Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/12

5. Yini ngempela inkolo yeqiniso kuNkulunkulu? Kufanele umuntu akholwe kanjani kuNkulunkulu ukuze athole ukutuswa Kwakhe?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,insindiso,

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Nakuba abantu abaningi bekholelwa kuNkulunkulu, bambalwa abaqondayo ukuthi kusho ukuthi ukukholwa kuNkulunkulu, nokuthi yini okumele bayenze ukuze babe senhliziyweni kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi, nakuba abantu belijwayele igama elithi “Nkulunkulu” namabinzana athi “umsebenzi kaNkulunkulu,” abamazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi Wakhe. Yingakho ngingamangali uma bonke laba abangamazi uNkulunkulu benezinkolelo ezididayo. Abantu abakuthathi njengokubalulekile ukukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso ngoba ukukholelwa kuNkulunkulu akujwayelekile, kusha ngokuphelele kubo. Ngale ndlela, abakwazi ukuhlangabezana nezimfuno zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uma abantu bengamazi uNkulunkulu, bengawazi umsebenzi Wakhe, abakulungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokugcwalisa okufiswa uNkulunkulu. “Ukukholwa kuNkulunkulu” kusho ukukholelwa ukuthi ukhona uNkulunkulu; le yiyona ndlela elula yokuqonda ukukholwa kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona akufani nokukholelwa kuNkulunkulu ngeqiniso; kunalokho, kuwukholo olulula olukhomba ukuqina ngokwenkolo. Ukukholwa kweqiniso kuNkulunkulu kusho ukubona amazwi nemisebenzi kaNkulunkulu ngokukholwa ukuthi uNkulunkulu ubusa phezu kwazo zonke izinto. Ngakho-ke uzokhululeka esimweni senkohlakalo, ugcwalise okufiswa nguNkulunkulu, ufinyelele ekumazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho kungathiwa ukholelwa kuNkulunkulu. Nokho abantu babona ukukholelwa kuNkulunkulu njengento elula nengenangqondo. Ukukholwa kwabantu abanjalo akunamsebenzi futhi uNkulunkulu ngeke akwamukele, ngoba bahamba endleleni okungeyona. Namuhla, kusekhona labo abakholelwa kuNkulunkulu ezincwadini, ezimfundisweni ezifile. Abazi ukuthi ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu akunasisindo, nokuthi abakwazi ukwamukelwa uNkulunkulu, nokuthi basathandazela ukuthula nomusa owanele bona ovela kuNkulunkulu. Kumele sime sizibuze ukuthi: Ingabe ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu kuyinto elula emhlabeni? Ingabe ukukholelwa kuNkulunkulu akusho lutho ngaphandle kokuthola umusa kuNkulunkulu? Ingabe abantu abakholelwa kuNkulunkulu kube yibo abangamazi, nabakholelwa kuNkulunkulu kodwa bemphikisa, bangakugcwalisa okufiswa uNkulunkulu?

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Inkolelo yangempela kuNkulunkulu ayibandakanyi ukukholelwa Kuye ukuze usindiswe futhi ingasaphathwa eyokuba umuntu olungile. Futhi ayikho mayelana nokukholelwa kuNkulunkulu ukuze uthandwe abantu. Empeleni abantu akufanele babheke ukukholelwa kwabo kuNkulunkulu njengenkolelo yokuthi uNkulunkulu ukhona, akukho okungaphezu kwalokho; akukhona ukuthi kufanele umane ukholelwe ukuthi uNkulunkulu uyiqiniso, indlela, ukuphila, nanokuthi akukho okungaphezulu. Futhi akukhona ukuthi umane wazi uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuthi umane ukholelwe ukuthi uNkulunkulu unguMbusi wazo zonke izinto, ukuthi uNkulunkulu unguSomandla, ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto emhlabeni, ukuthi uNkulunkulu uhlukile futhi mkhulu kakhulu. Akukhona ukuthi umane ukholelwe kulokhu; kunalokho okokuthi—sonke isiqu sakho nayo yonke inhliziyo yakho—kufanele kulandele uNkulunkulu, uvume ukuba isisebenzi sikaNkulunkulu, uvume uNkulunkulu akusebenzise enkonzweni Yakhe, nokuthi kufanele wenze noma yini ngenxa kaNkulunkulu. Akukhona ukuthi nje labo abashiwo kusengaphambili futhi bakhethwa uNkulunkulu kufanele bakholelwe Kuye. Empeleni, sonke isintu kufanele sikhonze uNkulunkulu, simthobele futhi simlalele, ngoba isintu sadalwa uNkulunkulu.

kwesithi “Isahluko 21.Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholelwa Ngeqiniso KuNkulunkulu”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Namuhla, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu kwangempela? Kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila kwakho nokwazi uNkulunkulu ezwini Lakhe ukuze uzuze uthando Lwakhe lweqiniso. Ukuze kucace: Kuwukukholwa kuNkulunkulu ukuze umlalele uNkulunkulu, uthande uNkulunkulu, bese wenza umsebenzi okumele wenziwe isidalwa sikaNkulunkulu. Lena yinhloso yokukholwa kuNkulunkulu. Kumele uthole ulwazi lokuthanda uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu ufanelwe ukudunyiswa, ukuthi, ezidalweni Zakhe, umsebenzi wensindiso uwenza kanjani futhi ubaphelelisa kanjani—lokhu ngokuncane okumele ube nakho ekukholweni kwakho kuNkulunkulu. Ukukholwa kuNkulunkulu kakhulu kungukuguquka empilweni yenyama uye empilweni yokuthanda uNkulunkulu, usuke empilweni yendalo uye empilweni yokuba ngokaNkulunkulu, kungukuphuma ngaphansi kwesandla sikaSathane uphile ngaphansi kokunakekelwa nokuvikelwa uNkulunkulu, kungukwazi ukulalela uNkulunkulu ungathobeli inyama, kungukuvumela uNkulunkulu azuze inhliziyo yakho yonke, ukuvumela uNkulunkulu akuphelelise, uzikhulule esimweni esikhohlakele sikaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu kwenzelwe kakhulu ukuthi amandla nenkanzimulo kaNkulunkulu kubonakale phezu kwenu, ukuze nizokwenza intando kaNkulunkulu, nifeze icebo likaNkulunkulu, nikwazi ukuba ngofakazi bakaNkulunkulu phambi kukaSathane. Ukukholwa kuNkulunkulu akumele kwenziwe ngenxa yezimpawu nezimangaliso, futhi akumele kube ngenxa yenyama yomuntu. Kumele kube okokufuna ukwazi uNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, njengoPetru, umlalele kwaze kwaba sekufeni. Yilokhu okusemqoka ukuze kuzuzwe. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kulungele ukuba wazi futhi wenelise uNkulunkulu. Ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu kukunika ulwazi olukhulu ngoNkulunkulu, okuzothi ngemva kwalokho ukwazi ukulalela uNkulunkulu. Kuphela uma wazi uNkulunkulu lapho ungakwazi ukumthanda, kanti ukuze uthole lokhu okuhlosiwe yiyona nhloso kuphela okumele umuntu afune ukufinyelela kuyo ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu. Uma, ekukholweni kwakho kuNkulunkulu, uhlala uzama ukubona izimpawu nezimangaliso, lokho kusho ukuthi ukubona kwakho kanjalo ukukholwa kuNkulunkulu akulungile. Ukukholwa kuNkulunkulu kungukwamukela izwi likaNkulunkulu njengeqiniso lokuphila. Ukusebenzisa kuphela amazwi kaNkulunkulu aphuma emlonyeni Wakhe bese uwenza ngokwakho, lokho ngukuthola inhloso kaNkulunkulu. Ekukholweni kuNkulunkulu, abantu kumele bafune ukupheleliswa uNkulunkulu, bakwazi ukuthobela uNkulunkulu, balalele uNkulunkulu ngokuphelele. Uma ungalalela uNkulunkulu ngaphandle kokukhaononda, wazi okufiswa uNkulunkulu, ufane noPetru, ube nendlela kaPetru uNkulunkulu akhulume ngayo, kulapho uzobe usukholwa kuNkulunkulu ngempumelelo, futhi kuzobe kusho ukuthi usuzuziwe nguNkulunkulu.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, ufanele ukudla uphuze ezwini Lakhe, uphile ngaphakathi kwalo, ubuye uliphile. Yilokhu okungukukholwa kuNkulunkulu! Uma uthi uyakholwa kuNkulunkulu kodwa ungakwazi ukukhuluma noma yimaphi amazwi Akhe noma uwenze, awuthathwa njengomuntu okholwa kuNkulunkulu. Lokhu ukufuna “isinkwa sokuqeda indlala.” Ukusho ubufakazi obuncane, izinto ezingenamsebenzi, nezinto zangaphandle, ezingenakho ngisho nokuncane okweqiniso akwenzi ukholwe kuNkulunkulu. Kanjalo,[b] awukayibambi indlela efanele yokukholwa kuNkulunkulu. Kungani ufanele ukudla nokuphuza kakhudlwana emazwini kaNkulunkulu? Ngabe kuthathwa njengokholo uma ungadli ungaphuzi emazwini Akhe ufune nje ukukhuphukela ezulwini? Yisiphi isinyathelo sokuqala salowo okholwa kuNkulunkulu? UNkulunkulu umphelelisa ngayiphi indlela umuntu? Ungapheleliswa ngaphandle kokudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu? Ungathathwa njengomuntu wombuso ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu njengeqiniso lakho? Yini ngempela ukukholwa kuNkulunkulu? Abakholwa kuNkulunkulu kufanele babe nokuziphatha kahle ngaphandle, okungenani, kanti okubaluleke kakhulu ukuba nezwi likaNkulunkulu. Noma ngabe kunjani, ngeke ukwazi ukufulathela izwi Lakhe. Ukwazi kwakho uNkulunkulu nokugcwalisa intando Yakhe konke kufezeka ngezwi Lakhe. Zonke izizwe, amahlelo, izinkolo ezehlukene, nezindawo eziklanyiwe konke kuyonqotshwa ngezwi esikhathini esizayo. UNkulunkulu uzokhuluma ngqo, futhi bonke abantu bazobamba izwi likaNkulunkulu ezandleni zabo; abantu bazopheleliswa ngalokhu. Izwi likaNkulunkulu lisabalale yonke indawo: Abantu bakhuluma ngezwi likaNkulunkulu benze ngokwezwi likaNkulunkulu, nalokho abakugcine kubona kulokhu kuyizwi likaNkulunkulu. Ngaphakathi nangaphandle, bacwiliswe ezwini likaNkulunkulu, ngakho baphelelisiwe. Labo abagcina intando kaNkulunkulu bakwazi nokufakaza Ngaye yilabo abanezwi likaNkulunkulu njengeqiniso.

kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ungacabanga ukuthi ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukuhlupheka, noma ukwenzela Yena izinto eziningi, noma ukuze kube nokuthula enyameni yakho, noma ukuze zonke izinto zikuhambele kahle, ukuze yonke into ibe ntofontofo—kodwa akukho kulokhu okumele kube yisizathu sabantu sokukholelwa kuNkulunkulu. Uma kuyilokho okukholelwayo, okusho ukuthi umbono wakho uyiphutha futhi awunakupheleliswa. Izenzo zikaNkulunkulu, Isimo sikaNkulunkulu sokulunga, ukuhlakanipha Kwakhe, izwi Lakhe, nezimangaliso kanye nokungaphenyeki Kwakhe yizo zonke izinto abantu okumele bazame ukuziqonda. Sebenzisa lokhu kuqonda ukuze ususe zonke izicelo zomuntu namathemba omuntu siqu nemibono enhliziyweni yakho. Ukususa lokhu kuphela okuzokwenza uhlangabezane nezimo ezifunwa uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho ungaba khona nokuphila futhi wanelise uNkulunkulu. Ukukholelwa kuNkulunkulu okokwanelisa uNkulunkulu, ukuphila ngesimo Asifunayo, ukuvumela izenzo Zakhe nenkazimulo kubonakale kuleli thimba elingafanelekile. Lowo umbono ofanele wokukholelwa kuNkulunkulu, nomgomo okumele ube nawo. Kumele ube nombono omuhle wokukholelwa kuNkulunkulu ufune ukuthola izwi likaNkulunkulu. Udinga ukudla nokuphuza izwi likaNkulunkulu, futhi ukwazi ukuphila ngeqiniso, futhi ikakhulukazi ukwazi ukubona izenzo zikaNkulunkulu eziwusizo, izenzo Zakhe ezimangalisayo kuwo wonke umhlaba, ngisho nomsebenzi Wakhe awenza enyameni. Kohlangabezane nakho uqobo, ungancoma indlela uNkulunkulu enza ngayo umsebenzi Wakhe kubantu, nokuthi iyini intando Yakhe kubantu. Konke lokhu ukususa isimo esonakele sobusathane. Ukususa konke ukungcola nokungalungi ngaphakathi kuwe, ukuhlubula izinhloso zakho ezimbi, futhi ungakwazi ukudlondlobalisa ukholo lweqiniso ngoNkulunkulu. Ukuba nokholo lweqiniso kuphela ungathanda ngeqiniso uNkulunkulu. Ungakwazi ukumthanda ngobuqotho kuphela uNkulunkulu ngaphansi kwezisekelo zokukholelwa Kuye. Ungakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngaphandle kokukholelwa Kuye? Uma uzokholelwa kuNkulunkulu, ngeke uzisanganise ikhanda ngakho. Abanye abantu bazizwa beyizingqabavu ngokushesha uma bebona ukuthi ukholo kuNkulunkulu luzobalethela izibusiso, kodwa baphelelwe umdlandla ngokushesha uma bebona ukuthi kumele babhekane nokulungiswa. Ingabe lokho kuwukukholelwa kuNkulunkulu? Ekugcineni, ukukholelwa kuNkulunkulu kusho ukuzithoba ngokuphelele phambi Kwakhe. Ukholelwa kuNkulunkulu kodwa usenezinto ozifuna Kuye, unemibono eminingi yenkolo ongafuni ukuyibeka phansi, izinto ozithandayo ongafuni ukuzidedela, noma usafuna izibusiso zenyama futhi ufuna uNkulunkulu ahlenge inyama yakho, asindise umphefumulo wakho—yizo zonke izinto ezivezwa abantu abanombono ophambene. Nakuba abantu abanezinkolelo zezenkolo bekholelwa kuNkulunkulu, abafuni ukushintsha isimo, abaluphishekeli ulwazi lukaNkulunkulu, futhi bamane balandela izifiso zenyama yabo. Abaningi phakathi kwenu banezinokolo ezingaphansi kwesigaba esithile sezinkolelo. Lokho akulona ukholo lwangempela kuNkulunkulu. Ukuze ukholelwe kuNkulunkulu kumele ube nenhliziyo yokuhlupheka ngenxa Yakhe futhi uzimisele ukuzidela. Ngaphandle kokuba uhlangabezane nalezi zimo ezimbili akulona ukholo kuNkulunkulu, futhi angeke ukwazi ukuzuza isimo eshintshile. Abantu abafuna iqiniso ngobuqotho kuphela, abazama ukwazi uNkulunkulu, futhi baphishekele ukuphila yilabo abakholelwa ngempela kuNkulunkulu.

kwesithi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengwe Kuqala”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ekukholweni kwakhe kuNkulunkulu, uPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke ayekwenza, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, akukho okwaqeda uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Ingabe lolu akulona uthando lwakhe olukhulu ngoNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Ukusolwa, ukwahlulelwa, usizi—ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bothando lukaNkulunkulu. Uma umuntu engafeza okungaka, kusho ukuthi uyisidalwa sangempela sikaNkulunkulu, futhi akukho okungcono okwanelisa isifiso soMdali. Zicabange ukwazi ukusebenzela uNkulunkulu, kodwa awumlaleli uNkulunkulu, awukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ugcine nje ungawufezanga umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, kodwa uyohlulelwa nawuNkulunkulu, ngoba ungumuntu ongenalo iqiniso, ongakwazi ukulalela uNkulunkulu, uyihlonga-ndlebe. Unendaba kuphela nokusebenzela uNkulunkulu, awunandaba nokuphila ngeqiniso, noma ukuzazi. Awumqondi futhi awumazi uMdali, awumlaleli futhi awumthandi uMdali. Ungumuntu ngokwemvelo ongezwani nokulalela uNkulunkulu, ngakho abantu abanjalo abathandwa uMdali.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ukukholelwa kuNkulunkulu kuyisinyathelo sokuqala sokwazi uNkulunkulu. Inqubo yokukhula ekukholweni kokuqala kuNkulunkulu kuye ekukholweni okujulile kuyinqubo yokwazi uNkulunkulu, kanye nenqubo yokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma ukholelwa kuphela kuNkulunkulu ngoba wenza nje ukukholelwa kuNkulunkulu, futhi ungakholelwa kuNkulunkulu ukuze wazi uNkulunkulu, khona-ke alikho iqiniso ekukholweni kwakho, futhi ngeke kuhlanzeke—angingabazi ngalokhu. Uma, ngesikhathi ebona uNkulunkulu, umuntu eqala kancane kancane ukwazi uNkulunkulu, khona-ke nesimo sakhe sizoshintsha kancane kancane, nokukholwa kwakhe kukhule kube okweqiniso. Ngale ndlela, uma umuntu ephumelela ekukholweni kuNkulunkulu, uzozuza uNkulunkulu ngokugcwele. UNkulunkulu uze waba nenyama okwesibili futhi wenza nomsebenzi Wakhe Yena uqobo ukuze abantu bamazi, futhi bakwazi nokumbona. Ukwazi uNkulunkulu[a] umphumela wokugcina okumele kufezeke ekugcineni komsebenzi kaNkulunkulu; kuyimfuneko yokugcina kaNkulunkulu esintwini. Ukwenza lokhu ngenxa yobufakazi Bakhe bokugcina, nokuthi umuntu ekugcineni aphendukele Kuye ngokuphelele. Umuntu angathanda kuphela uNkulunkulu ngokwazi uNkulunkulu, futhi ukuze athande uNkulunkulu kumele amazi uNkulunkulu. Noma ngabe umfuna ngayiphi indlela, noma uhlose ukuzuzani, kumele akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu enganelisa inhliziyo kaNkulunkulu.

kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu”encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Imibhalo engezansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Umsebenzi wokwazi uNkulunkulu.”

b. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “wayelandela.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana