Voice of Justice

Voice of Justice

2019/12/21

South African Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu"


South African Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu"


UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.
Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.
Amazwi Akhe ayakhula usuku ngosuku,
eduduza, ekhumbuza, esola futhi exwayisa.
Kusuka kokuthambile nokunomusa kuya kokunolaka nobukhosi,
amazwi Akhe afaka uzwelo novalo.
Konke akushoyo kwembula izimfihlo zethu ezijulile.
Amazwi Akhe akwazi ukusihlaba futhi sizizwa sihlazekile.
Kunokunikwa okungenamkhawulo kwamanzi Akhe okuphila.
Futhi ngenxa Yakhe, siphila noNkulunkulu ubuso nobuso.
UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.
Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.

Amazwi Akhe anamandla okuphila,
futhi akhombisa indlela yokuhamba, asenze sazi ukuthi liyini iqiniso.
Sidonswa yizwi Lakhe, silalela iphimbo
nezwi lenhliziyo lalo muntu onganakekile.
Wenza wonke umzamo futhi achithe igazi lenhliziyo Yakhe.
Kungenxa yethu ebubula futhi ekhala ngobuhlungu,
ebekezelela ihlazo ngenxa yesimiselo nokusindiswa kwethu.
Inhliziyo Yakhe iyopha futhi iyakhala ngenxa yokuhlubuka kwethu.
Akekho ongathola ubunjena kanye nanakho.
Akekho ongafika ekubekezeleni Kwakhe.
Akukho sidalwa esingake sibe nothando nesineke anaso.
UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.
Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe, wenza umsebenzi Wakhe.
Yebo, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.

Kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.

Ungase Uthande Nalezi:  list of South African gospel songs


Awekho amazwana:

Thumela amazwana