Voice of Justice

Voice of Justice

2019/01/04

Isahluko 15

UNkulunkulu uSomandla,uthando lukankulunkulu

Umuntu yisidalwa esingazazi. Yize engazazi, kodwa abanye abantu ubazi njengentende yesandla sakhe, njengokungathi bonke badlule kuye “wabahlola” base bephasiswa nguye ngaphambi kokusho noma ukwenza okuthile, kanjalo sengathi ubakale bonke isimo sabo sengqondo. Bonke abantu banjalo. Umuntu ungene eNkathini yoMbuso namuhla, kodwa indalo yakhe ayiguquki. Usaqhubeka nokwenza ngendlela engenza ngayo phambi Kwami, kodwa uma ngingabhekile wenza “ibhizinisi” lakhe elihlukile. Uma sekuphelile lokho, uyabuya eze Kimi, kodwa, usengumuntu ohlukile, obukeka ezolile, eqoqekile, ukushaya komthambo kulungile. Akusikho lokhu okwenza umuntu anyanyise? Bangaki abantu abanobuso obubili obuhlukile, obunye phambi Kwami nobunye uma ngifulathele? Bangaki ababa njengamazinyane asanda kuzalwa phambi Kwami kodwa uma ngifulathele baba yizingwe ezilambile, bese beba njengezinyoni ezincane ezindiza kamnandi emagqumeni? Bangaki abakhombisa ukuba nenhloso nezinqumo phambi Kwami? Bangaki abeza phambi Kwami, befuna amazwi Ami bewomele futhi bewanxanele kodwa, uma ngifulathele, bayakhathala yiwo bawalahle, kungathi amazwi Ami ayabagqilaza? Izikhathi eziningi, ngibona abantu bekhohlakaliswa yisitha Sami, ngaphonsa ithawula ekubekeni ithemba Lami kubantu. Izikhathi eziningi, ngibona abantu beza phambi Kwami bekhala becela intethelelo, kodwa ngenxa yokungazihloniphi, ukuba nenkani okungalungiseki, sengivale amehlo Ami kulokhu akwenzayo ngenxa yentukuthelo, yize noma inhliziyo yakhe iqotho nezinhloso zakhe ziyiqiniso. Izikhathi eziningi, ngibona abantu benalo ithemba lokubambisana Nami, nokuthi wenza kanjani ukuthi phambi Kwami kube sengathi uyalala esifubeni Sami, enambitha imfudumalo yokumgona Kwami. Izikhathi eziningi, ngibona ubumsulwa, ukuphila, nokuthandeka kwabantu Bami abakhethiwe, enhliziyweni Yami ngiyathokoza uma ngibona lezi zinto. Abantu abazi ukuthi bangazithokozela kanjani izibusiso engibabekele zona ezandleni Zami, ngoba abazi ukuthi kusho ukuthini ukubusiseka noma ukuhlupheka. Ngenxa yalokhu, abantu bakude ekungifuneni ngeqiniso. Uma ngabe ibingekho into okuthiwa ikusasa, kini enimi phambi Kwami, ubani ongaba mhlophe njengeqhwa, angabi nabala njenge-jade? Ngiqinisekile uthando eninalo Ngami akuyona into engashintshaniswa ngesidlo esimnandi, noma ngezimpahla zokugqoka zezinga eliphezulu, noma ihhovisi elikhulu eliholela kahle? Noma lungashintshaniswa nothando abanye abanalo ngawe? Ngiqinisekile, ukudlula ekulingweni angeke kwenze umuntu alahle uthando analo Ngami? Ngiqinisekile, inhlupheko nokulingwa angeke kwenze umuntu akhalaze ngalokhu engikuhlelile? Akekho umuntu owake wabonga inkemba esemlonyeni Wami: Wazi kuphela lokhu okuyichazayo okungaphandle ngaphandle kokuqonda ingaphakathi layo. Uma abantu bebekwazi ngempela ukubona ubukhali benkemba Yami, bebeyobalekela emigodini yabo njengamagundane. Ngenxa yokungazweli kwabo, abantu akukho abakuqondayo ngencazelo eyiqiniso yamazwi Ami, ngakho-ke abazi ukuthi amazwi Ami ajule kangakanani, noma aveza okungakanani ngendalo yabo, nokuthi inkohlakalo engakanani eseyehlulelwe, kulawo mazwi. Ngenxa yalokhu, ngokubheka ulwazi oluncane abanalo ngamazwi Ami, abantu abaningi bathathe isimo sokuba ndikindiki nokungafuni ukuzibophezela.

Embusweni, akuphumi kuphela amazwi emlonyeni Wami, kodwa izinyawo Zami zinyathela ngeqholo yonke indawo emhlabeni. Ngale ndlela, nginyathela phezu kwazo zonke izindawo ezingcolile nezingahlanzekile, ukuze kungaguquki izulu kuphela, kodwa nomhlaba usendleleni yokuguquka, maduze uzokwenziwa ube musha. Emkhathini, yonke into iba yintsha ekukhanyeni kwenkazimulo Yami, iveza ingxenye ethokomalisa inhliziyo ejabulisa kakhulu imizwa ivuselele nomoya, kube sengathi manje umuntu usehlala ezulwini ngaphezulu kwamazulu, njengoba kucatshangwa umcabango wabantu, kungahlushwa uSathane, kukhululekile ekuhlaselweni izitha ezingaphandle. Phezu komkhathi, inqwaba yezinkanyezi zithatha indawo eziqokelwe yona ngokusho Kwami, zikhanyisa ukukhanya kwazo ezifundeni zezinkanyezi ngamahora obumnyama. Akekho noyedwa umuntu ofuna ukugcina imicabango yokungalaleli, ngakho-ke, ngokuhambisana nobuqu bomyalelo Wami wokuphatha, umhlaba wonke ulawulwa kahle futhi usahamba ngohlelo olufanele: Akukho ukuphazamiseka okube khona, futhi ubunye bomkhathi abukaze bunqamuke. Ngikhipha amagxathu andizayo ngaphezu kwezinkanyezi, futhi uma ilanga likhipha imisebe yalo, ngivimba ukufudumala kwayo esibhakabhakeni, ngikhiphe iziwombe ezinkulu zokukhithika kweqhwa okukhulu njengezimpaphe zehansi eziphuma ezandleni Zami. Kodwa uma ngiguqula umqondo Wami, lonke iqhwa lincibilikela emfuleni. Ngokuphazima kweso intwasahlobo ibe isifikile kuyo yonke indawo ngaphansi kwesibhakabhaka, bese uhlaza olucwebile luguqula konke emhlabeni. Ngiyazulazula esibhakabhakeni, ngokushesha, umhlaba wembozwe ubumnyama ngenxa yomumo Wami: ngaphandle kwesexwayiso, “ubusuku” bufikile, emhlabeni wonke kumnyama ngangokuthi akekho obona isandla esiphambi kobuso bakhe. Ngokufiphala kokukhanya, abantu bathatha ithuba benze izinto ezizobabhubhisa, bentshontshelana bodwa. Izizwe zomhlaba zibe nokwahlukana obuxakalala, zangena esiyaluyalwini sodaka, kuze kube ukuthi azisahlengeki. Abantu bayazabalaza ekuhluphekeni, bakhale ekuhluphekeni, balile ngenxa yenhlupheko, befisa ukuthi kufike ukukhanya futhi phakathi kwabo kuphele izinsuku zobumnyama kubuyiswe impilo ebike yaba khona. Kodwa kade ngibashiyile abantu ngokuphebeza ingalo Yami, angeke ngiphinde ngimzwele ngenxa yobubi bomhlaba: Kade futhi ngabanyanya futhi ngabadikila abantu emhlabeni wonke, ngavala amehlo Ami ezimweni zomhlaba, ngafulathelisa ubuso Bami kukho konke ukuhamba komuntu, konke ukunyakaza kwakhe, ngayeka ukuthokoziswa ubungane bakhe nobumsulwa bakhe. Sengiqale olunye uhlelo lokwenza umhlaba ube musha, ukuze lo mhlaba omusha uthole ukuzalwa kabusha ngesikhathi esingalindelekile ungabe usacwila emanzini. Kubantu, zingaki izimo ezingajwayelekile ebezilinde ukuthi ngizilungise, mangaki amaphutha okumele ngize Mina uqobo ngizowavimba ukuthi angenzeki, zingakanani izintuli okumele ngizisuse, zingaki izimfihlakalo okumele ngizembule: Bonke abantu balinde Mina, bafisa ukufika Kwami.

Emhlabeni, nginguNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe ezinhliziyweni zabantu; ezulwini, ngiyiNkosi yazo zonke izidalwa. Ngiqwale izintaba ngawela nemifula, futhi ngingenile ngaphinde ngaphuma kubantu. Ubani ongalinge aphikise uNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe? Ubani ongalinge aphume ebukhosini bukaSomandla? Ubani ongalinge afunge agomele, ngaphandle kokungabaza, ukuthi ngisezulwini? Futhi, ubani ongafunga agomele, ngaphandle kwephutha nelincane leli, ukuthi ngisemhlabeni? Akekho kubo bonke abantu okwaziyo ukuchaza enabe ngezindawo engihlala kuzo. Kungenzeka yini ukuthi uma ngisezulwini, ngiba uNkulunkulu onamandla adlula awemvelo oqobo Lwakhe? Kungenzeka yini ukuthi uma ngisemhlabeni, ngiba uNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe? Ukuthi nginguMbusi wazo zonke izidalwa, noma ngibona ukuhlupheka komhlaba wabantu – ngiqinisile lezi zinto ngeke kube yizo ezishoyo ukuthi nginguNkulunkulu owenzayo uqobo Lwakhe noma cha? Uma umuntu ecabanga kanjalo,[a] akenganyelwe ubumnyama kukho konke anethemba kukho? Ngisezulwini; futhi ngisemhlabeni; ngiphakathi kwezinto eziningi ezidaliwe, naphakathi kwezinkumbi zabantu. Umuntu angangithinta zonke izinsuku; ngaphezu kwalokho, angangibona zonke izinsuku. Ngokwabantu, kwesinye isikhathi ngifihlekile kanti kwesinye ngiyabonakala; ngibonakala sengathi ngikhona ngempela, kodwa kokunye angikho. Kimi kukhona izimfihlakalo abantu abangaziqondi. Kuba ngathi bonke abantu bayangilunguza ngesibona-khulu ukuze babone ezinye izimfihlakalo Kimi, benethemba lokuthi bazoqeda lo muzwa wokungaqondi ezinhliziyweni zabo. Kodwa ngisho bengasebenzisa imishini i- fluoroscope, bangazithola kanjani izimfihlo ezivaleleke Kimi?

Uma abantu Bami, ngomsebenzi Wami, bekhazimuliswa kanye Nami, ngaleso sikhathi isigodlo sikadrago omkhulu obomvu sizombululwa, lonke udaka nokungcola kuzoguguleka, namanzi angcolile, avele eminyakeni eminingi edlule, azokonyiswa umlilo Wami ovuthayo, angabe esaba khona. Ngemva kwalokho, udrago omkhulu obomvu uzobhujiswa esithandweni somlilo nesibabule. Ngabe uzimisele ngeqiniso ukuhlala ngaphansi kweso Lami elibukhali ukuze ungahlwithwa ngudrago? Ngabe uwazonda ngempela amaqhinga akhe enkohliso? Ubani ozoma aqine angifakazele? Ngenxa yegama Lami, ngenxa yoMoya Wami, ngenxa yalo lonke uhlelo Lwami lokuphatha – ubani ozokwazi ukunikela amandla akhe onke asemzimbeni wakhe?” Waphinde futhi wathi: “Namuhla, lapho umbuso usemhlabeni wabantu, yisikhathi engize ngaso mathupha emhlabeni wabantu. Ngabe ukhona ongaba nesibindi angene empini egameni Lami? Ukuze umbuso uzothola umumo wawo, ukuze inhliziyo Yami izoneliseka, futhi, ukuze usuku Lwami luzofika, ukuze isikhathi sizofika lapho izinto eziningi ezidaliwe zizozalwa kabusha zikhule zande, ukuze umuntu akhululwe olwandle lwenhlupheko, ukuze ikusasa lifike, kube mnandi, lichume, futhi ukuze injabulo yesikhathi esizayo izofezeka, bonke abantu bazama ngamandla abo wonke, bengashiyi lutho ekuzikhandleni kwabo bezikhandlela Mina. Lokhu akulona uphawu lokuthi ukunqoba sekungokwami, nophawu lokupheleliswa kohlelo Lwami?

Uma abantu behlala kakhulu ezinsukwini zokugcina, kulapho bezozwa khona ukungabi nalutho komhlaba futhi bazophelelwa isibindi sokuphila impilo. Ngalesi sizathu, abantu abaningi babulawe ukuphoxeka, abaningi babo baphoxekile endleleni yabo, abaningi bazihlukumeze ngokuthi bakhohliseke esandleni sikaSathane. Ngikhulule abantu abaningi, ngeseka abaningi, kanti kaningi, uma abantu sebelahlekelwe ukukhanya, ngibabuyisele endaweni yokukhanya, ukuze bazongazi ekukhanyeni, bangithokozele enjabulweni. Ngenxa yokufika kokukhanya Kwami, kuba nokungithanda ezinhliziyweni zabantu abahlala embusweni Wami, ngoba nginguNkulunkulu wokuthi abantu bamthande, uNkulunkulu abantu ababambelela Kuye, bese beba nesithombe somumo Wami. Kodwa uma sekwenzekile konke, akekho oqondayo ukuthi ngabe lokhu kungumsebenzi kaMoya, noma ngumsebenzi wenyama. Lokhu kukodwa kwanele ukuthi umuntu abone imininingwane yomzuzu ekuhambeni kwempilo. Umuntu akakaze angenyanye ekujuleni kwenhliziyo yakhe; kodwa ubambelela Kimi ekujuleni komoya wakhe. Ubuhlakani Bami bukhulisa uthando, izimangaliso engiyenzayo yidili emehlweni akhe, amazwi Ami ayawuhlupha umqondo wakhe, yize kunjalo uyawanakekela. Uqobo Lwami lwenza umuntu aphelele amandla, ashaqeke futhi adideke, kodwa yize kunjalo uzimisele ukukwamukela konke. Ngabe lokhu akusona isilinganiso esinembile somuntu njengoba enjalo?

KuNdasa 13, 1992

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni uthi “Uma umuntu ecabanga kanjalo.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

https://www.youtube.com/watch?v=yD6nyuz6AVA

Awekho amazwana:

Thumela amazwana