Voice of Justice

Voice of Justice

2019/12/22

South African Gospel Song "UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila"


South African Gospel Song "UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila"


Akuyena wonke umuntu onendlela yokuphila;
Akuyona into noma ubani angayithola kalula.
Ngokuba ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela,
UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila,
UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila.
Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila,
nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo.
Kusukela kudalwa umhlaba uNkulunkulu usenze umsebenzi omkhulu
ohlanganisa amandla okuphila aletha ukuphila kumuntu;
Ukhokhele umuntu inani eliphezulu ukuze azuze ukuphila.
Ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade;
Uyindlela yokuthi umuntu athole ukuvuswa.

UNkulunkulu akakaze angabi khona enhliziyweni yomuntu,
Uhlale ephila phakathi komuntu.
Uyena ongamandla aqhuba ukuphila kwabo,
nesisekelo sobukhona babo;
Uyisibambiso esicebile umuntu angaphila ngaso.
Wenza ukuba umuntu azalwe kabusha,
enze ukuba baphile ngamandla ezindimeni zabo ezahlukene.
UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila,
UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila.
Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila,
nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo.
Ngenxa yamandla Akhe namandla okuphila angahluleki,
umuntu uphilile ezizukulwaneni nezizukulwane.
Amandla okuphila kukaNkulunkulu alekelela umuntu ngokuphikelela;
UNkulunkulu ukhokhe inani elingakaze likhokhwe muntu ophilayo.

Amandla empilo kaNkulunkulu ayachuma phezu kwawo wonke amandla; futhi adlula wonke amandla.
Impilo Yakhe ingunaphakade, amandla Akhe awavamile.
Asikho isidalwa noma isitha esinganqoba amandla Akhe,
okukhona  futhi  okukhanya ukukhanya okugqamile
nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo, nganoma isiphi isikhathi noma iyiphi indawo.
UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila,
UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila.
Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila,
nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo.
Izulu, umhlaba kungaguquka kakhulu, impilo kaNkulunkulu yona ngeke;
Zonke izinto azisekho, kodwa impilo kaNkulunkulu ilokhu ikhona,
UNkulunkulu ungumsuka nempande yobukhona bazo zonke izinto,
ngokuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe ungukuphila okuphakade.

Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu,
nomhlaba ukhona ngenxa yamandla empilo kaNkulunkulu.
Ayikho into equkethe amandla engadlula ubukhosi bukaNkulunkul,
futhi ayikho into enobungqabavu engaphunyuka ebubanzini begunya likaNkulunkulu.
UNkulunkulu kuphela onomongo wokuphila,
UNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila.
Ngakho-ke uNkulunkulu kuphela ongumthombo wokuphila,
nomthombo ogeleza njalo wamanzi okuphila empilo.
Ngale ndlela, kungakhathaleki ukuthi si ngobani,
isintu sonke asithobe, asithobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu,
siphile ngaphansi komyalo Wakhe.
Akekho ongaphunyuka, akekho ongaphunyuka, ongaphunyuka ekulawuleni Kwakhe.

Umthombo Izwi Livela Lisenyameni

Funda Okwengeziwe: Gospel Choir Song 


Awekho amazwana:

Thumela amazwana