Voice of Justice

Voice of Justice

2018/10/02

2. Yazi Inhloso Nokubaluleka Kwesigaba Ngasinye Somsebenzi KaNkulunkulu

Isiphambano,Iqiniso

(1) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomthetho

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, indawo Yakhe engcwele lapho Aye khona. Wawugcina umsebenzi wakhe kubantu bakwa-Israyeli. Ekuqaleni, Akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, Wakhetha abantu Abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli indawo lapho uNkulunkulu adala u-Adamu no-Eva, futhi othulini lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; isizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni. Abakwa-Israyeli, ababeyinzalo kaNowa no-Adamu, babeyisisekelo somsebenzi kaJehova emhlabeni.


Ukubaluleka, inhloso, kanye nesinyathelo somsebenzi kaJehova kwa-Israyeli kwakungukuqala umsebenzi Wakhe emhlabeni wonke, bese kancane kancane awandise kwezinye izizwe kusukela esizindeni kwa-Israyeli. Lesi isimiso Asebenza ngaso emhlabeni wonke jikelele—ukwakha isibonelo bese eyandisa baze bonke abantu balemukele ivangeli Lakhe emhlabeni jikelele. Ama-Israyeli okuqala kwakuyiNzalo kaNowa. Labo bantu babenomoya kaJehova nje kuphela futhi babekwazi ukunakekela izidingo eziyisisekelo zempilo, kodwa babengamazi ukuthi uyinhloboni kaNkulunkulu uJehova, futhi bengazi intando yakhe ngomuntu, futhi babengazi ngisho nakancane ukuthi kufanele bayidumise kanjani iNkosi yendalo yonke. Inzalo ka-Adamu yayingazi ukuthi imiphi imigomo nemithetho ekufanele bayilalele, nokuthi imuphi umsebenzi isidalwa okufanele siwenzele Umdali. Konke ababekwazi nje ukuthi umyeni kufanele ajuluke futhi asebenze ukuhlinzekela umndeni wakhe, nokuthi inkosikazi kufanele ithobele umyeni wayo futhi yandise uhlanga lwabantu uJehova abadalile. Ngamanye amazwi, labantu babenomphefumulo kaJehova kanye nokuphila Kwakhe, kodwa babengakwazi ukulandela imithetho kaNkulunkulu noma ukwenelisa iNkosi yendalo yonke. Babenokuqonda okuncane kakhulu. Ngakho-ke nakuba kwakungekho lutho olugwegwile noma okuwubuqili ezinhliziyweni zabo, nakuba babengavamile ukuba nomona nokuxokozela, babengamazi uJehova noma bengamqondi uJehova, iNkosi yendalo yonke. Labo khokho bomuntu babazi nje ukuthi badle lokho uJehova akwenzile, bathokozele lokho uJehova akwenzile, kodwa babengakwazi ukudumisa uJehova; babengazi ukuthi kufanele bamdumise beguqe ngamadolo. Babengabizwa kanjani ukuthi izidalwa Zakhe? Ngakho lamagama athi, “uJehova uyiNkosi yendalo yonke” nathi “Wadala umuntu njengokuziveza Kwakhe, ukumdumisa nokummela Yena,” akhulunyelwa ize? Abantu abangamdumisi uJehova bangafakazela kanjani inkazimulo Yakhe? Bangaba kanjani ukuvezwa kwenkazimulo Yakhe? Ingabe lamazwi kaJehova athi “Ngadala umuntu ngomfanekiso Wami” aphenduka isikhali esandleni sikaSathane—lo omubi? Lamazwi awaphenduki yini abe uphawu lokululazeka ngenxa yokudala umuntu kukaJehova? Ukuze aqede leso sigaba somsebenzi, uJehova, emuva kokudala isintu, akazange abanikeze imiyalelo noma abaqondise ukusuka ku-Adamu kuya kuNowa. Kwaze kwathi emuva kukazamcolo, Waqala ukuhola abakwa-Israyeli ngokusemthethweni, ababeyinzalo ka-Adamu noNowa. Umsebenzi Wakhe namazwi Akhe kwa-Israyeli aqondisa izimpilo zabo bonke abantu ezweni lonke. Wabakhombisa ukuthi uJehova akakwazi nje kuphela ukuphefumulela umphefumulo kumuntu, ukuze abenempilo Yakhe, futhi wamvusa othulini wamenza isidalwa sikaNkulunkulu, kodwa nanokuthi wayengangqongqisa isintu ngamalangabi, asiqalekise isintu, esebenzisa uswazi Lwakhe ukuphatha isintu. Nabo-ke, babona ukuthi uJehova angayihola impilo yomuntu emhlabeni, futhi akhulume futhi esebenza phakathi kwabo imini nobusuku. Wawenza umsebenzi ukuze izidalwa Zakhe zazi ukuthi umuntu wavela othulini olwalucoshwe Nguye, ukuthi umuntu wenziwa Nguye. Ngaphezulu kwalokho, umsebenzi awuqala ku-Israyeli wenziwa ukuze abanye abantu nezizwe (ababengahlukene empeleni no-Israyeli, kodwa babexhantile basuka kubantu bakwa-Israyeli, kodwa beselokhu beyinzalo ka-Adamu no-Eva) bathole ivangeli likaJehova ku-Israyeli, ukuze zonke izidalwa ezweni lonkana zimdumise futhi zimphakamise Yena ngoba emkhulu. Uma uJehova wayengawuqalanga umsebenzi Wakhe ku-Israyeli, kodwa esikhundleni salokho athi esesidalile isintu, asiyekelele siphile izimpilo zokunganaki emhlabeni, ngenxa yemvelo yomzimba womuntu (imvelo ichaza ukuthi umuntu akasoze azi izinto angaziboni, okungukuthi, akazi ukuthi uJehova wadala isintu, kungasaphathwa okokuthi akazi ukuthi Yena wamdalelani), wayengasoze azi ukuthi uJehova wadala isintu nokuthi uyiNkosi yezinto zonke. Uma uJehova wayedale umuntu futhi wambeka emhlabeni ngesizathu sokuzithokozisa, wabese nje esula izandla Zakhe wamshiya kunokuthi ahole phakathi kwabantu isikhathi esithile, sonke isintu sasiyophetha ngokushabalala. Ngisho izulu nomhlaba nazo zonke izinto azidala, kuhlangene nesintu sonke, konke kwakuyophetha ngokushabalala kuxovwe ngezinyawo nguSathane. Ngakho isifiso sikaJehova sokuba, “Abe nendawo yokuma emhlabeni, indawo engcwele phakathi kwendalo Yakhe” sasiyodicileleka phansi. Ngakho-ke esikhundleni salokho, emuva kokudala isintu, uNkulunkulu wabaqondisa ezimpilweni zabo, futhi wakhuluma nabo, konke lokhu ukuze athole isifiso sakhe, aphumelele ohlelweni Lakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli wawuqonde kuphela ukulifeza icebo, ayekade elihlelile ngaphambi kokudala Kwakhe zonke izinto. Ngakho-ke ukusebenza Kwakhe kuqala phakathi kwabaka-Israyeli nokudala Kwakhe zonke izinto kwakungaphikisani, kodwa kokubili kwenzelwa ngenxa yokuphatha Kwakhe, umsebenzi Wakhe, kanye nodumo Lwakhe, kwajulisa injongo yokudala Kwakhe isintu. Wayiqondisa impilo yesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili emuva kukaNowa, kuleso sikhathi Wabafundisa ukuthi bamdumise kanjani uJehova, iNkosi yezinto zonke, wabafundisa ukuthi baziphathe kanjani futhi baphile izimpilo zabo, nakakhulu, ukuthi bamfakazele kanjani uJehova, bamlalele, baphinde bamphakamise, futhi bamdumise Yena ngomculo njengoDavide nabapristi bakhe.

Ngaphambili kwezinkulungwane ezimbili zeminyaka lapho uJehova enza khona umsebenzi Wakhe, umuntu wayengazi lutho, futhi cishe bonke baphupha bawela ebufebeni nenkohlakalo eyandulela uzamcolo; izinhliziyo zabo zazingenaye uJehova, ungasayiphathi, indlela Yakhe. Abazange neze baqonde umsebenzi uJehova ayezowenza; babengenawo umqondo wokucabanga, lungasaphathwa ulwazi, benjengemishini ephilayo ephefumulayo bengenalwazi ngomuntu, ngoNkulunkulu, ngomhlaba, kanye nempilo ngokufana. Emhlabeni bangena ekwenzeni ukuyenga nobuhumusha, njengenyoka, futhi bakhuluma izinto eziningi azazimcasula uJehova, kodwa ngoba babengenalwazi uJehova akazange abajezise noma abayale. Emuva kukazamcolo, lapho uNowa wayeneminyaka engama-601, uJehova wazibonakalisa ngokomthetho kuNowa wabe esemqondisa yena nomndeni wakhe, emhola yena, nezinyoni, nezilwane ezasinda kuzamcolo, kanye nozalo lwakhe kwaze kwabasekupheleni kweNkathi yoMthetho, iminyaka eyizi-2,500 seyiphelele. Wayesebenza ngokomthetho ku-Israyeli iminyaka eyizi-2,000, kanti isikhathi lapho ayesebenza kwa-Israyeli nangaphandle kwakhona, sasiyiminyaka engama-500, okwenza iminyaka eyizi-2,500 uma uhlanganisa. Ngale nkathi watshela abakwa-Israyeli ukuthi ukukhonza uJehova, kufanele bakhe ithempeli, baphinde bagqoke izingubo zabapristi, futhi bahambe bengafake zicathulo ukungena ethempelini entathakusa, zingaze izicathulo zabo zingcolise ithempeli bese kwehla umlilo phezulu ethempelini ubashise bangqongqe. Bayenza imisebenzi yabo futhi bathobela izinhlelo zikaJehova. Bakhuleka kuJehova ethempelini, kwathi emuva kokuba sebegqugquzelwe nguJehova, okungukuthi, emuva kokuthi uJehova esekhulumile, bahola abantu futhi babafundisa ukuthi bamhloniphe kakhulu uJehova—uNkulunkulu wabo. Futhi uJehova wabatshela ukuthi kufanele bakhe ithempeli ne-altare, kanti ngesikhathi esibekwe uJehova, okungukuthi, ngePhasika, kufanele balungise ethempelini amathole namawundlu asanda kuzalwa njengemihlatshelo yokukhonza uJehova, ukubanqanda futhi nokufaka inhlonipho enkulu kaJehova ezinhliziyweni zabo. Noma bayawulalela lomthetho, kwakuzoba isilinganiso sokuthembeka kwabo kuJehova. UJehova wabeka nosuku lweSabatha kubo, usuku lwesikhombisa lokudala Kwakhe. Usuku emuva kwalokho Yena wenza usuku lokuqala, usuku lwabo lokuba bakhonze uJehova, balethe imihlatshelo, futhi benze umculo Kuye. Ngalolu suku, uJehova wabiza ndawonye bonke abapristi futhi wabelana ngemihlatshelo ethempelini ukuze abantu badle, ukuze bathokozele imihlatshelo elethwe kuJehova. Futhi uJehova wathi babusisiwe kanti banengxenye naye, nokuthi bangabantu Bakhe abakhethiweyo (okwabe kuyisivumelwano sikaJehova nabakwa-Israyeli). Yingakho, kuze kube inamuhla, abantu bakwa-Israyeli basathi uJehova nguNkulunkulu wabo bodwa, hhayi ukuNkulunkulu wezinye izizwe.

NgeNkathi yoMthetho, uJehova wabeka imiyalelo eminingi uMose okwakufanele ayidlulisele kwabaka-Israyeli, abamlandela ukuphuma eGibhithe. UJehova wayinika lemiyalelo abakwa-Israyeli, ababengahlobene nabaseGibhithe, kanti yayenzelwe ukungqanda abakwa-Israyeli, futhi iyizimiso Zakhe kubo. Noma umuntu wayegcina iSabatha, noma ehlonipha abazali bakhe, noma ekhonza izithixo, nokunye nokunye, lezi izimiso umuntu ayehlulelwa ngazo ukuthi unesono noma ulungile. Noma umuntu wayeshaywa ngumlilo kaJehova, noma akhandwe ngamatshe, noma athole isibusio kuJehova, kwakuncike ekutheni umuntu uyayilalela yini imiyalelo. Labo ababengaligcini iSabatha babekhandwa ngamatshe. Labo bapristi ababengaligcini iSabatha babeshaywa umlilo kaJehova. Labo ababengabalaleli abazali babo nabo babekhandwa ngamatshe. Konke lokhu kwakuvunywe nguJehova. UJehova wamisa imiyalelo Yakhe kanye nemithetho Yakhe ukuze kuthi lapho ehola izimpilo zabo, abantu balizwe futhi balilalele izwi Lakhe futhi bangahlubuki. Wasebenzisa lemithetho ukulawula uhlanga lwesintu olwalusanda kuzalwa, ukwakha isisekelo somsebenzi Wakhe owawuseza. Ngakho-ke, ngenxa yomsebenzi owenziwa uJehova, inkathi yokuqala yabizwa ngokuthi iNkathi yoMthetho. Nakuba uJehova wakhuluma kakhulu futhi wenza umsebenzi omningi, Wabahola ngendlela eyakhayo, efundisa laba bantu abengenalwazi ukuba babekanjani ngabantu, baphile kanjani, baqonde kanjani indlela kaJehova. Ikakhulukazi, umsebenzi Yena awenza, wawuhlose ukuvumela abantu ukubuka bazi indlela Yakhe futhi balandele umthetho Wakhe. Umsebenzi wenziwa kubantu ababengajulile ngokukhohlakala; wawungakhathalele ukuguqulwa kwesimo noma ukukhula empilweni. Wayekhathalele kuphela ukusebenzisa imithetho ukunqanda nokulawula abantu. Kuma-Israyeli ngaleso sikhathi, uJehova wayemane enguNkulunkulu ethempelini, uNkulunkulu emazulwini. Wayeyinsika yefu, eyinsika yomlilo. Konke uNkulunkulu ayekufuna kubona kwakuwukuthi balalele lokhu abantu banamhlanje abakwazi njengemithetho Yakhe nemiyalelo umuntu— angaze athi nje imigomo—ngoba umsebenzi kaJehova wawungahlosile ukubashintsha kodwa ukubanika ezinye izinto umuntu ekufanele abenazo, ukubatshela ngomlomo wakhe uqobo, ngoba emuva kokuthi umuntu esedaliwe, umuntu wayengazi lutho ngokuthi kufanele abe nani. Ngakho-ke uJehova wabanika izinto ekufanele babenazo ezimpilweni zabo emhlabeni, wenza labantu abaholayo ukuthi babedlule okhokho babo, u-Adamu no-Eva, ngoba lokho uJehova abanika kona kwakudlula lokho ayekade Yena ekunike u-Adamu no-Eva ekuqaleni. Nakuba kunjalo, umsebenzi uJehova awenza kwa-Israyeli kwakungowokuqondisa isintu kuphela nokwenza isintu simazise uMdali waso. Akazange abanqobe noma abashintshe, wamane wabaqondisa. Lokhu indaba isiphelele yomsebenzi kaJehova ngeNkathi yoMthetho. Yisendlalelo, indaba eyiqiniso, umnyombo womsebenzi Wakhe ezweni lonke lakwa-Israyeli nesiqalo somsebenzi Wakhe weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha—ukulawula isintu ngesandla sikaJehova. Kulokhu kwaphuma umsebenzi omningi ohlelweni Lwakhe lokuphatha olweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha.

kwesithi “Umsebenzi Ngenkathi Yomthetho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekuqaleni, ukuqondisa umuntu ngeNkathi Yomthetho yeTestamente elidala kwakufana nokuqondisa ingane. Isintu sokuqala sasingabantwana abazelwe bakaJehova; sasingama-Israyeli. Sasingenakho ukuqonda ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu noma indlela yokuphila emhlabeni. Okusho ukuthi, uJehova wadala isintu, okungukuthi, wadala u-Adamu no-Eva, kodwa akazange abanike imiqondo yokuqonda ukuthi bamhloniphe kanjani uNkulunkulu noma ukulandela imithetho kaJehova emhlabeni. Ngaphandle kokuqondisa mathupha kukaJehova, akekho ongakwazi ngokuqondile lokhu, ngoba ekuqaleni umuntu akazange abe nawo lo mqondo. Umuntu wazi kuphela ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, kodwa okokuthi ahlonishwe kanjani, iyiphi inhlobo yokuziphatha okwakubizwa ngokumhlonipha, umuntu wayengamhlonipha ngaluphi uhlobo lomqondo, noma, yikuphi okwakufanele akunikele ekumhlonipheni: umuntu wayengenamqondo nhlobo. Umuntu wayazi kuphela ukuthi akuthokozele kanjani lokho okwakungathokozelwa phakathi kwazo zonke izinto ezadalwa nguJehova, kodwa mayelana nokuthi iluphi uhlobo lokuphila emhlabeni olwalufanele isidalwa sikaNkulunkulu, wayengenalwazi nhlobo. Ngaphandle komuntu wokusiyalela, ngaphandle komuntu wokusiqondisa mathupha, lesi sintu sasingeke siphile impilo efanele isintu ngokwempela, kodwa sasiyothunjwa kuphela nguSathane ngesinyelela. UJehova wadala isintu, okusho ukuthi, wadala okhokho besintu, u-Eva no-Adamu, kodwa akabanikanga enye ingqondo noma ukuhlakanipha. Nakuba base bevele bephila emhlabeni, babecishe bangaqondi lutho. Ngakho, umsebenzi kaJehova ekudaleni isintu wawungakapheleli, futhi wawusekude nokuqedwa. Wayesakhe kuphela umfuziselo womuntu ngebumba wase ewunika umphefumulo Wakhe, kodwa ngaphandle kokunika umuntu ukuzimisela ukumhlonipha okwenele. Ekuqaleni, umuntu wayengenawo umqondo wokumhlonipha, noma ukumesaba. Umuntu wayazi kuphela ukulalela amazwi Akhe kodwa wayengazi lutho ngolwazi lokuphila emhlabeni kanye nolwemithetho efanele yokuphila komuntu. Ngakho futhi, nakuba uJehova wadala owesilisa nowesifazane wayeseqeda umsebenzi wezinsuku eziyisikhombisa, akazange neze aqede ukudala umuntu, ngoba umuntu wayeyigobongo nje, engenayo ingqikithi yokuba ngumuntu. Umuntu wayazi kuphela ukuthi nguJehova owayedale umuntu, kodwa wayengenalwazi noluncane lokuthi alandele kanjani amazwi noma imithetho kaJehova. Ngakho futhi, emva kokuba khona kwesintu, umsebenzi kaJehova wawusekude ukuphela. Kwakusafanele aqondise isintu ngokugcwele ukuba size phambi Kwakhe, ukuze sikwazi ukuphila ndawonye emhlabeni futhi simhloniphe, nokuthi sikwazi, ngokuqondiswa nguye, ukungena emzileni ofanele wempilo yomuntu emhlabeni. Kulapho kuphela umsebenzi owawenziwe kakhulu ngaphansi kwegama likaJehova owaqedwa khona ngokugcwele; okungukuthi, waphethwa lapho kuphela umsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba. Ngakho futhi, esedale isintu, kwafuneka ukuthi aqondise ukuphila kwesintu emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, ukuze isintu sikwazi ukuphila ngezinqumo nemithetho, kanye nokubamba iqhaza kukho konke ukwenza kwempilo ejwayelekile emhlabeni. Kulapho kuphela okwaphetheka khona ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu. Wenza lo msebenzi emva kokudala isintu wase eqhubeka nawo kwaze kwaba yinkathi kaJakobe, okuyisikhathi enza ngaso amadodana ayishumi nambili kaJakobe aba yizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, bonke abantu bakwa-Israyeli baba wuhlanga lwabantu olwaluholwa ngokusemthethweni Nguye emhlabeni, futhi u-Israyeli waba yindawo ekhethekile emhlabeni lapho enza khona umsebenzi Wakhe. UJehova wenza laba bantu baba yiqembu lokuqala labantu enza kubo ngokusemthethweni umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi wenza lonke izwe lakwa-Israyeli indawo yokuqala komsebenzi Wakhe, ebasebenzisa njengesiqalo somsebenzi omkhulu ngokuthe xaxa, ukuze bonke abantu abazalwe Kuye emhlabeni bazi ukuthi bamhloniphe kanjani nokuthi baphile kanjani emhlabeni. Ngakho futhi, izenzo zama-Israyeli zaba yisibonelo sokulandelwa ngabantu beZizwe, nokuthi lokho okwashiwo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli kwaba amazwi okwakufanele alalelwe ngabantu beZizwe. Ngoba baba ngabokuqala ukwemukela imithetho nemiyalelo kaJehova, futhi baba ngabokuqala ukwazi ukuthi zihlonishwa kanjani izindlela zikaJehova, kanye nokuba ngabameli bohlanga lwabantu abakhethwe nguJehova.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngakho seniyifundile le mithetho yeNkathi Yomthetho, akunjalo? Ingabe imithetho inomqondo osabalele? Okokuqala, ihlanganisa iMiyalelo Eyishumi, ilandelwe imiyalelo yokwakhiwa kwama-altare, njalo njalo. Ilandelwe imithetho yokugcina iSabatha nemikhosi emithathu, bese ilandelwa yimiyalo yeminikelo. Ingabe ubonile ukuthi zingaki izinhlobo zeminikelo ezikhona? Kuneminikelo yokushiswa, iminikelo yokuthula, iminikelo yesono, njalo njalo, elandelwa yimithetho yeminikelo yabapristi, ehlanganisa iminikelo yokushiswa neminikelo yenyama yabapristi, nezinye izinhlobo zeminikelo. Imiyalelo eyi-8 eyezabelo zeminikelo zabapristi, bese kuba nemithetho yalokho abantu okufanele bakugcine. Kunemibono ngezici eziningi zokuphila kwabantu, njengemithetho yalokho okufanele nokungafanele bakudle, yokuhlanjululwa kwababelethayo, neyalabo abelashwe ochokweni. Kule mithetho, uNkulunkulu uze akhulume nangezifo, futhi kunemithetho yokuhlatshwa kwezimvu nezinkomo, njalo njalo. Izimvu nezinkomo kwadalwa uNkulunkulu, futhi kufanele nikuhlabe nganoma iyiphi indlela eyalwa uNkulunkulu; ngokungangabazeki kunesizathu ezwini likaNkulunkulu, nakanjani kulungile ukuyalwa uNkulunkulu, futhi kuyabazuzisa abantu! Kwakuphinde kube namadili nemithetho okufanele kugcinwe, njengosuku lweSabatha, iPhasika, kanye nokuningi—uNkulunkulu wakhuluma ngakho konke lokhu. Ake sibheke okokugcina: eminye imithetho—ukukhanyiswa kwezibani, uNyaka WeJubili, ukuhlengwa kwezwe, ukwenza izifungo, okweshumi, njalo njalo. Ingabe lokhu kunomqondo obanzi? Into yokuqala okufanele kukhulunywe ngayo iminikelo yabantu, bese kuba nemiyalo emayelana nokweba nesinxephezelo, nokugcinwa kosuku lweSabatha…; okubandakanya nemininingwane yokuphila kwawo wonke umuntu. Okusho ukuthi, lapho uNkulunkulu enza umsebenzi osemthethweni wecebo Lakhe lokuqondisa, wabeka imithetho eminingi eyayilandelwa umuntu. Le mithetho yayenzelwa ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile emhlabeni, ukuphila komuntu okungenakuhlukaniswa noNkulunkulu kanye nesiqondiso Sakhe. UNkulunkulu waqale watshela umuntu indlela yokwakha ama-altare, nokuwamisa. Ngemva kwalokho, watshela umuntu ngendlela yokunikela, washo indlela okwakufanele umuntu aphile ngayo—nokwakufanele akunake ekuphileni, okwakufanele anamathele kukho, okwakufanele nokwakungafanele agxile kukho. Konke uNkulunkulu akuhlelela umuntu kwakumangalisa, futhi ngala masiko, imithetho amisa ngayo izinga lokuziphatha kwabantu, waqonda ukuphila nezisusa zabo emithethweni kaNkulunkulu, wabaqondisa ukuthi beze phambi kwe-altare likaNkulunkulu, nokuthi baphile phakathi kwazo zonke izinto zikaNkulunkulu ayezidalele umuntu ngokuhleleka, ukuvama, nangokusesilinganisweni. UNkulunkulu waqala ukusebenzisa le miyalo elula ukuze abekele umuntu imingcele, ukuze umuntu emhlabeni abe nokuphila okujwayelekile akhonze uNkulunkulu, abe nokuphila okujwayelekile komuntu; leyo indlela ekhethekile yesiqalo seminyaka Yakhe eziyi-6 000 yecebo lokuqondisa. Imiyalo nemithetho kunencazelo ebanzi, iyiziqondiso eziqondile zikaNkulunkulu esintwini phakathi neNkathi Yomthetho, kufanele yamukelwe futhi ihlonishwe abantu abangaphambi kweNkathi Yomthetho, iyirikhodi lomsebenzi owenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho, futhi iwubufakazi obuqand’ ikhanda bobuholi nesiqondiso sikaNkulunkulu ngaso sonke isintu.

kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu basendulo babengazi lutho, ngakho kwadingeka ukuthi uNkulunkulu aqale ngokubafundisa izinto eziyisisekelo ukuze baphile, nemithetho eyisidingo ukuze umuntu aphile, wagcwala lezi zinto enhliziyweni kancane kancane, futhi wanika umuntu ukuqonda ngoNkulunkulu kancane kancane nokwazisa kanye nokuqonda ubuholi bukaNkulunkulu, futhi umbono oyisisekelo wobudlelwane obuphakathi komuntu noNkulunkulu, kule miyalelo, nakule mithetho, kwakungamazwi. Ngemva kokufinyelela lokhu, uNkulunkulu wakwazi ukwenza umsebenzi ayezowenza kamuva, ngakho le mithetho nomsebenzi eyenziwa uNkulunkulu phakathi neNkathi Yomthetho kuyidwala lomsebenzi wokusindisa umuntu, kuyisigaba sokuqala secebo likaNkulunkulu lokuqondisa.

kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJehova kwakuwukuhola nokwelusa umuntu ngokuqondile ngokubeka imithetho ukuze umuntu akwazi ukuphila impilo ejwayelekile nokudumisa uJehova ngendlela ejwayelekile emhlabeni. UNkulunkulu eNkathini Yomthetho wayengabonwa futhi angathintwa muntu. Wayehola umuntu owayekhohlakaliswe uSathane nje, futhi wayekhona ukuze ayalele futhi eluse laba bantu, ukuze amazwi awakhuluma ayengawomthetho, nemiyalelo kanye nolwazi olujwayelekile ngokuphila impilo njengomuntu kuphela, kwakungasiwo wonke amaqiniso anika umuntu ukuphila. Ama-Israyeli ngaphansi kobuholi Bakhe ayengewona lawo akhohlakaliswe ngokujulile uSathane. Umsebenzi Wakhe womthetho wawusesigabeni sokuqala ngqa somsebenzi wensindiso, ukuqala komsebenzi wensindiso, futhi kwakungahlangene nhlobo nokushintsha isimo sempilo yomuntu.

kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomthetho, umsebenzi wokuqondisa isintu wawenziwa ngaphansi kwegama likaJehova futhi isigaba sokuqala somsebenzi saqalwa emhlabeni. Kulesi sigaba umsebenzi wawuqukethe ukwakha ithempeli ne-altare, kanye nokusebenzisa umthetho ukuqondisa isizwe sakwa-Israyeli nokusebenza phakathi kwaso. Ngokuqondisa isizwe sakwa-Israyeli, UNkulunkulu wasungula indawo yomsebenzi Wakhe lapha emhlabeni. Kusuka kule ndawo, wasabalalisa umsebenzi Wakhe, wawuyisa ngaphandle ngaleya kwakwa-Israyeli, okusho ukuthi, ukusuka kwa-Israyeli, wawandisela ngaphandle, ukuze izizukulwane zakamuva ziye ngokuya zazi ukuthi uJehova wayenguNkulunkulu, nokuthi nguJehova owadala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto, nokuthi nguJehova owenza zonke izidalwa. Wasabalalisa umsebenzi Wakhe ngabantu bakwa-Israyeli wawusabalalisela kude nabo. Izwe lakwa-Israyeli laliyindawo engcwele yokuqala yomsebenzi kaJehova emhlabeni, futhi kwakusezweni lakwa-Israyeli lapho uNkulunkulu aqala khona ukusebenza emhlabeni. Lowo kwakuwumsebenzi weNkathi Yomthetho.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

(2) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yomusa

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UJesu umele wonke umsebenzi weNkathi yoMusa; waba senyameni wabethelwa esiphambanweni, waphinda wangenisa iNkathi yoMusa. Wabethelwa ukuze agcwalise umsebenzi wokuhlenga, ukuqeda iNkathi yoMthetho nokuqala iNkathi yoMusa, ngakho-ke wabe esebizwa “ngeNkosi Ephakeme,” “uMnikelo wesono,” “uMhlengi.” Ngakho umsebenzi kaJesu wehluka ngokuqukethweyo emsebenzini kaJehova, yize ngokwesimiso babefana. UJehova waqala iNkathi yoMthetho, wasungula isizinda sekhaya, okungukuthi, umsuka, womsebenzi Wakhe emhlabeni, wabe esekhipha nemithetho; lokhu ngokubili kulokho akwenza ngempumelelo, okumele iNkathi yoMthetho. Umsebenzi uJesu awenza eNkathini yoMusa kwakungekhona ukukhipha imithetho, kodwa ukugcwalisa imithetho, ngalokho engenisa iNkathi yoMusa futhi eqeda iNkathi yoMthetho eyayisihlale iminyaka eyizinkulungwane ezimbili. Waba ngumqambi, owezela ukuqala iNkathi yoMusa, kodwa umongo womsebenzi Wakhe wawusekuhlengeni. Ngalokho-ke izinto azifeza zazikabili: ukuvula inkathi entsha, nokuqedela umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa Kwakhe. Wase ehamba. Kuleli qophelo, iNkathi yoMthetho yafika ekugcineni abantu base bengena eNkathini yoMusa.

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu kwakungenxa yokuthi babephila eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu – njengoba uJesu athi, “Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe”. Ukuba uJesu waba senyameni ngesimo sokwahlulela, sesiqalekiso, nokungabekezeleli amacala abantu, abantu bebengeke balithole ithuba lokuhlengwa, futhi bebezohlala bona njalo nje. Ukuba kwakunjalo, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwaluyoma eNkathini yoMthetho, futhi iNkathi yoMthetho ngabe yaba iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Izono zabantu ngabe zakhula zaba nkulu zaba zimbi kakhulu, nokudalwa kwabantu kwakuzoba yize. Abantu bebezokwazi ukukhonza uNkulunkulu ngaphansi komthetho kuphela, kodwa izono zabo ngabe zingaphezulu kwalezo zabantu abadalwa kuqala. Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yize uJesu, ekubeni senyameni kwakhe wayengenawo nhlobo umzwelo, wayehlala eduduza abafundi Bakhe, ebahlinzeka, ebasiza futhi ebaqinisa. Noma ngabe wenza umsebenzi ongakanani noma wahlupheka kangakanani, akazange afune okwedlulele kubantu, kodwa wayehlale ebekezela futhi eqiniselele izono zabo, kangangokuthi eNkathini yoMusa wayebizwa ngokuthandwa ngokuthi “uJesu onguMsindisi othandekayo.” Kubantu bangaleso sikhathi – kubo bonke abantu – lokhu uJesu ayenakho nayeyikho, kwakungumusa nothando. Akazange akhumbule ukona kwabantu, nokubaphatha Kwakhe kwakungasukeli ekoneni kwabo. Ngenxa yokuthi leyo kwakuyinkathi eyehlukile, wayevamise ukunika abantu ukudla nokokuphuza okwanele ukuze badle basuthe. Wayephatha bonke abalandeli Bakhe ngomusa, elapha abagulayo, ekhipha amadimoni, evusa abafile. Ukuze abantu bakholwe Kuye babone nokuthi konke lokhu ayekwenza wayekwenza ngeqiniso nangobuqotho, waze wavusa isidumbu esase sibola, ebakhombisa ukuthi ezandleni Zakhe ngisho nabafile bangabuye baphile. Ngale ndlela wabekezela buthule phakathi kwabo wenza umsebenzi Wakhe wokuhlenga. Ngisho ngaphambi kokuthi abethelwe esiphambanweni, uJesu wayesevele ethwele izono zesintu waba umhlatshelo wezono zesintu. Nangaphambi kokubethelwa, wayesevele eseyivulile indlela eya esiphambanweni ukuze ahlenge abantu. Ekugcineni wabethelwa esiphambanweni, wazidela ngenxa yesiphambano, wabeka bonke ububele Bakhe, nomusa wothando, nobungcwele phezu kwesintu. Esintwini wayelokhu enokubekezela, engafuni ukuziphindiselela, kodwa wasixolela izono zaso, wasincenga ukuthi siphenduke, wasifundisa ukubekezela, ukuqinisela, nothando, ukuthi silandele ezinyathelweni Zakhe futhi sizidele ngenxa yesiphambano. Uthando Lwakhe lwabazalwane lwedlula uthando Lwakhe ngoMariya. Umsebenzi awenza wathatha njengomgomo Wakhe ukuphilisa abantu nokukhipha amadimoni, konke ngenxa yokuhlenga Kwakhe. Noma ngabe wayeya kuphi, bonke ababemlandela wayebaphatha ngomusa. Wenza abampofu baba yizicebi, wahambisa izishosha, izimpumputhe zabona, izithulu zezwa; waze wamema nabaphansi abahlwempu, izoni, ukuthi zizodla Naye, engabaxwayi kodwa ebekezele, aze athi, “Uma umelusi elahlekelwa yimvu eyodwa kweziyikhulu, uzozishiya ezingamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye ayofuna eyodwa elahlekile, uma eyithola uyothokoza kakhulu.” Abalandeli Bakhe wayebathanda njengemvu ithanda amazinyane ayo. Yize bebeyizilima bengenalwazi, futhi beyizoni emehlweni Akhe, phezu kwalokho bengamalunga omphakathi aphansi kakhulu, wazibona lezi zoni—abantu ababenyanywa ngabanye—njengezithelo ezithandwa yiso Lakhe. Njengoba wayezithanda, wanikela ngempilo Yakhe ngenxa yazo, njengewundlu linikelwa elathini. Wahamba phakathi kwabo njengesisebenzi sabo, wabadedela bamsebenzisa bamhlaba, wabathobela ngaphandle kwemibandela. Kubalandeli Bakhe wayenguMsindisi uJesu othandekayo, kodwa kubaFarisi ababefundisa abantu ezindaweni eziphakeme akazange abonise umusa nothando lomusa, kodwa inzondo nokubenyanya. Akazange enze umsebenzi omkhulu kubaFarisi, wayebafundisa nje ngezinye izikhathi ebakhuza; akazange ahambe phakathi kwabo enza umsebenzi wokuhlenga, noma enze izibonakaliso nezimangaliso. Wethula wonke umusa nothando lwakhe kubalandeli Bakhe, ebekezela ngenxa yalezi zoni kwaze kwaba sekugcineni lapho ebethelwa esiphambanweni, ezwa konke ukwehliswa waze wasihlenga sonke isintu. Lokhu kwakuyisamba somsebenzi Wakhe.

Ngaphandle kokuhlenga kukaJesu, abantu babengaphila esonweni phakade, babe ngabantwana besono, isizukulwane samadimoni. Uma lokhu kuqhubeka, wonke umhlaba wawuyoba yindawo yokuhlala kaSathane, indawo yakhe yokwakha. Kodwa umsebenzi wokuhlenga wawudinga umusa nothando esintwini; yile ndlela kuphela abantu ebabethola ngayo intethelelo bese bethola ilungelo lokwenziwa baphelele futhi bazuzwe ngokuphelele. Ngaphandle kwalesi sigaba somsebenzi, uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha ngabe aluzange luqhubeke. Ukube uJesu akazange abethelwe, ukuba welapha abantu nje kuphela wakhipha namadimoni, ngabe abantu abazange bathethelelwe izono zabo ngokuphelele. Kule minyaka emithathu nesigamu uJesu enza ngayo umsebenzi Wakhe emhlabeni, waqeda ingxenye kuphela yomsebenzi Wakhe wokuhlenga; kwase kuthi ngokubethelwa esiphambanweni nokuba umfanekiso wenyama enesono, ngokunikelwa esandleni somubi, wawufeza umsebenzi wokubethelwa waphumelelisa isiphetho sesintu. Abantu bahlengwa kuphela emva kokuthi esenikelwe ezandleni zikaSathane. Iminyaka engamashumi amathathu nesigamu wahlushwa emhlabeni, wenziwa inhlekisa, wathukwa, walahlwa, kwaze kwaseqophelweni lapho engasenandawo yokufihla ikhanda, engenandawo yokuphumula; wabe esebethelwa, ubuyena bonke—umzimba ongenasono nomsulwa—wabethelwa esiphambanweni, wezwa lonke uhlobo lokukuhlushwa. Labo ababesemandleni babembhinqa bemshaya, namasosha aze amkhafulela ebusweni; kodwa wathula wabekezela kwaze kwaba sekugcineni, ethoba ngokungenamibandela kwaze kwaba sekufeni, lapho ahlenga khona bonke abantu. Waze wavunyelwa lapho ukuba aphumule. Umsebenzi owenziwa nguJesu umele kuphela iNkathi yoMusa; awumele iNkathi yoMthetho, futhi awuthathi indawo yomsebenzi wezinsuku zokugcina. Lena yingqikithi yomsebenzi kaJesu eNkathini yoMusa, inkathi yesibili isintu esesedlule kuyo – iNkathi yokuHlengwa.

kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini yoMusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Ukhombise umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini yoMusa ubegcwele isisa futhi wayehlala enothando ngoba wayeze ukuzosindisa abantu ezonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze kwaba sekubethelweni Kwakhe okwasindisa abantu ngempela ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi ube ngumhlatshelo wabantu wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe ungunaphakade. Ubenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi yoMusa babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babekezelela konke ukuhlupheka, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswawa, noma bekhandwa ngamatshe.

kwesithi “Ukuba Semzimbeni Wobuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Semzimbeni Wobuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngesikhathi uJesu efika, wenza nengxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, wakhuluma amanye amazwi—kodwa msebenzi muni omkhulu awufeza na? Akufeza kakhulu kwakungumsebenzi wokubethelwa. Waba umfanekiso wenyama enesono ukuze aqedele umsebenzi wokubethelwa ahlenge bonke abantu, futhi kwakungenxa yezono zaso sonke isintu ukuba abe ngumhlatshelo wesono. Lona yiwo umsebenzi omkhulu awufeza. Ekugcineni, wahlinzeka indlela yesiphambano ukuqondisa labo abalandela. Ngesikhathi uJesu efika, ikakhulu kwakuwukuqeda umsebenzi wokuhlenga. Wahlenga bonke abantu, waletha nevangeli lombuso wezulu kubantu, futhi, phezu kwalokho, waletha umbuso wezulu. Ngenxa yalokho, labo abafika ngemva kwakho konke bathi, “Kumele sihambe indlela yesiphambano, sizidele ngenxa yesiphambano.” Yebo, ekuqaleni uJesu wenza omunye umsebenzi wakhuluma namanye amazwi ukuze abantu baphenduke bavume izono zabo. Kodwa inkonzo Yakhe kwakungukubethelwa, kanti le minyaka emithathu nesigamu ayichitha eshumayela indlela kwakuwukucwengelela ukubethelwa okwenzeka muva. Izikhathi eziningi uJesu athandaza ngazo nazo kwakungenxa yokubethelwa. Impilo yomuntu ojwayelekile ayeyiphila neminyaka engamashumi amathathu nantathu nesigamu ayiphila emhlabeni kakhulu kwakungenxa yokuqedela umsebenzi wokubethelwa, kwakungokokumnika amandla, kumenze akwazi ukwenza umsebenzi Wakhe, ngenxa yalokho uNkulunkulu wamethemba ngomsebenzi wokubethelwa.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emsebenzini weNkathi Yomusa, uJesu wayenguNkulunkulu owayesindisa umuntu. Lokho ayenakho nayeyikho kwakuwumusa, uthando, ububele, isineke, ukubekezela, ukuthobeka, ukunakekela kanye nokubekezelelana futhi okuningi komsebenzi awenza kwakuwukukhululwa komuntu. Mayelana nesimo Sakhe, kwakungesobubele nothando, futhi ngenxa yokuthi wayenobubele nothando, kwadingeka ukuba abethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu, akhombise ukuthi uNkulunkulu wathanda umuntu njengoba ayezithanda Yena, kangangokuthi waze wazinikela Yena uqobo Lwakhe lonke. USathane wathi, “Ngenxa yokuthi uthanda umuntu, kufanele umthande uze ufike ezingeni lokugcina: Kufanele-ke uzinikele kuze kube sesiphambanweni.” UJesu waphendula, “Uma nje kungenxa yesintu, ngizimisele ukubeka phansi konke okwami.” Wayeseya esiphambanweni ngaphandle kokuzicabanga, wayesehlenga sonke isintu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu, okusho ukuthi uNkulunkulu wayenguNkulunkulu owasindisa umuntu, nokuthi ngalokho wayenguNkulunkulu onobubele futhi onothando. UNkulunkulu wayenomuntu. Uthando Lwakhe, ububele Bakhe, nensindiso Yakhe konke kwakuhambisana nawo wonke umuntu. Kwakungokwamukela igama leNkosi uJesu nobukhona Bakhe kuphela lapho umuntu wayengathola khona ukuthula nenjabulo, amukele isibusiso Sakhe kanye nomusa Wakhe omkhulu, kanye nensindiso Yakhe. Ngokubethelwa kukaJesu, bonke labo abamlandela bathola insindiso futhi baxolelwa izono zabo. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Ngamanye amazwi umsebenzi wangeNkathi Yomusa, umsebenzi wawenziwa egameni likaJesu kakhulu. NgeNkathi Yomusa, igama likaNkulunkulu kwakunguJesu. Wenza isigaba somsebenzi omusha ngemva kweTestamente Elidala futhi umsebenzi Wakhe waphetha ngokubethelwa. Lokhu kwakuwumsebenzi wakhe wonke.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi nomsebenzi kaJesu ngaleso sikhathi ayengabambelelanga ezimfundisweni, futhi akenzanga umsebenzi Wakhe ngokomthetho weTestamente Elidala. Bekuya ngomsebenzi obufanele ukwenziwa eNkathini Yomusa. Usebenze ngokomsebenzi awubekile, ngokohlelo Lwakhe, nangokwenkonzo Yakhe; akasebenzanga ngokomthetho weTestamente Elidala. Ayikho into ayenza eyayihambelana nomthetho weTestamente Elidala futhi akezanga emsebenzini wokugcwalisa amazwi abaprofethi. Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu wawungenzelwanga ukugcwalisa izibikezelo zabaprofethi basendulo futhi akezanga ukuzohlala emfundisweni noma ukubona izibikezelo zabaprofethi basendulo ngenhloso. Kodwa izenzo Zakhe azithikamezanga izibikezelo zabaprofethi basendulo, noma zithikazise umsebenzi awenza ngaphambilini. Iphuzu elisemqoka emsebenzini Wakhe bekuwukungalandeli nanoma iyiphi imfundiso, nokwenza umsebenzi lowo Yena Ngokwakhe obekufanele ukuthi awenze. Ubengesiye umprofethi noma isanusi kodwa umenzi owayezele ukwenza umsebenzi owayefanele ukuwenza, ezele nokuzovula inkathi Yakhe entsha enze nomsebenzi Wakhe omusha.

kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kwakungaba nenkathi entsha kuphela lapho uJesu efika ezokwenza umsebenzi omusha, ukuqala inkathi entsha, ukwedlula umsebenzi owawukade wenziwe kwa-Israyeli, kanye nokwenza umsebenzi Wakhe ngokungahambisani nomsebenzi owenziwa nguJehova kwa-Israyeli noma nemithetho Yakhe emidala, noma ngokuhambisana nayiphi imithetho, kodwa ukwenza umsebenzi omusha okwakufanele awenze. UNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzovula inkathi futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe uza ukuzoqeda inkathi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi wokuqala inkathi nokuphetha inkathi. Ukuba uJesu akazange afikise umsebenzi kaJehova ekupheleni, lokho-ke kwakuyoba ubufakazi bokuthi wayengumuntu nje futhi engakwazi ukumela uNkulunkulu. Ngenxa kanye yokuthi uJesu weza waphetha umsebenzi kaJehova, walandela emsebenzini kaJehova ngokuqala umsebenzi Wakhe, umsebenzi omusha, kubonisa ukuthi lokhu kwakuyinkathi entsha nokuthi uJesu wayenguNkulunkulu uqobo.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu. Yingakho uNkulunkulu ethi, “Nakuba ukuba kwaba umuntu kwangizwisa ubuhlungu ngaze ngafa, lokho kwakungeyona yonke inhloso yokuba Kwami umuntu. UJesu iNdodana Yami engiyithandayo futhi waphanyekwa esiphambanweni ngenxa Yami, kodwa akawuqedanga wonke umsebenzi Wami. Wenza ingxenye yawo.” Ngakho uNkulunkulu waqala isiwombe sesibili secebo lokuqhubeka nomsebenzi wakhe enyameni. Ekugcineni, uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa nokuzuza wonke umuntu amsindise ezandleni zikaSathane….

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

(3) Injongo nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu Enkathini Yombuso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni wabantu, weza neNkathi Yomusa waqeda iNkathi Yomthetho. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wabuye waba yinyama, wathi ukuba abe yinyama ngalesi sikhathi, waqeda iNkathi Yomusa waletha iNkathi Yombuso. Bonke labo abemukela ukuba senyameni kwesibili kukaNkulunkulu bazongena eNkathini Yombuso, bakwazi ukuvuma ngokwabo ukuholwa nguNkulunkulu. Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile. UNkulunkulu uletha bonke asebengene embusweni Wakhe, okusho ukuthi, bonke labo abethembeke Kuye kwaze kwaba sekugcineni, enkathini kaNkulunkulu uqobo. Nokho, ngaphambi kokufika kwenkathi kaNkulunkulu uqobo, umsebenzi uNkulunkulu ayowenza akusikho ukubheka izenzo zomuntu noma ukuphenya ngempilo yomuntu, kodwa ukwehlulela ukuhlubuka kwakhe, ngoba uNkulunkulu uyohlanza labo abeza phambi kwesihlalo Sakhe sobukhosi. Bonke labo abalandele ezinyathelweni zikaNkulunkulu kuze kube yilolu suku yibo abeze phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu, futhi njengoba kunjalo, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina bayilabo abazocwengisiswa uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, wonke umuntu owamukela umsebenzi kaNkulunkulu esigabeni sawo sokugcina uyokwahlulelwa uNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa. Eqinisweni, lesi sigaba singesokunqoba nokuba yisigaba sesibili sensindiso. Umuntu uzuzwa uNkulunkulu ngokwahlulela nokusolwa izwi; ngokusebenzisa izwi lapho kucwengisiswa, kwahlulelwa nokudalulwa kwazo zonke izinto ezingcolile, imibono, izinhloso kanye nalokho umuntu akufisayo kuyadalulwa ngokuphelele.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini. Ushintsho lwenzeka esimweni somuntu ngemisebenzi eyehlukene kaNkulunkulu; ngaphandle kwalolu shintsho esimweni somuntu, abantu ngeke bakwazi ukuba ngofakazi baNkulunkulu, futhi ngeke bayifune inhliziyo kaNkulunkulu. Ushintsho esimweni somuntu lukhombisa ukuthi abantu bazikhululile emaketangeni kaSathane, bazikhululile ekuthonyweni ngubumnyama, sebebe umfanekiso womsebenzi kaNkulunkulu, sebebe ngofakazi bakaNkulunkulu futhi bangabantu abafuna inhliziyo kaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu osesimweni somuntu uze ukuzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni, futhi udinga ukuba abantu bamazi, bamlalele, babe ofakazi Bakhe—bazi umsebenzi Wakhe awenzayo nojwayelekile, balalele wonke amazwi Akhe nomsebenzi ongahambisani nemibono yomuntu, futhi babe ofakazi kuwo wonke umsebenzi Wakhe wokusindisa abantu, nakho konke akwenzayo ukuze anqobe umutu. Labo abangofakazi baNkulunkulu kumele bamazi uNkulunkulu; yilolu hlobo kuphela lobufakazi obuqondile, nobuyiqiniso, futhi yilolu hlobo kuphela lobufakazi obungahlazisa uSathane. UNkulunkulu usebenzisa labo abamaze ngokwahlulelwa nokusolwa Nguye, wabasebenza futhi wabathena, ukuthi babe ngofakazi Bakhe. Usebenzisa labo abakhohlakaliswe nguSathane ukuba bafakaze Ngaye, futhi uphinde asebenzise labo abanesimo esiguqukile, nalabo abazuze izibusiso Zakhe, ukuba bafakaze Ngaye. Akadingi ukuba abantu bamdumise ngamazwi kuphela, futhi akadingi ukudunyiswa nobufakazi benzalo kaSathane, abangasindiswanga Nguye. Yilabo abazi uNkulunkulu kuphela abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, nalabo isimo sabo esiguqukile abafanelekile ukufakaza ngoNkulunkulu, futhi uNkulunkulu angeke avume ukuthi abantu bahlambalaze igama Lakhe ngamabomu.

kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni” ;uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa. Lokhu kuwumqondo wangempela wokusebenzisa izwi ukuthi lisebenze ngeNkathi Yezwi. Ngezwi, umuntu ufinyelela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu, isimo siNkulunkulu, ingqikithi yomuntu nalokho umuntu afanele ukungena kukhona. Ngezwi, yonke imisebenzi uNkulunkulu afisa ukuyenza ngeNkathi Yezwi iyafezeka. Ngezwi, umuntu uyembulwa, uyasuswa abuye alingwe. Umuntu ulibonile izwi, walizwa, wabona nokuba khona kwezwi. Ngenxa yalokho, umuntu uyakholwa wubukhona bukaNkulunkulu; umuntu ukholwa ukuba namandla onke nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nasenhliziyweni yothando lukaNkulunkulu kumuntu nesifiso Sakhe sokusindisa umuntu. Yize igama elithi “izwi” lisobala futhi livamile, izwi elivela emlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama linyakazisa lonke izulu nomhlaba; izwi Lakhe liguqula inhliziyo yomuntu, imicabango nesimo sakhe esidala nokubukeka kwakudala komhlaba wonke. Kuyo yonke iminyaka, nguNkulunkulu wanamuhla kuphela osebenza ngale ndlela, futhi NguYe kuphela okhuluma futhi asindise umuntu ngale ndlela. Emva kwalokho, umuntu uhlala ngaphansi kokuqondiswa yizwi, eluswa futhi ehlinzekwa yizwi; bahlala emhlabeni wezwi, baphila phakathi kweziqalekiso nezibusiso zezwi likaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho bahlala phansi kokwahlulela nokusola kwezwi. La mazwi nalo msebenzi kwenzelwe nje insindiso yomuntu, ukufezwa kwentando kaNkulunkulu, nokuguqula isimo semvelo somhlaba wendalo endala. UNkulunkulu wadala umhlaba ngezwi, uhola abantu emhlabeni wonke ngalo izwi, uyanqoba abuye abasindise ngezwi. Ekugcineni, uzosebenzisa izwi ukuqeda wonke umhlaba omdala. Kungaleso sikhathi-ke lapho uhlelo lokuphatha lizophelela khona. Kuyo yonke INkathi Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukwenza umsebenzi Wakhe nokuthola imiphumela Yomsebenzi Wakhe; akenzi imimangaliso noma enze imilingo; wenza nje umsebenzi Wakhe ngezwi.

kwesithi “INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla, uNkulunkulu usebe yinyama ukuze aqedele umsebenzi “weZwi elivela lisenyameni,” ukusebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu, nokwenza umuntu amukele ukusebenza kwezwi kanye nokucwengwa kwezwi. Emazwini Akhe unenza nikwazi ukuhlinzekwa nizuze nokuphila; emazwini Akhe, nibona imisebenzi nezenzo Zakhe. UNkulunkulu usebenzisa izwi ukunisola nokunicwenga, ngakho-ke uma nibhekene nobunzima, kungenxa yezwi likaNkulunkulu. Namuhla, uNkulunkulu akawasebenzisi amaqiniso, kodwa amazwi. Kungemva kokuba izwi Lakhe lifikile kuwe lapho uMoya oNgcwele ungasebenza kuwe ukwenze uzwe ubuhlungu noma ubumnandi. Yizwi likaNkulunkulu kuphela elingakuletha eqinisweni, futhi yizwi likaNkulunkulu kuphela elikwazi ukukwenza upheleliswe. Ngakho-ke, okungenani kumele uqonde ukuthi umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngezinsuku zokugcina ikakhulu ngukusebenzisa izwi Lakhe ukuphelelisa wonke umuntu nokuqondisa umuntu. Wonke umsebenzi awenzayo uwenza ngezwi; akasebenzisi amaqiniso ukukusola. … Ngalokho-ke, ngezinsuku zokugcina, uma uNkulunkulu eba yinyama wasebenzisa izwi kakhulu ukukwenza konke nokukwenza kucace. Kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi uyini Yena; kusemazwini Akhe kuphela lapho ungabona khona ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngesikhathi uNkulunkulu osesimweni somuntu eza emhlabeni, akenzi omunye umsebenzi ngaphandle kokukhuluma amazwi—ngakho-ke asikho isidingo samaqiniso; amazwi anele. Lokhu kungenxa yokuthi uzele ikakhulu ukuzokwenza lo msebenzi, ukuvumela abantu babone amandla Akhe nobukhulu bamazwi Akhe, ukuvumela abantu babone emazwini Akhe ukuthi uzifihla kanjani ngokuthobeka, nokuvumela abantu bazi ukuphelela Kwakhe emazwini Akhe. Konke lokhu anakho nayikho kusemazwini Akhe, ubuhlakani nokumangalisa Kwakhe kusemazwini Akhe. Kulokhu wenziwa ukuthi ukwazi ukubona izindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo amazwi Akhe. … Namuhla, uNkulunkulu wenyama wangempela uqobo Lwakhe uyakhuluma kuphela, akenzi. Leli yiqiniso! Usebenzisa amazwi ukuze akuphelelise, asebenzise amazwi ukukondla nokukuphuzisa. Uphinde asebenzise amazwi ukusebenza, futhi usebenzisa amazwi endaweni yamaqiniso ukwenza wena wazi iqiniso. Uma ukwazi ukubona lezi zinto zomsebenzi kaNkulunkulu, kusho ukuthi kunzima ukungenzi lutho.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wezinsuku zokugcina usebenzisa izwi ukuphelelisa umuntu. Akasebenzisi izimpawu nezimangaliso ukucindezela abantu, noma ukubathonya; lokhu ngeke kucacise amandla kaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ekhombisa izizimpawu nezimangaliso kuphela, kusho ukuthi kuzoba nzima ukucacisa iqiniso likaNkulunkulu, ngakho-ke kube nzima ukuphelelisa umuntu. UNkulunkulu akamphelelisi ngezimpawu nangezimangaliso umuntu, kodwa usebenzisa izwi ukunisela nokwelusa umuntu, ngemva kwalokho abantu bakwazi ukulalela nokwazi uNkulunkulu. Lena yinhloso yomsebenzi awenzayo namazwi awakhulumayo. UNkulunkulu akasebenzisi indlela yokukhombisa izimpawu nezimangaliso ukuphelelisa umuntu—usebenzisa amazwi, futhi usebenzisa izindlela eziningi ezehlukene zokusebenza ukuphelelisa umuntu. Noma ngabe ukucwengwa, ukusebenzelana, ukuthenwa, noma ukunikezwa amazwi, uNkulunkulu ukhuluma ngezindlela eziningi ukuze aphelelise umuntu, futhi anike umuntu ulwazi olukhulu ngomsebenzi, ubuhlakani nokumangalisa kukaNkulunkulu.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kulesi sigaba sokugcina somsebenzi, imiphumela itholakala ngezwi. Ngezwi, umuntu uyakwazi ukuqonda izimfihlakalo eziningi nomsebenzi kaNkulunkulu kuzo zonke izizukulwane ezedlule; ngezwi umuntu ukhanyiselwa nguMoya oNgcwele; ngezwi umuntu uqonda izimfihlakalo ezingakaze ngaphambili zisombululwe yizizukulwane zakudala kanye nomsebenzi wabaphrofethi nabaphostoli basendulo kanye nezimiso ababesebenza ngazo; ngezwi umuntu ubuye aqonde isimo sikaNkulunkulu uqobo, kanye nokuvukela nokuphikisa komuntu futhi akwazi ukuziqonda ingqikithi yakhe. Ngazo zonke lezi zigaba zomsebenzi nawo wonke amazwi akhulunyiwe, umuntu useyawazi umsebenzi woMoya, umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi ngaphezu kwalokho, sonke isimo sikaNkulunkulu. Ulwazi lwenu lomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha kukaNkulunkulu weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha lwatholakala ngezwi. Ingabe akulona ulwazi lwakho lwemicabango yakho yangaphambili kanye nokuphumelela ukuyiyeka okwatholakala ngezwi?

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kungaveza ubudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nabantu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.

kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uzopheleliswa ngeNkathi Yombuso. Emuva komsebenzi wokunqoba, umuntu uyobhekana nokucwengwa kanye nokuhlupheka. Labo abanganqoba nabangaba ofakazi ngesikhathi sokuhlupheka yibo abagcina sebepheleliswa; baba ngabanqobi. Ngesikhathi senhlupheko, abantu kudingeka ukuthi bamukele ukucwengwa, futhi lokhu kucwengwa kungumsebenzi wokugcina kaNkulunkulu. Kungokokugcina lapho umuntu eyocwengwa ngaphambi kokuphethwa komsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu, futhi bonke labo abalandela uNkulunkulu kumele bamukele ukuvivinywa kokugcina, kumele bamukele ukucwengwa kokugcina.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lesi sigaba somsebenzi sizokwakha iqembu labanqobi, futhi emuva kokwenza leli qembu labanqobi, bazokwazi ukufakazela izenzo Zakhe, lizokwazi ukuphila iqiniso, futhi liMenelise ngempela futhi lithembeke kuYena kuze kube sekufeni, futhi ngaleyondlela uNkulunkulu uyodunyiswa.

kwesithi “Inkulumo Emfishane Mayelana 'Nombuso Weminyaka Eyinkulungwane Osufikile’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isigaba ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu sijula ngaphezu kwesokugcina, futhi esigabeni ngasinye okudingeka kumuntu kukhulu kakhulu kunokokugcina, futhi ngale ndlela, ukuphatha kukaNkulunkulu kukonke kuya ngokuya kuhlangana. Isizathu salokhu ukuthi okudingeka kumuntu kuphakeme kakhulu kunesimo somuntu futhi kusondelene nezilinganiso zikaNkulunkulu, futhi yilapho lapho isintu sonke siya ngokuya sisuka ethonyeni likaSathane kuze kube wukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu ufinyelela ekupheleni nya, isintu sisonke sizobe sisindile ethonyeni likaSathane. Uma sekufika leso sikhathi, umsebenzi kaNkulunkulu uyobe usufinyelele ekupheleni, futhi ukusebenzisana komuntu noNkulunkulu ukuze afinyelele ekuguqukeni kwesimo sakhe kuyobe kungasekho, futhi isintu sonke siyophila ekukhanyeni kukaNkulunkulu, futhi kusukela lapho, ngeke kusaba khona ukuhlubuka kuNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, ngeke baphinde bayibone inhlamvu yelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile. Ngakho, isimo esinje sigcwaliswe ukubaluleka kwenkathi kanye nokwembulwa nokukhonjiswa kwesimo Sakhe kuvezwa ngenxa yomsebenzi waleyo naleyo nkathi entsha. Akuyikho ukuthi uNkulunkulu uveza isimo Sakhe ngaphandle kwesizathu futhi ngaphandle kokubaluleka.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, abantu bakuzo zonke izizwe kuyo yonke indawo bayowubona umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ungazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kuwe; indlela oyikhethayo iyoba yisinqumo sakho. Okumele ukuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa—isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili Nesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila ngayo ekuphumuleni ngokuthula.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engabasindisi abantu abonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu: ukubhubhisa ngokuphelele abantu abangamlaleli; nokuletha ekuphumuleni labo abenziwe baphelela.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva kokupheleliswa kwamazwi Ami, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu.

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi 

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana