Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/07

Umthelela ongenziwa ukwahlulela kukaNkulunkulu



I
Umsebenzi kaNkulunkulu ekwahluleleni awuwona,
amagama amabili namathathu, ukucacisa indalo yomuntu,
kodw’uyembula, ukusebenza ngaye kancane kancane.
Le ndlela yokuphathwa ngeke iguqulwe ngamazwi nje,
kodwa ngeqiniso, elidlul’ububanzi bomuntu.
Umsebenzi onje kuphela osho ukwahlulela;
yilokhu kwahlulela okungenza umuntu alalele uNkulunkulu
ngobuyena obuphelele,
bese efinyelela ekumazini Yena.
II
Umsebenzi wokwahlulela wenza umuntu azi ubuso Bakhe,
neqiniso lokuhlubuka kwakhe.
Umfundisa injongo yomsebenzi kaNkulunkulu
nezimfihlakalo umuntu angaziqondisisi.
Kusiza ukuthi azi ngenkohlakalo abone nobubi bakhe.
Umsebenzi onje kuphela osho ukwahlulela;
yilokhu kwahlulela okungenza umuntu alalele uNkulunkulu
ngobuyena obuphelele,
bese efinyelela ekumazini Yena.
III
Lo mthelela womsebenzi Wakhe
uvela ngomsebenzi wokwahlulela.
Ngokwempela, kumelwe ukuvula iqiniso,
indlela, nokuphila Kwakhe
kubo bonke abakholwa nguye.
Usebenza kanjalo Yena ekwahluleleni.
Umsebenzi onje kuphela osho ukwahlulela;
yilokhu kwahlulela okungenza umuntu alalele uNkulunkulu
ngobuyena obuphelele,
bese efinyelela ekumazini Yena.

kusuka Ezwini Elivela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana