Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/05

4. Ingabe uNkulunkulu weluse futhi wahlinzeka kanjani isintu kuze kube sezinsukwini zamanje?

UJehova,uJesu,UNkulunkulu uSomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

kwesithi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Msebenzi muni uNkulunkulu awenzile ukusabalalisa izinhlanga? Okokuqala, ulungise isimo esibanzi senhlalo emhlabeni, izindawo ezibanzi, walungisela abantu izimo zenhlalo ezahlukahlukene, kwase kuphila kuzo izizukulwane ngezizukulwane. Lokhu kuphelelisiwe—umkhawulo wokuphila uphelelisiwe. Ukudla abakudlayo, impilo abayiphilayo, abakuphuzayo, izinzuzo zabo—uNkulunkulu wakuphelelisa konke lokho. Kanti ngenkathi edala konke okuphilayo uNkulunkulu, wenza amalungiselelo ehlukahlukene enzela izinhlobo ezahlukahlukene zabantu: Kunezinhlobo ezahlukahlukene zesakhiwo senhlabathi, izinhlobo ezahlukahlukene zesimo sezulu, izinhlobo ezahlukahlukene zezitshalo, izinhlobo ezahlukahlukene zezimo zenhlalo emhlabeni. Izindawo ezahlukahlukene zize zinezinyoni nezilwane ezahlukahlukene, amanzi ehlukahlukene anezinhlobo zezinhlanzi ezahlukahlukene nemikhiqizo yamanzi eyahlukahlukene, kube nezinhlobo zezinambuzane ezahlukahlukene ezihlelwe nguNkulunkulu. … Umahluko kulezi zinto ngeke wabonakala noma uqondakale, kodwa ngenkathi uNkulunkulu edala konke okuphilayo, wehlukanisa walungisa izindawo zomhlaba zenhlalo ezahlukahlukene, iziganga ezahlukahlukene, kanye nezinto ezahlukahlukene ezizweni ezahlukahlukene. Ngokuthi uNkulunkulu wadala izinhlobo ezahlukahlukene zabantu, uyazi Yena ukuthi uhlobo ngalunye ludingani nokuthi impilo yabo iyini. Ngakho, lokho okudalwe nguNkulunkulu kuhle.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Yiziphi izimo ezijwayelekile kulezi zinhlobo ezahlukahlukene zokuphila kwabantu? Azidingi ukunakekelwa okujwayeleke ezindaweni ukuze iqhubeke impilo? Okungukuthi, uma abazingeli bebengalahlekelwa ngamahlathi ezintabeni noma yizinyoni kanye nezilwane, bebeyolahlekelwa yimpilo yabo. Ngakho uma abantu abaphila ngokuzingela belahlekelwa ngamahlathi asezintabeni bengasenazo nezinyoni kanye nezilwane, bebeyoweswela umthombo wempilo yabo. Bungalandela yiphi inkombandlela lobo buzwe; lungaya kuphi lolo hlobo lwabantu? Ikhono lokuphila noma lokungaphili liyinani elingaziwa kanti bangavele banyamalale. Kanti labo abafuyile ukuze baphile—bancike ezindaweni zotshani. Ababambelele kukho akuyona nje imfuyo yabo, kodwa yisimo senhlalo okuphila kuso imfuyo yabo—izindawo zotshani. Ukuba bezingekho izindawo zotshani, bebeyoyelukisa kuphi imfuyo yabo? Bezizodlani izinkomo nezimvu zabo? Ngaphandle kwemfuyo, mpilo yini abebeyoba nayo abantu abazulazulayo laba? Bebengeke babe nayo. Ngaphandle komthombo wemfuyo yabo, laba bantu bebeyoya kuphi? Ukuqhubeka nokuphila bekuyoba lukhuni; bebengeke babe nalo ikusasa. Ngaphandle kwemithombo yamanzi, imifula namachibi amakhulukazi bekuzokoma. Ngabe beziyoqhubeka nokuphila lezo zinhlanzi ngaphandle kwamanzi eziphila ngawo? Lezo zinhlanzi bezingeke zibe khona. Ngabe laba bantu abancike emanzini nasezinhlanzini ngokuphila kwabo bebeyoqhubeka nokuphila? Uma bebengenakho ukudla, uma bebengenawo umthombo wempilo yabo, bebengeke labo bantu bakwazi ukuqhubeka nokuphila. Masinyane lapho kuba nenkinga ngezimpilo zabo noma ngokuqhubeka kwabo nokuphila, lezo zizwe bezingeke zisakwazi ukuqhubeka nokuphila. Bezingeke zikwazi ukuphila—beziyonyamalala, beziyosuswa emhlabeni. Kanti uma labo abangabalimi nabaziphilisa ngakho bebelahlekelwa yinhlabathi, bekuyoba yini umphumela walokho? Bebengeke bakwazi ukutshala izinto, bebengezukwazi ukuthola ukudla ezitshalweni ezinhlobonhlobo. Bewuyoba yini umphumela walokho? Ngaphandle kokudla, bebengeke balambe baze bafe? Uma abantu belamba baze bafe, belungeke lolo hlobo lwabantu luphele? Ngakho lena yinhloso kaNkulunkulu yokugcina izimo zenhlalo okuphilwa kuzo ezinhlobonhlobo. Unenhloso eyodwa vo ekulondolozeni izindawo ezinhlobonhlobo okuphilwa kuzo, ukugcina izinhlobo ezahlukahlukene zabantu ezindaweni ezifanele—okungukunakekela zonke izinhlobo zabantu, ukunakekela abantu abaphila ezindaweni ezahlukahlukene zomhlaba.

Uma zonke izinto eziphilayo bezingalahlekelwa yimithetho yazo, beziyoshabalala; uma imithetho yakho konke okuphilayo beyingalahleka, izinto eziphilayo kulezo ezidaliwe bezingeke zikwazi ukuqhubekela phambili. Abantu bebeyolahlekelwa yizimo zenhlalo nokuqhubeka nokuphila abancike kukho ukuba baphile. Uma abantu bebelahlekelwa yikho konke lokho, bebengeke bakwazi ukuqhubeka nokuphila bandise izizukulwane ngezizukulwane. Isizathu esenza ukuthi abantu baqhubeke nokuphila kuze kube manje yingoba uNkulunkulu ubaphile abantu konke okudaliwe ukuthi kubanakekele, kunakekele abantu ngezindlela ezahlukahlukene. Ngungenxa kaNkulunkulu kuphela ngoba enakekela abantu ngezindlela ezahlukene njengoba besaphila kuze kube yimanje, njengoba besaphila kuze kube yilolu suku lwanamuhla.

…………

Uma sibheka ngeso lemithetho ebekwe nguNkulunkulu enzela ukuthi kukhule yonke into, ngabe bonke abantu, noma ngabe bayiluphi uhlobo, abaphila ngaphansi kokuhlinzeka kukaNkulunkulu—akukhona ukuthi bonke baphila ngaphansi kokunakekelwa Nguye? Uma bekungathiwa le mithetho isusiwe noma uma ngabe uNkulunkulu ubengazange abeke lolu hlobo lwemithetho kumuntu, ukubikezela kwabo bekuzoba njani? Emva kokuthi abantu belahlekelwe yizimo zenhlalo ezejwayelekile abaphila kuzo, bebezoba nayo imithombo yokudla? Kubukeka kungenzeka kube yinkinga ukudla. Uma abantu belahlekelwa yimithombo yokudla, kanjalo, akukho abangakuthola bakudle, kungenzeka behluleke ukubambelela baphile noma inyanga eyodwa. Ukuphila kwabantu kungaba yinkinga. Ngakho izinto ngayinye ngayinye azenzile uNkulunkulu ukuba abantu baphile, ukuba baqhubeke nokuba khona baphinde bande kubalulekile. Yonke into ngayinye ngayinye uNkulunkulu ayenzayo kuzo zonke izinto isondelene futhi kayehlukaniseki nokuphila kwabantu. Ayehlukaniseki nokuphila. Uma ukuphila komuntu kuba yinkinga, ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kungaqhubeka? Ngabe ukuphatha kukaNkulunkulu kusekhona? Ngakho ukuphatha kukaNkulunkulu kuhambisana nokuphila kwawo wonke umuntu amnakekelayo, kanti noma ngabe yini uNkulunkulu ayilungisela zonke izinto kanye nalokho akwenzela abantu, konke kuyisidingo Kuye, futhi kubaluleke kakhulu ekuphileni komuntu. Uma le mithetho ebekwe nguNkulunkulu ezintweni zonke bekungagudlukwa kuyo, uma le mithetho beyingephulwa noma ithikanyezwe, izinto zonke bezingeke zikwazi ukuqhubeka nokuba khona, izimo zenhlalo nokuphila kwabantu bezingeke ziqhubeke nokuba khona, ukunakekeleka kwansuku zonke, nabo bebengeyuba khona. Ngaleso sizathu, ukuphatha kukaNkulunkulu kokusindiswa kwabantu bekungeke kube khona nakho.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho efanele yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kulapho kuphela umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa lapho kuphela umsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

… Emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama, wathatha isimo sesintu iminyaka eyishumi, amashumi amabili, futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. … Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.

…………

Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kusho ukusondela koswazi lukaNkulunkulu phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje isikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo olungakaze lubonwe ngumuntu. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule?… Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokucabanga usefike ekuqondeni iqiniso lokuba umuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

kwesithi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusukela ngesikhathi ukuqondisa kukaNkulunkulu okwaqala ngaso ukuba khona, uNkulunkulu ubelokhu ezinikele ngokugcwele ukufezeni umsebenzi Wakhe. Naphezu kokubafihlela uqobo Lwakhe, ubelokhu engasohlangothini lwabantu, enza umsebenzi kubo, embula isimo Sakhe, eqondisa sonke isintu ngesiqu Sakhe, futhi enza umsebenzi Wakhe kuwo wonke umuntu esebenzisa amandla Akhe amakhulu, ukuhlakanipha Kwakhe, kanye negunya Lakhe, ngalokho eletha iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, futhi manje uletha iNkathi Yombuso. Nakuba uNkulunkulu ebafihlela abantu uqobo Lwakhe, isimo Sakhe, isiqu Sakhe nezinto anazo, kanye nentando Yakhe ngesintu, ubembulele ngokuphelele bonke abantu ukuze bakubone futhi bakuzwe. Ngamanye amazwi, nakuba abantu bengakwazi ukubona noma ukuthinta uNkulunkulu, isimo nesiqu sikaNkulunkulu abantu baye bakuzwa kuvela kuNkulunkulu Ngokwakhe. Akulona yini iqiniso lelo? Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu umsebenzi Wakhe uwenza ngayiphi indlela noma kanjani, abantu uhlale ebaphatha ngokuvumelana noqobo Lwakhe, enze okufanele akwenze futhi asho okufanele akusho. Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukhuluma ekusiphi isikhundla—kungenzeka abe sezulwini lesithathu, noma enyameni, noma ngisho ewumuntu ovamile—uhlale ekhuluma nomuntu ngayo yonke inhliziyo Yakhe nangayo yonke ingqondo Yakhe ngaphandle kokukhohlisa nokuzifihla. Lapho efeza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu wembula izwi Lakhe nesimo Sakhe, aphinde embule lokho anakho nayikho, ngaphandle kokunqikaza ngandlela thile. Uqondisa isintu ngokuphila Kwakhe nangesiqu Sakhe kanye nezinto Zakhe.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Uma Yena eqala umsebenzi kumuntu, uma esemkhethile umuntu, akamemezeli kumuntu, noma amemezele kuSathane, kungasaphathwa ukuthi azikhukhumeze. Wenza lokho okudingekayo, ngokuthula okukhulu nje, kalula kakhulu nje. Okokuqala, Ukukhethela umndeni; uhlobo luni lwesisekelo umndeni onaso, ingabe obani abazali bakho, ingabe obani okhokho bakho—konke lokhu kwanqunywa nguNkulunkulu kakade. Ngamanye amazwi, lezi akuzona izinqumo ezenziwa Nguye ngokuxhamazela, kodwa kunalokho lokhu kwabe kuwumsebenzi owaqalwa kudala. Uma uNkulunkulu esekukhethele umndeni, Yena ubese ekhetha usuku ozozalwa ngalo. Emuva kwesikhashana, uNkulunkulu uyabuka njengoba uzalwa ukhala emhlabeni, Yena uyabuka ukuzalwa kwakho, uyabuka lapho ukhuluma amagama akho okuqala, uyabuka lapho ukhubeka futhi ucathula uthatha amagxathu akho okuqala, ufunda ukuhamba. Okokuqala wena uthatha igxathu elilodwa bese uthatha elinye … manje usuyagijima, manje usuyagxuma, manje usuyakhuluma, manje usuveza imizwa yakho. Ngalesi sikhathi, njengoba ukhula, amehlo kaSathane agqolozele ngamunye wenu, njengengwe ibuka inyamazane yayo. Kepha ekwenzeni umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu akakaze ahlushwe ukukhawuliswa kwabantu, kwezehlo, noma kwezinto, kwendawo noma kwesikhathi; Yena wenza lokho okufanele Akwenze futhi Wenza lokho okumele Akwenze. Ngesikhathi ukhula, ungahlangabezana nezinto eziningi ongazithandi, ungahlangabezana nokugula kanye nokukhungatheka. Kodwa njengoba uyihamba le ndlela, impilo yakho kanye nekusasa lakho kungaphansi kokunakekela kukaNkulunkulu ngempela. UNkulunkulu ukunika isiqiniseko sangempela esithatha impilo yakho yonke, ngoba useduze kakhulu nawe, ekulondoloza futhi ekunakekela. Ungakwazi lokhu, uyakhula. Uqala ukuhlangabezana nezinto ezintsha futhi uyaqala ukwazi lo mhlaba kanye nalesi sintu. Yonke into incwaba futhi yintsha kuwe. Uyathanda ukwenza into yakho siqu futhi uyathanda ukwenza lokho okuthandayo. Uphila phakathi kwobuntu bakho qobo, uphila endaweni yakho siqu futhi awunakho nokuncane ukuqonda ngobukhona bukaNkulunkulu. Kepha uNkulunkulu uyakubuka kuzo zonke izigaba njengoba ukhula, futhi uyakubuka lapho uthatha zonke izinyathelo zokuqhubekela phambili. Ngisho lapho ufunda ulwazi, noma ufunda isayensi, akaze nakanye uNkulunkulu wakushiya. Uyafana nabanye abantu kulokho, ngesikhathi usawufunda futhi uhlangabezana nomhlaba, usuzimisele imiqondo efiswa yinhliziyo yakho, unemisebenzana yakho yokuchitha isizungu, izinto ozithandayo siqu, futhi ugcine izifiso ozilangazelelayo eziphakeme. Uvame ukuzindla ngekusasa lakho siqu, uvame ukudweba umfanekiso wokuthi ikusasa lakho kufanele libukeke kanjani. Kodwa akukhathaliseki ukuthi kwenzekani endleleni, uNkulunkulu ubona konke ngokusobala. Mhlawumbe wena uqobo usukhohliwe osekudlulile empilweni yakho, kodwa kuNkulunkulu, akekho ongakuqonda kangcono ukudlula Yena. Uphila phansi kweso likaNkulunkulu, ukhula, uvuthwa. … Kusukela esikhathini uzelwe kuze kube yimanje, uNkulunkulu usenze umsebenzi omningi kuwe, kodwa Yena akazange akutshele njalo uma enza okuthile. Ubungadingi ukwazi, ngakho awutshelwanga, akunjalo? (Yebo.) Kumuntu, yonke into Ayenzayo, ibalulekile. KuNkulunkulu, kuyinto ekumele Ayenze. Kodwa enhliziyweni Yakhe kukhona into ekudinga ukuthi Ayenze ebalulekile eyedlulela noma iyiphi yalezi zinto. Ingabe yini leyo? Okungukuthi, kusukela esikhathini uzelwe kuze kube imanje, uNkulunkulu kufanele aqinisekise ngokuphepha kwenu ngamunye. Ningezwa sengathi aniqondi ngokuphelele, nithi “Ingabe lokhu kuphepha kubaluleke kangako? Ngakho ingabe yini incazelo eqonde ngqo “yokuphepha”? Mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukuthula noma mhlawumbe niqonda ukuthi kuchaza ukungadluli neze kunoma iyiphi ingozi enkulu noma inhlekelele, ukuphila kahle, ukuphila impilo ejwayelekile. Kodwa ezinhlizyweni zenu kumele niqonde ukuthi akulula nje kanjalo. Ngakho-ke yini ngempela lento ebengikhuluma ngayo, lena uNkulunkulu ekufanele ayenze? Ingabe ichaza ukuthini kuNkulunkulu? Ingabe isiqinisekiso sokuphepha kwakho? Nanjenga manje? Cha. Ngakho yini leyo uNkulunkulu ayenzayo? Lokuphepha kuchaza ukuthi wena ungashabadelwa uSathane. Ingabe lokhu kubalulekile? Awushwabadelwa uSathane, ngakho ingabe lokhu kumayelana nokuphepha kwakho, noma cha? Lokhu kumayelana nokuphepha kwakho siqu, futhi ayikho into engabaluleka kakhulu kunaleyo. Uma usushwabadelwe uSathane umphefumulo wakho noma inyama yakho akuseyona ekaNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke asakusindisa. UNkulunkulu uyayifulathela imiphefumulo enjalo futhi uyabafulathela abantu abanjalo. Ngakho Ngithi into ebaluleke kakhulu uNkulunkulu ekufanele ayenze ukuqinisekisa ukuphepha kwakho, ukuqinisekisa ukuthi ngeke ushwabadelwe uSathane. Lokhu kubaluke kakhulu, akunjalo? Ngakho kungani ningakwazi ukuphendula? Kubukeka sengathi aniwuzwa umusa kaNkulunkulu omkhulu!

UNkulunkulu wenza okuningi kakhulu ngaphandle ukuqinisekisa ukuphepha kwabantu, ukuqinisekisa ukuthi ngeke bashwabadelwe nguSathane; Wenza umsebenzi omningi futhi ukulungiselela ukukhetha umuntu nokubasindisa. Okokuqala, uhlobo luni lwesimilo onaso, uzozalelwa emndenini onjani, ngobani abazali bakho, bangaki abafowenu nodadewenu, yini isimo nokuma kwezomnotho komndeni wakho, ziyini izimo zomndeni wakho—konke lokhu kuhlelelwa wena ngokucophelela uNkulunkulu. … Emehlweni, kubukeka engathi uNkulunkulu akamenzelanga lutho oluyindumezulu umuntu; Wenza yonke into ngasese, ngokuthobeka futhi buthule nje. Kodwa eqinisweni, konke lokho uNkulunkulu akwenzayo ukwenza ukubeka isisekelo sensindiso yakho, ukulungiselela indlela engaphambili futhi nokulungiselela zonke izimo ezidingekayo ekusindisweni kwakho. Masinyane ngesikhathi esibekiwe somuntu ngamunye, uNkulunkulu uyababuyisa phambi Kwakhe—uma isikhathi sesifikile ukuthi uzwe izwi likaNkulunkulu, ingaleso sikhathi lapho uza phambi Kwakhe. Ngesikhathi lokhu kwenzeka, abanye abantu sebe ngabazali uqobo lwabo, kanti abanye bayingane yomuntu othile nje. Ngamanye amazwi, abanye abantu sebeshadile futhi baba nezingane kanti abanye abakagani, abakayiqali imindeni yabo siqu. Kodwa akukhathaliseki izimo zabantu, uNkulunkulu usezibekile kakade izikhathi lapho uyokhethwa khona futhi lapho ivangeli namazwi Akhe ayokufica. UNkulunkulu usebeke izimo, usenqumile umuntu othile noma isimo esithile okuyodluliselwa ngaso ivangeli kuwe, ukuze uzwe amazwi kaNkulunkulu. UNkulunkulu uselukungiselele kakade zonke izimo ezidingekayo ukuze, ungazi, uze phambi Kwakhe futhi ubuyiselwe emndenini kaNkulunkulu. Nawe futhi ungazi uyamlandela uNkulunkulu futhi uyangene emsebenzini Wakhe wesinyathelo ngesinyathelo, ungena endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu akulungiselele wona isinyathelo ngesinyathelo. … kodwa akukhathaliseki ukuthi isiphi isizathu esikwenza ukholelwe kuYena, konke kuhleliwe futhi kwaqondiswa nguNkulunkulu, ngaphandle kokungabaza.

Ekuqaleni, uNkulunkulu usebenzise izindlela ezahlukene ukukukhetha nokukungenisa emndenini Wakhe. Lokhu into yokuqala Ayenzayo futhi umusa Awunika wonke umuntu ngamunye. Manje nomsebenzi kaNkulunkulu ususezinsukwini zokugcina, Akasaniki nje umusa nezibusiso kumuntu njengoba ayenza ekuqaleni, noma ancenge abantu ukuthi baqhubeke—lokhu ingenxa yesisekelo somsebenzi ngeNkathi yoMusa. Ngesikhathi somsebenzi walezi zinsuku zokugcina, ingabe yini umuntu ayibonile kuzo zonke izingxenye zomsebenzi kaNkulunkulu asebedlule kuzona? Ababonanga kuphela uthando lukaNkulunkulu, kodwa futhi ukwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu. Ngalesi sikhathi, uNkulunkulu ngaphezu kwalokho uyahlinzeka, eseke, akhanyisele, futhi aqondise umuntu ukuze kancane kancane baqale ukwazi izinjongo Zakhe, bazi amazwi Awakhulumayo kanye neqiniso Alinika umuntu. Lapho umuntu ebuthakathaka, lapho edangele, lapho bengazi ukuthi bashone kuphi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi Akhe ukubaduduza, ukubeluleka, nokubakhuthaza, ukuze umuntu onesiqu esincane athole amandla kancane kancane, aphakame abe nomoya omuhle owakhayo futhi azimisele ukubambisana noNkulunkulu. Kodwa uma umuntu engalaleli uNkulunkulu noma emelana Naye, noma uma beveza ukukhohlakala kwabo futhi baphikise uNkulunkulu, uNkulunkulu akabakhombisi umusa ekubajeziseni nokubaqondisa. Ebuwuleni, ukungabi nolwazi, ubuthakathaka nokungavuthwa komuntu, nokho, uNkulunkulu ukhombisa ukubekezelelana nesineke. Ngale ndlela, ngawo wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzela umuntu, kancane kancane umuntu uyavuthwa, uyakhula, aqale ukwazi izinjongo zikaNkulunkulu, ukwazi iqiniso elithile, ukwazi ukuthi iziphi izinto ezinhle, futhi iziphi izinto ezingezinhle, ukwazi ukuthi yini inkohlakalo nokuthi yini ubumnyama. UNkulunkulu akamjezisi futhi amqondise umuntu njalo, noma akhombise ukubekezelelana nesineke njalo. Kunalokho, Uhlinzekela umuntu ngamunye ngezindlela ezihlukene, ezigabeni zabo ezihlukene kanye nangeziqu nezinga labo elihlukene. Wenzela umuntu izinto eziningi futhi ngenani elikhulu; umuntu akaqondi luthi ngalezi zindleko noma lezi zinto uNkulunkulu azenzayo, kepha konke Akwenzayo kwenziwa kumuntu ngamunye. Uthando lukaNkulunkulu olwangempela: Ngomusa kaNkulunkulu umuntu ugwema inhlekelele emuva kwenye, kulapho ebuthakathakeni bomuntu uNkulunkulu ukhombisa ukubekezelelana ngokuphindelela. Ukwahlulela nokujezisa kukaNkulunkulu kuvumela abantu ukuthi kancane kancane baqale ukubona ukukhohlakala lwesintu kanye nengqikithi yabo ekhohlakele enobusathane. Lokho uNkulunkulu akuhlinzekayo, ukukhanyisela Kwakhe umuntu nokuqondisa Kwakhe konke kuvumela isintu ukuthi sazi kabanzi ingqikithi yeqiniso, futhi sikhule ekwazini ukuthi yini abantu abayidingayo, iyiphi indlela ekufanele bayithathe, ukuthi yini abayiphilelayo, ukubaluleka nenjongo yezimpilo zabo, nokuthi bayihambe kanjani indlela engaphambili. Zonke lezi zinto uNkulunkulu azenzayo azinakuhlukaniswa nenhloso Yakhe eyodwa yasekuqaleni. Ingabe yini, ke, le nhloso? Ingabe uyazi? Kungani uNkulunkulu esebenzisa lezi zindlela ukwenza umsebenzi Wakhe kumuntu? Ingabe imuphi umphumela Afuna ukuwuthola? Ngamanye amazwi, ingabe yini Afuna ukuyibona kumuntu nokuyithola kubo? Lokho uNkulunkulu afuna ukukubona ukuthi inhliziyo yomuntu ingavuseleleka. Ngamanye amazwi, lezi zindlela azisebenzisayo ukusebenza kumuntu ezokuphaphamisa inhliziyo yomuntu njalo-njalo, ukuphaphamisa umoya womuntu, ukwenza umuntu azi ukuthi bavelaphi, ubani obaholayo, obasekayo, obahlinzekayo, futhi ovumele umuntu ukuthi aphile kuze kube manje; ezokwenza umuntu ukuthi azi ukuthi ubani Umdali, ekufanele bakhuleke kuye, indlela enjani ekufanele bayihambe, nokuthi ingayiphi indlela umuntu ekufanele eze phambi kukaNkulunkulu ngayo; zisetshenziswa ukuvuselela inhliziyo yomuntu kancane kancane, ukuze umuntu azi inhliziyo kaNkulunkulu, aqonde inhliziyo kaNkulunkulu, futhi aqonde ukunakekela nokucabanga okukhulu okusemuva komsebenzi wokusindisa umuntu. Uma inhliziyo yomuntu seyivuselelwe, abasafuni ukuphila impilo yesimo esiphuphile, esikhohlakele, kodwa esikhundleni salokho bafisa ukufuna iqiniso ukwenelisa uNkulunkulu. Uma inhliziyo yomuntu seyiphapheme, ilapho bekwazi ukuphuma baphele kuSathane, bengeke besalinyazwa uSathane, bengeke besalawulwa noma bakhohliswe nguye. Esikhundleni salokho, umuntu angabambisana emsebenzini kaNkulunkulu kanye nasemazwini Akhe ngendlela enhle ukwenelisa inhliziyo kaNkulunkulu, ngalokho afinyelele ekwesabeni uNkulunkulu nokubalekela okubi. Lena inhloso yasekuqaleni yomsebenzi kaNkulunkulu.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Izinkulungwane eziningi zeminyaka seyidlulile, futhi isintu sisathakasela ukukhanya nomoya okulethwe nguNkulunkulu, sisaphefumula umphefumulo okhishwe nguNkulunkulu uqobo, sisajabulela izimbali, izinyoni, izinhlanzi kanye nezinambuzane ezidalwe nguNkulunkulu; imini nobusuku busadedelana; izinkathi ezine zonyaka zisadedelana njengokujwayelekile; amahansi andiza esibhakabhakeni ayahamba ebusika, futhi abuye entwasahlobo elandelayo; izinhlanzi emanzini aziyishiyi neze imifula namachibi—ikhaya lazo; izihlonono emhlabathini ziyacula ngokuzimisela ehlobo; izinyendle otshanini ziyavungazela kancane zihambisana nomoya ekwindla; amahansi ayaqoqana aba imihlambi, lapho ukhozi lusahlala lodwana; imihlambi yamabhubesi ayazigcina ephila ngokuzingela; inyamazane i-elk ayeduki ibe kude notshani nezimbali…. Zonke izinhlobo zezilwane eziphilayo phakathi kwezinto zonke ziyahamba futhi zibuye, futhi ziphinde zihambe futhi, izigidi zezinguquko zenzeka ngokuphazima kweso—kodwa okungaguquki imizwelo nemithetho yokuphila. Noma isintu, esiphila phakathi kwezinto zonke, sonakalisiwe futhi sakhohliswa nguSathane, umuntu akakwazi ukuphila ngaphandle kwamanzi enziwe nguNkulunkulu, kanye nomoya owenziwe nguNkulunkulu, kanye nezinto zonke ezenziwe nguNkulunkulu, futhi umuntu usaphila futhi azale kakhulu ande kule ndawo edalwe nguNkulunkulu. Isazelo sesintu asikaguquki. Umuntu usathembe amehlo ukubona, izindlebe ukuba ezwe, uthembele engqondweni yakhe ukucabanga, enhliziyweni yakhe ukuqonda, emilenzeni nezinyawo ukuhamba, ezandleni ukusebenza, njalonjalo; yonke imizwa uNkulunkulu ayinika umuntu ukuze akwazi ukwemukela ukuhlinzeka kukaNkulunkulu yilokhu ingaguqukile. Amandla asiza umuntu ukuba asebenzisane noNkulunkulu akakaze aguquke, amandla esintu okwenza umsebenzi wesidalwa esidaliwe awakaguquki, izidingo zesintu zikamoya azikaguquki, ukulangazelela kwesintu ukuba sisindiswe nguMdali akukaguquki. Zinjalo izimo zamanje zesintu, esiphila ngaphansi kwegunya kaNkulunkulu, futhi esibekezelele imbubhiso yegazi edalwe nguSathane. Noma isintu besingaphansi kwencindezelo kaSathane, futhi singasebona o-Adamu no-Eva basekuqaleni kwendalo, kodwa sesigcwele izinto eziphikisana noNkulunkulu, njengolwazi, ukubona ngamehlo engqondo, imicabango, njalo njalo, futhi sigcwele isimo sokukhohlakala sikaSathane, emehlweni kaNkulunkulu, isintu kuseyisintu esifanayo nalesi asidala. Isintu sisabuswa futhi siphethwe nguNkulunkulu, futhi sisaphila emzileni obekwe nguNkulunkulu, ngakho emehlweni kaNkulunkulu, isintu esonakaliswe nguSathane, sisembozwe yinsila, sinesisu esidumayo, nokuphendula okuthanda ukuhamba kancane, ukukhumbula okungasekuhle njengakuqala, nokuthi sesithe ukukhula ngeminyaka—kodwa konke ukusebenza nemizwa yomuntu akulimalanga nhlobo. Lesi isintu uNkulunkulu ahlose ukusisindisa. Lesi sintu kufanele sizwe nje ukumemeza koMdali futhi sizwe iphimbo loMdali, bese sisukuma futhi siphuthume ukuthola umthombo walelo phimbo. Lesi sintu kufanele sibone nje isiqu soMdali, bese sishaya konke indiva, futhi sishiye konke, ukuze sizinikele kuNkulunkulu, futhi size sinikele ngempilo yaso Kuye. Uma inhliziyo yesintu iqonda amazwi athinta inhliziyo aphuma enhliziyweni yoMdali, isintu sizolahla uSathane futhi size ngakuMdali; lapho isintu sesikugezile ngokuphelele ukungcola emzimbeni waso, futhi saphinde sathola ukuhlinzekwa nokondleka kuMdali, ukukhumbula kwesintu kuyobuyela, futhi ngalesi sikhathi isintu siyobe sesibuyele ngempela ekubuseni koMdali.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana