Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/22

2. Yingani kuthiwa abefundisi bezenkolo nabadala bonke bahamba umgudu wobuFarisi? Yini umongo wabo?

Unyazi LwaseMpumalanga,iBhayibheli,Isiphambano

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Futhi waqala ukukhuluma kubo ngemifanekiso ethi. Umuntu othile watshala isivini, futhi wasibiyela ngothango, futhi wemba isikhamo, wase akha isiqongo sokulinda, wabe esesiqashisa kubalimi, wase eya ezweni elikude. Futhi ngenkathi efanele wayesethuma inceku kubalimi, ukuba ithathe kubalimi izithelo zesivini. Bayibamba, futhi bayishaya, base beyimukisa ze.
Waphinda futhi wathumela kubo enye inceku; futhi yona bayikhanda ngamatshe, futhi bayilimaza ekhanda, futhi bayithuka bayixosha beyiphathe ngokuyihlazo. Waphinda futhi wathumela enye; futhi yona bayibulala, nezinye eziningi; ezinye bazishaya, futhi ezinye bazibulala. Khona-ke kwase kusele indodana eyodwa, indodana yakhe ethandekayo, nayo wayithumela kubo ekugcineni, ethi, Bayakuyihlonipha indodana yami. Kodwa labo balimi bakhuluma bodwa bathi, Lo uyindlalifa; wozani, siyibulale, futhi ifa libe ngelethu. Base beyibamba, futhi bayibulala, futhi bayiphonsa ngaphandle kwesivini. Khona-ke uzokwenzani umninisivini na? uzokuza futhi abhubhise abalimi, bese esinika abanye isivini” (UMarku 12:1-9).

“Qaphelani abaprofethi bamanga, abeza kini bembathise okwezimvu, kodwa ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo” (UMathewu 7:15).

“Maye kinina, babhali nabaFarisi, bazenzisi! … Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakubalekela kanjani ukulahlwa kwasesihogweni na?” (Umathewu23:29,33)

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abanye abantu bathanda ukubukwa. Ngenkathi kukhona abafowabo nodadewabo, uthi uyambonga uNkulunkulu, kodwa uma bengaboni, akalenzi iqiniso futhi wenza ngendlela ephambene ngokuphelele. Ingabe lokhu akufani nalokho kwabaFarisi benkolo? Umuntu omthanda ngokweqiniso uNkulunkulu futhi oneqiniso yilowo othembekile kuNkulunkulu, kodwa engakwembuli obala lokho. Uzimisele ngokwenza iqiniso lapho kuvela izinkinga futhi angakhulumi noma enze ngendlela ephambana nonembeza wakhe. Ukhombisa ukuhlakanipha lapho izinkinga zivela futhi ubambelele emgomweni ngezenzo zakhe, noma ngabe izimo zinjani. Umuntu onjengalona osebenza ngeqiniso. Kunabanye abakhuluma ngezindebe zomlomo ngokumbonga kwabo uNkulunkulu. Bachitha izinsuku zabo bebuthe izinhlonze ngokukhathazeka, babe nesimo sokuzenzisa futhi benze sengathi banobuso obunosizi. Kwaze kwenyanyeka! Uma nje ubungambuza, “Iziphi izindlela ombonga ngazo uNkulunkulu? Ngicela ungitshele!” Ubeyophelelwa ngamagama. Uma uthembekile kuNkulunkulu, ungakhulumi ngakho esidlangaleni, kodwa sebenzisa izenzo zakho zoqobo ukukhombisa uthando lwakho ngoNkulunkulu, futhi ukhuleke Kuye ngenhliziyo eneqiniso. Labo abasebenzisa amazwi kuphela ukuze babhekane noNkulunkulu bonke bangabazenzisi! Abanye bakhuluma ngokumbonga uNkulunkulu ngomkhuleko ngamunye, bese futhi beqala ukukhala ngaso sonke isikhathi lapho bethandaza, ngisho ngaphandle kokuqhutshwa nguMoya oNgcwele. Abantu abanjengalaba bangenwe amasiko nemicabango yenkolo; baphila ngalawo masiko nemicabango enjalo, bahlale bekholwa ukuthi izenzo ezinjalo ziyamjabulisa uNkulunkulu, nokuthi ubungcwele bokuzenzela noma izinyembezi zokuzidabukisa ziyilokho uNkulunkulu akufunayo. Ingabe yikuphi okuhle okungaqhamuka kulaba abangasile? Ukuze bakhombise ukuthobeka kwabo, abanye babo benza sengathi banomusa uma bekhuluma kukhona abanye. ...

Njalo lapho labo bantu benkolo behlangana, bayabuza, “Dadewethu, ubunjani kulezi zinsuku?” Yena aphendule, “Ngizizwa nginokumbonga uNkulunkulu nokuthi angikwazi ukufeza isifiso senhliziyo Yakhe.” Omunye athi, “Nami, futhi, ngiyambonga uNkulunkulu futhi angikwazi ukumgculisa.” Le misho embalwa namazwi kodwa kukhombisa izinto ezimbi ezisekujuleni phakathi ezinhliziyweni zabo. Amazwi anjalo ayenyanyeka futhi awanambitheki ngokwedlulele. Imvelo yalaba bantu iphikisana noNkulunkulu.


kwesithi “Ukukholwa KuNkulunkulu Kumele Kugxile Eqinisweni, Hhayi Emasikweni Enkolo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, babashumayeze futhi babacindezele, futhi baziphakamise—lobo abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu.


kwesithi “Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Buka abaholi bayo yonke imibuso namaqembu. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholelwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholelwa kwethu kuNkulunkulu.” Buka indlela abadinga ngayo imvume yomuntu othile ukuze bakholelwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso? Lolu hlobo lwabantu lufana noPawulu. Kungani ngisho lokhu? Izincwadi ezabhalwa uPawulu cishe ezeminyaka eyizinkulungwane ezimbili edlule, futhi ziyiveza yonke iNkathi Yomusa. Bonke abantu badla futhi baphuza la mazwi akhe, bawabheka njengento ejwayelekile, njengokuhlupheka, ukuyala umzimba womuntu, nokuthola umqhele wokugcina wokulunga. Abantu bakholelwa kuNkulunkulu ngokuhambisana namazwi akhe nezimfundiso zakhe.


kwesithi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholelwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Labo abakholelwa kuJesu Kristu kuphela, abangakholelwa kuNkulunkulu osamuntu wanamuhla kufanele babekwe icala, bonke bangabaFarisi banamuhla, ngoba abamboni uNkulunkulu wanamuhla, bonke bayamphika uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi bazinikele kangakanani ekukholelweni kuJesu, konke kuyize; uNkulunkulu ngeke abadumise. Bonke labo abathi bakholelwa kuNkulunkulu, kodwa bengamazi ngempela uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, bangabazenzisi!


kwesithi “Yazini Intando KaNkulunkulu Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu?


kwesithi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulula ngesintu ukwenza iphutha lokuhlukanisa uNkulunkulu; umuntu uthambekela ekunamatheleni kokwedlule, bese enza imingcele kuNkulunkulu. Ngokusobala akamazi uNkulunkulu, futhi usalwa nokuhlukanisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ngokwemvelo uyaqhosha! Umuntu uhlale efisa ukubambelela emibonweni emidala yesikhathi esedlule, egcina izinto zakudala ngokuzilondoloza enhliziyweni yakhe, futhi azisebenzise njengeziyisisekelo kuye, unokuqhosha kanye nokuzigabisa, ucabanga futhi ukuthi uqonda yonke into, futhi usahlukanisa umsebenzi kaNkulunkulu ngokunganaki. Ingabe ngalokhu, akahluleli uNkulunkulu? Ngaphezu kwalokho, umuntu akacabangi ngomsebenzi kaNkulunkulu omusha, okubonisa ukuthi kunzima kuye ukwamukela izinto ezintsha, kodwa ngokungaqondi usaqhubeka nokuhlukanisa uNkulunkulu; umuntu uzigabisa kakhulu ngaphandle kwesizathu, akalaleli muntu, futhi akamukeli ngisho namazwi kaNkulunkulu. Injalo-ke imvelo yomuntu: uqhosha ngokuphelele futhi uzibona elungile, futhi akafuni nakancane ukulalela. Lapho begweba uJesu, abaFarisi babefana nokuthi bathi: Ngisho noma ubuqinisile, bengingeke ngikulandele Wena—uJehova kuphela onguNkulunkulu weqiniso. Namuhla, abekho yini abantu abathi: “UnguKristu? Angeke ngimlandele Yena ngisho noma bekuthiwa unguKrisu ngempela!” Kunabantu abaningi benkolo abanjalo. Lokhu kubonisa isimo sokonakala okukhulu somuntu, ukuthi ungalé kwensindiso.


kwesithi “Ungakuhlukanisi Lokho UNkukulunkulu Anakho Nayikho” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle amagugu asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. … Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka. Leli qulu lamadimoni lifuna ukuhlangana bese ndawonye alibhidlize umsebenzi Wami; ngingabavumela kanjani labo develi abaphilayo babe khona phambi kwamehlo Ami?


kwesithi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila….Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Akubona labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abantu abancinyane ababona eduze kuphela, abazama ukumane bakhombise ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Ingabe la bantu banaso isizathu abakhulumela kuso? … Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi?


kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva kokusebenza isikhashana, abantu abasetshenziswa uNkulunkulu emhlabeni bathatha indawo kaNkulunkulu bathi, ngifuna ukudlula umhlaba jikelele! Ngifuna ukuma ezulwini lesithathu! Sifuna ukubusa kwamandla amakhulu! Bazozikhukhumeza emva kwezinsuku ezimbala besebenza; bebefuna amandla amakhulu emhlabeni, bebefuna ukwakha esinye isizwe, bebefuna zonke izinto ezingaphansi kwezinyawo zabo befuna nokuma ezulwini lesithathu. Ngabe uyazi ukuthi ungumuntu nje osetshenziswa nguNkulunkulu? Anganyukela kanjani ezulwini lesithathu? … Labo bafundisi bezenkolo abaphilisa abantu bakhiphe namademoni, befundisa abanye besepulipiti, bekhuluma izinkulumo ezinde eziphakamisa bona bekhulume ngezinto ezingeke zenzeke, banokuzikhukhumeza! Bayisizukulwane sengelosi enkulu!


kwesithi “Kumele Wazi Ukuthi Bonke Abantu Bathuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abafunda iBhayibheli emasontweni amakhulu, kepha akekho noyedwa oqondayo inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu. Akekho noyedwa okwazi ukwazi uNkulunkulu; ngaphezu kwalokho, akekho noyedwa ovumelana nenhliziyo kaNkulunkulu. Bonke bangabantu abangenamsebenzi, abanyanyekayo, ngamunye bamile phezulu ukufundisa uNkulunkulu. Nakuba belibiza igama likaNkulunkulu, bamelana Naye ngenhloso. Nakuba bezibiza ngokwabo ukuthi bangamakholwa kaNkulunkulu, bayilabo abadla inyama futhi baphuze igazi lomuntu. Bonke abantu abanjalo bangoSathane abadla umphefumulo womuntu, amadimoni aphazamisa ngenhloso labo abazama ukungena endleleni efanele, nezikhubekiso ezikhinyabeza indlela yalabo abafuna uNkulunkulu. Nakuba “bephile qingqo,” abalandeli babo bangazi kanjani ukuthi bangabaphikuKristu abaholela abantu ekuphikisaneni noNkulunkulu? Bangazi kanjani ukuthi bangamadimoni aphilayo afuna imiphefumulo azoyidla?


kwesithi “Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho wena, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu uma ebuyela enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisizwe esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?


kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lezinambuzane odakeni ukuze amakhanda azo asangane bese esusa uthuthuva.[1] Akholelwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, awaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuncika kubazali bawo abayizingulube nezinja. Izimpukane ezincane zicabanga ukuthi abazali bazo bakhulu njengomkhoma onamazinyo.[2] Aziboni yini ukuthi zincane, kodwa abazali bazo bayizingulube nezinja ezingcole izikhathi eziyizigidigi ukwedlula zona? zingakuboni ukuba phansi kwazo, ziyatshakadula nephunga lalezo zingulube nezinja futhi ziyazikhohlisa ngekusasa lezizukulwane ezizayo. Lokho kushayisa amahloni! Anezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kukhulunywa ngokusho kwawo ukuthi akholelwa kuNkulunkulu), aqala ukukhohliseka futhi ahambe ezishaya isifuba ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kumuntu. Ayizigelekeqe, njengokungathi amaphiko amabili othingo lwenkosazane amibalabala anokungcola, ngakho ahlasela ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kukhulunywa ngesimo sangaphakathi sezinkolo zomhlaba). Kuncane umuntu akwaziyo ngalokho, nakuba amaphiko empukane emahle, awahluke ndawo namaphiko empukane encane egcwele ukungcola namagciwane. Emandleni ezingulube nezinja zabo zabazali, avuka umbhejane ngaphesheya kwezwe (lana kukhulunywa ngezikhulu zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe zikhaphele uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngamanga axakile. Kunjengokungathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kuNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sawo sakudala. Aphinde aqala umsebenzi wawo wokushushisa, aqhubeka nomsebenzi wawo wezinkulungwane zeminyaka. Leli qembu elibolile nakanjani lizogcina libhujisiwe emhlabeni! Kubonakala sengathi ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile isingabakhohlisi namaqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokuwudicilela phansi ngobukhoshosho umsebenzi kaNkulunkulu. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule ibilokhu ifuna ukuphamba nokukhohlisa abantu ezweni. Lokhu kwacishe kwamthukuthelisa kakhulu uNkulunkulu waletha isililo, kunzima ukuthi azithibe ekubuyeni ezulwini lesithathu ukuze abaqothule.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

1. “Ukususa uthuthuva” kubhekise endleleni abantu abanamademoni abasusa ngayo isiphithiphithi, bavimbele futhi bamelane nomsebenzi kaNkulunkulu.

2. “Umkhoma onamazinyo” kusetshenziselwa ukuhlekisa. Kungumfanekiso wendlela izimpukane ezincane ngayo ngangokuba izingulube nezinja zibonakala zizinkulu njengemikhoma kuzo.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana