Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/09

1.Ukuhlwithwa kufanele kusekelwe emazwini kaNkulunkulu futhi hhayi emicabangweni nasebucikweni bomuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,Iqiniso,ivangeli

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso Wakho mawufike, intando Yakho yenziwe emhlabeni njengasezulwini” (Mathewu 6:9-10).

“And I Johane saw the holy city, new Jerusalem, coming down from God out of heaven…Bheka, ithabanekeli likaNkulunkulu likubantu, futhi uyakuhlala nabo, futhi bona babe abantu bakhe, futhi uNkulunkulu ngokwakhe uzokuba nabo, futhi abe nguNkulunkulu wabo” (IsAmbulo 21:2-3).

“Imibuso yalo mhlaba izoba imibuso yeNkosi yethu, noKristu wayo futhi uzobusa kuze kube ngunaphakade” (IsAmbulo 11:15).

“Futhi akukho muntu owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, ngisho neNdodana yomuntu esezulwini” (UJohane 3:13).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukungena kwabantu ekuphumuleni kusho ukuthi bonke abantu bayophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu nangaphansi kwesibusiso Sakhe; iyobe ingasekho inkohlakalo kaSathane, ziyobe zingasenzeki nezinto ezingalungile. Abantu bayophila ngendlela evamile emhlabeni, futhi bayophila benakekelwa uNkulunkulu. Lapho uNkulunkulu nabantu bengena ndawonye ekuphumuleni, lokho kuyosho ukuthi abantu basindisiwe nokuthi uSathane usebhujisiwe, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu usuphele ngokuphelele. UNkulunkulu ngeke esaqhubeka esebenza phakathi kwabantu, futhi umuntu ngeke esaphila ngaphansi kokubuswa uSathane. Ngakho, uNkulunkulu ngeke esaba matasatasa, nabantu ngeke besaphithizela; uNkulunkulu nabantu bayongena kanye-kanye ekuphumuleni. UNkulunkulu uyobuyela esikhundleni Sakhe sasekuqaleni, nomuntu ngamunye uyobuyela endaweni yakhe. Lezi izindawo uNkulunkulu nomuntu abayohlala kuzo ngemva kokuphela kokuqondisa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu unendawo Yakhe aya kuyo, nomuntu naye uneyakhe. Ngesikhathi esaphumule, uNkulunkulu uyoqhubeka eqondisa ukuphila kwabantu emhlabeni. Ngesikhathi esesekukhanyeni kukaNkulunkulu, umuntu uyokhonza uNkulunkulu oyedwa weqiniso osezulwini. … Lapho umuntu engena ekuphumuleni, lokho kusho ukuthi umuntu usuke esephenduke indalo yangempela; umuntu uyokhonza uNkulunkulu emhlabeni futhi aphile ukuphila kwabantu okuvamile. Ngeke kusenzeka ukuthi abantu bangamlaleli uNkulunkulu noma benqabe uNkulunkulu; bayophila ngendlela okwakuphila ngayo u-Adamu no-Eva. Lokhu ukuphila okwehlukene nezindawo zikaNkulunkulu nabantu ngemva kokungena kwabo ekuphumuleni. Ukunqotshwa kukaSathane yinto engeke igwemeke empini ephakathi kukaSathane noNkulunkulu. Ngale ndlela, ukungena kukaNkulunkulu ekuphumuleni ngemva kokuphela kokuqondisa umsebenzi Wakhe, nokuqeda ukusindisa abantu futhi bangene ekuphumuleni nakho kuyinto engeke igwemeke. Indawo yokuphumula komuntu isemhlabeni, nendawo kaNkulunkulu yokuphumula isezulwini. Ngesikhathi umuntu ephumule, uzokhonza uNkulunkulu futhi aphile emhlabeni, uNkulunkulu uyohola ingxenye esele yabantu. … Ngemva kokuba uNkulunkulu nomuntu bengene ekuphumuleni, uSathane ngeke esaba khona, futhi njengoSathane, nabantu abakhohlakele ngeke besaba khona. Ngaphambi kokuba uNkulunkulu nomuntu bangene ekuphumuleni, izikhohlakali ezake zashushisa uNkulunkulu emhlabeni nezitha Zakhe ezingamlalelanga emhlabeni ziyobe sezibhujisiwe; ziyobe sezibhujiswe yizinhlekelele ezinkulu zezinsuku zokugcina. Ngemva kokubhujiswa ngokuphelele kwalezo zikhohlakali, umhlaba ngeke uphinde uhlushwe uSathane. Abantu bayosindiswa ngokuphelele, futhi umsebenzi kaNkulunkulu uyophela lapho ngokuphelele. Yilokhu okudingwa uNkulunkulu nabantu ukuze bangene ekuphumuleni.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wadala abantu futhi wababeka emhlabeni, laba aye wabahola kwaze kwaba manje. Wabe esesindisa abantu waba njengomnikelo wesono kubantu. Ekugcineni, kusafanele anqobe isintu, alondoloze sonke isintu futhi asibuyisele esimweni saso sasekuqaleni. Lona umsebenzi uNkulunkulu abelokhu ewenza kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—wokumbuyisela esimweni sakhe ayeyiso ekuqaleni. Uyomisa umbuso Wakhe futhi abuyise izinto ezifana nesimo sasekuqaleni somuntu, okusho ukuthi uyovuselela igunya emhlabeni nakuyo yonke indalo. … Lapho abantu bebuyiselwa esimweni ababeyiso kuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Ngaphezu kwalokho, abantu bayongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana