Voice of Justice

Voice of Justice

2019/01/03

Isahluko 14

    
Kuyo yonke iminyaka, akekho umuntu oseke wangena embusweni ngakho akekho oke wathokozela umusa weNkathi Yombuso, akekho nowake wabona iNkosi yombuso. Nakuba ngaphansi kokukhanyisa koMoya Wami abantu abaningi bephrofethe ngobuhle bombuso, bazi ingaphandle lawo kuphela, hhayi ukubaluleka kwawo ngaphakathi. Namuhla, njengoba umbuso umiswa ngokusemthethweni emhlabeni, abantu abaningi abakazi ukuthi yini okufanele ifezwe, ukuthi umuntu kufanele alethwe kumuphi umbuso ekugcineni, ngeNkathi Yombuso. Ngalokhu, ngiyesaba ngoba bonke abantu basesimweni sokudideka. Ngoba usuku lokubonwa ngokuphelele kombuso alukafiki ngokuphelele, bonke abantu badidekile, abaluboni kahle. Umsebenzi Wami ebunkulunkulu uqala ngokusemthethweni ngeNkathi Yombuso. Kungokuqala ngokusemthethweni kweNkathi Yombuso lapho isimo Sami siqalae sibe sobala kumuntu. Ngakho ngalesi sikhathi icilongo elingcwele liqala ngokusemthethweni ukukhala limemezele kubo bonke. Uma ngithatha amandla Ami ngokusemthethweni ngibusa njengeNkosi embusweni, bonke abantu Bami ngokuhamba kwesikhathi bazopheleliswa Yimi. Lapho zonke izizwe zomhlaba ziphazanyiswa, kungaleso sikhathi lapho umbuso Wami uzomiswa khona futhi ulungiswe futhi ingaleso sikhathi engizoguqulwa ngaso ngibuyele kuwo wonke umhlaba jikelele. Ngaleso sikhathi, bonke abantu bazobona ubuso Bami obukhazimulayo, babone ubuso Bami boqobo. Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube manje, isintu sonakaliswe nguSathane kwaze kwaba sezingeni elikhona namhlanje. Ngokonakala kwabantu, sengifihleke kakhulu kubantu futhi angaqondakala kakhudlwana kubona. Abantu abakaze babubone ubuso Bami bempela, abakaze baxhumane Nami ngqo. Kungenzwabethi nangenganekwane kuphela lapho kuke kwaba khona “uMina” ocatshangwa umuntu. Ngakho ngivumelana nomcabango womuntu, okusho ukuthi, nemibono yabantu, ukuze ngibhekane “noMina” emiqondweni yabo, ukuze ngiguqule isimo “sikaMina” ebebelokhu besigcinile iminyakanyaka. Lesi yisimiso somsebenzi Wami. Akekho namunye umuntu obe nakho ukusazi ngokuphelele. Nakuba abantu belala phansi ngobuso phambi Kwami beza phambi Kwami ukuzongidumisa angizijabuleli izenzo ezinjalo zabantu ngoba ezinhliziyweni zabo abanawo umfanekiso Wami, kodwa umfanekiso ongaphandle Kwami. Ngakho-ke, njengoba imiqondo yabo ingenaso isimo Sami, abazi lutho ngobuso Bami beqiniso. Ngakho-ke, uma bekholwa ukuthi bangiphikisile noma bephule izinqumo Zami zokuphatha, angibagqizi qakala. Ngakho-ke, enkumbulweni yabo, nginguNkulunkulu okhombisa umusa kubantu kunokubasola, noma nginguNkulunkulu uqobo ongayiqondile into ayishoyo. Konke lokhu kungukubona ngamehlo engqondo okuvela emcabangweni womuntu futhi okungahambelani namaqiniso.

Ngengama umhlaba jikelele usuku nosuku, ngibuka, ngizifihla ngokuzithoba endaweni Yami engihlala kuyo ukuzwa impilo yomuntu, ngifunde ngokucophelela izenzo zakhe zonke. Akekho oke wazinikela ngeqiniso Kimi. Akekho oke walandelela iqiniso. Akekho oke wazihlupha ngami. Akekho oke wenza izinqumo ngaphambi Kwami wabambelela emsebenzini wakhe. Akekho oke wangivumela ukuba ngihlale kuye. Akekho oke wangenza igugu njengoba enza ngempilo yakhe. Akekho oke wabona kwenzeka ngokwangempela sonke isiqu sobunkulunkulu Bami. Akekho oke wazimisela ukuxhumana noNkulunkulu woqobo uqobo Lwakhe. Lapho amanzi egwinya abantu bephelele, ngiyabasindisa emanzini amile futhi ngibanike ithuba lokuba nempilo kabusha. Lapho abantu belahlekelwa yithemba lokuphila, ngiyabadonsa ngibakhiphe onqenqemeni lokufa, ngibanikeze isibindi sokuphila, ukuze bangithathe njengesisekelo sokuba khona kwabo. Lapho abantu bengangilaleli, ngenza ukuba bangazi ekungangilalelini kwabo. Ngokwemvelo endala yomuntu nangenxa yomusa Wami, kunokubabulala abantu ngibavumela ukuba baguquke, baqale kabusha. Uma abantu bebulawa yindlala, ngiyabakhipha ekufeni inqobo nje uma besasele nomphefumulo owodwa, ngibavikela ukuba bangaweli ogibeni lobuqili bukaSathane. Kukangaki abantu bebona izandla Zami; kukangaki bebona ubuso Bami obulungile, bebona ubuso Bami obumamathekayo futhi kukangaki bebona ubukhosi Bami, bebona ulaka Lwami. Noma bengakaze bangazi abantu, angithathi ubuthakathaka babo ukuze ngenze izinkinga ezingadingekile. Ngokuzwa ubunzima bomuntu, ngiyazwelana nobuthakathaka bomuntu. Ukuphendula kuphela ukungalaleli kwabantu, ukungabongi kwabo, okwenza ukuthi ngikhiphe ukusola ngamazinga ehlukene.

Ngiyazifihla ngesikhathi abantu bematasa bese ngiyaziveza ngesikhathi bezihlalele. Abantu bacabanga ukuthi ngazi konke futhi nginguNkulunkulu uqobo Lwakhe ophendula zonke izicelo. Ngakho abaningi beza Kimi ukuzocela usizo lukaNkulunkulu, hhayi ngokufisa ukwazi Mina. Uma besokhukhwini lokufa, abantu bayashesha ukucela usizo Lwami. Uma besebunzimeni, babuveza Kimi ubunzima babo ngamandla abo onke ukuze ngiqede ukuhlupheka kwabo. Kodwa akekho namunye umuntu okwazile ukuthi futhi angithande esanethezekile. Akekho namunye umuntu owavela ngesikhathi sakhe soxolo nenjabulo ukuze Nami ngijabule kanye naye. Uma imindeni yabo emincane ijabule futhi kuyihambela kahle, abantu bavele bangibeke eceleni noma bangivalele umnyango, bengivimbela ukuba ngingene, ngalokho bejabulela injabulo ebusisekile yomndeni. Ingqondo yomuntu incane kakhulu, incane kakhulu kangangoba ayikwazi nokubamba uNkulunkulu onothando, onomusa nokusondelekayo Kuye njeNgami. Kukangaki ngaliwa ngabantu ngezikhathi zabo zokuhleka nokujabula, kukangaki bezimelela Ngami njengodondolo uma befuna ukuwa; kukangaki ngiphoqwa ukuba ngibe ngudokotela wabantu uma begula. Sinesihluku kangakanani isintu! Asinangqondo futhi asiziphethe kahle ngempela. Akubonakali ngisho nemizwa le okucatshangwa ukuthi abantu banayo. Bacishe bangabi ngisho noluncane oluwubuntu. Cabanga ngokwedlule ukuqhathanise nokwamanje. Ingabe lukhona uguquko olwenzekayo kuwe? Ingabe kuncane okwedlule okusekhona manje? Noma mhlawumbe lokho okwedlule kudinga ukubuyiswa?

Ngihambe phezu kwamagquma naphansi nezigodi, ngibona ukwehla nokwenyuka komhlaba. Ngizulile phakathi kwabantu futhi ngahlala phakathi kwabo iminyaka, kodwa kuyabonakala ukuthi isimo sabantu siguquke kancane. Kubukeka sengathi imvelo yomuntu endala isigxilise izimpande yaqhuma kuzo. Abakwazi ukuguqula lesi simo esidala, ukusenza ngcono phezu kwesisekelo sakuqala. Njengoba abantu besho, ingqikithi ayikaguquki, kodwa isimo siguquke kakhulu. Wonke umuntu, kubukeka sengathi uzama ukungikhohlisa, ukungixhopha, ukuze aphunyuke bese ezuza ukwaziswa Yimi. Angihloniphi noma nginake amaqhinga abantu. Kunokuba ngithukuthele kakhulu, ngithatha isimo sokubheka kodwa ngingaboni. Ngihlela ukunikeza abantu ukuxegisa kwezinga elithile bese, ngemva kwalokho, ngibhekana nabo bonke abantu njengomuntu oyedwa. Njengoba bonke abantu beyizihlupheki ezingazihloniphi nezingenamsebenzi, bengazithandi, kungani-ke bedinga ukuba ngibakhombise umusa nothando olusha? Ngaphandle kokunye, abantu abazazi, futhi abasazi nesisindo sabo. Kufanele bazibeke esikalini balinganiswe. Abantu abanginaki, ngokunjalo Nami angibathathi ngokuzimisela. Abantu abanginaki, kanjalo Nami angidingi ukusebenzisa amandla ngenxa yabo. Ingabe lokhu akuzilungele izinhlangothi zombili? Ngabe lokhu akuchazi nina, bantu Bami? Ubani owenze izinqumo phambi Kwami ongazange azichithe ngemva kwalokho? Ubani owenze izinqumo zesikhathi eside phambi Kwami kunokuba enze izinqumo njalo kulokhu nalokhuya? Njalo, abantu benza izinqumo phambi Kwami ngesikhathi kumnandi bazilahle zonke ngezikhathi zobunzima. Kamuva bathatha izinqumo zabo bazibeke phambi Kwami. Ingabe angihlonipheki kangako ukuthi ngesinye isikhathi ngingamukela lokho okungenamsebenzi okuthathwe emfucuzeni? Abantu abambalwa babambelela ezinqumweni zabo, bambalwa abamsulwa, futhi bambalwa abanikela ngezinto zabo eziyigugu njengomhlatshelo Kimi. Ingabe anifani nonke? Uma, njengomunye wabantu Bami embusweni, ungakwazi ukwenza umsebenzi wakho, uzonyanywa futhi ulahlwe Yimi!



UMashi 12, 1992

Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


https://www.youtube.com/watch?v=lSZaeKAsOCA



Awekho amazwana:

Thumela amazwana