Voice of Justice

Voice of Justice

2019/12/27

Ukulahla Amaketanga

ukukholwa,funa iqinisoUkuthanda uNkulunkulu


UMomo edolobheni laseHefei, Esifundazweni sase-Anhui


Ngaphambi kokuba ngikholwe kuNkulunkulu, noma ngabe ngangenzani, ngangingafuni neze ukusala emuva. Ngangizimisele ukwamukela noma yibuphi ubunzima inqobo nje uma lokho kwakuchaza ukuthi ngiyokwazi ukwedlula wonke umuntu. Emva kokuba ngamukele uNkulunkulu, indlela yami yokucabanga yashintsha, ngoba ngangikholelwa ngokuphelele ekutheni, “Umuntu angaphakama edlule okujwayelekile ngokwedlula ebunzimeni obukhulu kuphela,” futhi ngabona indlela yami yokucabanga njengobufakazi bokukhuthazeka kwami. Lapho uNkulunkulu embula iqiniso kimi, ekugcineni ngabona ukuthi ngangikade ngiphila ngaphansi kwamaketanga kaSathane, ngiphila ngaphansi kokubusa kwakhe.

Esikhathini esidlule esingesidala, ibandla lenza izinhlelo zokuthumela udadewethu engangibambisene naye ukuba ayosebenza esikhundleni sobuholi. Ngithe uma ngizwa izindaba, inhliziyo yami yadangala. Sobabili sasikade sisebenza ezikhundleni zobuholi kwaze kwaba siqokwa njengabahleli bemibhalo. Manje udadewethu lo wayesebuyela esikhundleni sobuholi futhi ezosebenzela uNkulunkulu lapho ayengeke abe namkhawulo wokukhula, kodwa mina ngangizolokhu ngiduve edesikeni, ngenza umsebenzi wami ngingabonakali. Kusasa lini elalizoba lapho? Kodwa futhi ngabuye ngacabanga, ngakhumbula isisho sakudala, “Kunezindlela eziyisigidi ezahlukene ezibheke empumelelweni.” Inqobo nje uma ngigcwalisa umsebenzi wami ngendlela, nami ngangingaphumelela. Ngangidinga nje ukuphindaphinda imizamo yami yokulangazelela iqiniso. Uma ngigxila ekuhleleni izintshumayelo ukuze zikhulume kangcono iqiniso, mhlawumbe ngelinye ilanga abaholi babezobona ukuthi ngangiliqonda iqiniso. Bese nami bengikhuphula esikhundleni ukuze nami ikusasa lami liqhakaze ngokufanayo. Emva kokubona lokhu, amafu ampunga aqala ukuhlehla ngaba nokuzimisela okusha. Ngaziphonsa emsebenzini wami, futhi ngadla ngaphuza izwi likaNkulunkulu lapho ngingekho matasatasa, ngingalokothi ngisilele emuva ngisho umzuzu nje.

Ngelinye ilanga, ngabona ibinzana lamagama alandelayo entshumayelweni: “Konke okukuvimbela ukuba ufune uNkulunkulu neqiniso kungamaketamgo kaSathane. Nona ubanjwe yiliphi emaketangweni kaSathane, uphila impilo yakho ngaphansi kokubusa kwakhe” (“Imisebenzi Izisebenzi ZikaNkulunkulu Okufanele Ziyiphothule” embhalweni othi Izintshumayelo Nokuhlanganyela III). Emva kokuzwa lokhu, ngaba nokuzibuza ukuthi, “Yimaphi emaketangweni kaSathane engiphila ngaphansi kwawo? Yibuphi ubuthi bakhe obungivimbela ukuba ngifune iqiniso?” Ngenkathi ngizama buthule ukuphengulula lo mbuzo, ngakhumbula isimo sami sakamuva. Emva kokuba udadewethu esethunyelwe esikhundleni esisha, angizange ngibe ngonganaki. Empeleni, ngaba nokuzinikela okukhulu ekudleni nasekuphuzeni izwi likaNkulunkulu, ngithandaza kuNkulunkulu, futhi ngigcwalisa izibopho zami ngokuzinikela. Uma ungibuka ngaphandle, ngangibukeka ngizinikele kakhulu ekufuneni iqiniso kunakuqala, kodwa uma uvula ikhethini ubhekisisa, amandla ami okwamukela ukusilela emuva kwakungenxa kuphela yokuthi nganginezintshisekelo ezifihlekile zokuba nodumo futhi ngiphakame ngedlule wonke umuntu ngelinye ilanga. Le ntshisekelo yami eyayingishisa yokuba ngovelele kwakuyisona isizathu sokuba ngingabi ngonganaki futhi esikhundleni salokho ngishisekele iqiniso kakhulu nangamandla, kodwa lokhu kufuna kwami iqiniso mbumbulu kwakuwuzikhohlisa nje, ukulangazelela okungcolile. Ngangikhetha ukulangazelela kwesikhashana iqiniso ukuze ngigcwalise izimfuno zami zokwenelisa mina. Uma ngicabanga emuva eminyakeni yami engayichitha ngilandela uNkulunkulu, ngabona ukuthi konke ukuzinikela kwami kwakukhokhelwe ngobuthi bukaSathane obuthi “Umuntu angaphakama edlule okujwayelekile ngokwedlula ebunzimeni obukhulu kuphela.” Yindlela okwakungibophe ngayo njengamaketango angabonakali kwase kungishoshozela ukuba ngilangazelele ukugqama ezihlweleni futhi ngibe umuntu ophezulu. Ngithe noma senginesikhundla, nalapho ngangisalangazelela okunye okungaphezu kwalokho; Lapho ngilahlekelwa yisikhundla sami noma ngingaphumeleli ukuya phezulu, ngangingabi ngonganaki; nalapho ngangisabukeka ngizimisele ukukhokha inani lokufuna iqiniso. Noma kunjalo, lokhu kwakungeve kungenxa yokuthi ngangiqonda iqiniso futhi ngizimisele ukuzinikela ngenxa yalokho. Ngangifuna nje ukusebenzisa ukubonakala kokuzinikela emzamweni wokugqama. Yilapho-ke ekugcineni engaqonda khona ukuthi umbono wokuthi “Umuntu angaphakama edlule okujwayelekile ngokwedlula ebunzimeni obukhulu kuphela” empeleni kwakungubuthi bukasathane obabugeleza emithanjeni yami. Ngangikhohlisiwe; ubuthi lobu babungimunce bonke ubuntu. Ngangiziphakamisile futhi ngilangazelele ukuya phambili kodwa ngingenakho ukubona okucacile. Konke lokhu kwenzeka ngibhekile. Empeleni ngacabanga ukuthi izintshisekelo zami zaziwubufakazi bokushiseleka bami. Ngangicabanga ukuthi isimo sami sokuzazisa sokungafuni ukusalela emuva kwakuwuphawu lokushiseleka kwami. Ngangiwakhonza la manga kaSathane sengathi ayiqiniso futhi ngawabona njengebheji lesikhundla esikhundleni sophawu lwehlazo. Ngangiyisiwula kangakanani ukuba ngikhohliswe uSathane ngale ndlela, kangangokuba ngihluleke ukuhlaluka okuhle nokubi? Ekugcineni ngaze ngabona ukuthi ngangiyisiduphunga kangakanani. Futhi ngafunda nokuthi uSathane usebenza ngomshoshaphansi kanye nendlela enyanyekayo kangakanani. USathane usebenzisa amanga adusayo ukuze asikhohlise futhi asonakalise. Usiholela ophathe, kodwa thina sikhombisa ukwethembeka kula macebo akhe enkohlakalo. Konke lokhu kwenzeka ngaphandle kokwazi kwethu. Sicabanga ukuthi silangazelele iqiniso futhi sizinikela ngenxa yeqiniso, kodwa empeleni siphila ngaphansi kokuzikhohlisa. Ubuthi bukaSathane bunamandla kakhulu! Ukube bekungeve kungenxa yokukhanyisela kukaNkulunkulu, bengingeke nhlobo ngilibone iqiniso leli lokuthi ngangikhohlakaliswe nguSathane, futhi bengingeke nhlobo ngiwabone la macebo kaSathane enkohliso. Ukube bekungeve kungenxa yokukhanyiselwa nguNkulunkulu, bengizolokhu ngiqhubeka nokuphila ngaphansi kwamaketanga kaSathane, kuze kube uSathane usengiqede ngaphela.

Ngaleso sikhathi, ngacabanga amazwi kaNkulunkulu: “Uma ukujabulela ukuba ngumenzi womsebenzi endlini kaNkulunkulu, usebenza ngokuzimisela nokwethembeka emfihlakalweni, ngaso sonke isikhathi uhlala upha futhi ungathathi, ngithi-ke ungongcwele othembekile, ngoba awufune mklomelo futhi ungumutu oneqiniso nje” (“Izexwayiso Ezintathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu angikhombisa indlela yokwenza: Njengesinye sezidalwa zikaNkulunkulu, kufanele ngimthande futhi ngimenelise ngaphandle kwezaba futhi ngigcwalise izibopho zami ngokuzinikela. Lo umuzwa omunye wezidalwa zikaNkulunkulu okufanele abe nawo. Lokhu ukufuna okuhambisana nentando Yakhe. Kusukela namhlanje kuya phambili, ngizokwenza konke okusemandleni ami ukufuna iqiniso. Ngizoncika eqinisweni ukuzama ukubona ngokucacile inkohliso kaSathane futhi ngilahle kude amaketanga Akhe. Ngeke ngisafuna lutho lwenyama. Kunalokho, ngizosebenza ngokungazigqamisi, ngigcwalise umsebenzi wami ukwenelisa uNkulunkulu, ngizoqhubeka ngokuzinikela ngingenakuzisola nhlobo, ngoba ngingomunye nje wezidalwa zikaNkulunkulu ezingabalulekile. Ukwanelisa uMdali wami kungenye yezinjongo zami zeqiniso empilweni.


Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Yabelana ngalesi sihloko: Iyiphi Inkolo Yeqiniso?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana