Voice of Justice

Voice of Justice

2019/08/17

South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"



South African Worship Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"

I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
Ngisho noma ngabe akukho muntu emhlabeni omukela amazwi Akhe,
ukubaluleka kwawo nosizo lwawo kumuntu akulinganiseki.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
II
Kulabo abahlubukayo, baphike futhi bangawahloniphi amazwi Akhe,
impendulo eyodwa kaNkulunkulu kubo yilena:
Isikhathi namaqiniso akube ngufakazi Wakhe,
kukhombise ukuthi amazwi Akhe ayiqiniso, indlela nokuphila;
kukhombise ukuthi konke lokho akusho kulungile,
yilokhu umuntu okufanele abe nakho futhi aphile ngakho.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
III
Kubo bonke labo abamlandelayo uNkulunkulu uzobanika leli qiniso:
Labo abangakwazi ukwemukela amazwi Akhe noma ukuwenza ngezenzo zabo,
nalabo abangakwazi ukuthola inhloso noma abehlulekayo ukuthola insindiso emazwini Akhe,
bonke laba ngabantu amazwi kaNkulunkulu abalahlile.
Balahlekelwe insindiso kaNkulunkulu.
Kubona, ukujezisa Kwakhe ngeke kwedukele kude.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana