Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/10

4. Ayikho indlela yokuphila okungunaphakade ngaphakathi eBhayibhelini; uma umuntu ebambelela eBhayibhelini futhi alikhonze, lapho-ke ngeke akuthole ukuphila okungunaphakade

Izikhombo Zamavesi Ebhayibheli:

“Hlolani imibhalo; ngoba nicabanga ukuthi kuyo niyoba nokuphila okungunaphakade: yiyo engifakazelayo. Futhi ngeke nize kimi, ukuze nibe nokuphila” (Johane 5:39-40).

“Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila: akekho oza kuBaba, ngaphandle kwami” (Johane 14:6).


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza.


kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola izincwadi nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa kulokho okumangalisayo okwenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[a] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!


kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo bakwa-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina somsebenzi senziwa ezweni elingcole kunawo wonke ukuze kwahlulelwe umhlaba futhi ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa endaweni ekhanya kunazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, futhi lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngokugcwele, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwa ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi siwuphawu: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuphatha uzofika ekugcineni okuphelele. Lapho labo abasebumnyameni obukhulu sebenqotshiwe, akubuzwa ukuthi kuyobe kunjalo kuyo yonke indawo. Njengoba kunje, ngumsebenzi wokunqoba eChina kuphela ophethe uphawu olunomqondo. IChina iveza wonke amandla obumnyama futhi abantu bakhona bamele bonke labo abangabenyama, abakaSathane, abenyama negazi. Ngabantu baseChina abakhohlakaliswe kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, obe ngumphikisi omkhulu kaNkulunkulu, obuntu bakhe bubi futhi bungcole kakhulu, futhi ngakho bawumfuziselo omkhulu wawo wonke umphakathi okhohlakele. … Kungani bengilokhu ngithi nilusizo ohlelweni Lwami lokuphatha? Kusebantwini baseChina lapho inkohlakalo, ukungcola, ukungalungi, ukuphikisa nokuhlubuka kubonakala khona ngokuphelele futhi kwembulwa kuzo zonke izinhlobo zakho. Ngakolunye uhlangothi, bangabezinga eliphansi, futhi ngakolunye, ukuphila kwabo, ukucabanga kwabo kusemuva, futhi ukuziphatha kwabo, izimo zenhlalo, imindeni abazalwa kuyo—konke kuphansi futhi kusemuva. Isimo sabo, naso siphansi. Umsebenzi kule ndawo uyafanekisa, futhi ngemva kwalokhu kuhlola, umsebenzi wenziwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe olandelayo uzohamba kangcono kakhulu. Uma lesi sinyathelo somsebenzi singaqedwa, nomsebenzi olandelayo uzophela nakanjani. Uma lesi sigaba somsebenzi sesifeziwe, impumelelo enkulu iyobe isitholakele, futhi umsebenzi wokunqoba kuyo yonke indawo uyobe usufezwe ngokuphelele. Eqinisweni, uma nje umsebenzi okini usuphumelele, lokhu kuyolingana nokuphumelela endaweni yonke. Yilokho ukubaluleka Ukuvukela.


kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso, isigaba sokuqala somsebenzi womthetho sasikude nomongo womsebenzi wokuphatha; sasinenswebu encane yomsebenzi wokusindisa, futhi sasingesona isiqalo somsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Isigaba sokuqala somsebenzi senziwa uMoya ngokuqondile, ngenxa yokuthi ngaphansi komthetho, umuntu wayazi kuphela ukunamathela emthethweni, wayengenalo iqiniso elengeziwe, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi weNkathi Yomthetho kwakwethukela uhlanganisa izinguquko esimweni somuntu, kuncane kakhulu okwakubandakanyekile emsebenzini wokusindisa umuntu ekubusweni uSathane. Ngakho uMoya kaNkulunkulu waqeda lesi sigaba esiphakeme somsebenzi esasingahlanganisi isimo esikhohlakele somuntu. Lesi sigaba somsebenzi sazala ubuhlobo emsebenzini owumgogodla wokuqondisa, futhi asihlanganisi lutho olutheni emsebenzini osemthethweni wensindiso….


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJehova kwakuwukuhola nokwelusa umuntu ngokuqondile ngokubeka imithetho ukuze umuntu akwazi ukuphila impilo ejwayelekile nokudumisa uJehova ngendlela ejwayelekile emhlabeni. UNkulunkulu eNkathini Yomthetho wayengabonwa futhi angathintwa muntu. Wayehola umuntu owayekhohlakaliswe uSathane nje, futhi wayekhona ukuze ayalele futhi eluse laba bantu, ukuze amazwi awakhuluma ayengawomthetho, nemiyalelo kanye nolwazi olujwayelekile ngokuphila impilo njengomuntu kuphela, kwakungasiwo wonke amaqiniso anika umuntu ukuphila. Ama-Israyeli ngaphansi kobuholi Bakhe ayengewona lawo akhohlakaliswe ngokujulile uSathane. Umsebenzi Wakhe womthetho wawusesigabeni sokuqala ngqa somsebenzi wensindiso, ukuqala komsebenzi wensindiso, futhi kwakungahlangene nhlobo nokushintsha isimo sempilo yomuntu.


kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi.


kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi, uJesu wakhuluma kubafundi Bakhe kuphela ochungechungeni lwezintshumayelo eNkathini Yomusa, ezifana nokuthi bangenza kanjani, bangahlanganyela kanjani ndawonye, bangacela kanjani ngomkhuleko, bangabaphatha kanjani abanye, nokunye. Umsebenzi awenza wawungoweNkathi Yomusa, futhi wachaza kuphela ukuthi kumele abafundi nalabo abamlandelayo benze kanjani. Wenza umsebenzi weNkathi Yomusa kuphela akenzanga lutho okwezinsuku zokugcina. … Umsebenzi kaNkulunkulu enkathini ngayinye unemingcele ecacile; wenza kuphela umsebenzi wenkathi yangaleso sikhathi futhi akawenzi umsebenzi wesigaba esilandelayo singakafiki isikhathi sawo. Yingale ndlela kuphela ezokwenza ukuba umsebenzi wesigaba ngasinye ulethwe phambili. UJesu wakhuluma kuphela ngezimpawu zezinsuku zokugcina, ngokuthi ubekezela kanjani nokuthi usindiswa kanjani, nokuthi uyophenduka kanjani uvume nezono, kanjalo nokuthi usithwala kanjani isiphambano ubekezelele ukuhlupheka; akaze akhulume ngokuthi abantu ezinsukwini zokugcina kumele bangene kanjani noma kumele bafune kanjani ukwanelisa intando kaNkulunkulu.


kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJesu wawumayelana nokuhlengwa komuntu kanye nokubethelwa Kwakhe kuphela. Ngakho, sasingekho isidingo sokuba asho amazwi amaningi ukuze anqobe umuntu. Okuningi kwalokho akufundisa umuntu kwakuthathwe emiBhalweni futhi ngisho nomsebenzi Wakhe awuzange udlulele ngale kwemiBhalo, kunalokho Wakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa. Umsebenzi Wakhe wawungekho mayelana nezwe, noma ukunqoba isintu, kodwa wawumayelana nokuhlenga isintu. Waba njengomnikelo wesono wesintu, futhi akazange abe njengomthombo wezwi esintwini.


kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi uJesu efika futhi enza leso sigaba somsebenzi, wayengamele ukuphelela kukaNkulunkulu. Wenza izimpawu nezimangaliso ezithile, wakhuluma amazwi athile, futhi wagcina ngokubethelwa, futhi wamela ingxenye eyodwa kaNkulunkulu. Wayengeke amele konke okungokukaNkulunkulu, kodwa wamela uNkulunkulu ngokwenza ingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu yingoba uNkulunkulu mukhulu kakhulu, futhi uyamangalisa kakhulu, futhi akaqondakali, futhi ngoba uNkulunkulu wenza ingxenye eyodwa yomsebenzi wakhe enkathini ngayinye.


kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando? Ukuletha izinto zakudala namuhla kuzenza umlando, futhi akukhathaleki ukuthi ziyiqiniso noma zingokoqobo kangakanani, zisewumlando—futhi umlando awukwazi ukubhekana nesikhathi samanje. Ngoba uNkulunkulu akabheki emuva emlandweni! Ngakho, uma uqonda iBhayibheli kuphela, futhi ungaqondi lutho ngomsebenzi uNkulunkulu aqonde ukuwenza namuhla, futhi uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungawushisekeli umsebenzi woMoya oNgcwele, ngakho awuqondi ukuthi kusho ukuthini ukufuna uNkulunkulu. Uma ufunda iBhayibheli ukuze ufundisise umlando wakwa-Israyeli, ukucwaninga umlando wokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba, awukholwa kuNkulunkulu. Kodwa, namuhla, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, futhi ushisekela ufuna ukuphila, njengoba ushisekela ulwazi lukaNkulunkulu, futhi ungazishisekeli izincwadi nezimfundiso ezifile, noma ukuqonda umlando, kufanele ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje, futhi kufanele ufune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele. Uma ubungumphenyi wezinto zasendulo ubungalifunda iBhayibheli—kodwa awuyena, ungomunye walabo abakholwa kuNkulunkulu, futhi kungcono ukumane ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje.


kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba iBhayibheli liletha ndawonye ezinye zezincwadi zamazwi okuphila, njengezincwadi zikaPawulu kanye nezincwadi zikaPetru, futhi nakuba abantu bengahlinzekwa futhi basizwe yilezi zincwadi, lezi zincwadi zishiywe yisikhathi nokho, ngezenkathi endala, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zilungele isikhathi esisodwa kuphela, futhi akuzona ezaphakade. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uhlale uthuthuka, futhi awukwazi ukumane ume ngesikhathi sikaPawulu noPetru, noma uhlale eNkathini Yomusa ngenkathi lapho uJesu abethelwa kuyo. Ngakho, lezi zincwadi zilungele iNkathi Yomusa kuphela, hhayi iNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina. Zingahlinzeka kuphela amakholwa eNkathi Yomusa, hhayi abangcwele beNkathi Yombuso, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zisalokhu zibhuntshile zingasasetshenziswa. Kuyafana nomsebenzi kaJehova wokudala noma umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli: Akukhathaleki noma wawumkhulu kangakanani lo msebenzi, wawuselokhu ubhuntshile, uphelelwe isikhathi, futhi sasiyofika isikhathi lapho wawuyodlula. Umsebenzi kaNkulunkulu nawo uyefana: Muhle kakhulu, kodwa kuyofika isikhathi lapho uyophela; ngeke ulokhu ukhona phakathi komsebenzi wokudala, noma phakathi komsebenzi wokubethela. Akukhathaleki noma ngabe ukholisa kanjani umsebenzi wokubethelwa, akukhathaleki noma ngabe waphumelela kangakanani ukwehlula uSathane, umsebenzi phela, kusewumsebenzi, futhi nezinkathi, phela ziseyizinkathi; umsebenzi ngeke uhlale esisekelweni esisodwa futhi nezikhathi ngeke zingashintshi, ngoba kwakukhona ukudalwa, futhi kufanele kube khona izinsuku zokugcina. Lokhu akunakugwemeka! Ngakho, namhlanje amazwi okuphila eTestamenteni Elisha—izincwadi zabaphostoli, kanye namaVangeli Amane—asephenduke izincwadi zomlando, asephenduke amakhalenda amadala aphethe izinsuku zonyaka, futhi amakhalenda amadala abengabangenisa kanjani abantu enkathini entsha? Noma ngabe la makhalenda akwazi kangakanani ukunika abantu ukuphila, noma ngabe akwazi kanjani ukuholela abantu esiphambanweni, akuve ephelelwe isikhathi? Akuve engasewusizo lwalutho? Ngakho, ngithi akufanele ukholwe ngokumpumpuzela kula makhalenda. Madala kakhulu, ngeke akwazi ukukuletha emsebenzini omusha, futhi azokuthwalisa okusindayo nje kuphela. Akukhona ukuthi angeke akulethe emsebenzini omusha nokungena okusha kuphela, kodwa akuyisa emasontweni amadala enkolo—futhi uma kunjalo, akuve uhlehla nyova ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu?


kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Akumele nifune obunye ubufakazi obungubufakazi bokuthi nginguNkulunkulu wenu. Kunalokho, kumele nihlukanise ukuthi nginalo na usizo kini; ilokho okusemqoka. Yize senithole ubufakazi obungephikiswe eBhayibhelini, ngeke bunilethe ngokuphelele phambi Kwami. Yini eniphila emingceleni yeBhayibheli, hhayi phambi Kwami; iBhayibheli ngeke linisize ukuba nazi Mina, futhi ngeke lijulise uthando lwenu Ngami.


kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani ungafuni umsebenzi kaNkulunkulu wanamhlanje? Umsebenzi kaNkulunkulu kuphela ongasindisa umuntu. IBhayibheli ngeke limsindile umuntu, futhi alishintshanga nhlobo eminyakeni eyizinkulungwane eziningi, futhi uma ukhonza iBhayibheli awusoze wawuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele.


kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

“Onezindlebe makezwe okushiwo uMoya emabandleni.” Seniwezwile manje amazwi oMoya oNgcwele? Amazwi kaNkulunkulu afikile phezu kwenu. Niyawezwa? UNkulunkulu wenza umsebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina, kanti amagama anjengalawa oMoya oNgcwele, ngoba uNkulunkulu unguMoya oNgcwele futhi uyakwazi ukuba yinyama; ngakho-ke, amazwi oMoya oNgcwele, njengoba ekhulunyiwe esikhathini esedlule, angamazwi kaNkulunkulu osenyameni namuhla. Baningi abantu abangenangqondo abakholelwa ukuthi amazwi kaMoya oNgcwele kumelwe ehle emazulwini eze ezindlebeni zabantu. Noma ngubani ocabanga ngale ndlela akawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Eqinisweni, amazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele yilawo akhulunywa nguNkulunkulu esenyameni. UMoya oNgcwele awukhulumi ngqo nomuntu, kanti futhi noJehova akazange akhulume ngqo nabantu, ngisho naseNkathini Yomthetho. Ngeke kwenzeke ukuthi enze kanjalo ngale nkathi yanamuhla? Ukuze uNkulunkulu akhulume enze umsebenzi, kumele abe yinyama, kungenjalo umsebenzi Wakhe ngeke uyifeze inhloso Yakhe. Labo abaphika uNkulunkulu oyinyama yilabo abangawazi uMoya noma imigomo asebenza ngayo uNkulunkulu. Labo abakholelwa ukuthi manje yinkathi yoMoya oNgcwele kodwa bengawemukeli umsebenzi Wakhe omusha yilabo abaphila ngokholo olungacacile. Abantu abanjena ngeke bawuthole umsebenzi kaMoya oNgcwele. Labo abafisa kuphela ukuthi uMoya oNgcwele ukhulume ngqo futhi wenze umsebenzi Wakhe, kodwa bengawemukeli amazwi noma umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, ngeke bakwazi ukungena enkathini entsha noma bathole insindiso ephelele kuNkulunkulu!


kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngezincwadi, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi adungekile alokhu emile izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni izincwadi ezingakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.


kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana