Voice of Justice

Voice of Justice

2019/09/30

Amazwi KaKristu Ekuqaleni —Amazwi KaMoya ONgcwele Emabandleni -Isahluko 19


Njengoba umsebenzi woMoya oNgcwele uqhubekela phambili, uNkulunkulu uphinde wasingenisa endleleni entsha yomsebenzi woMoya oNgcwele. Ngenxa yalokho akunakugwenywa ukuthi abanye abangiqondanga kahle futhi baye bakhononda Ngami. Abanye bangenqabile futhi baphikisana Nami, futhi baye bangihlolisisa. Noma kunjalo ngisanilinde ngomusa ukuba niphenduke futhi niguquke. Ushintsho endleleni yomsebenzi woMoya oNgcwele ukuthi uNkulunkulu ngokwaKhe abonakale ngokusobala.

2019/09/26

Inguquko Yomuntu Owileyo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla ukukholwa ngeqiniso

Ngazalelwa ezindaweni ezingaphandle kwasemadolobheni. Ngazalelwa emndenini wabalimi abazithobile futhi phezu kwalokho umndeni wethu wawumbalwa ngokwesibalo, ngakho sasiqinelwa esikhathini esiningi. Ngenkathi ngineminyaka eyi-13, kukhona ingane eyashaywa umuntu othile wangaphandle kwesigodi sethu. Abantu basendaweni banameka ubaba ngecala bathi uyena oqale obasele lokho futhi bathi babezosesha ikhaya lethu bese besimuka impahla yethu, bathathe izingulube zethu baze bashaye nobaba. Kukhona nesikhathi lapho omunye wasendaweni athatha inethi yethu yokudoba wagweva nayo.

2019/09/22

Ungawubona Kanjani Umehluko Phakathi KukaKristu Wangempela noKristu Bamanga?

UMoya oNgcwele uKristu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa inyama embethwe uNkulunkulu uphethe futhi uqedela umsebenzi Wakhe kubantu.

2019/09/18

African gospel music "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"



African gospel music  "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"


Ingqikithi kaKristu inqunywa ngumsebenzi namazwi akhe
Ngenhliziyo eneqiniso, uqeda lokho akunikiwe,
ukhonza uNkulunkulu osezulwini futhi afune intando kaYise.
Konke lokhu kunqunywa yingqikithi Yakhe, kanjalo nezambulo Zakhe zemvelo.
Zibizwa kanjalo ngoba amazwi Akhe awakhona ukulingisa,
noma asuka eminyakeni yokukhuliswa noma ekufundisweni umuntu. 

2019/09/16

UNkulunkulu uSomandla wangiholela endleleni yokuthola ukuhlanjululwa

Yini insindiso? ukukholwa ngeqiniso

Ngo-2007, ngenxa yengcindezi eningi empilweni yami ngazifikela ngokwami eSingapore ukuze ngisebenze ngizokwazi ukuziphilisa. Isimo sezulu siyashisa kakhulu unyaka wonke eSingapore, ngakho-ke nsuku zonke ngangijuluka kakhulu uma ngisebenza. Kwakunzima kakhulu kangangokuthi ngahlupheka ngendlela engachazeki futhi ngaphezu kwalokho kwakuyimpilo engajwayelekile zingekho izihlobo nabangani, ngakho ngacabanga ukuthi inesithukuthezi futhi inesidina.

2019/09/14

4. Ungawubona kanjani umehluko Phakathi Kwezindlela Zangempela Nezingamanga, Namabandla Angempela Nawamanga?

Umsebenzi kaMoya oNgcwele ukukholwa ngeqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Niyazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele noma cha, nokuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele.

2019/09/10

African Gospel music "Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu



African Gospel music "Umsebenzi Wenyama NoMoya Kungokwengqikithi Efanayo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


UMoya kaNkulunkulu uphethe igunya phezu kwayo yonke into.
Inyama Yakhe nengqikithi Yakhe, amandla kusafana.
UNkulunkulu osenyameni usengenza imisebenzi Yakhe eminingi okufanele ayenze.
Wenza nje intando kaYise.
Futhi uNkulunkuku unguMoya, angasindisa sonke isintu, futhi angenza njalo noNkulunkulu osenyameni.
UNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe.

2019/09/06

2. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaMoya Ongcwele Nowemimoya Emibi

Umsebenzi kaMoya oNgcwele Inkolo Yeqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaMoya oNgcwele umayelana nokwenza abantu bathole imihlomulo; umayelana nokungcwelisa abantu; awukho umsebenzi ongabahlomulisi abantu. Ngisho iqiniso lingajula noma lingaba ngaphezulu, futhi ngisho noma lingelwaluphi uhlobo labo abamukela iqiniso ngokufanayo, noma ngabe yini eyenziwa nguMoya oNgcwele, ihlomulisa abantu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu ” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2019/09/02

African Gospel music "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu"



African Gospel music "Isintu Esikhohlakele Sidinga Insindiso KaNkulunkulu Osesimweni Somuntu"

UNkulunkulu waba yinyama ngoba okuqondwe ngumsebenzi Wakhe
akuwona umoya kaSathane, noma yini engeyona, engeyona inyama, kodwa ngumuntu.
Inyama yomuntu yakhohlakaliswa nguSathane ngakho yase iba yilokho okuqondwe ngumsebenzi kaNkulunkulu.
Indawo yensindiso kaNkulunkulu ngumuntu, ngumuntu.
Umuntu uyisidalwa esifayo, yinyama negazi kuphela,
futhi nguNkulunkulu kuphela ongamsindisa.