhui


Ngaphambi kokuba ngikholwe kuNkulunkulu, noma ngabe ngangenzani, ngangingafuni neze ukusala emuva. Ngangizimisele ukwamukela noma yibuphi ubunzima inqobo nje uma lokho kwakuchaza ukuthi ngiyokwazi ukwedlula wonke umuntu.

2019/12/26

UNkulunkulu USomandla UnguNkulunkulu Oyedwa Obusa Phezu Kwezinto Zonke

UNkulunkulu uSomandla,igunya likaNkulunkulu


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Konke lokhu okulo mhlaba kuyashintsha ngokushesha emicabangweni kaMninimandla Onke, phansi kwamehlo Akhe. Izinto isintu esingakaze sizwe ngazo zingafika kungazelele. Kanti futhi lokho isintu okwakulokhu kungokwaso kungavele kusilahlekele singazanga.

2019/12/25

Kungani Ungazimisele ukuba Isiqhathaniso?

Labo abanqotshwayo bayiziqhathaniso, futhi ngemva nje kokupheleliswa baba izibonelo nezifanekiso zomsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphambi kokuba bapheleliswe bayiziqhathaniso, amathuluzi, kanjalo nezinto zokusebenza.

2019/12/24

Isahluko 89

Akulula ukuhambisana nezinhloso Zami kukho konke okwenzayo; akulona udaba lokuziphoqa ukuthi uzenzise, kodwa kuncike ekuthini ngikunikile yini izinga Lami ngaphambi kokudalwa komhlaba, okwakuncike Kimi. Lokhu akuyona into engenziwa ngabantu. Ngiyothanda engimthandayo, futhi lowo engithi uyindodana Yami eyizibulo nakanjani uyindodana eyizibulo, lokhu kulunge ngokuphelele. Ungafuna ukuzenzisa, kodwa lokhu kuyoba yize! Ucabanga ukuthi angikuboni? Ingabe ukuziphatha phambi Kwami kulunge ngokwanele? Ingabe kulula kangako? Phinde! Kufanele ube nesethembiso Sami, ukunqumela ngaphambili Kwami.

2019/12/23

Kumele Wazi Ukuthi Sonke Isintu Sithuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje

umsebenzi kaNkulunkulu,uhlelo lukankulunkulu


Wonke umsebenzi kule minyaka eyizi-6,000 uye ngokushintsha kancane kancane ngokuhambisana nesikhathi. Ushintsho kulo msebenzi lwenzeke ngokuhambisana nesimo somhlaba wonke. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uguquke kancane kancane ngokulandela ukushintsha kwemikhuba yesintu sisonke; hhayi ukuthi kwakuhlelwe ekuqaleni kokudala.

2019/12/22

South African Gospel Song "UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila"


South African Gospel Song "UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila"


Akuyena wonke umuntu onendlela yokuphila;
Akuyona into noma ubani angayithola kalula.
Ngokuba ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela,
UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila,
UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila.

2019/12/21

South African Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu"


South African Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu"


UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.
Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.

2019/12/20

Ukuhamba Endleleni Ekhanyayo Yempilo

Inkolo Yeqiniso UMoya oNgcwele

Ngangivame ukuba ngumuntu owayelandela izinto zezwe, ngangifuna ukuzinikela empilweni yokuzijabulisa, futhi engangikukhathalela nje kwakuyinjabulo yenyama. Ngangivame ukuhamba nabangani bami siye e-KTV ubusuku bonke, ngangithokozela ama-joyride phakathi nobusuku, ngangiya kodoba olwandle, futhi ngihambe yonke indawo ngifuna ukudla kweqophelo eliphezulu. Ngangiye ngibone nalabo ababengizungezile, nabo bonke babezama ukudla kahle, bagqoke izingubo ezinhle, futhi bajabulele izinto ezinhle.

2019/12/16

Isahluko 82

Amazwi KaKristu Wezinsuku Zokugcina Iqiniso

Bonke bayesaba lapho bezwa izwi Lami. Bonke bagcwele uvalo. Nesabani? Ngeke nginibulale! Kungenxa yokuthi nizizwa ninecala futhi nesaba ukutholakala. Enikwenza ngemuva Kwami akunasisindo futhi akunamsebenzi. Lokhu kungenze nganizonda kakhulu ngendlela yokuthi ngifisa ngokuzimisela ukuthi ngabe ngiphonse labo engangingabamisanga ngaphambili nengangingabakhethanga emgodini ongenamkhawulo ukuze baphihlizwe babe yizicucu.

2019/12/12

Livela Kuphi Leli Zwi

funa iqiniso

Ngazalelwa emndenini wamaKristu, futhi nginezihlobo eziningi ezingabashumayeli. Kusukela ngesikhathi ngisemncane, ngalandela abazali bami ekukholweni eNkosini. Emva kokuba sengikhulile, ngabhekisa eNkosini ngomkhuleko: uma nje ngingathola umyeni okholwa eNkosini, ngingazinikela mina kanye naye sisebenzele iNkosi. Emva kokuba sengishadile, umyeni wami wayekholwa ngempela eNkosini, futhi waba ngumshumayeli ozinikele ngokuphelele.

2019/12/10

Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)

Isikhathi sokuqala uNkulunkulu aba yinyama ngaso kwakungokokukhulelwa ngoMoya oNgcwele, futhi kwakuhlobene nomsebenzi ayehlose ukuwenza. Inkathi Yomusa yaqala ngegama likaJesu.

2019/12/04

Isahluko 88

Abantu abakwazi nhlobo ukucabanga izinga isivinini Sami esisheshe ngalo: Kuyisimangaliso esenzekile esingaqondakali kumuntu. Kusuka ekudalweni komhlaba, isivinini Sami silokhu siqhubekele phambili futhi umsebenzi Wami awukaze ume. Umhlaba wonke uyaguquka usuku ngosuku, futhi abantu nabo balokhu beguquka. Konke lokhu kuwumsebenzi Wami, konke kuwuhlelo Lwami, futhi ngaphezu kwalokho, ukuphatha Kwami—akukho muntu owazi noma oqonda lezi zinto. Kulap ho kuphela nginitshela Ngokwami, kuphela kulapho ngixoxa nani ubuso nobuso lapho nazi khona okuncane; kungenjalo, akukho muntu nhlobo owazi umongo wohlelo Lwami lokuphatha. Anjalo amandla Ami amakhulu futhi nangaphezu kwalokho nezenzo Zami ezimangalisayo, okungekho muntu ongakuguqula.