Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/08

2. Kungani umhlaba wezenkolo umphikile uKrestu, futhi wamlahla ngaleyo ndlela wazithela ngeziqalekiso zikaNkulunkulu?

Ukulunga,Isiphambano

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Yizwani omunye umfanekiso: Kwakunomninindlu othile, owatshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba khona isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude: Futhi lapho isikhathi sezithelo sesisondela, wathuma izinceku zakhe kubalimi, ukuba zithathe izithelo zaso. Futhi abalimi bazibamba izinceku zakhe, futhi bashaya enye, kanti enye bayibulala, futhienye bayikhanda ngamatshe. Waphinda, wathumela ezinye izinceku eziningi kunezokuqala: futhi benza okufanayo nakuzo. Kodwa ekugcineni wathumela indodana yakhe, ethi, Bayakuyihlonipha indodana yami. Kodwa lapho abalimi bebona indodana, bakhuluma bodwa bethi, Lo uyindlalifa; wozani siyibulale, futhi sidle ifa layo. Base beyibamba,futhi bayiphonsa ngaphandle kwesivini, futhi bayibulala” (UMathewu 21:33-39).

“Khona-ke abapristi abakhulu nabaFarisi base behlanganisa umkhandlu, base bethi, Sizokwenza njani na? ngoba lo muntu wenza izimangaliso eziningi. Uma simyeka njalo, abantu bazokholwa nguye bonke: futhi amaRoma azofika asamuke indawo nesizwe. … Khona-ke kusukela ngalolo suku baceba ukuba bambulale” (UJohane 11:47-48, 53).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Kwaze kwamangalisa! Kungani ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu njalo kuchithwa futhi kwethukwe abantu? Kungani abantu bangake babe noma yikuphi ukuqonda ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu? Ingabe kuwukuthi uNkulunkulu uze ngesikhathi esingafanele? Ingabe kuwukuthi uNkulunkulu uze endaweni engafanele? Ingabe kuwukuthi lokhu kwenzeka ngenxa yokuthi uNkulunkulu uzenzele eyedwa, ngaphandle “kokusayina” komuntu? Ingabe kungenxa yokuthi uNkulunkulu wenze lokho akucabangayo ngaphandle kwemvume yomuntu? … Abantu babedla okwakuvela emlonyeni Wakhe, babephuza igazi Lakhe, babejabulela izibusiso abanika zona, kodwa futhi bamelana Naye, ngoba babengazi ukuthi ukuphila babekunikwe ubani kwabo. Ekugcineni, bambethela esiphambanweni, kodwa noma kunjalo akenzanga msindo. Ngisho nanamuhla, usathule. Abantu badla inyama Yakhe, badla ukudla abenzela khona, bahamba endleleni abavulele yona, baphuza igazi Lakhe, futhi basafuna ukumphika, empeleni babheka uNkulunkulu obadalile njengesitha sabo, esikhundleni salakho baphatha labo abayizigqila kanye nabo njengoYise osezulwini. … umuntu akazi ukuthi ukukhanya nokuphila kwakhe kuvelaphi, akwenzayo nje ukusungula icebo ngesinyelela lokuphinde abethele uJesu esiphambanweni njengaseminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, ozwiswe abantu ubuhlungu. Ingabe ngempela uJesu ukhuthaza inzondo enjalo? Ingabe konke akwenza kade kwakhohlwa? Inzondo yaseminyakeni eyizinkulungwane edlule iyogcina iqubukile. Niwuhlobo lwamaJuda! Wake wanizonda nini uJesu, njengoba nimzonda kangaka? Unenzele okuningi, wakhuluma okuningi—akukho yini okunizuzisayo? Unikele ngokuphila Kwakhe kini ngaphandle kokufuna ukubuyiselwa ngokuthile, uninike uqobo Lwakhe—ingabe nisafuna ukumbona ephila? … “AmaJuda” awasabonwa nangokhalo, futhi namuhla asenza umsebenzi ofanayo, asenza umsebenzi ofanayo wokumelana noNkulunkulu, kodwa bacabanga ukuthi baphakamisa uNkulunkulu. Amehlo omuntu angambona kanjani uNkulunkulu? Umuntu ophila enyameni, uNkulunkulu osamuntu ovela eMoyeni angamphatha kanjani njengoNkulunkulu? Ubani phakathi kwabantu ongamazi? Likuphi iqiniso phakathi kwabantu? Kukuphi ukulunga kweqiniso? Ubani ongaqonda isimo sikaNkulunkulu? Ubani ongancintisana noNkulunkulu osezulwini? Yingakho lapho eza phakathi komuntu, engekho oke wamazi uNkulunkulu, futhi bemenqabile. Umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Angakuvumela kanjani ukukhanya kumuse ebumnyameni bezwe? Ingabe konke lokhu akukhona ukuzinikela ngenhlonipho komuntu? Ingabe lona akuwona umnyango oqondile womuntu?

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (10)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho wena, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu uma ebuyela enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka?

kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangoSathane abadla umphefumulo womuntu, amadimoni aphazamisa ngenhloso labo abazama ukungena endleleni efanele, nezikhubekiso ezikhinyabeza indlela yalabo abafuna uNkulunkulu. Nakuba “bephile qingqo,” abalandeli babo bangazi kanjani ukuthi bangabaphikuKristu abaholela abantu ekuphikisaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla?

kwesithi “Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lezinambuzane odakeni ukuze amakhanda azo asangane bese esusa uthuthuva.[1] Akholelwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, awaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuncika kubazali bawo abayizingulube nezinja. Izimpukane ezincane zicabanga ukuthi abazali bazo bakhulu njengomkhoma onamazinyo.[8] Aziboni yini ukuthi zincane, kodwa abazali bazo bayizingulube nezinja ezingcole izikhathi eziyizigidigi ukwedlula zona? zingakuboni ukuba phansi kwazo, ziyatshakadula nephunga lalezo zingulube nezinja futhi ziyazikhohlisa ngekusasa lezizukulwane ezizayo. Lokho kushayisa amahloni! Anezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kukhulunywa ngokusho kwawo ukuthi akholelwa kuNkulunkulu), aqala ukukhohliseka futhi ahambe ezishaya isifuba ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kumuntu. Ayizigelekeqe, njengokungathi amaphiko amabili othingo lwenkosazane amibalabala anokungcola, ngakho ahlasela ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kukhulunywa ngesimo sangaphakathi sezinkolo zomhlaba). Kuncane umuntu akwaziyo ngalokho, nakuba amaphiko empukane emahle, awahluke ndawo namaphiko empukane encane egcwele ukungcola namagciwane. Emandleni ezingulube nezinja zabo zabazali, avuka umbhejane ngaphesheya kwezwe (lana kukhulunywa ngezikhulu zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe zikhaphele uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngamanga axakile. Kunjengokungathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kuNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sawo sakudala. Aphinde aqala umsebenzi wawo wokushushisa, aqhubeka nomsebenzi wawo wezinkulungwane zeminyaka. Leli qembu elibolile nakanjani lizogcina libhujisiwe emhlabeni! Kubonakala sengathi ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile isingabakhohlisi namaqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokuwudicilela phansi ngobukhoshosho umsebenzi kaNkulunkulu. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule ibilokhu ifuna ukuphamba nokukhohlisa abantu ezweni. Lokhu kwacishe kwamthukuthelisa kakhulu uNkulunkulu waletha isililo, kunzima ukuthi azithibe ekubuyeni ezulwini lesithathu ukuze abaqothule.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

7. “Ukususa uthuthuva” kubhekise endleleni abantu abanamademoni abasusa ngayo isiphithiphithi, bavimbele futhi bamelane nomsebenzi kaNkulunkulu.

8. “Umkhoma onamazinyo” kusetshenziselwa ukuhlekisa. Kungumfanekiso wendlela izimpukane ezincane ngayo ngangokuba izingulube nezinja zibonakala zizinkulu njengemikhoma kuzo.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana