Voice of Justice

Voice of Justice

2019/09/14

4. Ungawubona kanjani umehluko Phakathi Kwezindlela Zangempela Nezingamanga, Namabandla Angempela Nawamanga?

Umsebenzi kaMoya oNgcwele ukukholwa ngeqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Niyazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele noma cha, nokuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngoba isiqu senkolelo yomuntu kuNkulunkulu siyinkolelo kaMoya oNgcwele. Ngisho nenkolelo kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingenxa yokuthi inyama Yakhe iwumfuziselo kaMoya oNgcwele, okusho ukuthi leyo nkolelo isengekaMoya oNgcwele. Kunomehluko phakathi koMoya nenyama, kodwa ngenxa yokuthi le nyama ivela oMoyeni, futhi iZwi liphenduka inyama, ukholo lomuntu kuyo luseyisiqu sikaNkulunkulu. Ngakho ekwahlukaniseni ukuthi yindlela yeqiniso noma cha, kufanele nibheke ukuthi akuwona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngemva kwalokho nibheke ukuthi likhona yini iqiniso kuleyo ndlela. Leli qiniso liyisimo sokuphila ebuntwini obujwayelekile, okusho ukuthi, yilokho okwakudingeka kumuntu ngesikhathi edalwa uNkulunkulu, konke ngomuntu (okuhlanganisa ingqondo, ukuqonda, ukuhlakanipha, nolwazi oluyisisekelo lokuba umuntu). Lokho kusho ukuthi, kudingeka ubone ukuthi ungakwazi yini ngale ndlela ukuyisa umuntu ekuphileni ngendlela ejwayelekile noma cha, nokuthi iqiniso okukhulunywa ngalo lingokoqobo yini kubantu, noma seliphelelwe yisikhathi. Uma kuneqiniso, khona-ke kungenzeka ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umuntu oba ojwayelekile nakakhulu, ingqondo yomuntu iyaphelela nakakhulu, ukuphila komuntu enyameni nasemoyeni kuyahleleka, futhi imizwa yomuntu iba ejwayelekile. Lona umyalo wesibili. Kunomunye futhi umyalo, wokuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unolwazi oluningi yini ngoNkulunkulu, ukuthi uyawubona yini umsebenzi onjalo, nokuthi iqiniso liyakugqugquzela yini ukuthanda uNkulunkulu kuye, kumsondeze kakhudlwana kuNkulunkulu. Lokhu kungalinganiswa ngokuthi kuyindlela yeqiniso yini noma cha. Into ebaluleke kakhulu ukuthi le ndlela inengqondo yini, nokuthi iyamnika yini umuntu ukuphila. Uma ivumelana nale miyalo, kungafinyelelwa esiphethweni sokuthi lena indlela yeqiniso. La mazwi angiwasho ngoba ngifuna namukele ezinye izindlela ezintweni enibhekana nazo kusasa, nangenhloso yokuqagela ukuthi kuyoba nomsebenzi esikhathini esizayo. … Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe, esonakaliswe uSathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele. Benikholelwa kuNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, kodwa aniyazi imiyalo yokwehlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga noma yokufuna indlela yeqiniso. Abantu abaningi abanandaba nalezi zinto; bamane balandela iningi, futhi baphinde lokhu okushiwo iningi. Lokhu kungaba kanjani umuntu ofuna indlela yeqiniso? Futhi abantu abanjalo bangayithola kanjani indlela yeqiniso? Uma ubamba le miyalo eminingana ewumgogodla, khona-ke kunoma yini eyenzekayo ngeke ukhohliswe.

kwesithi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele baphethwe ubukhona kanye nokuqondisa kukaMoya oNgcwele, futhi labo abangekho ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele bangaphansi kokulawula kukaSathane, futhi abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, labo ababambisanayo emsebenzini kaNkulunkulu omusha. Uma labo abangaphakathi kwale ndlela behlukeka ukwenza iqiniso elidingwa uNkulunkulu ngalesi sikhathi, bazoqondiswa izigwegwe, futhi okubi kakhulu ukuthi bazolahlwa uMoya oNgcwele. . … Labo abangawamukeli umsebenzi kaNkulunkulu bancishiwe ubukhona bukaNkulunkulu, futhi, phezu kwalokho, bantula izibusiso nokuvikelwa uNkulunkulu. Amazwi abo amaningi kanye nezenzo kubamele ezidingweni zomsebenzi kaMoya oNgcwele; futhi kuyimfundiso, akulona iqiniso. Izimfundiso ezinje kanye nemithethonqubo kwanele ukuze kufakazele ukuthi into eyodwa ekuhlanganisayo yinkolo; akukhona okukhethiwe, noma injongo yomsebenzi kaNkulukulu. Ukuhlangana kwabo bonke labo abaphakathi kwabo kungabizwa ngokuthi ukuhlanganyela kwezenkolo kuphela, futhi kungebizwe ngokuthi ibandla. Lokhu kuyiqiniso elingaguquleki.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani kuthiwa ukwenza kwalabo abasemabandleni enkolo sekuhanjelwe isikhathi? Yingoba lokho abakwenzayo akuhlangene nomsebenzi wanamuhla. ENkathini Yomusa, lokho abakwenzayo bekuyikhona, kodwa ngokwedlula kwaleso sikhathi futhi umsebenzi kaNkulunkulu waguquka, ukwenza kwabo kuye ngokuya kuphelelwa yisikhathi. Kushiywe umsebenzi omusha kanye nokukhanya okusha. Ngokubheka isisekelo sawo sokuqala, umsebenzi kaMoya oNgcwele uqhubekele phambili kwezinye ngezinyathelo eziningi ezijulayo. Kodwa labo bantu basabambeke esigabeni sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu, futhi babambelele ezenzweni zakudala kanye nokukhanya okudala. Umsebenzi kaNkulunkulu ungaguquka kakhulu kabi eminyakeni emithathu noma emihlanu, ngakho lungebe lukhulu kakhulu uguquko olwenzeke eminyakeni eyizi-2000? Uma umuntu engenakho ukukhanya noma ukwenza okusha, kusho ukuthi usilele emsebenzini kaMoya oNgcwele. Lokhu kuwukwahluleka komuntu; ubukhona bomsebenzi omusha kaNkulunkulu kungephikiswe ngoba, namuhla, labo abanomsebenzi kaMoya oNgcwele wokuqala basalandela izinqubo eseziphelelwe isikhathi. Umsebenzi kaMoya oNgcwele uhlala uqhubekela phambili, futhi bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele kumele baqhubekele phambili bajule futhi baguquke, isinyathelo ngesinyathelo. Akumele lokhu kume esigabeni esisodwa. Yilabo abangawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele kuphele abaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wokuqala, futhi bangawamukeli umsebenzi kaMoya oNgcwele. Yilabo abangalaleli kuphela abehluleka ukuzuza emsebenzini kaMoya oNgcwele. Uma ukwenza komuntu kungahambisani nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, nakanjani ukwenza komuntu ngeke kuhambisane nomsebenzi wanamuhla, futhi nakanjani akuhambisani nomsebenzi wanamuhla. Labo bantu abasele emuva ngesikhathi yibo abehluleka ukufeza umsebenzi kaNkulunkulu, baba yilabo bantu bokugcina abazofakazela uNkulunkulu. Umsebenzi wokuphatha uwonke, phezu kwalokho, kumele uphothulwe yileli qembu labantu. Ngoba labo abake bagcina umthetho kaJehova, kanye nalabo abake bahluphekela isiphambano, uma behluleka ukwamukela isigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi abakwenzile nje bebekwenzela ize, futhi kuyize leze. … Uma umuntu ehlala enamathele esigabeni esisodwa, lokhu kufakazela ukuthi uyehluleka ukuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu kanye nokukhanya okusha; akufakazeli ukuthi uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu alukaguquki. Labo abangaphandle kwendlela kaMoya oNgcwele bahlala becabanga ukuthi benza okuyikhona, kube empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu okubo waphela kudala, futhi umsebenzi kaMoya oNgcwele awukho kubo. Umsebenzi kaNkulunkulu wadluliseleka kwelinye iqembu labantu kudala, iqembu ayehlose ukuqedela umsebenzi wakhe omusha kulo. Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela. Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlala kuqhubekela phambili, futhi ukwenza komuntu kuhlala kukhuphukela phezulu. UNkulunkulu uhlala esebenza, futhi umuntu uhlala edinga, ukuze bobabili bafinyelele esicongweni samandla abo, uNkulunkulu nomuntu bamunye ngokugcwele. Lokhu kuyisibonakaliso sokufezwa komsebenzi kaNkulunkulu, futhi umphumela wokugcina wokuphatha kukaNkulunkulu konke.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuhlanganyela Komuntu

Indlela yangempela yindlela ekwazi ukusindisa abantu, iguqule abantu, futhi ibenze bakwazi ukuthola igunya elivela kuNkulunkulu ukuba futhi bangene esiphethweni sangempela. Yile kuphela indlela yangempela. Uma abantu becabanga ukuthi bakholwa endleleni yangempela, kodwa lezi zinhloso nemiphumela kungakafezeki, khona-ke kungashiwo ukuthi indlela yabo yindlela yamanga, ukuthi akuyona indlela yangempela. Abanye abantu bathi: "Ngibona kanjani umehluko phakathi kokuhle nokubi?" Lokhu kukwazi ukufezeka ngokuvumelana namazwi kaNkulunkulu. Konke okuvunywe nguNkulunkulu, konke afuna ukuba umuntu abe nakho, nakho konke uNkulunkulu athanda ukuba umuntu akwenze kulungile; konke uNkulunkulu afuna ukuba abantu bakunqabe futhi bakushiye, nakho konke okulahlwa nguNkulunkulu, kubi. Ukuhlola okuhle nokubi kwahlulelwa kanjalo, ngokusho kwamazwi kaNkulunkulu; amazwi kaNkulunkulu yilo uhlaka lokuqinisekisa ukuthi okuthile kuyiqiniso noma kungamanga, futhi yiwo kuphela indinganiso yokulinganisa ukuthi into iyiqiniso noma ingamanga. Uhlola kanjani ukuthi iyiphi indlela eyiqiniso, futhi iyiphi engamanga? Indlela engakulethela impilo yangempela, engakwenza ukwazi ukubona ukukhanya, engakuvumela ukuba ukwazi ukususa kuwena inkohlakalo kanye nethonya likaSathane, futhi ikuvumele ukuba ukwazi ukuthola imvume nezibusiso ziNkulunkulu—lena yindlela eyiqiniso. Ingabe akunjalo? Ingabe ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu kusiletheleni? Kusilethele wonke amaqiniso isintu esonakele okufanele sibe nawo ukuze sithole insindiso, kulethe indlela yokuphila yangempela, kusivumele ukuba sibone ukukhanya kwempilo, kusinike insindiso enkulu kunazo zonke, nensindiso yangempela, eyamiselwa kwasekuqaleni nguNkulunkulu ekudalweni komhlaba, futhi kusiguqulile ekubeni ngabantu abebonakaliswe nguSathane, futhi bengabakaSathane, saba ngabantu abangokoqobo abahlanjululwe ngempela nguNkulunkulu futhi asebeneqiniso nobuntu. Yonke lena yimiphumela ezuzwa ngokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, besingeke sikwazi ukuthola iqiniso, inkohlakalo yethu ibizohlala ingasonjululiwe, besingeke sikwazi ukubona ukukhanya kokuphila, futhi besingeke sithole ukwamukelwa nguNkulunkulu. Ngakho-ke, zonke izibusiso esizitholile namuhla zingenxa yokuzwa nokulalela ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu.

…………

Abanye abantu bathi: "Hhayi bo, uma lena kuyiyo indlela yangempela, kungani bembalwa kangaka abantu abajoyinile? Njengoba kuyindlela yangempela, akufanele yini ibe namakholwa amaningi? Akufanele yini sonke isintu sikholwe kuyo?" Abantu abasho izinto ezinjalo abaliqondi iqiniso, bathatha kancane. Inkohlakalo yesintu sonke ifinyelele ezingeni elithile; baya ngokuya beba mbalwa abantu abathanda iqiniso, baya ngokuya futhi befuna izintshisekelo zabo, futhi kungakhathaleki ukuthi bazokwamukela yiphi inkolo, baqala ngokubheka ukuthi izoletha muphi umhlomulo kubo—okusho ukuthi labo abakholwa endleleni yangempela ngokuqinisekile bazoba mbalwa, nalabo abakholwa ezindleleni zamanga, nezindlela ezihlinzeka ngomusa nezinzuzo, ngokuqinisekile bazoba baningi. Emuva kokuzwa incazelo yami, uzokwazi ukubona ingqikithi yendaba. Indlela esikholwa ngayo ayibaphilisi abantu, noma igcwalise izisu zabo ngesinkwa, ibanike umusa, noma-ke ibakhiphe amadimoni. Kodwa uma senezela into eyodwa kule ndlela esikholwa ngayo—ukuthi amakholwa angafi uma ehlelwa yinoma yiziphi izinhlekelele—khona-ke bonke abantu bomhlaba bangakholwa kuyo. Namuhla, lokhu akubandakanyiwe endleleni yethu. UNkulunkulu akazange athi, "Ngiyaqinisekisa ukuthi bonke abakholwa egameni likaNkulunkulu uSomandla abayikufa." Ngakho-ke, uma usakaza ivangeli uyaqaphela. Abantu babuza bathi, "Ingabe angiyikufa yini uma ngikholwa kuNkulunkulu uSomandla?" "Angazi." "Uma engakwazi ukungivimbela ukuba ngife, khona-ke akunamhlomulo ukukholwa Kuye." Abantu baphinde babuze bathi, "Ngizotholani ngokukholwa kuNkulunkulu uSomandla?" "Ungathola iqiniso." "Kuyongisiza ngani ukuthola iqiniso?" "Uyosinda." "Ubani oseke wakubona lokhu? Ubani ongakuqinisekisa? Kusho ukuthini ukuthola iqiniso?" "Angazi." "Ngeke neze ngikholwe." Ngakho-ke, kunzima kakhulu ukufakaza ngoNkulunkulu uSomandla nokusabalalisa ivangeli, ngoba labo abathanda iqiniso bambalwa kakhulu. Lokhu kuyiqiniso. Kodwa emva kokwamukela umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, lapho siqhubeka sikholwa, kulapho sizwa ukuthi iqiniso lingokoqobo kakhulu, futhi kulapho ukholo lwethu luba namandla ngokwengeziwe. Kungani kunjalo? Lona umphumela wokuqonda iqiniso. Ngenkathi umuntu eqonda iqiniso ngokwengeziwe, kulapho ezwa ngokwengeziwe ukuthi liyindlela yangempela, nomsebenzi kaNkulunkulu. Lapho beqonda kakhulu iqiniso, uma beqhubeka bezitshela ukuthi, "O, insindiso kaNkulunkulu yomuntu ngale ndlela ingokoqobo, ukuqonda iqiniso ngempela kungangisindisa, kudale izinguquko esimweni sami, kungenze umuntu wangempela, futhi kungivumele ukuphila impilo yangempela evamile yabantu basemhlabeni—ngakho-ke le ndlela inenjongo." Baba nomuzwa wokuthi ukuthola iqiniso kunenjongo kakhulu, kunokufaneleka, futhi kuyigugu kakhulu kunoma imuphi umhlomulo, noma ukuphulukiswa kwabagulayo, noma ukugcwalisa kwezisu zabantu ngesinkwa. Ngenxa yalokho, labo abakholwe kuNkulunkulu uSomandla iminyaka eminingana banomuzwa wokuthi akukho lutho oluyigugu nganoma yimuphi umusa abawunikiwe, ukuthi ukuthola iqiniso kuphela okuyigugu—futhi kulokhu, sebeyibonile indlela yangempela. Bheka, ingabe kukhona kulabo abakholwa kuNkulunkulu uSomandla ababalekile? Nakuba abanye abantu bengalifuni iqiniso, uma nje belalele intshumayelo iminyaka embalwa, ingabe bangafisa ukubuyela emuva? Akekho kubo ongenza lokho. Futhi kungani bengeke benze njalo? Abakwaziyo ukuthi "Le yindlela yangempela. Inqobo uma ngisebenza kanzima, futhi ngenza umsebenzi wami kahle, lapho-ke makhulu amathuba okuthi ngizophila, ukuthi isiphetho sami ngeke kube ukufa. Ukungafi kuyigugu kakhulu." Namuhla, abantu abazi ukuthi yini edingekayo ukuze bagweme ukufa. Bayothi lapho sebazi, khona-ke wonke umuntu uyoba yikholwa, futhi ukukholwa kwabo kuyoba namandla.

Uma wonke umphakathi wezenkolo ungenayo inzondo futhi ungaphikisani nayo, khona-ke le bekungeke kube indlela yangempela. Khumbula: Indlela yangempela kufanele iphikiswe abantu abaningi, ngisho umhlaba wonke. Ngenkathi iNkosi uJesu ifika okokuqala izosebenza futhi izoshumayela, ingabe amaJuda wonke awazange ayiphikise na? Njalo lapho uNkulunkulu eqala umsebenzi omusha, isintu esonakele siba nobunzima ukuba siwamukele, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uphikisana futhi uphambene nemicabango yabantu; abantu abanalo ikhono lokuqonda, futhi abakwazi ukungena endaweni yokomoya, futhi ukube bekungeve kungenxa yomsebenzi kaMoya oNgcwele, bebengeke bakwazi ukwamukela indlela yangempela. Uma kukholakala ukuthi ngumsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kungaphikiswa umphakathi wezenkolo, futhi kungenakho ukuphikiswa nokuzonda yizwe, khona-ke lokhu kufakazela ukuthi lo msebenzi kaNkulunkulu ungamanga. Kungani isintu singenakukwazi ukwamukela iqiniso? Okokuqala, umuntu ungowenyama, futhi ubunjiwe. Izinto ezingokwenyama azikwazi ukungena endaweni yokomoya. Kusho ukuthini "ukungakwazi ukungena endaweni yokomoya"? Kusho ukungakwazi ukubona imimoya, imisebenzi yemimoya kanye nombuso wokomoya, ukungakwazi ukubona lokho uNkulunkulu akwenzayo nakushoyo. Abantu baba yizimpumputhe endaweni yokomoya. Uma uvala amehlo akho ezweni lenyama, awuboni lutho. Uma uwavula, yini oyibonayo? Izwe lenyama. Uyakwazi ukubona ukuthi yimuphi umoya owenza muphi umsebenzi kubantu? Uyakwazi ukubona ukuthi yini uMoya kaNkulunkulu ozele ukuyenza nokuyisho? Ngeke ukwazi. Ngezinye izikhathi ungase uzwe iphimbo Lakhe, futhi ufunde amazwi kaNkulunkulu elotshwe encwadini, kodwa nalapho awazi ukuthi uNkulunkulu wawakhuluma kanjani noma nini lawa mazwi. Ungalizwa iphimbo Lakhe, kodwa awazi ukuthi livelaphi; ubona amazwi kaNkulunkulu ebhalwe ekhasini, kodwa awazi ukuthi asho ukuthini. Abantu abakwazi ukungena endaweni yokomoya, noma baqonde umthombo wamazwi kaNkulunkulu, ngakho-ke badinga ukukhanyiselwa nokucacisa kukaMoya oNgcwele, nomsebenzi kaMoya oNgcwele, ukuze bafeze imiphumela. Okwesibili, isintu sikhohlakaliswe ngokujulile, futhi ingaphakathi lakhe seligcwaliswe ubuthi obunhlobonhlobo bukaSathane kanjalo nolwazi olunhlobonhlobo; uma ehlola yonke into esebenzisa amafilosofi nemicabango ehlukahlukene enobusathane, lapho-ke akasoze akwazi ukuthola ukuthi iqiniso liyini. Ngaphandle kokukhanyisela nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele, umuntu esikhohlakele ngokwemvelo akunakwenzeka sikwazi ukungena ezweni lokomoya. Usegcwaliswe amafilosofi nolwazi lukaSathane, futhi akakwazi ukuhlonza iqiniso. Futhi ngaleyo ndlela indlela yangempela ngokuqinisekile ingaphansi kokushushiswa nokulahlwa umuntu. Kungani kulula kubantu ukwamukela ulwazi namafilosofi kaSathane? Okokuqala, kuhambisana nemicabango yabo kanye nezintshisekelo zabo zenyama, futhi kunenzuzo enyameni yabo. Bathi phakathi kwabo, "Ukwamukela ulwazi olunjengalokhu kuyangisiza: Kuzongithuthukisa, kuzongenza ngiphumelele, futhi kungivumele ukuba ngifeze izinto. Ngolwazi olunjengalolu bantu bazobukela kimina." Qaphela ukuthi lokho okuzuzisa abantu kuhambisana kanjani nemibono yabo. ... Njengoba sebekhohlakaliswe kangaka, futhi bengakwazi ukungena ezweni lokomoya, abantu into abakwazi ukuyenza ukumelana noNkulunkulu kuphela, ngakho-ke ukufika komsebenzi kaNkulunkulu kuye kuhlangane nokwenqatshwa, ukuphikiswa, nokulahlwa ngumuntu. Ingabe lokhu akufanele ngabe bekulindeleke? Ukube ukufika komsebenzi kaNkulunkulu akuzange kuhlangabezane nokujivazwa nokuphikiswa yizwe nesintu, khona-ke lokhu bekuzofakazela ukuthi akukona iqiniso. Ukube konke okwakhulunywa nguNkulunkulu bekuhambisana nemicabango yabantu, ingabe bebengakulahla? Ingabe bebeyokuphikisa? Ngeke neze.

Yibandla eligcwaliswe ngomsebenzi kaMoya oNgcwele kuphela eliyibandla likaNkulunkulu, futhi yikuphela uma linabantu abafuna iqiniso futhi abalalela umsebenzi kaNkulunkulu lapho lingaba khona yibandla eligcwaliswe ngomsebenzi kaMoya oNgcwele; uNkulunkulu uyawabona amabandla anomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi akawaboni amabandla angenawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Lokhu kufanele kuqondwe ngabakhethiweyo bakaNkulunkulu.

…………

Ibandla loqobo lakhiwa yilabo abakholwa ngempela kuNkulunkulu futhi abathanda iqiniso, futhi liyibandla labo bonke abesaba uNkulunkulu. Khona-ke yilapho kuphela lapho lingabizwa ngokuthi yibandla. ... Ngumbuthano walabo abanqunyelwe ngaphambili nabakhethwe nguNkulunkulu futhi abanomsebenzi kaMoya oNgcwele oyibandla.

Ibandla lakhiwe yilabo abamiselwe ngaphambili ngokweqiniso futhi bakhethwa nguNkulunkulu—lenziwe yilabo abathanda iqiniso, abafuna iqiniso, futhi abanomsebenzi woMoya oNgcwele. Kulapho kuphela lapho laba bantu behlangana ukuze badle futhi baphuze izwi likaNkulunkulu, baphile impilo yebandla, bajabulele umsebenzi kaNkulunkulu, futhi benze umsebenzi wabo njengezidalwa zikaNkulunkulu lapho kungaba khona yibandla. Uma isixuku sithi ngempela siyakholwa kuNkulunkulu, kodwa asithandi noma asifuni iqiniso, futhi singenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi senza imikhosi yezenkolo, sithandaza, futhi sifunda amazwi kaNkulunkulu, leso sixuku asilona ibandla. Ngokuqondile nje, amabandla angenawo umsebenzi woMoya oNgcwele awawona amabandla; ayizindawo zezenkolo kuphela nabantu abenza imikhosi yezenkolo. Akubona abantu abalalela uNkulunkulu ngokweqiniso futhi bahlangabezane nomsebenzi kaNkulunkulu.

…………

Ibandla liwumbuthano wabantu abakholwa kuNkulunkulu ngokwangempela futhi bafune iqiniso, futhi alinabo neze ababi—ababona abasebandleni. Uma iqembu labantu abangazange bafune iqiniso futhi abangenzanga lutho ukusebenzisa iqiniso behlangane ndawonye, ngabe lokhu kungaba yibandla? Kungaba yini? Kungaba yindawo yezenkolo, noma isixuku. Ibandla kufanele lakhiwe ngabantu abakholwa kuNkulunkulu ngokwangempela futhi bafune iqiniso, abadla futhi baphuze amazwi kaNkulunkulu, futhi bakhonze uNkulunkulu, benze umsebenzi wabo, bathole umsebenzi kaNkulunkulu futhi bezwe umsebenzi woMoya oNgcwele. Yileli kuphela ibandla. Ngakho-ke, uma uhlaziya ibandla, kufanele uqale ubheke uhlobo lwabantu olukhona. Okwesibili, kufanele ubheke ukuthi ingabe banawo noma cha umsebenzi woMoya oNgcwele; uma ukuhlangana kwabo kungenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, akulona ibandla, futhi uma kungekhona ukubuthana kwalabo abafuna iqiniso, khona-ke akulona ibandla. Uma ibandla lingenamuntu ofuna iqiniso ngokwangempela, futhi lingenawo nhlobo umsebenzi woMoya oNgcwele, khona-ke uma kukhona kulo umuntu ozimisele ukufuna iqiniso, futhi aqhubeke ahlale ebandleni elinjalo, lowo muntu angasindiswa? Ngeke akwazi, futhi kufanele basishiye leso sixuku bese efuna ibandla ngokushesha okunokwenzeka. Uma, ngaphakathi ebandleni, kunabantu abathathu noma abahlanu abafuna iqiniso, nabantu abangama-30 noma abangama-50 abayisixuku nje, khona-ke labo bantu abathathu noma abahlanu abakholwa ngokweqiniso kuNkulunkulu futhi abafuna iqiniso kufanele bahlangane; uma behlangana ndawonye ukuhlangana kwabo kusengabizwa ngebandla, ibandla elinamalungu ambalwa, kodwa elihlanzekile.

Abantu abaningi bakholwa kuNkulunkulu kodwa bakhonza izindlu zenkonzo futhi bethemba ngokusabumpumputhe abefundisi—ngenxa yalokho, emva kokukholwa kuNkulunkulu iminyaka eminingi, nokho bengakaqondi iqiniso noma bangene eqinisweni, basathole nje inkolo kuphela nezimfundiso nemikhosi yezenkolo kanye nemikhuba yakhona, futhi abakamazi ngempela uNkulunkulu. Ngenxa yalokho, akukho noluncane uguquko esimweni sempilo yabo. Akumangalisi-ke, nokho, ukuthi labo baholi benkolo nabefundisi bachitha impilo yabo yonke bekholwa kuNkulunkulu futhi beshumayela, kodwa akekho noyedwa wabo owazi uNkulunkulu ngempela, noma onenhliziyo eyesaba uNkulunkulu; bahlala benjengabaFarisi basezikhathini zokuqala, benza konke okusemandleni abo ukuphikisa uKristu, baphikisa indlela yangempela, futhi bethumba futhi belawula abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe ngenxa yezikhundla nokuphila kwabo emphakathini. Isizathu sokuthi bafune ukubonakala njengabawuthandayo nabawazisayo umhlambi kaNkulunkulu ukuba bavikele impilo yabo siqu, njengendlela abathengisi abaphatha ngayo amakhasimende abo njengezithixo ukuze benze imali bacebe. Yonke into eyenziwa ngumphakathi wenkolo yisibonakaliso sokuphikisana kwawo noNkulunkulu; konke kuyimicimbi nje nezinqubo zezenkolo, futhi akunalo nelincane iqiniso, angisaphathi ke eyomsebenzi woMoya oNgcwele. Ngokusobala, umphakathi wezenkolo awukhonzi uNkulunkulu wangempela, kodwa uNkulunkulu ongacacile nabazakhele yena ezingqondweni zabo. Bashumayela izimfundiso zezenkolo, nolwazi nje lweBhayibheli, olungenakho neze ukukhanyiseleka nokukhanyisa koMoya oNgcwele. Ngakho-ke, umphakathi wezenkolo ungumphakathi ongenakwazi ukuletha abantu phambi kukaNkulunkulu, awukwazi ukubaholela endleleni efanele yokukholwa kuNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, awukwazi ukuthatha abantu ubafake eqinisweni, noma ubasize ukuba basindiswe. Lokhu kungenxa yokuthi abaholi bawo kanye nabefundisi abakapheleliswa futhi bakhiwe nguMoya oNgcwele ngenkathi bebona umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa esikhundleni salokho baba ngabaholi nabefundisi emphakathini wezenkolo ngemva kokuphothula izifundo zabo ezikoleni bathola iziqu zemfundo. Abanawo umsebenzi nokuqinisekiswa koMoya oNgcwele, abanalo noluncane ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu, futhi imilomo yabo ayikwazi ukukhuluma lutho ngaphandle kolwazi lwezenkolo nemfundiso. Empeleni abakahlangabezani nalutho. Abantu abanjalo abafanelekile neze ukusetshenziswa uNkulunkulu; bangamholela kanjani umuntu phambi kukaNkulunkulu? Baphakamisa ngokuzikhukhumeza ukufunda kwabo njengobufakazi bokufaneleka kwabo, benza konke okusemandleni ukugabisa ngolwazi lwabo lweBhayibheli, banokuzikhukhumeza okungabekezeleleki—futhi ngenxa yalokhu, bayalahlwa nguNkulunkulu, bayenyanywa nguNkulunkulu, futhi balahlekelwe umsebenzi woMoya oNgcwele. Kulokhu akukho kungabaza. Ukuthi kungani umphakathi wezenkolo sewuphenduke isitha sikaKristu esiyingozi ngumbuzo olukhuni kakhulu. Yini ebonisa ukuthi, ngeNkathi Yomusa, inkolo yobuJuda yambethela esiphambanweni uJesu Kristu? NgeNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina, umphakathi wenkolo ubumbene futhi wanikela wonke amandla wawo ekuphikiseni nasekwahluleleni umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina, uyaphika futhi uyamlahla uKristu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, uqambele amahemuhemu anhlobonhlobo, futhi wahlasela, wahlekisa futhi wahlambalaza uNkulunkulu ozelwe enyameni kanye nebandla likaNkulunkulu, futhi kade wabethela uJesu obuyile, uKristu wezinsuku zokugcina, esiphambanweni. Lokhu kufakazela ukuthi umphakathi wezenkolo kade waguquka waba ngamabutho kaSathane aphikisa navukela uNkulunkulu. Umphakathi wezenkolo awulawulwa nguNkulunkulu, angisayiphathi eyokubuswa yiqiniso; ulawulwa ngokuphelele ngabantu abakhohlakele, futhi ngaphezu kwalokho, ngomphikukristu.

Lapho abantu bekholwa kuNkulunkulu endaweni yezenkolo enjengale—engekaSathane futhi ebuswa iphinde ilawulwe amadimoni nomphikukristu—bayokwazi kuphela ukuqonda izimfundiso zenkolo, bangakwazi kuphela ukulandela imikhosi yezenkolo kanye nezimiso zakhona, futhi abasoze baliqonda iqiniso, abasoze bezwa umsebenzi kaNkulunkulu, futhi abakwazi ngokuphelele ukusindiswa. Lokhu kuyisiqiniseko. Ngoba akukho lutho olungumsebenzi woMoya oNgcwele ezindaweni zezenkolo, futhi ziyizindawo ezimenyanyisayo uNkulunkulu, ezizondwayo nguNkulunkulu, futhi zilahlwe zaqalekiswa Nguye. UNkulunkulu akakaze akhombise ukuyazisa inkolo, engakaze futhi ayituse, futhi kusukela esikhathini sikaJesu umphakathi wenkolo walahlwa nguNkulunkulu. Ngakho-ke, uma ukholwa kuNkulunkulu kufanele uthole izindawo eziqukethe uMoya oNgcwele; yilawo kuphela amabandla eqiniso, futhi yisemabandleni eqiniso kuphela lapho uzokwazi ukuzwa iphimbo likaNkulunkulu, futhi uthole izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Leyo yindlela uNkulunkulu afunwa ngayo.

Awekho amazwana:

Thumela amazwana