Voice of Justice

Voice of Justice

2020/02/06

Umuntu angawuthola kanjani umsebenzi kaMoya oNgcwele?

Umsebenzi kaMoya oNgcwele,ukulalela uNkulunkulu


Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo. Unjalo umsebenzi uNkulunkulu aphelelisa ngawo umuntu. Uma umuntu engakwazi ukuhambisana naye, angashiywa emuva noma ngasiphi isikhathi. Uma umuntu engenayo inhliziyo elalelayo, ngeke akwazi ukulandela kuze kube sekugcineni. Inkathi endala isidlulile; manje sekuyinkathi entsha. Futhi enkathini entsha umsebenzi omusha kufanele wenziwe. Ikakhulukazi enkathini yokugcina lapho umuntu eyopheleliswa khona, uNkulunkulu uzokwenza umsebenzi omusha ngokushesha okukhulu. Ngakho-ke, ngaphandle kokulalela enhliziyweni yakhe, umuntu uzokuthola kunzima ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. UNkulunkulu akagcini mithetho, futhi akasithathi noma isiphi isigaba somsebenzi Wakhe njengesingakuguquki. Kunalokho, umsebenzi owenziwa uNkulunkulu ulokhu uba musha futhi ulokhu unyuka uya phezulu. Umsebenzi Wakhe uya ngokuya uba ongokoqobo kakhudlwana ngesinyathelo ngasinye futhi uhambisana kakhudlwana nezidingo zomuntu zoqobo. Kusemuva kokuba umuntu ezwe lolu hlobo lomsebenzi lapho engathola khona ukuguqulwa kokugcina kwesimo sakhe. Ulwazi lomuntu ngempilo lukhuphukela emazingeni angaphezulu, kanjalo nomsebenzi kaNkulunkulu nawo uya ngokuya wenyuka njalo. Ingale ndlela kuphela lapho umuntu engapheleliswa alungele ukusetshenziswa nguNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenza ngale ndlela ukuphikisana nokuhlehlisela emuva imicabango yomuntu, kanti ngakolunye, ukuholela umuntu ukuya esimweni esiphakeme futhi esinamaqiniso, endaweni esesicongweni ekukholweni kuNkulunkulu, ukuze ekugcineni, intando kaNkulunkulu yenziwe. Bonke abanemvelo yokungalaleli abaphikisa ngamabomu bayoshiywa yilo msebenzi osheshayo futhi ohamba ngamandla; yilabo kuphela abalalela ngokuzimisela futhi abazithoba ngenjabulo abayoqhubeka baze bafike ekugcineni komgwaqo. Emsebenzini onjena, nonke kufanele nifunde ukuthobeka nokubeka eceleni imicabango yenu. Isinyathelo ngasinye kufanele sithathwe ngokucophelela. Uma ninganakekeli, ngokuqinisekileyo, niyophenduka abanye balabo abalahlwa uMoya oNgcwele, labo abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. … Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu uyahluka ezikhathini ezihlukene. Uma ukhombisa ukulalela okukhulu esigabeni esinye, bese kuthi esigabeni esilandelayo ukhombise ukulalela okuncane noma ungalaleli nhlobo, uNkulunkulu uyokushiya. Uma uhambisana noNkulunkulu lapho enyuka lesi sinyathelo, kufanele uqhubeke nokuhambisana naye uma esenyukela kwesilandelayo isinyathelo. Abantu abanjena kuphela abalalela uMoya oNgcwele. Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele uhlale njalo umile ekulaleleni kwakho. Awukwazi nje ukuthi umlalele uma uthanda futhi ungamlaleli uma ungathandi. Ukulalela okunje akuvunyelwe nguNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuhambisana nomsebenzi omusha kodwa ube nobudlelwano futhi uqhubeke nokubambelela ezintweni ezazishiwo kudala, kungaba khona kanjani ukuthuthuka empilweni yakho? Umsebenzi kaNkulunkulu, ukupha amazwi Akhe. Uma ulalela futhi wemukela amazwi Akhe, ngokuqinisekileyo uMoya oNgcwele uyosebenza kuwena. UMoya oNgcwele usebenza ncamashi njengoba ngikhuluma. Yenza njengoba ngishilo, futhi uMoya oNgcwele uzosebenza ngokushesha kuwena.

kwesithi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuyimanje nje, indlela ehanjwa nguMoya oNgcwele ingamazwi amanje kaNkulunkulu. Ukuze umuntu akwazi ukuyihamba, kumele athobele, adle aphinde aphuze lawa mazwi amanje kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Wenza umsebenzi wamazwi, futhi yonke into ikhulunywe ngamazwi Akhe, futhi konke kusukela emazwini Akhe, amazwi Akhe amanje. Noma ngabe kungukungangabazi ngokuphelele ngoNkulunkulu osenyameni noma ukumazi uNkulunkulu, umuntu kumele aqinise emazwini Akhe. Ngaphandle kwalokho ngeke afeze lutho, futhi uyosala engenalutho. Ngokwazi uNkulunkulu kuphela uphinde umgculise esisekelweni sokudla nokuphuza amazwi Akhe kancane kancane umuntu angakha ubuhlobo beqiniso Naye. Ukudla nokuphuza amazwi Akhe uphinde uwasebenzise indlela ebonisa ukusebenzisana kahle kakhulu noNkulunkulu, iphinde ibeyindlela efakazela ukuthi umuntu ungomunye wabantu Bakhe. Uma umuntu eqonda futhi ekwazi ukuthobela ngokamanje amazwi kaNkulunkulu, loyo muntu usuke ephila endleleni eholwa nguMoya oNgcwele futhi usuke esengene endleleni efanele kaNkulunkulu ephelelisa umuntu.

kwesithi “Labo Abasimo Sabo Siguqukile Yilabo Abangene Oqotsheni Lwamazwi KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinga eliphansi kakhulu uNkulunkulu alidingayo kubantu ukuba bakwazi ukumvulela izinhliziyo zabo. Uma umuntu enikeza inhliziyo yakhe ngokweqiniso asho lokho okungaphakathi kuyena kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu uzimisele ukwenza umsebenzi kumuntu; uNkulunkulu akafuni inhliziyo yomuntu esontekile, kodwa ufuna inhlizyo yakhe emsulwa nethembekile. Uma umuntu engakhulumi ngokweqiniso athulule inhliziyo yakhe kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu akayithinti inhliziyo yomuntu, noma asebenze ngaphakathi kuyena.

kwesithi “Mayelana Nenqubo Yokuthandaza” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu bakholwa kuNkulunkulu, bathanda uNkulunkulu, futhi banelisa uNkulunkulu ngokuthinta uMoya kaNkulunkulu ngenhliziyo yabo, kanjalo bazuza ukwaneliseka Kwakhe; futhi lapho bedingida amazwi kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, babe sebekhuthazwa uMoya kaNkulunkulu. Uma ufisa ukufinyelela ekuphileni okufanele komoya futhi wakhe ubudlelwane obufanele noNkulunkulu, kumele uqale unikele ngenhliziyo yakho Kuye, uthulise inhliziyo yakho phambi Kwakhe. Kungemva kokuba uthulule yonke inhliziyo yakho kuNkulunkulu kuphela lapho ungakwazi khona kancane kancane ukuba nokuphila komoya okufanele. Uma, ekukholweni kwabo Kuye, abantu benganikeli ngenhliziyo yabo kuNkulunkulu, uma inhliziyo yabo ingekho Kuye, futhi bengabheki umthwalo Wakhe njengowabo, yonke into abayenzayo iwukukhohlisa uNkulunkulu, futhi iwukuziphatha kwabantu benkolo, lokhu akukwazi ukwamukela ukuncoma kukaNkulunkulu. UNkulunkulu akakwazi kuthola lutho kulolu hlobo lomuntu; lolu hlobo lomuntu lungasebenza kuphela njengesiqhathaniso emsebenzini kaNkulunkulu, njengomhlobiso endlini kaNkulunkulu, luqede indawo futhi alulusizo lwalutho—uNkulunkulu akalusebenzisi lolu hlobo lomuntu. Kumuntu onjalo, akugcini nje ngokuthi lingabi bikho ithuba lomsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa ngaphezu kwalokho akukho ukubaluleka kokupheleliswa; lolu hlobo lomuntu lufana nokuthi “luhamba lufile” ngempela—alunazo izinto ezingasetshenziswa uMoya oNgcwele—bonke bathunjwe uSathane, bakhohlakaliswe kakhulu nguSathane, yibona uNkulunkulu afuna ukubasusa. Okwamanje uMoya oNgcwele akagcini nje ngokusebenzisa abantu ngokulunga kwabo, kodwa futhi uphelelisa futhi aguqule iziphambeko zabo. Uma inhliziyo yakho ingathululelwa kuNkulunkulu, futhi uthule phambi kukaNkulunkulu, uyoba nethuba nokufaneleka ukusetshenziswa uMoya oNgcwele, ukuthola ukukhanyiselwa nokukhanyisa kukaMoya oNgcwele, futhi ngaphezu kwalokho uyothola ithuba lokuba uMoya oNgcwele akwazi ukulungisa amaphutha akho. Lapho unikela ngenhliziyo yakho kuNkulunkulu, ungangena ujule engxenyeni enhle, ube sezingeni eliphakeme lokwazi; ohlangothini olungeluhle, uyowaqonda kakhudlwana amaphutha neziphambeko zakho, uyokulangazelela nakakhulu ukufuna ukwanelisa intando kaNkulunkulu, futhi ngeke uyekelele, uyongena ngomdlandla, futhi lokho kuyosho ukuthi uwumuntu olungile.

kwesithi “Ukwakha Ubudlelwane Obufanele NoNkulunkulu Kubaluleke Kakhulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UMoya oNgcwele usebenza ngale simiso: Ngokubambisana nabantu, ngokuthi bathandaze ngenkuthalo, bafune futhi basondele kuNkulunkulu, imiphumela ingatholakala futhi bangakhanyiselwa futhi bakhanyiswe uMoya oNgcwele. Akukhona ukuthi uMoya oNgcwele usebenza ohlangothini olulodwa. Kokubili kusemqoka, futhi uma abantu ngokubambisana ngokwengeziwe, futhi uma bekuphishekela ngokwengeziwe ukufinyelela emazingeni ezimfuneko zikaNkulunkulu, uyoba mkhulu umsebenzi woMoya oNgcwele, ungaveza okuhlangenwe nakho kwangempela nolwazi olunohlonze lwamazwi kaNkulunkulu. Kancane kancane, ngokuzizwela ngale ndlela, umuntu ophelelisiwe uyakheka ekugcineni. UNkulunkulu akazenzi izinto ezingezona ezemvelo yalapha emhlabeni; emibonweni yabantu, uNkulunkulu ungusomandla, futhi yonke into yenziwa nguNkulunkulu—okunomphumela wokuthi abantu bazole, abawafundi amazwi kaNkulunkulu noma bathandaze, futhi bamane balinde ukuthintwa uMoya oNgcwele. Labo abanokuqonda okufanele, nokho, bakholwa yilokhu: Izenzo zikaNkulunkulu zingahamba kuphela ngangokubambisana kwami naye, nomphumela umsebenzi kaNkulunkulu onawo kimi uncike ekutheni ngibambisana kanjani. Uma uNkulunkulu ekhuluma, kufanele ngenze konke engingakwenza ukuphokophela emazwini kaNkulunkulu; yilokhu okufanele ngikufeze.

kwesithi “Indlela Yokwazi Iqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungabonakala kokuhlangenwe nakho ukuthi enye yezinto ezibaluleke kakhulu ukuthulisa inhliziyo yomuntu phambi kukaNkulunkulu. Kuyindaba ethinta ukuphila komoya kwabantu, nokukhula ekuphileni kwabo. Kulapho inhliziyo yakho inokuthula phambi kukaNkulunkulu, lapho ukufuna kwakho iqiniso kanye noguquko esimweni sakho kuyoba nezithelo. Ngenxa yokuthi uza uthwele phambi kukaNkulunkulu, futhi uhlale uzwa sengathi untula okuningi, ukuthi kunamaqiniso amaningi okudingeka uwazi, okungokobo okuningi okusafanele ukuzwe, futhi kufanele uyinake ngazo zonke izindlela intando kaNkulunkulu—lezi zinto zihlale zisengqondweni yakho, futhi kusengathi zikucindezela kakhulu ngezinga lokuthi awukwazi nokuphefumula, kanjalo uzwa inhliziyo isinda (kodwa hhayi kabi). Abantu abafana nalaba kuphela okufanele bamukele ukukhanyiselwa amazwi kaNkulunkulu futhi banyakaziswe uMoya kaNkulunkulu. Kungenxa yomthwalo wabo, ngoba banezinhliziyo ezisinda kakhulu, futhi kungashiwo ukuthi ngenxa yenani abalikhokhile nokuhlukumezeka abakubekezelele phambi kukaNkulunkulu, ukuthi bathola ukukhanyiselwa nokukhanyiswa Nguye, ngoba uNkulunkulu akaphathi muntu ngokukhetha, uhlale enobulungiswa endleleni aphatha ngayo abantu, kodwa futhi akanako ukunganaki ekuhlinzekeni Kwakhe abantu, akanikezi ngaphandle kombandela. Le yingxenye eyodwa yesimo Sakhe sokulunga. Ekuphileni kwangempela, abantu abaningi basazosizuza lesi simo. Okungenani, izinhliziyo zabo zisazophendukela ngokuphelele kuNkulunkulu, futhi alukabi bikho uguquko olukhulu esimweni sempilo yabo. Lokhu kubangelwa ukuthi baphila kuphela phakathi komusa kaNkulunkulu, futhi basazozuza umsebenzi woMoya oNgcwele. Izimfuneko zokusebenzisa kukaNkulunkulu abantu yilezi: Inhliziyo yabo iphendukela kuNkulunkulu, bathwele amazwi kaNkulunkulu, banenhliziyo yokulangazela, futhi banesinqumo sokufuna iqiniso. Abantu abafana nalaba kuphela abangazuza umsebenzi kaMoya oNgcwele futhi abathola ukukhanyiselwa nokukhanyiswa kaningi.

kwesithi “Ukwakha Ubudlelwane Obufanele NoNkulunkulu Kubaluleke Kakhulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kukhona umbandela owodwa womsebenzi woMoya oNgcwele kubantu. Uma nje bomela futhi befuna baphinde bangabi nenhliziyo engaphelele noma babe nokungabaza ngezenzo zikaNkulunkulu, futhi bekwazi ukubamba umsebenzi wabo ngazo zonke izikhathi, kungale ndlela kuphela lapho bengazuza umsebenzi woMoya oNgcwele. Esigabeni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu, okufunekayo kumuntu ukwethemba okukhulu kanye nokufuna kakhulu phambi kukaNkulunkulu—ukubona nokwazi kuphela esingenza abantu babone indlela uNkulunkulu athandeka ngayo nendlela uMoya oNgcwele osebenza ngayo kubantu. Uma ungadluli kulezi zinto, uma ungayitholi indlela yokuzenza, uma ungafuni, ngeke uthole lutho. Kumele wazi indlela ngezinto odlule kuzo, futhi izinto odlule kuzo kuphela ezingakwenza ubone izenzo zikaNkulunkulu, ubone nokumangalisa kwakhe kanye nokungaqondakali Kwakhe.

kwesithi “Kufanele Ningayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kunombandela ekuphelelisweni kwabantu nguNkulunkulu, okungukuthi ukunika ulwazi ngokusebenzisa ingxenye yakho oyithandayo ukuze ube nendlela yokwenza bese uzihlukanisa nazo zonke izimo ezimbi, usize umoya wakho uthole ukukhululeka, kukwenze ukwazi ukumthanda kakhulu Yena. Ngale ndlela uyakwazi ukulahla isimo esikhohlakele sikaSathane. Umsulwa futhi uvulelekile, uyafisa ukuzazi wena uqobo, futhi uyafisa ukwenza iqiniso. UNkulunkulu uyabona ukuthi uyafisa ukuzazi futhi uyafisa ukwenza iqiniso, ngakho-ke uma ubuthaka futhi unezinto ezimbi, ukunika ulwazi olwengeziwe, akusize uzazi kangcono, ufise ukuphenduka, ukwazi ukwenza izinto okumele uzenze. Yingale ndlela kuphela lapho inhliziyo yakho izoba nokuthula. Umuntu ovamise ukunaka ukwazi uNkulunkulu, onakayo ukuzazi yena uqobo, onaka izinto azenzayo uzokwazi ukuthola umsebenzi kaNkulunkulu, ukuthola ukuqondiswa nolwazi oluvela kuNkulunkulu. Nakuba kunezinto ezimbi, uyakwazi ukushintsha ngokushesha, noma ngabe kungenxa kanembeza noma ulwazi oluvela ezwini likaNkulunkulu.

kwesithi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekuphileni kwakho kwamihla yonke, kumele uwabambe lawo mazwi owashoyo nalezo zinto ozenzayo eziyokwenza ubuhlobo bakho noNkulunkulu bube obungajwayelekile, bese uzilungisa ukuze ungene endleleni efanele. Hlola amazwi akho, izenzo zakho, konke ukunyakaza kwakho, imicabango nemibono yakho ngazo zonke izikhathi. Bamba isimo sakho sangempela bese ungena endleleni yomsebenzi woMoya Ongcwele. Ungaba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu ngale ndlela kuphela. Ngokukala ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile yini, uyokwazi ukulungisa izinhloso zakho, uqonde isiqu somuntu, uziqonde nawe; ngalokhu, uyokwazi ukungena ezimweni ezingokoqobo, uzishiye ngobuqotho, ufinyelele ukuzithoba kwangempela. Ezindabeni ezinjalo njengalapho ubona ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile, uyokwazi ukuthola amathuba okupheleliswa uNkulunkulu, uyokwazi ukuqonda izimo eziningi uMoya Ongcwele osebenza kuzo, futhi uyokwazi ukubona ngale kwamacebo amaningi namatulo kaSathane. UNkulunkulu angakuphelelisa ngale ndlela kuphela. Ulungisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu ukuze uzithobe kuwo wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Kukanjalo ukuze ungene ngokujulile ezimweni ezingokoqobo, futhi uzuze omunye umsebenzi woMoya Ongcwele. …

… Ngoba wonke amazwi kaNkulunkulu, ngemva kokuwafunda futhi wawaqonda, kufanele uwenze. Ngaphandle kwendlela owawujwayele ukuwenza ngayo—mhlawumbe phambilini inyama yakho yayibuthakathaka, wawudlubulunda, futhi wawuphikisa—lena akuyona into enkulu, futhi akukwazi ukuphazamisa ukuphila kwakho kungakhuli kusukela namhlanje. Uma nje usakwazi ukuba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu namuhla, lisekhona ithemba. Uma ngaso sonke isikhathi ofunda ngaso amazwi kaNkulunkulu, unezinto ezishintshile futhi uvumele abanye abantu babone ukuthi ukuphila kwakho kushintshile kwaba ngcono, kunokubonisa ukuthi unobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu nokuthi bulungile. Indlela uNkulunkulu aphatha ngayo abantu ayincikile eziphambekweni zabo. Uma nje ungakadlubulundi futhi ungaphindi uphikise ngemva kokuqonda nokubona, khona-ke uNkulunkulu usazoba nomusa kuwe. Lapho unalokhu kuqonda nesifiso sokulwela ukupheleliswa uNkulunkulu, khona-ke isimo sakho phambi kukaNkulunkulu siyoba esijwayelekile. Noma yini oyenzayo, cabanga: UNkulunkulu uzocabangani uma ngenza lokhu? Kuzobathinta kanjani abafowethu nodadewethu? Hlola izinhloso zakho emthandazweni, ezingxoxweni, ekukhulumeni, emsebenzini, nasekuxhumaneni nabantu, uhlole ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile noma cha. Uma ungakwazi ukuhlukanisa izinhloso nemicabango yakho, kusho ukuthi awukwazi ukuhlukanisa, okufakazela ukuthi kuncane kakhulu okwaziyo ngeqiniso. Yiba nombono ocacile ngakho konke uNkulunkulu akwenzayo, bona izinto ngokuhambisana nezwi likaNkulunkulu nezinto ngokuma ngasohlangothini lukaNkulunkulu. Ngale ndlela izinhloso zakho ziyoba ezilungile. Ngakho, ukwakha ubuhlobo obuhle noNkulunkulu kuyinto ehamba phambili kuwo wonke umuntu okholelwa kuNkulunkulu; wonke umuntu kufanele akubheke njengomsebenzi obaluleke kakhulu nanjengesehlakalo esikhulu kakhulu. Yonke into oyenzayo kufanele ikale ukuthi unabo yini noma cha ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu. Uma ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile nezinhloso zakho zilungile, kwenze. Ukuze uvikele ubuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, akufanele wesabe ukulahlekelwa izinto ozithandayo, akufanele uvumele uSathane alwe nawe, akufanele uvumele uSathane abe nentuba kuwe, futhi akufanele uvumele uSathane akwenze inhlekisa. Inhloso enjalo iveza ukuthi ubuhlobo bakho noNkulunkulu bujwayelekile. Akuyona eyenyama, kunalokho ngeyengxenye yomoya, ngeyokuzuza umsebenzi woMoya Ongcwele nokwanelisa intando kaNkulunkulu. Uma uzongena esimweni esifanele, kufanele wakhe ubuhlobo obuhle noNkulunkulu, kumele ulungise umbono wakho wokukholelwa kuNkulunkulu. Ngobokuvumela uNkulunkulu akuzuze, ukuvumela uNkulunkulu aveze izithelo zamazwi Akhe kuwe, futhi akukhanyisele ngisho nakakhulu.

kwesithi “Bunjani Ubuhlobo Bakho NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu usebenza kulabo abalilwelwayo futhi abalazisayo izwi likaNkulunkulu. Uma ulazisa izwi likaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu uyosebenza nakakhulu kuwe. Uma umuntu elazisa izwi likaNkulunkulu, ayanda namathuba akhe okupheleliswa uNkulunkulu. UNkulunkulu uyabaphelelisa labo abamthanda ngempela. Uyabaphelelisa labo abanezinhliziyo ezinokuthula phambi Kwakhe. Uma uwazisa wonke umsebenzi kaNkulunkulu, uma ukwazisa ukukhanyiselwa uNkulunkulu, uma ukwazisa ubukhona bukaNkulunkulu, uma ukwazisa ukulondwa nokunakekelwa uNkulunkulu, uma uyazisa indlela izwi likaNkulunkulu elikusiza ngayo ekuphileni kwakho, uyifuna ngempela inhliziyo kaNkulunkulu. Uma uwazisa umsebenzi kaNkulunkulu, uma uwazisa wonke umsebenzi uNkulunkulu awenze kuwe, uNkulunkulu uyokubusisa bese andisa konke onakho.

kwesithi “UNkulunkulu Uyabaphelelisa Labo Abafuna Inhliziyo Yakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana