Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/16

2. Yini umehluko phakathi kwamazwi abantu esetshenziswa uNkulunkulu ezinkathini zonke ezihambisana neqiniso namazwi kaNkulunkulu?

ukubuya kweNkosi uJesu okwesibili, Unyazi LwaseMpumalanga

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Iqiniso livela emhlabeni wabantu, kodwa iqiniso kubantu ledluliselwa uKristu. Lisuka kuKristu, okusho ukuthi kuNkulunkulu uqobo, futhi umuntu angelithole.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Iqiniso liyinto ehamba phambili ekuphileni futhi liwukuphila okusezingeni eliphakeme kubo bonke abantu emhlabeni. Ngenxa yokuthi liyimfuneko uNkulunkulu ayenzele abantu futhi liwumsebenzi uNkulunkulu azenzele wona, ngakho libizwa ngokuthi imfihlo yokuphila. Akuyona imfihlo efinyezwe entweni ethile, noma amazwi adumile avela kothile ophezulu; kunalokho ingamazwi avela eNkosini yasemazulwini nasemhlabeni futhi yazo zonke izinto, engewona amazwi afinyezwe umuntu, kunalokho awukuphila okuyifa kukaNkulunkulu. Ngakho abizwa ngokuthi imfihlo yokuphila ephakeme kunazo zonke.

kwesithi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izindlela zomuntu zokuqhuba kanye nolwazi lwakhe lweqiniso konke kusebenza ohlelweni oluthile. Ungathi indlela ethathwa umuntu igcwele intando kaNkulunkulu, ngoba umuntu angakhanyiselwa uMoya oNgcwele kuphela futhi ngeke akwazi ukugcwaliswa uMoya oNgcwele ngokuphelele. Izinto umuntu abhekana nazo zizonke zingena ngaphansi kohlelo lwesimo somuntu esejwayelekile futhi zingedlule uhlelo lwemicabango esimweni somqondo somuntu esejwayelekile. Bonke labo abake babhekana nokuthile bakuveza kulolu hlobo. Uma bebhekana neqiniso, kuhlala kuwukuveza ababhekane nakho empilweni ejwayelekile ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ukubhekana ngendlela echezuka empilweni yomuntu ejwayelekile. Babhekana neqiniso elikhanyiswe uMoya oNgcwele phansi kwesisekelo sokuphila impilo yabo yabantu. Phezu kwalokho, leli qiniso liyehlukahluka kumuntu nomuntu, futhi ukujula kwalo kuncike esimweni somuntu. Umuntu angathi indlela ahamba ngayo iyisimo sokuphila esejwayelekile sokuthi umuntu alandele iqiniso, futhi kuyindlela abantu abajwayelekile abahambe ngayo abanokukhanyiseleka kukaMoya oNgcwele. Ngeke uthi indlela abahamba ngayo yindlela kaMoya oNgcwele. Esimweni esejwayelekile umuntu abhekana naso, ngoba abantu abalandelelayo abafani, umsebenzi kaMoya oNgcwele nawo awufani. Phezu kwalokho, ngoba izimo ababhekana nazo kanye nezinhlobo zabahlangabezana nazo azifani, ngenxa yokuxubeka okusemiqondweni nasemicabangweni yabo, ababhekana nakho kuxutshwa ngokwahlukana. Umuntu ngamunye uqonda iqiniso ngokwesimo somuntu ngamunye. Ukuqonda kwabo kwencazelo yeqiniso akuphelele futhi kunye kuphela noma kuyizingxenyana zakho. Isimo umuntu abhekana neqiniso kuso sihlala sisuselwa ezimweni ezehlukene zomuntu futhi ngenxa yalokho azifani. Ngale ndlela, ulwazi oludlulisiwe lweqiniso elifanayo elivezwa abantu abahlukene alufani. Lokhu kusho ukuthi, lokho umuntu abhekana nakho kuhlala kunemikhawulo futhi ngeke kuze kuyiveze ngokugcwele intando kaMoya oNgcwele, futhi umsebenzi womuntu ngeke uze uthathwe ngokuthi ungumsebenzi kaNkulunkulu, ngisho noma okuvezwe ngumuntu kuhambisana ncamashi nentando kaNkulunkulu, ngisho noma lokho umuntu abhekane nakho kusondele kakhulu emsebenzini ongenasici owenziwa uMoya oNgcwele. Umuntu angaba yisisebenzi sikaNkulunkulu kuphela, enze umsebenzi uNkulunkulu amethembe ngawo. Umuntu angakwazi ukuveza ulwazi ngaphansi kokukhanyiselwa uMoya oNgcwele kanye namaqiniso awathole ngadlule kukho. Umuntu akafanelekile futhi akanazo izimo ezivezwa uMoya oNgcwele. Akafanelekile ukuthi athi umsebenzi womuntu ungumsebenzi kaNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lokhu kusho ukuthi ukukhonza komuntu kuyehluka kunezwi likaNkulunkulu. Lokho okukhonzwa ngumuntu kudlulisa lokho okubonwa umuntu kanye nalokho abhekana nakho, kuveza abakubonayo kanye nalokho ababhekana nakho esisekelweni somsebenzi kaNkulunkulu. Umsebenzi wabo ukuthola, emuva kokukhuluma kukaNkulunkulu, lokho okumele bakwenze noma bangene kukho, bese bakudlulisele kubalandeli. Ngakho, umsebenzi womuntu umela ukungena nokusebenza kwakhe. Nakanjani, umsebenzi onjalo uxutshaniswe nezifundo zomuntu kanye nalokho ake abhekana nakho noma neminye imicabango yomuntu. Noma ungasebenza kanjani uMoya oNgcwele, kungaba wukuthi usebenza kumuntu noma kubuntu bukaNkulunkuku, kuhlala kuba abasebenzi abaveza ukuthi bangobani. Yize kunguMoya oNgcwele osebenzayo, umsebenzi utholakala kulokho okuyikho ngokwendalo, ngoba uMoya oNgcwele awusebenzi ngaphandle kwesisekelo. Ngamanye amazwi, umsebenzi awenziwa ngeze, kodwa uhlala uhambisana nezimo zangempela kanye nezimo eziyiqiniso. Yile ndlela kuphela engaguqula isimo somuntu, ukuthi indlela abebona izinto ngayo kudala kanye nokuqonda kwakudala kungashintsha. Umuntu uveza lokho akubonayo, abhekane nakho kanye nalokho angakucabanga. Ngisho noma kungaba yizimfundiso noma indlela yokubona izinto, konke lokhu kufinyeleleka kukho ngokucabanga komuntu. Ngisho noma ungaba ngakanani umsebenzi womuntu, ungedlule ubukhulu balokhu umuntu abhekana nakho, lokho okubona umuntu, noma lokho okucatshangwa noma okucutshungulwa umuntu. Lokho okuvezwa uNkulunkulu yilokho uNkulunkulu uqobo ayikho, futhi lokhu kungaphezu kokufinyelela komuntu, kungaphezu kwemicabango yomuntu. Uveza umsebenzi Wakhe wokuhola bonke abantu, futhi lokhu akuhambisani nemininingwane yalokho umuntu ake wabhekana nakho, kodwa kunalokho kumayelana nendlela Yakhe yokuphatha. Umuntu ubonakalisa lokho ake abhekana nakho ngenkathi uNkulunkulu eveza ubuyena—lokhu kuyisimo Sakhe esingokomlando futhi singaphezu kokufinyelela komuntu. Lokho umuntu ake abhekana nakho ngalokho akubonayo kanye nolwazi alutholile sisuselwa ekubonakaliseni kukaNkulunkulu ubuyena. Lokho okubonwayo nolwazi kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Sibonakaliswa esisekelweni sesimo somuntu semvelo kanye nasemandleni akhe angempela; ngakho kubizwa ngokuthi isimo somuntu. Umuntu ukwazi ukukhonza lokho abhekane nakho kanye nalokho akubonayo. Lokho angabhekananga nakho noma angakubonanga noma umqondo wakhe ongafinyeleli kukho, okusho, izinto angenazo ngaphakathi, akakwazi ukukukhonza. Uma lokho umuntu akubonakalisayo kungasikho lokho abhekane nakho, kuba umcabango wakhe noma imfundiso yakhe. Ezwini, akukho okuke kwenzeka kulokho akukhulumayo. Uma uke wahlangabezana nezinto zasemphakathini, uzokwazi ukukhonza ngokucacile ulandela ubudlelwane basemphakathini obuxakile. Uma ungenawo umndeni kodwa abanye abantu bakhuluma ngezindaba zomndeni, izinto eziningi abakhuluma ngazo ngeke uze uziqonde. Ngakho, lokho okukhonzwa umuntu kanye nomsebenzi awenzayo kumele ingaphakathi lakhe. … kuyilokho obhekane nakho, khona-ke kuzoba kuwulwazi lwakho siqu, ulwazi lwakho lweqiniso.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izincwadi zikaPawulu zeTestamente Elisha zabe ziyizincwadi uPawulu azibhalela amabandla, hhayi ukuphefumulelwa okuvela eMoyeni oNgcwele, futhi aziwona amazwi avela ngqo eMoyeni oNgcwele. Zimane zingamazwi okuyala, okududuza, nokukhuthaza awabhalela amabandla ngesikhathi enza umsebenzi wakhe. Ngakho nazo, zingumbhalo womsebenzi omningi kaPawulu ngaleso sikhathi. Zazibhalelwe bonke abazalwane eNkosini, futhi zabe zingezokwenza ukuthi abazalwane emabandleni ngaleso sikhathi ukuba balandele izeluleko zakhe nokuthi bagcine zonke izindlela zeNkosi uJesu. … Konke akusho okwabe kwakha futhi kukuhle kubantu kwakulungile, kodwa kwabe kungamele amazwi oMoya oNgcwele, futhi wayengeke amele uNkulunkulu. Kungukuqonda okuyiphutha ngokumangalisayo, nokuhlambalaza okukhulu kakhulu, ukuthi abantu bathathe imibhalo yalokho umuntu adlule kukho nezincwadi zomuntu njengamazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele emabandleni! … Ngakho, wayengakwazi ukukhulumela uMoya oNgcwele. Amazwi akhe kwakungewona amazwi oMoya oNgcwele, kungasaphathwa ukuthi kuthiwe amazwi kaNkulunkulu, ngoba uPawulu wayemane engelutho ngaphandle kwesidalwa sikaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekileyo wabe engeyena uNkulunkulu osenyameni. Ubuyena babungafani nalobo bukaJesu. Amazwi kaJesu kwabe kungamazwi kaMoya oNgcwele, kwakungamazwi kaNkulunkulu, ngoba ubuyena kwakunguKristu—indodana kaNkulunkulu. UPawulu wayengaba kanjani untanga Wakhe? Uma abantu bebona izincwadi noma amazwi kaPawulu njengamazwi oMoya oNgcwele, futhi bewakhonze njengoNkulunkulu, ngakho kungathiwa bemukela noma yini bakhohliseka kalula. Ukukusho ngesankahlu, akuve lokhu kuwukumthuka uNkulunkulu? Umuntu angakhulumela kanjani uNkulunkulu? Futhi abantu bangakhothama kanjani ngaphambi kwemibhalo yezincwadi zakhe namazwi awakhuluma ongathi ayeyincwadi engcwele, noma incwadi yasezulwini? Ingabe amazwi kaNkulunkulu ayengakhulunywa ngumuntu ngokunganaki? Wayengamkhulumela kanjani uNkulunkulu umuntu? … Isibonelo, uPawulu wabhalela izincwadi amabandla aseGalathiya ezazinombono othile, futhi uPetru wabhala enye, nokho eyayinombono ohlukile. Yiziphi ezazivela eMoyeni oNgcwele? Akekho ongasho ngokuqinisekile. Ngakho, kungathiwa kuphela zombili zazinomthwalo ngamabandla, kepha izincwadi zawo zibonisa izinga lawo, zibonisa ukuhlinzeka nokusekela kwazo abazalwane, kanye nomthwalo mayelana namabandla, futhi zibonisa umsebenzi womuntu; zazingezona ezoMoya oNgcwele ngokuphelele. Uma uthi izincwadi zakhe zingamazwi kaMoya oNgcwele, ngakho awunangqondo, futhi uyamhlambalaza uNkulunkulu! Izincwadi zikaPawulu kanye nezinye izincwadi zeTestamente Elisha zingalinganiswa nomlando walabo ababenegalelo elikhulu kwezikamoya kamuva nje. Zisezingeni elifanayo nezincwadi zikaWatchman Nee noma lokho uLawrence adlula kukho, njalo njalo. Ukuthi nje izincwadi zalabo bakamuva ababenegalelo elikhulu kwezikamoya, aziqoqelwanga eTestamenteni Elisha, kepha ingqikithi yala bantu iyafana: Babengabantu ababesetshenziswa uMoya oNgcwele ngesikhathi esithile, futhi babengeke bamele uNkulunkulu ngqo.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kukhona into eyodwa kodwa okumele uyazi: Izwi likaNkulunkulu ngeke likhulunywe njengezwi lomuntu, kanjalo futhi izwi lomuntu ngeke likhulunywe njengezwi likaNkulunkulu. Umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu akayena uNkulunkulu osenyameni, kanti futhi uNkulunkulu osenyameni akayena umuntu osetshenziswa nguNkulunkulu; kulokho, kukhona umehluko esiqwini. Mhlawumbe, ngemva kokufunda la mazwi, ngeke uwamukele njengamazwi kaNkulunkulu, kodwa uzowamukela kuphela njengamazwi omuntu okhanyiselwe. Uma kunjalo, ukungazi kukuvale amehlo. Amazwi kaNkulunkulu angafana kanjani namazwi omuntu okhanyiselwe? Amazwi kaNkulunkulu osenyameni aqala inkathi entsha, aqondisa bonke abantu, aveza izimfihlakalo, akhombise umuntu indlela eya enkathini entsha. Ukukhanyiseleka okutholwe ngumuntu kumane kungumsebenzi noma ulwazi olulula. Ngeke kukwazi ukuqondisa bonke abantu kubayise enkathini entsha noma kuveze izimfihlakalo zikaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ekugcineni kwakho konke, uNkulunkulu nguNkulunkulu, kanti umuntu ngumuntu. UNkulunkulu unesiqu sikaNkulunkulu, kanti umuntu unesiqu somuntu. Uma umuntu ethatha amazwi akhulunywe nguNkulunkulu njengokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, bese ethatha amazwi akhulunywe ngabaphostoli nabaphrofethi njengamazwi akhulunywe nguNkulunkulu, uma kunjalo umuntu uyaphambuka. Ngale kwalokho, akumele wenze okulungile kube okungalungile, noma ukhulume ngento ephakeme njengento ephansi, noma ukhulume ngento ejulile njengento engajulile; ngale kwalokho, akumele uphike ngabomu lokhu okwaziyo ukuthi kuyiqiniso. Bonke abakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona kumele bayibheke le nkinga ngokubona kahle, futhi kumelwe bamukele umsebenzi Wakhe omusha namagama njengezidalwa zikaNkulunkulu—kungenjalo bazosuswa nguNkulunkulu.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana