Voice of Justice

Voice of Justice

2019/12/16

Isahluko 82

Amazwi KaKristu Wezinsuku Zokugcina Iqiniso

Bonke bayesaba lapho bezwa izwi Lami. Bonke bagcwele uvalo. Nesabani? Ngeke nginibulale! Kungenxa yokuthi nizizwa ninecala futhi nesaba ukutholakala. Enikwenza ngemuva Kwami akunasisindo futhi akunamsebenzi. Lokhu kungenze nganizonda kakhulu ngendlela yokuthi ngifisa ngokuzimisela ukuthi ngabe ngiphonse labo engangingabamisanga ngaphambili nengangingabakhethanga emgodini ongenamkhawulo ukuze baphihlizwe babe yizicucu. Nokho, nginohlelo Lwami, nginezinhloso Zami. Ngizosindisa impilo yakho okwamanje, ngingakuxoshi kuze kuphele ukungisebenzela kwakho. Angifuni ukubona izidalwa ezinje, ziyihlazo egameni Lami! Uyakwazi lokhu? Uyaqonda? Zihlupheki ezingenamsebenzi! Qondani lokhu ngokucacile! Lapho usetshenziswa Yimi engenza lokho futhi lapho ungasetshenziswa nakho kungenxa Yami. Konke kuhlelwa Yimi, futhi ezandleni Zami konke kuyalalela futhi kuhlelekile. Noma ngubani olokotha anyakaze ngesikhathi esingeyiso uyoshaywa awiswe yizandla Zami. Ngihlala ngithi “uyoshaywa awiswe’; ngabe ucabanga ukuthi lokho ngempela ngikwenza ngezandla Zami? Angidingi ukukwenza! Izenzo Zami azinabudlabha njengoba isintu sicabanga. Kuqondweni lapho kuthiwa konke kuqalwa futhi kuphethwe ngezwi Lami? Konke kuphethwa ngaphandle kokuphakamisa ngisho umunwe. Uyayiqonda incazelo yangempela yezwi Lami?

Ngeke ngibasindise nhlobo labo abangenzela umsebenzi. Abanasabelo embusweni Wami. Lokhu kungenxa yokuthi laba bantu balibala yizindaba zangaphandle kunokwenza intando Yami. Nakuba ngibasebenzisa manje, empeleni bangabantu engibazonda kakhulu, abantu engibenyanya kakhulu. Namuhla, ngithanda noma ngubani ongenza intando Yami, noma ngubani ongakhombisa ukucabangela imithwalo Yami, nanoma ngubani onganikela konke okwakhe ngenxa Yami ngenhliziyo eqinisile nobuqotho, futhi ngiyohlala ngibakhanyisela, ngingabavumeli basuke Kimi. Ngihlala ngithi, “Kulabo abazikhandla ngobuqotho ngenxa Yami, nakanjani ngizobabusisa kakhulu.” “Ukubusisa” kubhekise kuphi? Uyazi? Mayelana nomsebenzi wamanje woMoya oNgcwele, kukhombisa imithwalo engikunika yona. Bonke labo abakwazi ukuthwala umthwalo webandla, abazinikela ngobuqotho ngenxa Yami, umthwalo wabo futhi nenhliziyo yabo yangempela kuyisibusiso Kimi. Ngaphezu kwalokho, izambulo Zami kubona nazo ziyisibusiso esivela Kimi. Lokhu kungenxa yokuthi labo abangenamthwalo manje abamisiwe ngaphambili futhi abakhethiwe Yimi; iziqalekiso Zami sezehlele phezu kwabo. Lokhu kusho ukuthi, labo engibamise ngaphambili futhi engibakhethile banesabelo ezingxenyeni ezinhle zalokho engikushilo. Lapho amazwi Ami ekhulunywa ngokwengeziwe aqondwa ngokwengeziwe. Lapho amazwi Ami ekhulunywa ngokwengeziwe acaca ngokwengeziwe. Wonke umuntu kulabo abangaqili nabanenkohliso engingabamisile ngaphambili waqalekiswa Yimi ngaphambi kokudalwa komhlaba. Kungani kuthiwa ngalowo nyaka, inyanga, usuku, ngisho nehora, umzuzu, nomzuzwana wokuzalwa kwenu konke kuhlelwe ngokufanele Yimi? Kade ngamisa ukuthi ngobani abayothola isikhundla samadodana angamazibulo. Basemehlweni Ami; kade babonwa Yimi njengegugu, futhi kade baba nendawo enhliziyweni Yami. Lonke izwi engilikhulumayo linesisindo futhi liphethe imiqondo Yami. Umuntu akalutho! Ngaphandle kwalabo abambalwa engibathandayo abanesikhundla samadodana angamazibulo, yibaphi abambalwa abakhombisa ukucabangela intando Yami? Anakuphi ukubaluleka amadodana Ami? Anakuphi ukubaluleka? Abantu Bami babaluleke ngani? Esikhathini esedlule, igama “Amadodana Ami” laliyigama lamadodana Ami angamazibulo, kodwa lawo madodana Ami nabantu Bami abangalazi ihlazo bacabanga ukuthi kwakuyigama lokukhuluma ngabo ngokubahlonipha. Ningadlali ngokungenamahloni indawo yamadodana Ami angamazibulo, kunifanele lokhu? Namuhla okuyibona kuphela abaqinisekiswe yilabo ababekwe ezikhundleni ezibalulekile phambi Kwami. Bathole isikhundla samadodana angamazibulo. Sebenesabelo sesihlalo Sami sobukhosi, umqhele Wami, inkazimulo Yami, nombuso Wami. Konke kulungiselelwe ngobunono Yimi. Bonke labo abamukela isikhundla samadodana angamazibulo namuhla bezwe ubuhlungu, ukwahlulelwa, nobunzima obukhulu, obufana nalokho abahlangane nakho emindenini yabo kusuka bezalwa, amathemba abo ekusasa, umsebenzi, umshado, njll. La madodana angamazibulo awasizuzanga lesi sikhundla ngaphandle kokukhokha inani elithile. Sebedlule ezingxenyeni zempilo ezehlukene: ezinhle, ezimbi neziphakathi nendawo. Bonke labo ngaphambili abebethathelwa phezulu ngabantu bomhlaba futhi abaphila ngokuthokomala ekhaya abanasabelo emadodaneni angamazibulo. Abafanele ukuba ngamadodana angamazibulo; bahlaza igama Lami, angibafuni nhlobo. Ngokwamadodana nabantu Bami engibakhethile, banedumela elihle futhi emhlabeni, kodwa basilela kakhulu emadodaneni Ami angamazibulo. Manje ngisebenzisa abantu abathile, kodwa phakathi kwabo abaningi abafanele ngisho ukubizwa ngabantu Bami, bangabafanelwe ukubhubha okuphakade; basetshenziswa ukungisebenzela isikhashana, hhayi ukusetshenziswa isikhathi eside. Labo abangabokusetshenziswa isikhathi eside sebenqunyiwe enhliziyweni Yami. Lokho kusho ukuthi, labo engibabeka esikhundleni esibalulekile yilabo engibathandayo futhi okudala ngaqala ukubasebenzisa. Okungukuthi, umsebenzi wabo usuvele ubekiwe. Mayelana nalabo engibenyanyayo, esigabeni samanje basetshenziswa okwesikhashana nje. Lapho kufika abakwamanye amazwe, amadodana angamazibulo ayokwambulwa ngokucacile kini ngaleso sikhathi.

Namuhla ngifuna ukuthi nikhule ngokushesha futhi nikhombise ukucabangela umthwalo Wami, lo mthwalo awusindi ngokwedlulele, futhi ngizokwenza ukuba nenze lokho kuphela okusemandleni enu. Ngiyasazi isiqu esingokomoya senu, ngiyayazi imisebenzi eningayenza. Ngiyakwazi konke lokhu futhi ngiyaziqonda lezi zinto. Ngifisa nje ukuthi amadodana Ami azithibe ngokuzinikela, akwazi ngempela ukuthanda lokho engikuthandayo, ukuzonda lokho engikuzondayo, ukwenza lokho engikwenzayo, futhi basho lokho engikushoyo. Ningalawulwa yindawo, ukwakheka komhlaba, isikhathi, noma yimuphi umuntu. Ngifisa ukuba imimoya yenu ikhululeke yonke indawo futhi lowo nolowo kinina akwazi ukuma esikhundleni samadodana angamazibulo. Ngubani onikela bonke ubuyena Kimi namuhla? Ngubani ozikhandlela Mina? Ngubani obheka emini nasebusuku ngenxa Yami? Ngubani ongiphathela izindaba zekhaya Lami? Ngubani onginciphisela umthwalo osemahlombe Ami? Abawona yini amadodana Ami? Konke engikwenzayo ngokokuphelelisa amadodana Ami futhi kungokokusebenzela amadodana Ami, niyaqonda? Konke kungenxa yamadodana Ami angamazibulo futhi angenzi maphutha. Ungacabangi ukuthi ngahlulela abantu ngokungeyikho. Ungacabangi ukuthi ngikubukela phansi. Ungacabangi ukuthi ngisebenzisa kancane ithalente elikhulu. Ungacabangi ukuthi nginephutha ekungakumiseni ngaphambili. Kunalokho, awukufanele! Ngabe uyazi? Manje ngizokuqinisekisela izinto ezithile: Noma ngubani ovama ukuvusa ulaka Lwami, noma ngubani ovama ukuqondwa ukugxeka nokubheka Kwami, ngokuqinisekile uzothola inzondo Yami. Nakanjani bayofa, kuqoshwe etsheni. Ngithe ngeke ngisabhekana namadodana Ami angamazibulo ngoba laba bantu sebedlulile ezilingweni Zami ezinzima futhi bathole ukuvunywa Yimi. Noma ngubani engimbheka ngokungenamusa uyobhekana nengozi, ngabe awesabi? Abaningi bayofa lapho nje amazwi Ami ephuma emlonyeni Wami. Nokho abanye basanake inyama yabo, ngukuthi nje umoya wabo ufile. Inkomba ecace kakhulu ukuthi abanawo umsebenzi woMoya oNgcwele futhi akukho okubavimbayo. (sebekhohlakaliswe nguSathane kwaze kwaba sezingeni elithile.) Nanini lapho inyama yabo icishwa, kwenzeka ngokuhlela Kwami okufanele futhi ngesikhathi engisinqumile. Ukufa kwabo emoyeni ngeke kungenzele msebenzi omkhulu; ngiyosebenzisa inyama yabo ukukhombisa ukumangalisa kwezenzo Zami. Kusuka kulokhu abantu bayokholwa, bayodumisa ngokungapheli, ngeke kube khona ongenanhlonipho Kimi, futhi ngeke kube khona muntu ongangesabi. Angiphathi nomncane umniningwane kalula. Konke kuphila noma kufe ngenxa Yami futhi akekho ongashiya ngaphambi kokungenzela umsebenzi. Ngisho uSathane akakwazi ukubuyela emgodini ongenamkhawulo engakangenzeli umsebenzi. Sonke isinyathelo engisithathayo siqinile futhi siphephile futhi sisemhlabathini oqinile. Akukho sinyathelo engisithathayo esikha phezulu, asikho nakancane.

Ngubani ongalokotha aziqhathanise Nami? Ngubani olokotha angiphikise? Ngiyokushaya phansi ngokushesha! Ngeke ngishiye mzila, futhi inyama yakho iyobhujiswa; lokhu akungatshazwa. Ngiyokwenza ngokushesha lapho ngiqeda ukukusho futhi ngeke kube nokubuyela emuva. Umhlaba uyabhidlika usuku ngosuku. Isintu siyabhubha usuku ngosuku. Umbuso Wami uthatha isimo usuku ngosuku. Amadodana Ami angamazibulo ayakhula usuku ngosuku. Ulaka Lwami luyakhula usuku ngosuku. Ukusola Kwami kuba nzima ngokwengeziwe usuku ngosuku, futhi izwi Lami liba nesihluku usuku ngosuku. Nisalindele ukuthi ulimi Lwami ngani luthambe, iphimbo Lami libe lula, cabangani futhi! Kuya nokuthi ngibhekene nobani. Kulabo engibathandayo, iphimbo Lami lithambile, lihlala liduduza. Kini, ngingaba nesihluku nokwahlulela kuphela, ngenezele phezu kwalokhu ukusola nolaka. Ngokungazi, isimo emazweni onke omhlaba siya ngokuya sishuba, usuku ngosuku sibhidlika, usuku ngosuku siwela enxushunxushwini. Abaphathi bezwe ngalinye bonke bethemba ukuzuza amandla ekugcineni. Abakulindele, kodwa ukusola Kwami sekuphezu kwabo. Bafuna ukuthatha amandla Ami, kodwa bayaphupha kuphela! Ngisho umholi waseMelika kufanele acele intethelelo Kimi. Izenzo ezimbi azenzile ziningi kakhulu. Manje yisikhathi sokusola. Angimyeki kalula. Bonke labo abasemandleni kufanele bethule imiqhele yabo. Yimi kuphela engifanele ukubusa phezu kwazo zonke izinto. Yonke into incike Kimi. Konke kuncike Kimi, ingasaphathwa eyabambalwa bakwamanye amazwe. Ngiyobashaya ngokushesha labo abangicubungulayo ngoba umsebenzi Wami usufinyelele lapha. Nsuku zonke kukhona isambulo esisha, nsuku zonke kunokukhanya okusha. Konke kuya ngokuya kuphelela. Usuku lokugcina lukaSathane luya ngokuya lusondela futhi lucaca ngokwengeziwe kunakho konke okwedlule.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

sicela ujabulele lesi sihloko!: Yini ukulandela intando KaNkulunkulu?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana