Voice of Justice

Voice of Justice

2020/01/02

Isahluko 27

Ukuziphatha kwabantu akukaze kuyithinte inhliziyo Yami, noma ngikubone njengokubalulekile. Umuntu uhlala ebona sengathi ngimphethe ngesandla sensimbi kanti futhi ngihlala ngisebenzisa igunya phezu kwakhe. Kuzo zonke izenzo zomuntu, kuyingcosana okwenzelwa Mina, kuyingcosana okungama kuqonde phambi kwamehlo Ami. Ekugcineni, yonke into ephathelene nomuntu igcine ingasabonakali ibhidlika phambi Kwami, yingaleso sikhathi lapho izenzo Zami zibonakala khona, zenza ukuthi bonke abantu ekwahlulekeni kwabo bangazi. Indalo yomuntu ayikaguquki. Okusezinhliziyweni zabo akuhambelani nentando Yami—akukhona engikudingayo. Engikwenyanya kakhulu ubulukhuni bomuntu nokuphindaphinda iziphambeko zakhe, kodwa yimaphi amandla enza ukuthi abantu baqhubeke nokwehluleka ukungazi, ukuhlala bengiqhelisile kanye nokungenzi nhlobo ngokuhambelana nentando Yami phambi Kwami kodwa ngokungiphikise ngingababoni? Ingabe lokhu yikho ukwethembeka kwabo? Ingabe kuwuthando lwabo Kimi? Kungani bengaguquki bazalwe kabusha? Kungani abantu bethanda ukuqhubeka bahlale exhaphozini kunasendaweni engenalo udaka? Kungaba ukuthi ngibaphathe kabi? Kungabe ukuthi ngibadukisile? Kungabe ukuthi ngibaholele esihogweni? Wonke umuntu uzimisele ngokuhlala “esihogweni.” Uma ukukhanya kufika amehlo abo avaleka ngci, kube sengathi yonke into abayigcine kuwo ibuya esihogweni. Nakuba kunjalo, abazi ngalokhu, bathokozela nje “injabulo ephathelene nesihogo.” Babuye bazibambe njengezingcebo eduze nezifuba zabo besaba ukuthi ngizozona, ngibashiye ngaphandle “komthombo wabo wokuba khona.” Abantu bayangesaba, yingakho beziqhelelanisa Nami bengathandi nokusondela Kimi uma ngiza emhlabeni ngoba abazimisele ukuzifaka engozini kodwa kunalokho bafuna ukugcina impilo yoxolo emndenini ukuze bajabule emhlabeni, kodwa-ke ngingebavumele ukufeza izifiso zabo ngokukubhidliza imindeni yabo yilokho engikuzele ngqo. Ngomzuzu ngifika, uxolo luyohamba emakhaya abo. Ngizochitha zonke izizwe, ngingasayibali imindeni. Ubani ongaphunyula esandleni Sami? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathola izibusiso bangaphunyuka ngenxa yokungazimiseli kwabo? Kwenzeka kanjani ukuthi labo abathola ukusolwa bangathola uzwelo ngenxa yokwesaba kwabo? Emazwini Ami onke, abantu bayibonile intando Yami nezenzo Zami, kodwa ubani ongaphunyula kulesi sihibe semicabango yakhe? Ubani ongathola indlela yokuphuma phakathi noma ngaphandle kwamazwi Ami?

Abantu bakuzwile ukufudumala kwami, bangisebenzele ngeqiniso, futhi bengilalela ngeqiniso bangenzela konke naphambi Kwami. Kodwa abantu namuhla ngandlela—thize abakwazi ukufinyelela kulesi simo, bangalila nje emoyeni wabo sengathi webiwe impungushe enomfuzayo. Bangangibuka nje ngamehlo alinde ngokufisa, ngaphezu kwalokho bahlala bengikhalela befuna usizo. Kodwa ukusuka ekuqaleni kuya ekugcineni, abakwazi ukuzikhipha enkingeni. Ngicabanga emuva ukuthi abantu kudala bebezenza kanjani izethembiso phambi Kwami, befunga ngezulu namhlaba phambi Kwami, ukukhokhela ukulunga Kwami ngothando lwabo. Bakhale kalusizi phambi Kwami, umsindo wokukhala kwabo ubuphula inhliziyo ungabekezeleki. Ngangivamise ukubaseka ngenxa yentando yabo. Abantu beze phambi kwami izikhathi eziningi ukuzongihlonipha, kanti ukuziphatha kwabo okuhle kuyakhumbuleka. Izikhathi eziningi beza ukuzongithanda ngokholo olungantengi, kanti imizwa yabo yeqiniso iyababazeka. Kaningi, babeka izimpilo zabo engcupheni ukungithanda, ukuthanda Mina ngaphezu kwabo, ngokubona ukuba neqiniso kwabo, ngalwamukela uthando lwabo. Kaningi bazinikela phambi Kwami, kungakhathaliseki nasekufeni ngenxa Yami, ngasusa ukukhathazeka ebusweni babo ngalinganisa ubuso babo ngokucophelela. Kube nezikhathi ezingebalwe lapho ngabathanda khona njengegugu Kimi, kanti kube nezinye lapho ngabazonda khona njengesitha Sami. Nginjalo—ke Mina—bangeqagele okusengqondweni Yami. Uma abantu bedabukile, ngiyabaduduza, uma bebuthakathaka ngiyabasiza. Uma belahlekile ngibakhombisa indlela. Uma bekhala ngesula izinyembezi zabo. Nakuba kunjalo, uma kuyimina odumele, obani abangangiduduza ezinhliziyweni zabo? Uma ngikhathezeke kakhulu, ubani onozwelo ngemizwa Yami. Uma ngidabukile, ubani ongasusa ubuhlungu engibuzwayo? Uma ngidinga omunye, ubani ongazinikela ukusizana Nami? Kwenzeka kanjani ukuthi ukuziphatha kwabo okwedlule Kimi kulahlekile angeke kusabuya? Kungani kube sengathi abasakhumbuli lutho? Kungani kube sengathi abantu bakukhohliwe konke lokhu? Akwenziwa ukuthi abantu bakhohlakaliswe yizitha zabo?

Uma izingelosi zidlala umculo zishaya nezigubhu ukuze singidumise, angikwazi ukungabi nozwelo kumuntu. Ngizizwa ngidabuke kakhulu enhliziyweni Yami, futhi kunzima ukususa lobu buhlungu. Ekujabuleni nasekudabukeni kokwehlukaniswa nokuhlangana futhi nomuntu, asikwazi ukunganikezani imizwelo. Sihlukene ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi, asikwazi ukuhlangana njalo. Ubani ongaphunyuka enkumbulweni? Ubani ongayeka ukukhumbula okwedlule. Ubani ongefise ukucabanga ngokuqhubeka kwemizwa emnandi edlule? Ubani ongeke alindele ukubuya Kwami? Ubani ongafisi ukuhlangana nabantu? Inhliziyo ikhathazeke kakhulu, kanti imimoya yabo ikhathazeke kakhulu. Yize sifana emoyeni yethu, asikwazi ukuhlala sindawonye, kanti angeke sikwazi ukuhlala sibonana. Ngalokho impilo yabo bonke abantu yoniwe kakhulu kanti iyantula ekugcineni komzimba njengoba belokhu belangazelela Mina. Kube sengathi izinto ezilahlwe ezulwini, bekhala bebiza igama Lami emhlabeni, bebhekise amehlo abo Kimi ukusuka emhlabeni–dwa bangaphunyuka kanjani emlonyeni wempungushe ehahayo? Bangazikhulula kanjani ekusatshisweni nasekulingweni yiyo? Bangenza kanjani abantu ukuthi bangazinikeli ngendlela yokulalela ukulungiselelwa kohlelo Lwami? Uma benxusa kakhulu, ngiyabafulathela, angisafuni ukubabona; kodwa ngingahlala kanjani ngingezwa ukukhala kwabantu abanjalo? Ngifuna ukulungisa ukungalungi kwabantu emhlabeni. Ngizokwenza umsebenzi Wami ngezandla Zami emhlabeni jikelele, nginqabe ukuthi uSathane aphinde alimaze abantu Bami, nginqabele izitha ukuthi zibuye zenze intando yazo. Ngizoba yiNkosi emhlabeni ngihambise isihlalo sami sobukhosi lapho, ngenze ukuthi zonke izitha Zami ziwele phansi zivume amacala azo phambi Kwami. Osizini lwami nentukuthelo ixubene, ngizowunyathela umhlaba wonke, ngingashiyi noyedwa, futhi ngifake ukwesaba ezinhliziyweni zezitha Zami. Ngiyokwenza umhlaba wonke ube yincithakalo, bese ngenza izitha Zami ziphonseke encithakalweni, ukuvimba ukuthi zingabhebhethekisi inkohlakalo kubantu. Icebo Lami limisiwe, akekho noma ngabe ubani ongaliguqula. Njengoba ngizula ngobukhazikhazi bobukhosi phezu komhlaba ngichanasa, bonke abantu bazobuka kabusha, zonke izinto zizovuselelwa. Angeke besalila, besangikhalela ukuba ngibasize. Inhliziyo Yami izojabula, abantu bazobuya bejabulile Kimi. Umhlaba jikelele, ukusuka phezulu kuya phansi uzogobhoza injabulo …

Namuhla emazweni ahlukene, ngenza umsebenzi engangihlose ukuwufeza. Ngiya kubo bonke abantu, ngenza wonke umsebenzi Wami njengoba kuhleliwe, bonke abantu bahlukanisa izizwe ngokwentando Yami. Abantu abasemhlabeni bagqolozele lapho beya khona, ngoba usuku lusondela ngokunyenya nezingelosi zishaya amacilongo azo. Akuseyikuba nakulibazisa emahoreni nasezinsukwini, zonke izinto zizoqala ukudansa ngenjabulo enkulu. Ubani ongelula usuku Lwami ngokuthanda kwakhe? Kungaba ngowasemhlabeni? Kungaba izinkanyezi esibhakabhakeni noma izingelosi? Uma ngikhuluma izwi ngiqala insindiso yabantu bakwa—Isirayeli, usuku Lwami luyasondela kubo bonke abantu. Wonke umuntu wesaba ukubuya kuka—Israyeli. Uma ebuya, kuzoba usuku Lwami lwenkazimulo, lapho zonke izinto zizoguquka zibe zintsha. Njengoba ukwahlulela okulungile kuzobe kugubuzele wonke umhlaba, bonke bethukile bayesaba, ngoba emhlabeni wabantu ukulunga akwaziwa. Uma ilanga lokulunga livela, iMpumalanga izokhanyisa, ikhanyise umhlaba wonke, kufinyelele kuwonke-wonke. Uma umuntu angenza ukulunga Kwami, engesaba ini? Bonke abantu Bami balinde usuku lokubuya Kwami, bezindla ngokuza kosuku Lwami. Balinde ukuba ngivuze bonke abantu nginqume lapho bezophelela khona njengelanga lokulunga. Umbuso wami uyakheka phezu kwamazulu nomhlaba wonke , kanti isihlalo Sami sobukhosi sizuza izinhliziyo zezigidigidi zabantu. Ngokusizwa izingelosi, umsebenzi Wami omkhulu masinyane uzofezeka ngempumelelo. Zonke izixuku zamadodana nabantu Bami, zilinde ngentshisekelo ukubuya Kwami, bezindla ngokuhlangana Kwami nabo, singazophinde sehlukane. Kwenzeka kanjani ukuthi isizwe sonke sombuso Wami singagxumagxumi ngenjabulo ndawonye ngokuba nabo Kwami? Ingabe lokhu ukuhlangana okuyize? Ngiyahlonipheka emehlweni abo bonke, ngimenyezwa emazwini abo bonke. Uma ngibuya, ngizonqoba wonke umbutho wesitha nangale. Sifikile isikhathi! Ngizomisa umsebenzi Wami, Ngizobusa ngaphezulu kwabantu! Ngiyabuya! Ngiyahamba! Yilokho okulindwe ngabantu bonke, lokho abafisa kwenzeke. Ngifuna ukuthi wonke umuntu abone ukufika kosuku Lwami bese elwamukela ngenjabulo!

kuMbasa 2, 1992

Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

buka okuningi: insindiso kaNkulunkulu

Awekho amazwana:

Thumela amazwana