Voice of Justice

Voice of Justice

2019/09/06

2. Ukuhlukanisa Phakathi Komsebenzi KaMoya Ongcwele Nowemimoya Emibi

Umsebenzi kaMoya oNgcwele Inkolo Yeqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaMoya oNgcwele umayelana nokwenza abantu bathole imihlomulo; umayelana nokungcwelisa abantu; awukho umsebenzi ongabahlomulisi abantu. Ngisho iqiniso lingajula noma lingaba ngaphezulu, futhi ngisho noma lingelwaluphi uhlobo labo abamukela iqiniso ngokufanayo, noma ngabe yini eyenziwa nguMoya oNgcwele, ihlomulisa abantu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu ” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uwuhlobo lomhlahlandlela ohamba phambili nokukhanyiselwa okuhle. Awuvumeli abantu ukuba babe ngovumazonke. Ubanikeza induduzo, ubanikeza ukholo kanye namandla futhi ubenza bafune ukupheleliswa nguNkulunkulu. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayakwazi ukungena ngokucacile; ababona ovumazonke noma abaphoqiwe, kodwa bakubeka ezandleni zabo ukwenza umsebenzi. Uma uMoya oNgcwele esebenza, abantu bayajabula futhi bayazimisela, futhi bayazimisela ukulalela, bayakujabulela ukuzithoba, yize noma besebuhlungwini futhi bebuthakathaka ngaphakathi, kufanele bazimisele ukuba babambisane, bayajabula ngokuzwa ubuhlungu, futhi bayakwazi ukulalela, futhi abangcoliswanga yintando yomuntu, abangcoliswanga ukucabanga komuntu, futhi abangcoliswanga nhlobo izifiso nezisusa zomuntu. Uma abantu bebhekene nokusebenza kukaMoya oNgcwele, baba ngcwele ngempela ngaphakathi. Labo ababanjwe nguMoya oNgcwele baphila uthando lukaNkulunkulu lubonakale, uthando lwabazalwane babo, futhi bathokoziswa yizinto ezithokozisa uNkulunkulu, bazenyanye izinto ezenyanyisa uNkulunkulu. Abantu abathintwa ngukusebenza kukaMoya oNgcwele banomuntu obujwayelekile, futhi baphila ngaphansi kwamandla obuntu njalo nje balangazelela iqiniso. Uma uMoya oNgcwele esebenza ngaphakathi kubantu, izimo zabo ziba ngcono kakhulu, nobuntu babo buye ngokuya buba ngobujwayelekile, yize noma ukuzibandakanya kwabo kungabonakala kungubuwula, izisusa zabo zilungile, nokungena kwabo kuhle, abazami ukuphazamisa, futhi akukho bubi nankohlakalo ngaphakathi kubona. Umsebenzi kaMoya oNgcwele ujwayelekile futhi ungokoqobo, uMoya oNgcwele usebenza emuntwini ngokusho kwemithetho yempilo ejwayelekile yomuntu, futhi ukhanyisela aphinde ahole abantu ngokwezindlela ezijwayelekile zabantu. Uma uMoya oNgcwele esebenza kubantu, uyabahola abakhanyisele njengokwezidingo zabantu abajwayelekile, ubahlinzeka ngokusekelwe ezidingweni zabo, futhi uhola ngendlela enhle abakhanyisele ngokuncike kulokho abangenakho, nasezidingweni zabo; uma uMoya oNgcwele esebenza, lo msebenzi uhambisana nemithetho yempilo ejwayelekile yabantu, futhi kusempilweni yangokoqobo kuphela lapho abantu bekwazi ukubona umsebenzi kaMoya oNgcwele. Uma, ezimpilweni zabo zansuku zonke, abantu behlezi bekhuthazekile futhi benempilo yangokomoya ejwayelekile, babe sebegcwaliswa ngomsebenzi kaMoya oNgcwele. Esimweni esinjalo, uma bedla futhi bephuza amazwi kaNkulunkulu baba nokholo, uma bekhuleka baba nokushiseleka, uma okuthile kwenzeka kubona ababi ngabangenandaba, futhi njengoba kwenzeka kubona bayakwazi ukubona izifundo uNkulunkulu adinga ukuba bazifunde, ababi ngabangenandaba, futhi yize noma beba nezinkinga zangempela, bazimisele ukulalela zonke izinhlelo zikaNkulunkulu.

…………

Yimuphi umsebenzi ovela kuSathane? Emsebenzini ovela kuSathane, imibono ebonwa ngabantu iluvindi futhi ayibambeki, futhi ayinabo ubuntu obujwayelekile, izisusa eziqhutshwa yizenzo zabo azilungile, futhi yize noma befisa ukumthanda uNkulunkulu, kuhlezi kunezinsolo ngaphakathi kubona, futhi lezi zinsolo nemicabango kuhlezi kuphazamisa ngaphakathi kubona, kuvimbela intuthuko empilweni yabo, futhi kubavimbela ukuba babe nezimo ezijwayelekile phambi kukaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma nje kuqala kuba nomsebenzi kaSathane ngaphakathi ebantwini, izinhliziyo zabo azikwazi ukuba nokuthula noNkulunkulu, abazi ukuthi bazenzenjani, uma nje bebona ukuhlangana kwabazalwane ndawonye bafuna ukubaleka, futhi abakwazi ukuvala amehlo abo lapho abanye bethandaza. Umsebenzi wemimoya emibi udicilela phansi ubudlelwane obuhle phakathi komuntu noNkulunkulu, uphinde uphazamise imibono yangaphambilini yabantu kanjalo nendlela asebengene kuyona, ezinhliziyweni zabo angeke besakwazi ukusondela kuNkulunkulu, kuhlezi kunezinto ezenzekayo ezidala ukuphazamiseka kanye nokubopheka kubona, futhi izinhliziyo zabo azikwazi ukuthola ukuthula, basale bengenamandla othando lukaNkulunkulu, nemimoya yabo ishone phansi.. Lezi yizibonakaliso zemisebenzi kaSathane. Umsebenzi kaSathane ubonakala ngalezi zindlela ezilandelayo: ukungakwazi ukumela okholelwa kukho kanye nokufakaza, okukwenza ube ngumuntu osephutheni phambi kukaNkulunkulu, futhi ongenakuthembeka kuNkulunkulu. Uma kuba nokuphazamisa okuvela kuSathane, uphelelwa uthando nokuthembeka kuNkulunkulu ngaphakathi kuwena, buphele ubudlelwane bakho obujwayelekile noNkulunkulu, awulandeleli iqiniso, noma ukuzithuthukisa, uyahlehla, ube ngongenandaba, uzitike, uzinikele ekuziphatheni ngokuthanda kwakho nokusabalalisa isono, ungabi nakho ukusizonda isono; phezu kwalokho, ukuphazamisa kukaSathane kukwenza ube nenkani, lokhu okwenza uNkulunkulu aphume ngaphakathi kuwena, futhi kukwenze ukhononde ngoNkulunkulu uphikisane naYe, kukuholele ekumngabazeni uNkulunkulu, futhi ube ngisho nasengozini yokumshiya uNkulunkulu. Konke lokhu kungumsebenzi kaSathane.

kwesithi “Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe, esonakaliswe uSathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele.

kwesithi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinto ezivela kuNkulunkulu zikwenza ucacelwe njalo ngemibono, futhi zikwenza uye ngokuya usondela kuNkulunkulu, wabelane ngothando ngobuqotho nabafowethu nodadewethu; uyakwazi ukukhombisa ukucabangela umthwalo kaNkulunkulu futhi inhliziyo yakho ethanda uNkulunkulu ayiphumuli; kukhona indlela phambili okufanele uyihambe. Izinto ezivela kuSathane zikwenza ulahlekelwe imibono futhi konke obunakho ngaphambili kunyamalele; uyahlukaniswa noNkulunkulu, awunalo uthando lwabafowethu nodadewethu futhi unenhliziyo enenzondo. Uphelelwa yithemba, awube usafuna ukuphila impilo yebandla, nenhliziyo yakho ethanda uNkulunkulu ayisekho. Lo umsebenzi kaSathane futhi kuwumphumela olethwa yimisebenzi yemimoya emibi.

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili Nambili” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uMoya Ongcwele enza umsebenzi wokukhanyisela abantu, ngokuvamile ubanika ulwazi lomsebenzi kaNkulunkulu, nolokungena kwabo kweqiniso nesimo seqiniso, futhi uphinde abanike ukuxazulula, abavumele ukuba baqonde inhloso kaNkulunkulu yangempela nalokho akufuna kubantu namuhla, uMoya Ongcwele ubanikeza ukuxazulula ukuvula yonke indlela. Ngisho noma abantu bebhekene nokuchitheka kwegazi nomhlatshelo kumele benzele uNkulunkulu, futhi ngisho noma bebhekana nokushushiswa nobunzima, kumele baqhubeke bathande uNkulunkulu, futhi bangazisoli, futhi kumele baqhubeke bafakazele uNkulunkulu. Ukuzimisela okunjalo ukushukunyiswa uMoya Ongcwele, nomsebenzi kaMoya Ongcwele—kodwa yazi ukuthi awunakho ukushukumisa okunjalo ngaso sonke isikhathi.

kwesithi “Isenzo (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu bathi uMoya Ongcwele usebenza kubo ngaso sonke isikhathi. Lokhu akunakwenzeka. Uma bebengathi uMoya Ongcwele uhlala unabo njalo, lokho bekungenzeka. Uma bebengathi ukucabanga kwabo nemizwa yabo kujwayelekile ngaso sonke isikhathi, nalokho bekungenzeka, futhi kungakhombisa ukuthi uMoya Ongcwele unabo. Uma uthi uMoya Ongcwele uhlala usebenza ngaphakathi kuwe, uma uthi ukhanyiselwe uNkulunkulu futhi uthintwa uMoya Ongcwele ngaso sonke sikhathi, uzuze ulwazi olusha ngaso sonke isikhathi, lokhu akujwayelekile. Kungaphezu kwamandla avamile! Ngaphandle kokungabaza, abantu abanjengalaba bayimimoya emibi! Ngisho noma uMoya kaNkulunkulu uza njengenyama, kunesikhathi lapho kumele uphumule khona, udle—ungenzi lutho oluphathelene nawe. Labo abanemimoya emibi babonakala sengathi abekho buthaka enyameni. Bayakwazi ukulahla bayeke konke, bathule, bayakwazi ukubekezelela isicefe, abakhathali neze, kuba sengathi bangaphezu kwenyama. Ingabe lokhu akungaphezu kwamandla avamile? Umsebenzi womoya omubi ungaphezu kwamandla avamile, kanti lezi zinto umuntu akakwazi ukuzithola. Labo abangakwazi ukuhlukanisa baba nomona uma bebona abantu abafana nalaba, futhi bathi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu kunamandla, futhi kuhle, futhi akwenzeki babe buthaka. Eqinisweni, lokhu ukubonakaliswa komsebenzi womoya omubi. Lokhu yingenxa yokuthi abantu abasesimweni esijwayelekile nakanjani banobuthaka bobuntu; lesi yisimo esijwayelekile salabo abanoMoya Ongcwele.

kwesithi “Isenzo (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imimoya emibi ingosomathuba. Ingakhuluma ngaphakathi kuwe noma endlebeni yakho, noma iphithanise imicabango nengqondo yakho, idudula ukukhuluma kukaMoya oNgcwele ukuze ungakuzwa, emva kwalokho ibe seyiqala ikuphithanisa, yenze ukucabanga kwakho kudideke nomqondo wakho uxoveke, lokhu kukushiye unokuyaluza nokuphithana kwengqondo. Lena-ke yimisebenzi yemimoya emibi.

kwesithi “Incazelo Yokuzwa KukaNkulunkulu Ubuhlungu Bomhlaba” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Uyakwazi ukuzwa umphefumulo wakho? Uyakwazi ukuthinta umphefumulo wakho? Uyakwazi ukuzwa lokho okwenziwa ngumphefumulo wakho? Awazi, angithi? Uma ukwazi ukuzwa futhi uthinte into enjalo, khona-ke kungomunye umoya ngaphakathi kuwo owenza okuthile ngokuphoqa—ulawula izenzo namazwi akho. Kuyinto engaphandle kwakho, hhayi enguwe. Labo abanomoya omubi bakuzwa ngokujulile lokhu.

kwesithi “Indlela Yokuqonda Ubunye Benyama Nomoya KaNkulunkulu” kwethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Impela, namuhla kukhona imimoya emibi esebenza ngezinto ezingaphezu kwemvelo ukukhohlisa umuntu; lokho akuyilutho ngaphandle kokulingisa kwayo, ukukhohlisa umuntu ngomsebenzi ongasenziwa manje nguMoya oNgcwele. Imimoya emibi eminingi ilingisa ukusebenza kwezimangaliso nokuphulukisa izifo; lokhu akulutho ngaphandle kokuba ngumsebenzi womoya ababi, ngoba uMoya oNgcwele akasawenzi umsebenzi onje esikhathini samanje. Bonke labo kamuva abalingisa umsebenzi kaMoya oNgcwele—bayimimoya emibi.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuhlanganyela Komuntu

Umsebenzi woMoya oNgcwele uvumela abantu ukuba baqonde iqiniso, ubavumela ukuba bazi ingqikithi yokukhohlakala kukaSathane, futhi kubanika ulwazi lwangempela lwalokho uNkulunkulu anakho nayikho. Imiphumela yawo mihle ngokuphelele. Namuhla, siyazi ukuthi iqiniso liyini, ukuthi iqiniso livela kuNkulunkulu, ukuthi izinto ezinhle zivela kuNkulunkulu, ukuthi yini okufanele abantu abajwayelekile babe nayo, ukuthi iyini intando kaNkulunkulu, nokuthi impilo yangempela iyini. Zonke lezi ziyizinto ezinhle, futhi okubalulekile ngezinto ezinhle yiqiniso. Lokhu kungumphumela womsebenzi kaNkulunkulu, futhi siwuqonda kuphela nje ngenxa yokukhanyiselwa nokukhanyisa koMoya oNgcwele. Umsebenzi wemimoya emibi awukwazi ukunikeza abantu ulwazi ngezinto ezinhle. Kufanele nazi ukuthi abantu imimoya emibi esebenza kubo kabaqondi noma bezwe noma yimaphi amaqiniso. Umsebenzi wemimoya emibi ukwazi kuphela ukwenza abantu baye ngokuya beba babi kakhulu, ungaletha ubumnyama obengeziwe ezinhliziyweni zabo, wenze isimo sabo sibe ngesonakele ngokwengeziwe, nesimo sabo siye ngokuya siba sibi kakhulu, ekugcineni baphelele ekufeni okuphakade nasekubhujisweni. Umsebenzi woMoya oNgcwele wenza abantu babe nesimo esijwayelekile ngokwengeziwe, ubanika ukuqonda okukhulu ngokwengeziwe iqiniso nokukholwa okukhulu ngokwengeziwe kuNkulunkulu, futhi bakwazi ukumlalela kakhulu ngokwengeziwe uNkulunkulu. Ekugcineni, ubavumela ukuba bamazi ngokuphelele uNkulunkulu futhi bakhonze uNkulunkulu. Lona umphumela womsebenzi woMoya oNgcwele, futhi kuphambene ngokuphelele nomsebenzi wemimoya emibi.

kusuka embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi WoMoya ONgcwele Kubaluleke Kakhulu Ekusindisweni Komuntu” kwethi Ukuhlanganyela Nokushumayela Ngokungena Ekuphileni (II)

Ngezansi, ake sibheke omunye umehluko ocacile phakathi komsebenzi ohlukahlukene wemimoya emibi nomsebenzi woMoya oNgcwele, nokuthi ubonakala kanjani ngokucacile. UMoya oNgcwele ukhetha abantu abafuna iqiniso, abanonembeza nomqondo, nabanobuqotho. Laba wuhlobo lwabantu asebenza kulo. Imimoya emibi ikhetha abantu abanamaqhinga nabangenangqondo, abangenalo uthando lwangempela, nabangenawo unembeza noma umqondo. Abantu abanjalo yilabo imimoya emibi esebenza kubo. Sibonani uma siqhathanisa labo abakhethelwe umsebenzi woMoya oNgcwele, nalabo abakhethelwe lowo owemimoya emibi? Siyabona ukuthi uNkulunkulu ungcwele, futhi ulungile, ukuthi labo abakhethwe nguNkulunkulu bafuna iqiniso, futhi banonembeza nomqondo, ukuthi banobuqotho, futhi bathanda lokho okulungile. Labo abakhethwe yimimoya emibi banamaqhinga, banokuzicabangela futhi bayenyanyeka, abanalo uthando lwangempela, abanawo unembeza nomqondo, futhi abafuni iqiniso. Imimoya emibi ikhetha izinto ezimbi kuphela kanye nalabo abangenalo iqiniso, lapho esibona khona ukuthi imimoya emibi iyabuthanda ububi nobumnyama, ukuthi ihambela kude nalabo abafuna iqiniso, futhi iyashesha ukuzuza labo abaphikisayo nabanobuqili, abakhangwa ukungalungi, futhi bathonyeke kalula. Labo imimoya emibi ekhetha ukusebenza kubona abakwazi ukusindiswa, futhi bayasuswa uNkulunkulu. Yinini, futhi ngaphansi kwasiphi isimo, lapho imimoya emibi isebenza khona? Isebenza lapho abantu sebeqhele kude noNkulunkulu futhi bahlubuka uNkulunkulu. Umsebenzi wemimoya emibi uyabathonya abantu, futhi ukwenza lokho ngokusebenzisa amathuba lapho bona. Uma abantu bebuthakathaka kakhulu, ikakhulukazi uma benobuhlungu obukhulu ezinhliziyweni zabo, lapho bezwa bekhungathekile futhi bedidekile, umoya omubi uthatha leli thuba ukuze ungene ubathonye futhi ubakhohlakalise, ukuhlwanyela ukungezwani phakathi kwabo noNkulunkulu. Kukhona isikhathi somsebenzi woMoya oNgcwele: Lapho abantu bebiza uNkulunkulu, lapho izinhliziyo zabo ziphendukela kuNkulunkulu, uma bedinga uNkulunkulu, lapho bephenduka kuNkulunkulu, nalapho befuna iqiniso, uMoya oNgcwele uqala ukusebenza kubo. Qaphela ukuthi zonke izici zomsebenzi woMoya oNgcwele zisebenza kanjani ukusindisa umuntu, ukuthi ubheka kanjani amathuba okusindisa umuntu, ngenkathi imimoya emibi ibheka amathuba okukhohlakalisa nokukhohlisa abantu. Imimoya emibi iyenyanyeka futhi mibi, ingcolile futhi iyingozi, konke ekwenzayo ihlose ukukhohlakalisa umuntu, ukumlimaza, nokumshwabadela. Lapho abantu bedinga kakhulu, lapho bexhumana noNkulunkulu ngokuphuthumayo, lapho bedinga insindiso kaNkulunkulu, futhi lapho befisa ukusondela kuNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, uMoya oNgcwele ubonakala kubo futhi enze umsebenzi wensindiso. UNkulunkulu uluthando, futhi imimoya emibi iyinzondo—lokhu kuyacaca kuwe, angithi? Konke lokhu okwenziwa yimimoya emibi ikwenzela ukushwabadela nokukhohlakalisa umuntu, futhi konke lokho uMoya oNgcwele akwenzayo ukwenzela uthando nensindiso yomuntu. Imiphumela yomsebenzi yoMoya oNgcwele ukuhlanza abantu, ukubasindisa ekukhohlakaleni kwabo, ukubavumela ukuba bazazi futhi bamazi uSathane, ukuba bakwazi ukuvukela uSathane, bakwazi ukufuna iqiniso, futhi ekugcineni baphile ngokomfanekiso womuntu. Imimoya emibi iyakhohlakalisa, iyangcolisa, futhi ibophe abantu, ibaphonsa ngokujula okukhulu esonweni, futhi ilethe ubuhlungu obukhulu ngokwengeziwe ezimpilweni zabo, ngakho-ke lapho imimoya emibi isebenza kubantu, isuke seyiphelile indaba ngabo; ekugcineni, bayashwabadelwa uSathane, nokuwumphumela womsebenzi wemimoya emibi. Umphumela womsebenzi woMoya oNgcwele ukugcina usindise abantu, ukubenza baphile impilo yangokoqobo, futhi bekhululeke ngokuphelele, futhi bathole izibusiso zikaNkulunkulu. Bheka: Imimoya emibi iqondisa umuntu ebumnyameni, imyisa kwalasha; uMoya oNgcwele uthatha umuntu ebumnyameni, umyise ekukhanyeni, nasenkululekweni. Umsebenzi woMoya oNgcwele ukhanyisela futhi uqondise abantu, ubapha amathuba, futhi lapho bebuthakathaka futhi beneziphambeko ubalethela induduzo. Uvumela abantu ukuba bazazi, ubavumele ukuba bafune iqiniso, futhi akaphoqeleli abantu ukuba benze izinto, kodwa ayabavumela ukuba bakhethe indlela yabo ngokwabo, futhi ekugcineni abafake ekukhanyeni. Imimoya emibi iphoqa abantu ukuba benze izinto futhi ibathumbe. Konke abakushoyo kungamanga futhi ithonya abantu, ibakhohlisa, futhi ibabophe; imimoya emibi ayibaniki abantu inkululeko, ayivumeli ukuba bazikhethele, ibaphoqa ukuba bangene endleleni eya encithakalweni, futhi ekugcineni ibagxilise ngokujulile nakakhulu esonweni, nokuholela ekufeni. Bheka labo bantu ababi, lezi zinhlobo zabantu ababi: Bahudulela abanye emgodini, babadonsela emacaleni, bese bebafaka emihumeni yokugembula. Ekugcineni, emva kokubhubhisa imindeni yabantu futhi babemuka izimpilo zabo, bayajabula, umsebenzi wabo sewuqediwe, futhi bayifezile injongo yabo. Abawona amadimoni? Kodwa labo abahle ngempela futhi abesaba uNkulunkulu baholela abantu eduze kukaNkulunkulu, futhi babaholele ekukholweni kuNkulunkulu, ekuqondeni iqiniso, ekufuneni ukuphila kwangokoqobo, futhi ekugcineni babenze baphile ngokomfanekiso womuntu. Yeka indlela ocace ngayo umehluko phakathi kwalezi zinto ezinhle nezimbi! Ukuqhathanisa izimiso, izindlela, nomthelela omkhulu womsebenzi woMoya oNgcwele kulabo bemimoya emibi, siyabona ukuthi uNkulunkulu usindisa umuntu, uyamthanda umuntu, futhi unikeza umuntu iqiniso, ukuthi ungenisa umuntu ekukhanyeni, futhi ekugcineni avumele umuntu ukuba abusiswe futhi abe umuntu wangempela futhi aphile impilo yangempela. USathane ukhohlakalisa isintu, uyasibopha isintu, uzama ukusishwabadela isintu, futhi ekugcineni aholele isintu ekufeni okuphakade nasekubhujisweni. Ngokwazi umsebenzi woMoya oNgcwele, siyakwazi ukuhlonza umsebenzi wemimoya emibi nokwazi iqiniso lokukhohlakalisa kukaSathane isintu. Namuhla, ekukholweni kwethu kuNkulunkulu siyazi ukuthi yini okufanele siyifune, ukuthi uNkulunkulu uyathandeka, nokuthi kufanele simazi uNkulunkulu, simkhonze uNkulunkulu, futhi simlalele uNkulunkulu. Sinezinhloso empilweni yethu, futhi sinethemba losindiso. Lena yimiphumela yomsebenzi woMoya oNgcwele. Namuhla, uma ubungabuzwa ukuthi uyini uSathane, ungakwazi? Ingabe inkohlakalo iyisimo kanjani sikaSathane sibonakalisiwe? Isimo sikaSathane sibi, siyinkohlakalo, siyingozi, sibi, siyenyanyeka, sigcwele ububi futhi ngokuphelele nje siwubuthi. Kuyini konke uNkulunkulu anakho futhi ayikho? Kuwukulunga, ubungcwele, udumo, amandla onke, ubuhlakani, isihe nothando. Umuzwa uSathane awunika abantu uyinto enengayo futhi eqalekisiwe. Umuzwa uNkulunkulu awunika abantu ukuthi uyangeneka, uyathandeka futhi uhloniphekile.

kusuka embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi WoMoya ONgcwele Kubaluleke Kakhulu Ekusindisweni Komuntu” kwethi Ukuhlanganyela Nokushumayela Ngokungena Ekuphileni (II)

Uyini umphumela womsebenzi woMoya oNgcwele kumuntu? Uvumela umuntu ukuba aqonde amazwi kaNkulunkulu, neqiniso, futhi uvumela umuntu ukuba amazi uNkulunkulu, futhi azazi yena ngokwakhe. Iqiniso linomphumela ombaxambili. Ngolunye uhlangothi, ukuqonda iqiniso kunikeza abantu ulwazi ngoNkulunkulu, ngoba iqiniso liyingqikithi yokuphila kukaNkulunkulu, yilokho uNkulunkulu anakho nayikho futhi, lingokoqobo kwezinto ezinhle, futhi limela isimo nokuphila kaNkulunkulu—ngakho-ke kunembe ngokuphelele ukuthi, ngokuqonda iqiniso, sithola ukuqonda okuthile uNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, iqiniso libuye liveze obala inkohlakalo yethu, ngakho-ke bonke labo abaliqondayo iqiniso banolwazi lwangempela ngabo, futhi babone ngokucacile ubuso babo bangempela nobuso bangempela bukaSathane. Konke kuvezwa obala yiqiniso. Uyini umphumela wokuqonda iqiniso ngomsebenzi woMoya oNgcwele? Ngenye indlela, sithola ukwazi ukuthi ingqikithi yethu ekhohlakeleyo, siyabona ukuthi umuntu umpofu, uyadabukisa, uyimpumputhe, unqunu, ukhohlakele, mubi, uyazicabangela futhi uyazondeka, ukuthi akawona nakancane umfanekiso womuntu wangempela, ukuthi akehlukile kuSathane, ukuthi imvelo yakhe kanye nengqikithi yakhe kuyefana nokukaSathane. Ingabe lokhu akuwona umphumela wokuqonda iqiniso? Akukho lutho olungalungile ngalokhu. Ngaphezu kwalokho, kule ndaba sicacelwe ngokuphelele ngemiphumela yomsebenzi woMoya oNgcwele. Umsebenzi woMoya oNgcwele uneminye imiphumela eminingi. Umsebenzi woMoya oNgcwele unganika abantu ukukholwa kwangempela: Yonke imithandazo yethu kuNkulunkulu isenza sibe nomuzwa wokuthi ukholo lwethu kuNkulunkulu lukhulile, nokuthi lungolwangempela ngokwengeziwe.... Akuyona neze into engalungile ukuthi kunezinhlangothi eziningi emsebenzini woMoya oNgcwele, nezinye izinhlangothi eziningi emiphumeleni yawo.... Umsebenzi woMoya oNgcwele usinika ulwazi lweqiniso mayelana nesimo sikaNkulunkulu, sokuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, ukuhlolisisa Kwakhe ekujuleni kwezinhliziyo zethu, futhi kusinika ulwazi lwezenzo ezimangalisayo nokungaqondakali kukaNkulunkulu. Ngakho-ke, futhi, kusenza sikwazi nokubuka amandla onke kaNkulunkulu nokubusa phezu kwazo zonke izinto.

kusuka embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi WoMoya ONgcwele Kubaluleke Kakhulu Ekusindisweni Komuntu” kwethi Ukuhlanganyela Nokushumayela Ngokungena Ekuphileni (II)

Labo imimoya emibi esebenza kubona futhi babi kakhulu futhi bayathanda ukuphatha lapho bekhuluma futhi betshela abantu ukuthi benzeni. Abanye baze beqe isimilo nemithetho yokuziphatha ngokulunga komuntu ojwayelekile. Amazwi abo nezenzo zabo kuthonya futhi kuthikameze abantu, imvelo yalawo mazwi nezenzo imbi futhi inobudlova, futhi ikhohlakalisa abantu, ibalimaze, futhi ayinamhlomulo kubo. Lapho nje umoya omubi ubonakala komunye umuntu, bazizwa besaba futhi bekhathazeka, futhi kuba nokuphuthuma okukhulu ezenzweni zabo, njengokungathi baphelelwa kakhulu ukubekezela. Ukubonakala kwawo kwenza abantu bazizwe bengabangajwayelekile, futhi akunamhlomulo nomncane kwabanye. Izibonakaliso eziyisisekelo zomsebenzi wemimoya emibi: Esokuqala ukutshela abantu ukuthi benze lokhu noma lokhuya, ukubatshela ukuba benze izinto, noma ukubayalela ukuba bakhulume isiphrofetho samanga. Esesibili ukukhuluma lokhu okubizwa "ngezilimi" ezingaqondwa muntu; ngisho nalabo abazikhulumayo uqobo abakuqondi lokho abakushoyo, futhi abanye bayakwazi "ukuzihumusha". Esesithathu yilapho abantu behlala bethola izambulo, okwenzeka ngobuningi obuthile. Umzuzwana owodwa bazobe beyalelwa ukuba benze into eyodwa, okulandelayo batshelwe ukuthi benze okunye, futhi bahlala betatazela njalo. Esesine: abantu umoya omubi osebenza kubo bamagange ukwenza lokhu noma lokhuya, futhi abakwazi ukulinda—kungakhathaleki ukuthi kuvunyelwe noma akuvunyelwe endaweni abakuyo. Baphuma ngisho nasezinzulwini zobusuku; ukuziphatha kwabo akuvamile kakhulu. Esesihlanu: abantu umoya omubi osebenza kubona banokuzikhukhumeza futhi bayaziphakamisa, konke abakushoyo kunokubukela phansi futhi kunokuthanda ukuphatha, abakwazi ukukhuluma iqiniso, kwenza abantu basale bethukile, futhi bafaka abantu enkingeni njengedimoni. Esesithupha: abantu umoya omubi osebenza kubona abakwazi neze ukuqonda amalungiselelo avela phezulu, angisayiphathi eyokuqonda imigomo yokusebenza; bahlekisa ngoNkulunkulu, bazama ukukhohlisa abantu, futhi izenzo zabo zokungalungi ziphazamisa indlela ejwayelekile yokusebenza ebandleni. Esesikhombisa: abantu umoya omubi osebenza kubona ngokuvamile bazenza abantu abathile ngaphandle kwesizathu, noma-ke ngabe bathunyelwe omunye umuntu, ukwenza abantu balalele amazwi abo, futhi akekho ongakwazi ukuthola ukuthi bafike kanjani kulokhu. Esesishiyagalombili: abantu umoya omubi osebenza kubo kaningi benza ngendlela engenangqondo, futhi abaliqondi iqiniso; ngokuvamile, abanawo amandla okwazi ukuqonda, futhi abanakho ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Abantu bathola ukuthi lokho abakucabangayo kuyizinto ezingubuwula kakhulu, futhi ezishaya eceleni kakhulu. Esesishiyagalolunye: abantu umoya omubi osebenza kubo banokuziqhenya okukhulu futhi abacabangi kahle, abamphakamisi nhlobo uNkulunkulu noma banike ubufakazi ngoNkulunkulu, abakwazi ukukhuluma noma yimaphi amaqiniso, futhi konke abakwenzayo nabakushoyo ukuhlasela abanye abantu, bababophe, babakhinyabeze, kuze kube yilapho izinhliziyo zabo sezishayekile, futhi sebeshaywe baze baba nemicabango ephambene bengasakwazi nokuziphakamisa, lapho benokuthokoza ngokuyimfihlo—okuyiyona njongo enkulu yomsebenzi wemimoya emibi. Eseshumi: abantu abaphethwe yimimoya emibi—izimpilo zabo zingezingajwayelekile ngempela, iso labo liyahlaba, futhi amazwi abo nawo ayahlaba, njengokungathi bayidimoni elifike kulo mhlaba. Akukho kuziphatha ngokuzikhuza ekuphileni kwabo kwansuku zonke, abanakho nhlobo ukuzinza, abalawuleki njengesilwane sasendle, futhi abantu bababona bebabi kakhulu. Lezi yizibonakaliso zabantu ababoshwe amadimoni. Abantu abaphethwe yimimoya emibi bavame ukuzonda kakhulu futhi baziqhelise kakhulu kulabo uMoya oNgcwele osebenza kubo futhi abakwazi ukukhuluma iqiniso. Kuyinto evamile ukuthi lapho abantu beba ngcono, yilapho befuna ukubahlasela futhi babalahle, kanti ngenkathi abantu behlakazeka futhi benokudideka, kulapho benza konke okusemandleni abo ukuba bahehe futhi bazame ukutusa, futhi bazimisele ngokuhlanganyela nabo. Umsebenzi wemimoya emibi uphendula okumnyama kube mhlophe, futhi wenze okuhle kube kubi nokubi kube ngokuhle. Zinjalo-ke izenzo zemimoya emibi.

kusuka embhalweni othi “Izibonakaliso Eziphambili Zomsebenzi Wemimoya Emibi” kwethi Izinkulumo Ezilotshiwe ZikaKristu Nabaholi Nezisebenzi Zebandla

Noma yimuphi umoya onomsebenzi obonakala ungaphezu kwemvelo ungumoya omubi, futhi umsebenzi kanye nokukhuluma kwanoma yimuphi umoya owenza umsebenzi ongaphezu kwemvelo ungumsebenzi womoya omubi; zonke izindlela esebenza ngayo imimoya emibi azivamile futhi zingaphezulu kwengqondo, futhi zibonakala ngokuqavile ngezindlela eziyisithupha ezilandelayo:

1. Ukulawula ngokuqondile ukukhuluma kwabantu, okubonisa ngokucacile ukuthi umoya omubi okhulumayo, hhayi abantu ngokwabo abakhuluma ngokuvamile;

2. Umuzwa wokuthi umoya omubi uyalela abantu futhi ubayala ukuba benze lokhu nalokhuya;

3. Abantu abathi, lapho bekhona egumbini, bezwe ukuthi kukhona umuntu ozongena;

4. Abantu abavame ukuzwa amazwi ekhuluma nabo kodwa abanye abantu bengawezwa;

5. Abantu abakwazi ukubona nokuzwa izinto abanye abangakwazi;

6. Abantu abahlale becasukile, futhi bekhuluma bodwa, futhi abangakwazi ukuba nezingxoxo ezijwayelekile noma ukuxhumana nabantu.

Bonke labo umoya omubi osebenza kubona nakanjani banalezi zibonakaliso eziyisithupha. Abasebenzisi ingqondo lapho benza izinto, bahlale bemanzonzo, abakwazi ukuxhumana nabantu ngokujwayelekile, kusengathi abakwazi ukucabanga, futhi kukhona ukuqhela nokuba ngabomunye umhlaba kubo. Abantu abanjalo baphethwe umoya omubi noma banomoya omubi osebenza kubo, futhi yonke imisebenzi yemimoya emibi iyabonakala futhi ayifani nalutho lwasemhlabeni. Lona umsebenzi wemimoya emibi obonakala kalula kakhulu. Uma umoya omubi ukhwelele umuntu, udlala ngaye ukuze axoveke ngokuphelele. Akanamqondo, njengomkhovu, okufakazela ukuthi ngokwengqikithi, imimoya emibi iyimimoya emibi ekhohlakalisa futhi ishwabadele abantu. Amazwi akhulunywa yimimoya emibi kulula ukuwabona: Amazwi ayo achaza ngokusobala ingqikithi yayo engcolile, awanyakazi, adungekile futhi ayanuka, athaphuka iphunga lokufa. Kubantu bezinga elihle, amazwi emimoya emibi azwakala engenalutho futhi engathandeki, engenasisindo, njengamanga nje futhi nenkulumo engenalutho olunesisindo, azwakala edungekile futhi ephambene, njengenqwaba yombhedo. Lokhu kungeminye yemibhedo yemimoya emibi eyahlukaniseka kalula. Ukuthonya abantu, eminye yemimoya emibi “yezinga eliphezulu" izama ukuzenza uNkulunkulu noma uKristu lapho ikhuluma, ngenkathi eminye izenza izingelosi noma abantu abaziwayo. Lapho ikhuluma, le mimoya emibi inekhono lokulingisa amagama athile noma imisho eyashiwo nguNkulunkulu, noma-ke iphimbo likaNkulunkulu, nabantu abangaliqondi iqiniso bakhohliseka kalula yile mimoya emibi "yezinga eliphezulu". Abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu kumele bacacelwe kahle ukuthi, empeleni, imimoya emibi ingcolile futhi ayinamahloni, nokuthi noma ngabe iyimimoya emibi "yezinga eliphezulu", ayinalo neze iqiniso. Imimoya emibi, vele, iyimimoya emibi, ingqikithi yemimoya emibi imbi, futhi iwuhlobo olulodwa noSathane.

kusuka embhalweni othi “Indlela Yokubona Umbhedo Namanga Emimoya Emibi, OKristu Bamanga NabaphikuKristu” kwethi Imilando Yokuhlanganyela Namalungiselelo Omsebenzi Webandla (II)

Konke okwenziwa yimimoya emibi kungaphezulu kakhulu kwemvelo, iyala abantu ngokuqondile ukuthi benze lokhu noma lokhuya, ibashonisa le nale, ibaphoqa ngokuqondile ukuba benze izinto—lokhu kuyisibonakaliso somsebenzi wemimoya emibi. Umsebenzi woMoya oNgcwele awukaze uphoqe abantu ukuba benze lokhu noma lokhuya, awukaze uthume abantu lapha nalaphaya, awukaze ube ngamandla angaphezu kwawemvelo, awukaze usebenzise izindlela ezingaphezu kwamandla emvelo ukuze uyalele abantu ukuba benze izinto, uhlale ufihliwe ekujuleni kwabantu, futhi ubathinte ngonembeza wabo ukuze baqonde iqiniso namazwi kaNkulunkulu, okuthi emva kwalokho usebenzise unembeza ukubenza benze iqiniso. Lena yindlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo. UMoya oNgcwele awukaze uphoqe abantu, awukaze wenze lutho olungaphezu kwemvelo noma izibonakaliso, futhi awuqondisi abantu ngokusobala. Yini esiyaziyo kulokhu? Siyazi ukuthi umsebenzi woMoya oNgcwele uthobekile futhi ufihlekile, ufihleke ngokukhethekile, futhi akukho okunye kwawo okudaluliwe. UNkulunkulu unamandla onke futhi ubusa phezu kwazo zonke izinto, kodwa uMoya oNgcwele akasho ngokuqondile kumuntu athi "Hheyi, kufanele wenze lokhu noma lokhuya." UMoya oNgcwele akakaze enze ngale ndlela; Uyakuthinta, usebenzisa uthando lapho ekuthinta, futhi umnene kakhulu, kangangokuthi awuzwa ukuthi kukhona okuthintayo—kodwa ekujuleni kwenhliziyo yakho uba nomuzwa wokuthi kufanele wenze ngandlela thile, nokuthi kulungile futhi kufanelekile ukuba wenze kanjalo. Bona ukuthi uNkulunkulu muhle kangakanani! Buka futhi ububi nokudabukisa kwalabo abaphethwe yimimoya emibi, bheka ukuthi, lapho nje behlangana nabantu, bathi, "Namuhla umoya ungiyale ukuba ngisho lokhu, ungitshele ukuba ngenze lokho, wangenza ukuba ngenze lokhu nalokhu," bona ukuthi ngezinye izikhathi bavuka kanjani phakathi nobusuku ukuze basabalalise ivangeli, noma bathandaze, noma basho ukuthi bathinteke kanjani futhi kufanele bafeze umsebenzi wabo. Bheka ukuthi, lapho nje abantu beboshiwe ngumoya omubi, kubalethela ukuhlupheka okukhulu, futhi kubenze bangakwazi nokuhlala phansi, buka ukuthi abazi nalapho kufanele badle noma benze izinto, buka ukuthi izimpilo zabo ziba mapeketwane kanjani. Lapho imimoya emibi isebenza kubantu, ibadonsela emuva naphambili, ibashiye bekhathele futhi bebhocobele. Ekugcineni, abazuzi lutho: Akukho guquko esimweni sokuphila kwabo, basalokhu bekhohlakele njengasekuqaleni, labo ababevame ukuziphakamisa nokuziqhenya baqhubeka baziphakamise futhi baziqhenye, nalabo abavame ukukhohlisa nokuba amaqola namanje basakhohlisa futhi basengamaqola. Umsebenzi wemimoya emibi ukhohlakalisa abantu, futhi ubashiye benesimo esingajwayelekile engqondweni. Kusukela ezindleleni zokwenza zemimoya emibi, siyayibona indlela eyenyanyeka ngayo, mibi, inobuphansi, futhi inobuphukuphuku. Ayenzi lutho ngaphandle kokuhlukumeza nokukhohlakalisa abantu, futhi ngenxa yalokhu iyenyanywa futhi iyaqalekiswa ngabantu, abathi ingcolile. Ngakho-ke, umsebenzi wemimoya emibi umele uSathane—alikho iphutha kulokhu. Noma ubani obone abantu imimoya emibi esebenza kubo, noma abaphethwe amadimoni, wazi kahle ukuthi imimoya emibi iyisinengiso, iphansi, mibi futhi ingcole kangakanani. Ingabe niyakubona lokhu? Niyakubona okunye kwakho, akunjalo? Ingabe nike nabona ukuthi imimoya emibi ineqiniso? Ingabe imimoya emibi inothando ngomuntu? Kusukela emsebenzini wemimoya emibi, kuyabonakala ukuthi ayinalo nelincane iqiniso, ukuthi imvelo yayo iwububi ngempela. Njengoba nibonile ukuthi imimoya emibi ikhohlakalisa abantu, nibonile ukuthi uSathane ubakhohlakalisa kanjani abantu—lokhu kuyiqiniso ngokuphelele. Ngoba yonke imimoya emibi isebenzisana noSathane, ngoba bonke bafuna uSathane, bahambisana naye, bangabangane, kanye nabalingani bakaSathane, selokhu benoSathane kusukela kwaqala isikhathi. USathane wahola yonke le mimoya emibi ekuvukeleni uNkulunkulu futhi waphonswa phansi emhlabeni. Kungenzeka yini ukuthi umoya omubi—umoya omubi ongenalo iqiniso futhi omvukela ngokuphelele uNkulunkulu ngokwemvelo—ulethe iqiniso kumuntu uma enawo? Kungenzeka yini wenze izinguquko esimweni sakhe? Akunjalo neze.

kusuka embhalweni othi “Ukwazi Umsebenzi WoMoya ONgcwele Kubaluleke Kakhulu Ekusindisweni Komuntu” kwethi Ukuhlanganyela Nokushumayela Ngokungena Ekuphileni (II)

Awekho amazwana:

Thumela amazwana