Voice of Justice

Voice of Justice

2019/09/22

Ungawubona Kanjani Umehluko Phakathi KukaKristu Wangempela noKristu Bamanga?

UMoya oNgcwele uKristu

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa inyama embethwe uNkulunkulu uphethe futhi uqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalisa isimo sikaNkulunkulu, futhi inika abantu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abangoKristu bamanga bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo.


kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni[a] ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu.


kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe yisimo sobuntu noma sobunkulunkulu, kokubili kuthobela intando kaBaba Osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. …

…………

… Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. …

Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye.


kwesithi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma, njengamanje, kungavela umuntu okwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, futhi ekwazi ukukhipha amadimoni, futhi asindise abagulayo, futhi enze izimpawu eziningi, futhi uma lo muntu ethi ungukubuya kukaJesu, ngabe lokhu kuyinkohliso yemimoya emibi, kanye nokulingisa kwakhe uJesu. Khumbula lokhu! UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje. Kunegama elilodwa enkathini ngayinye, futhi igama ngalinye lifuza inkathi. Emicabangweni yomuntu, uNkulunkulu kufanele njalo enze izimpawu nezimangaliso, kufanele njalo asindise abagulayo futhi akhiphe amadimoni, futhi kufanele njalo abenjengoJesu, kepha manje uNkulunkulu akanjalo neze. Uma, ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu wayesenza izimpawu nezimangaliso, futhi esakhipha amadimoni futhi asindise abagulayo—ukuba ubenza njengoJesu uqobo—uNkulunkulu ubengabe uphinda umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi kaJesu ubungeke ube nokubaluleka nosizo. Ngakho uNkulunkulu wenza isigaba esisodwa somsebenzi kuzo zonke izinkathi. Uma isigaba somsebenzi wakhe sesiphelile, silingiswa yimimoya emibi ngokushesha emuva kwalokho, futhi emuva kokuthi uSathane eqalise ukulandela uNkulunkulu eduzane, uNkulunkulu uguqukela kwenye indlela; uma uNkulunkulu eseqedile isigaba somsebenzi wakhe, ulingiswa imimoya emibi. Kufanele ucacelwe yilezi zinto.


kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kunabanye abathile abanemimoya emibi futhi abalokhu bememeza bethi, “NginguNkulunkulu!” Nokho ekugcineni, abakwazi ukuhlala bemile, ngoba basebenza egameni longafanele. Bamele uSathane futhi uMoya oNgcwele awubanaki. Nokho kungakhathaleki ukuthi uziphakamisa kangakanani noma ukuthi umemeza kakhulu kangakanani, usewumuntu owadalwa futhi uyilowo ongokaSathane. Angimemezi, nginguNkulunkulu, ngiyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo! Kodwa umsebenzi engiwenzayo okaNkulunkulu. Ingabe kudingeka ngimemeze? Asikho isidingo sokuphakanyiswa. UNkulunkulu uzenzela Yena mathupha umsebenzi futhi akadingi ukuba umuntu amnike isikhundla noma isiqu sokumhlonipha, futhi umsebenzi Wakhe wanele ukuba umele isiqu kanye nesikhundla Sakhe. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe, ngabe uJesu wayengeyena uNkulunkulu uqobo? Ingabe wayengeyena uNkulunkulu osenyameni? Ngempela ngeke kuthiwe waba yindodana eyodwa kaNkulunkulu kuphela ngemva kokuba esefakazelwe? Ingabe yayingekho indoda okwakuthiwa nguJesu esikhathini eside ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe? Awukwazi ukuveza izindlela ezintsha noma umele uMoya. Awukwazi ukuveza umsebenzi kaMoya noma amazwi awakhulumayo. Awukwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma okaMoya. Awukwazi ukuveza ukuhlakanipha, ukumangalisa nokungaqondakali kukaNkulunkulu, noma sonke isimo uNkulunkulu asola ngaso abantu. Ngakho ukulokhu uthi unguNkulunkulu akusho lutho; unegama kuphela isiqu awunaso. UNkulunkulu uqobo ufikile, kodwa akekho noyedwa ombonayo, nokho uyaqhubeka nomsebenzi Wakhe futhi uwenza emelwe uMoya. Noma umbiza ngomuntu noma ngoNkulunkulu, iNkosi noma uKristu noma ngoDadewethu, konke kulungile. Kodwa umsebenzi awenzayo ungowoMoya futhi umele umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akanandaba nokuthi abantu bambiza ngaliphi igama. Igama lingawuchaza yini umsebenzi Wakhe? Ngisho noma kuthiwa umbiza ngokuthini, ngokweso likaNkulunkululu, uyinyama yoMoya kaNkulunkulu osenyameni onoMoya Wakhe; umele uMoya futhi ugunyazwe Nguye. Awukwazi ukuvulela inkathi entsha indlela, futhi ngeke ukwazi ukuqeda nokungenisa inkathi entsha noma wenze umsebenzi omusha. Ngakho awukwazi ukubizwa ngoNkulunkulu!


kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.


kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Phakathi kwalabo boKristu bamanga, abaprofethi bamanga nabakhohlisi, abekho yini labo ababizwa ngoNkulunkulu? Kungani bengeyena uNkulunkulu? Ngenxa yokuthi abakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu? Ngokwemvelo bangabantu, abakhohlisi babantu, hhayi uNkulunkulu, ngakho abanakho ukubonakala kukaNkulunkulu.


kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuhlanganyela Komuntu

Thina esizwe umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina sibone ngokusobala iqiniso elilodwa: Ngaso sonke isikhathi lapho uNkulunkulu enza isigaba esisha somsebenzi, uSathane nemimoya emibi eminingi, balandela ezithendeni Zakhe, belingisa futhi baguqule benze amanga umsebenzi Wakhe ukuze bakhohlise abantu. UJesu waphulukisa, futhi wakhipha amadimoni, ngakho-ke, uSathane nemimoya emibi bayaphulukisa futhi bakhipha amadimoni; uMoya oNgcwele wanikeza umuntu isipho sezilimi, ngakho-ke, nayo imimoya emibi yenza abantu bakhulume "izilimi" ezingaqondwa muntu. Kodwa nokho, nakuba imimoya emibi yenza izinto ezahlukahlukene ezivumela izinkanuko nezidingo zomuntu, futhi zenze ezinye izinto ezingaphezu kwamandla omzimba ukuze zimkhohlise, ngoba noSathane kanye nemimoya emibi abanalo nelincane iqiniso, abasoze bakwazi ukunikeza umuntu iqiniso. Kuleli phuzu lodwa kunokwenzeka ukwahlukanisa phakathi kukaKristu wangempela noKristu bamanga.

... Njengoba ubonakale enyameni, uMoya kaNkulunkulu usebenza ngokuthobeka futhi nasekusithekeni, futhi uzwa bonke ubuhlungu bomuntu ngaphandle kokukhononda nokuncane. NjengoKristu, uNkulunkulu akakaze azibonakalise, noma aziqhayise, noma azishaye isifuba, ingaphathwa eyokuthatha isikhundla Sakhe, noma azazi ukulunga, okukhazimula ukuhlonipheka nobungcwele bukaNkulunkulu. Lokhu kubonisa ingqikithi ehlonipheke kakhulu yempilo kaNkulunkulu, futhi kubonisa ukuthi uwukubonakaliswa kothando. Umsebenzi woKristu bamanga nemimoya emibi uphambene nomsebenzi kaKristu: Ngaphambi kwanoma yini enye, imimoya emibi ihlale imemeza ukuthi inguKristu, futhi ithi uma ungayilaleli awukwazi ukungena embusweni. Benza konke abakwazi ukukwenza ukuze benze abantu bahlanganyele nabo, bayaziqhayisa, bazibonakalise, futhi bazigqaje, noma benze ezinye izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu—futhi emva kokuba laba bantu bekhohlisekile futhi bemukela umsebenzi wabo, bayawa kungezwakali nezwi labo ngoba sekuyisikhathi eside bagcina ukuhlinzekwa ngeqiniso. Ziningi kakhulu, ezinye izibonelo zalokhu. Ngenxa yokuthi oKristu bamanga abalona iqiniso, indlela, noma ukuphila, ngalokho abanayo indlela, futhi kungekudala labo ababalandelayo bazodumala—kodwa ngaleso sikhathi siyobe sesihambe kakhulu isikhathi ukuba bangabuyela emuva. Ngakho-ke, okubaluleke kakhulu ukuqaphela ukuthi nguKristu kuphela oyiqiniso, indlela, nokuphila. OKristu bamanga kanye nemimoya emibi ngokuqinisekile abanalo iqiniso; kungakhathaleki ukuthi bathini, noma zingaki izincwadi abazibhalayo, akukho kulokho okuqukethe nelincane iqiniso. Lokhu kuyiqiniso elingephikwe. NguKristu kuphela okwazi ukuveza iqiniso, futhi lokhu kubaluleke kakhulu ekwazini ukubona umehluko phakathi kukaKristu wangempela noKristu bamanga. Ngaphezu kwalokho, uKristu akazange aphoqe abantu ukuba bamamukele noma bamvume. Kulabo abakholwa Kuye, iqiniso liya ngokuya licaca, futhi endlela abayihambayo iya ngokuya ikhanya, okufakazela ukuthi nguKristu kuphela ongakwazi ukusindisa abantu, ngokuba uKristu uyiqiniso. OKristu bamanga bangalingisa nje amazwi ambalwa, noma basho izinto eziphendukezela okumnyama kube mhlophe. Abanalo iqiniso, into abangayenza ukulethela abantu ubumnyama, ukubhujiswa, nomsebenzi wemimoya emibi.


kusuka Esandulelweni sethi Ukuhlaziya Izibonelo Zokukhohliswa NgoKristu Bamanga NabaphikuKristu

Bangahlonzwa kanjani oKristu bamanga? Kulula kakhulu. Uthi kubona: "Qhubekani, khulumani. Yini enenza uKristu? Yisho okuthile uNkulunkulu anakho nayikho, futhi uma ungakwazi ukukusho, nokukubhala kusalungile, futhi. Bhala amanye amazwi avezwe ngubunkulunkulu—qhubeka, ngibhalele okuthile. Awunayo inkinga yokulingisa amanye amazwi esintu. Yisho okunye, khuluma amahora amathathu ubone ukuthi ungakwenza yini lokho. Masikhulume ngeqiniso isikhathi samahora amathathu, khuluma ngalokho uNkulunkulu ayikho, nalesi sigaba somsebenzi Wakhe, khuluma nami ngokucacile, ake uzame ubone. Futhi uma ungakwazi ukukhuluma, khona-ke ungumzenzisi, nomoya omubi. UKristu wangempela angakwazi ukukhuluma isikhathi esiyizinsuku ngaphandle kwezinkinga, uKristu wangempela usekhulume ngaphezu kwamazwi ayisigidi—futhi akakaqedi. Akukho mikhawulo kulokho angakukhuluma, angakhuluma nganoma yisiphi isikhathi noma indawo, futhi amazwi Akhe akakwazanga ukubhalwa yinoma yimuphi umuntu emhlabeni wonke. Kungenzeka yini abhalwe ngumuntu ongangcwele? Umuntu onjalo angakwazi ukukhuluma la mazwi? Nina boKristu bamanga aninabo ubuNkulunkulu, futhi uMoya kaNkulunkulu awukho ngaphakathi kinina. Ningakwazi kanjani ukukhuluma amazwi kaNkulunkulu? Ningalingisa amanye amazwi kaNkulunkulu, kodwa ningaqhubeka isikhathi esingakanani? Noma ubani onengqondo angawasho ngekhanda amazwi ambalwa, ngakho-ke khuluma isikhathi esiyihora, uxoxe ngeqiniso amahora amabili—zama ubone." Uma uphikelela kubona ngale ndlela, bazodaluleka, baphelelwe amazwi, futhi kungekudala babaleke. Akunjalo na? Nithini, akunjalo? Nize nisho lokhu kubo: UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila, ngakho-ke ngitshele amaqiniso kaKristu ukuba ngizwe, noma ngifunde. Uma ukwazi, khona-ke unguKristu, futhi uma ungeke ukwazi, khona-ke ungumoya omubi! Kulula ukubona umehluko phakathi kukaKristu wangempela noKristu bamanga. OKristu bamanga kanye nabomphikukristu abanalo iqiniso; noma ubani oneqiniso unguKristu, futhi noma ubani ongenalo iqiniso akasiyena. Akunjalo? Yithi kubona: "Uma ungakwazi ukuveza lokho uKristu ayikho, noma lokho uNkulunkulu ayikho, kodwa ube uthi wena unguKristu, khona-ke uqamba amanga. UKristu uyiqiniso—ake sibone ukuthi mangaki amazwi eqiniso ongawasho. Uma ulingisa imisho embalwa, awuwaqambi, kepha umane uyawabukela. Uwebile, awukulingisa." Kunjalo nje—yilokho okudingayo ukuze ukwazi ukuhlonza oKristu bamanga. ... Ake sikhulume iqiniso: ukuthi uNkulunkulu wabonakala kanjani lapho ebonakala. Lapho uNkulunkulu eqala ukusebenza, akazange athi unguNkulunkulu, akashongo kanjalo. UNkulunkulu wezwakalisa amazwi amaningi, lapho esekhulume amakhulu ezinkulungwane zamazwi, nalapho akazange athi unguNkulunkulu. Amakhulu ezinkulungwane zamazwi—yincwadi ephelele leyo, amakhasi angamakhulu amathathu noma amane—kodwa nalapho akazange athi unguNkulunkulu. Bekhanyiselwe futhi becaciselwe nguMoya oNgcwele, abanye abantu bathi: "O, lawa ngamazwi kaNkulunkulu, leli yiphimbo likaMoya oNgcwele!" Ekuqaleni, bakholwa ukuthi kwakuyizwi likaMoya oNgcwele; kamuva, bathi yizwi lemiMoya eyisikhombisa, loMoya oqiniswe kasikhombisa. Balibiza ngokuthi "izwi lemiMoya eyisikhombisa," noma "amazwi kaMoya oNgcwele." Yilokho ababekukholwa ekuqaleni. Kuthe kamuva, emva kokuba uNkulunkulu ekhulume amazwi amaningi, amakhulu ezinkulungwane zamazwi, waqala ukufakaza ukuthi kuyini ukuba kukaNkulunkulu sesimweni somuntu, nokuthi kyyini ukubonakala kweZwi lisenyameni—kwaba lapho kuphela abantu baqala ukwazi, bethi: "O! UNkulunkulu ube yinyama! Kungumzimba kaNkulunkulu osesimweni somuntu okhuluma nathi!" Uyabona ukuthi ufihlekile futhi uthobekile kangakanani umsebenzi kaNkulunkulu. Ekugcineni, emva kokuba uNkulunkulu eseqedile ukukhuluma onke amazwi Akhe okumele awakhulume, nokho nakhona akazange asho ukuthi unguNkulunkulu ngenkathi esebenza futhi eshumayela, nakhona akazange athi, "NginguNkulunkulu! Nina kufanele ningilalele." Akakaze akhulume kanjalo. Kodwa oKristu bamanga bathi banguKristu bengakakhulumi ngisho namazwi ambalwa. Ababona oKristu-mbumbulu? UNkulunkulu wangempela ufihlakele futhi uthobekile, futhi akakaze aziqhayise; uSathane nemimoya emibi, ngakolunye uhlangothi, bathanda ukuziqhayisa, nokungenye yezindlela zokubahlonza.


kusuka ekuhlanganyeleni okuvela kumfowethu

Manje, uma abantu bezama ukunikhohlisa, bhekani ukuthi bayakwazi yini ukuveza iphimbo likaNkulunkulu. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi ngabe banengqikithi yobuNkulunkulu noma cha. Uma bengakwazi ukukhuluma ngalokho uNkulunkulu anakho nayikho, futhi bengakwazi ukusho izinto nephimbo likaNkulunkulu, khona-ke ngokuqinisekile abanazo izinto zikaNkulunkulu, ngakho-ke bangabamanga. Kukhona labo abathi: Sibone abanye abantu bekhuluma amagama okungekho muntu ongawasho. Bangakhuluma nesiphrofetho, futhi bakhulume ngaphandle kokwenza lukhuni izinto okungekho muntu ongazazi noma azibone—pho ingabe banguNkulunkulu? Niwubona kanjani umehluko uma kuziwa kubantu abanje? Njengoba sekushiwo nje, uma benguNkulunkulu, khona-ke kufanele bakwazi ukukhuluma ngalokho uNkulunkulu anakho nayikho, futhi bakwazi ukukhuluma ngemfihlakalo yombuso kaNkulunkulu; umuntu onje kuphela okungathiwa ungukuba kukaNkulunkulu sesimweni somuntu. Uma kukhona abantu abakwazi ukukhuluma ngezinto abanye abangazazi, ubani ongabatshela ngekusasa labo, futhi asho ukuthi kuzokwenzekani emazweni, lokhu akuwona eqinisweni amazwi kaNkulunkulu; imimoya emibi nayo iyakwazi ukwenza izinto ezinjalo. Isibonelo, uma namhlanje uthi kuyo: "Kuzokwenzekani kimi esikhathini esizayo?" iyokutshela ukuthi uhlobo luni lwenhlekelele oluzokwehlela, noma ikutshele ukuthi uzofa nini, noma ikutshele okuzokwenzeka emndenini wakho. Ezimweni eziningi, lezi zinto ziyagcwaliseka. Kodwa ukukwazi ukukhuluma ngezinto ezinjalo akuyona into uNkulunkulu ayiyo, noma ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ucacelwe ngaleli phuzu. Lezi yizinto eziyinkimbinkimbi imimoya emibi ezenza kahle kakhulu; uNkulunkulu akazibandakanyi ezintweni ezinjalo. Bheka umsebenzi uNkulunkulu awenzile esikhathini ngasinye esenyameni. UNkulunkulu wenza umsebenzi wokusindisa isintu, akabikezeli ngokuthi kuzokwenzekani kubantu, ukuthi bazophila isikhathi esingakanani, bangaki abantwana abazoba nabo, noma ukuthi izinhlekelele zizobehlela nini. Ingabe uNkulunkulu wake wabikezela izinto ezinjalo? Akazange. Manje, nina nithini, uNkulunkulu uyazazi izinto ezinjalo? Yebo uyazazi, ngoba wadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto. NguNkulunkulu kuphela ozazi kangcono, kanti kunomkhawulo kulokho imimoya emibi ekwaziyo. Yikuphi imimoya emibi enamandla okukwazi? Imimoya emibi iyazi ukuthi isiphetho somuntu, noma izwe, noma isizwe siyakuba yini. Kodwa ayazi lutho ngokuphatha kukaNkulunkulu, ayazi ukuthi isiphetho sesintu sithini, noma isiphetho seqiniso lesintu siyini, angisayiphathi eyalapho umhlaba uzophela khona nokuthi umbuso kaNkulunkulu uzofika nini, noma ukuthi umbuso omusha uzobe ubukeka kanjani. Ayazi lutho ngalokhu, akekho kuyona owaziyo. UNkulunkulu kuphela owazi izinto ezinjalo, futhi ngaleyo ndlela uNkulunkulu wazi konke, ngenkathi okwaziwa yimimoya emibi kunomkhawulo ngokwedlulele. Siyazi ukuthi abaphrofethi abakhulu kunabo bonke emhlabeni babekhulume ngalokho okuzokwenzeka ezinsukwini zokugcina, futhi namuhla amazwi abo agcwalisekile—kodwa babengazi ukuthi msebenzi muni uNkulunkulu awenza ngezinsuku zokugcina, angisayiphathi eyokwazi ukuthi yini uNkulunkulu afikele ukuyifeza, noma ukuthi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uzogcwaliseka kanjani, noma ubani ozongena embusweni kaNkulunkulu futhi asinde. Futhi-ke, ngaphezu kwalokho, babengazi ukuthi yini eyayizokwenzeka kamuva, embusweni kaNkulunkulu. Awukho umoya omubi owazi izinto ezinjalo; nguNkulunkulu kuphela owaziyo, ngakho-ke imimoya emibi ayikwazi nhlobo ukwazi noma yini ehlobene nohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Uma uthi kuyo, "Siyini isiphetho sami? Kuzokwenzekani emndenini wami?" eminye imimoya emibi izokwazi ukukunikeza impendulo ecacile. Kodwa uma uthi kuyo, "Esikhathini esizayo, ngizoba naso yini isiphetho ekukholweni kwami kuNkulunkulu? Ingabe ngizophila?" ngeke yazi. Imimoya emibi ikhawuleke kakhulu kulokho ekwaziyo. Uma umoya omubi ukwazi ukusho okuthile okunomkhawulo, ungase ube uNkulunkulu yini? Chabo—kungumoya omubi. Uma umoya omubi ukwazi ukutshela abantu izinto abangazazi, ubaxoxele ngekusasa labo, futhi ubatshele ngisho nalokho ababeyikho ngaphambilini nalokho abakwenzile, uma kukhona abacabanga ukuthi lokhu ngempela kungcwele, abazona iziwula abantu abanjalo? Lokhu kufakazela ukuthi anazi ngokuphelele ngoNkulunkulu. Nibona amakhono amancanyana emimoya emibi njengangcwele, bese niyithatha njengoNkulunkulu. Niyazi ukuba kukaNkulunkulu namandla onke? Ngalokho, uma namhlanje sinolwazi lokuba namandla onke nomsebenzi kaNkulunkulu, akukho moya omubi, kungakhathaleki ukuthi yizimpawu nezimangaliso zini ozenzayo, ongasikhohlisa, ngoba okungenani kunento eyodwa esingaqiniseka ngayo: Imimoya emibi ayilona iqiniso, ayikwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, ayiyena uMdali, ayikwazi ukusindisa isintu, futhi ukuphela kwento ekwazi ukuyenza ukukhohlakalisa isintu.


kusuka ekuhlanganyeleni okuvela kumfowethu

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “ngokwe-.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana