Voice of Justice

Voice of Justice

2019/07/20

Okukhethwe Eziqeshini Ezine Zezwi LikaNkulunkulu Esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni”

1. ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu. Yingakho athatha isimo sikaNkulunkulu, ngoba wayevela kuNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi lwalunjani ukholo Lwakhe ngaphambi kwalokhu—mhlawumbe ngezinye izikhathi lwaluntekenteke kokunye luqinile—konke lokho kwakuwukuphila Kwakhe kokuba umuntu ojwayelekile ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Ngemva kokubhabhathizwa (ukugcotshwa), ngokushesha waba namandla kanye nenkazimulo kaNkulunkulu Kuye, wabe eseqala inkonzo Yakhe. Wayesengenza izibonakaliso nezimanga, enze nezimangaliso, wayenamandla negunya, njengoba wayesebenza egameni likaNkulunkuluuqobo; wenza umsebenzi kaMoya esikhundleni Sakhe futhi wazwakalisa izwi likaMoya; ngakho wayenguNkulunkulu uqobo. Lokhu kuyinto engenakuphikwa. UJohane wasetshenziwa uMoya oNgcwele. Wayengeke amele uNkulunkulu, futhi kwakungeke kwenzeke ukuba amelel uNkulunkulu. Uma wayefisa ukwenza kanjalo, uMoya oNgcwele wawungeke umvumele, ngoba wayengeke awenze umsebenzi uNkulunkulu uqobo ayezimisele ukuwufeza. Mhlawumbe kwakukuningi okwakukuye, okwakuyintando yomuntu noma kukhona okwakwehlukile kuye; kunoma yiziphi izimo, wayengeke akwazi ukummela ngokuqondile uNkulunkulu. Amaphutha neziphambeko zakhe kwakumele yena kuphela, kodwa umsebenzi wakhe wawumele uMoya oNgcwele. Kodwa, awukwazi ukuthi konke ayeyikho kwakumele uNkulunkulu. Ingabe ukuphambuka namaphutha akhe nakho kwakumele uNkulunkulu? Ukuba nephutha ekumeleni umuntu kuyinto ejwayelekile, kodwa uma ehluka ekumeleni uNkulunkulu lokho bekungeke yini kuhlazise uNkulunkulu? Ingabe lokho bekungeke kube wukuhlambalaza uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awumvumeli umuntu ukuba abe sendaweni kaNkulunkulu ngokuthanda kwakhe, ngisho noma ngabe udunyiswa ngabanye. Uma engeyena uNkulunkulu, lokho kuyosho ukuthi angeke akwazi ukuhlala emile ekugcineni. UMoya oNgcwele awumvumeli umuntu ukuba amele uNkulunkulu ngokuthanda kwakhe! Ngokwesibonelo, uMoya oNgcwele wanikeza ubufakazi kuJohane waphinde wembula ukuthi nguye oyolungisela uJesu indlela, kodwa umsebenzi owawenziwe uMoya oNgcwele kuye, wawusesilinganisweni esifanele. Konke uJohane ayekuceliwe ukuba akwenze kwakuwukuba yivulandlela likaJesu, amlungiselele indlela. Okusho ukuthi, uMoya oNgcwele wavumela umsebenzi wakhe wokulungisa indlela kuphela, futhi wamvumela ukuba enze umsebenzi onjalo kuphela, hhayi okunye. UJohane wamela u-Eliya, umphrofethi owayelungise indlela. Lokhu kwesekwa uMoya oNgcwele; uma nje umsebenzi wakhe kwakusewukulungisa indlela, uMoya oNgcwele wawumvumela. Nokho, ukuba wayethe unguNkulunkulu uqobo futhi uzele ukuzoqedela umsebenzi wokuhlenga, uMoya oNgcwele kwakuyomele umqondise. Kungakhathaleki ukuthi wawumkhulu kangakanani umsebenzi kaJohane, nokuthi wayevunyelwe uMoya oNgcwele, umsebenzi wakhe wahlala ungaphakathi kwemingcele. Kuyiqiniso ngempela ukuthi umsebenzi wakhe wawuvunyelwe uMoya oNgcwele, kodwa amandla ayewanikiwe ngaleso sikhathi ayephelela ekulungiseni kwakhe indlela. Wayengeke nhlobo enze omunye umsebenzi, ngoba wayenguJohane owalungisa indlela kuphela, hhayi uJesu. Ngakho, ubufakazi boMoya oNgcwele busemqoka, kodwa umsebenzi umuntu avunyelwe nguMoya oNgcwele ukuba awenze ubaluleke kakhulu.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

2. Kunabanye abathile abanemimoya emibi futhi abalokhu bememeza bethi, “NginguNkulunkulu!” Nokho ekugcineni, abakwazi ukuhlala bemile, ngoba basebenza egameni longafanele. Bamele uSathane futhi uMoya oNgcwele awubanaki. Nokho kungakhathaleki ukuthi uziphakamisa kangakanani noma ukuthi umemeza kakhulu kangakanani, usewumuntu owadalwa futhi uyilowo ongokaSathane. Angimemezi, nginguNkulunkulu, ngiyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo! Kodwa umsebenzi engiwenzayo okaNkulunkulu. Ingabe kudingeka ngimemeze? Asikho isidingo sokuphakanyiswa. UNkulunkulu uzenzela Yena mathupha umsebenzi futhi akadingi ukuba umuntu amnike isikhundla noma isiqu sokumhlonipha, futhi umsebenzi Wakhe wanele ukuba umele isiqu kanye nesikhundla Sakhe. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe, ngabe uJesu wayengeyena uNkulunkulu uqobo? Ingabe wayengeyena uNkulunkulu osenyameni? Ngempela ngeke kuthiwe waba yindodana eyodwa kaNkulunkulu kuphela ngemva kokuba esefakazelwe? Ingabe yayingekho indoda okwakuthiwa nguJesu esikhathini eside ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe? Awukwazi ukuveza izindlela ezintsha noma umele uMoya. Awukwazi ukuveza umsebenzi kaMoya noma amazwi awakhulumayo. Awukwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma okaMoya. Awukwazi ukuveza ukuhlakanipha, ukumangalisa nokungaqondakali kukaNkulunkulu, noma sonke isimo uNkulunkulu asola ngaso abantu. Ngakho ukulokhu uthi unguNkulunkulu akusho lutho; unegama kuphela isiqu awunaso. UNkulunkulu uqobo ufikile, kodwa akekho noyedwa ombonayo, nokho uyaqhubeka nomsebenzi Wakhe futhi uwenza emelwe uMoya. Noma umbiza ngomuntu noma ngoNkulunkulu, iNkosi noma uKristu noma ngoDadewethu, konke kulungile. Kodwa umsebenzi awenzayo ungowoMoya futhi umele umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akanandaba nokuthi abantu bambiza ngaliphi igama. Igama lingawuchaza yini umsebenzi Wakhe? Ngisho noma kuthiwa umbiza ngokuthini, ngokweso likaNkulunkululu, uyinyama yoMoya kaNkulunkulu osenyameni onoMoya Wakhe; umele uMoya futhi ugunyazwe Nguye. Awukwazi ukuvulela inkathi entsha indlela, futhi ngeke ukwazi ukuqeda nokungenisa inkathi entsha noma wenze umsebenzi omusha. Ngakho awukwazi ukubizwa ngoNkulunkulu!

kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

3. Ngisho nomuntu osetshenziswa nguMoya oNgcwele akakwazi ukumela uNkulunkulu uqobo. Akukhona kuphela ukuthi lo muntu akakwazi ukumela uNkulunkulu, kodwa nomsebenzi wakhe awukwazi ukummela ngokuqondile uNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi, izinto umuntu azaziyo azikwazi ukubekwa ngokuqondile phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi akukwazi ukumelela ukuphatha kukaNkulunkulu. Wonke umsebenzi uNkulunkulu uqobo awenzayo ungumsebenzi azimisele ngokuwenza ngohlelo Lwakhe lokuphatha futhi uqondiswe ekuphatheni okukhulu. Umsebenzi owenziwe ngumuntu (umuntu osetshenziswe uMoya oNgcwele) ubonisa lokho akwaziyo. Uthola indlela entsha yokwenza izinto kulena eyahanjwa abamandulelayo futhi iholela abafowabo nodadewabo ngaphansi kokuqondisa kukaMoya oNgcwele. Into enikezwa yilaba bantu yinto abayaziyo noma imibhalo yoomoya yabantu bomoya. Nakuba besetshenziswe uMoya oNgcwele, umsebenzi walabo bantu awufiki nakufika emsebenzini omkhulu wokuphatha wohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Bamane nje baphakanyiswe nguMoya oNgcwele ngezikhathi ezehlukene ukuze bahole abantu endleleni kaMoya oNgcwele baze bafeze umsebenzi wabo noma baze bafe. Umsebenzi abawenzayo ungowokulungisa kuphela indlela efanele kaNkulunkulu uqobo noma ukuqhuba okukodwa ekuphatheni kukaNkulunkulu uqobo emhlabeni. Abantu abanjalo abakwazi ukwenza umsebenzi ophakeme ngaphansi kokuphatha Kwakhe, futhi abakwazi ukusungula izindlela ezintsha futhi kukancane ukuba baphethe wonke umsebenzi kaNkulunkulu wenkathi edlule. Ngakho, umsebenzi abawenzayo umela kuphela isidalwa esenza umsebenzi waso, ngeke umele uNkulunkulu uqobo enza inkonzo Yakhe. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi abawenzayo awufani nalowo owenziwa uNkulunkulu uqobo. Umsebenzi wokungenisa inkathi entsha awukwazi ukwenziwa ngumuntu endaweni kaNkulunkulu. Awukwazi ukwenziwa yinoma ngubani ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo. Wonke umsebenzi ongenziwa ngumuntu uwukwenza umsebenzi njengomunye wezidalwa futhi wenziwa ngokuholwa noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukuqondiswa okunikezwa abantu abanjalo yindlela yokuphila kwansuku zonke nokuthi umuntu wenza kanjani ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. Umsebenzi womuntu awubandakanyi nokukodwa phakathi kokuphatha kukaNkulunkulu noma ukumela umsebenzi woMoya. … Ngakho, ngenxa yokuthi umsebenzi womuntu osetshenziswa uMoya oNgcwele awufani nomsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ubunjalo babo nokuthi nokuthi basebenza egameni likabani, nakho kuhlukile. Lokhu kwenziwa ukuthi umsebenzi uMoya oNgcwele ohlose ukuwenza wehlukile, ngalokho unikeza iziqu nezikhundla ezingefani kubo bonke abasebenzayo. Abantu abasetshenziswa uMoya oNgcwele bangase bayenze eminye imisebenzi emisha futhi bangase basuse eminye imisebenzi eyenziwa enkathini yaphambili, kodwa umsebenzi wabo awukwazi ukuveza isimo nentando kaNkulunkulu enkathini entsha. Basebenzela kuphela ukuthatha umsebenzi wenkathi edlule, hhayi ukwenza umsebenzi wenkathi entsha ukuze basimelele ngokuqondile isimo sikaNkulunkulu uqobo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi mingaki imikhuba esiphelelwe yisikhathi abayiqedayo noma emisha abayethulayo basamelela abantu nezinto ezidaliwe. Lapho uNkulunkulu uqobo enza umsebenzi, kodwa, akamane nje esidlangalaleni amemezele ukuphela kwemikhuba yenkathi endala noma amemezele ngokuqondile isiqalo senkathi entsha. Uyaqonda acace emsebenzini Wakhe. Uyaqonda lapho enza umsebenzi awuhlosile; okungukuthi, ukuveza ngqo lokho asuke ekwenzile, uwenza ngokuqondile umsebenzi njengoba ebehlosile ekuqaleni, aveze ubuyena kanye nesimo Sakhe. Njengoba umuntu ewubona, isimo Sakhe kanye nomsebenzi awenzayo akufani nokwangenkathi edlule. Nokho, ngokukaNkulunkulu uqobo, lokhu kuwukuqhubeka nje nokuthuthukisa umsebenzi Wakhe. Lapho uNkulunkulu uqobo esebenza, uwaveza wonke amazwi Akhe futhi alethe umsebenzi omusha. Ngokungafani noNkulunkulu, lapho umuntu esebenza, kungukuzindla nokufunda noma kungukuthuthukisa ulwazi lwakhe nangokuzijwayeza indlela ehlelekile yokwenza izinto okwakhelwe phezu kwesisekelo somsebenzi wabanye. Lokhu kusho ukuthi ingqikithi yomsebenzi owenziwa ngumuntu ukuqhuba isiko “nokuhamba ezindleleni ezindala ngezicathulo ezintsha.” Lokhu kusho ukuthi ngisho indlela ehanjwe ngabantu abasetshenziswa nguMoya oNgcwele yakhiwe phezu kwaleyo eyavulwa nguNkulunkulu uqobo. Ngakho umuntu empeleni ungumuntu, noNkulunkulu unguNkulunkulu.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

4. UJohane wazalwa ngesethembiso, futhi igama lakhe lanikezwa yingelosi. Ngaleso sikhathi, abanye babefuna ukumqamba igama likayise uZakariya kodwa unina waphumela obala wathi, “Le ngane angeke ibizwe ngalelo gama. Kufanele ibizwe ngokuthi uJohane.” Konke lokhu kwakuqondiswe nguMoya oNgcwele. Ngakho kungani uJohane engabizwangwa ngokuthi uNkulunkulu? Igama likaJesu nalo lalingaphansi kokuqondiswa nguMoya oNgcwele futhi wazalwa ngoMoya oNgcwele futhi ngesethembiso sikaMoya oNgcwele. UJesu wayenguNkulunkulu, uKristu, futhi eyiNdodana yomuntu. Umsebenzi kaJohane nawo wawumkhulu, kodwa kungani yena kungashiwongo ukuthi unguNkulunkulu? Kanti kwakuyimuphi umehluko phakathi komsebenzi owenziwa uJesu nalowo owenziwa nguJohane? Ingabe isizathu kuphela ukuthi uJohane kwakufanele alungise indlela kaJesu? Noma kungenxa yokuthi uNkulunkulu wayekunqumele ngaphambili? Nakuba uJohane waphinde wathi, “Phendukani: ngokuba umbuso wezulu ususondele,” waphinde washumayela ivangeli lombuso wezulu, umsebenzi wakhe wawungajulile kangako futhi wawuphethe isiqalo nje. Ngokuqhathaniseka nalokho, uJesu waletha inkathi entsha futhi waqeda inkathi endala kodwa futhi wagcwalisa umthetho weTestamente Elidala. Umsebenzi awenza wawumkhulu kunokaJohane futhi weza ukuzokhulula sonke isintu—wenza leso sigaba somsebenzi. UJohane yena wamane nje walungisa indlela. Nakuba umsebenzi wakhe wawumkhulu, amazwi akhe emaningi, nabafundi abamlandela babebaningi, umsebenzi wakhe awuzange wenze okungaphezu nje kokuba ulethele abantu isiqalo esisha. Abantu abazange bathole kuye ukuphila, indlela noma amaqiniso ajulile ngisho nokuthola ngaye ukuqonda mayelana nentando kaNkulunkulu. UJohane wayengumphrofethi omkhulu (u-Eliya) owavula indlela entsha yomsebenzi kaJesu walungiselela okhethiweyo; wayehambela phambili iNkathi Yomusa. Izindaba ezinje ngeke zimane zibonakale nje ngokuqaphela ukubonakala komuntu. Ikakhulukazi uJohane wenza umsebenzi omkhulu; ngaphezu kwalokho waba khona ngenxa yesithembiso sikaMoya oNgcwele futhi umsebenzi wakhe wavunyelwa nguye uMoya oNgcwele. Ngaleyo ndlela, ukuhlukanisa phakathi kobunjalo babo kungenziwa ngokubuka umsebenzi wabo, ngoba ukubukeka kwangaphandle komuntu akusho lutho ngengqikithi yakhe, futhi umuntu akakwazi ukuqinisekisa ubufakazi bangempela ngoMoya oNgcwele. Umsebenzi owenziwa nguJohane nalowo owenziwa nguJesu wawungafani futhi izimvelo zawo zazingefani. Yilokho okufanele kunqume ukuthi unguNkulunkulu noma cha. Umsebenzi kaJesu wawungukuqala, ukuqhubeka, ukuphetha kanye nokufeza. Leso naleso sinyathelo kulezi sasenziwa nguJesu, kanti umsebenzi kaJohane wona wawungowesiqalo. Ekuqaleni uJesu wasabalalisa ivangeli washumayela indlela yokuphenduka, ngemva kwalokho wabhabhathiza, welapha izifo futhi waxosha amadimoni. Ekugcineni, wakhulula isintu esonweni futhi waqedela umsebenzi wakhe waleyo nkathi. Washumayeza abantu futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wezulu kuzo zonke izindawo. Lokhu kwakufana nakuJohane, kodwa umahluko kwakuwukuthi uJesu owangenisa inkathi entsha futhi waletha iNkathi Yomusa kumuntu. Emlonyeni Wakhe kwaphuma izwi lalokho umuntu okufanele akwenze nendlela umuntu okumele ayilandele eNkathini Yomusa futhi ekugcineni, waqedela umsebenzi wokukhulula. Umsebenzi onjalo wawungeke wenziwe nguJohane. Ngakho, kwakunguJesu owenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi nguye onguNkulunkulu uqobo futhi omele uNkulunkulu ngokuquondile.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

5. Uma ungaboni ukuthi isigaba somsebenzi namuhla ngesikaNkulunkulu uqobo, kungenxa yokuthi weswele umbono. Noma kunjalo, awukwazi ukusiphika lesi sigaba somsebenzi; ukungakwazi kwakho ukusibona akusho ukuthi uMoya oNgcwele awusebenzi noma umsebenzi Wakhe unephutha. Abanye baze babheke ngisho umsebenzi wamanje bawuqhathanise nokaJesu oseBhayibhelini futhi baze basebenzise noma yikuphi okungahambisani ukuze baphike lesi sigaba somsebenzi. Ingabe lesi akusona isenzo somuntu ongaboni emehlweni? Konke okulotshwe eBhayibhelini kunomkhawulo futhi akukwazi ukuveza yonke imisebenzi kaNkulunkulu. AmaVangeli aMane anezahluko ezingaphansi kweziyikhulu uma sezihlanganisiwe okubhalwe kuz0 isibalo esithile sezigameko njengalapho uJesu eqalekisa isihlahla somkhiwane, ukuphika iNkosi kukaPetru izikhathi ezintathu ukubonakala kukaJesu kubafundi Bakhe ngemva kokubethelwa nokuvuswa kwakhe, ukufundisa ngokuzila ukudla, ukufundisa ngomthandazo, ukufundisa ngesahlukaniso somshado, ngokuzalwa nangolibo lukaJesu, ukuqoka kukaJesu abafundi nokunye. Lena yimibhalo embalwa, kodwa abantu bayikhonze njengamagugu, baze baqinisekise imisebenzi yanamuhla ngokuyiqhathanisa nayo. Baze bakholwe ukuthi uJesu wenza okuningi kangaka kuphela emva kokuzalwa Kwakhe kuphela. Kunjengokuthi bakholwa wukuthi uNkulunkulu angenza lokho kuphela, awukho omunye umsebenzi ongaba khona. Akubona ubuphukuphuku lobo?


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

6. Abantu bakholwa wukuthi uNkulunkulu oza eyinyama akaphili njengoba kuphila umuntu; bakholwa wukuthi uhlanzekile ngisho engazange axubhe noma ahlambe ubuso ngoba ungumuntu ongcwele. Ingabe lokhu akukhona nje ukucabanga komuntu? Akukho lapho iBhayibheli likhuluma khona ngempilo kaJesu eyindoda, likhuluma ngomsebenzi Wakhe kuphela, kodwa lokhu akusho ukuthi wayengenabo ubuntu obejwayelekile noma akazange aphile impilo yomuntu eyejwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engama-30. Waqala umsebenzi Wakhe ngokusemthethweni eneminyaka engama-29, kodwa angeke uyiphike impilo Yakhe njengendoda eyejwayelekile ngaphambi kwalowo nyaka wobudala. IBhayibheli livele laseqa leso sigaba ekuqopheni kwalo; njengoba kwakuyimpilo Yakhe njengomuntu ovamile hhayi isigaba somsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, sasingekho isidingo sokuba sibhalwe phansi. Ngoba ngaphambi kokubhabhathizwa kukaJesu, uMoya oNgcwele wawungakaze usebenze zisuka nje, kodwa wamgcina ephila njengendoda ejwayelekile kwaze kwaba wusuku lapho sekufanele uJesu enze inkonzo Yakhe. Nakuba wayenguNkulunkulu osenyameni, wadlula ezigabeni zokukhula njengawo wonke umuntu ojwayelekile. Lesi sigaba asifakwanga eBhayibhelini, ngoba sasingeke sibe usizo olutheni ekukhuleni komuntu. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe kunesigaba angembulwanga kuso futhi angenzanga nezibonakaliso kanye nezimangaliso. Kungemva kokubhabhathizwa kukaJesu lapho aqala khona yonke imisebenzi yokuhlenga abantu, umsebenzi owawunothe ngomusa, ngeqiniso, ngothando nangesihe. Ukuqala kwalo msebenzi kwakuwukuqala kweNkathi Yomusa; ngaleso sizathu, walotshwa phansi futhi wadluliselwa kule nkathi yamanje. … Ngaphambi kokuba uJesu aqale inkonzo Yakhe, noma njengoba kushiwo eBhayibhelini, ngaphambi kokuba umoya wehlele Kuye, uJesu wayengumuntu ojwayelekile futhi enobuntu obubonisa izimpawu ezincane zokuba namandla angavamile. Lapho kwehla uMoya oNgcwele, okuwukuthi, lapho eqala ukwenza inkonzo Yakhe, waphiwa namandla amaningi angavamile. Ngalokhu umuntu uphethe ukukholwa ukuthi uNkulunkulu osenyameni wayengeyena umuntu ojwayelekile bese bekholwa ngokuyiphutha ukuthi uNkulunkulu osenyameni wayengenabo ubuntu. Empeleni, umsebenzi nakho konke lokhu uNkulunkulu akwenzayo emhlabeni kungamandla angavamile. Okubona ngamehlo nalokho okuzwa ngezindlebe, konke kungaphezu kwemvelo, ngoba umsebenzi Wakhe namazwi Akhe akuqondakali futhi akufinyeleleki kumuntu. Uma okuthile kwasezulwini kulethwe emhlabeni, kungenzeka kanjani ukuba kube yinoma yini ngale kokuba ngaphezu kwemvelo? Izimfihlakalo zombuso wasezulwini zilethwe emhlabeni, izimfihlakalo ezazingaqondakali futhi zingazeki kumuntu, ezazimangalisa futhi zihlakaniphe kakhulu—ingabe zonke zazingekho ngaphezu kwemvelo? Nokho, kumele wazi ukuthi ngisho noma kuthiwa kungaphezu kwemvelo, kwenziwe ebuntwini bakhe obujwayelekile. UNkulunkulu osenyameni unobuntu, ngaphandle kwalokho, ubengeke abe uNkulunkulu osenyameni.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

7. Umsebenzi woMoya kaNkulunkulu enyameni unezawo izimiso. Wayengawuthatha kuphela umsebenzi negunya likaYise ngenxa yokuthi wayenobuntu obuvamile. Kungaleso sikhathi kuphela lapho ayengaqala khona umsebenzi Wakhe. Ebunganeni Bakhe, uJesu wayengeke aziqonde zonke izinto ezenzeka ngezikhathi zasendulo waze waziqonda ngokubuza korabi. Ukube uJesu waqala umsebenzi Wakhe eqala nje ukufunda ukukhuluma, kwakungeke yini kwenzeke ukuba enze amaphutha? Wayengazithatha kanjani izinyathelo ezingafanele uNkulunkulu? Ngakho, kungemva kokuba esezazi izinto lapho-ke aqala khona umsebenzi Wakhe; akazange awenze ngaphambi kokuba esekwazi ngokugcwele ukuwuqala. Eseneminyaka engama-29 uJesu wayesevele esekhulile futhi ubuntu Bakhe base benele ukuqala umsebenzi okwakumele awenze. Kungaleso sikhathi kuphela lapho uMoya oNgcwele, owawukade ufihleke iminyaka engama-30, waqala ukuzembula khona futhi uMoya kaNkulunkulu wabe usuqala ngokomthetho ukusebenza kuye. Ngaleso sikhathi uJohane wayekade eselungise indlela kaJesu iminyaka eyisikhombisa futhi lapho ephothula umsebenzi wakhe, uJohane waphonswa ejele. Wonke umthwalo waba phezu kukaJesu. Ukube wayewuqale lo msebenzi eneminyaka engama-21 noma engama-22, lapho ayengakabuzuzi kahle ubuntu futhi esanda kuba yinsizwa, engakaziqondi izinto eziningi, wayengeke akwazi ukuzilawula. Ngaleso sikhathi uJohane wayesewenzile umsebenzi wakhe isikhathi esithile ngaphambi kokuba uJesu aqale umsebenzi Wakhe ebudaleni obuphakathi nendawo. Kulobo budala, ubuntu Bakhe obuvamile base benele ukuba aqale umsebenzi okwakufanele awenze.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

8. Umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni unezimiso eziningi. Kuningi kakhulu umuntu angakuqondi nhlobo, nokho umuntu uhlezi esebenzisa lokho akucabangayo ukuze akulinganise noma afune izinto ngokwedlulele kuye. Ngisho nanamuhla baningi abangaboni ukuthi ulwazi abanalo aluphethe lutho ngaphandle kwalokho abakucabangayo. Kungakhathaleki ukuthi uNkulunkulu osenyameni ube khona ngayiphi inkathi noma kuyiphi indawo, izimiso zomsebenzi Wakhe esenyameni aziguquki. Akakwazi ukuba senyameni bese ephuma enyameni ukuze asebenze; ngaphezu kwalokho, akakwazi ukuba yinyama kodwa angasebenzi ebuntwini obuvamile benyama. Ngale kwalokho, ukubaluleka kokuba senyameni kukaNkulunkulu bekungancibilika kube yize, neZwi elibe yinyama belingeke lisho lutho nhlobo. Ngaphezu kwalokho, nguBaba osezulwini (uMoya) kuphela owazi ukuba senyameni kukaNkulunkulu futhi akukho okunye, ngisho nenyama uqobo noma izithunywa zasezulwini. Kanjalo umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni ujwayeleke kakhulu futhi ukwazi kangcono nokubonisa ukuthi ngempela uLizwi uba yinyama; inyama isho umuntu ovamile futhi ojwayelekile.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

9. Abanye bangase bamangale, Kungani kumele inkathi ilethwe nguNkulunkulu uqobo? Akakwazi yini umuntu odaliwe ukuma esikhundleni Sakhe? Nonke niyaqaphela ukuthi uNkulunkulu uba yinyama ngenhloso yokungenisa inkathi entsha futhi, ngokusobala, lapho engenisa inkathi entsha, usuke eseyiphothule ngaso leso sikhathi inkathi edlule. UNkulunkulu uyiSiqalo neSiphetho; uyena uqobo oqala umsebenzi wakhe ngakho kumele kube nguye Nuqobo ophetha inkathi eyedlule. Lokhu kuwubufakazi bokuthi uyamnqoba uSathane futhi uyalinqoba izwe. Njalo lapho Yena Nuqobo esebenza kubantu, kuba yisiqalo sempi entsha. Ngaphandle kokuqalwa komsebenzi omusha, ngokwemvelo bekungeke kuphele ngokudala. Futhi ukungaphethwa kokudala kuwubufakazi bokuthi impi elwiwa noSathane ayikapheli. Kulapho kuphela uNkulunkulu eza ebantwini ezokwenza umsebenzi omusha okwenza umuntu ukuba agqashuke ngokuphelele ekulawulweni nguSathane futhi athole impilo entsha nesiqalo esisha. Ngale kwalokho, umuntu uyohlale ephila enkathini endala futhi ehlezi ngaphansi kwethonya likaSathane. Kuyo yonke inkathi eholwa nguNkulunkulu, ingxenye ethile yomuntu iyakhululwa futhi lokho kwenza umuntu athuthuke kanye nomsebenzi kaNkulunkulu oholela enkathini entsha. Ukunqoba kukaNkulunkulu kungukunqoba kwabo bonke abamlandelayo. Uma isintu sendalo sinikwa umsebenzi wokuphetha inkathi, lokho kwakuyokwenzeka ngokwendlela yomuntu noma kaSathane futhi lokhu akulutho ngaphandle kwesenzo esiphikisa noma esihlubuka uNkulunkulu, hhayi esokulalela uNkulunkulu, futhi umsebenzi womuntu unikeza ukuphatha kuSathane. USathane uyogculiseka ngokugcwele kuphela lapho umuntu elalela futhi elandela uNkulunkulu enkathini elethwa nguNkulunkulu uqobo, ngoba yilowo umsebenzi wabantu abadaliwe. Ngakho ngithi kudingeka kuphela ukuthi ulandele futhi ulalele, akukho okunye ocelwa khona. Yilokho okuqondwe ukugcinwa yilowo nalowo komsebenzi Wakhe nokwenziwa komsebenzi Wakhe. UNkulunkulu uyawenza umsebenzi Wakhe futhi akamdingi umuntu ukuba enze umsebenzi Wakhe esikhundleni Sakhe, futhi akazibandakanyi nomsebenzi wabantu abadaliwe. Umuntu wenza umsebenzi wakhe futhi akagxambukeli emsebenzini kaNkulunkulu, lokho kuwukulalela kwangempela nobufakazi bokuthi uSathane unqotshiwe. Ngemva kokuba uNkulunkulu uqobo esengenise inkathi entsha akabe esasebenza phakathi kwabantu mathupha. Yilapho-ke umuntu ekwazi khona ukungena ngokusemthethweni enkathini entsha ukuze enze umsebenzi wakhe njengomuntu odaliwe. Zinjalo izimiso zokusebenza ezingeke zephulwe muntu. Ukusebenza ngale ndlela kuphela okuqondile futhi okunengqondo. Umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa nguNkulunkulu uqobo. Nguye oqala umsebenzi futhi Nguye owuphothulayo. Nguye ohlela umsebenzi, futhi Nguye owuphathayo futhi ngaphezu kwalokho Nguye owenza ukuba umsebenzi ube yimpumelelo. Kunjengoba kushiwo eBhayibhelini, “Ngiyisiqalo futhi ngiyisiphetho; ngiwuMtshali noMvuni.” Konke okuhlobene nomsebenzi wokuphatha Kwakhe kwenziwa nguye Ngokwakhe. UnguMbusi wohlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha; akekho ongenza umsebenzi Wakhe esikhundleni Sakhe noma ongaphatha umsebenzi Wakhe ngoba Nguye olawula konke. Njengoba adala umhlaba, uyowuhola wonke umhlaba ukuze uphile ekukhanyeni Kwakhe futhi uyophetha yonke le nkathi ukuze enze ukuba uhlelo Lwakhe luthele izithelo!


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

10. Ngesikhathi uJesu esebenzela eJudiya, wayesebenza obala, kodwa manje, ngisebenza futhi ngikhulume nani ekusithekeni. Abangewona amakholwa abakuboni nhlobo lokhu. Ukusebenza Kwami phakathi kwenu kuqhelile kokwabanye. La mazwi, lezi zinsolo nezahlulelo, kwaziwa yini kuphela, hhayi abanye. Wonke lo msebenzi wenziwa phakathi kwenu futhi uvuleleke kinina kuphela; akekho kulabo abangakholwa owazi ngawo, ngoba isikhathi asikafiki. Laba bantu sebesondele ekuphelelisweni ngemva kokwedlula ekusolweni, kodwa labo abangaphandle abazi lutho ngalokhu. Lo msebenzi ufihleke kakhulu! Kubona, uNkulunkulu obe yinyama ufihlakele kodwa kulabo abakulo mkhakha, ubonakala esobala. Nakuba kuNkulunkulu konke kusobala, kucacile futhi kukhululiwe, lokhu kuphela kuyiqiniso kulabo abamkholwayo, futhi akukho okuvezwayo kwabangakholwa. Umsebenzi owenziwayo lapha manje uqhelisiwe kubo ukuze bagcine bengazi. Uma bengase bazi, ukulahlwa nokuhlushwa kulindile. Ngeke bakholwe. Ukusebenza esizweni sikadrako omkhulu obomvu, indawo esemuva emhlabeni wonke, akulula. Ukube lo msebenzi kwakumele waziwe, kwakungeke kuze kuqhubeke. Lesi sigaba somsebenzi angeke siqhubeke kule ndawo. Babengawubekezelela kanjani umsebenzi onjalo ukuba wenziwe ngokukhululekile? Ingabe lokho bekungeke kubangele ingozi enkulu? Ukube lo msebenzi awuzange ufihlwe noma kunalokho uqhubeke njengasesikhathini sikaJesu lapho ephulukisa khona ngokumangalisayo abagulayo futhi exosha amadimoni, ingabe lo msebenzi ubungeke “uvalwe” kudala ngodeveli? Ingabe babengakubekezelela ukuba khona kukaNkulunkulu? Ukube bekumele ngingene emahholo ukuze ngishumayele futhi ngifundise abantu, ngabe manje angenziwanga yini izicucu kudala? Futhi uma kunjalo, umsebenzi Wami ubuzoqhubeka kanjani? Isizathu sokuba izibonakaliso nezimangaliso zingabonakaliswa obala ukuba kube nokufihlakala. Ngakho umsebenzi Wami ngeke ubonwe, waziwe noma utholwe ngabangakholwa. Ukube lesi sigaba somsebenzi bekufanele senziwe ngendlela efana nekaJesu ngeNkathi Yomusa, ubungeke wenzeke ngokunethezeka okunje. Ngakho, ukufihlwa komsebenzi ngale ndlela kuzuzisa nina nawo wonke umsebenzi. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni usuphela, okuwukuthi, lapho lo msebenzi oyimfihlo uphela, lesi sigaba somsebenzi siyoba sobala kakhulu. Bonke bayokwazi ukuthi kunamaqembu abanqobi eShayina; bonke bayokwazi ukuthi uNkulunkulu osenyameni useShayina nokuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Yingaleso sikhathi kuphela lapho kuyokhanya khona kumuntu: Kungani iShayina ingakakhombisi ukufadabala noma ukuwa? Kubonakala ukuthi uNkulunkulu uwenza mathupha umsebenzi Wakhe eShayina futhi usephelelise iqembu labantu laba ngabanqobi.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

11. UNkulunkulu oyinyama uziveza Yena kubantu abambalwa abamlandelayo njengoba ezenzela umsebenzi Wakhe, kodwa hhayi kuzo zonke izidalwa. Waba yinyama kuphela ukuze azofeza isigaba somsebenzi kuphela, hhayi ukuzobonisa abantu umfanekiso Wakhe. Nokho, umsebenzi Wakhe kumele ufezwe nguye uqobo, nokho kubalulekile Kuye ukuba akwenze lokhu esenyameni. Lapho uphethwa lo msebenzi, uyosuka lapha emhlabeni; ngeke ahlale isikhathi eside ebantwini ukuze angavimbeli umsebenzi ozayo. Lokho akuveza ezihlweleni yisimo Sakhe sokulunga kuphela nazo zonke izenzo Zakhe, kungekhona isiqu somzimba Wakhe lapho eba yinyama izikhathi ezimbili, ngoba umfanekiso kaNkulunkulu ungabonakala kuphela esimweni Sakhe futhi ungathathelwa isikhundla yisiqu senyama Yakhe. Isiqu senyama Yakhe sibonakaliswe kubantu abambalwa, kuphela labo abamlandelayo njengoba esebenza esenyameni. Yingakho-ke umsebenzi owenziwa manje, wenziwa ekusithekeni. Kunjengoba uJesu azibonakalisa kumaJuda ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, futhi akakaze akhonjiswe ngokusobala kwezinye izizwe. Ngakho lapho esephothule umsebenzi Wakhe, ngokushesha wabashiya abantu, akahlalanga; esikhathini esalandela, akazange asibonakalise isiqu Sakhe kumuntu, futhi kunalokho umsebenzi wenziwa ngqo nguMoya oNgcwele. Ngesikhathi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uphela wonke, wahamba emhlabeni ofayo, futhi akasoze enza umsebenzi ofanayo nalowo owawukhona eseyinyama. Umsebenzi olandelayo wona wonke wenziwe nguMoya oNgcwele ngokuqondile. Kulesi sikhathi, umuntu ubengeke asibone kalula isiqu Sakhe esenyameni; akazibonakalisi nhlobo Yena uqobo kubantu futhi uyohlale efihlakele. Kunesikhathi esilinganiselwe umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni, okumele wenziwe enkathini ethile, ngesikhathi esithile, esizweni naphakathi kwabantu abathile. Umsebenzi onjalo umelele kuphela umsebenzi wesikhathi sikaNkulunkulu eyinyama futhi uqondene nesikhathi esithile, umele umsebenzi woMoya kaNkulunkulu enkathini eyodwa ethile futhi hhayi wonke umsebenzi Wakhe. Ngakho, isiqu sikaNkulunkulu abe yinyama ngaso ngeke sivezwe kubo bonke abantu. Okukhonjiswa ezihlweleni ukulunga kukaNkulunkulu nesimo Sakhe esiphelele, kunesiqu Sakhe lapho eba yinyama kabili. Akusona isiqu esisodwa esivezwa kumuntu, noma iziqu ezimbili ezihlanganisiwe. Ngakho, kuphoqelekile ukuthi uNkulunkulu osenyameni awushiye umhlaba ekuqedeni umsebenzi adinga ukuwenza, ngoba usuke ezele ukuzokwenza kuphela umsebenzi okumele awenze, hhayi ukuzobonisa abantu isiqu Sakhe. Nakuba ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni sekugcwaliswe nguNkulunkulu eba yinyama kabili, usazoqhubeka nokungazibonakalisi obala kunoma yisiphi isizwe esingakaze simbone.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

12. Kufanele ukuba nazi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni uwukuvula inkathi. Lo msebenzi ungoweminyaka embalwa kuphela futhi angeke awufeze wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu. Lokhu kufana nendlela isiqu sikaJesu njengeJuda esingamelela ngayo kuphela isiqu sikaNkulunkulu njengoba wayesebenza eJudiya, lapho wayengenza kuphela umsebenzi wokubethelwa. Ngesikhathi uJesu esenyameni, akazange awenze umsebenzi wokuphetha inkathi noma ukubhubhisa isintu. Ngakho, ngemva kokuba esebethelwe futhi waphetha umsebenzi Wakhe, wenyukela phezulu futhi wazifihla ngokuphelele kubantu. Kusuka ngaleso sikhathi, labo kwabeZizwe ababekholwa ngobuqotho babebona kuphela izithombe Zakhe ababezinameka ezindongeni, hhayi ukubonakaliswa kweNkosi uJesu. Lesi sithombe sidwetshwe ngumuntu nje, asiyiso isiqu uNkulunkulu uqobo asikhombisa umuntu. UNkulunkulu ngeke azibonakalise ezihlweleni esiqwini sangenkathi ebe yinyama kabili. Umsebenzi awenzayo esintwini uwukusivumela ukuba siqonde isimo Sakhe. Konke lokhu kufezwa ngokubonisa umuntu umsebenzi wezinkathi ezahlukahlukene kanye nesimo asenze saziwa nomsebenzi awenzile kunokuba azibonakalise ngoJesu. Lokhu kusho ukuthi, isiqu sikaNkulunkulu asaziswanga abantu ngesiqu senyama, kunalokho ngomsebenzi owenziwe inyama Yakhe, uNkulunkulu wesiqu nesimo; futhi ngomsebenzi Wakhe, isiqu Sakhe siyakhonjiswa nesimo Sakhe senziwe saziwe. Lokhu wukubaluleka komsebenzi afisa ukuwenza esenyameni.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

13. Lapho nje umsebenzi Wakhe esenyameni kabili uphela, uqala ukubonakalisa isimo Sakhe sokulunga kwabeZizwe, evumela izihlwele ukuba zibone isiqu Sakhe. Ufisa ukubonakalisa isimo Sakhe, futhi ngalokhu enze kucace ukuphela kwezinhlobo ezehlukene zesintu, ngalokho ayiphethe ngokuphelele inkathi eyedlule. Umsebenzi Wakhe esenyameni awudluleli ngale kokulindelekile (njengoba nje noJesu asebenza eJudiya kuphela, Nami namuhla ngisebenza phakathi kwenu) ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe esenyameni unemingcele nemikhawulo. Wenza nje umsebenzi wesikhashana esesiqwini somuntu ojwayelekile nenyama evamile, esikhundleni sokuba enze umsebenzi waphakade noma enze umsebenzi wokubonakala kubo bonke abantu beZizwe zonke. Lo msebenzi awenza esenyameni kumele ukuba unemingcele (njengokusebenza kuphela eJudiya noma phakathi kwenu), bese andisa umsebenzi owenziwa phakathi kwale mingcele. Ngokusobala, umsebenzi wokwandisa okunjalo wenziwa nguMoya Wakhe ngokuqondile futhi ngeke ube umsebenzi wenyama Yakhe. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu esenyameni unemingcele futhi awukwazi ukululekela kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Ngakho, ngeke ukwazi ukukufeza. Ngomsebenzi owenziwa enyameni, uMoya Wakhe wenza umsebenzi olandelayo. Ngakho, umsebenzi owenziwa enyameni ungumsebenzi wesiqaliso owenziwa ngaphansi kwemingcele; uMoya Wakhe uyaqhubeka nokwenza lo msebenzi futhi uyawandisa.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

14. UNkulunkulu uza kulo mhlaba ukuzokwenza umsebenzi wokuhola inkathi kuphela; ukuvula inkathi entsha nokuqeda endala. Akezelanga ukuzophila konke ukuphila komuntu lapha emhlabeni, ukuzozizwela izinjabulo nosizi lokuphila komuntu noma ukuzophelelisa umuntu othile ngesandla Sakhe noma ukuzobukela mathupha umuntu ekhula. Lowo akuwona umsebenzi Wakhe; umsebenzi Wakhe umane nje uwukuletha inkathi entsha, aqede endala. Okuwukuthi, uzoqala inkathi, bese eqeda enye, anqobe uSathane ngokufeza umsebenzi ewumuntu. Njalo lapho enza umsebenzi mathupha, kuba sengathi ubeka unyawo enkundleni yempi. Esenyameni, uqale anqobe umhlaba, ehlule uSathane; athole yonke inkazimulo, ambule umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane ezimbili, enikeza wonke umuntu emhlabeni indlela efanele angayilandela, nokuphila impilo enokuthula nenjabulo. Nokho, uNkulunkulu ngeke ahlale nomuntu emhlabeni isikhathi eside, ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu, akafani nhlobo nomuntu. Ngeke aphile iminyaka ephilwa ngumuntu ojwayelekile, okuwukuthi ngeke ahlale emhlabeni njengomuntu ongeyena ongejwayelekile, ngoba unengxenye encane kakhulu yobuntu obejwayelekile bokwesekela impilo Yakhe kanjalo. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu angawuqala kanjani umndeni, akhulise abantwana emhlabeni? Angeke yini lokho kube yihlazo? Uba nobuntu obejwayelekile ukuze enze umsebenzi ngendlela ejwayelekile, hhayi ukuba aqale umndeni njengomuntu ojwayelekile. Ukucabanga Kwakhe okujwayelekile, umqondo ojwayelekile, ukudla ngendlela ejwayelekile nokugqoka enyameni Yakhe kwanele ukufakazela ukuthi unobuntu obejwayelekile; asikho isidingo sokuba aqale umndeni ukuze abonise ukuthi unobuntu obejwayelekile. Lokhu akunasidingo nhlobo! UNkulunkulu uza emhlabeni, ngokuthi uLizwi uba yinyama; wenzela ukuthi umuntu aliqonde kahle izwi Lakhe futhi alibone izwi Lakhe, okuwukuthi avumele umuntu ukuba abone umsebenzi owenziwa yinyama. Inhloso Yakhe ayikhona ukuba abantu baphathe inyama Yakhe ngendlela ethile kodwa ukuba umuntu alalele kuze kube sekugcineni, okuwukuthi, ukuze alalele wonke amazwi aphuma emlonyeni Wakhe futhi anikezele kuwo wonke umsebenzi awenzayo. Usebenza nje kuphela enyameni, akukhona nje ukuthi ulindele ukuba umuntu aphakamise ubukhulu nobungcwele benyama Yakhe. Umane nje ubonisa umuntu ukuhlakanipha komsebenzi Wakhe negunya analo. Ngakho, ngisho noma enobuntu obumangalisayo, akamemezeli kodwa ugxila kuphela emsebenzini okufanele awenze. Kufanele nazi ukuthi kungani uNkulunkulu ebe yinyama kodwa engaziqhayisi futhi engafakazi ngobuntu Bakhe obujwayelekile futhi kunalokho emane nje enza umsebenzi afisa ukuwenza. Yingakho ubona kuphela umuntu wobunkulunkulu kuNkulunkulu osenyameni, ngenxa yokuthi akalokothi amemezele ukuba Kwakhe ngumuntu ukuze alingiswe. Kulapho umuntu ehola umuntu lapho ekhuluma khona ngesiqu Sakhe ukuze athole ukuhola ngenxa yokubahlaba umxhwele nokubenza bamkholwe. Ngokuphambene nalokho, uNkulunkulu unqoba abantu ngomsebenzi Wakhe kuphela (okuwumsebenzi ongenakufinyelelwa muntu). Akajabulisi muntu noma enze ukuba abantu bamkhonze, kunalokho wenza ukuba abantu babe nomuzwa wokumhlonipha noma abenze baqonde ukuthi akaqondakali. Asikho isidingo sokuba uNkulunkulu ahlabe abantu umxhwele. Akudingayo nje ukuba umhloniphe lapho usubone isimo Sakhe semvelo.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (2)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

15. Umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni awufani nowalabo abasetshenziswe nguMoya oyiNgcwele. Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe emhlabeni, ukhathazeka kuphela ngokufezeka kwenkonzo Yakhe. Kuzo zonke ezinye izinto ezingahlobene nenkonzo Yakhe, akazifaki nhlobo Yena kuze kube sezingeni lokuthi uyaziziba. Umane nje enze umsebenzi azimisele ukuwenza futhi akakhathazeki nakancane ngomsebenzi umuntu okufanele awenze. Umsebenzi awenzayo yilowo kuphela ohlobene nenkathi akuyo nenkonzo afanele ukuyifeza, ezinye izinto kube sengathi azisona isibopho Sakhe. Akazihluphi ngolwazi oluningi oluyisisekelo lokuphila njengomuntu futhi akafundi ngamakhono okuphila adingekayo noma yikuphi okunye umuntu akuqondayo. Akazihluphi nangakho konke umuntu angaba nakho futhi wenza nje umsebenzi okumele awenze. Ngakho, ngeso lomuntu, uNkulunkulu osenyameni uyantula ezintweni eziningi, ngezinga lokuthi uyazishalazela izinto eziningi umuntu okufanele abe nazo futhi akaziqondi izinto ezinjalo. Izinto ezinjengolwazi oluvamile lwempilo kanye nezimiso zokuziphatha, nokuzihlanganisa nabanye kubonakala kungenakubaluleka kuye. Ngisho noma kuthiwani, awukwazi ngisho nokubona nokuncane ukuziphatha okungejwayelekile kuNkulunkulu osenyameni. Okuwukuthi, ubuntu Bakhe bumenza kuphela aphile njengomuntu ovamile, ocabanga ngendlela evamile engqondweni Yakhe, okumenza akwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi. Nokho, akukho okunye anakho, konke okungokwabantu bodwa (abantu abadaliwe). UNkulunkulu uba senyameni kuphela ukufeza inkonzo Yakhe. Umsebenzi Wakhe uqondiswa kuyo yonke inkathi hhayi kumuntu noma indawo ethile. Umsebenzi Wakhe uqondiswe kuwo wonke umhlaba. Lokhu kungukuqondisa komsebenzi Wakhe kanye nesimiso asebenza ngaso. Akekho umuntu ongakuguqula lokho, futhi umuntu akanaqhaza kukho.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

16. UNkulunkulu emhlabeni uzele kuphela ukuzophelelisa umsebenzi Wakhe futhi umsebenzi Wakhe emhlabeni uyisikhashana. Akezi lapha emhlabeni ukuze azosizwa nguMoya kaNkulunkulu ukwakha inyama Yakhe ukuba ibe umholi omangalisayo webandla. Lapho uNkulunkulu eza emhlabeni, kuwuLizwi ophenduka inyama; nokho, umuntu, akazi ngomsebenzi Wakhe kanye bese ephoqelela le nhloso Kuye. Kodwa nonke kufanele nibone ukuthi uNkulunkulu ube uwuLizwi ophenduke inyama, hhayi inyama eyenziwe uMoya kaNkulunkulu ukuba imelele indima kaNkulunkulu. UNkulunkulu uqobo akakhiwanga, kunalokho uyiZwi elibe yinyama, futhi namuhla wenza umsebenzi Wakhe ngegunya phakathi kwenu nonke.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

17. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze ahole inkathi kanye nokuqala umsebenzi omusha. Kumele niliqonde leli phuzu. Lokhu kuhluke kakhulu emsebenzini womuntu futhi lezi zinto zombili ngeke kukhulunywe ngazo ngesikhathi esisodwa. Umuntu udinga isikhathi eside ukuze akhuliswe futhi apheleliswe ngaphambi kokuba asetshenziselwe ukufeza umsebenzi futhi bukhulu kakhulu ubuntu obudingekayo. Akukhona kuphela ukuthi umuntu kufanele akwazi ukugcina lo mqondo ojwayelekile engqondweni yakhe kodwa kumele aqonde nezimo eziningi kanye nemithetho yokuziphatha phambi kwabanye, futhi ngaphezu kwalokho kumele afunde kakhulu ngokuhlakanipha nemithetho yabantu yokuphila. Yilokho umuntu okumele ahlonyiswe ngakho. Nokho, lokhu akunjalo kuNkulunkulu obe yinyama ngoba umsebenzi Wakhe awumeleli umuntu futhi akuwona owomuntu; kunalokho, uwukubonakalisa ngokuqondile kobuntu Bakhe nokuqalwa komsebenzi okufanele awenze. (Ngokusobala, umsebenzi Wakhe wenziwa uma sekufanele wenziwe hhayi noma nini nangokuthanda. Umsebenzi Wakhe uqalwa uma sekuyisikhathi sokuba kufezwe inkonzo Yakhe.) Akangeneli ezimpilweni zabantu noma enze umsebenzi wabantu, okuwukuthi, ubuntu Bakhe abunakho nokuncane lokhu (kodwa lokhu akuwuphazamisi umsebenzi Wakhe). Ufeza inkonzo Yakhe kuphela uma sekuyisikhathi sokuba enze kanjalo; kunoma yisiphi isiqu Sakhe, uvele aqhubeke nomsebenzi okufanele awenze. Noma yikuphi umuntu akwaziyo Ngaye noma akucabangayo Ngaye, umsebenzi Wakhe awuphazamiseki. Kunjengalapho uJesu ayenza khona umsebenzi Wakhe; akekho owayazi ukuthi wayengubani, kodwa wavele waqhubekela phambili nomsebenzi Wakhe. Akukho kulokho okwamphazamisayo ekwenzeni umsebenzi okwakumele awenze. Ngakho, akaqalanga wavuma noma waveza ukuthi ungubani wavele wenza nje ukuthi umuntu amlandele. Ngokusobala lokhu kwakungekhona ukuthobeka kukaNkulunkulu kuphela; kwakuyindlela uNkulunkulu asebenza ngayo enyameni. Wayengasebenza ngale ndlela kuphela, ngoba umuntu wayengeke akwazi ukumbona ngeso lenyama. Ngisho noma kuthiwa umuntu wayekwazile, wayengeke akwazi ukusiza emsebenzini kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akabanga yinyama ukuze umuntu azi inyama Yakhe; kwakungenxa yokuba enze umsebenzi futhi afeze inkonzo Yakhe. Ngenxa yalesi sizathu, akazange abeke kubaluleka ekubeni ubuyena baziwe. Lapho eseqede wonke umsebenzi ayezimisele ukuwenza, ubunjalo Bakhe bonke nesiqu Sakhe abantu bavele bakuqonda konke bengaphoqwanga muntu. UNkulunkulu oyinyama umane athule angenzi zimemezelo. Akagxilile kumuntu noma ekutheni umuntu umlandela kanjani, uvele aqhubekele phambili ekufezeni inkonzo Yakhe nokuqhubeka nomsebenzi azimisele ukuwenza. Akekho ongavimba umsebenzi Wakhe. Lapho kufika isikhathi sokuba umsebenzi Wakhe uphele, kuphoqelekile ukuba usongwe futhi uqedwe. Akekho onganquma ngenye indlela. Umuntu uyowuqonda kahle umsebenzi Wakhe kuphela lapho esuka kubantu esefeze umsebenzi Wakhe, nakuba uyobe ungakacaci kahle. Futhi kuyothatha isikhathi eside kumuntu ukuba aqonde kahle izinhloso Zakhe ngenkathi eqala umsebenzi Wakhe. Ngamanye amazwi, umsebenzi wenkathi lapho uNkulunkulu eba yinyama uhlukaniswe kabili. Enye ingxenye yenzeka ngomsebenzi nangamazwi kaNkulunkulu uqobo oba yinyama. Lapho umsebenzi wenyama Yakhe usufezekile, enye ingxenye yomsebenzi kumele ifezwe yilabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele; leso yisikhathi sokuba umuntu afeze ingxenye Yakhe, ngoba uNkulunkulu useyivulile vele indlela futhi manje kumele ihanjwe ngumuntu mathupha. Okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama ukuze enze ingxenye yomsebenzi Wakhe futhi umsebenzi uqhutshwa nguMoya oNgcwele kanye nalabo abasetshenziswa nguMoya oNgcwele. Ngakho umuntu kumele awazi umsebenzi omkhulu owenziwe uNkulunkulu obe yinyama kulesi sigaba somsebenzi. Umuntu kumele aqonde kahle ukubaluleka kokuba uNkulunkulu eba yinyama nomsebenzi amele ukuwenza, kunokuba abuze uNkulunkulu lokho okubuzwa kumuntu. Yiphutha elenziwa ngabantu leli, kanye nezinto azikholelwayo futhi nokungalaleli Kwakhe.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

18. UNkulunkulu uba yinyama, hhayi ngoba enzela ukuba abantu bazi inyama Yakhe noma enzela ukuba abantu bakwazi ukwehlukanisa phakathi kwenyama Yakhe neyomuntu; uNkulunkulu akabi yinyama ukuze aqeqeshe ukuqonda komuntu kokwazi ukwehlukanisa, kuncane kakhulu-ke okwangenhloso yokuthi umuntu adumise inyama kaNkulunkulu ayothola kuyo inkazimulo enkulu. Akukho kulokhu okuyisifiso sasekuqaleni sikaNkulunkulu yokuba yinyama. UNkulunkulu futhi akabi yinyama ukuze alahle umuntu ngecala, ukuze embule ngamabomu umuntu, noma enze izinto zibe nzima kumuntu. Akukho kulokhu okuyisifiso Sakhe sasekuqaleni. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kusuke kuwumsebenzi ongagwemeki. Kungenxa yomsebenzi Wakhe omkhulu nokuphatha Kwakhe okumangalisayo okwenza ukuba enze kanjalo futhi akuzona izizathu umuntu azicabangayo. UNkulunkulu uza emhlabeni ngoba umsebenzi Wakhe umdinga ukuba enze kanjalo futhi lokhu ukwenza njalo lapho kunesidingo. Akezi emhlabeni ukuze azozula, kodwa ukuze enze umsebenzi amele ukuwenza. Yisiphi esinye isizathu esingamenza aqale umthwalo osinda kangaka azifake ezingozini ezinkulu kangaka ukuze enze lo msebenzi? UNkulunkulu uba yinyama kuphela lapho kumele enze kanjalo futhi lokhu kubaluleke ngendlela engavamile. Uma bekungukuthi usuke efuna ukuvumela abantu ukuba bambone, avule amehlo abo, ubengeke, ngokuqiniseka okukhulu, afike phakathi kwabantu ngendlela engenasisindo kangaka. Uza emhlabeni ngenxa yomsebenzi Wakhe wokuphatha ukuze alawule futhi umsebenzinomsebenzi omkhulu kakhulu futhi ukuze akwazi ukuthola abantu abaningi. Uza ukuze amele inkathi futhi ukuze anqobe uSathane. Ngaphezu kwalokho, uzele ukuzohola sonke isintu ezimpilwenu zaso. Konke lokhu kuthinta ukuphatha Kwakhe futhi kuwumsebenzi othinta wonke umhlaba. Uma uNkulunkulu eba yinyama ukuze nje avumele umuntu ukuba azi inyama Yakhe futhi avule amehlo omuntu, kungani-ke angayi kuzo zonke izizwe? Ingabe lokhu akuyona indlela elula ngokwedlulele? Kodwa akazange enze kanjalo, esikhundleni salokho wakhetha indawo ekahle yokuthi ahlale futhi aqale umsebenzi okumele awenze. Le nyama yodwa nje ibaluleke kakhulu. Umele inkathi yonke, futhi wenza umsebenzi wenkathi yonke; uqeda inkathi endala, angenise entsha. Konke lokhu kuwudaba olubalulekile oluthinta ukuphatha kukaNkulunkulu futhi luwukubaluleka kwesigaba somsebenzi owenziwa uNkulunkulu oze emhlabeni.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

19. Umsebenzi wazo zonke izinkathi uqalwa uNkulunkulu uqobo, kodwa kufanele wazi ukuthi noma yimuphi umsebenzi kaNkulunkulu, usuke engazele ukuzoqala umbhidlango noma ukuzobamba izingqungquthela noma ukuzophemba noma yiluphi uhlobo lwenhlangano. Uzele kuphela ukuzokwenza umsebenzi okufanele awenze. Umsebenzi Wakhe awunakubekelwa umuntu umngcele. Wenza umsebenzi ngendlela ayifisayo; kungakhathaleki ukuthi umuntu ucabangani noma wazini, ugxila kuphela ekwenzeni umsebenzi Wakhe. Kusukela ekudalweni komhlaba, sekube nezigaba ezintathu zomsebenzi; kusukela kuJehova kuya kuJesu futhi kusukela eNkathini Yomthetho kuya eNkathini Yomusa, uNkulunkulu akakaze ahlelele abantu umhlangano obalulekile futhi akakaze ahlele umhlangano emhlabeni wonke omayelana nomsebenzi wokwandisa umsebenzi Wakhe. Uvele aqale umsebenzi wenkathi lapho kuyisikhathi esifanele nendawo efanele futhi ngalokhu uyasihola sonke isintu ekuphileni kwaso. Izingqungquthela zenziwa ngamabandla abantu; ukuhlanganisa abantu ndawonye ukuze kugujwe amaholidi kungumsebenzi womuntu. UNkulunkulu akawagubhi amaholidi kunalokho akawafuni; akahleli imihlangano okuthiwa ibalulekile futhi kunalokho akayifuni. Manje kufanele uqonde kahle ukuthi uyini umsebenzi kaNkulunkulu obe yinyama!


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (3)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

20. Sonke isimo sikaNkulunkulu sesembulwe kuyo yonke iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yohlelo lokuphatha. Akwambulwanga kuphela eNkathini Yomusa, eNkathini Yomthetho kuphela, nakancane kakhulu, kuphela kule nkathi yezinsuku zokugcina. Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina umelela ukwahlulelwa, ulaka nokusola. Umsebenzi owenziwe ngezinsuku zokugcina awusoze wathathela umsebenzi weNkathi Yomthetho noma iNkathi Yomusa indawo. Nokho, izigaba zontathu ziyahlangana zibe yisigaba esisodwa futhi zonke ziwumsebenzi owenziwe nguNkulunkulu. Ngokusobala, ukwenziwa kwalo msebenzi kuhlukaniswe izigaba ezintathu. Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina uphothula zonke izinto; lezo ezenziwa eNkathini Yomthetho zingezokuqala; kanti lezo ezenziwa eNkathini Yomusa zingezokuhlenga. Ngokuqondene nemibono yomsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, akekho ongathola ukwazi nokuqonda. Imibono enjalo iqhubekile nokuba yimfihlakalo. Ezinsukwini zokugcina, kwenziwa umsebenzi wezwi kuphela ukungenisa iNkathi Yombuso kodwa awumele zonke izinkathi. Izinsuku zokugcina azikho ngaphezu kwezinsuku zokugcina futhi azikho ngaphezu kweNkathi Yombuso engameleli iNkathi Yomusa noma iNkathi Yomthetho. Izinsuku zokugcina ziyisikhathi lapho wonke umsebenzi weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha wambulwe khona kinina. Lokhu ukwambulwa kwemfihlakalo. Akekho umuntu ongembula imfihlakalo enjalo. Noma kungathiwa umuntu uliqonda kangakanani iBhayibheli, kugcina kungamazwi nje kuphela, akukho ngaphezu kwalokho ngoba umuntu akayiqondi ingqikithi yeBhayibheli. Lapho umuntu efunda iBhayibheli, angase athole amaqiniso athile, achaze amazwi athile noma acubungule kakhulu emavesini adumile noma izingcaphuno, kodwa ngeke awukhiphe umqondo okulawo mazwi, ngoba konke umuntu akubonayo ngamazwi nje afile, hhayi izigcawu zomsebenzi kaJehova noJesu futhi umuntu akakwazi ukuxazulula imfihlakalo yomsebenzi onjalo. Ngakho-ke, imfihlakalo yohlelo lokusebenza lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha yimfihlo enkulu kunazo zonke, efihlakele kakhulu futhi engacabangeki kumuntu. Akekho ongayiqonda ngokuqondile intando kaNkulunkulu ngaphandle uma Yena uqobo eyichaza futhi ephumela obala kumuntu, ngaphandle kwalokho, ziyohlale ziyimfumbe kumuntu zibe yimfihlo evalelwe unomphelo. Ungabanaki labo asenkolweni; uma beningatshelwanga namuhla beningeke nikwazi ukuqonda.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

21. Umsebenzi owenziwa ezinsukwini zokugcina uyisigaba sokugcina kwezintathu. Uwumsebenzi wenye inkathi entsha futhi awumeleli wonke umsebenzi wokuphatha. Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukaniswe lwaba yizigaba ezintathu zomsebenzi. Asikho isigaba esisodwa esingamelela zontathu izinkathi kodwa kunalokho singamelela ingxenye eyodwa yakho konke. Igama likaJehova ngeke lisimelele sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wenze umsebenzi eNkathini Yomthetho akusho ukuthi angaba nguNkunkulu kuphela ngaphansi komthetho. UJehova wahlela imithetho yomuntu futhi waloba phansi imiyalo, ecela abantu ukuba bakhe ithempeli nama-altare; umsebenzi awenza umelele iNkathi Yomthetho kuphela. Umsebenzi awenza awusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu oyala abantu ukuba bagcine umthetho, uNkulunkulu osethempelini noma uNkulunkulu ophambi kwe-altare. Lokhu akunakushiwo. Umsebenzi ngaphansi komthetho umelela kuphela inkathi eyodwa. Ngakho, uma uNkulunkulu enze umsebenzi eNkathini Yomthetho kuphela, umuntu ubengachaza uNkulunkulu athi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu osethempelini. Ukuze sikhonze uNkulunkulu, kumele sigqoke izingubo zabapristi bese singena ethempelini.” Ukube umsebenzi oseNkathini Yomusa awuzange wenziwe futhi ukube iNkathi Yomthetho iqhubekile kwaze kwaba namuhla, umuntu ubengeke akwazi ukuthi uNkulunkulu unesihe nothando. Ukube umsebenzi weNkathi Yomthetho awuzange wenziwe, kodwa kwenziwe kuphela umsebenzi weNkathi Yomusa, umuntu ubeyokwazi kuphela ukuthi uNkulunkulu angamkhulula umuntu futhi amthethelele izono. Abantu bebeyokwazi kuphela ukuthi ungcwele futhi akanacala, angazidela futhi abulawe ngenxa yomuntu. Umuntu ubeyokwazi lokhu kuphela futhi angakuqondi okunye. Ngakho inkathi ngayinye imelele isimo sikaNkulunkulu. INkathi Yomthetho imelele izingxenye ezithile, iNkathi Yomusa imelele izingxenye ezithile futhi lena imelele okunye. Isimo sikaNkulunkulu singambulwa ngokuphelele ngokuhlanganisa lezi zinkathi ezintathu. Umuntu angakuqonda kahle kuphela lapho eziqaphela zonke lezi zigaba. Kungeqiwe nesisodwa isigaba. Isimo sikaNkulunkulu semvelo niyokwazi ukusiqonda ngokuphelele lapho senazi lezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ukuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomthetho akusho ukuthi unguNkulunkulu ongaphansi komthetho nokuthi ukupheleliswa komsebenzi Wakhe wokukhulula isintu akubonisi ukuthi uNkulunkulu uyohlezi ekhulula abantu. Le yimiphumela yokucabanga kwabantu. INkathi Yomusa isifike ekugcineni, kodwa angeke uthi uNkulunkulu ungowesiphambano kuphela nokuthi isiphambano sisho ukusindisa kukaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, nichaza uNkulunkulu. Kulesi sigaba, uNkulunkulu umane enza umsebenzi wezwi kodwa ngeke nithi uNkulunkulu akasoze aba nesihe kubantu nokuthi konke akulethile ukusola nokwahlulela. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

22. Wonke umsebenzi owenziwe ohlelweni lokuqondisa lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha manje usufike ekupheleni. Kuphela ngemva kokuba wonke lo msebenzi usuwambuliwe kumuntu futhi wenziwa phakathi komuntu abazokwazi sonke isimo Sakhe nezinto anazo kanye nobuntu Bakhe. Uma umsebenzi walesi sigaba usuphothuliwe, zonke izinto ebeziyimfihlakalo kubantu ziyokwambulwa, wonke amaqiniso abekade engaqondwa azocaciswa nesintu siyokwazi ukutshelwa ngekusasa. Lona yiwo wonke umsebenzi okumele wenziwe kulesi sigaba.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

23. Lokho okufuneka kumuntu kulolu suku akufani nokwangezikhathi zangaphambili futhi akufani kakhulu nalokho okwakulindelwe kubantu ngeNkathi Yomthetho. Futhi yikuphi okwakudingeka kumuntu ngaphansi komthetho ngenkathi kwenziwa umsebenzi kwa-Israyeli? Akukho okwakulindeleke kubo ngaphandle kokugcina iSabatha kanye nemithetho kaJehova. Akekho okwakumele asebenze ngeSabatha noma aphule umthetho kaJehova. Kodwa akunjalo namuhla. NgeSabatha, abantu bayasebenza, baqoqane ndawonye bathandaze njengenjwayelo, futhi akukho mingcele ebekiwe. Labo ababeseNkathini Yomusa kwakumele babhapathizwe; kwakungagcini lapho, kwakuthiwa bazile ukudla, bahlephule isinkwa, baphuze iwayini, bamboze amakhanda abo futhi bageze izinyawo zabo. Manje, le miyalo isiqediwe futhi sekufuneka okuningi kumuntu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka ujula futhi ukungena komuntu kuya kukhula ngisho nakakhulu. Endulo, uJesu wayebeka izandla Zakhe kumuntu athandaze, kodwa ngoba manje zonke izinto sezishiwo sikuphi isidingo sokubeka izandla? Amazwi nje ewodwa angafeza okuningi. Kuqala lapho ebeka izandla kumuntu othile, kwakuwukubusisa nokuphulukisa umuntu. Yileyo ndlela uMoya oNgcwele owawusebenza ngayo ngaleso sikhathi kodwa manje akusenjalo. Manje uMoya oNgcwele usebenzisa amazwi emsebenzini Wakhe ukuze athole imiphumela. Usenze amazwi Akhe acaca kini futhi kumele nje niwasebenzise. Amazwi Akhe ayintando Yakhe futhi abonisa umsebenzi azowenza. Ngamazwi Akhe, ungayiqonda intando Yakhe nalokho akucela ukuba ukwenze. Uvele nje usebenzise amazwi Akhe ngaphandle kokubeka izandla. Abanye bangase bathi, “Beka izandla Zakho phezu kwami! Beka izandla Zakho phezu kwami ukuze ngithole isibusiso Sakho futhi ngihlanganyele Nawe.” Zonke lezi zindlela zokwenza seziphelelwe isikhathi futhi azisamukelekile ngoba inkathi isiguqukile. UMoya oNgcwele usebenza ngokuhambisana nenkathi, hhayi nje ngokuthanda noma ngemithetho ebekiwe. Inkathi isiguqukile futhi inkathi entsha kumele ifike nomsebenzi omusha. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izigaba zomsebenzi futhi umsebenzi Wakhe awuphindwa nhlobo. ENkathini Yomusa, uJesu wenza umsebenzi omningi, njengomsebenzi wokuphulukisa, ukuxosha amadimoni, ukubeka izandla kubantu ngokubathandazela nokubabusisa. Nokho, ukuqhubeka nokwenza lowo msebenzi namuhla ngeke kusize ngalutho. UMoya oNgcwele wasebenza ngaleyo ndlela ngaleso sikhathi ngoba kwakuyiNkathi Yomusa futhi umuntu wayeboniswe umusa owanele ukuze ajabule. Akudingekanga ukuba umuntu akhokhe okuthile ukuze athole umusa, kuphela nje uma enokholo. Bonke babephathwe ngomusa. Manje inkathi isiguqukile futhi umsebenzi kaNkulunkulu usuqhubekele phambili; ngokusola nokwahlulela Kwakhe, ukuvukela komuntu nezinto ezingcolile kumuntu zizokhishelwa ngaphandle. Njengoba kwakunjalo ngesigaba sokukhululwa, uNkulunkulu kwadingeka ukuba enze umsebenzi onjalo, ebonisa abantu umusa owanele ukuba bajabule ngawo, ukuze akhulule umuntu esonweni, nangomusa wamxolela umuntu izono zakhe. Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

24. Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele. Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

25. Ukusindisa abantu kukaNkulunkulu akwenziwa ngokuqondile ngoMoya njengoMoya, ngoba uMoya Wakhe ngeke uthintwe noma ubonwe umuntu, futhi umuntu akanakukwazi ukuza kuwo. Uma ezamile ukusindisa umuntu ngokuqondile ngendlela yoMoya, umuntu uyokuthola kanjalo-ke ukusindisa Kwakhe. Ukube futhi akukhona ukuthi uNkulunkulu ube sesimweni somuntu, umuntu ubeyokwazi ukuthola insindiso. Ngoba umuntu angeke nangayiphi indlela asondele Kuye, kungafana nokusondela efwini likaJehova. Kungenzeka kuphela ngokuba abe umuntu odaliwe, okuwukuthi, afake izwi Lakhe enyameni azoba yiyo, Yena angawenza umsebenzi wezwi kulabo abamlandelayo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu engazizwela yena mathupha izwi Lakhe, alibone futhi alamukele, ngakho ngalo uyosindiswa. Ukube uNkulunkulu akabanga yinyama, akekho umuntu obeyothola insindiso enkulu kangako futhi akekho obeyosindiswa. Ukube uMoya kaNkulunkulu usebenze kumuntu ngokuqondile, umuntu ubeyothatheka abe yisithunjwa sikaSathane ngoba akakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

26. Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele. UNkulunkulu uqale umsebenzi wensindiso eNkathini Yomusa ngemva kokuphela kweNkathi Yomthetho. UNkulunkulu ngeke aphethe umsebenzi Wakhe wokwahlulela nokusola umuntu ngokuvukela bese engena ekuphumuleni zingakafiki izinsuku zokugcina. Ngakho, ezigabeni ezintathu zomsebenzi, kukabili kuphela lapho uNkulunkulu ebe yinyama khona ukuze azenzele Yena mathupha umsebenzi kubantu. Lokhu kungenxa yokuthi yisigaba esisodwa kuphela ezigabeni ezintathu zomsebenzi esiwukuhola abantu ezimpilweni zabo, ngenkathi lezi ezinye ziwumsebenzi wensindiso. UNkulunkulu angaphila nabantu kuphela lapho eba yinyama futhi akuzwe ukuhlupheka okusemhlabeni, nokuthi aphile enyameni yomuntu ojwayelekile. Kungaleyo ndlela kuphela lapho enganika umuntu oyisidalwa Sakhe izwi elisebenzisekayo alidingayo. Umuntu uthola insindiso egcwele evela kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngemithandazo abayithumela ezulwini. Ngoba umuntu uyinyama; akakwazi ukubona uMoya kaNkulunkulu futhi kunzima kakhulu ukuya Kuye. Umuntu angakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu osenyameni; futhi ngaye kuphela angaqonda amazwi kanye namaqiniso futhi athole insindiso ephelele. Ukuba senyameni kwesibili kwanele ukususa izono zomuntu futhi kumcwebise ngokugcwele. Ngakho ukuba senyameni kwesibili kuzophetha wonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi kuphelelise ukubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni. Ngemva kwalokho, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni wonke uyophela nya. Ngemva kokuba senyameni okwesibili, ngeke aphinde abe yinyama ngenxa yomsebenzi Wakhe. Ngoba konke ukuphatha Kwakhe kuyobe sekuphelile. Ezinsukwini zokugcina, ukuba senyameni Kwakhe kuyobe sekubazuze ngokugcwele abakhethiweyo Bakhe, futhi bonke abantu ezinsukwini zokugcina bayobe sebehlukanisiwe ngokwezinhlobo zabo. Ngeke esawenza umsebenzi wensindiso noma abuyele enyameni ukuze azokwenza noma yimuphi umsebenzi.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

27. Emsebenzini wezinsuku zokugcina, izwi linamandla amakhulu kunokuvezwa kwezibonakaliso nezimangaliso futhi igunya lezwi lingcono kunelezibonakaliso nezimangaliso. Izwi lembula zonke izimo zenkohlakalo ezisenhliziyweni yomuntu. Awukwazi ukuzibonela zona. Lapho zibonakaliswa kini ngezwi, niyobe senizibona ngokwemvelo; ngeke nikwazi ukuziphika, kunalokho niyokholwa ngokuphelele. Ingabe akusilo igunya lezwi leli? Lona ngumphumela womsebenzi wanamuhla wezwi. Ngakho, umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa umuntu akanalo ulwazi ngaye futhi uyamelana futhi uyamlahla uNkulunkulu. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele. Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe. Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele. … kujulile kunesono, kutshalwe nguSathane kwagxiliswa ngokujulile futhi phakathi kumuntu. Akulula kumuntu ukuba abone izono zakhe; umuntu akakwazi ukubona imvelo yakhe egxilile. Ukwahlulelwa yizwi kuphela okungaba nomthelela onjalo. Yileyo ndlela umuntu angaguqulwa ngayo kancane kancane kusuka kulelo qophelo kuye phambili.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

28. Lokho umuntu akutholile manje—ubunjalo bomuntu namuhla, ulwazi lwabo, uthando, ubuqotho, ukulalela kanye nokubona kwabo—kuyimiphumela etholakala ngokwahlulelwa yizwi. Ukwazi kwenu ukuba qotho nokuhlala nimile kuze kube lolu suku lutholakala ngezwi. Umuntu useyabona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni ungaphezulu kokwejwayelekile. Kuningi umuntu angeke akwazi ukukuthola; kuyizimfihlakalo nezimangaliso. Ngakho, baningi asebezinikele. Abanye abakaze bazinikele kumuntu selokhu bazalwa, kodwa lapho bebona amazwi kaNkulunkulu namuhla, bazinikela ngokugcwele ngaphandle kokuqaphela ukuthi sebenze kanjalo, futhi abanasibindi sokuqala ukucubungula noma ukusho noma yini enye. Umuntu uwile ngaphansi kwezwi kanye nokwahlulela kwezwi. Uma uMoya kaNkulunkulu wawukhuluma kubantu, bonke babeyozinikela ngokugcwele ezwini, baguqe phansi ngaphandle kwamazwi esambulo, njengoba kwenza uPawulu lapho ewela phansi ngenxa yokukhanya endleleni eya eDamaseku. Ukube uNkulunkulu waqhubeka wasebenza ngale ndlela, umuntu wayengeke akwazi ukubona ukonakala kwakhe ngokwahlulela kwezwi futhi athole insindiso. Kungokuba senyameni kuphela lapho engahambisa khona mathupha amazwi Akhe kuzo zonke izindlebe, ukuze bonke abanezindlebe bezwe amazwi futhi bamukele umsebenzi Wakhe wokwahlulela ngezwi. Inje kuphela imiphumela engatholakala ngezwi Lakhe, kunokuvela koMoya owesabise umuntu umphoqe ukuba azinikele. Kungenzeka kuphela ngomsebenzi owenziwayo osezingeni eliphezulu ukuba isimo esidala somuntu, esifihleke ngaphakathi kuye iminyaka eminingi, sivezwe obala ukuze abantu basibone futhi basiguqule. Lona umsebenzi wangokoqobo owenziwa uNkulunkulu osenyameni; ukhuluma futhi ethule ukwahlulela ngendlela ephathekayo ukuze kuzuzwe imiphumela yokwahlulela kumuntu ngezwi. Leli yigunya likaNkulunkulu osenyameni nokubaluleka kokuba kwakhe senyameni. Kwenziwa ukuze igunya likaNkulunkulu osenyameni, imiphumela etholakale ngomsebenzi wezwi, nokuthi uMoya oze usenyameni kwaziwe; ubonisa igunya Lakhe ngokwahlulela umuntu ngezwi. Nakuba inyama Yakhe iwukubonakala kwangaphandle komuntu ojwayelekile, iwumphumela amazwi Akhe awutholayo obonisa umuntu ukuthi ugcwele igunya, ukuthi unguNkulunkulu uqobo nokuthi amazwi Akhe awukubonakaliswa kukaNkulunkulu uqobo. Lokhu kukhombisa bonke abantu ukuthi unguNkulunkulu uqobo, uNkulunkulu uqobo waba yinyama nokuthi ngeke acasulwe muntu. Akekho ongedlula ekwahluleleni kwakhe ngezwi, futhi akukho mandla obumnyama angabusa phezu kwegunya Lakhe.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

29. Uba yinyama ngoba inyama ingakwazi nayo ukuba negunya futhi uyakwazi ukwenza umsebenzi kubantu ngendlela engokoqobo, ebonakalayo nethintekayo kumuntu. Umsebenzi onjalo uba ngokoqobo kakhulu ngokwengeziwe kunoma yimuphi umsebenzi owenziwa ngokuqondile nguMoya kaNkulunkulu onegunya lonke futhi imiphumela yawo nayo isobala. Lokhu kungoba inyama Yakhe ingakhuluma futhi yenze umsebenzi ngendlela engokoqobo; isakhiwo sangaphandle senyama Yakhe asinagunya futhi umuntu angafinyelela kuso. Ingqikithi Yakhe inegunya kodwa igunya Lakhe alibonakali kumuntu. Lapho ekhuluma nalapho esebenza, umuntu akakwazi ukubona ukuthi kukhona igunya Lakhe; lokhu kuba kuhle nakakhulu emsebenzini Wakhe ongokoqobo. Futhi yonke imisebenzi enje ingaba nemiphumela. Ngisho kungekho muntu obonayo ukuthi unegunya noma obonayo ukuthi akanakucasulwa noma abone ulaka Lwakhe, ngegunya Lakhe elifihlakele, ulaka nokukhuluma obala, uzuza imiphumela ayihlosile yamazwi Akhe. Ngamanye amazwi, ngesimo sephimbo Lakhe, ukuqina kwenkulumo kanye nokuhlakanipha kwamazwi Akhe umuntu uyakholwa ngokugcwele. Ngaleyo ndlela, umuntu uyazinikela emazwini kaNkulunkulu osenyameni, obonakala engenalo igunya, ngaleyo ndlela afeze inhloso Yakhe yokusindisa umuntu. Lokhu okunye ukubaluleka kokuba Kwakhe senyameni: ukukhuluma ngokwengeziwe ngokoqobo futhi avumele ubuqiniso bamazwi Akhe ukuba bube nomthelela kumuntu ukuze babone amandla ezwi likaNkulunkulu. Ngakho lo msebenzi, uma ungenziwa ngokuba senyameni, ngeke ube ngisho nemincane imiphumela futhi ngeke uzisindise izoni. Uma uNkulunkulu engabi yinyama, uhlala enguMoya ongabonakali futhi ongathinteki kumuntu. Umuntu uyisidalwa esiyinyama futhi umuntu noNkulunkulu bangabasemihlabeni emibili engafani nengafani ngemvelo. UMoya kaNkulunkulu awuhambisani nomuntu wenyama futhi akukho ukuhlobana okungakheka phakathi kwabo; ngaphezu kwalokho, umuntu akakwazi ukuba umoya. Ngaleyo ndlela, uMoya kaNkulunkulu kumele ube ngesinye sezidalwa futhi wenze umsebenzi Wakhe wokuqala. UNkulunkulu angenyukela endaweni ephakeme aphinde azithobe abe umuntu oyisidalwa, enze umsebenzi futhi aphile nabantu, kodwa umuntu akakwazi ukwenyukela ezindaweni eziphezulu abe ngumoya futhi kukancane kakhulu ukuba umuntu ehlele phansi. Ngakho, uNkulunkulu kumele abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Njengokuba senyameni kokuqala, yinyama kaNkulunkulu osenyameni kuphela eyayingahlenga isintu ngokubethelwa Kwakhe, kuyilapho kwakungeke kwenzeke ukuba uMoya kaNkulunkulu ubethelwe njengomnikelo wesono somuntu. UNkulunkulu angaba yinyama ukuze asebenze njengomnikelo wesono soumuntu kodwa umuntu akakwazanga ukunyukela ezulwini ukuyozilandela umnikelo wesono uNkulunkulu ayewulungiselele bona. Ngaleyo ndlela, uNkulunkulu kumele ahambe kulezi zindawo zombili, ezulwini nasemhlabeni, kunokuba enze ukuba abantu banyukele ezulwini ukuze bathathe insindiso, ngoba umuntu uwile futhi akakwazi ukuya ezulwini, futhi kukancane kakhulu ukuba athole umhlatshelo wesono. Kanjalo, kwakufanele ukuba uJesu eze phakathi kwabantu futhi azenzele mathupha umsebenzi owawungeke ufezwe ngabantu. Njalo lapho uNkulunkulu eba yinyama, kwakusuke kufanele ngempela ukuba enze kanjalo. Ukube esinye salezi zigaba sasingenziwa nguMoya kaNkulunkulu ngokuqondile, wayengeke abhekane nokwehliswa isithunzi ngokuba senyameni.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

30. Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi? Esigabeni esedlule, uJesu wenza izibonakaliso nezimangaliso, kodwa akunjalo kulesi sigaba. Ingabe ukuqonda kwakho kokuthi kungani angenzi kanjalo nakho akuzuzwanga ngezwi? Ngakho, amazwi akhulunywe kulesi sigaba ayawedlula umsebenzi owenziwa ngabaphostoli nabaphrofethi bezizukulwane ezedlule. Ngisho neziphrofetho ezenziwa ngabaphrofethi zazingeke zibe nemiphumela enjena. Abaphrofethi bakhuluma iziphrofetho kuphela zokuthi kuyokwenzekani esikhathini esizayo, kodwa hhayi ngomsebenzi uNkulunkulu ayezowenza ngaleso sikhathi. Abakhulumelanga ukuhola abantu ezimpilweni zabo, ukubekwa kwamaqiniso kumuntu noma ukwambulela umuntu izimfihlakalo futhi kwakukancane kakhulu ukukhuluma ngokunika abantu ukuphila. Amazwi akhulunywe kulesi sigaba, kuwo kunesiprofetho neqiniso, kodwa inhloso yawo ukunika abantu ukuphila. Emazwini akhulunywa kulesi sigaba, kukhona ukuphrofetha neqiniso, kodwa ikakhulu asebenza ukunikeza impilo kumuntu. Amazwi amanje awafani neziphrofetho zabaphrofethi. Lesi yisigaba somsebenzi hhayi weziphrofetho kodwa wezimpilo zabantu, wokuguqula izimo zabantu. Isigaba sokuqala sasiwumsebenzi kaJehova wokulungisa indlela yomuntu yokudumisa uNkulunkulu emhlabeni. Kwakuwumsebenzi wokuqala ukuthola umthombo womsebenzi emhlabeni. Ngaleso sikhathi, uJehova wafundisa ama-Israyeli ukuba agcine iSabatha, ahloniphe abazali futhi aphile ngokuthula nabanye. Njengoba umuntu wangaleso sikhathi engazange aqonde okwakwakhe umuntu, futhi bengazange baqonde indlela yokuphila emhlabeni, kwakudingekile ukuba esigabeni sokuqala ahole abantu ezimpilweni zabo. Konke uJehova akukhulume kubo kwakungakaze kwaziwe yisintu noma kube kubona. Ngaleso sikhathi abaphrofethi babefundiswe ukukhuluma iziphrofetho, zonke zenziwe ngaphansi kokuhola kukaJehova. Lokhu kwakuyingxenye yomsebenzi nje. Esigabeni sokuqala, uNkulunkulu akazange abe yinyama, ngakho wakhuluma nazo zonke izizwe nezinhlanga ngabaphrofethi. Lapho uJesu enza umsebenzi wakhe ngaleso sikhathi, akazange akhulume kakhulu njengoba esenza manje. Lo msebenzi wezwi ezinsukwini zokugcina awukaze wenziwe ezinkathini nasezizukulwaneni zangaphambili. Nakuba u-Isaya, uDaniyeli kanye noJohane benza iziphrofetho eziningi, iziphrofetho ezinjalo zazihluke kakhulu kunamazwi akhulunywa manje. Ababekukhuluma kuphela kwakuyiziphrofetho kodwa amazwi manje awazona. Uma ngikuguqula engikukhulumayo manje ngikwenza iziphrofetho, ubuyokwazi ukukuqonda? Ukube ngikhulume ngezinto zangenkathi ezayo, lapho sengihambile, ubuzokuthola kanjani ukuqonda? Umsebenzi wezwi awuzange wenziwe ngesikhathi sikaJesu noma ngeNkathi Yomthetho. Mhlawumbe abanye bangathi, “Ingabe uJehova akakhulumanga amazwi futhi esikhathini somsebenzi Wakhe? Ngaphezu kokwelapha abagulayo, ukuxosha amadimoni nokusebenza ngezibonakaliso nezimangaliso, ingabe uJesu akazange akhulume ngamazwi ngaleso sikhathi?” Kunomehluko endleleni amazwi akhulunywa ngayo. Yayiyini ingqikithi yamazwi akhulunywa uJehova? Wayehola abantu kuphela ezimpilweni zabo emhlabeni, okwakungazithinti izindaba zomoya empilweni. Kungani kuthiwa amazwi kaJehova amenyezelwa kuzo zonke izindawo? Igama elithi “memezela” lisho ukunika izincazelo kanye neziqondiso ezicacile. Akazange anike abantu ukuphila; kunalokho, wathatha umuntu ngesandla futhi wamfundisa indlela yokuhlonipha. Yayingekho imizekeliso. Umsebenzi kaJehova kwa-Israyeli wawungahloselwe ukubhekana noma ukuqondisa umuntu noma ukwethula ukwahlulela nokusola; kwakungowokuhola. UJehova wathi uMose akatshele abantu Bakhe ukuba babuthe imana ehlane. Njalo ekuseni ngaphambi kokuphuma kwelanga, babebutha imana elalanele lolo suku. Imana lalingeke ligcinwe kuze kube usuku olulandelayo ngoba lalonakala. Akazange afundise abantu noma ambule izimvelo zabo, futhi akazange ambule imicabango nemibono yabo. Akazange abashintshe abantu kunalokho wabahola ekuphileni kwabo. Ngaleso sikhathi, umuntu wayenjengezingane; wayengaqondi lutho futhi wayekwazi ukwenza iminyakazo elula nje; ngakho uJehova wenza kuphela imithetho eyayizohola abantu. Uma ufisa ukushumayela ivangeli ukuze bonke labo abafuna ngezinhliziyo eziqotho bazuze ulwazi ngomsebenzi owenziwe ngalolu suku futhi baqiniseke kahle ngalo, ngakho kumele uyazi kahle indaba engaphakathi, ingqikithi nokubaluleka komsebenzi owenziwa isigaba nesigaba. Ngokuzwa ubudlelwano bakho, bangawuqonda umsebenzi kaJehova nomsebenzi kaJesu futhi, ngaphezu kwalokho, wonke umsebenzi owenziwa ngalezi zinsuku, kanye nokuhlobana nomehluko phakathi kwalezi zigaba ezintathu zomsebenzi ukuze, ngemva kokuba sebelalele beyobona ukuthi asikho isigaba kulezi ezintathu esiphazamisa ezinye. Empeleni, zonke zenziwe ngoMoya ofanayo. Nakuba bezenza umsebenzi ongafani ezinkathini ezingafani futhi kukhulunywa amazwi angafani, izimiso ayesebenza ngazo beziyinto eyodwa efanayo. Lena yimibono emikhulu bonke abantu okufanele bayiqonde.


kusukela esihlokweni esithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi IZwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana