Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/23

3. Yini sonke isigaba esisha somsebenzi kaNkulunkulu sibhekana nokudelelwa ngamandla kanye nokulahlwa yizwe lezenkolo? Yini imbangela eyisisusa salokhu?

uJesu,ivangeli,Amazwi,Unyazi LwaseMpumalanga

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Futhi waqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso ethi. Umuntu othile watshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude. Futhi ngenkathi efanele wayesethuma inceku kubalimi, ukuba ithathe kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, futhi bayishaya, base beyimukisa ze. Waphinda futhi wathumela kubo enye inceku; futhi yona bayikhanda ngamatshe, futhi bayilimaza ekhanda, futhi bayithuka bayixosha beyiphathe ngokuyihlazo. Waphinda futhi wathumela enye; futhi yona bayibulala, nezinye eziningi; ezinye bazishaya, futhi ezinye bazibulala. Khona-ke kwase kusele indodana eyodwa, indodana yakhe ethandekayo, nayo wayithumela kubo ekugcineni, ethi, Bayakuyihlonipha indodana yami. Kodwa labo balimi bakhuluma bodwa bathi, Lo uyindlalifa; wozani, siyibulale, futhi ifa libe ngelethu. Base beyibamba, futhi bayibulala, futhi bayiphonsa ngaphandle kwesivini. Khona-ke uzokwenzani umninisivini na? uzokuza futhi abhubhise abalimi, bese esinika abanye isivini” (UMarku 12:1-9).

“Khona-ke abapristi abakhulu nabaFarisi base behlanganisa umkhandlu, base bethi, Sizokwenza njani na? ngoba lo muntu wenza izimangaliso eziningi. Uma simyeka njalo, abantu bazokholwa nguye bonke: futhi amaRoma azofika asamuke indawo nesizwe. … Khona-ke kusukela ngalolo suku baceba ukuba bambulale” (UJohane 11:47-48, 53).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokuthuthuka, futhi nakuba inhloso yomsebenzi Wakhe ingaguquki, izindlela asebenza ngazo ziyaguquguquka njalo, kanjalo nangalabo abalandela uNkulunkulu. Ubuningi bomsebenzi kaNkulunkulu, busho ukuthi abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, nesimo somuntu siguquka ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe. Kodwa-ke, kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyaguquka yingakho labo abangawazi umsebenzi woMoya oNgcwele nalabo abangenangqondo abangalazi iqiniso babe abaphikisi bakaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu awukaze ulandele imicabango yabantu, ngoba umsebenzi Wakhe uhlale umusha awubi mdala. Akakaze nanini aphinde umsebenzi omdala kodwa kunalokho uqhubekela phambili nomsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini. Njengoba uNkulunkulu engawuphindi umsebenzi Wakhe nabantu belokhu behlulela umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ngomsebenzi Wakhe wesikhathi esidlule, kunzima kakhulu ukuba uNkulunkulu aqhube isigaba ngasinye somsebenzi wenkathi entsha. Umuntu uletha izihibe eziningi kakhulu! Ukucabanga komuntu kuncane impela! Akekho umuntu owazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa bonke bayawuchaza lo msebenzi. Uma ekude noNkulunkulu, umuntu ulahlekelwa ukuphila, iqiniso, kanye nezibusiso zikaNkulunkulu, kodwa umuntu akamukeli ukuphila noma iqiniso, kanjalo nezibusiso ezinkulu uNkulunkulu azibeke phezu komuntu. Bonke abantu bafisa ukuzuza uNkulunkulu kodwa abakwazi ukubekezelela ushintsho emsebenzini kaNkulunkulu. Labo abangawamukeli umsebenzi omusha kaNkulunkulu bakholelwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awuguquki, nokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ume nse. Ekukholelweni kwabo, konke okudingekayo ukuze uzuze ukusindiswa kwangunaphakade kuNkulunkulu ukuthi ugcine umthetho, nokuthi inqobo nje uma bephenduka bevuma izono zabo, inhliziyo kaNkulunkulu izokwaneliseka ingunaphakade. Bacabanga ukuthi uNkulunkulu angaba uNkulunkulu kuphela ngaphansi komthetho nokuthi uNkulunkulu owabethelwa esiphambanweni ngenxa yabantu; baphinde bacabange ukuthi uNkulunkulu akumele futhi angeke abe ngaphezu kweBhayibheli. Yiyo kanye le mibono ebabophele yabaqinisa emthethweni wakudala yabagcina beboshelelwe emithethweni enzima. Ngisho nabaningi bakholelwa ukuthi noma yimuphi umsebenzi omusha kaNkulunkulu, kumelwe usekelwe iziphrofetho, nokuthi esigabeni ngasinye somsebenzi onjalo, bonke labo abamlandela ngenhliziyo eqinisekile kumele baboniswe izambulo, ngale kwalokho lowo msebenzi ngeke kube okaNkulunkulu. Kakade akuwona umsebenzi olula kumuntu ukwazi uNkulunkulu. Uma usuhlanganisa nenhliziyo yomuntu emangazayo nokuhlubuka kwakhe kwendalo kokuzazisa nokuzidla, konke lokhu kwenza kube nzima kakhulu ukuba abantu bamukele umsebenzi omusha kaNkulunkulu.

kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuvezwa okuphelele komsebenzi wokusindisa isintu. Labo abangazazi izigaba ezintathu zomsebenzi bazohlala bengenalwazi ngezindlela nemiyalelo ehlukene yomsebenzi woMoya oNgcwele; labo ababambelela kakhulu kuphela emfundisweniemfundisweni esalayo esigabeni esisodwa somsebenzi ngabantu abakhawulisa uNkulunkulu emfundisweni, kanti ukholo lwabo kuNkulunkulu aluqondakali futhi alunasiqiniseko. Abantu abanjalo abasoze bathola insindiso kaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kuphela ezingaveza ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu sisonke, futhi ziveze ngokuphelele inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu sisonke, kanye nenqubo yonke yokusindiswa kwesintu. Lokhu ubufakazi bokuthi usemhlulile uSathane waphinde wazuza isintu, kuwubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu, futhi kungukuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu sisonke. Labo abaqonda isigaba esisodwa ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu bazi ingxenye kuphela yesimo sikaNkulunkulu. Ekucabangeni komuntu, kulula ukuthi lesi sigaba esisodwa somsebenzi siphenduke imfundiso, kuyabonakala ukuthi umuntu angamisa imigomo ngoNkulunkulu, futhi umuntu usebenzisa le ngxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu njengokuthi imele isimo sikaNkulunkulu sisonke. Ngaphezu kwalokho, okuningi ukucabanga ngamehlo engqondo komuntu kuhlangene lapho, ngendlela yokuthi uyasikhawula ngokuqinile isimo, ubuyena, kanye nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nemiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, ngaphakathi kwemikhawulo enyinyekile, ekholelwa ukuthi uma uNkulunkulu wabe enje ngokunye, uzohlala enjalo sonke isikhathi, futhi ngeke aphinde ashintshe. Kuphela yilabo abaziyo futhi abazinanelayo izigaba ezintathu zomsebenzi abangamazi uNkulunkulu ngokuphelele futhi ngokuyikho. Okungenani, ngeke bamchaze uNkulunkulu njengoNkulunkulu wama-Israyeli, noma amaJuda, futhi ngeke bambone njengoNkulunkulu oyohlala ebethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu. Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Akubona labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abantu abancinyane ababona eduze kuphela, abazama ukumane bakhombise ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Ingabe la bantu banaso isizathu abakhulumela kuso? Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isigaba ngasinye sezigaba ezintathu zomsebenzi senziwa phezu kwesisekelo sesigaba esingaphambilini; asenziwa ngokuzimela, sehlukanisiwe emsebenzini wensindiso. Nakuba kunomehluko omkhulu enkathini nenhlobo yomsebenzi owenziwayo, emnyombeni wawo, kuseyinsindiso yesintu, futhi isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso sijulile kakhulu kunesigcinile. Isigaba ngasinye somsebenzi siqhubeka esisekelweni sesigaba esigcinile, esingaqedwanga. Ngale ndlela, emsebenzini Wakhe ohlale umusha futhi ongabi mdala neze, uNkulunkulu uhlala eveza ingxenye yesimo Sakhe engakaze ivezwe ngaphambilini kumuntu, futhi uhlala eveza kumuntu umsebenzi Wakhe omusha, nobuyena Bakhe obusha. Futhi nakuba amakholwa ahambisa ngokudala enza konke okusemandleni ukumelana nalokhu, futhi aphikisana nakho imbaba, uNkulunkulu uyawenza njalo umsebenzi omusha ahlose ukuwenza. Umsebenzi Wakhe uhlale ushintsha, futhi ngenxa yalokhu, uhlale uhlangabezana nokuphikiswa ngumuntu. Naso, ngokunjalo, isimo Sakhe sihlale sishintsha, njengenkathi nabamukeli bomsebenzi Wakhe? Ngaphezu kwalokho, njalo uhlale enza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini, wenza ngisho umsebenzi obukeka uphambene nomsebenzi obuwenziwa ngaphambilini, ahambise ngokuphambene nawo. Umuntu ukwazi ukwemukela indlela eyodwa kuphela yokusebenza noma indlela eyodwa yokwenza. Kunzima kumuntu ukwemukela umsebenzi noma izindlela zokwenza, ezingavumelani nabo, noma eziphakeme kunabo—kodwa uMoya oNgcwele uhlale enza umsebenzi omusha, ngakho kuye kuqhamuke amaqembu ngamaqembu ochwepheshe kwezokukholwa abamelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Laba bantu sebebe “ngochwepheshe” ngenxa yokuthi umuntu akanalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akabi mdala nhlobo, futhi akanalwazi ngezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde, okudlula lokho, akanalwazi ngezindlela eziningi uNkulunkulu asindisa ngazo umuntu. Ngakho, umuntu akakwazi nhlobo ukubona noma umsebenzi ovela kuMoya oNgcwele, noma umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abaningi babambelela kule simo sengqondo lapho, uma uhambisana namazwi angaphambilini, babe sebeyawemukela, futhi uma kunomehluko kunomsebenzi wangaphambilini, bayamelana nawo futhi bawukhahlele. … Yazini ukuthi nimelana nomsebenzi kaNkulunkulu, noma nisebenzisa imibono yenu siqu ukukala umsebenzi wanamhlanje, ngoba anizazi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngoba aniwuthathi ngokuthi ubalulekile ngokwanele umsebenzi woMoya oNgcwele. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho wena, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na?

kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abayizilima nabangenalwazi bahlala bethi ubuntu obujwayelekile bukaKristu buyiphutha. Noma engakuveza kanjani ubunkulunkulu Bakhe, abantu bayahluleka ukuvuma ukuthi unguKristu. Uma uKristu eveza ukulalela nokuthobeka Kwakhe, yilapho abantu abangezona kakhulu izilima bembona njengoKristu. Kukhona nalabo abamkhipha inyumbazane nokwedelela, kodwa babeke “amadoda amakhulu” aneziqu eziphakeme phezu kwetafula ukuba akhonzwe. Ukuphikisa nokungalaleli kwabantu uNkulunkulu kubangelwa ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ophila enyameni ithobela intando kaNkulunkulu, kanjalo nesimo sobuntu esijwayelekile sikaKristu; kulapho kukhona umsuka wokuphikisa nokungalaleli uNkulunkulu. Uma uKristu ubengenakho ukuzifihla ebuntwini noma engayifuni intando kaNkulunkulu uBaba ngokubona kwabantu abadaliwe, kodwa egcwele ubuntu obukhulu, mhlawumbe ngabe akekho umuntu ongalaleli. Into eyenza ukuthi abantu bafune ukukholwa kuNkulunkulu ongabonakali osezulwini ukuthi uNkulunkulu osezulwini akanaso isimo somuntu futhi akanakho nokukodwa okufana nokomuntu odaliweyo. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomkhulu kunabo, kodwa banakho ukungamfuni uKristu.

kwesithi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu ongabonakali futhi ongathinteki uyathandwa futhi wemukelwa yibo bonke. Uma uNkulunkulu nje ewuMoya ongabonwa umuntu, kulula kumuntu ukuba akholwe kuNkulunkulu. Umuntu angayikhulula imicabango yakhe, angakhetha noma yisiphi isithombe asithandayo njengesithombe sikaNkulunkulu ukuze azijabulise futhi azenze athokoze. Ngaleyo ndlela, umuntu angenza noma yini ejabulisa kakhulu kuNkulunkulu wakhe, okuyinto lo Nkulunkulu azimisele ukuyenza, ngaphandle kokwesaba. Okukhulu nakakhulu, umuntu ukholwa ukuthi akekho oqotho nozinikele kuNkulunkulu okudlula yena, nokuthi bonke abanye bayizinja ezingabezizwe futhi abathembekile kuNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi yilokho okufunwa yilabo abanezinkolelo ezingaqondakali kuNkulunkulu futhi ezisekelwe ezimfundisweni; abakufunayo konke kuthi akufane, kunomehluko nje omncane. Kumane kuwukuthi umfanekiso kaNkulunkulu ezingqondweni zabo uhlukile, kodwa isiqu sabo siyafana.

Umuntu akahlupheki ngokukholwa kwakhe kuNkulunkulu kholwaokungenakunaka futhi ukholwa kuNkulunkulu ngendlela ethandwa nguye. Leli elinye “lamalungelo nenkululeko yomuntu,” okungenamuntu ongagxambukela kulo, ngoba umuntu ukholwa kuNkulunkulu wakhe, hhayi kuNkulunkulu womunye; lokho kuyimpahla yakhe yedwa, futhi wonke umuntu unalo lolu hlobo lwempahla. Umuntu le mpahla uyibheka njengengcebo eyigugu, kodwa kuNkulunkulu ayikho into ephansi nengafaneleki eyedlula lokho ngoba alukho uphawu lokumelana noNkulunkulu olucace kunakule mpahla yomuntu yangasese. Kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu owenza uNkulunkulu abe inyama enesakhiwo esithintekayo futhi oze abonwe futhi athintwe ngumuntu. Akawona uMoya ongenasimo, kodwa uyinyama engathinteka futhi ibonwe umuntu. Nokho, onkulunkulu abaningi abantu abakholwa kubo abanayo inyama futhi abanaso isimo. Ngale ndlela, uNkulunkulu osesimweni somuntu usephenduke isitha sabantu abaningi abakholwa kuNkulunkulu, futhi labo abangeke balamukele iqiniso likaNkulunkulu osesimweni somuntu, nabo, ngokufanayo sebebe izitha zikaNkulunkulu. Umuntu unemicabango, hhayi nje ngenxa yendlela yakhe yokucabanga, noma ngenxa yokuhlubuka kwakhe, kodwa ngenxa yale mpahla yomuntu. Abantu bafa ngenxa yale mpahla yomuntu, futhi inguNkulunkulu ongaqondakali ongenakuthintwa, ongeke abonakale, futhi ongekho eqinisweni lokho okonakalisa ukuphila komuntu. Ukuphila komuntu akonakaliswa uNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi akonakaliswa nangengozi uNkulunkulu osezulwini, kodwa nguNkulunkulu osemicabangweni yabantu.

kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama ” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Bonke abantu bafisa ukubona ubuso bukaJesu bangempela futhi bafisa ukuba Naye. Ngikholwa ukuthi akukho namunye kubafowethu noma odadewethu ongathi akazimisele ukumbona noma ukuhlala noJesu. Ngaphambili kokuthi umbone uJesu, okungukuthi, ngaphambili kokubona uNkulunkulu osesimweni somuntu, uyoba nemicabango eminingi, isibonelo nje, mayelana nokubukeka kukaJesu, indlela akhuluma ngayo, indlela Yakhe yokuphila, njalo njalo. Kodwa-ke, uma sekwenzeka umbona, imicabango yakho iyoshesha ukuguquka. Kungani lokhu? Uyafisa ukwazi? Lapho ukucabanga komuntu kungeke impela kwabukelwa phansi, akubekezeleleki kakhulu ukuba umuntu aguqule ingqikithi kaKristu. Nibuka uKristu njengesidalwa esingenakufa, isazi, kodwa akekho noyedwa obuka uKristu njengophila enyameni onengqikithi yobunkulunkuku. Ngakho-ke, iningi lalabo abalangazelela ubusuku nemini ukubona uNkulunkulu yibona kanye abayizitha zikaNkulunkulu futhi abangahambisani noNkulunkulu. Ingabe lokhu akukhona ukungalungi ngasohlangothini lomuntu? Ngisho namanje nisacabanga ukuthi ukukholwa kwenu kanye nokwethembeka kunenza nifaneleke ukuba nibone ubuso bukaKristu, kodwa ngiyaninxusa ukuba nizihlomise ngezinto eziningi eziphathekayo! Ngoba esikhathini esedlule, namanje, nangesikhathi esizayo, iningi lalabo abaxhumana noKristu bahlulekile; bonke badlala indawo yabaFarisi. Ingabe iyini imbangela yokwehluleka kwenu? Isizathu esiyiso yingoba emicabangweni yenu kukhona uNkulunkulu ophakemeyo othandekayo. Kodwa iqiniso alifani nokufisa komuntu. Akukhona ukuthi uKristu akaphakeme kuphela, kepha muncanyana impela; akukhona ukuthi ungumuntu kuphela kepha ungumuntu ojwayelekile; akukhona ukuthi akakwazi ukwenyukela ezulwini, nokuthi akakwazi ukuhamba ngokukhululeka emhlabeni. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomuntu ojwayelekile; benza njengokuthanda kwabo lapho benaye futhi bakhulume amazwi anokunganaki Kuye, sonke isikhathi belokhu belinde ukubuya “kukaKristu weqiniso.” Nibuka uKristu lo osewafika njengomuntu ojwayelekile nezwi Lakhe linjengelomuntu ojwayelekile. Ngakho-ke, anizange nithole lutho kuKristu kunalokho niveze ngokuphelele ububi benu ekukhanyeni.

kwesithi “Labo Abangahambisani NoKristu Impela Bangabaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani ngithi labo abasemhlabeni wezenkolo abakholelwa kuNkulunkulu futhi bangabenzi bobubi, abawuhlobo olufanayo noSathane? Uma ngithi bangabenzi bobubi, kungenxa yokuthi abayiqondi intando kaNkulunkulu noma babone ubuhlakani Bakhe. UNkulunkulu akawuvezi umsebenzi Wakhe kubo nhlobo; bangabantu abayizimpumputhe, abangayiboni imisebenzi kaNkulunkulu. Yilabo abashiywe nguNkulunkulu, abanganakekelwe futhi abangavikelwe uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi kaMoya Oyingcwele. Labo abangenawo umsebenzi kaNkulunkulu bangabenzi bobubi futhi bamelene noNkulunkulu.

kwesithi “Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo wokuphikisa nokuhlubuka kwabantu kuNkulunkulu ukonakaliswa uSathane. Ngenxa yokuthi umuntu woniwe uSathane, unembeza wakhe usundikindiki, uziphetheka kabi, imicabango yakhe yedlulele futhi isimo sengqondo yakhe sonakele. Ngaphambi kokuba oniwe nguSathane, umuntu wayelandela uNkulunkulu futhi elalela amazwi Akhe. Wayesemqondo omuhle futhi enonembeza omuhle, futhi enobuntu obuvamile. Ngenxa yokoniwa uSathane, umqondo, unembeza nobuntu bomuntu obuhle bonakala futhi konakaliswa uSathane. Ngakho walahla ukulalela nokuthanda kwakhe uNkulunkulu. Isimo sakhe sesifana nesesilwane, kanti ukuhlubuka kwakhe uNkulunkulu kwenzeka kaningi futhi kuyadabukisa kodwa umuntu uselokhu engazi futhi engakuboni lokhu futhi ulokhu ephikisa ngobumpumputhe elokhu ehlubuka. Ukwembula isimo somuntu ukusho umqondo wakhe, umbono nonembeza futhi ngenxa yokuthi umqondo nombono wakhe akulungile, nonembeza wakhe uvele waba buthuntu kakhulu, ngakho isimo sakhe sihlubuka uNkulunkulu.

Umthombo wokwembula isimo somuntu esonakele awulutho ngaphandle kukanembeza wakhe obuthuntu, ububi bemvelo yakhe nomqondo wakhe ongalungile, ukuba unembeza womuntu nomqondo wakhe kuyakwazi ukubuyela esimweni esijwayelekile, uzokulungela-ke ukusetshenziswa phambi kukaNkulunkulu. Kungenxa yokuthi, unembeza womuntu ulokhu undikindiki, umqondo womuntu awukaze ulunge futhi uyaqhubeka ngokuba buthuntu okwenza umuntu aqhubeke nokuhlubuka uNkulunkulu, okwenza waze wabethela uJesu esiphambaweni futhi wenqabela uNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba angene ekhaya lakhe, futhi ulahla inyama kaNkulunkulu, ayibone njengembi futhi ephansi. Ukuba umuntu usenobuntu nje obuncane, ubengeke akhohlakale kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu, uma ngabe ubesenomqonjwana nje ubengeke abe mubi kangaka ekuphatheni inyama kaNkulunkulu; uma ngabe usenaye unembeza omncane ubengeke “abonge” uNkulunkulu osesimweni somuntu ngale ndlela. Umuntu uphila ngesikhathi lapho uNkulunkulu eba yinyama kodwa akakwazi ukumbonga uNkulunkulu ngokumnikeza ithuba elihle kangaka, kunalokho uqalekisa ukuza kukaNkulunkulu noma azibe nje impela iqiniso lokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu futhi ubukeka ephikisana naso futhi ekhathele yiso. … Isimo somuntu sesibe sibi kakhulu, umqondo wakhe usubuthuntu ngokwedlulele kanti unembeza wakhe unyathelwe waphela ngomubi kanti kudala wagcina ukuba unembeza womuntu ojwayelekile.

kwesithi “Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana