Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/06

5. Ingabe uNkulunkulu ubusa futhi aphathe kanjani umhlaba wonke?

Unyazi LwaseMpumalanga,insindiso,Iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Zingaki izidalwa eziphilayo futhi ezizalanayo ebukhulwini obubanzi bomhlaba nezulu, zilandela umthetho wokuphila ngokuphindaphinda, zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu asazi ukuthi ngubani oyiNkosi yezinto zonke emhlabeni nasezulwini, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu. Isintu simane siyaphila ngokuphoqeleleka phakathi kwalo mthetho. Akekho ongaphunyuka kuwo futhi akekho ongawushintsha, ngoba phakathi kwezinto zonke futhi emazulwini kukhona oyedwa osuka phakade kuze kube phakade obusa phezu kwakhe konke. Yilowo ongakaze abonwe ngumuntu, Lowo isintu esingakaze simazi, isintu esingakaze sithembele ebukhoneni Bakhe, kepha Nguye owaphefumulela umphefumulo kokhokho besintu futhi wanika ukuphila esintwini. Nguye onikayo futhi owondlayo isintu ukuze sibe khona, futhi oqondisa isintu kuze kube namhlanje. Ngaphezu kwalokho, Nguye futhi Nguye yedwa isintu esibheke Kuye ukuze siphile. Uphethe ubukhosi phezu kwazo zonke izinto futhi ubusa zonke izinto ngaphansi komhlaba nezulu. Ulawula izinkathi zonyaka ezine futhi Nguye obiza umoya, ungqoqwane, iqhwa, kanye nemvula. Unika isintu ilanga futhi alethe ukuza kobusuku. Nguye owendlala amazulu nomhlaba, wahlinzeka umuntu ngezintaba, amachibi nemifula kanye nazo zonke izinto eziphilayo phakathi kwayo. Isenzo Sakhe sikhona yonke indawo, amandla Akhe akhona yonke indawo, ukuhlakanipha Kwakhe kukhona yonke indawo, negunya Lakhe likhona yonke indawo. Umthetho nomgomo ngamunye uqukethe isenzo Sakhe, futhi yonke iveza ukuhlakanipha kanye negunya Lakhe. Ubani ongazikhipha ngaphandle ekubuseni Kwakhe? Ngubani ongazikhipha kumacebo Akhe? Zonke izinto zikhona ngaphansi kwamehlo Akhe, futhi zonke izinto ziphila ngaphansi kobukhosi Bakhe. Ukwenza Kwakhe namandla Akhe kushiya isintu singenakho okunye esingakhetha kukho ngaphandle kokuvuma ukuthi ukhona ngempela futhi uphethe phezu konke. Ayikho enye into ngaphandle Kwakhe engalawula umhlaba jikelele, kungasaphathwa ukuhlinzeka lesi sintu okungenakukhawuka.

kwesithi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo. … Amandla empilo kaNkulunkulu angachuma kunanoma amaphi amandla, phezu kwalokho, edlula wonke amandla. Ukuphila Kwakhe kungunaphakade, amandla Akhe makhulu ngokwedlulele, futhi amandla Akhe okuphila awehlulwa yinoma yini edaliwe noma amandla esitha. Amandla kaNkulunkulu akhona, futhi akhanyisa bha, noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo. Ukuphila kukaNkulunkulu akuguquki nhlobo ezimweni zonke zasezulwini nezasemhlabeni. Zonke izinto ziyedlula, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kulokhu kumile, ngoba uNkulunkulu ungumthombo wobukhona bazo zonke izinto, futhi ungumsuka wobukhona bazo. Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, futhi ubukhona bomhlaba busuka emandleni okuphila kukaNkulunkulu. Akukho okubalulekile okungadlula ubukhulu bukaNkulunkulu, futhi akukho okunamandla okuphuma emandleni okuphathwa nguNkulunkulu. Ngale ndlela, ngisho noma bangobani, bonke abantu kumele bathobele ukubusa kukaNkulunkulu, bonke abantu kumele baphile ngaphansi kokulawulwa uNkulunkulu, futhi akekho umuntu ongaphunyuka elulawuleni Kwakhe.

kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaphambi kokuba khona kwesintu, indawo yonke—wonke amaplanethi, zonke izinkanyezi ezisemazulwini—kwase kukhona. Ngezinga elibanzi, lezi zindikimba ezisemkhathini zase zizungeza njalo, ngaphansi kokulawula kukaNkulunkulu, ngoba konke ukuba khona kwazo, yonke iminyaka lokho okwaba yiyo. Kwakuhamba yiphi iplanethi, iya kuphi futhi ngasiphi isikhathi; iyiphi eyayinyakaza nokunyakazayo, futhi lapho inyamalala noma kungena okuthile esikhundleni sayo—zonke lezi zinto zaziqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka ngisho kancane. Izindawo okume kuzo amaplanethi namabanga aphakathi kwawo konke kulandela inqubo eqondile, konke kungachazwa njengomniningwane onembile; imizila okuhamba ngayo, ijubane nezindlela okuzungeza ngakho, izikhathi ezisezindaweni ezihlukahlukene ngazo zingabaleka ngokunembile futhi zichazwe ngemithetho ekhethekile. Izigidigidi zeminyaka amaplanethi abelokhu elandela le mithetho, engalokothi aphambuke nakancane. Awekho amandla angashintsha noma aphazamise ukuzungeza kwawo noma indlela ayilandelayo. Ngenxa yokuthi imithetho ekhethekile eqondisa ukuhamba kwawo nemininingwane enembile ewachazayo kunqunye kusengaphambili igunya loMdali, alalela le mithetho ngokwawo, ngaphansi kobukhosi nokulawulwa uMdali. Ngomqondo obanzi, akukho nzima ngomuntu ukuthola izindlela ezithile, iminingwane ethile, kanye nemithetho engavamile futhi engachazeki. Nakuba isintu singakwemukeli ukuthi uNkulunkulu ukhona, singalamukeli iqiniso lokuthi uMdali wenza futhi ubusa yonke into, futhi ngaphezu kwalokho singakuqapheli ukuba khona kwegunya likaMdali, ososayensi, izazi zezinkanyezi, nodokotela bemvelo balokhu bethola ukuthi ukuba khona kwazo zonke izinto ezisendaweni yonke, nezimiso nezindlela zokulawula ukuhamba kwazo, konke kuqondiswa futhi kulawulwa amandla amakhulu amnyama angabonakali. Leli qiniso liphoqa umuntu ukuba abhekane futhi avume ukuthi kunoSomandla kulezi zindlela, oqondisa yonke into. Amandla Akhe awavamile, futhi nakuba kungenamuntu ongabona ubuso Bakhe bangempela, uqondisa futhi alawule yonke into. Akekho umuntu noma amandla angedlula ubukhosi Bakhe. Ebhekene naleli qiniso, umuntu kumele aqaphele ukuthi imithetho eqondisa ukuba khona kwazo zonke izinto ngeke ilawulwe abantu, ngeke ishintshwe muntu; futhi ngesikhathi esifanayo umuntu kumele avume ukuthi abantu ngeke bayiqonde ngokugcwele le mithetho. Futhi ayizenzakaleli ngokwemvelo, kodwa iqondiswa uNkulunkulu iNkosi. Konke lokhu kuwukubonakaliswa kwegunya likaNkulunkulu umuntu angalifuna ngezinga elibanzi.

Ngokwezinga eliphansi, zonke izintaba, imifula, amachibi, ulwandle, namazwekazi anabantu emhlabeni, zonke izinkathi zonyaka adlula kuzo, zonke izinto ezihlala emhlabeni, okubandakanya izihlahla, izilwane, izilwanyana ezincane, nabantu, kungumsebenzi wobukhosi bukaNkulunkulu, futhi kulawulwa uNkulunkulu. Ngaphansi kobukhosi nokulawula kukaNkulunkulu, konke kuba khona noma kunyamalale ngokuvumelana nemicabango Yakhe, ukuphila kwakho kuqondiswa imithetho ethile, kuyakhula futhi kwande. Akekho umuntu noma into engaphezu kwale mithetho.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wabekela izintaba imingcele, amathafa, izingwadule, amagquma, imifula, kanye namachibi amakhulukazi. Emhlabeni kunezintaba, amathafa, izingwadule, amagquma, kanye nezinhlobo zamanzi—kuyini konke lokhu? Akuzona izinhlobo ezahlukene zezimo zezindawo? UNkulunkulu wabeka imingcele phakathi kwalezi zinhlobo ezahlukene zezimo zezindawo. Uma sikhuluma ngokubekwa kwemingcele, kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi izintaba zicacisiwe ngokwazo, amathafa acacisiwe ngokwawo, izingwadule zinophawini wazo, amagquma anezindawo zawo ezimiyo. Kukhona futhi izinhlobo zamanzi amaningi anjengemifula kanye namachibi amakhulukazi. Okungukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto wehlukanisa izinto zonke ngokucacile. … Kuzo zonke lezi zimo zezwe kanye nezezindawo ezidalwe nguNkulunkulu, ukuphethe konke ngendlela ehleliwe nemiswe kahle. Ngakho zonke lezi zimo zezwe zisekhona eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa, amashumi ezinkulungwane zeminyaka emva kokudalwa nguNkulunkulu. Zisayidlala indawo yazo ngayinye ngayinye. Nakuba ezikhathini ezithile kusabheduka izintabamlilo, ngezikhathi ezithile kuqubuka ukunyikima komhlaba, kuphinde kube nokugudluka okubanzi komhlaba, uNkulunkulu akasoze nakancane avumele uhlobo oluthile lomhlaba ukuthi lulahlekelwe umsebenzi olwadalelwa wona. Kungesizathu salokhu kuphatha kukaNkulunkulu kuphela, ukubusa Kwakhe kanye nokuqonda Kwakhe le mithetho, ukuthi konke lokhu—konke lokhu okujatshulelwa ngumuntu nokubonwa ngumuntu—kuqhubeka nokuphila ngendlela ehlelekile ezweni.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Zonke izinto zadalwa nguNkulunkulu—noma ngabe zigxumekeke endaweni eyodwa noma ngabe ziyaphefumula zikwazi ukuhamba—zonke zinemithetho yokuphila. Esikhathini eside ngaphambi kokuthi uNkulunkulu adale lezi zinto eziphilayo wayesezilungisele izindawo zazo eziyizindawo ezingamakhaya, izimo zezindawo zokuthi zikwazi ukuqhubeka nokuphila. Lezi zinto eziphilayo bezinezindawo zazo ezimiselwe ukuphila kuzo, ukudla kwazo, izindawo zazo ezingamakhaya ezimisiwe, izindawo zazo ezimisiwe ezifanele ukuphila kwazo, izindawo ezinezimo zokushisa ezifanele ukuphila kwazo. Ngaleyo ndlela bezizozulazula noma zikubukele phansi ukuphila komuntu noma lokho okunethonya empilweni yazo. Yindlela lena uNkulunkulu aphatha ngayo abantu. Ngukubahlinzeka abantu ngezinto ezisezingeni eliphezulu ukuze baqhubeke nokuphila. Konke okuphilayo okuhambisana nakho konke okuphilayo ngakunye kunokudla okukugcina kuphila ezindaweni zakho. Kulokho kudla, kubopheleke ukuba sendaweni yakho yokuzalwa ukuze kukwazi ukuqhubeka nokuphila; kunamathela kuleyo ndawo. Endaweni eyilolo hlobo, kuyaphila, kuyanda, futhi kuqhubekela phambili kulandela imithetho uNkulunkulu akwakhele yona. Ngenxa yalezi zinhlobo zemithetho, ngenxa yokulungiselela kukaNkulunkulu okwandulelayo, konke okuphilayo kusebenzisana ngokuthula nabantu, futhi abantu kanye nakho konke okuphilayo kuyaphilisana.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, wasebenzisa zonke izinhlobo zezindlela namasu ukuletha ukulingana kuzo, ukulinganisa izimo zenhlalo nokuphila ezintabeni nasemachibinikazi, ukulinganisa izimo zokuphila ezitshalweni kanye nasezinhlotsheni zonke zezilwane, izinyoni, izinambuzane—inhloso yakhe kwakungukuvumela zonke izinhlobo zokuphilayo ukuthi kuphile kwande kulandela imithetho ayeyibekile. Konke okuphilayo akunakusuka kule mithetho kanti ayikwazi ukwephulwa. Kukulolu hlobo lwempilo ejwayelekile lapho abantu bekwazi khona ukuphila ngokuphepha bande, izizukulwane ngezizukulwane. Uma izidalwa eziphilayo zeqa inani noma imikhawulo ebekwe nguNkulunkulu, noma zeqa isivinini ezikhula ngaso, izikhathi, noma inani lazo ngaphansi kokubusa Kwakhe, isimo senhlalo nokuphila komuntu kungahlukumezeka ngamazinga ahlukahlukene okuphazamiseka. Ngasikhathi sinye, ukuphila komuntu kungaba sengcupheni. Uma uhlobo olulodwa lwezidalwa eziphilayo lulukhulu ngesibalo, luzoqola abantu ngokudla, kubhidlike imithombo yamanzi abantu, kuphinde kulimale izindawo zabantu. Ngaleyo ndlela, ukuzalana kwabantu noma indlela abaphila ngayo kungathinteka masinya.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Kulokhu kwasukela uNkulunkulu azidala, ngokwemithetho ayeyilandela, zonke izinto bezisebenza futhi ziqhubeka nokuthuthuka. Ngaphansi kweso Lakhe, ngaphansi komthetho Wakhe, zonke izinto bezilokhu ziqhubeka nokuthuthuka zihambisana nokuphila komuntu. Akukho neyodwa into ekwazi ukuguqula le mithetho, akukho neyodwa futhi into engabulala le mithetho. Kungenxa yomthetho kaNkulunkulu othi konke okuphilayo kuyakwazi ukwanda, futhi ngenxa yomthetho Wakhe nokulawula Kwakhe okuthi konke okuphilayo kuzokwazi ukuqhubeka nokuphila. Lokhu kusho ukuthi ngaphansi komthetho kaNkulunkulu, konke okuphilayo kuba khona, kuyakhula, kuyanyamalala, kuphinde kuvuselelwe ngendlela ehlelekile.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini. Ukuthuthuka komuntu nokuqhubekela phambili kungehlukaniswe nobukhosi bukaNkulunkulu, futhi umlando nekusasa lesintu kungeke kwakhishwa ezinhlelweni zikaNkulunkulu. Uma ungumKristu ngokweqiniso, uzokholwa ukuthi ukuvuka nokuwa kwanoma iliphi izwe noma isizwe kwenzeka ngokuhlela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu yedwa owazi isiphetho sezwe noma isizwe, futhi uNkulunkulu yedwa olawula inkambo yale sintu. Uma isintu sifisa ukuba nesiphetho esihle, uma izwe lifuna ukuba nesiphetho esihle, kufanele umuntu aguqe phansi adumise uNkulunkulu, aphenduke futhi avume phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho isiphetho nesiphetho somuntu ngokungenakugwemeka siyogcina ngenhlekelele.

…………

UNkulunkulu akangeni kwezepolitiki yabantu, kepha isiphetho sezwe noma isizwe silawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu ulawula lomhlaba kanye nomhlaba wonke jikelele. Isiphetho somuntu kanye nohlelo lukaNkulunkulu kuxhumene ngokusondelelene, futhi akekho umuntu, izwe noma isizwe esikhishelwe ngaphandle ebukhosini bukaNkulunkulu. Uma umuntu efisa ukwazi isiphetho sakhe, kufanele eze phambi kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uzokwenza labo abamlandelayo nabamkhonzayo ukuthi baphumelele, futhi uzoletha ukuncipha nobhubhiso kulabo abamelana Naye nabamalayo.

kwesithi “UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Manje, ukuthi “zonke izinto” uma sikhuluma “ngazo zonke ezibuswa uNkulunkulu” kubandakanya ini kuNkulunkulu? Azibandakanyi nje kuphela izinto abantu abakwazi ukuzibona nokuzithinta, kodwa, ngaphezu kwalokho, zibandakanya okungabonakali kanye nokungathinteki. Lokhu yiyona ncazelo eyiyo yokubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto. Yize lezo zinto zingabonakali futhi zingathinteki kubantu, zingamaqiniso futhi zikhona. KuNkulunkulu, inqobo nje uma zikwazi ukubonakala emehlweni Akhe zibe zisembusweni Wakhe, ziyizinto ezikhona. Nakuba, kubantu, zingabonakali futhi zingakhi mfanekiso emqondweni—nakuba futhi, ngaphezu kwalokho, zingabonakali zingathinteki—kuNkulunkulu ziyizinto ezikhona. Lezo yizona izinto emhlabeni eziyizo zonke uNkulunkulu abusa phezu kwazo, kanti futhi ziwolunye uhlangothi lwazo zonke izinto uNkulunkulu abusa phezu kwazo. … ukuthi uNkulunkulu ulawula futhi uluphethe kanjani uhlangothi lukamoya emhlabeni.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ubukhona bomhlaba kamoya abuhlukaniseki nobukhona bomhlaba wezinto ezibambekayo kumuntu. Umhlaba kamoya udlala indawo ebalulekile empilweni kanye nasekufeni komuntu ekubuseni kukaNkulunkulu phezu kwezinto zonke; yiqhaza elibanjwa yiwo leli, ngesinye sezizathu ezenza ubukhona bawo bubaluleke. … Emhlabeni ofana nalona,—ongabonakali emehlweni abantu—ukufuza kwawo izulu, imiyalelo, izinhla zokuphatha zingaphezulu kakhulu kunemithetho nezinhlelo zanoma yiliphi izwe ngokomhlaba wezinto ezibambekayo, kanti akukho noyedwa kubantu abahlala kulo mhlaba abangaba nesibindi sokuwuphazamisa noma bazithathele wona. Kungabe lokhu kuyabuthinta ubukhulu bukaNkulunkulu kanye nokuphatha Kwakhe? Kulo mhlaba, kunemiyalelo yokuphatha ecacile, ukuba yizulu okucacile, kanye nemithetho ecacile. Emazingeni ehlukene kanye nasezindaweni ezahlukahlukene, kunabakhokheli ababambelela kabanzi emsebenzini kanye nasekuqapheleni imithetho nezimiso, ngoba bazi kahle ukuthi miphumela mini engalindeleka kwabephula imithetho yezulu, bazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu ukujezisa kanjani okubi akuklomelise kanjani okuhle, kanye nokuthi uziphatha kanjani zonke izinto, indlela abusa ngayo phezu kwazo zonke izinto, kanye, ngaphezu kwalokho, nokubona ngokucacile ukuthi uNkulunkulu uyenza kanjani imisebenzi nemithetho yasezulwini. … Nakuba ukhona kanye nomhlaba wezinto ezibambekayo, ngokulingana futhi ukuphathwa nguNkulunkulu ngobukhulu Bakhe, ukuphatha kanye nobukhulu bukaNkulunkulu kulo mhlaba kunqala kakhudlwana kunokomhlaba wezinto ezibambekayo.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ukudalelwa kwabantu nokwendawo yonke kusondelene nobukhosi boMdali, kuboshwe kwaqina nokuqondisa koMdali; ekugcineni ngeke kuhlukaniswe negunya loMdali. Ngemithetho yazo zonke izinto umuntu aqonda ngazo ukuqondisa koMdali nobukhosi Bakhe; ngemithetho yokuphila uthola ukulawula uMdali; kusukela ekudalelweni kwazo zonke izinto umuntu aziphothulayo ngezindlela uMdali asebenzisa ngazo ubukhosi Bakhe futhi abalawula ngazo; nasemijikelezweni yokuphila yabantu kanye nazo zonke izinto umuntu abona kukho ukuqondisa koMdali namalungiselelo azo zonke izinto nabantu abaphilayo futhi abone indlela lokhu kuqondiswa okuyidlula kude ngayo yonke imithetho yasemhlabeni, imithetho, nezinqubo, nawo wonke amanye amandla. Mayelana nalokhu, abantu baphoqelelekile ukuba babone ukuthi ubukhosi boMdali ngeke buhlukunyezwe yinoma isiphi isidalwa, okungekho mandla angathinta noma ashintshe izehlakalo nezinto ezinqunywe kusengaphambili uMdali. Kungaphansi kwale mithetho yaphezulu umuntu nazo zonke izinto kuphila futhi kuzalana, izizukulwane emva kwezizukulwane. Ingabe lokhu akulimeleli ngeqiniso igunya loMdali?

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

uNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile. Uhlala aphinde ahambele zonke izinto; ukwazi ukukhuphukela ezindaweni eziphakeme, ngaphezu kwazo zonke izinto; ukwazi ukuzithoba ngokuthi abe ngumuntu, abe ngoyedwa wethu esisenyameni negazi, ahlangabezane nabantu ubuso nobuso ehlanganyela ubuhlungu nathi ebubula; ngasikhathi sinye, eyala konke okukhona, enquma isiphelo sakho konke okukhona, enika inkombandlela okumele kuyithathe; ngaphezu kwalokho, uhlahla indlela yesiphelo somuntu, nenkombandlela yomuntu. UNkulunkulu ofana nalona udinga ukudunyiswa, ukulalelwa, kanye nokwaziwa yikho konke okuphilayo. Ngakho, ngaphandle kokunaka ukuthi umuntu ukuliphi iqembu noma uhlobo, ukukholwa nguNkulunkulu, ukumlandela uNkulunkulu, ukumesaba uNkulunkulu, ukwamukela umthetho kukaNkulunkulu, nokwamukela izinhlelo zikaNkulunkulu ezithinta isiphelo sakho ukuphela kwento edinga ukukhethwa, ukukhetha okunesidingo, kunoma yimuphi umuntu, kunoma yini ephilayo.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana