Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/15

3. Yini umehluko phakathi kwamazwi kaNkulunkulu edluliswa ngabaphrofethi Ngenkathi Yomthetho kanye namazwi kaNkulunkulu echazwa nguNkulunkulu esenyameni?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

ENkathini Yomusa, uJesu wakhuluma futhi wenza umsebenzi omkhulu. Wayehluke kangakanani kuno-Isaya? Wayehluke kangakanani noDaniyeli? Ngabe wayengumprofethi? Kungani kuthiwa unguKristu? Yini umehluko phakathi kwabo? Bonke babengamadoda ayekhulume amazwi, futhi amazwi abo ayefuna ukufana kumuntu. Bonke babekhuluma futhi benze umsebenzi. Abaprofethi bakwiTestamente Elidala baprofetha, futhi ngokufanayo, noJesu wayengakwazi ukwenza lokho. Kungani kunjalo? Umehluko lapha ususelwa kuhlobo lomsebenzi. Ukuze kwahlukaniswe kulolu daba, kumele ubheke uhlobo lwenyama futhi kumele ungabheki ukujula noma ukungakholakali kwamagama omunye. Kumele uqale ngokubheka umsebenzi wakhe kanye nomthelela womsebenzi wakhe onawo kumuntu. Iziprofetho ezakhulunywa u-Isaya ngaleso sikhathi azimnikanga ukuphila umuntu, futhi imiyalezo eyatholwa yilabo abanjengoDaniyeli kwakuyiziprofetho nje, kungasiyo indlela yokuphila. Uma kwakungeve kungenxa yesambulo sikaJehova, akekho umuntu owangenza lowo msebenzi, ngoba akulula kubantu. NoJesu wakhuluma kakhulu, kodwa lawo mazwi ayeyindlela yokuphila umuntu ayengathola indlela yokuphila ngawo. Lokhu kusho ukuthi, okokuqala, wayekwazi ukunika umuntu ukuphila, ngoba uJesu ungukuphila; okwesibili, wayekwazi ukubuyisela emuva ukuchezuka komuntu; okwesithathu, umsebenzi Wakhe walandela okaJehova ukuze kuqhubeke isikhathi; okwesine, wayekwazi ukuqonda izidingo zomuntu ngaphakathi futhi eqonda lokho okuntulwa umuntu; okwesihlanu, wayekwazi ukuholela esikhathini esisha futhi avale endala. Yingakho ebizwa ngoNkulunkulu noKristu; akungoba ehlukile kuno-Isaya kuphela kodwa wehlukile kunabo bonke abanye abaprofethi. Masibheke u-Isaya simqhathanise nomsebenzi wabaprofethi. Okokuqala, wayengakwazi ukunika umuntu ukuphila; okwesibili, wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Wayesebenza ngaphansi kobuholi bukaJehova futhi wayengakwazi ukudlulisela umuntu esikhathini esisha. Okwesithathu, ayekhulume ngakho kwakungaphezu kokuqonda kwakhe. Wayethola izambulo ezazivela kuMoya kaNkulunkulu ngqo, futhi abanye babengaqondi, noma sebelalelile. Lezi zinto ezimbalwa zizodwa zazanele ukufakazela ukuthi amazwi akhe ayengasezona iziprofetho, engengaphezu komsebenzi owenziwa kuJehova. Nokho, wayehluleka ukumela uJehova ngokugcwele. Wayeyinceku kaJehova, ithuluzi lomsebenzi kaJehova. Wayenza umsebenzi ngeNkathi Yomthetho futhi enza umsebenzi kaJehova; akasebenzanga ngaphezu kweNkathi Yomthetho. Kwelinye icala, umsebenzi kaNkulunkulu wehluka. Wedlula umsebenzi kaJehova; Wasebenza njengoNkulunkulu osesimweni somuntu futhi wabethelwa ukuze ahlenge isintu sonke. Okusho ukuthi, wenza umsebenzi ongekho emsebenzini owenziwa uJehova. Lokhu kwaba ukudlulisela abantu esikhathini esisha. Esinye isimo ngesokuthi wayekwazi ukukhuluma lokho okwakungenziwe umuntu. Umsebenzi Wakhe wawungumsebenzi ophakathi kokuphatha kukaNkulunkulu futhi ubandakanya isintu sisonke. Wayengasebenzi kubantu abambalwa kuphela, kanjalo nomsebenzi Wakhe kwakungasikho ukuhola abantu abambalwa. … Njengoba umsebenzi owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu kungukudlulisela umuntu esikhathini esisha, ukuhola umsebenzi omusha, futhi uvulekele izimo ezintsha, le migomo embalwa iyodwa yanele ukuze kubonakale ukuthi unguNkulunkulu Uqobo. Ngakho lokhu kumenza ehluke kuno-Isaya, uDaniyeli, kanye nabanye abaphrofethi abakhulu.


kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho weTestamente Elidala, inani eliningi labaprofethi abamiswa nguJehova bamprofethela, banikeza imiyalelo, ezizwaneni nezizwe ezihlukahlukene, futhi babikezela umsebenzi uJehova abe ezowenza. Laba bantu ababemisiwe bonke babenikwe uMoya wokuprofetha nguJehova: Babekwazi ukubona imibono evela kuJehova, nokuzwa izwi Lakhe, ngakho bagqugquzelwa Nguyena futhi babhala ngokuprofetha. Umsebenzi abawenza wawuveza izwi likaJehova, kwabe kungumsebenzi wokuprofetha ababewenzela uJehova, futhi umsebenzi kaJehova ngaleso sikhathi kwabe kumane kuwukuqondisa abantu ngokusebenzisa uMoya. Akazange athathe isimo senyama, futhi abantu abazange babubone ubuso Bakhe nakancane. Ngakho, wamisa abaprofethi abaningi ukuze benze umsebenzi Wakhe, futhi wabanika imibiko abayidlulisela kuzo zonke izizwe nezizalo zakwa-Israyeli. Umsebenzi wabo kwabe kuwukuprofetha, futhi abanye babhala imiyalelo kaJehova kubo ukuze bakhombise abanye. UJehova wabamisa laba bantu ukuze baprofethe, babikezele umsebenzi wangesikhathi esizayo noma umsebenzi owawusadinga ukwenziwa ngaleso sikhathi, ukuze abantu babone ubuhle obumangalisayo nobuhlakani bukaJehova.


kwesithi “Mayelana neBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi? Esigabeni esedlule, uJesu wenza izibonakaliso nezimangaliso, kodwa akunjalo kulesi sigaba. Ingabe ukuqonda kwakho kokuthi kungani angenzi kanjalo nakho akuzuzwanga ngezwi? Ngakho, amazwi akhulunywe kulesi sigaba ayawedlula umsebenzi owenziwa ngabaphostoli nabaphrofethi bezizukulwane ezedlule. Ngisho neziphrofetho ezenziwa ngabaphrofethi zazingeke zibe nemiphumela enjena. Abaphrofethi bakhuluma iziphrofetho kuphela zokuthi kuyokwenzekani esikhathini esizayo, kodwa hhayi ngomsebenzi uNkulunkulu ayezowenza ngaleso sikhathi. Abakhulumelanga ukuhola abantu ezimpilweni zabo, ukubekwa kwamaqiniso kumuntu noma ukwambulela umuntu izimfihlakalo futhi kwakukancane kakhulu ukukhuluma ngokunika abantu ukuphila. Amazwi akhulunywe kulesi sigaba, kuwo kunesiprofetho neqiniso, kodwa inhloso yawo ukunika abantu ukuphila. Emazwini akhulunywa kulesi sigaba, kukhona ukuphrofetha neqiniso, kodwa ikakhulu asebenza ukunikeza impilo kumuntu. Amazwi amanje awafani neziphrofetho zabaphrofethi. Lesi yisigaba somsebenzi hhayi weziphrofetho kodwa wezimpilo zabantu, wokuguqula izimo zabantu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi uNkulunkulu engakathathi isimo senyama, abantu babengaqondi okuningi kwalokho ayekusho ngoba kwaphuma ebunkulunkulwini obuphelele. Indlela yokubuka kanye nengqikithi yalokho Akusho, kwakungabonakali futhi kungafinyeleleki esintwini; kwakhulunywa kususelwa emhlabeni wakwamoya abantu ababengawuboni. Ngokuba abantu ababephila enyameni, babengakwazi ukudlulela emhlabeni wakwamoya. Kodwa emva kokuba uNkulunkulu ethathe isimo senyama, Wakhuluma nesintu ngendlela yabantu futhi waphuma futhi wedlula ububanzi bomhlaba womoya. Wayengakhuluma ngesimo Sakhe sobunkulunkulu, intando Yakhe, kanye nesimo sengqondo Yakhe ngezinto abantu ababengazicabanga kanye nezinto abazibonayo futhi abahlangabezana nazo ezimpilweni zabo. Futhi wayesebenzisa izindlela abantu ababekwazi ukuzamukela, ngolimi abaluqondayo, nolwazi ababekwazi ukulubamba, ukuvumela isintu ukuba siqonde futhi simazi uNkulunkulu, ukuqonda inhloso Yakhe kanye nezinga alidingayo ngaphakathi kobubanzi bomthamo wabo, kuze kufike ezingeni lapho bekwazi khona. Lena kwakuyindlela kanye nesimiso somsebenzi kaNkulunkulu kubantu.


kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Lokhu kwakuyinzuzo kaNkulunkulu ngokuthatha isimo senyama: Wayengathatha ithuba lo lwazi lwesintu bese esebenzisa ulimi lo buntu ukuze akhulume kubantu, ukuveza intando Yakhe. Wachaza noma “wahumusha” kubantu injula Yakhe, ulimi lo bunkulunkulu abantu ababehluleka ukuluqonda ngokolimi lwabantu, ngendlela yobuntu. Lokhu kwasiza abantu ukuba baqonde intando Yakhe futhi bazi ukuthi wayefunani. Yena wayeba nezinkulumo nabantu ngendlela yobuntu, esebenzisa ulimi lo buntu, futhi ekhuluma nabantu ngendlela ababeqonda ngayo. Wayekwazi nokukhuluma futhi asebenze, asebenzisa ulimi nolwazi lo buntu ukuze abantu bezwe umusa nokusondela kukaNkulunkulu, ukuze babone inhliziyo Yakhe.


kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana