Voice of Justice

Voice of Justice

2018/10/01

1. Yazi inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi wokungamela kukaNkulunkulu isintu

uJesu,Iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina.
Umsebenzi Wami kulezi zinkathi ezintathu wehluka kokuqukethe ngokohlobo lwenkathi ngayinye, kodwa esigabeni ngasinye uhambisana nezidingo zomuntu — noma ukuqonda ngqo, wenziwa ngokwamaqhinga asetshenziswa uSathane empini engiyilwa naye. Inhloso yomsebenzi Wami ukunqoba uSathane, ukubonakalisa ukuhlakanipha Kwami nokuba namandla onke, ukuveza obala wonke amaqhinga kaSathane, ngalokho bese ngisindisa sonke isintu, esiphila ngaphansi kokubusa kwakhe. Kuwukukhombisa ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwami ngibe ngembula ububi bukaSathane obungabekezeleki. Ngaphezu kwalokho, kuwukufundisa izidalwa Zami ukuthi zikwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi, ukubona ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto, ukubona kahle ukuthi uSathane uyisitha somuntu, ophansi kunakho konke, omubi, nokwehlukanisa ngokunesiqiniseko phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga, ubungcwele nokungcola, ubukhulu nobuphansi. Ngale ndlela, isintu esingenalwazi sizokwazi ukungifakazela ukuthi akuyimina owonakalisa isintu, futhi Yimi kuphela – iNkosi yendalo – ongasindisa isintu, engingabeka phezu komuntu izinto zokubathokozisa; futhi bazi ukuthi nginguMbusi wazo zonke izinto nokuthi uSathane ungomunye nje wezidalwa engazidala, wabuye wangiphendukela. Uhlelo Lwami lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukene izigaba ezintathu ukuze kutholakale umphumela olandelayo: ukuvumela izidalwa Zami zibe ofakazi Bami, zazi intando Yami, zibone ukuthi ngiyiqiniso.

kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi ukusindisa sonke isintu—okuchaza ukusindiswa okuphelele komuntu ekubuseni kukaSathane. Nakuba ngasinye sezigaba ezintathu sinenjongo kanye nokubaluleka kwaso, ngasinye siyingxenye yokusindisa umuntu, futhi siwumsebenzi ohlukile wensindiso owenziwe ngokuvumelana nezidingo zesintu.

…………

Uma ukuphatha kwaNkulunkulu sekukonke sekusondela ekupheleni, uNkulunkulu uzohlela zonke izinto ngohlobo lwazo. Umuntu wenziwa izandla zoMdali, futhi ekugcineni kufanele Abuyisele umuntu ngaphansi kombuso Wakhe; lesi isiphetho sezigaba ezintathu zomsebenzi. …

… Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni.

kwesithi “Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla sizobheka ngokufingqiwe imicabango, imibono, kanye nakho konke ukusebenza kukaNkulunkulu kusukela ekudaleni abantu, nokuthi sibheke ukuthi imuphi umsebenzi Awenza kusukela ekudalweni kwezwe kuze kufike ekuqaleni kweNkathi yoMusa ngokusemthethweni. Ngakho sizokwazi ukuthola ukuthi imiphi imicabango kanye nemibono kaNkulunkulu engaziwa muntu, kusukela lapho-ke sesingachaza uhlelo lwecebo likaNkulunkulu lokuphatha, futhi siqonde ngokuphelele isimo uNkulunkulu adalela kuso umsebenzi Wakhe wokuphatha, umsuka wawo kanye nendlela yokuwuthuthukisa, futhi siqonde ngokuphelele ukuthi imiphi imiphumela ayifunayo emsebenzi Wakhe wokuphatha—okusho, umnyombo kanye nenhloso yomsebenzi Wakhe wokuphatha. Ukuze siqonde lezi zinto kumele sibuyele emuva, esikhathini esikude futhi esithule lapho kwaku ngekho bantu…

Ngesikhathi uNkulunkulu evuka embhedeni Wakhe, umcabango aba nawo kuqala kwaku yilo: ukudala umuntu ophilayo, umuntu ophilayo wangempela—umuntu ozophila Naye futhi abe umhlobo Wakhe njalo. Lo muntu owayezokwazi Ukumlalela, futhi uNkulunkulu wayezokwazi ukukhipha isifuba Sakhe kuyena futhi Akhulume naye. Kwase kuthi, ngokokuqala ngqa, uNkulunkulu wathatha umhlabathi ogcwele isandla, futhi wawusebenzisa ukudala umuntu wokuqala ngqa ophilayo ayekade Emcabanga, wabe esenika lesisidalwa esiphilayo igama—Adamu. Lapho uNkulunkulu esezuze lo muntu ophilayo futhi ophefumulayo, ingabe Wazizwa kanjani? Ngokokuqala ngqa, Wazizwela injabulo yokuba nothandekayo, umhlobo. Ngokokuqala ngqa, Waphinde Wazizwela umthwalo wokuba ubaba, kanye nokukhathazeka okufika nakho. Lo muntu ophilayo futhi ophefumulayo walethela uNkulunkulu intokozo kanye nenjabulo; Wazizwela eduduzekile ngokokuqala ngqa. Lokhu kwakuyinto yokuqala uNkulunkulu Ayeyenzile Ayengayenzanga ngemicabango noma nangamazwi Akhe, kodwa kwenziwa ngezandla Zakhe zombili. Ngesikhathi lolu hlobo lwesidalwa—umuntu ophilayo futhi ophefumulayo—sima phambi kukaNkulunkulu, senziwe ngenyama negazi, sinomzimba futhi nesimo, futhi sikwazi ukukhuluma noNkulunkulu, Wazizwela uhlobo lwenjabulo ayengakaze aluzwe ngaphambili. Wazizwela ngempela umthwalo futhi lomphefumulo ophilayo akusikho nje ukuthi wawumenza azizwe enozwelo enhliziyweni Yakhe, kodwa konke ngisho nokuncinyane okwakukwenza nakho kwamthinta futhi kwafudumeza inhliziyo Yakhe. Ngakho ngesikhathi lomphefumulo ophilayo uma phambi kukaNkulunkulu, kwakungokokuqaka efikelwa umcabango wokuba nabantu abaningi abazofana nalo. Lokhu kwakuwuchungechunge lwezehlakalo ezaqala ngomcabango wokuqala uNkulunkulu abe nawo, zonke lezehlakalo zazenzeke ngokokuqala, kodwa ngalezehlakalo, nanoma ngabe yini lena Abe eyizwa ngaleso sikhathi—injabulo, umthwalo, ukukhathalela—kwakungekho muntu ayengakhuluma naye ngalokhu. Kusukela ngalowo mzuzu, uNkulunkulu waba nomzwangedwa ngempela kanye nosizi ayengakaze aluzwe ngaphambili. Yena wezwa ukuthi abantu babengakwazi ukwamukela noma ukuqonda uthando kanye nokukhathalela Kwakhe, noma izinjongo Zakhe ngesintu, ngalokho Yena waba nokudabuka kanye nobuhlungu enhliziyweni Yakhe. Noma ngabe umuntu wayemenzele le nto, umuntu wayengazi ngayo futhi engaqondi. Ngaphandle nje kwentokozo, ukujabula kanye nenduduzo eyalethwa umuntu Kuye, masinyane yaletha futhi imizwa Yakhe yokuqala yosizi kanye nomzwangedwa. Lena kwakuyimicabango kanye nemizwa kaNkulunkulu ngezikhathi zonke. Ngesikhathi uNkulunkulu ekwenza konke lokhu, enhliziyweni Yakhe wasuka enjabulweni waya osizini, waphinda wasuka osizini waya ezinhlungwini, konke kuxubene nokukhathazeka. Konke Ayefuna ukukwenza kwakungukushesha ukuba enze lomuntu, lolu hlanga lwesintu ukuba lwazi ukuthi kwakukhonani enhliziyweni Yakhe futhi luqonde izinjongo Zakhe ngokushesha. Ngalokho, babengakwazi ukuphenduka abalandeli Bakhe futhi babe nhliziyonye Naye. Babengeke besalalele uNkulunkulu ekhuluma kodwa bahlale bengenamazwi; babengeke besahlale bengazi ukuthi bangahlanganyela kanjani noNkulunkulu emsebenzini Wakhe; ngaphezu kwakho konke, babengeke besaba ngabantu abangenandaba nokuthi ziyini izidingo zikaNkulunkulu. Lezi zinto zokuqala uNkulunkulu aziqeda zinenjongo enkulu futhi zibaluleke kakhulu ecebeni Lakhe lokuphatha nakubantu namuhla.

Emva kokudala izinto zonke kanye nabantu, uNkulunkulu akaphumulanga. Wayengasakwazi ukulinda ukuba afeze ukuphatha Kwakhe, noma ukulinda ukuzuza abantu abathandayo phakathi kwesintu.

…………

UNkulunkulu ubona lesi sibonelo sokuphatha isintu, sokusindisa abantu, sibaluleke kakhulu kunanoma yini enye. Akakwenzi konke lokhu ngomqondo Wakhe kuphela, noma ngamazwi Akhe kuphela, futhi Yena ikakhulukazi akakwenzi ngokunganaki—ukwenza konke lokhu ngokohlelo, ngenjongo, ngezinga, kanye nentando Yakhe. Kuyacaca ukuthi lo msebenzi wokusindisa isintu ubaluleke kakhulu kuNkulunkulu nakumuntu. Nanoma ngabe unzima kanjani umsebenzi, nanoma ngabe zizinkulu kangakanani iziphazamiso, noma ngabe babuthakathaka kanjani abantu, noma ngabe kujule kangakanani ukuhlubuka kwesintu, akukho kulokhu okunzima kuNkulunkulu. UNkulunkulu uzenza matasatasa, andisa imizamo Yakhe futhi ephatha umsebenzi afuna ukuwenza Yena qobo Lwakhe. Futhi Yena uhlela konke, futhi ebusa abantu bonke kanye nomsebenzi afuna ukuwuqeda—akukho okwalokhu okwake kwenziwa ngaphambili. Kungokokuqala uNkulunkulu asebenzisa lezi zindlela futhi akhokha nenani elikhulu ngalo msebenzi omkhulu wokuphatha nokusindisa isintu. Ngesikhathi uNkulunkulu esenza lo msebenzi, kancane kancane uyaveza kubantu ngaphandle kokugodla umsebenzi Wakhe onzima, lokhu Anakho Nayikho, ukuhlakanipha kanye namandla Akhe, nayo yonke ingxenye yesimo Sakhe. Yena uyakwembula kancane kancane konke lokhu kubantu ngaphandle kokugodla, embula futhi eveza lezi zinto kakhulu kunasekuqaleni. Ngakho-ke, emhlabeni wonke, ngaphandle kwabantu uNkulunkulu aqonde ukubaphatha nokubasindisa, ayikaze ibe khona noma iyiphi indalo esondelene noNkulunkulu, enobudlelwano obusondelene Naye ngalo luhlobo. Enhliziyweni Yakhe, isintu afuna ukusiphatha nokusisindisa sibalulekile kakhulu, futhi siyigugu Kuye ngaphezu kwakho konke; noma ngabe ekhokhe inani elikhulu ngabo, futhi nanoma ngabe bemzwisa ubuhlungu futhi bengalaleli, Yena akabadeli futhi uqhubeka ngokungakhathali emsebenzini Wakhe, engenakukhononda futhi engazisoli. Lokhu kungenxa yokuthi uyazi ukuthi masinyane noma kungekudala, isintu ngelinye ilanga siyovumela ubizo Lwakhe, futhi sinyakaziswe amazwi Akhe, sibone ukuthi Yena uyiNkosi yendalo, bese sibuyela ngasohlangothini Lwakhe …

kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, kanye NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala sengathi indaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, kungasaphathwa izindaba ezenzekile emhlabeni jikelele. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone. Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. …

…………

Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.

kwesithi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wenzani futhi kanjani, kungakhathaliseki ukuthi izindleko ziyini, noma imigomo Yakhe, inhloso yezenzo Zakhe ayishintshi. Inhloso Yakhe ukusebenzisa kumuntu izwi likaNkulunkulu, izimfuno zikaNkulunkulu, nentando kaNkulunkulu ngomuntu; ngamanye amazwi, iwukwenza kumuntu konke lokho uNkulunkulu akholelwa ukuthi kuhle ngokuvumelana nezigaba Zakhe, avumele umuntu ukuba aqonde inhliziyo kaNkulunkulu futhi aqonde isiqu sikaNkulunkulu, nokumvumela ukuba alalele ubukhosi bukaNkulunkulu namalungiselelo Akhe, kanjalo enze umuntu esabe uNkulunkulu futhi agweme okubi—konke kuwuphawu olulodwa lwenhloso kaNkulunkulu kukho konke akwenzayo. Olunye uphawu ukuthi, ngenxa yokuthi uSathane uyisembozo futhi uyinhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, umuntu uvamise ukunikelwa kuSathane; lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wayevamise ukuvumela abantu ukuthi babone ububi bukaSathane ngaphambi kokuba uSathane abalinge noma abahlasele, kanjalo evumele abantu ukuba bazonde uSathane futhi bakwazi ukubona uhlangothi lwakhe olubi. Le nqubo ibavumela ukuba bakhululeke kancane kancane ekulawulweni uSathane, nasekumangalelweni uSathane, ekugxambukeleni, nasekuhlaselweni—baze babonge izwi likaNkulunkulu, ulwazi lwabo nokulalela uNkulunkulu, kanye nokholo lwabo kuNkulunkulu nokumesaba; bayathuthumela lapho bemangalelwa uSathane; bayokhululwa lapho kuphela emandleni kaSathane. Ukukhululwa kwabantu kuyosho ukuthi uSathane unqotshiwe, kuyosho ukuthi abasekhona bawukudla emlonyeni kaSathane—ukuthi esikhundleni sokubagwinya, uSathane wabalaxaza. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abanjalo baqotho, banokholo, bayalalela futhi besaba uNkulunkulu, nokuthi bamelene kakhulu noSathane. Bamthela ngehlazo uSathane, bamenza abe igwala, futhi bamnqoba ngokuphelele. Ukholo lwabo ekulandeleni uNkulunkulu, ukulalela kwabo nokwesaba uNkulunkulu kunqoba uSathane, futhi kumenza aphonse ithawula. Abantu abanjena kuphela abazuzwe uNkulunkulu ngeqiniso, futhi yibo uNkulunkulu ahlose ukubasindisa.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli. Kodwa besengisitshelile isitha Sami ngenkathi sishikashikeka Nami ukuthi ngizoba umnqobi walabo abathathwe uSathane nokukade baphenduka abantwana bakhe, nezisebenzi zakhe ezithembekile ezilinde umuzi wakhe. …Abantu kade benyathelwa ngaphansi kwezinyawo zikaSathane, belingisa umfanekiso kaSathane futhi behlanganiswa nawo. Bayisiqiniseko sokuba “ofakazi abezwakala kahle” bakaSathane. Abantu abanjalo, amakhoba, noma inzalo enjalo yalo mndeni wabantu okhohlakele, bangamfakazela kanjani uNkulunkulu? Ivela kuphi inkazimulo Yami? Uphi ufakazi Wami? Isitha esimelene Nami futhi esonakalisa abantu sesimngcolisile umuntu, indalo Yami, egcwele inkazimulo Yami nokuphila ngendlela Yami. Sintshontshe inkazimulo Yami, nalokho esikufake kumuntu ushevu kuphela oboshwe kakhulu ngobubi bukaSathane nojuzi ovela esithelweni somuthi wokwazi okuhle nokubi. …Ngizoyithatha inkazimulo Yami, ngithathe ubufakazi Bami kubantu nakho konke okuke kwaba Okwami, engakunika umuntu kudala – ngimnqobe ngokuphelele umuntu. Noma kunjalo ufanele ukwazi, abantu engibadalile bebengcwele benomfanekiso Wami nenkazimulo Yami. Bebengebona ekuqaleni abakaSathane, noma bekhonza bengaphansi kokunyathelwa nguye kodwa beyisibonakaliso Sami esimsulwa, singenawo nomkhonjwana omncane woshevu wakhe. Kanjalo-ke, ngazisa wonke umuntu ukuthi ngifuna lokho okwakudalwe yisandla Sami kuphela. Abami abathandekayo abangazange baze babe ngaphansi kwanoma iyiphi inhlangano. Phezu kwalokho, ngizobajabulela ngibabone njengenkazimulo Yami. Kodwa, engikufunayo akuyena umuntu owoniwe nguSathane, ongokaSathane namuhla ongesesiyona indalo Yami yasekuqaleni. Ngoba ngifuna ukubuyisa inkazimulo Yami emhlabeni wabantu, Ngizonqoba ngokuphelele kulabo abasele abangabanqobi babantu, njengobufakazi benkazimulo Yami ekunqobeni Kwami uSathane. Ngithatha ubufakazi Bami njengomfanekiso Wami, njengento yenjabulo Yami. Lokho yinhloso Yami.

kwesithi “Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wadala abantu futhi wababeka emhlabeni, laba aye wabahola kwaze kwaba manje. Wabe esesindisa abantu waba njengomnikelo wesono kubantu. Ekugcineni, kusafanele anqobe isintu, alondoloze sonke isintu futhi asibuyisele esimweni saso sasekuqaleni. Lona umsebenzi uNkulunkulu abelokhu ewenza kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni—wokumbuyisela esimweni sakhe ayeyiso ekuqaleni. Uyomisa umbuso Wakhe futhi abuyise izinto ezifana nesimo sasekuqaleni somuntu, okusho ukuthi uyovuselela igunya emhlabeni nakuyo yonke indalo. Umuntu walahlekelwa inhliziyo eyesaba uNkulunkulu ngemva kokonakaliswa uSathane, futhi walahlekelwa umsebenzi izidalwa zikaNkulunkulu okufanele zibe nawo, waba isitha esingamlaleli uNkulunkulu. Umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane futhi walandela imiyalo kaSathane; ngakho uNkulunkulu wayengenayo indlela yokusebenza phakathi kwezidalwa Zakhe, futhi akakwazanga ukwenza ukuba izidalwa Zakhe zimesabe. Umuntu wadalwa uNkulunkulu, wakhonza uNkulunkulu, kodwa umuntu waqala ukumjikela uNkulunkulu wakhonza uSathane. USathane waba isithixo senhliziyo yomuntu. Ngakho uNkulunkulu walahlekelwa indawo Yakhe enhliziyweni yomuntu, okuwukuthi walahlekelwa incazelo yendalo kaNkulunkulu yabantu, manje ukuze abuyise ayekuhlosile ngendalo Yakhe kumele umuntu ambuyisele esimweni ayeyiso ekuqaleni bese exosha umuntu onesimo esikhohlakele. Ukuze abuyise umuntu kuSathane, kumele asindise umuntu esonweni. Kungale ndlela kuphela angabuyisa ngayo kancane kancane isimo sasekuqaleni somuntu futhi abuyise umsebenzi wasekuqaleni womuntu, futhi ekugcineni uNkulunkulu abuyise umbuso Wakhe. Ukubhujiswa kwabantwana bokungalaleli nakho kuzokwenziwa ukuze umuntu amkhonze kangcono uNkulunkulu futhi aphile kangcono emhlabeni. Njengoba uNkulunkulu adala umuntu, kufanele enze umuntu amkhonze; njengoba uNkulunkulu efisa ukubuyisa umsebenzi wasekuqaleni womuntu, lokho uzokwenza ngokuphelele, ngaphandle kwenkohlakalo. Ukubuyisa igunya Lakhe kusho ukwenza ukuthi umuntu amkhonze futhi amlalele; kusho ukuthi kufanele enze umuntu aphile ngenxa Yakhe futhi ashabalalise izitha Zakhe ngenxa yegunya Lakhe; kusho ukuthi uzokwenza ukuthi yonke ingxenye yakhe yokugcina iqhubeke phakathi kwabantu futhi ngaphandle kokuphikiswa umuntu. Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engabasindisi abantu abonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele abantu abangamlaleli; nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela. Lapho abantu bebuyiselwa esimweni ababeyiso kuqala, lapho abantu bengaqeda imisebenzi yabo, bagcine indawo yabo futhi balalele wonke amalungiselelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyobe eseqoqe iqembu labantu abamkhonzayo emhlabeni, futhi uyomisa nombuso emhlabeni, umbuso ozokhonza Yena. Uyoba nokunqoba kwaphakade emhlabeni, futhi labo abamelene naye bayoshabalala kuze kube phakade. Lokhu kuyobuyisa injongo Yakhe yasekuqaleni ngokudala zonke izinto; futhi kuyobuyisa negunya Lakhe phezu komhlaba, igunya Lakhe phakathi kwazo zonke izinto negunya lakhe phakathi kwezitha Zakhe. Lolu uphawu lokunqoba Kwakhe okuphelele. Ngaphezu kwalokho, abantu bayongena ekuphumuleni nasekuphileni okulandela umgudu ofanele. UNkulunkulu uyophinde angene ekuphumuleni kwaphakade kanye nabantu, angene ekuphileni okuphakade okungokukaNkulunkulu nomuntu. Ukungcola nokungalaleli kwabantu emhlabeni kuzonyamalala, njengoba kuzoba njalo nangokukhala emhlabeni. Bonke abasemhlabeni abamelana noNkulunkulu ngeke babe khona. UNkulunkulu nabantu abasindisile kuphela okufanele basale; indalo Yakhe kuphela okufanele isale.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva kokwenza umsebenzi Wakhe weminyaka eyizi-6,000 kuze kube yimanje, uNkulunkulu ubesenze izenzo eziningi, okukhulu kuwukunqoba uSathane nokusindisa abantu. Usebenzisa leli thuba ukuvumela konke okusezulwini, konke okusemhlabeni, konke okusolwandle nakho konke okudalwe uNkulunkulu emhlabeni ukuthi kubone ukuba ngusomandla Kwakhe babone nezenzo zikaNkulunkulu. Uthatha ithuba lokunqoba uSathane ukuze aveze izenzo Zakhe kubantu ukuze abantu bezomdumisa baphakamise ukuhlakanipha Kwakhe kokunqoba uSathane. Konke okusemhlabeni, ezulwini nangaphansi kolwandle kudumisa Yena, kubabaza ubukhulu Bakhe, kubonga izenzo Zakhe zonke kumemeza igama Lakhe elingcwele. Lobu ubufakazi bokunqoba Kwakhe uSathane; okubaluleke kakhulu, kungubufakazi bokusindisa Kwakhe abantu. Yonke indalo kaNkulunkulu iyamkhazimulisa, idumise ukunqoba Kwakhe isitha nokuphumelela Kwakhe imbonge njengeNkosi enkulu enqobile. Inhloso Yakhe akusikho ukunqoba uSathane kuphela, ngakho-ke, umsebenzi Wakhe uqhubeke iminyaka eyizi-6,000. Usebenzisa ukunqoba Kwakhe uSathane ukusindisa abantu; usebenzisa ukunqoba uSathane ukuveza izenzo Zakhe nokwembula udumo Lwakhe. Uzoluthola udumo, nezingelosi zonke zizobona udumo Lwakhe. Izithunywa ezulwini, abantu emhlabeni nayo yonke indalo emhlabeni izobona udumo loMdali. Lona ngumsebenzi awenzayo. Zonke izidalwa Zakhe ezulwini nasemhlabeni zizobona udumo Lwakhe, uzobuya enqobile emva kokuhlula uSathane bese abantu bayamdumisa. Uzobe esephumelele ekufezeni kokubili. Ekugcineni bonke abantu bazonqotshwa Nguye, uzobe esebhubhisa bonke abamenqabayo noma abahlubukayo, okungukuthi, uzobhubhisa bonke abangabaSathane.

kwesithi “Kumele Wazi Ukuthi Bonke Abantu Bathuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami. Sengisebenze emhlabeni izinkulungwane zeminyaka, futhi kuze kube namuhla ngisenza umsebenzi wami ngale ndlela. Yize kukhona izinto ezininginingi ezitholakala emsebenzini Wami, inhloso yawo ilokhu ingaguqukile. Njengoba nje, ukwenza isibonelo, noma ngigcwele ukwehlulela nokusola okubhekiswe kumuntu, engikwenzayo kusengenxa yesizathu sokumsindisa, nangenhloso yokusabalalisa kangcono ivangeli Lami, nokwandisa umsebenzi Wami phakathi kwabo bonke abeZizwe ngemuva kokuthi umuntu enziwe waphelela.…Kulesi sikhathi sokugcina, ngizokwenza igama Lami liphakanyiswe phakathi kwabantu beZizwe, ngenze izenzo Zami zibonwe abeZizwe ukuze bangibize ngoSomandla ngenxa yezenzo zami, bese ngenza amazwi Ami enzeke ngokushesha. Ngizokwenza bonke abantu bazi ukuthi angisiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa futhi uNkulunkulu wabo bonke abantu beZizwe, ngisho nezizwe engiziqalekisile. Ngizokwenza bonke abantu babone ukuthi nginguNkulunkulu wayo yonke indalo. Lona ngumsebenzi Wami omkhulu kakhulu, inhloso yohlelo lomsebenzi Wami ezinsukwini zokugcina, futhi yiwona kuphela umsebenzi okumele ufezwe ngezinsuku zokugcina.

kwesithi “Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana