Voice of Justice

Voice of Justice

2019/08/29

Umsuka Nentuthuko YeBandla LikaNkulunkulu USomandla

IBandla LikaNkulunkulu USomandla insindiso kaNkulunkulu

ENkathini Yomusa, iNkosi uJesu yathembisa abalandeli Bayo, “Ngiyonilungisela indawo. Futhi uma ngihamba ngiyonilungisela indawo, ngizophinde ngibuye, futhi nginamukele kimi; ukuze lapho ngikhona, nibe khona nani.” (Johane 14:3) Waphinda waprofetha, “Njengombani ovela empumalanga okhanya ngisho nasentshonalanga, kuzoba njalo nokuza kweNdodana yomuntu” (Mathewu 24:27). Ezinsukwini zokugcina, njengoba kwathenjiswa futhi kwabikezelwa Nguye uNkulunkulu usephinde waba yinyama futhi wehlela eMpumalanga yomhlaba—eShayina—ukwenza umsebenzi wokwahlulela, ukusola, ukunqoba nokusindisa esebenzisa izwi, esisekelweni somsebenzi wokuhlenga weNkosi uJesu.

2019/08/25

South African Best Gospel Praise Worship Song "Ukubaluleka Komthandazo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


South African Gospel Song "Ukubaluleka Komthandazo" | Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu


Umthandazo ungenye yezindlela umuntu asebenzisana ngazo noNkulunkulu,
ukubiza uMoya Wakhe kanye nokuthintwa nguNkulunkulu.
Uma uthandaza ngokwengeziwe, uyothintwa, ukhanyiselwe futhi uqine emqondweni ngokwengeziwe.
Abantu abanjalo bangapheleliswa masinyane.
Uma uthandaza ngokwengeziwe, uyothintwa, ukhanyiselwe futhi uqine emqondweni ngokwengeziwe.
Abantu abanjalo bangapheleliswa masinyane.

2019/08/21

Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha

UNkulunkulu uSomandla Iqiniso

Ingabe uyafisa ukubona uJesu? Ingabe uyafisa ukuhlala noJesu? Ingabe uyafisa ukuzwa amazwi akhulunywe uJesu? Uma kunjalo, uyokwamukela kanjani ukubuya kukaJesu? Ingabe ukulungele ngokupheleleyo? Uyokwamukela ngayiphi indlela ukubuya kukaJesu? Ngicabanga ukuthi bonke abafowethu nodadewethu abalandela uJesu bangathanda ukwamukela uJesu kahle. Kodwa uke wacabanga lokhu: Ingabe uyomazi ngeqiniso uma esebuya? Ingabe uyoyiqonda yonke into ayishoyo? Ingabe uyowemukela wonke umsebenzi awenzayo ngaphandle kwemibandela? Bonke labo abalifundile iBhayibheli bayazi ngokubuya kukaJesu.

2019/08/17

South African Gospel Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"



South African Worship Song "Amazwi KaNkulunkulu Ayiqiniso Elingaguquki Phakade"

I
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.
UNkulunkulu ungumnikezi wokuphila, futhi nguye kuphela umqondisi womuntu.
Ukubaluleka nomqondo wamazwi Akhe kunqunywa yingqikithi yawo,
hhayi uma umuntu ewemukela noma ewabona.
Ngisho noma ngabe akukho muntu emhlabeni omukela amazwi Akhe,
ukubaluleka kwawo nosizo lwawo kumuntu akulinganiseki.
Amazwi kaNkulunkulu ayiqiniso, elingaguquki phakade.

2019/08/13

Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu

Ngenze umsebenzi omningi phakathi kwabantu, namazwi engiwakhulume ngalesi sikhathi maningi. La mazwi angenxa yensindiso yomuntu, kanti akhulunywa ukuze umuntu afanelane Nami. Noma ngizuze abantu abambalwa emhlabeni abafanelana Nami, ngakho ngiyasho ngithi umuntu akawenzi igugu amazwi Ami, ngoba umuntu akafanelani Nami. Ngale ndlela, umsebenzi engiwenzayo akuwona owokuthi umuntu angidumise; okubalulekile owokuthi umuntu afanelane Nami. Abantu, abakhohlakele bonke bahlala ogibeni lukaSathane, baphila enyameni, baphila ezifisweni zokuzifunela, futhi akekho namunye phakathi kwabo ofanelana Nami.

2019/08/09

African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"



Zulu Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"

Ngesikhathi salokhu ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu emhlabeni,
wenza umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu.
Wonke lo msebenzi unenhloso eyodwa – ukunqoba uSathane ongudeveli.
Uyonqoba uSathane ngokunqoba umuntu,
nangokukwenza uphelele.
Lapho wethula ubufakazi obunamandla,
nalokhu, kuyosho ukunqotshwa kukaSathane.

2019/08/05

UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni

UNkulunkulu uSomandla intando kaNkulunkulu
    

Ekuqaleni, uNkulunkulu wayephumule. Ngaleso sikhathi kwakungekho bantu noma kungekho nanoma yini enye emhlabeni, futhi awukho umsebenzi uNkulunkulu ayesewenzile. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuqondisa wawuqala ngesikhathi kuba khona abantu nangesikhathi abantu bonakaliswa. Kusukela lapho, uNkulunkulu akabange esaphumula kodwa esikhundleni salokho waqala ukuba matasa phakathi kwabantu.

2019/08/01

African Gospel Song "Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu



South African Gospel Song "Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

Iqiniso lingokoqobo kakhulu kunazo zonke izisho zempilo,
futhi liphakeme kunazo zonke phakathi kwaso sonke isintu.
Libizwa ngesisho sokuphila ngoba liyilokho,
ngoba liyilokho uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha,
uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha.