Voice of Justice

Voice of Justice

2019/12/20

Ukuhamba Endleleni Ekhanyayo Yempilo

Inkolo Yeqiniso UMoya oNgcwele

Ngangivame ukuba ngumuntu owayelandela izinto zezwe, ngangifuna ukuzinikela empilweni yokuzijabulisa, futhi engangikukhathalela nje kwakuyinjabulo yenyama. Ngangivame ukuhamba nabangani bami siye e-KTV ubusuku bonke, ngangithokozela ama-joyride phakathi nobusuku, ngangiya kodoba olwandle, futhi ngihambe yonke indawo ngifuna ukudla kweqophelo eliphezulu. Ngangiye ngibone nalabo ababengizungezile, nabo bonke babezama ukudla kahle, bagqoke izingubo ezinhle, futhi bajabulele izinto ezinhle. Ngangizwa ukuthi lezi yizo kanye izinto okufanele umuntu azisebenzele empilweni yakhe, ukuthi yingakho umuntu kumele asebenze kanzima ukuze athole imali, ukuthi lokhu kuyiyona njongo okufanele wonke umuntu abe nayo empilweni. Kungalezi zinto kuphela lapho khona impilo yayingeke ibe yize. Ukuze ngithole lezi zinto, ngangingenandaba nokuthi kwakufanele ngihambe ibanga elingakanani, yingakho ngawela izilwandle ukuze ngifinyelele eMelika, futhi ngemva kokuxakeka iminyaka eminingana, ngabe sengivula ibhizinisi lami. Nganginemoto nendlu yami. Ngangiphila impilo ebusisekile engangikade ngangiphupha ngayo. Nsuku zonke ngangidla, ngiphuze futhi ngifune injabulo ngize ngikholwe nenhliziyo yami yanelisekile. Ngangicabanga ukuthi kwakuwukuphila ngale ndlela kuphela okwenza impilo ibe nomqondo, kwaze kwaba yilapho ngithola khona umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina. Kwaba ngemva kokuthola ukwahlulelwa nokusolwa okuvela kuNkulunkulu lapho ngathola khona ukwazi ukuthi impilo ebalulekile iyini ngempela, ngabe sengiqala ukuhamba endleleni yokuphila ekhanyayo.

NgoMeyi ka-2016, umkami wadlulisela kimi ivangeli lombuso kaNkulunkulu uSomandla. Ngokufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla, ngathola ukwazi uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ukuze asindise isintu, futhi ngathola nokuqonda ukuthi uNkulunkulu uSomandla unguJehova uNkulunkulu owahola ama-Israyeli aphuma eGibhithe, ukuthi futhi uyiNkosi uJesu owahlenga isintu ngokubethelwa esiphambanweni, nokuthi manje ubuyile esenyameni ukuveza iqiniso futhi enze umsebenzi wokwahlulela, ukuhlanza nokusindisa umuntu…. Kungekudala, nami ngaqala ukuhlanganyela empilweni yeBandla LikaNkulunkulu USomandla futhi lapho ngahlangana nabazalwane nodade beBandla LikaNkulunkulu USomandla. Ngabona ukuthi bonke babeqotho kakhulu, kwakungekho ukuzenzisa noma inkohliso emazwini ababewakhuluma, futhi ukuthintana nabo kwanginika umuzwa wenkululeko engangingakaze ngiyzizwe ngaphambilini.

Lapho ngiqala ukuhambela imihlangano yebandla ngazizwa ngimusha, futhi ngafuna ukuhlangana nabafowethu nodadewethu futhi ngifune ngokoqobo iqiniso noguquko esimweni sempilo yami. Kodwa, njengoba kuze kube manje ngangilangazelela ukunethezeka kwenyama futhi ngifuna injabulo yempilo, ngangilokhu ngiphila esimweni sami esonakele nakuba nginesifiso sokuhlangana nokufuna iqiniso. Ngesinye isikhathi lapho umngane engimemela isidlo sakusihlwa, kwakungesikhathi esifanayo nesomhlangano webandla, okwangenza ngazizwa nginokuphikisana kakhulu ngaphakathi. Kufanele ngiye noma ngingayi? Ngangilokhu ngiwucabanga lo mbuzo ngaphakathi: Sekuyisikhathi eside selokhu ngagcina ukuzikhipha ngiyozijabulisa. Akulula kumngani wami ukuba angimeme namhlanje, ngakho kufanele ngiye. Ngaphandle nje kwalokho, abangane bami abangimemi nsuku zonke, futhi ngizokwazi ukuya emhlanganweni wasebandleni esikhathini esizayo. Ngakho-ke, ngathi kunento ethile okumele ngiyenze ngalaxaza kanjalo uhlelo lwami lokuya embuthanweni webandla esikhundleni salokho ngaya esidlweni sakusihlwa. Sadla, saphuza, sahamba saya eKTV, kodwa endleleni eya ekhaya ngangingazizwa ngijabule ngaphakathi. Ekujuleni kwenhliziyo yami ngangizwa nginokungabi nalutho okungachazeki, futhi ngangizizwa nginecala. Ngacabanga emuva esikhathini esidlule. Ngesikhathi sidla nabangane kanye nabantu basendaweni bonke babenomusa ngokungaphezulu lapho sidla etafuleni, kodwa ngaphakathi babecabanga amaqhinga, behlela, bezama ukuthola amacebo okungiphanga imali yami. Ukubhekana nabo bonke kwakungenza ngizizwe ngikhathele kakhulu. Ngangingakwazi neze ukuthola umuntu engingakhuluma naye ngezinto engangizikhathalela. Namuhla ngiphumile ngayodla futhi ngaphuza njengokufisa kwenhliziyo yami, futhi ngenelise abangane bami, kodwa yini engiyizuzile ngempela? Ngangizizwa ngingenalutho futhi ngingenakusizakala, ngangizwa sengathi ngimphoxile uNkulunkulu, futhi ngazisola kubafowethu nodadewabo.

Nokho, lokhu kuzizwa ngingenalutho ngaphakathi emoyeni wami, lo muzwa wokuzigxeka enganginawo wawulokhu ungafuni ukungikhulula ezilingweni zezwe lokuzijabulisa ngokomzimba. Enhliziyweni yami ngangilokhu ngilangazelela ukuzinikela empilweni yenjabulo, ezintweni ezingokwenyama, kodwa uNkulunkulu wahlela izinto futhi wangenzela indawo ngendlela engokoqobo ukuze kuguquke imibono yami engalungile kwengikufunayo. Njengoba Usuku Lwesizwe lwalusondela, umkami wathi kimina: “Masibe nje nomcimbi ongatheni, bese-ke ngesikhathi esisele sifunde amanye amazwi kaNkulunkulu sibuke amanye amavidiyo omndeni kaNkulunkulu ukuze sikwazi ukuhloma ngeqiniso elithe xaxa futhi siqonde kahle umusa kaNkulunkulu wensindiso.” Kodwa angizange ngiwathathele phezulu amazwi omkami ngempela, esikhundleni salokho ngaqala ukwenza amalungiselelo okuthi ngangizowathokozela kanjani amaholide. Ngakhetha ngokucophelela ukuthi iyiphi indlela engangizoyithatha, ngaya emakethe ngafike ngathenga konke ukudla nezinye izinto engangizozidinga. Nganquma ukuya nomkami olwandle sizitike ngenyama yethu encane yokosa. Ngakho lapho kufika uSuku Lwesizwe ngathatha umkami sahamba sizingcebelekele emotweni. Singazelele, sazithela esiminyaminyeni sezimoto yonke indlela, futhi phakathi nohambo lwethu saqaphela ukuthi i-GPS yayingasebenzi kahle ngakho-ke sasilahleka. Kwakungelula ukufinyelela lapho siya khona, futhi ekugcineni, lapho sesifikile olwandle imimoya yayinamandla kakhulu, okwenza kube nzima ukuba sizosele inyama yethu. Ngakho umkami wangicela ukuba ngijikise imoto ngibuyele ekhaya, kodwa ngangingazimisele ukukwenza lokho. Ngaphikelela ukuthi siqhubeke sihambe sifuna ipaki eliseduzane lapho sasingosela khona inyama yethu, kodwa amapaki amathathu esaya kuwo ayegcwele abantu, futhi kwakungekho ngisho nendawo yokupaka. Kwaba semuva kwakho konke lokhu lapho ngagcina sengivumile kanzima ukuba sijike sigoduke. Indlela ebheke ekhaya nayo yayiyisiminyaminya njengasekuqaleni. Sasihambe ekhaya sithi siyokosela isidlo sasemini, kodwa manje kwase kushaye nehora lesi-4 ntambama. kodwa sasingakapheki lutho. Sase silambile. Ngokuvamile ngiba nomuzwa wokuthi ngenza okulungile futhi nginokuzethemba okweqile, futhi ngalesi sikhathi ngangingathukuthele, futhi akukho lutho engangikufuna ukulusho. Ngahlala ngithule futhi ngashayela imoto sengiphinda emuva ngizizwa ngingajabule. Kwaba ngalesi sikhathi lapho imoto eyayingaphambi kwami yavele yanyathela amabhuleki, nami kwadingeka ngibambe awami ngokushesha. Nakuba ngingazange ngiyishayise imoto eyayiphambi kwami, kodwa eyayisemva kwami yayingena ngemuva. Ngenhlanhla, akekho owalimala, futhi imoto yahuzuka kancane nje. Ngangazi ukuthi uNkulunkulu owayevumele lesi sigameko, ngangingafuni ukugxeka lo omunye umshayeli, ngakho-ke ngavele ngahamba. Ngazicabangela ngathi: Yeka, zonke lezi zinhlelo engangizenzile ngilungiselela iholide kanti ngichitha isikhathi nje, kuyiqiniso ukuthi izinhlelo azikwazi ukuhambisana noguquko, futhi konke kuhlelwa nguNkulunkulu. Kwakuvele kwaba yisehlakalo emva kwesehlakalo nje, futhi ngazizwa ngizisola kakhulu. Bekungafanele ngempela ukuba ngiphume namhlanje ukuze ngiyozitika ngenjabulo yempilo. Bekungafanele ngethembele enhliziyweni yami!

Sithe lapho sifika ekhaya umkami nami safunda iziqephu ezwini likaNkulunkulu ndawonye: “Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo.… Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu” (“UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). “Lowo okhula njalo kakhulu. Uma abantu bebheka umhlaba, izinhliziyo zabo zidonsekela kuwo, futhi abaningi abakwazi ukuzehlukanisa nawo….Uma ningaphokopheleli inqubekela phambili, futhi ningenamibono, nizothathwa yileli gagasi lesono.” (“Isenzo (2)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi kaNkulunkulu uSomandla enza ingqikithi yezindlela zaleli lizwe zibe sobala futhi zicace. Izindlela zomhlaba zinguSathane nje edukisa umuntu futhi efuna ukumenza onakale. Zingamacebo nje namaqhinga okuhloswe ngawo ukusobozela umuntu. USathane usebenzisa nje ukudla, ukuphuza, ukufuna injabulo nezinye izinto ezifunwa yinyama ukuba adukise futhi abophe umuntu. Uma inhliziyo yomuntu seyibanjwe yilezi zinto ezingokwenyama angeke esakwazi ukufuna izinto ezinhle, futhi uzoya ngokuya eqhelelana noNkulunkulu, okuyokwenza ukuba adliwe futhi athunjwe nguSathane. Ngokufunda izwi likaNkulunkulu ngaqaphela ukuthi imibono yami ngokufuna yayingalungile ngokuphelele. Kungakhathaleki ukuthi ngikhathazeke ngani, noma ngabe ukudla, ukuphuza, ukufuna injabulo yenyama noma ukufuna impilo lapho ngingaphezu kwabanye, zonke lezi zinto ziwumphumela kaSathane ekhohlakalisa abantu. Sengikufakazelisile lokhu ngokubuka engihlangene nakho ukuthi uma umuntu efuna lezi zinto ezingezikaSathane uzoba nobubi ngokwengeziwe, futhi aye ngokuya edlebeleka futhi egcwala inkohlakalo. Kuzovele nje kunezele ebugovini bakhe, ekuzicabangekeni kwakhe, ebubini nasenkohlakalweni yakhe. Uyobe ephila esonweni, futhi uyophelelwa ubuntu obujwayelekile. Ngisho noma umuntu ejabulela lezi zinto kakhulu ngokwengeziwe, ngisho noma umuntu ethola lezi zinto ngokwengeziwe, ekugcineni, uyolokhu enesikhala esikhulu esingenalutho enhliziyweni. Uma umuntu enazo zonke lezi zinto kodwa engakafiki phambi kukaNkulunkulu, impilo iyolokhu iyize, futhi ingabi nakubaluleka noma ubugugu. Kungokuza phambi kukaNkulunkulu kuphela nokukholwa kuNkulunkulu nokukhonza uNkulunkulu kuphela lapho umuntu ezobe ehamba indlela yempilo efanele, futhi kulapho kuphela lapho umuntu eyozikhulula khona ekuphileni okungenalutho nobubi. Ngakho, nganquma ukuguquka indlela engiphila ngayo impilo yami bese ngihamba endleleni efanele yokuphila.

Lapho ngibona abafowethu nodadewethu bezikhandlela uNkulunkulu ngokukhuthala, lapho ngibona ukuzinikela kwabo ekwenzeni imisebenzi yabo nokufuna kwabo ukuphila okunenjongo nami ngezwa ngifisa ukufuna lezi zinto futhi ngiphile ngendlela abantu beqiniso abaphila ngayo njengoba uNkulunkulu efuna. Ngakho, ngaphezu kwemibuthano evamile, nami ngangifuna ukuthola isikhathi sokwenza imisebenzi yami siqu. Kwaba ngalesi sikhathi lapho ibandla langihlelela khona imisebenzi nami. Babefuna ngishayele imoto ukuthatha odadewethu ababili ngibayise endaweni ethile, futhi befuna ngiphinde ngibabuyise ngesonto elilandelayo. Ngesikhathi ngiqala ukunikezwa lo msebenzi, ngawuvuma ngokujabula. Kodwa lapho ngihamba, ngaqala ukucabanga ngokunye ngaze ngezwa ukuzisola okuthile: “Eyi bakithi, usuku okufanele ngithathe ngalo labo dade kufanele kube usuku lwami lokuphumula, futhi ngesonto elizayo kufanele ngiyobalanda futhi. Kuzodingeka ngivuke ekuseni kakhulu ngalezo zinsuku ezimbili. Akukhathaleki ukuthi uhambo lude kangakanani, kodwa into esemqoka ukuthi kulula kakhulu ukuthi loya mgwaqo ugcwale isiminyaminya sezimoto. Kungcono ukuhamba ekuseni ngoba kusuke kunezimoto ezimbalwa, kodwa ngubani ongasho ukuthi ngizobambeka isikhathi esingakanani emgwaqeni lapho sengibuya? Sonke isikhathi sami sizochitheka ngihleli nje emgwaqeni, kusho ukuthi ngeke ngiluthole usuku lwami lokuphumula… ”Lapho umkami engizwa ngikhononda kanje, wahlanganyela nami: “Ukwenza imisebenzi yakho akulula njengalokhu obukucabanga. Ngokuqinisekile kubandakanya ukuba wenze iqiniso. Ukwenza iqiniso ukushiya inyama, futhi kusho ukuthi uzohlupheka ube nobunzima futhi ukhokhe inani. Cabanga ngalokhu, wawuvame ukuzikhipha uyophuza, udle uphinde ufune injabulo, futhi ngisho noma ungazange ube nenjabulo ngemva kosuku olukhathazayo, wawungakhonondi neze. Kodwa manje unikezwe umsebenzi futhi kudingeka uchithe isikhathi sakho kuwona, futhi udinga ukuhamba endleleni enobunzima, kodwa enhliziyweni yakho awufuni ukukwenza lokhu. Lo msebenzi, nakuba ngaphandle kubonakala sengathi uyinto oyihlelelwe ngabafowenu nodadewethu, empeleni awuwenzeli umuntu othize lo msebenzi, kodwa ukugculisa uNkulunkulu futhi ubuyisela uthando lukaNkulunkulu. Lo msebenzi unikezwe wena namuhla, lokhu nguNkulunkulu ekuphakamisa, futhi lolu uthando lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwakho. Kufanele ukwazise lokhu. Ungazishiyeli ukuzisola emsebenzini wakho wokuqala.” Ngemva kokusho lokhu, wangifundela ingxenye yezwi likaNkulunkulu: “Yonke into oyenzayo idinga ukuthi ukhokhe inani elithile ngokuzikhandla. Ngaphandle kobunzima bangempela, awukwazi ukwanelisa uNkulunkulu, ayifiki nakancane ekutheni yenelise uNkulunkulu, futhi iyiziqubulo ezingasho lutho nje! Lezi ziqubulo ezingasho lutho zingamanelisa yini uNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu noSathane belwa embusweni kamoya, kufanele umenelise kanjani uNkulunkulu, futhi kufanele ume kanjani uqine ebufakazini bakho Kuye? Kufanele wazi ukuthi yonke into eyenzeka kuwe ingukuvivinywa okukhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu ekudinga ukuthi ube nobufakazi. Ngaphandle, azibukeki zibalulekile kangako, kodwa lapho lezi zinto zenzeka ziyakhombisa ukuthi uyamthanda yini uNkulunkulu noma cha. Uma umthanda, uyokwazi ukuma ebufakazini bakho Kuye, futhi uma ungalukhombisi uthando Lwakhe, lokhu kukhombisa ukuthi awuyena umuntu owenza iqiniso, ukuthi awuyena ongenalo iqiniso, futhi awunakho ukuphila, nokuthi ungamakhoba! Yonke into eyenzeka kubantu ilapho uNkulunkulu ebadinga ukuthi bame baqine ebufakazini babo Kuye. Ayikho into enkulu eyenzeke kuwe njengamanje, futhi awunabo ubufakazi obukhulu, kodwa yonke imininingwane yempilo yakho yansuku zonke iphathelene nobufakazi bakho kuNkulunkulu” (“Ukuthanda uNkulunkulu kuphela Okuwukukholwa kuNkulunkulu Ngeqiniso” kwethi Izwi Livela Lisenyameni).

Lapho sengiqedile ukufunda izwi likaNkulunkulu uSomandla, lapho sengiqedile ukulalela amazwi omkami, ngase ngiqaphela ukunginika kukaNkulunkulu lo msebenzi kwakunguye enginika isivivinyo sangempela, ukubona ukuthi ngingakwazi na ukwanelisa uNkulunkulu futhi ngibekezelele ubunzima noma cha. Kodwa mina ngangizicabangela okuthandwa yinyama yami kuphela, nokuzuza nokulahlekelwa kwami. Ngangingazimisele ukuhlupheka nokukhokha inani ngenkathi ngifeza imisebenzi yami; esikhundleni salokho ngangikhononda ngezinto. Ngabona ukuthi nganginokuzicabangela ngedwa ngokweqile, ukuthi enhliziyweni yami injabulo yenyama njengokuphuza, ukudla kanye nezinye izinto zenjabulo kwase kuvele kudlulile isimo sikaNkulunkulu. Ngangingenankinga neze yokuchitha konke enganginakho, ukukhokha noma yiliphi inani ukuze ngidle, ngiphuze futhi ngifune injabulo, kodwa lapho nginikezwa umsebenzi owawufuna ukuba ngihlupheke futhi ngikhokhe inani ngaqala ukubala ukuzuza nokulahlekelwa kwami, futhi ngangingazimisela ukwenza iqiniso ukuze ngenelise uNkulunkulu. Le micabango nezenzo zami zazingenza uSathane angihleke, angangivumeli ukuba ngifakaze ngoNkulunkulu. Emva kokuba ngithole ukuziqonda lezi zinto ngaphuthuma ngaya phambi kukaNkulunkulu futhi ngathandazela ukuba anginike intshisekelo yokuqinisekisa ukuthi ngiyayishiya inyama yami futhi ngingabe ngisalandela uSathane, ukuze ngikwazi ukufakaza phambi kukaNkulunkulu futhi nginqobe uSathane empini engokomoya engangikuyona! Emva kokuthi ngiguqule isimo sami sengqondo mayelana nomsebenzi, ngokubambisana kwami okungokoqobo, ngabona isibusiso sikaNkulunkulu. Kwakungenandaba ukuthi kwakuyilapho ngithatha odade ngibayisa endaweni noma kwakulapho sengibalanda, ndawo zombili angihlangananga nesiminyaminya sezimoto esikhulu. Kwakungaphezu kokucabanga kwami, futhi imibono yami yaphikiseka ngempela. Ngezwa okokuqala umuzwa wokuthula nenjabulo engakulethelwa ukwenza umsebenzi engiwunikeziwe, futhi ngabona ukuthi lapho abantu beshiya inyama besebenzele ukwanelisa uNkulunkulu, uNkulunkulu ngeke nje agcine ngokubavulela indlela, kodwa uphinde abavumele ukuba baqonde iqiniso futhi babone izenzo Zakhe. Ngokushesha ngezwa ukuthi lokhu kwangenza ngijabule kakhulu kunokuba ngiphume ngamaholide noma ngidle ukudla kweqophelo eliphakeme. Okwavela ukuthi, ukwenza lokhu ngosuku lwami lokuphumula ngempela akuhkona ukuchitha isikhathi. Empeleni kubaluleke ngempela!

Phakathi nalezi zehlakalo ezingokoqobo ngakwazi ukwazi ngokwami ukuthi kumnandi kangakanani ukushiya inyama yami nokwenza umsebenzi wokwanelisa uNkulunkulu. Ngabona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kungenxa yokuba angisindise ethonyeni elimnyama likaSathane, ukuze ngolunye usuku maduzane nje ngikwazi ukuhamba endleleni efanele yokufuna iqiniso. Zonke lezi zinto zingezothando lukaNkulunkulu nensindiso kaNkulunkulu. Kwedlula izinsuku ezimbalwa futhi ngabe sengithola ucingo oluvela komunye wabazalwane. Wangibuza ukuthi ngabe ngingakwazi na ukuya kwesinye isifundazwe ukuze ngiyolanda abanye abafowethu nodadewethu, futhi ngavuma ngaphandle kokungabaza. Ngalesi sikhathi lapho umsebenzi uqhamuka, angizange ngibe nakukhononda. Ngangizimisele ngokugcwele futhi ngijabule ukwenza lokho okwakufanele ngikwenze, futhi uhambo lonke alubanga nazihibe. Ngemuva kokuba sengibabekile abafowethu nodadewethu lapho babeya khona ngokuphepha, ngazizwa ngiziqhenya kakhulu, ngoba kwakuyisikhathi sokuqala lapho ngangenze khona umsebenzi ngokuzinikela, ngaphandle kokungcola. Lokhu kwaphinde kwangifundisa nokuthi ukwenza umsebenzi okufanele isidalwa siwenze empeleni kuyinto ebaluleke kunazo zonke esingayenza. Ngangingasafuni ukuphuza, ukudla nokufuna injabulo yenyama, konke engangifuna ukukwenza kwakuwukufuna iqiniso, ukwamukela iqiniso nokwenza iqiniso, ukuze ngolunye usuku olungekude ngibe umuntu othanda uNkulunkulu ngempela. Lezi zinto ezincane empilweni yami zingiguqule ngezindlela engingazazi. Ukuphila kwami akusabolile futhi akusonakele njengalokho bekunjalo esikhathini esedlule. Sengiqale ukuguquka nokusebenza ngokukhuthala ezintweni. Kungathi sengiqale isahluko esisha sha empilweni yami. Enhliziyweni yami ngizwa ubumtoti nenjabulo engingakaze ngiyizwe ngaphambili, futhi ngiyambonga uNkulunkulu uSomandla ngokungihola endleleni yokuphila ekhanyayo. Inkazimulo yonke mayibe kuNkulunkulu uSomandla!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana