Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/13

6. Empeleni kufanele umuntu alibuke futhi alisebenzise kanjani iBhayibheli ngendlela ehambisana nentando kaNkulunkulu? Yini ukubaluleka kokuqala kweBhayibheli?

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Namhlanje, ngihlaziya iBhayibheli ngale ndlela futhi akusho ukuthi ngiyalizonda, noma ngiyaphika ukubaluleka kwalo lapho ufuna ukubuyekeza. Ngichaza ukubaluleka kwalo kwemvelo kanye nemvelaphi yeBhayibheli kuwena ukukuvimba ukuthi uhlale emnyameni ungazi. Ngoba abantu banemibono eminingi ngeBhayibheli, futhi eminingi yayo iyiphutha; ukufunda iBhayibheli ngale ndlela akubavimbi nje kuphela ekuzuzeni okufanele bakuthole, kodwa, okubaluleke kakhulu, kuthikazisa umsebenzi Mina engihlose ukuwenza. Kuyinkathazo enkulu kakhulu emsebenzini wesikhathi esizayo, futhi kuletha izinkinga kuphela, hhayi okusizayo. Ngakho, engikufundisa khona kumane kuyingqikithi kanye nomnyombo weBhayibheli. Angiceli ukuba ungalifundi iBhayibheli, noma ukuthi uhambe umemezela ukuthi aliwusizo lwalutho, kodwa ukuthi ube nolwazi nombono ofanele ngeBhayibheli. Ungabuki ohlangothini olulodwa ngokweqile! Nakuba iBhayibheli liyincwadi yomlando ebhalwe ngabantu, liphethe izimiso eziningi abangcwele nabaphrofethi basemandulo ababekhonza ngazo uNkulunkulu, kanye nalokho abaphostoli bakamuva abadlula kukho ekukhonzeni uNkulunkulu—konke okwabonwa futhi kwaziwa ngempela yilaba bantu, futhi lingasebenza njengesibonelo kubantu bale nkathi ekuphokopheleni ukufuna indlela yeqiniso. Ngakho, ekufundeni iBhayibheli abantu bangazuza izindlela eziningi zokuphila ezingatholakali kwezinye izincwadi. Lezi zindlela yizindlela zokuphila zomsebenzi woMoya oNgcwele abadlula kuzo abaphrofethi nabaphostoli ezinkathini eziphambilini, futhi amazwi amaningi ayigugu, futhi angakuhlinzeka lokho abantu abakudingayo. Ngakho, bonke abantu bayathanda ukufunda iBhayibheli. Ngenxa yokuthi kuningi kakhulu okufihlakele eBhayibhelini, imibono yabantu ngalo ayifani naleyo ngemibhalo yabantu ababenegalelo elikhulu kwezikaMoya. IBhayibheli umbhalo kanye nenqolobane yalokho abantu abadlule kukho nolwazi lwabantu ababekhonza uJehova noJesu enkathini endala nentsha, ngakho izizukulwane zakamuva zikwazile ukuzuza okuningi ukukhanyiseleka, ukukhanyiswa, kanye nezindlela zokwenza kulona. Isizathu sokuthi iBhayibheli liphakeme kunemibhalo yanoma iliphi iqhawe kwezomoya yingoba yonke imibhalo yawo ithathelwe eBhayibhelini, konke abadlule kukho kuvela eBhayibhelini, futhi wonke achaza iBhayibheli. Ngakho, nakuba abantu bengathola ukuhlinzekwa ezincwadini zanoma yiliphi iqhawe kwezomoya, basalokhu bekhonza iBhayibheli, ngoba libonakala liphakeme futhi lijule kakhulu kubo! Nakuba iBhayibheli liletha ndawonye ezinye zezincwadi zamazwi okuphila, njengezincwadi zikaPawulu kanye nezincwadi zikaPetru, futhi nakuba abantu bengahlinzekwa futhi basizwe yilezi zincwadi, lezi zincwadi zishiywe yisikhathi nokho, ngezenkathi endala, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zilungele isikhathi esisodwa kuphela, futhi akuzona ezaphakade. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uhlale uthuthuka, futhi awukwazi ukumane ume ngesikhathi sikaPawulu noPetru, noma uhlale eNkathini Yomusa ngenkathi lapho uJesu abethelwa kuyo. Ngakho, lezi zincwadi zilungele iNkathi Yomusa kuphela, hhayi iNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina. Zingahlinzeka kuphela amakholwa eNkathi Yomusa, hhayi abangcwele beNkathi Yombuso, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zisalokhu zibhuntshile zingasasetshenziswa. Kuyafana nomsebenzi kaJehova wokudala noma umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli: Akukhathaleki noma wawumkhulu kangakanani lo msebenzi, wawuselokhu ubhuntshile, uphelelwe isikhathi, futhi sasiyofika isikhathi lapho wawuyodlula. Umsebenzi kaNkulunkulu nawo uyefana: Muhle kakhulu, kodwa kuyofika isikhathi lapho uyophela; ngeke ulokhu ukhona phakathi komsebenzi wokudala, noma phakathi komsebenzi wokubethela. Akukhathaleki noma ngabe ukholisa kanjani umsebenzi wokubethelwa, akukhathaleki noma ngabe waphumelela kangakanani ukwehlula uSathane, umsebenzi phela, kusewumsebenzi, futhi nezinkathi, phela ziseyizinkathi; umsebenzi ngeke uhlale esisekelweni esisodwa futhi nezikhathi ngeke zingashintshi, ngoba kwakukhona ukudalwa, futhi kufanele kube khona izinsuku zokugcina. Lokhu akunakugwemeka!

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lokhu kungenxa yokuthi iBhayibheli lalandela izinkulungwane eziningi zeminyaka yomlando wabantu futhi abantu bonke baliphathisa okukaNkulunkulu ngezinga lokuthi abantu ezinsukwini zokugcina bafaka iBhayibheli esikhundleni sikaNkulunkulu. Kuyamunenga lokhu uNkulunkulu. Kanjalo nangesikhathi Sakhe, kufanele acacise udaba olungaphakathi nomsuka weBhayibheli. Ngale kwalokho, iBhayibheli belisazokwazi ukuthatha isikhundla sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabantu futhi bangenqaba baphinde bakale izenzo zikaNkulunkulu besekela lokho emazwini aseBhayibhelini. Incazelo kaNkulunkulu ngesiqu, ukwakhiwa, nezimpazamo zeBhayibheli nakanjani akukuphiki ukuba khona kwako, futhi akulilahli iBhayibheli. Kunalokho, kwenzelwe ukuletha incazelo enomqondo nefanele, ukubuyisa isithombe sokuqala seBhayibheli, nokulungisa ukungaqondi kahle abantu abanakho ngeBhayibheli ukuze bonke abantu babe nombono ofanele ngalo, bengabe besalikhonza, bengabe besalahleka—ngendlela eyihaba, benza ukholo lwabo olungaboni eBhayibhelini lube ukukholelwa nokukhonza uNkulunkulu, futhi abalokothi babhekane nemvelaphi yalo eyiqiniso nobuthaka balo. Kungemuva kokuba bonke benokuqonda okuhlanzekile ngeBhayibheli bezokwazi ukunganqikazi kulo futhi bamukele amazwi amasha kaNkulunkulu ngesibindi. … Iqiniso uNkulunkulu afuna ukulitshela abantu lapha ukuthi akunamfundiso noma iqiniso okungangena esikhundleni emsebenzini kaNkulunkulu wamanje noma emazwini Akhe, futhi akunalutho olungangena esikhundleni sikaNkulunkulu. Uma abantu bengakwazi ukususa inetha yeBhayibheli, abanakukwazi ukuza phambi kukaNkulunkulu. Uma befuna ukuza phambi kukaNkulunkulu, kumele baqala bahlanze izinhliziyo zabo nganoma yini engangena esikhundleni Sakhe—ngale ndlela uNkulunkulu uyokwaneliswa.

ivela embhalweni othi Isethulo Sengxenye Yesibili sethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ufuna ukuhamba endleleni entsha yanamhlanje, kufanele ulishiye iBhayibheli, kufanele udlule ezincwadini zeziprofetho noma umlando weBhayibheli. Yilapho kuphela uyokwazi ukuhamba indlela entsha ngokufanele, futhi yilapho kuphela uyokwazi khona ukungena embusweni omusha kanye nasemsebenzini omusha. Kufanele uqonde ukuthi kungani, namhlanje, ucelwa ukuba ungalifundi iBhayibheli, kungani kukhona omunye umsebenzi ohlukene neBhayibheli, kungani uNkulunkulu engabheki eBhayibhelini ukuze athole izindlela zokwenza ezintsha futhi ezinemininingwane, kungani esikhundleni salokho kukhona umsebenzi onamandla nangaphezulu ongaphandle kweBhayibheli. Yilokhu konke okufanele ukuqonde. Kufanele uwazi umahluko phakathi komsebenzi omdala nomusha, futhi nakuba ungalifundi iBhayibheli kufanele ukwazi ukulihlaziya; uma kungenjalo, uzolokhu ukhonza iBhayibheli, futhi kuzoba nzima kuwe ukuthi ungene emsebenzini omusha futhi ubhekane nezinguquko ezintsha. Njengoba kukhona indlela ephakeme, kungani uzofunda le ndlela esezingeni eliphansi esiphelelwe isikhathi? Njengoba kunamazwi amasha, futhi nomsebenzi omusha kakhulu, kungani uphila phakathi kwemibhalo emidala yemilando? Amazwi amasha angakuhlinzeka, okubonisayo ukuthi lokhu ngumsebenzi omusha; imibhalo emidala ayikwazi ukukwenelisa, noma igculise izidingo zamanje, okufakazela ukuthi ingumlando, futhi ayiwona umsebenzi walo mzuzu. Indlela ephakeme kunazo zonke, indlela entsha kunazo zonke, futhi ngomsebenzi omusha, akusho lutho ukuthi iphakeme kangakanani indlela yakudala, isewumlando wemicabanga yabantu, futhi akusho lutho ukuba wusizo kwayo uma uhlola okwedlule, iseyindlela endala. Nakuba ibhaliwe “encwadini engcwele,” indlela endala iwumlando; nakuba kungekho okubhaliwe ngayo “encwadini engcwele,” indlela entsha eyalo mzuzu. Le ndlela ingakusindisa, futhi le ndlela ingakushintsha, ngoba lokhu ngumsebenzi woMoya oNgcwele.

kwesithi “Mayelana neBhayibheli (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana