Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/21

4. Kungani uNkulunkulu engasebenzisi umuntu ukuba enze umsebenzi wokwahlulela ezinsukwini zokugcina kodwa esikhundleni salokho kufanele athathe isimo somuntu bese ekwenza Yena?


Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ubaba akahluleli muntu, kodwa unikeze konke ukwahlulela eNdodaneni yomuntu.” (Johane 5:22)
“Futhi umnikeze amandla nawokwahlulela, ngoba uyindodana yomuntu.”(Johane 5:27)
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi walo lonke uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, wenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Isigaba sokuqala—ukudalwa komhlaba—kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi ukuba bekungenziwanga, bekungekho omunye owayengakwazi ukudala isintu; isigaba sesibili kwaba ukuhlengwa kwesintu sonke, nakho kwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe; isigaba sesithathu nakanjani: Kunesidingo esikhulu nakakhulu sokuba isiphetho sawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu senziwe nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe mathupha. Umsebenzi wokuhlenga, wokunqoba, wokuzuza kanye nokuphelelisa isintu sisonkana wonke wenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Uma ubengawenzanga lo msebenzi mathupha, ubunjalo Bakhe bebungeke bumelwe ngumuntu, noma umsebenzi wakhe wenziwe ngumuntu. Ukuze ehlule uSathane, ukuze azuze isintu, futhi ukuze anike umuntu impilo ejwayelekile emhlabeni, uhola umuntu mathupha futhi asebenze phakathi kwabantu mathupha; ngenxa yohlelo lwakhe lokuphatha lulonke, futhi ngenxa yomsebenzi wakhe wonke, kufanele awenze yena mathupha lomsebenzi. Uma umuntu ekholwa kuphela ukuthi uNkulunkulu weza ukubonwa nguye nokumjabulisa, izinkolelo ezinjalo azibalulekile, azisho lutho. Ulwazi lomuntu lukha phezulu kakhulu! Yingokuwenza Yena Uqobo Lwakhe kuphela indlela uNkulunkulu abengawenza lomsebenzi ngesineke nangokuphelele. Umuntu akakwazi ukuwenzela uNkulunkulu. Njengoba engenakho ubunjalo bukaNkulunkulu, noma ubukhona bakhe, akakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi noma ngabe umuntu ubewenza, bewungeke ube namphumela. Okokuqala uNkulunkulu ethatha isimo somuntu, kwakungenxa yokuhlenga, ukuhlenga sonke isintu esonweni, ukwenza umuntu akwazi ukuba ahlanzeka nokuthethelelwa izono zakhe. Umsebenzi wokunqoba nawo wenziwa nguNkulunkulu mathupha phakathi kwabantu. Uma, kule sigaba, uNkulunkulu ubekhuluma iziphrofetho kuphela, umphrofethi noma umuntu onesiphiwo ubengatholakala ukuthatha indawo yakhe; uma isiphrofetho kuphela ebesikhulunywa, umuntu ubengamela uNkulunkulu. Kepha uma umuntu ubengenza mathupha umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukuba ubengasebenza impilo yomuntu, ubengeke akwazi neze ukuwenza lo msebenzi. Kumele wenziwe mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe: uNkulunkulu kufanele athathe isimo somuntu ukwenza lo msebenzi. ENkathini yezwi, uma isiphrofetho kuphela besikhulunywa, umphrofethi u-Isaya noma u-Elija ubengatholakala ukuwenza lo msebenzi, futhi besingeke sibe khona isidingo sokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe awenze Yena mathupha. ENkathini Yomthetho uJehova Wenza ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, emuva kwalokho wakhuluma amazwi athile futhi wenza umsebenzi othile ngabaprofethi. Yingoba umuntu ubengawenza umsebenzi kaJehova, futhi iziboni zazikwazi ukubikezela izinto nokuhumusha amaphupho, zenzela Yena. Umsebenzi owenziwa ekuqaleni kwakungewona umsebenzi wokushintsha isimo somuntu ngqo, kuthi wawungahlangene nesono somuntu, futhi umuntu wayefanele ukugcina umthetho kuphela. Ngakho uJehova akazange athathe isimo somuntu futhi aziveze yena Uqobo Lwakhe kumuntu; kunalokho Wakhuluma ngqo noMose nabanye, wabenza bakhuluma futhi basebenzela Yena, futhi wabenza ukuthi basebenze ngqo phakathi kwesintu. Isigaba sokuqala somsebenzi kaNkulunkulu kwabe kungukuhola umuntu. Kwabe kungukuqala kwempi noSathane, kodwa le mpi yayingakaqali ngokusemthethweni. Impi esemthethweni noSathane yaqala ngesikhathi uNkulunkulu ethatha isimo somuntu okokuqala, futhi isiqhubeke kwaze kwaba inamuhlanje. Isiwombe sokuqala sale mpi senzeka lapho uNkulunkulu othathe isimo somuntu ebethelwa esiphambanweni. Ukubethelwa kukaNkulunkulu othathe isimo somuntu kwehlula uSathane, kuthi kwabe kuyisigaba sokuqala sempi esinempulelo. Uma uNkulunkulu othathe isimo somuntu eqala ngqo ukusebenza impilo yomuntu, lena ukuqala okusemthethweni komsebenzi wokuzuza umuntu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokushintsha isimo somuntu esidala, ngumsebenzi wokulwa noSathane. Isigaba somsebenzi esenziwe nguJehova ekuqaleni kwakumane kungukuhola impilo yomuntu emhlabeni. Kwabe kungukuqala komsebenzi kaNkulunkulu, nakuba wawungakayifaki impi, noma umsebenzi onzima, kwaba isisekelo somsebenzi wempi owawuseza. Emuva kwalokho, isigaba sesibili somsebenzi ngeNkathi Yomusa sasiphathelene nokushintsha isimo somuntu esidala, okusho ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe wasebenza impilo yomuntu. Lokhu kwakudingeka kwenziwe nguNkulunkulu mathupha: kwakufuneka ukuthi uNkulunkulu mathupha athathe isimo somuntu, futhi uma ubengasithatha isimo somuntu, akekho ubengathatha indawo Yakhe kulesi sigaba somsebenzi, ngoba sasimele umsebenzi wokulwa ngqo noSathane. Uma umuntu ubenzele uNkulunkulu lo msebenzi, lapho umuntu esemile phambi kwaSathane, uSathane ubengeke athobe kuthi bekungenakwenzeka ukumehlula. Kwakudingeka kube uNkulunkulu othathe isimo somuntu owayezofika amehlule, ngoba ingqikithi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu, kusenguNkulunkulu, kuseWuye impilo yomuntu, futhi usenguMdali; noma kwenzekani, ubunjalo nengqikithi Yakhe ngeke ishintshe. Ngakho-ke, Wathatha isimo somuntu futhi wenza umsebenzi ukudala ukuzithoba okuphelele kukaSathane. Ngesikhathi sesigaba somsebenzi wasezinsukwini zokugcina, uma umuntu ubengenza lo msebenzi futhi uma ubengenziwa ukuthi akhulume amazwi ngqo, ubengeke akwazi ukuwakhuluma, futhi uma isiprofetho besishiwo, besingeke sikwazi ukunqoba umuntu. Ngokuthatha isimo somuntu, uNkulunkulu uyeza ukuzohlula uSathane nokudala ukuzithoba kwakhe okuphelele. Uyamehlula uSathane ngokuphelele, futhi uyamzuza umuntu ngokuphelele, emuva kwalokhu lesigaba somsebenzi sesiyophela futhi impumelelo izuzwe. Ekuphatheni kukaNkulunkulu, umuntu akakwazi ukummela uNkulunkulu. Esikakhulukazi, umsebenzi wokuhola inkathi kanye nokuqalisa umsebenzi omusha udinga kakhulu impela ukwenziwa mathupha nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ukunika abantu izambulo nokubahlinzeka ngesiphrofetho kungenziwa ngumuntu, kodwa uma kuwumsebenzi okufanele wenziwe mathupha nguNkulunkulu, umsebenzi wempi phakathi kwaNkulunkulu Uqobo Lwakhe kanye noSathane, ngakho lo msebenzi awukwazi ukwenziwa ngumuntu. Esigabeni sokuqala somsebenzi, lapho kwakungekho mpi noSathane, uJehova wahola abantu bakwa-Israyeli mathupha, esebenziza isiphrofetho esasikhulunywa ngaba phrofethi. Emuva kwalokho, isigaba sesibili somsebenzi kwabe kungukulwa noSathane, futhi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe wathatha isimo somuntu, weza esenyameni, ukwenza lo msebenzi. Nanoma yini ephathelene nempi noSathane, futhi iphathelene nokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu, okusho ukuthi lempi ngeke iliwe ngumuntu. Uma umuntu ubengalwa impi, ubengeke akwazi ukuhlula uSathane. Ubengaba kanjani namandla okulwa naye njengoba esengaphansi kwamandla akhe? Umuntu uphakathi nendawo: Uma uncika ngakuSathane, ungokaSathane, kodwa uma wenelisa uNkulunkulu ungokaNkulunkulu. Uma umuntu ebengamela uNkulunkulu emsebenzini wale mpi, ubengakwazi? Uma akwenza, akukhona yini ukuthi ngabe sewabhubha kudala? Ubengeke kube sewangena ezweni labafileyo kudala? Ngakho, umuntu akakwazi ukuthatha indawo kaNkulunkulu emsebenzini Wakhe, okusho ukuthi umuntu akanayo ingqikithi kaNkulunkulu, futhi uma ungalwa noSathane ubungeke ukwazi ukumehlula. Umuntu angenza umsebenzi othile kuphela; angabazuza abantu abathile, kodwa akakwazi ukumela uNkulunkulu emsebenzini kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Ubengalwa kanjani umuntu noSathane? USathane ubengakuthumba ngisho ngaphambi kokuthi uqale. UNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela ongalwa noSathane, futhi phezu kwale sisekelo umuntu Angalalela uNkulunkulu futhi Amlandele. Yingale ndlela kuphela umuntu angazuzwa uNkulunkulu futhi aphunyuke ezibophweni zikaSathane. Lokho umuntu angaphumelela ukukwenza ngokuhlakanipha, igunya, kanye namakhono akhe kunemigomo kakhulu; akakwazi ukwenza umuntu aphelele, ukumhola, futhi nakakhulu, ukumehlula uSathane. Ingqondo nokuhlakanipha komuntu akukwazi ukubhuntshisa amacebo kaSathane, ngakho umuntu ubengalwa kanjani ngako?


kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yingoba impela uSathane wonakalisile inyama yomuntu, nokuthi umuntu nguye uNkulunkulu ahlose ukumsindisa, yingakho uNkulunkulu kufanele athathe isimo senyama ukuze alwe noSathane nokuthi eluse umuntu yena ngokwakhe. Yilokhu kuphela okuwusizo emsebenzini wakhe. Imizimba yenyama emibili kaNkulunkulu ibe khona ukuze ehlule uSathane, futhi ibe khona ukuze asindise umuntu kangcono. Ingoba lowo olwa noSathane kungaba uNkulunkulu kuphela, noma nguMoya kaNkulunkulu noma uNkulunkulu ethathe isimo somzimba. Ngamafuphi, lowo olwa noSathane akukwazi ukuba kube izingelosi, kungasaphathwa umuntu, owonakaliswe nguSathane. Izingelosi azinamandla okukwenza, kanti umuntu akanamandla futhi nangaphezulu. Kanjalo, uma uNkulunkulu efuna ukusebenza impilo yomuntu, uma efisa ukuza yena mathupha emhlabeni ukusebenza umuntu, kufanele athathe isimo senyama mathupha, kanti nangobuyena bakhe bemvelo kanye nomsebenzi okufanele awenze, afike phakathi kwabantu futhi asindise umuntu mathupha. Uma kungenjalo, uma bekunguMoya kaNkulunkulu noma umuntu obenza lo msebenzi, le mpi beyizohluleka unomphela ukufeza umphumela wayo, futhi beyingeke ize iphele. Kuphela uma uNkulunkulu ethatha isimo senyama ukuyolwa noSathane mathupha phakathi kwabantu ilapho umuntu eyoba nethuba lokusindiswa. Ngaphezu kwalokho, yilapho kuphela uSathane ezothola ukujabhiswa, futhi asale engenamathuba angawasebenzisa noma amacebo angawenza. Umsebenzi waNkulunkulu onesimo sesintu ngeke ufezwe uMoya kaNkulunkulu, futhi nangaphezulu ngeke wenziwa umuntu wenyama ewenzela uNkulunkulu, ngoba umsebenzi awenzayo ngowempilo yomuntu. Uma umuntu ubengabamba iqhaza kule mpi, ubezobaleka esebuphixiphixini obudabukisayo kuphela, futhi ubengeke akwazi nempela ukushintsha isimo somuntu esonakele. Ubengeke akwazi ukusindisa umuntu esiphambanweni, noma ukunqoba sonke isintu esidlubulundayo, kodwa ubezokwazi ukwenza umsebenzana nje omncane ngomyalo, noma umsebenzi ongaphathelene nokuhlulwa kukaSathane. Ngakho-ke ingabe uzihluphelani? Kuyini ukubaluleka komsebenzi ongeke uzuze isintu, kungasaphathwa okokwehlula uSathane? Ngakho-ke, impi noSathane ingenziwa kuphela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi ngeke kumane kwenziwe umuntu. Umsebenzi womuntu ukulalela nokulandela, ngoba umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi wokuqala inkathi entsha, noma, ngaphezu kwalokho, enze umsebenzi wokwehlula uSathane. Umuntu angenelisa uMdali ngaphansi kokuholwa nguNkulunkulu uqobo lwakhe, ngalokho uSathane uyahlulwa; iyo kuphela into umuntu angayenza. Ngakho, njalo lapho impilo entsha iqala, okusho ukuthi, umsebenzi wenkathi entsha uqala, lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe mathupha, ngaleyo ndlela uhola inkathi yonkana, futhi uvula indlela entsha yesintu.


kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngoba lowo owahlulelwayo ngumuntu, umuntu wenyama owonakalisiwe, hhayi umoya kaSathane owahlulelwa ngokuqondile, umsebenzi wokwahlulela awenziwa ezweni likaMoya kodwa phakathi kwabantu. Akekho ofaneleka ukwedlula uNkulunkulu osesimweni somuntu ukwenza umsebenzi wokwahlulela inyama yomuntu ekhohlakele. … USathane anganqotshwa ngokuphelele kuphela uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ahlulela ukonakala kwesintu. Ngokufana nomuntu onobuntu obuvamile, uNkulunkulu osenyameni angehlulela ngokuqondile ukungalungi komuntu; lokhu kuwuphawu lobungcwele Bakhe bemvelo, nolokungajwayeleki Kwakhe. UNkulunkulu kuphela ofanelekayo, futhi osesikhundleni sokwahlulela umuntu, ngoba uneqiniso nokulunga, ngakho angakwazi ukwahlulela umuntu. Labo abangenalo iqiniso nokulunga abakufanele ukwahlulela abanye.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lezi zigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa uNkulunkulu ngomzimba Wakhe wenyama ngoba zibaluleke kakhulu emsebenzini kaNkulunkulu wokuphatha. Kungacishe kushiwo ukuthi, ngaphandle komsebenzi woNkulunkulu ababili abasamuntu, wonke umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ubuyoma nse futhi umsebenzi wokusindisa isintu uyoba izinkulumo nje ezingasho lutho. Ukubaluleka nokungabaluleki kwalo msebenzi kuncike ezidingweni zabantu, nokuthi sikhohlakele ngezinga elingakanani isintu, nesimo sokungalaleli kukaSathane nokuphazamisa kwaso umsebenzi. Lowo ofanele owulungele umsebenzi uphakanyiswe ngokwesimo somsebenzi wakhe, nokubaluleka komsebenzi. Uma kuziwa ekubalulekeni kwalo msebenzi, ekutheni iyiphi indlela okufanele isetshenziswe—umsebenzi owenziwa ngokuqondile uMoya noma owenziwa uNkulunkulu osesimweni somuntu, noma owenziwa umuntu—umsebenzi oyoqedwa kuqala owenziwa umuntu, futhi, ngenxa yohlobo lomsebenzi, kanye nomsebenzi kaMoya okanye nomsebenzi wenyama, ekugcineni kuyonqunywa ukuthi umsebenzi owenziwa inyama umzuzisa kangcono yini umuntu kunomsebenzi owenziwa uMoya, futhi unezinzuzo eziningi. Lona umcabango uNkulunkulu ngaleso sikhathi anquma ngawo ukuthi umsebenzi wenziwa uMoya noma inyama. Kunokubaluleka nezisekelo ezisesigabeni ngasinye somsebenzi. Aziyona nje imicabango engasekelwe ndawo, futhi azenziwa nje ngokungalandeli mgomo; kunokuhlakanipha okuthile kuzo. Linjalo iqiniso elisemva kwawo wonke umsebenzi kaNkulunkulu.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wokwahlulela ngokaNkulunkulu uqobo, ngakho ngokwemvelo wenziwa nguNkulunkulu uqobo; ungenziwe umuntu esikhundleni Sakhe. Ngoba ukwahlulela kungukunqoba isintu ngeqiniso, kungephikiswe ukuthi uNkulunkulu usavela njengesiqu esiyinyama ukuze enze lo msebenzi phakathi kwabantu. Okusho ukuthi, ezinsukwini zokugcina, uKristu uyosebenzisa iqiniso ukuze afundise abantu basemhlabeni futhi enze onke amaqiniso aziwe kubo. Lo ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ezinsukwni zokugcina, uKristu usebenzisa amaqiniso anhlobonhlobo ukuze afundise abantu, adalule ubunjalo bomuntu, futhi acubungule amazwi kanye nezenzo zakhe. Lawa mazwi aqukethe amaqiniso anhlobonhlobo, njengomsebenzi womuntu, indlela umuntu okumele alalele uNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele athembeke kuNkulunkulu ngayo, indlela umuntu okumele aphile ngayo ubuntu obujwayelekile, kanye nobuhlakani kanye nesimo sikaNkulunkulu, njalo njalo. Wonke la mazwi aqondiswe engqikithini yomuntu kanye nasesimweni sakhe esikhohlakele. Ikakhulukazi, lawo mazwi adalula ukuthi umuntu umala kanjani uNkulunkulu akhulunywa mayelana nokuthi ngakho okuphathelene nokuthi umuntu kungani umuntu eyisiqu sikaSathane futhi eyisitha sikaNkulunkulu. Ekwenzeni umsebenzi wakhe wokwahlulela, uNkulunkulu akenzi nje kucace imvelo yomuntu ngamazwana ambalwa; uyayembula, abhekane nayo, ayithene esikhathini eside. Lezi zindlela zokwambula, ukubhekana, kanye nokuthena azikwazi ukushintshaniswa namagama avamile kodwa ngeqiniso umuntu angenalo nhlobo. Yizindlela zalolu hlobo kuphela okuthiwa ngukwahlulela; kungokwahlulela kohlobo olunje lapho umuntu engathotshiswa khona futhi enziwe akholwe ngokuphelele ukuba athobele uNkulunkulu, bese, ngaphezu kwalokho ezuza ulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu. Okulethwa umsebenzi wokwahlulela ukuqonda komuntu ubuso bukaNkulunkulu beqiniso kanye neqiniso ngokuhlubuka kwakhe uqobo. Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu athole ukuqonda okuningi ngentando kaNkulunkulu, ngenjongo kaNkulunkulu, nezimfihlakalo ezingaqondakali kuye. Kuphinde kwenze umuntu abone futhi azi ubunjalo bakhe obukhohlakele kanye nomsuka wenkohlakalo yakhe, futhi aphinde akwazi ukubona ububi bomuntu. Le miphumela idalwa umsebenzi wokwahlulela, ngoba ingqikithi yalo msebenzi empeleni ingumsebenzi wokudalula iqiniso, indlela, kanye nempilo kaNkulunkulu kubo bonke abakholwa Kuye. Lo msebenzi ngumsebenzi wokwahlulela owenziwa nguNkulunkulu.


kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenxa yalokhu kwahlulelwa nikwazile ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele. Ngenxa yobungcwele nokulunga Kwakhe unahlulele futhi waletha ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angaveza isimo Sakhe sokulunga uma ebona ukuhlubuka kwesintu, nangenxa yokuthi angaveza ubungcwele Bakhe uma ebona ukungcola kwesintu, lokhu kwanele ukuveza ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongcwele nongenasici, kodwa futhi ohlala ezweni elingcolile. Ukube ubengumuntu ozingcolisa kanye nabanye futhi engenakho okumyizimpawu zobungcwele noma isimo sokulunga, ubengeke afaneleke ukwahlulela ukungalungi kwesintu noma ukwahlulela isintu. Ukuba umuntu ubengahlulela umuntu, bekungeke yini kufane nokuzishaya ngempama ebusweni? Angakwazi kanjani umuntu ukuba nelungelo lokwahlulela uhlobo lomuntu olufana naye, ongcole njengaye? Okunguye kuphela ongahlulela sonke isintu esingcolile uNkulunkulu ongcwele uqobo, futhi umuntu angakwazi kanjani ukwahlulela izono zomuntu? Umuntu angakwazi kanjani ukubona izono zomuntu futhi angakufanela kanjani ukulahla umuntu ngecala? Uma uNkulunkulu ubengenalo ilungelo lokwahlulela izono zomuntu, ubengaba kanjani uNkulunkulu olungile? Uma izimo zenkohlakalo zabantu zidalulwa, ukhuluma ngokubahlulela, futhi yilapho kuphela lapho bengabona khona ukuthi ungcwele.


kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kubo bonke labo abaphila enyameni, ukuguqula isimo sabo kudinga ukuthi babe nemigomo yokulandelwa, futhi ukwazi uNkulunkulu kudinga ukuba ukufakaza ngezenzo Zakhe zangempela nobuso Bakhe bangempela. Kokubili lokhu kungafezwa ngenyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, futhi kokubili kungafezwa kuphela ngenyama evamile nengokoqobo. Yingakho ukuba sesimweni somuntu kudingekile, futhi yikho okwenza adingwe yiso sonke isintu esikhohlakele. Njengoba abantu kudingeka ukuthi bazi uNkulunkulu, izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali futhi abanamandla angaphezu kwemvelo kumele zixoshwe ezinhliziyweni zabo, futhi njengoba kudingeka ukuba balahle isimo sabo esikhohlakele, kumele bazi kuqala isimo sabo esikhohlakele. Uma umuntu enza kuphela umsebenzi ngenjongo yokuxosha izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali ezinhliziyweni zabantu, ngeke-ke aphumele ukufeza umphumela ocacile. Izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali abasezinhliziyweni zabantu azinakwembulwa, zisuswe noma zixoshwe ngokuphelele ngamazwi kuphela. Ngokwenza kanjalo, ekugcineni kuyoba yinto engenakwenzeka ukukhipha lezi zinto ezijulile kubantu. UNkulunkulu ongokoqobo kuphela nesithombe sangempela sikaNkulunkulu okungangena esikhundleni salezi zinto ezingaqondakali nezinamandla angaphezu kwavamile ukwenza abantu ukuba bamazi kancane kancane, futhi lokhu kungafezwa ngale ndlela kuphela. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu ayemfuna ngezinye izikhathi ezedlule akaqondakali futhi unamandla angaphezu kwavamile. Into engazuza lokhu akukhona ukuhola okuqondile kukaMoya, ingasaphathwa eyezimfundiso zomuntu, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. Imicabango yomuntu isala ngemuva lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu esenza umsebenzi Wakhe, ngoba ukuvama nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kungqubuzana nonkulunkulu abangaqondakali nabanamandla angaphezu kwavamile abasezingqondweni zabantu. Umcabango oyiwona womuntu ungembulwa kuphela ngokuthi uqhathaniswe noNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphandle kokumqhathanisa noNkulunkulu osesimweni somuntu, imicabango yomuntu ayisobe yembulwa; ngamanye amazwi, ngaphandle kokuqhathanisa, ukuba ngokoqobo kwezinto ezingaqondakali akusobe kwembulwa. Akekho okwazi ukusebenzisa amazwi ukuze enze lo msebenzi, futhi akekho okwazi ukucacisa lo msebenzi esebenzisa amazwi. NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe, futhi akekho omunye ongenza lo msebenzi esikhundleni Sakhe. Akunandaba ukuthi ulimi olukhulunywa umuntu lucebe kangakanani, ngeke akwazi ukuveza ukuba ngokoqobo nokuvama kukaNkulunkulu. Umuntu uNkulunkulu angamazi kangcono, futhi ambone ngokucacile, uma uNkulunkulu esebenza Yena mathupha phakathi kwabantu futhi aveze indlela abukeka ngayo nesiqu Sakhe. Lokhu ngeke kufezwe yinoma imuphi umuntu wenyama. … Umsebenzi wenyama kaNkulunkulu eNkathini Yomusa naseNkathini Yombuso, uhlanganisa isimo somuntu esikhohlakele nolwazi lwakhe ngoNkulunkulu, futhi uyingxenye ebalulekile nebucayi yomsebenzi wensindiso. Ngakho, isintu esikhohlakele siyidinga kakhulu insindiso kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi siwudinga kakhulu umsebenzi oqondile kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Isintu sidinga ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu aseluse, aseseke, asiphuzise, asondle, asahlulele futhi asijezise, futhi siwudinga kakhulu umusa nokutakulwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. UNkulunkulu wenyama kuphela, ongaba ithemba lomuntu, umelusi womuntu, nosizo lwamanje lomuntu, futhi konke lokhu kuyisidingo sikaNkulunkulu osesimweni somuntu namuhla nasezikhathini ezedlule.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Into engcono kakhulu ngomsebenzi Wakhe enyameni ukuthi angashiya amazwi anembayo nentando Yakhe ecacile esintwini, kulabo abamlalelayo, ukuze ngemva kwalokho abalandeli Bakhe badlulise ngokunembayo wonke umsebenzi Wakhe wenyama nentando Yakhe kuso sonke isintu kulabo abayemukelayo le ndlela. Umsebenzi kaNkulunkulu wasenyameni kuphela phakathi kwabantu ofeza iqiniso lobukhona nokuhlala phakathi kwabantu kukaNkulunkulu. Yilo msebenzi kuphela ogcwalisa isifiso somuntu sokubona ubuso bukaNkulunkulu, ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzwe izwi loqobo likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu. … Imicabango yomuntu, vele, iyize, ayinakungena esikhundleni sobuso bukaNkulunkulu bangempela; isimo sikaNkulunkulu semvelo, nomsebenzi Wakhe uqobo ngeke umelwe umuntu. UNkulunkulu ongabonakali osezulwini nomsebenzi Wakhe kungalethwa emhlabeni uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ozenzela mathupha umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Lena indlela enhle kakhulu uNkulunkulu avela ngayo kubantu, abantu abambona ngayo uNkulunkulu futhi bazi ubuso Bakhe, ngeke kufezwe uNkulunkulu ongekho esimweni somuntu.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Awekho amazwana:

Thumela amazwana