Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/09

Ezinyathelweni Zomsebenzi kaNkulunkulu






















  
        Ngaphandle, kubukeka sengathi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu kulesi sigaba seziphelile, nokuthi isintu sesisitholile kakade isahlulelo, ukusola, ukushaywa, nokucwengwa kwamazwi Akhe, futhi sesidlule ezinyathelweni ezifana nokulingwa kwabenzi benkonzo, ukucwengwa kwangezikhathi zokusola, ukulingwa ngokufa, ukulingwa ngokunqotshwa, kanye nezikhathi[a] zokuthanda uNkulunkulu. Noma abantu babhekane nenhlupheko enkulu kwisinyathelo ngasinye kepha abakayiqondisi intando kaNkulunkulu. Njengokufana kokulingwa kwabenzi benkonzo, lokhu abantu abakuzuzayo kulokho, lokhu abakuqondayo kulokho, kanye nomphumela uNkulunkulu ayefisa ukuwuzuza kulokho—abantu basalokhu bengacacelwa ngalezi zindaba. Kubonakala sengathi ngokwejubane lomsebenzi kaNkulunkulu, ngokwezinga lamanje abantu abakwazi ukuwumela. Kungabonakala kulokhu ukuthi uNkulunkulu uveza kuqala lezi zinyathelo zomsebenzi Wakhe esintwini, futhi akadingi ukuthi Aze afinyelele ezingeni lokuthi abantu bacabange kunoma yiziphi izinyathelo, kodwa uzama ukusebenzisa lokhu ukuze acacise lolu daba. Ukuze uNkulunkulu aphelelise umuntu ukuze amzuze ngempela, kumele afeze izinyathelo ezichaziwe ngenhla. Inhloso yokwenza lo msebenzi ukwenza abantu babone ukuthi yiziphi izinyathelo uNkulunkulu azidingayo ukuze afeze ukuphelelisa iqembu labantu. Ngakho, ukubheka ngaphandle, izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu ziphothuliwe, kodwa empeleni ngokusemthethweni usanda kuqala ukuphelelisa isintu. Lokhu kuyinto abantu okufanele bayibone ngokucacile—kungukuthi izinyathelo zomsebenzi Wakhe seziphelile, hhayi ukuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Kodwa lokhu abantu abakukholwayo ngokwemibono yabo ukuthi izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu seziveziwe esintwini, futhi akuthandabuzwa ukuthi umsebenzi Wakhe usuphelile. Le ndlela yokubona izinto ayilunganga nhlobo. Umsebenzi kaNkulunkulu awuhambi ngokwemibono yabantu, awuhambisani nemibono yabantu kunoma yini, futhi izinyathelo zomsebenzi Wakhe ikakhulukazi, azivumelani nemibono yabantu; lokhu kukhombisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kungabonakala kulokhu ukuthi imibono yabantu iyaphazamisa ngayo yonke indlela, futhi konke abantu abangakucabanga izinto uNkulunkulu afuna ukuzibuyisela emumva. Lokhu kungukuqonda kwangempela. Abantu bonke bacabanga ukuthi uNkulunkulu usebenza ngokushesha, futhi bacabanga ukuthi lapho bengakabi nakho noma yikuphi ukuqonda futhi bedidekile ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usuphelile abantu bengazi. Zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe ziyile ndlela. Abantu abaningi bakholwa ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu, kodwa inhloso yomsebenzi Wakhe ayinjalo. Indlela yakhe yokusebenza ingokucabanga okujulile, kuqala ngokusebenza ezingeni elijwayelekile, kuze kwimininingwane, emva kwalokho ukucwengisisa le mininingwane. Lokhu kuyabamangaza abantu bengalindele. Bonke abantu bafuna ukumkhohlisa uNkulunkulu, futhi bacabanga ukuthi uma benza nje kalula bazofinyelela lapho bangakwazi ukumanelisa khona Yena, kodwa empeleni, uNkulunkulu anganeliseka kanjani ngenxa yemizamo yesintu yokwenza kalula nje? UNkulunkulu usebenza ngendlela yokumangaza abantu, ababambe benganakile ukuze azuze imiphumela emikhulu futhi abantu bakwazi kangcono ukuhlakanipha Kwakhe futhi baqonde kangcono ukulunga Kwakhe, ubukhulu, nesimo Sakhe esilungileyo.

        Ngokusemthethweni uNkulunkulu useqalile ukuphelelisa abantu. Ukuze bapheleliswe, abantu kufanele badlule esambulweni, ekwahlulelweni, ekusolweni ngamazwi kaNkulunkulu, kanye nokubhekana nezilingo nokucwengwa ngaamazwi Akhe (okufana nesilingo sabenzi benkonzo). Ngaphezu kwalokho abantu kufanele bakwazi ukumela ukulingwa ngokufa. Okusho ukuthi, umuntu owenza intando kaNkulunkulu uzokwazi ukuveza indumiso evela ekujuleni kwenhliziyo yakhe phakathi kwesahlulelo sikaNkulunkulu, ukusola, nezilingo futhi uyakwazi ukulalela uNkulunkulu ngokugcwele futhi bazidele bona uqobo, kanjalo bathande uNkulunkulu ngenhliziyo eqotho, engaguquguquki, nemsulwa; onjalo umuntu ophelele, futhi kungumsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza, futhi kuyilokho uNkulunkulu afuna ukukufeza. Abantu abanakufinyelela kalula eziphethweni ngezindlela zokusebenza zikaNkulunkulu, futhi bangalandela ukungena ekuphileni kuphela. Lokhu kuyisisekelo. Ungahlale uhlolisisa izindlela zokusebenza zikaNkulunkulu; lokhu kungathiya kuphela amathemba akho esikhathi esizayo. Kumanje kungakanani okubonile ezindleleni Zakhe zokusebenza? Usulalele kangakanani? Usuzuze okungakanani endleleni ngayinye yokusebenza? Ingabe uzimisele ukupheleliswa uNkulunkulu? Ingabe usukulungele ukuba umuntu ophelele? Lezi izinto okufanele nizazi ngokucacile. Ziyizinto okufanele ningene kuzo.

        Imibhalo engezansi:


        a. Umbhalo wakuqala awunalo igama elithi “nezikhathi.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana