Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/09

2. Umhlaba okholwayo ukholwa ukuthi yonke imibhalo inikezwe ngokufunzelelwa nguNkulunkulu nokuthi konke kungamazwi kaNkulunkulu; ingabe umuntu kufanele ahlaluke kanjani lesi sitatimende?

iBhayibheli, Isiphambano

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi. Izinto abantu abadlula kuzo ziyangcoliswa imibono nolwazi lwabantu, lokhu okungenakugwemeka. Ezincwadini eziningi zeBhayibheli kunemibono yabantu, ukubandlulula kwabantu, kanye nezincazelo zabantu ezingenangqondo. Impela, ubuningi bamazwi bungumphumela wokukhanyiselwa nokukhanyisa koMoya oNgcwele, futhi ayizincazelo ezifanele—nokho kungeke kwashiwo ukuthi awukuvezwa kweqiniso okuqondile ngokuphelele. Imibono yawo kwezinye izinto imane iwulwazi lwalokho abantu abadlule kukho mathupha, noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukubikezela kwabaphrofethi kwabe kuyalwe nguNkulunkulu mathupha: Iziphrofetho zika-Isaya, uDaniyeli, u-Ezra, uJeremiya, kanye noHezekeli zavela emiyalelweni eyayisuka oMoyeni oNgcwele ngqo, la bantu babengabaphrofethi, babenikwe uMoya wokuphrofetha, bonke babengabaphrofethi baseTestamenteni Elidala. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho laba bantu, ababethole ukuphefumulelwa nguJehova, bakhuluma iziphrofetho eziningi, ababeziyalwe nguJehova.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho weTestamente Elidala, inani eliningi labaprofethi abamiswa nguJehova bamprofethela, banikeza imiyalelo, ezizwaneni nezizwe ezihlukahlukene, futhi babikezela umsebenzi uJehova abe ezowenza. Laba bantu ababemisiwe bonke babenikwe uMoya wokuprofetha nguJehova: Babekwazi ukubona imibono evela kuJehova, nokuzwa izwi Lakhe, ngakho bagqugquzelwa Nguyena futhi babhala ngokuprofetha. Umsebenzi abawenza wawuveza izwi likaJehova, kwabe kungumsebenzi wokuprofetha ababewenzela uJehova, futhi umsebenzi kaJehova ngaleso sikhathi kwabe kumane kuwukuqondisa abantu ngokusebenzisa uMoya. Akazange athathe isimo senyama, futhi abantu abazange babubone ubuso Bakhe nakancane. Ngakho, wamisa abaprofethi abaningi ukuze benze umsebenzi Wakhe, futhi wabanika imibiko abayidlulisela kuzo zonke izizwe nezizalo zakwa-Israyeli. Umsebenzi wabo kwabe kuwukuprofetha, futhi abanye babhala imiyalelo kaJehova kubo ukuze bakhombise abanye. UJehova wabamisa laba bantu ukuze baprofethe, babikezele umsebenzi wangesikhathi esizayo noma umsebenzi owawusadinga ukwenziwa ngaleso sikhathi, ukuze abantu babone ubuhle obumangalisayo nobuhlakani bukaJehova. Lezi zincwadi zokuprofetha zazihlukile nokho kunezinye izincwadi zeBhayibheli; zabe zingamazwi ayekhulunywe noma ebhalwe yilabo ababekade benikwe uMoya wokuprofetha—yilabo ababethole imibono noma izwi elivela kuJehova. Ngaphandle kwezincwadi zokuprofetha, yonke into eTestamenteni Elidala imibhalo ebhalwe ngabantu emuva kokuthi uJehova wayeseqedile umsebenzi Wakhe. Lezi zincwadi ngeke zikwazi ukumela ukubikezela okwakhulunywa ngabaprofethi njengoba uGenesise no-Eksodusi bengeke baqhathaniswa neNcwadi ka-Isaya kanye neNcwadi kaDaniyeli. Iziprofetho zakhulunywa ungakenziwa umsebenzi; lezi ezinye izincwadi, nokho, zabhalwa lapho sewuqediwe, okuyilokho abantu ababekwazi ukukwenza. … Ngale ndlela, lokho okubhalwe eBhayibhelini umsebenzi kwa-Israyeli kuphela ngaleso sikhathi. Amazwi akhulunywa ngabaprofethi, u-Isaya, uDaniyeli, uJeremiya, kanye noHezekeli … amazwi abo abikezela omunye umsebenzi Wakhe emhlabeni, abikezela umsebenzi kaJehova uqobo Lwakhe. Konke lokhu kwavela kuNkulunkulu, kwabe kungumsebenzi woMoya oNgcwele, futhi ngaphandle kwalezi zincwadi zabaprofethi, yonke into ngumbhalo ngalokho abantu abadlule kukho emsebenzini kaJehova ngaleso sikhathi.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namhlanje, abantu bakholwa ukuthi iBhayibheli nguNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu iBhayibheli. Futhi, bayakholelwa ukuthi wonke amazwi aseBhayibhelini yiwo wodwa amazwi uNkulunkulu awakhuluma, futhi nokuthi wonke ashiwo nguNkulunkulu. Labo abakholwa kuNkulunkulu bacabanga ngisho ukuthi nakuba zonke izincwadi ezingama-66 zeTestamente Elidala neTestamente Elisha zabhalwa ngabantu, zonke zanikezwa ngokuphefumulelwa nguNkulunkulu futhi zabe zingumbhalo wamazwi oMoya oNgcwele. Lokhu kuyincazelo eyiphutha yabantu, futhi ayivumelani namaqiniso. Empeleni, ngaphandle kwezincwadi zokuphrofetha, iningi lokubhalwe eBhayibhelini lingumlando nje. Ezinye zezincwadi zeTestamente Elisha zivela kulokho abantu abadlule kukho mathupha, futhi ezinye zivela ekukhanyiselweni nguMoya oNgcwele; izincwadi zikaPawulu, isibonelo, zavela emsebenzini womuntu, zabe zingumphumela wokukhanyiselwa nguMoya oNgcwele, futhi zabe zibhalelwe amabandla, zingamazwi okuyala nokukhuthaza abazalwane emabandleni. Kwabe kungewona amazwi ayekhulunywe nguMoya oNgcwele—uPawulu wayengeke akhulumele uMoya oNgcwele, futhi wabe engeyena umprofethi, kungasaphathwa okokubona imibono. Izincwadi zakhe zazibhalelwe amabandla ase-Efesu, eFiladelfiya, eGalathiya, kanye namanye amabandla. Ngakho, izincwadi zikaPawulu zeTestamente Elisha zabe ziyizincwadi uPawulu azibhalela amabandla, hhayi ukuphefumulelwa okuvela eMoyeni oNgcwele, futhi aziwona amazwi avela ngqo eMoyeni oNgcwele. Zimane zingamazwi okuyala, okududuza, nokukhuthaza awabhalela amabandla ngesikhathi enza umsebenzi wakhe. Ngakho nazo, zingumbhalo womsebenzi omningi kaPawulu ngaleso sikhathi. Zazibhalelwe bonke abazalwane eNkosini, futhi zabe zingezokwenza ukuthi abazalwane emabandleni ngaleso sikhathi ukuba balandele izeluleko zakhe nokuthi bagcine zonke izindlela zeNkosi uJesu. Akazange uPawulu athi, noma kumabandla angaleso sikhathi noma angesikhathi esizayo, bonke kufanele badle futhi baphuze izinto kuye, futhi akazange athi wonke amazwi akhe avele kuNkulunkulu. Ngokuhambisana nezimo ebandleni ngaleso sikhathi, wamane waxoxisana nabazalwane, futhi wabayala, wagqugquzela ukholo kubo; futhi wayemane ashumayele noma akhumbuze abantu futhi abayale. Amazwi akhe ayesukela emthwalweni wakhe, futhi wayesekela abantu ngala mazwi. Wenza umsebenzi womphostoli wamabandla angaleso sikhathi, wabe engumsebenzi owasetshenziswa yiNkosi uJesu, ngakho wanikwa umthwalo wokuphatha amabandla, wathunywa ukuba enze umsebenzi wamabandla, kwadingeka ukuba afunde ngezimo ababekuzo abazalwane—futhi ngenxa yalokhu, wabhalela izincwadi bonke abazalwane eNkosini. Konke akusho okwabe kwakha futhi kukuhle kubantu kwakulungile, kodwa kwabe kungamele amazwi oMoya oNgcwele, futhi wayengeke amele uNkulunkulu. Kungukuqonda okuyiphutha ngokumangalisayo, nokuhlambalaza okukhulu kakhulu, ukuthi abantu bathathe imibhalo yalokho umuntu adlule kukho nezincwadi zomuntu njengamazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele emabandleni! Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma kuza ezincwadini lezi uPawulu azibhalela amabandla, ngoba izincwadi zakhe zazibhalelwe abazalwane ngokubhekelela izinselelo nezimo zebandla nebandla ngaleso sikhathi, futhi kwabe kungezokuyala abazalwane eNkosini, ukuze bathole umusa weNkosi uJesu. Izincwadi zakhe kwakungezokuvuselela abazalwane bangaleso sikhathi. Kungashiwo ukuthi lokhu kwabe kungumthwalo wakhe, futhi kwakungumthwalo ayewunikwe nguMoya oNgcwele; phela wabe engumphostoli ehola amabandla ngaleso sikhathi, owabhalela izincwadi emabandleni futhi wabayala—lokhu kwabe kungumsebenzi wakhe. Ubuyena kwakumane kuyilobo bomphostoli osebenzayo, futhi wabe emane engumphostoli owayethunywe nguNkulunkulu; wabe engeyena umphrofethi, noma umbikezeli. Ngakho kuye, umsebenzi wakhe kanye nezimpilo zabazalwane kwakubaluleke kakhulu impela. Ngakho, wayengakwazi ukukhulumela uMoya oNgcwele. Amazwi akhe kwakungewona amazwi oMoya oNgcwele, kungasaphathwa ukuthi kuthiwe amazwi kaNkulunkulu, ngoba uPawulu wayemane engelutho ngaphandle kwesidalwa sikaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekileyo wabe engeyena uNkulunkulu osenyameni. Ubuyena babungafani nalobo bukaJesu. Amazwi kaJesu kwabe kungamazwi kaMoya oNgcwele, kwakungamazwi kaNkulunkulu, ngoba ubuyena kwakunguKristu—indodana kaNkulunkulu. UPawulu wayengaba kanjani untanga Wakhe? Uma abantu bebona izincwadi noma amazwi kaPawulu njengamazwi oMoya oNgcwele, futhi bewakhonze njengoNkulunkulu, ngakho kungathiwa bemukela noma yini bakhohliseka kalula. Ukukusho ngesankahlu, akuve lokhu kuwukumthuka uNkulunkulu? Umuntu angakhulumela kanjani uNkulunkulu? Futhi abantu bangakhothama kanjani ngaphambi kwemibhalo yezincwadi zakhe namazwi awakhuluma ongathi ayeyincwadi engcwele, noma incwadi yasezulwini? Ingabe amazwi kaNkulunkulu ayengakhulunywa ngumuntu ngokunganaki? Wayengamkhulumela kanjani uNkulunkulu umuntu? Ngakho, wena uthini—kungenzeka yini ukuthi izincwadi azibhalela amabandla zazingcoliswe yimibono yakhe ngokwakhe? Zazingeke kanjani zingangcoliswa imibono yobuntu? Wabhalela izincwadi amabandla esusela kulokho ayedlule kukhona yena uqobo kanye nezinga lempilo yakhe. Isibonelo, uPawulu wabhalela izincwadi amabandla aseGalathiya ezazinombono othile, futhi uPetru wabhala enye, nokho eyayinombono ohlukile. Yiziphi ezazivela eMoyeni oNgcwele? Akekho ongasho ngokuqinisekile. Ngakho, kungathiwa kuphela zombili zazinomthwalo ngamabandla, kepha izincwadi zawo zibonisa izinga lawo, zibonisa ukuhlinzeka nokusekela kwazo abazalwane, kanye nomthwalo mayelana namabandla, futhi zibonisa umsebenzi womuntu; zazingezona ezoMoya oNgcwele ngokuphelele. Uma uthi izincwadi zakhe zingamazwi kaMoya oNgcwele, ngakho awunangqondo, futhi uyamhlambalaza uNkulunkulu! Izincwadi zikaPawulu kanye nezinye izincwadi zeTestamente Elisha zingalinganiswa nomlando walabo ababenegalelo elikhulu kwezikamoya kamuva nje. Zisezingeni elifanayo nezincwadi zikaWatchman Nee noma lokho uLawrence adlula kukho, njalo njalo. Ukuthi nje izincwadi zalabo bakamuva ababenegalelo elikhulu kwezikamoya, aziqoqelwanga eTestamenteni Elisha, kepha ingqikithi yala bantu iyafana: Babengabantu ababesetshenziswa uMoya oNgcwele ngesikhathi esithile, futhi babengeke bamele uNkulunkulu ngqo.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

IVangeli ngokukaMathewu eTestamenteni Elisha lilandisa ngohlu lozalo lukaJesu. Ekuqaleni, lithi uJesu wabe eyinzalo ka-Abrahama, indodana kaDavide, indodana kaJosefa; okulandelayo lithi uJesu wazalwa ngoMoya oNgcwele, futhi wazalwa yintombi—okuchaza ukuthi wayengeyona indodana kaJosefa noma inzalo ka-Abrahama, ukuthi wayengeyona indodana kaDavide. Uhlu lozalo, nokho, luyaphikelela ukuhlanganisa uJesu noJosefa. Okulandelayo, uhlu lozalo luyaqala ukucacisa ngenqubo uJesu azalwa ngayo. Luthi uJesu wazalwa ngoMoya oNgcwele, ukuthi wazalwa yintombi, futhi wayengeyona indodana kaJosefa. Kepha ohlwini lo zalo kubhalwe ngokusobala ukuthi uJesu wabe eyindodana kaJosefa, futhi ngoba uhlu lozalo lubhalelwe uJesu, lubhala izizukulwane ezingama-42. Uma seluza esizukulwaneni sikaJosefa, ngokushesha luthi uJosefa wabe engumyeni kaMariya, amazwi okubonisa ukuthi uJesu wabe eyinzalo ka-Abrahama. Akukhona yini ukuphikisa lokhu? Uhlu lozalo luyabhala ngokusobala isizukulwane sokhokho bakaJosefa, kusobala ukuthi uhlu lozalo lukaJosefa, kodwa uMathewu uyaphikelela ukuthi uhlu lozalo lukaJesu. Ingabe lokhu akuphikisi iqiniso lokuzalwa kukaJesu ngoMoya oNgcwele? Ngakho ingabe uhlu lozalo olubhalwe nguMathewu, aluwona umbono womuntu? Akunangqondo! Ngale ndlela, uyazi ukuthi le ncwadi ayiveli kuMoya oNgcwele ngokuphelele.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla, ngubani owenu ongaba nesibindi sokuthi onke amazwi akhulunywe yilabo ababesetshenziswa nguMoya oNgcwele ebe evela kuMoya oNgcwele? Ngabe ukhona ongasho lezo zinto? Uma uzisho, kungani-ke incwadi yesiprofetho sika-Ezra yalahlwa, futhi kungani isenzeko esifanayo senziwa ezincwadini zalabo abangcwele nabaprofethi basendulo? Uma ngabe bonke bavele kuMoya oNgcwele manje kungani unesibindi sokukhetha ukwenza umathanda kanje? Ngabe uyafaneleka yini ukukhetha umsebenzi kaMoya oNgcwele? Izindaba eziningi ezazivela kwa-Israyeli nazo zalahlwa. Uma ngabe ukholelwa ukuthi le mibhalo yakudala yayivele kuMoya oNgcwele, kungani ke eminye yemibhalo yalahlwa? Uma ngabe yonke yayivele kuMoya oNgcwele, kufanele igcinwe yonke, ithunyelwe kubazalwane nodade ezinkonzweni ukuze bayifunde. Akufanele ukuba ikhethwe futhi ilahlwe ngentando yabantu; akulungile ukwenza njalo. Ukuthi ulwazi lukaPawulu noJohane beluxutshwe nokubona kwabo akusho ukuthi ulwazi lwabo luvela kuSathane, kodwa ukuthi nje bebenezinto ezivela olwazini lwabo ngokwabo nangokubona kwabo. Ulwazi lwabo belumayelana nesendlalela solwazi lwangempela lwangaleso sikhathi, ubani ongasho ngokuzethemba ukuthi konke kuvele kuMoya oNgcwele? Uma ngabe iVangeli lezincwadi ezine lonke livele kuMoya, manje kungani uMathewu, uMarku, uLuka noJohane besho izinto ezingefani ngomsebenzi kaJesu? Uma ungakholelwa yilokhu, bheka izincwadi eBhayibhelini ukuthi uPetru wamphika kanjani kathathu uJesu: Bonke behlukile, futhi omunye nomunye unezimpawu zakhe. … Funda ngokucophelela iVangeli ezincwadini ezine; funda ngalokho abakubhalile ngezinto ezenziwa nguJesu, namazwi awakhuluma. Incwadi ngayinye ibilula, yehlukile, futhi ngayinye ibinendlela ebona ngayo izinto. Uma ngabe konke obekubhalwe yilaba babhali balezi zincwadi kuvele kuMoya, kufanele kufane futhi kungaguquki. Kungani-ke kunomehluko?

kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphambilini abaphostoli nabaprofethi babhala izincwadi ezithize, benza neziprofetho eziningi. Kamuva, abantu bakhetha ezinye zazo ukuzifaka eBhayibhelini, ezinye zalahleka. Njengoba kunabantu abathi yonke into ekhulunywe yibo ivele kuMoya oNgcwele, kungani okunye kwakho kubonakala kukuhle, okunye kwakho kubonakala kukubi? Futhi kungani okunye kwakhethwa, okunye kwangakhethwa? Uma ngabe ngempela bekungamazwi akhulunywe uMoya oNgcwele, kungadingeka ukuba abantu bawakhethe? Kungani amagama akhulunywe nguJesu nomsebenzi awenzile uhlukile emaVangelini omane?

kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Empeleni, imane iwumbhalo wabantu. Ayizange iqanjwe igama nguJehova mathupha, futhi uJehova akazange aqondise ukwenziwa kwayo mathupha. Ngamanye amazwi, umbhali wale ncwadi akuyena uNkulunkulu, kodwa abantu. IBhayibheli Elingcwele yigama elinokuhlonipha elinikwe yona ngabantu. Leli gama alizange liqokwe nguJehova noJesu emva kokuthi bekade benengxoxo ndawonye; ayiyilutho ngaphezu kokuba umbono womuntu. Ngoba le ncwadi ayibhalwanga nguJehova, kungasaphathwa uJesu. Kunalokho iyizindaba zabaprofethi, abaphostoli kanye nababoni abaningi basendulo, ezabuthelwa ndawonye yizizukulwane zakamuva ukwenza incwadi yemibhalo yasendulo, kubantu ebonakala sengathi ingcwele kakhulu, incwadi abakholelwa ukuthi inezimfihlakalo ezingeqondwe futhi ezijulile ezilinde ukudalulwa izizukulwane ezizayo. Ngale ndlela, abantu bathanda ngisho ukukholwa ukuthi le ncwadi incwadi yasezulwini. Uma kwengezwa amaVangeli Amane kanye neNcwadi yeSambulo, isimo sengqondo sabantu ngayo sihluke nakakhulu kunanoma iyiphi enye incwadi, ngakho akekho olokothayo ukuhlaziya le ncwadi yasezulwini—ngoba ingcwele kakhulu.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana