Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/24

4. Ingabe abefundisi nabadala ngempela babekwe nguNkulunkulu? Ingabe ukwamukela nokulalela abefundisi nabadala kumele ukuthobela komuntu nokumlandela uNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,iBhayibheli,ivangeli

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngakho manje, bheka ukukhala kwabantwana bakwa-Israyeli kufikile kimi: futhi ngibonile ukucindezela abaseGibithe ababacindezela ngakho. Ngakho hamba manje, futhi ngizokuthumela kuFaro, ukuba ukhiphe abantu bami abantwana bakwa-Israyeli eGibithe” (UEksodusi 3:9-10).

UJesu wathi kuSimoni Petru, Simoni, ndodana kaJona, uyangithanda kunalaba na? … Wathi kuye, Yondla amawundlu ami. Waphinde wathi kuye ngokwesibili, Simoni, ndodana kaJona, uyangithanda na? …Wathi kuye, yondla izimvu zami” (UJohane 21:15-16).

“Futhi ngiyokunika izihluthulelo zombuso wezulu:futhi noma ngabe yini oyibopha emhlabeni iyoboshwa ezulwini:futhi noma ngabe yini oyithukulula emhlabeni iyothukululwa ezulwini” (NgokukaMathewu 16:19).

“Kumele silalele uNkulunkulu kunabantu” (IzEnzo 5:29).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi owenziwa yilowo osetshenziswa nguNkulunkulu ngowokuthi ubambisane nomsebenzi kaKrestu noma uMoya oNgcwele. Lo muntu uphakanyiswa nguNkulunkulu phakathi kwabantu, ulapho ukuze ahole bonke abakhethwe nguNkulunkulu, futhi uphakanyiswe nguNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokubambisana kwabantu. Ngomuntu onjengalo, okwazi ukwenza umsebenzi wokubambisana kwabantu, okuningi okudingwa nguNkulunkulu kumuntu, nomsebenzi okufanele wenziwe nguMoya oNgcwele phakathi kwabantu kungenzeka ngaye. Enye indlela yokubeka lokhu yile: inhloso kaNkulunkulu ngokusebenzisa lo muntu ngukuba bonke labo abalandela uNkulunkulu bakwazi ukuyiqonda kangcono intando kaNkulunkulu, futhi bakwazi ukufinyelela ngokuthe xaxa emigomeni kaNkulunkulu. Ngoba abantu abakwazi ukuwaqonda ngqo amazwi noma intando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uphakamise umuntu osetshenziswa ukwenza lo msebenzi. Lo muntu osetshenziswa uNkulunkulu angachazwa njengethuluzi uNkulunkulu asebenza ngalo ukuqondisa abantu, njengomhumushi oxhumanisa uNkulunkulu nabantu. Kanjalo-ke, umuntu onje akefani namunye kulabo abasebenza emndenini kaNkulunkulu noma abangabefundisi baKhe. Njengabo, kungathiwa ungumuntu okhonza uNkulunkulu, kodwa engqikithini yomsebenzi wakhe nasendikimbeni yokusetshenziswa kwakhe nguNkulunkulu wehluka kakhulu kwezinye izisebenzi nabefundisi. Ngokwengqikithi yomsebenzi wakhe nendikimba yokusetshenziswa kwakhe, umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu uphakanyiswa nguYena, ulungiselelwa nguNkulunkulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bese ebamba umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akukho muntu ongambambela emsebenzini wakhe, kuyimbambiswano yomuntu eyingxenye ebalulekile emsebenzini ongcwele. … Lowo osetshenziswa nguNkulunkulu, kwenye ingxenye, yilowo olungiswe nguNkulunkulu, futhi onezinga elithile futhi onobuntu. Usevele elungiswe futhi wapheleliswa nguMoya oNgcwele, futhi uholwa ngokugcwele nguMoya oNgcwele, aphinde, ikakhulu uma kuya emsebenzini wakhe, aqondiswe futhi alawulwe nguMoya oNgcwele – okungenxa yakho kungekho kuphambuka endleleni yokuhola abakhethwa bakaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu impela uyawumela umsebenzi waKhe uqobo, futhi uNkulunkulu wenza umsebenzi waKhe ngazo zonke izikhathi.

kwesithi “Mayelana nokusebenzisa kukaNkulunkulu umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Baningi abaphathi bezenkolo abacabanga ukuthi ukukhonza uNkulunkulu ukushumayela emasontweni emuva kokufunda esikoleni sobufundisi, ukufundisa abantu ngokufunda izahluko eBhayibhelini

kwesithi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi osemqondweni womuntu ufinyelwa kalula umuntu. Abefundisi nabaholi bezenkolo, isibonelo, bathembele eziphiweni nasezikhundleni zabo uma benza imisebenzi yabo. Abantu ababalandela isikhathi eside batheleleka ngeziphiwo zabo futhi babe negalelo kubo ngokunye abakwenzayo. Bagxila eziphiweni zabantu, namakhono kanye nolwazi, futhi bagxila kwezinye izinto ezingasizo ezemvelo kanye nenqwaba yezimfundiso ezaziwayo nezingasizo ezeqiniso (nakanjani, lezi zimfundiso ezaziwayo akufinyeleleki kuzo). Abagxili ekushintsheni ezimilo zabantu, kodwa bagxila ekuqeqesheni amakhono abantu okushumayela nawokusebenza, bandisa ulwazi lwabantu kanye nezimfundiso zezenkolo kabanzi. Abagxili ekutheni izimilo zabantu zishintsha kanjani noma ukuthi abantu baliqonda kangakanani iqiniso. Abazikhathazi ngokubalulekile kubantu, futhi abazami nokwazi izimo zabantu ezejwayelekile nezingajwayelekile. Abahlangabezani nemizwa yabantu noma abadaluli imizwa yabo, kube abalungisi umonakalo noma inkohlakalo ekubo. Abantu abaningi ababalandelayo basebenza ngeziphiwo zabo zemvelo, futhi lokho abakuvezayo kuwulwazi kanye neqiniso elingacacile lezenkolo, eliqhelelene nokwenzekayo futhi akukwazi nhlobo ukuphilisa abantu. Empeleni, okubalulekile ngomsebenzi wabo ukuthuthukisa amathalente, ukusimamisa umuntu ongenalutho abe umfundi ogogodile onethalente lokushumayela ogcina eseya kosebenza futhi ahole.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. Abantu bezinkathi ezedlule nabo balandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu, kodwa azange bakwazi ukulandela kuze kube namuhla; lesi isibusiso sabantu bezinsuku zokugcina. Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu basendleleni eyodwa noMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo, kanti ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa. Ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu, ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso.

kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Abantu abakholwa kuNkulunkulu kumele balalele uNkulunkulu futhi bamkhonze. Akumele uphakamise noma ubeke ithemba lakho komunye umuntu; akumele unike uNkulunkulu indawo yokuqala, eyesibili kube ngeyabanye abantu othembele kubo, bese indawo yesithathu kube nguwe. Akekho umuntu okumele abe senhliziyweni yakho, futhi akumele ubeke abantu—ikakhulukazi labo obahlonipha kakhulu—endaweni elingana nekaNkulunkulu, balingane Naye. Lokhu akubekezeleki kuNkulunkulu.

kwesithi “Imiyalelo Eyishumi Yokuphatha Okufanele Ilalelwe Abantu Abakhethiweyo bakaNkulunkulu ENkathini Yombuso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu abajatshuliswa iqiniso, abajatshuliswa nakakhulu ukwahlulelwa. Kunalokho, bajatshuliswa ukuba namandla nengcebo; abantu abanjalo bathathwa njengabathanda ubukhulu. Bafuna ngokukhethekile amaqembu anamagalelo emhlabeni nabefundisi nothisha abavela emakolishi okufundela ubufundisi. Ngaphandle kokwamukela indlela yeqiniso, banokungabaza futhi abakwazi ukuzinikela ngokugcwele. Bakhuluma ngokunikelela uNkulunkulu, kodwa amehlo abo agxile kubefundisi kanye nothisha abaphakeme, bamshaya indiva uKristu. Izinhliziyo zabo zigcwele udumo, ingcebo nokukhazimula. Abakukholwa nhlobo ukuthi umuntukazana angakwazi ukunqoba abantu abaningi, nokuthi ongagqamile kangako angakwazi ukuphelelisa abantu. Abakukholwa nhlobo ukuthi laba bantu abengelutho abaphakathi kothuli nezindunduma zobulongwe bangabantu abakhethwe uNkulunkulu. Bakholwa ukuthi uma abantu abanjalo beyinjongo yokusindisa kukaNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi amazulu nomhlaba kuyophenduka kubheke phansi bese bonke abantu befa insini. Bakholwa ukuthi uma uNkulunkulu ekhethe ukuba kupheleliswe abantu abangelutho kanjalo, lokho kuyosho ukuthi izicukuthwane ziyoba nguNkulunkulu uqobo. Imibono yabo ingcoliswe ukungakholwa; impela, kude nokungakholwa, bayizilwane zasendle eziyiziphukuphuku. Ngoba ukuphela kwezinto abazazisayo isikhundla, ukuhlonishwa kanye namandla; into abayifuna kakhulu amaqembu namasonto amakhulu. Abanandaba nhlobo nalabo abaholwa uKristu; bangamambuka nje afulathele uKristu, iqiniso kanye nokuphila.

Into oyazisayo akukhona ukuthobeka kukaKristu, kodwa abelusi bamanga abavelele. Awukuthandi ukuthandeka noma ukuhlakanipha kukaKristu, kodwa uthanda izifebe ezigcwele ezweni elikhohlakele. Uyabuhleka ubuhlungu bukaKristu ongenayo indawo yokufihla ikhanda Lakhe, kodwa uyazazisa lezo zidumbu zabantu ezidla iminikelo ziphile emanyaleni. Awuzimisele ngokuhlupheka kanye noKristu, kodwa uya ngenjabulo ezingalweni zalabo abangenanhliziyo abaphika uKristu ngoba bekunika okwenyama kuphela, izincwadi kuphela, nokulawula kuphela. Ngisho namanje inhliziyo yakho isaphendukela kubo, idumela labo, ukuma kwabo ezinhliziyweni zabo bonke oSathane, ithonya labo negunya labo, kodwa wena usaqhubeka nomoya wokuphika nokwenqaba ukwamukela umsebenzi kaKristu. Kungalesi sizathu ngithi aninalo ukholo lokuvuma uKristu. Isizathu esenza ukuthi nimlandele kuze kube manje ukuthi naphoqwa. Enhliziyweni yakho kuyohlale kulenga izithombe eziningi eziphakeme; ngeke ukwazi ukukhohlwa wonke amazwi nezenzo zabo, ngisho namazwi nezandla zabo okunethonya. Enhliziyweni yakho, bayohlalebephakeme futhi bengamaqhawe amakhulu. Kodwa akunjalo ngoKristu wanamuhla. Akabalulekile enhliziyweni yakho futhi akakufanele ukuhlonishwa. Ngoba ujwayeleke kakhulu, unethonya elincane kakhulu, futhi ukude kakhulu nokuphakama.

kwesithi “Ingabe Uyikholwa LikaNkulunkulu Leqiniso?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Buka abaholi bayo yonke imibuso namaqembu. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholelwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholelwa kwethu kuNkulunkulu.” Buka indlela abadinga ngayo imvume yomuntu othile ukuze bakholelwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso?

Akunandaba ukuthi phambilini bewulandela omunye umuntu noma ukuthi awuyanelisanga intando kaNkulunkulu, kumele uze phambi kukaNkulunkulu kulesi sigaba. Uma kulesi sigaba uqhubeka ulandela umuntu othile ngenxa yokwazi lesi sigaba somsebenzi, khona-ke ngeke usathethelelwa, kuyoba njengoPawulu.

kwesithi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholelwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ngakho kunabantu abavame ukukhohliswa yilabo ababonakala bengokomoya, beyigugu, bebonakala benezithombe eziphakeme. Ngokwalaba bantu abangakhuluma ngezincwadi nezimfundiso, nalezo zinkulumo nezenzo ezibonakala zifanelwe ukunconywa, abantu ababancomayo abakaze bahlole umsuka wezenzo zabo, imiyalo eqhutshwa izenzo zabo, nokuthi iyini imigomo yabo. Futhi abakaze bahlole ukuthi labo bantu bamlandela ngempela yini uNkulunkulu, ukuthi bangabantu abamesaba ngempela yini uNkulunkulu futhi abakugwemayo okubi noma cha. Abakaze baqonde isiqu sobuntu balaba bantu. Kunalokho, kusukela baqala ukwazana nabo, kancane kancane, bayabatusa laba bantu, babahlonipha kakhulu laba bantu, futhi ekugcineni laba bantu baphenduka izithixo zabo. Ngaphezu kwalokho, ezingqondweni zabanye abantu, izithixo abazikhulekelayo, abakholelwa ukuthi bangashiya imindeni nemisebenzi yabo, futhi bakhokhe okudingekayo—lezi zithixo yizo empeleni ezanelisa uNkulunkulu, ezingathola umphumela omuhle neziphokophele endaweni enhle. Ezinhliziyweni zazo, lezi zithixo zingabantu uNkulunkulu abatusayo.

kwesithi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungaba kuhle ngalabo bantu abathi balandela uNkulunkulu ukuze avule amehlo abo ukuba bake bacabangisise ngabakholelwa kukho: Ingabe nikholelwa kuNkulunkulu ngempela, noma kuSathane? Uma wazi ukuthi okholelwa kukho akuyena uNkulunkulu kodwa yizithixo zakho, kungaba kuhle ungasho ukuthi uyikholwa. Uma ungazi ngempela ukuthi ukholelwa kubani, kungaba kuhle futhi ukuthi ungazibizi ngekholwa. Ukusho lokho kungaba ukwedelela! Akekho okuphoqa ukuba ukholelwe kuNkulunkulu. Ningasho ukuthi niyakholelwa kiMi, njengoba ngawezwa kudala lawo mazwi angifisi ukuphinde ngiwezwe, ngoba enikholelwa kukho izithixo ezisezinhliziyweni zenu nezinyoka ezinoshevu eziphakathi kwenu. Labo abanqekuzisa amakhanda lapho bezwa iqiniso, abahleka kuze kuvele elomhlathi lapho bezwa kukhulunywa ngokufa bayinzalo kaSathane, futhi bonke bazoqothulwa.

kwesithi “Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana