Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/08

3. IBhayibheli laqokelelwa ngumuntu, hhayi uNkulunkulu; iBhayibheli alikwazi ukumela uNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi Ebhayibheli:

“Hlolani imibhalo; ngoba nicabanga ukuthi kuyo niyoba nokuphila okungunaphakade: yiyo engifakazelayo. Futhi ngeke nize kimi, ukuze nibe nokuphila” (Johane 5:39-40).

“Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami” (Johane 14:6 ).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

IBhayibheli umbhalo womlando womsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli, futhi lilandisa ngokuningi ukubikezela kwabaphrofethi basemandulo kanye namanye amazwi kaJehova emsebenzini Wakhe ngaleso sikhathi. Ngakho, bonke abantu bayithatha le ncwadi njengencwadi engcwele (ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi mkhulu). Phela, lokhu kungenxa yokuhlonipha kwabo uJehova okukhulu kanye nokumthanda kakhulu uNkulunkulu. Abantu bayibiza ngale ndlela le ncwadi kuphela ngenxa yokuthi abadaliweyo bakaNkulunkulu bamthanda kakhulu uMdali wabo, futhi kukhona ngisho labo le ncwadi abayibiza njengencwadi yasezulwini. Empeleni, imane iwumbhalo wabantu. Ayizange iqanjwe igama nguJehova mathupha, futhi uJehova akazange aqondise ukwenziwa kwayo mathupha. Ngamanye amazwi, umbhali wale ncwadi akuyena uNkulunkulu, kodwa abantu. IBhayibheli Elingcwele yigama elinokuhlonipha elinikwe yona ngabantu. Leli gama alizange liqokwe nguJehova noJesu emva kokuthi bekade benengxoxo ndawonye; ayiyilutho ngaphezu kokuba umbono womuntu. Ngoba le ncwadi ayibhalwanga nguJehova, kungasaphathwa uJesu. Kunalokho iyizindaba zabaprofethi, abaphostoli kanye nababoni abaningi basendulo, ezabuthelwa ndawonye yizizukulwane zakamuva ukwenza incwadi yemibhalo yasendulo, kubantu ebonakala sengathi ingcwele kakhulu, incwadi abakholelwa ukuthi inezimfihlakalo ezingeqondwe futhi ezijulile ezilinde ukudalulwa izizukulwane ezizayo. Ngale ndlela, abantu bathanda ngisho ukukholwa ukuthi le ncwadi incwadi yasezulwini. Uma kwengezwa amaVangeli Amane kanye neNcwadi yeSambulo, isimo sengqondo sabantu ngayo sihluke nakakhulu kunanoma iyiphi enye incwadi, ngakho akekho olokothayo ukuhlaziya le ncwadi yasezulwini—ngoba ingcwele kakhulu.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Phambilini, abantu bakwa-Israyeli babefunda iTestamente Elidala kuphela. Okungukuthi, ngeNkathi Yomusa abantu babefunda iTestamente Elidala. ITestamente Elisha lavela kuphela ngeNkathi Yomusa. ITestamente Elisha labe lingekho ngesikhathi uJesu esebenza; abantu emuva kokuvuka nokunyukela Kwakhe ezulwini babhala phansi umsebenzi Wakhe. Yilapho kuphela kwaba khona amaVangeli Amane, ukwengeza kulokho, kwakukhona izincwadi zikaPawulu noPetru, kanye neNcwadi yeSambulo. Emuva kweminyaka engaphezu kwama-300 uJesu enyukela ezulwini, yilapho kuphela izizukulwane ezalandela zaqoqa ndawonye imibhalo, kwaba khona iTestamente Elisha. Kuphela emuva kokuthi lo msebenzi wabe sewuqediwe, kwaba khona iTestamente Elisha; lalingazange libe khona phambilini. UNkulunkulu wayekade enze wonke loya msebenzi, umphostoli uPawulu wayekade enze wonke loya msebenzi futhi emva kwalokho izincwadi zikaPawulu noPetru zihlangene, kanye nombono omkhulu kakhulu owabhalwa nguJohane esiqhingini sasePhatimose wabekwa ekugcineni, ngoba wawuphrofetha umsebenzi wezinsuku zokugcina. Lokhu konke kwabe kungukuhlela kwezizukulwane ezeza kamuva….Lokho abakubhala, kungathiwa, kwakuhambisana nezinga le mfundo nezinga lomuntu lokukhalipha. Ababekubhala kwabe kuyilokho abantu ababedlule kukho, futhi ngamunye babenezindlela zabo zokubhala nokwazi, futhi umbhalo ngamunye wabe uhlukile. Ngakho, uma ukhonza iBhayibheli njengoNkulunkulu uwunalwazi futhi uyisiphukuphuku ngokwedlulele!

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kanti phela, ubani omkhulu: uNkulunkulu noma iBhayibheli? Kungani umsebenzi kaNkulunkulu kufanele uhambisane neBhayibheli? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu akanalo ilungelo lokudlula iBhayibheli? Angeke yini uNkulunkulu akwazi ukushiya eBhayibhelini futhi enze omunye umsebenzi? Kungani uJesu nabafundi Bakhe babengaligcini iSabatha? Uma wayengaligcina iSabatha futhi enze ngokuhambisana nemiyalelo yeTestamente Elidala, kungani uJesu wayengaligcini iSabatha emva kokufika, kodwa kunalokho, wageza izinyawo, wamboza ikhanda, wahlephula isinkwa, futhi waphuza iwayini? Akuve konke lokhu kungekho emiyalelweni yeTestamente Elidala? Uma uJesu wayelihlonipha kakhulu iTestamente Elidala, kungani wazishaya indiva lezi zimfundiso?Kufanele wazi ukuthi yikuphi okweza kuqala, uNkulunkulu noma iBhayibheli! Njengoba eyiNkosi yeSabatha, ubengeke futhi abe yiNkosi yeBhayibheli?

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando? Ukuletha izinto zakudala namuhla kuzenza umlando, futhi akukhathaleki ukuthi ziyiqiniso noma zingokoqobo kangakanani, zisewumlando—futhi umlando awukwazi ukubhekana nesikhathi samanje. Ngoba uNkulunkulu akabheki emuva emlandweni! Ngakho, uma uqonda iBhayibheli kuphela, futhi ungaqondi lutho ngomsebenzi uNkulunkulu aqonde ukuwenza namuhla, futhi uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungawushisekeli umsebenzi woMoya oNgcwele, ngakho awuqondi ukuthi kusho ukuthini ukufuna uNkulunkulu. Uma ufunda iBhayibheli ukuze ufundisise umlando wakwa-Israyeli, ukucwaninga umlando wokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba, awukholwa kuNkulunkulu. Kodwa, namuhla, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, futhi ushisekela ufuna ukuphila, njengoba ushisekela ulwazi lukaNkulunkulu, futhi ungazishisekeli izincwadi nezimfundiso ezifile, noma ukuqonda umlando, kufanele ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje, futhi kufanele ufune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele. Uma ubungumphenyi wezinto zasendulo ubungalifunda iBhayibheli—kodwa awuyena, ungomunye walabo abakholwa kuNkulunkulu, futhi kungcono ukumane ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola izincwadi nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa kulokho okumangalisayo okwenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[a] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!

kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?

kwesithi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi? AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu abafuna iqiniso, kodwa abantu abalandela ngokomthetho amazwi ombhalo ongcwele; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?

Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, nokuthi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. … Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abamukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi – bangafanelana kanjani Nami?

kwesithi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okokugcina, kufanele ngikhumbuze wonke umuntu: Ningabekeli uNkulunkulu umkhawulo ngezincwadi, ngamazwi, noma ngamazwi Akhe awaphimisa kudala. Linye kuphela igama elichaza umsebenzi kaNkulunkulu—musha. Akathandi ukuthatha izindlela zakudala noma ukuphinda umsebenzi Wakhe, futhi ngaphezu kwalokho akafuni abantu bamdumise ngokumbekela umkhawulo ngemisebenzi ethile. Ilokhu uNkulunkulu ayikho.

kwesithi Ekupheleni sethi Izwi Livela Lisenyameni

Incazelo kaNkulunkulu ngesiqu, ukwakhiwa, nezimpazamo zeBhayibheli nakanjani akukuphiki ukuba khona kwako, futhi akulilahli iBhayibheli. Kunalokho, kwenzelwe ukuletha incazelo enomqondo nefanele, ukubuyisa isithombe sokuqala seBhayibheli, nokulungisa ukungaqondi kahle abantu abanakho ngeBhayibheli ukuze bonke abantu babe nombono ofanele ngalo, bengabe besalikhonza, bengabe besalahleka—ngendlela eyihaba, benza ukholo lwabo olungaboni eBhayibhelini lube ukukholelwa nokukhonza uNkulunkulu, futhi abalokothi babhekane nemvelaphi yalo eyiqiniso nobuthaka balo. Kungemuva kokuba bonke benokuqonda okuhlanzekile ngeBhayibheli bezokwazi ukunganqikazi kulo futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. Lena inhloso kaNkulunkulu kulezi zahluko eziningana. Iqiniso uNkulunkulu afuna ukulitshela abantu lapha ukuthi akunamfundiso noma iqiniso okungangena esikhundleni emsebenzini kaNkulunkulu wamanje noma emazwini Akhe, futhi akunalutho olungangena esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukususa inetha yeBhayibheli, abanakukwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befuna ukuza phambi kukaNkulunkulu, kumele baqala bahlanze izinhliziyo zabo nganoma yini engangena esikhundleni Sakhe—ngale ndlela uNkulunkulu uyokwaneliswa.

ivela embhalweni othi Isethulo Sengxenye Yesibili sethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana