Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/10

2. Yini ukuhlwithwa kwangempela?

UNkulunkulu uSomandla,Yini insindiso?


Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza” (Mathewu 25:6).

“Bheka, Ngime emnyango, futhi ngiyangqongqoza; uma kukhona umuntu ozwa izwi lami, avule umnyango, ngizongena ngize kuye, futhi ngizodla naye, naye adle nami” (IsAm 3:20).

“Bhala ukuthi, Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu” (IsAmbulo 19:9).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Njengamakhulu ezigidi zabanye abalandeli beNkosi uJesu Kristu, siyayemukela imithetho nemiyalo yeBhayibheli, sijabulela inala yomusa weNkosi uJesu Kristu, bese sihlangana ndawonye, sithandaze, sidumise, futhi sikhonze egameni leNkosi uJesu Kristu—konke lokhu sikwenza ngaphansi kokunakekela nesivikelo seNkosi. Kaningi siba buthaka, futhi kaningi siba namandla. Sikholelwa ukuthi zonke izenzo zethu zivumelana nezimfundiso zeNkosi. Ngakho akuthandabuzwa ukuthi sikholelwa nawukuthi singahamba endleleni yokulalela intando kaBaba osezulwini. Silangazelela ukubuya kweNkosi uJesu, ukufika ngenkazimulo kweNkosi uJesu, ukuphela kokuphila kwethu emhlabeni, ukubonakala kombuso, kanye nazo zonke izinto ezibikezelwe eNcwadini yesAmbulo: INkosi iyafika, ilethe inhlekelele, futhi inike abalungile umklomelo nokuthi yahlulele ababi, futhi ithathe bonke abayemukelayo bese yamukele nokubuya kwabo emoyeni ukuze bahlangane Nayo. Ngaso sonke isikhathi lapho sicabanga ngalokhu, asikwazi ukunganqotshwa imizwa. Siyabonga ngokuthi sazalwa ezinsukwini zokugcina futhi sinenhlanhla enkulu ngokubona ukuza kweNkosi. Nakuba siye sashushiswa, kungenxa “yokuyisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo yaphakade”; yeka isibusiso lokho okuyiso! Konke lokhu kulangazelela nomusa esiwunikwe iNkosi kusenza sihlale sifuna ukukhuleka, futhi kusisondeza kaningi ndawonye. Mhlawumbe ngonyaka ozayo, mhlawumbe kusasa, noma mhlawumbe maduze lapho umuntu engakulindele, iNkosi iyofika kungazelelwe, futhi iyobonakala eqenjini labantu ebelilokhu liyilindile. Sonke siyaphikisana, futhi akekho ofuna ukusala ngemuva, ukuze sibe iqembu lokuqala labantu ababona ukubonakala kweNkosi, ukuze sibe ngabanye balabo abazohlwithwa. …

…………

UNkulunkulu uthule, akakaze avele kithi, kodwa umsebenzi Wakhe awukaze ume. Uhlola wonke amazwe, futhi uyala zonke izinto, kanti ubambelela kuwo wonke amazwi nezenzo zomuntu. Ukuqondisa Kwakhe kuhambisana nezigaba futhi kuvumelana necebo Lakhe. Uqhubeka ngokuthula, ngaphandle komsindo, futhi kade imikhondo Yakhe yadlulela kumuntu, isihlalo Sakhe sokwahlulela sisendaweni yonke sihamba ngesivinini sombani, kulandelwa ngokushesha ukwehlela kwesihlalo sobukhosi Sakhe kithi. Yeka indlela leso simo esikhulu ngayo, yeka ingqopha-mlando. Njengejuba, nanjengebhubesi elibhongayo, uMoya uyafika phakathi kwethu. Uhlakaniphile, ulungile futhi unamandla amakhulu, ufika ngokuthula phakathi kwethu, abe negunya futhi aphuphume uthando nobubele. Akekho okubonayo ukuza kwakhe, akekho okwemukelayo, futhi akekho owazi konke azokwenza. Ukuphila komuntu akushintshi; inhliziyo yakhe ayinamehluko, futhi unezinsuku ezijwayelekile. UNkulunkulu phakathi kwethu uphila njengomuntu ojwayelekile, njengomlandeli omangalisayo noma obaluleke kakhulu nekholwa elijwayelekile. Unezinto Zakhe azifunayo, imigomo Yakhe, futhi ngaphezu kwalokho, unobunkulunkulu okungekho muntu ojwayelekile anabo. Akekho oye waphawula ubunkulunkulu Bakhe, futhi akekho ofune umehluko phakathi kwesiqu Sakhe nesomuntu. …

…………

Kodwa futhi ngumuntu ojwayelekile ocashe phakathi kwabantu owenza umsebenzi omusha wokusisindisa. Akasicaciseli lutho, akasitsheli nokuthi yini ayizele. Umane wenza umsebenzi ahlose ukuwenza ezigabeni Zakhe, futhi ngokuvumelana necebo Lakhe. Amazwi nezinto Zakhe kuyejwayeleka. Kusukela ekududuzeni, ekuzikhandleni, ekukhumbuzeni, kanye nokwexwayisa, kuya ekusoleni nasekusiyaleni; kusukela ephimbweni elinomusa kuye emazwini anolaka nanamandla amakhulu—onke anobubele nokukhathazeka kumuntu. Konke akushoyo kuhlaba esikhonkosini ngezimfihlo ezithukuswe kithi, amazwi Akhe ahlaba izinhliziyo zethu, ahlaba umoya wethu, asishiye sishaywa amahloni futhi sihlazekile. …

Engaziwa kithi, lo muntu ongabalulekile usiholele ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu. Sidlula ezilingweni ezingenakubalwa, ekusolweni okungabaleki, futhi savivinywa ukufa. Sifunda ngokulunga namandla amakhulu esimo sikaNkulunkulu, futhi uthando Lwakhe nobubele, kuyawazisa amandla amakhulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, kuyalubona uthando lukaNkulunkulu, nesifiso esijulile sikaNkulunkulu sokusindisa umuntu. Emazwini alo muntu ojwayelekile, siye sazi isimo nesiqu sikaNkulunkulu, saqonda intando kaNkulunkulu, sazi isiqu nokwakheka komuntu, sabona nendlela yokusindiswa nokupheleliswa. Amazwi Akhe asenza sife, futhi asenza siphinde sizalwe; amazwi Akhe asilethela induduzo, aphinde asishiye sinecala, futhi sinomqondo wokwazisa; amazwi Akhe asilethela injabulo nokuthula, kodwa futhi nobuhlungu obukhulu. Ngezinye izikhathi sifana nezimvu ezihlatshwayo ezandleni Zakhe; kwezinye sifane nama-apula emehlweni Akhe, futhi sijabulele uthando; ngezinye izikhathi sifana nezitha Zakhe, siyiswa emlotheni ngethukuthelo Yakhe esemehlweni Akhe. Siyisintu esisindiswe Nguye, siyizimpethu emehlweni Akhe, futhi siyizimvu ezilahlekile azifuna ubusuku nemini. Unomusa kithi, uyasikhathalela, uyasiphakamisa, uyasiduduza futhi asigqugquzele, uyasiqondisa, uyasikhanyisela, uyasisola futhi asiyale, aze ngisho asiqalekise. Ukhathazeka ngathi ubusuku nemini, uyasivikela ubusuku nemini, akalokothi asishiye, usinakekela ngazo zonke izindlela akhokhe noma yiliphi inani. Phakathi kwamazwi ale nyama engatheni najwayelekile, siye sajabulela ukuphelela kukaNkulunkulu, futhi sabona ikusasa uNkulunkulu asibekele lona.

Izwi likaNkulunkulu liyaqhubeka, futhi usebenzisa izindlela eziningi ukuze asitshele okufanele sikwenze futhi embule izwi lenhliziyo Yakhe. Amazwi Akhe anamandla okuphila, asibonisa indlela okufanele sihambe ngayo, futhi asenza siqonde iqiniso. Siqala ukusondelana namazwi Akhe, siqala ukugxila endleleni akhuluma ngayo, bese siqala ukuthanda izwi lenhliziyo Yakhe ngalo muntu omangalisayo. Uzikhandla ngokukhulu ukucophelela ngenxa yethu, aqwashe futhi angafuni ukudla ngenxa yethu, akhale ngenxa yethu, alile ngenxa yethu, agule ngenxa yethu, ahlazwe ngenxa yekusasa nensindiso yethu, futhi inhliziyo Yakhe iyopha ikhale izinyembezi ngenxa yokuba ndikindiki kwethu nokuhlubuka. Ubuntu obunjalo nezinto Zakhe kungaphezu komuntu ojwayelekile, akekho umuntu okhohlakele ongaba nakho. Unokubekezela okungekho muntu omunye onakho, futhi asikho isidalwa esinothando analo. Akekho omunye ngaphandle Kwakhe ongazi imicabango yethu, noma aqonde indawo nesiqu sayo ngaleyo ndlela, noma ahlulele ukuhlubuka nokukhohlakala kwesintu, noma ekhuluma nathi futhi esebenze phakathi kwethu ngenxa kaNkulunkulu wamazulu. Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba negunya, ukuhlakanipha, nesithunzi sikaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho ukuqhakambisa ngokuphelele. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasibonisa indlela nokukhanya. Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze azambule kusukela ekudalweni kuze kube manje. Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekugqilazweni uSathane nasesimweni sethu esikhohlakele. Umelela uNkulunkulu, embule izwi lenhliziyo kaNkulunkulu, nezikhuthazo zikaNkulunkulu, namazwi esahlulelo sikaNkulunkulu kuso sonke isintu. Uqale inkathi entsha, waletha amazulu amasha nomhlaba omusha, umsebenzi omusha, wasilethela ithemba, waqeda ukuphila esididekile kukho, wasivumela ukuba siyibambe ngokugcwele indlela eya ensindisweni. Usinqobile, wazuza nezinhliziyo zethu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, izingqondo zethu ziqaphile, futhi umoya wethu uvuselelwe: Lo muntu ojwayelekile, ongabalulekile, ophila phakathi kwethu futhi ebesilokhu simphika—akayona yini iNkosi uJesu, ehlale isemicabangweni yethu, esiyilangazelela ubusuku nemini? Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu! Uyindlela, neqiniso nokuphila! Usivumele ukuba siphinde siphile, sibone ukukhanya, futhi wenze izinhliziyo zethu zangadideka. Sesibuyile ekhaya likaNkulunkulu, sibuyile esihlalweni Sakhe sobukhosi, sesiNaye, sizibonile izimbangi Zakhe, salubona nohambo olusihlalele. Ngaleso sikhathi izinhliziyo zethu wayesezinqobe ngokugcwele, asisangabazi ukuthi Nguye, futhi asisamelani nomsebenzi kanye nezwi Lakhe, siguqa ngokuphelele phambi Kwakhe. Asifisi lutho ngaphandle kokuhamba emikhondweni kaNkulunkulu ukuphila kwethu konke, nokupheleliswa Nguye, nokuphinde simkhokhele ngomusa Wakhe, nothando analo ngathi, nokulalela ukuqondisa namalungiselelo Akhe, nokubambisana nomsebenzi Wakhe, nokwenza konke okusemandleni ukuze sifeze asiphathise khona.

…………

Simane siliqembu elijwayelekile labantu abanesimo esikhohlakele sobusathane, siyilabo uNkulunkulu abanqumela kusengaphambili ngaphambi kwezinkathi, futhi singabampofu uNkulunkulu abatakule odakeni. UNkulunkulu wake wasenqaba futhi wasilahla, kodwa manje usesinqobile. Samukele ukuphila nendlela eya ekuphileni okuphakade evela kuNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi sikuphi emhlabeni, naphezu kokushushiswa nosizi, asikwazi ukuhlukana nensindiso kaNkulunkulu uSomandla. Ngoba unguMdali wethu, nomhlengi wethu!


kwesithi “Ukubona Ukubonakala KukaNkulunkulu Ekwahluleleni Nasekusoleni Kwakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okutuswayo: Yini insindiso?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana