Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/22

5. Yini umehluko obalulekile phakathi kukaNkulunkulu esimweni somuntu kanye nalabo bantu abasetshenziswa uNkulunkulu?


Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

Mina impela nginibhapathiza ngamanzi kube ngukuphenduka. kepha lowo oza emva kwami unamandla kunami engingafanele ukuthwala izicathulo zakhe: yena uzonibhapathiza ngoMoya oNgcwele, nangomlilo” (Math 3:11).


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe yisimo sobuntu noma sobunkulunkulu, kokubili kuthobela intando kaBaba Osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. …

… Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezinto ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane.


kwesithi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngoba Ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abasemizimbeni yabantu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kokuba ngabantu, lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobuNkulunkulu.

kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ubunkulunkulu bukaKristu bungaphezulu kwabo bonke abantu, ngakho-ke unegunya phezu kwezidalwa zonke. Leli gunya lingubunkulunkulu Bakhe, isimo nobuyena bukaNkulunkulu uqobo, okusho ubuyena.


kwesithi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi umsulwa, unguqobo olukhona, inyama Yakhe ivela kuMoya. Lokhu kunjalo impela, akungabazeki. Ukungagcini ngokufakaza ngoNkulunkulu uqobo, kodwa ukwazi ukwenza intando kaNkulunkulu ngokuphelele: lolu wuhlangothi olulodwa lwengqikithi kaNkulunkulu. Ukuthi inyama ivela eMoyeni onesiqu kusho ukuthi inyama uMoya ozembesa ngayo yehlukile impela enyameni yomuntu, nokuthi lo mehluko usemoyeni wabo.


kwesithi “Ukuhunyushwa Kwezwi Lesishiyagalolunye” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umzimba owembethwe uMoya kaNkulunkulu umzimba kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unguSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, umzimba Wakhe nawo uphakeme, uSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Umzimba onjalo kuphela okwazi ukwenza okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla, futhi awukwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma izimiso zokulunga nobulungisa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela nomzimba Wakhe awonakaliswa uSathane; umzimba Wakhe unobuntu obehlukile kunomzimba womuntu. Ngoba umuntu, hhayi uNkulunkulu, owonaliswa uSathane; uSathane ngeke akwazi ukonakalisa umzimba kaNkulunkulu. Ngakho, nakuba umuntu kanye noKristu bahlala endaweni efanayo, umuntu kuphela olawulwayo, asetshenziswe, futhi abanjwe uSathane. Ngokuphambene, uKristu ongangenwa naphakade ukonakala kukaSathane, ngoba uSathane angeke aze akwazi ukukhuphukela endaweni yophezu konke, futhi ngeke aze akwazi ukusondela kuNkulunkulu. Namuhla, kufanele nonke niqonde ukuthi yisintu kuphela, esiye sonakaliswa uSathane, esingikhaphelayo, nokuthi le nkinga izohlala njalo ingahlobene noKristu.


kwesithi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngoba abantu, emva kwakho konke, bangabantu, futhi bangakwazi ukubheka izinto zonke kuphela ngasohlangothini nokuphakama komuntu. Nokho, uNkulunkulu osemzimbeni uhluke kakhulu kunomuntu okhohlakele. Noma ngabe ujwayeleke kangakanani, noma uvame kangakanani, noma uphansi kangakanani uNkulunkulu osemzimbeni, ngisho noma bambukela phansi kangakanani abantu, imicabango Yakhe, nesimo sengqondo Yakhe ngesintu, kuyizinto umuntu angeke aze abe nazo, futhi akekho umuntu ongakulingisa. Uyohlala njalo ebheka isintu ngobukhona kanye nomqondo kaNkulunkulu, Akasoze abona umuntu ngokubuka kwezinga lomuntu ojwayelekile nje, futhi nange ndlela yomuntu okhohlakele. Uma abantu bebheka isintu, babuka ngokubona kwabantu, futhi basebenzisa izinto ezifana nolwazi lwabantu kanye nemigomo yabantu kanye nabakufundile njengesilinganiso. Lokhu kungaphakathi kwesilinganiso salokho abantu abangakubona ngamehlo abo; kungaphakathi kwesilinganiso esingafezwa umuntu okhohlakeleyo. Uma uNkulunkulu ebheka isintu, ubuka ngokubona kobunkulunkulu, futhi Usebenzisa ubunjalo Bakhe kanye nalokhu Anakho Nayikho njengesikalo. Lesi silinganiso simbandakanya izinto ezingabonwa ngabantu, yilapho uNkulunkulu osemzimbeni kanye nabantu abakhohlakele bephambana kakhulu. Lo mehluko wenziwa ubunjalo babantu nobunjalo bukaNkulunkulu, yilobu bunjalo obenza ukubona kwabo nokuma kwabo kanye nangendlela nokuphakama ababona ngakho izinto.


kwesithi: “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Loyo osebenza ngobuNkulunkulu umele uNkulunkulu, kube labo abasebenza ngokomuntu bangabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu ongumuntu wehlukile kunabantu abasetshenziswa uNkulunkulu. UNkulunkulu ongumuntu angenza umsebenzi wobuNkulunkulu kodwa abantu abasetshenziswa uNkulunkulu abakwazi. Ekuqaleni kwesikhathi ngasinye, uMoya kaNkulunkulu ngokwawo wethula isikhathi esisha futhi udlulisele umuntu esiqalweni esisha. Uma Eqeda ukukhuluma Kwakhe, kuveza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu kubuNkulunkulu uyenziwa. Ngakho, bonke abantu balandela indlela yalabo abasetshenziswa uNkulunkulu ukuze bangene ezimweni zokuphila.


kwesithi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi esesimweni somuntu onomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu.


kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Selokhu kwathi nhlo, abantu abasetshenziswa uNkulunkulu bacabanga futhi baqonda ngendlela ejwayelekile. Bonke bayazi ukuthi baziphathe kanjani futhi babhekane kanjani nokuphila. Banemicabango yabantu abajwayelekile futhi banakho konke abantu abajwayelekile okumele babe nakho. Iningi labo linamathalente amangalisayo kanye nobuhlakani bokuzalwa. Ngokusebenzisa laba bantu, uMoya kaNkulunkulu ubonakaliswa ngamathalente abo, okuyizipho abaziphiwe uNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu osebenzisa amathalente abo, ngokusebenzisa amandla abo ukusebenzela uNkulunkulu. Nokho, umongo kaNkulunkulu awufunzwanga mbono nomcabango. Awubandakanyi imibono yabantu noma ukusilela abantu abavame ukuba nakho. Kusho ukuthi, uNkulunkulu akayiqondi imigomo yendlela yokuziphatha kwabantu. Kunjalo uma uNkulunkulu wanamuhla eza emhlabeni. Usebenza futhi ukhuluma ngaphandle kokuhlanganisa imibono yabantu noma imicabango yabantu, kodwa ngokuqondile udalula incazelo yokuqala kaMoya futhi usebenzela uNkulunkulu ngokuqondile. Lokhu kusho ukuthi uMoya ufikela ukusebenza, okungafaki ngisho umbono owodwa womuntu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu ongumuntu uqukethe ubuNkulunkulu ngokuqondile, abunawo umcabango nokuqonda komuntu futhi akaqondi indlela yokuziphatha yomuntu. Ukuba bekukhona umsebenzi wobuNkulunkulu kuphela (okusho ukuthi ukuba bekunguNkulunkulu Uqobo owenza umsebenzi), umsebenzi kaNkulunkulu bewungeke wenzeke emhlabeni. Ngakho uma uNkulunkulu eza emhlabeni, unabantu abambalwa Abasebenzisayo ukuze enze umsebenzi engumuntu ngokuhlanganisa nomsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu. Ngamanye amazwi, Usebenzisa umsebenzi womuntu ukwesekela umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu. Kungenjalo, umuntu ubengeke akwazi ukuqondana ngqo nomsebenzi wobuNkulunkulu.


kwesithi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wabantu abasetshenziswayo usewumsebenzi kaMoya oNgcwele. Wukuthi nje umsebenzi kaNkulunkulu uyisibonakaliso esigcwele sikaMoya oNgcwele, futhi awukho umehluko, kube umsebenzi wabantu usetshenziselwa ukuxutshaniswa nezinto zabantu eziningi, futhi akusikho ukubonakaliswa kukaMoya oNgcwele okuqondile, ngingasakubali ukubonakaliswa ngokugcwele. … Uma umsebenzi kaMoya oNgcwele usetshenziswa kubantu, iziphiwo zabo kanye namandla abo kuvela obala futhi akunakubuyiselwa emuva. Amandla abo eqiniso avezwa obala ukuze enze umsebenzi. Kungathiwa usebenza ngokusebenzisa izingxenye ezikhona kubantu ukuze akwazi ukufinyelela emiphumeleni yokusebenza. Ngokuphambene, umsebenzi owenziwa enyameni esesimweni somuntu ngowokuveza umsebenzi kaMoya ngokuqondile futhi uhlanganiswa nomqondo kanye nemicabango yomuntu, iziphiwo zomuntu okungefinyelele ke kuzo, lokho umuntu ake abhekana nakho noma isimo somuntu sangaphakathi.


kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Kanye Nomsebenzi Womuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

 Akekho umuntu ophila enyameni ongakwazi ukumela uNkulunkulu ngokuqondile ngaphandle kokuba abe umuntu osetshenziswa uMoya ONgcwele. Nokho, nomuntu onje, isimo sakhe kanye nalokho akuphilayo kungethiwe kumele uNkulunkulu ngokugcwele; umuntu angathi nje akuphilayo kuqondiswa uMoya oNgcwele. Isimo salowo muntu ngeke sikwazi ukumela uNkulunkulu.

…………

… Umuntu ungumfuziselo kaSathane, ngakho isimo somuntu asimeli isimo sikaNkulunkulu. Abanye abantu banesimilo esihle; UNkulunkulu angenza umsebenzi othile omuhle ngesimilo salaba bantu futhi umsebenzi abawenzayo ulawulwa nguMoya oNgcwele, kodwa isimo sabo asikwazi ukumela uNkulunkulu. Umsebenzi uNkulunkulu awenza kubo ungukusebenza nokukhulisa lokho osekuvele kukhona phakathi kubo. Noma ngabe abaphrofethi bakudala noma amadoda asetshenziswa uNkulunkulu, akekho ongamela uNkulunkulu ngqo. … noma yimuphi umuntu onemvelo yesono akakwazi ukumela uNkulunkulu, nokuthi isono somuntu simele uSathane. Okusho ukuthi isono asimeli uNkulunkulu nokuthi uNkulunkulu akanasono. Ngisho umsebenzi owenziwe kumuntu nguMoya oNgcwele ungabukwa kuphela ngokuthi ulawulwe nguMoya oNgcwele futhi ngeke kuthiwe wenziwe ngumuntu egameni likaNkulunkulu. Kodwa, okomuntu nje ukuthi isono sakhe nesimo sakhe kokubili akumeli uNkulunkulu.


kwesithi “Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana