Voice of Justice

Voice of Justice

2019/07/28

Izingxenye Ezine Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Iqiniso Elingaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba”

1. Isintu esonakaliswe kakhulu uSathane, asigcini nje ngokwazi ukuthi kunoNkulunkulu kodwa siyekile ukukhonza uNkulunkulu. Ekuqaleni, lapho kudalwa u-Adamu no-Eva, inkazimulo kaJehova nobufakazi Bakhe kwakuhlale kukhona. Kodwa ngemva kokonakaliswa, umuntu yamlahlekela inkazimulo kanye nobufakazi ngenxa yokuthi wonke umuntu wahlubuka kuNkulunkulu futhi wayeka nokumhlonipha. Umsebenzi wanamuhla wokunqoba uwukubuyisa bonke ubufakazi nayo yonke inkazimulo, nokuthi bonke abantu bakhonze uNkulunkulu, ukuze kube nobufakazi phakathi kwezidalwa. Yilokho okudingeka kwenziwe kulesi sigaba somsebenzi. Siyonqotshwa kanjani ngempela isintu? Siyonqotshwa kusetshenziswa umsebenzi wamazwi ukuze umuntu aqinisekiswe ngokugcwele; ngokusebenzisa isambulo, isahlulelo, isijeziso, nesiqalekiso esinonya ukuze anqotshwe ngokugcwele; nangokuveza ukuhlubuka komuntu nokwahlulela ukuphikisa kwakhe ukuze azi ngokungalungi kwesintu nokungcola, okuzosetshenziswa ukuze kuvezwe isimo sikaNkulunkulu sokulunga. Ngokuyinhloko, ukusetshenziswa kwala mazwi okuyonqoba umuntu futhi kumqinisekise ngokugcwele. Amazwi ayindlela isintu esiyogcina sinqotshwe ngayo, bonke abamukela ukunqoba kumele bamukele nokuhlaselwa kanye nokwahlulela kwamazwi. Inqubo yamanje yokukhuluma iyinqubo yokunqoba. Kufanele babambisane kanjani ngempela abantu? Ngokudla futhi baphuze la mazwi ngempumelelo nokuwaqonda. Abantu ngeke bazinqobe. Kumele, ngokudla nokuphuza la mazwi, bakwazi ukukhohlakala kanye nokungcola kwabo, ukuhlubuka nokungalungi kwabo, bawe phambi kukaNkulunkulu. Uma ungakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu bese uyenza, uphinde ube nombono, futhi uma ungawalalela ngokugcwele la mazwi, ungenzi noma yini ezintweni ozikhethayo, khona-ke uyobe unqotshiwe. Futhi uyobe unqotshwe yila mazwi. Kungani isintu silahlekelwe ubufakazi? Kungoba akasekho nhlobo onokholo kuNkulunkulu noma onoNkulunkulu enhliziyweni yakhe. Ukunqoba isintu kusho ukuba nabantu abaningi ababuyisa lolu kholo. Abantu bahlale bethanda izwe, beba namathemba amaningi, ikusasa labo belifunela okuningi ngokwedlulele, futhi befuna izinto eziningi ezibizayo. Bahlale becabanga futhi behlelela inyama yabo futhi abanandaba nokufuna indlela yokukholwa kuNkulunkulu. Izinhliziyo zabo zithunjwe uSathane, abasamhloniphi uNkulunkulu, banikela izinhliziyo zabo kuSathane. Kodwa umuntu wadalwa uNkulunkulu. Ngakho umuntu walahlekelwa ubufakazi, okusho ukuthi walahlekelwa inkazimulo kaNkulunkulu. Inhloso yokunqoba isintu ukubuyisa inkazimulo yokuhlonipha komuntu uNkulunkulu.

kwesithi “Iqiniso Elingaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, ngeke baphinde bayibone inhlamvu yelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu? Ukwembulwa kokuphela kwesigaba ngasinye somuntu kuphela lapho ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, futhi kuphela phakathi nomsebenzi wokunqoba indawo yonke (okubandakanya wonke umsebenzi wokunqoba oqala ngomsebenzi wamanje). Lokhu kwembulwa kokuphela kwaso sonke isintu kwenziwa phambi kwesihlalo sokwahlulela, ngendlela yokusola, nangendlela yomsebenzi wokunqoba wezinsuku zokugcina.

kwesithi “Iqiniso Elingaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Ukuphela komuntu akuyona into eyanqunywa phambilini kusukela ekudalweni kwezwe. Lokho kungenxa yokuthi ekuqaleni kwakunesigaba esisodwa kuphela, esasibizwa ngokuthi “isintu,” nangenxa yokuthi umuntu wayengakonakaliswa uSathane ekuqaleni, futhi bonke babephila ekukhanyeni, kungekho bumnyama obabubehlela. Kodwa ngemva kokuba umuntu onakaliswe uSathane, zonke izinhlobo zabantu zasakazeka kuwo wonke umhlaba—zonke izinhlobo zabantu ezivela emndenini obizwa ngokuthi “isintu” owawakhiwa owesilisa nowesifazane. Zonke zaziholwa okhokho bazo ukuze ziphambuke kokhokho bazo abadala—isintu esasakhiwa abesilisa nabesifazane (okusho ukuthi, u-Adamu wokuqala no-Eva, okhokho bazo abadala). Ngaleso sikhathi, okwakuwukuphela kwabantu ababeholwa uJehova ukuze baphile emhlabeni kwakungama-Israyeli. Izinhlobo ezihlukahlukene zabantu ezaqembuka kuma-Israyeli (okusho ukuthi ozalweni lomndeni lwangempela) zalahlekelwa ubuholi bukaJehova. La bantu basendulo, babezishaya indiva izinto ezimayelana nezwe lesintu, bahamba bayophila nokhokho babo emazweni abawathandayo, kuze kube namuhla. Ngakho, basesebumnyameni mayelana nokuthi baphambuka kanjani kuJehova, nokuthi bonakaliswa kanjani kuze kube namuhla yizo zonke izinhlobo zokungcola kukadeveli nemimoya emibi. Labo okuyibo abonakaliswe kakhulu manje, okuwukuthi abangeke basindiswe ekugcineni, bayolandela okhokho babo—odeveli abangcolile ababonakalisa. Labo abayosindiswa ekugcineni bayoya endaweni efanele yesintu, okusho lokho ukuphela okukubekele abantu abasindisiwe nabanqotshiwe. Kuyokwenziwa yonke into ukuze kusindiswe bonke abangasindiswa, kodwa labo abangazweli, abangelapheki, okuwukuphela kwento abangayikhetha kuyoba ukulandela okhokho babo emgodini ongenamkhawulo wesijeziso. Ungacabangi ukuthi isiphetho sakho sanqunywa phambilini ekuqaleni nokuthi sembulwa manje. Uma ucabanga ngaleyo ndlela, ingabe usukhohliwe ukuthi ngesikhathi isintu siqala ukudalwa, sasingekho esinye isigaba sikaSathane esadalwa? Ingabe usukhohliwe ukuthi kwadalwa isintu esisodwa kuphela esakhiwa u-Adamu no-Eva (okusho ukuthi kwadalwa owesilisa nowesifazane kuphela)? Uma ubulokhu uyinzalo kaSathane kusukela ekuqaleni, ingabe lokho ngeke kusho ukuthi ngesikhathi uJehova edala umuntu wadala neqembu likaSathane? Ingabe wayengayenza into efana naleyo? Wadala umuntu ngenxa yobufakazi Bakhe; wadala umuntu ngenxa yenkazimulo Yakhe. Wayengasidalelani ngenhloso isigaba sikaSathane ukuze simphike ngamabomu? Ingabe uJehova wayengakwenza lokhu? Uma kunjalo, ubani obengakwazi ukuthi unguNkulunkulu olungile? Lapho ngithi abanye kini bayohamba noSathane ekugcineni, akusho ukuthi ekuqaleni wawunoSathane; kunalokho kusho ukuthi seningene najula ngezinga lokuthi ngisho noma uNkulunkulu ezama ukunisindisa, nehlulekile ukuthola leyo nsindiso. Ayikho enye indlela ngaphandle kokukubeka esigabeni sikaSathane. Lokhu kungenxa yokuthi awutakuleki, akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu akalungile kuwe, okusho ukuthi akukhona ukuthi uNkulunkulu unqume umphumela wakho phambilini ukuthi uyolingisa uSathane bese uba sesigabeni sikaSathane njengokungathi ubevele ehlose ukuthi uhlupheke. Lelo akulona iqiniso langaphakathi lomsebenzi wokunqoba. Uma ukholelwa kulokho, khona-ke uqonda uhlangothi olulodwa kuphela!

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, abantu bakuzo zonke izizwe kuyo yonke indawo bayowubona umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Okwamanje ngisebenzisa umsebenzi walaba bantu eShayina ukuze ngembule konke ukuhlubuka kwesimo sabo futhi ngenze nabo bonke ububi babo buhlale obala. Lena into engenza ngisho konke lokhu engikushoyo. Ngemva kwalokho ngizokwenza isigaba esilandelayo somsebenzi wokunqoba indawo yonke. Ngizosebenzisa ukunahlulela Kwami ukuze ngahlulele ukungalungi kwawo wonke umuntu endaweni yonke ngenxa yokuthi nina bantu nimelela ukuhlubuka kwesintu. Labo abangakwazi ukukhuphula amasokisi bayophenduka ize, kuyilapho labo abawakhuphulayo beyosetshenziswa. Kungani ngithi labo abangawakhuphuli bayophenduka ize? Ngenxa yokuthi amazwi nomsebenzi Wami wamanje kuyiqiniso enilifunayo nokuthi seniphenduke abameleli bezihlubuki eziphakathi kwaso sonke isintu. Kamuva la mazwi aninqobayo ngiyowahambisa kwamanye amazwe ngiwasebenzisele ukunqoba abantu khona, kodwa nina niyobe ningawazuzanga. Ingabe lokho ngeke kukwenze ungabi lutho? Izimo ezonakele zaso sonke isintu, ukuhlubuka komuntu, izithombe ezimbi nobuso babantu, konke kulotshiwe namuhla emazwini asetshenziselwe ukuninqoba. Ngiyobe sengisebenzisa la mazwi ukuze nginqobe abantu bazo zonke izizwe nayo yonke imibuso ngenxa yesibonelo senu. Kodwa angihlosile ukunishiya ngenhloso; uma nehluleka ukufuna izinto ezinhle futhi ningalufuni usizo, ngeke yini niphenduke ize?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. Namuhla ukholo olukwenza unqotshwe, futhi ukunqotshwa okukwenza ukholelwe kuzo zonke izenzo zikaJehova. Ukholo kuphela olunenza nithole lolu hlobo lokusolwa nesahlulelo. Ngenxa yalokhu kusolwa nezahlulelo, ninqotshiwe futhi napheleliswa. Ngaphandle kwalolu hlobo lokusolwa nesahlulelo enisithola namuhla, ukholo lwenu beluba yize. Ngenxa yokuthi animazi uNkulunkulu, akukhathaliseki ukuthi ukholelwa kangakanani Kuye, ukholo lwakho luyoba amazwi angasho lutho futhi angenasisekelo. Kulapho uthola lolu hlobo lomsebenzi wokunqoba kuphela, okuyilona oluyokwenza uqiniseke ngokugcwele ukuthi ukholo lwakho olweqiniso futhi lunokwethenjelwa, nenhliziyo yakho iphendukela kuNkulunkulu. Ngisho noma wahlulelwa noma uqalekiswa kakhulu ngenxa yaleli gama elithi “ukholo,” unokholo lweqiniso, futhi wamukela iqiniso langempela, elingokoqobo, nento eyigugu kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi kungale nkambo yokwahlulela kuphela lapho nibona khona isiphetho sendalo kaNkulunkulu; yilokhu kwahlulela okunenza nibone ukuthi uMdali kufanele athandwe; umsebenzi wokunqoba onjalo eniwubona engalweni kaNkulunkulu; ukunqoba okunjalo okunenze nakuqonda ngokugcwele ukuphila komuntu; yilokhu kunqoba okunenze nathola umgudu ofanele wokuphila komuntu futhi nathola incazelo yangempela yegama elithi “umuntu”; yilo msebenzi wokunqoba kuphela onenza nibone isimo sokulunga sikaSomandla nobuso Bakhe obuhle nobukhazimulayo; nifunda kulo msebenzi wokunqoba ngomsuka womuntu futhi niqonde wonke “umlando wesikhathi eside” ngesintu; yilokhu kunqoba okunenze naqonda okhokho besintu nomsuka wokukhohlakala kwesintu; yilokhu kunqoba okunenza nijabule futhi niduduzeke niphinde nithole nokusolwa okungapheli, isiyalo, namazwi okusola avela kuMdali owadala isintu; kulo msebenzi wokunqoba nithola izibusiso, nezinhlekelele umuntu okufanele azithole …. Ingabe konke lokhu akwenzeki ngenxa yokholo oluncane lwenu? Ngemva kokuthola zonke lezi zinto, alukhulanga yini ukholo lwenu? Ingabe anitholanga inala?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. Mhlawumbe uzothi ukube awuzange ube nokholo, ubungeke usolwe ngale ndlela noma wahlulelwe ngale ndlela. Kodwa kufanele wazi ukuthi ngaphandle kokholo, ngeke ugcine nje ngokuthola lolu hlobo lokusolwa noma lolu hlobo lokunakekelwa uSomandla, kodwa uyohlale ulahlekelwa ithuba lokubona uMdali. Awusobe wawazi umsuka wesintu futhi ngeke ukuqonde ukubaluleka kokuphila komuntu. Ngisho noma umzimba wakho ungafa umphefumulo wakho uhambe, ngeke uziqonde zonke izenzo zikaNkulunkulu. Okubi nakakhulu ukuthi ngeke wazi ukuthi uMdali owenza lowo msebenzi omkhulu emhlabeni ngemva kokudala isintu. Njengelungu lalesi sintu esidala, ingabe uzimisele ukuwela ebumnyameni nokuthola isijeziso saphakade ube untula ukuqonda? Uma nizihlukanisa ekusolweni nasesahlulelweni sanamuhla, niyohlangabezana nani? Ingabe nicabanga ukuthi uma senehlukene nesahlulelo samanje, niyokwazi ukuphunyuka kule mpilo enzima? Ingabe akulona iqiniso ukuthi uma nishiya “le ndawo,” niyohlangabezana nobuhlungu noma nilinyazwe udeveli ngesihluku? Ingabe ungaba nemini kanye nobusuku okungabekezeleleki? Ingabe ucabanga ukuthi ngenxa nje yokuthi uphunyuke kulokhu kwahlulela namuhla, ungaligwema ikusasa elibuhlungu? Yini eyoma endleleni yakho? Ingabe ngempela kungaba iShangri-La enilethembile? Ingabe nicabanga ukuthi ningaphunyuka ekusolweni kwaphakade okuzayo ngokumane nje nibalekele okungokoqobo njengoba nenza? Ngemva kwanamuhla, ingabe niyophinde nikwazi ukuthola lolu hlobo lwethuba nalolu hlobo lwezibusiso? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho nehlelwa izinhlekelele? Ingabe niyokwazi ukukuthola lapho sonke isintu singena ekuphumuleni? Ukuphila kwenu okujabulisayo kwamanje nemindeni yenu emincane enokuzwana—ingabe kungathatha isikhundla sekusasa laphakade? Uma ninokholo lweqiniso, futhi uma nizuza okuhle ngenxa yokholo lwenu, khona-ke konke lokho kuyizinto—isidalwa esidaliwe—okufanele sibe nazo. Lolu hlobo lokunqoba luzuzisa kakhulu okholweni lwenu nasempilweni yenu.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. Namhlanje, kufanele wazi ukuthi unganqotshwa kanjani, nokuthi abantu baziphatha kanjani ngemva kokuthi sebenqotshiwe. Ungasho yini ukuthi sewunqotshiwe, kodwa ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni? Kufanele ukwazi ukulandela kuze kube sekugcineni ngci, akukhathaleki noma akhona yini amathemba noma cha, futhi akufanele ulahlekelwe ukholo lwakho kuNkulunkulu noma ngabe isimo sinjani. Ekugcineni, kufanele ube nezingxenye ezimbili zobufakazi: ubufakazi bukaJobe—ukulalela kuze kube sekufeni—kanye nobufakazi bukaPetru—uthando olukhulu kakhulu ngoNkulunkulu. Ngenye ingxenye kufanele ube njengoJobe: Wayengenazimpahla eziphathekayo, futhi wayekhungethwe ubuhlungu enyameni, kepha akazange alifulathele igama likaJehova. UPetru wakwazi ukuthanda uNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni. Ngesikhathi eshona—ngesikhathi bembethela esiphambanweni—wayesamthanda uNkulunkulu: akazange acabange izithembiso zakhe noma amathemba aletha udumo noma imicabango ehlaphazekile, futhi wayefuna kuphela ukuthanda uNkulunkulu nokulalela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Yilelo izinga okufanele ufike kulona ngaphambi kokuba uthathwe ngokuthi ubethulile ubufakazi, ngaphambi kokuba ube ngumuntu ophelelisiwe emva kokuba sewunqotshiwe. Namhlanje, uma abantu bebazi ngempela ubukhona nesikhundla sabo, ngabe bebengalokhu besafuna izithembiso namathemba namanje? Ekufanele ukwazi yilokhu: Akukhathaleki noma uNkulunkulu uyangiphelelisa yini, kufanele ngilandele uNkulunkulu; yonke into ayenza manje yinhle, futhi yenzelwa thina, ukuze isimo sethu sishintshe futhi silahle ithonya likaSathane, ukusisiza siphile ezweni lokungcola kepha silahle ukungabi msulwa, sithintithe ukungcola nethonya likaSathane, ukuze sikwazi ukushiya ithonya likaSathane.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Empeleni, ukupheleliswa kwenzeka ngesikhathi esifanayo nokunqotshwa: Ngesikhathi unqotshwa, imithelela yokuqala yokupheleliswa iyabonakala. Lapho kukhona umahluko phakathi kokunqotshwa nokupheleliswa, kuba sezingeni lo shintsho kubantu. Ukunqotshwa isinyathelo sokuqala sokupheleliswa, futhi akusho ukuthi sebepheleliswe ngokuphelele, futhi akukhombisi ukuthi sebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Emuva kokuba abantu benqotshiwe, kunezinguquko esimweni sabo, kodwa lezo zinguquko azifiki nakancane kulezo ezikubantu asebezuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Namhlanje, okwenziwayo umsebenzi wokuqala ekwenzeni abantu ukuba bapheleliswe—ukubanqoba—futhi uma ungafinyelele ekubeni unqotshwe, ngeke ube nezindlela zokuba upheleliswe futhi uzuzwe ngokuphelele nguNkulunkulu. Uyomane uthole amazwi ambalwa okujeziswa nokwahlulelwa, kodwa ngeke akwazi ukuguqula inhliziyo yakho ngokuphelele. Ngakho, uyoba omunye walabo abayolahlwa; ngeke kuhluke kunokubuka idili elinezi biliboco etafuleni kodwa ungadli. Akulona usizi olusabekayo lolo? Ngakho kufanele ufune ushintsho: Noma ngabe ukunqotshwa noma ukupheleliswa, kokubili kuncike ekutheni ngabe kukhona yini izinguquko kuwena, nokuthi uyalalela noma cha—kanti lokhu kulawula ukuthi ungazuzwa nguNkulunkulu noma cha. Yazi ukuthi “ukunqotshwa” kanye “nokupheleliswa” kuncike kuphela ezingeni lo shintsho nokulalela, kanye nokuthi lumsulwa kangakanani uthando lwakho ngoNkulunkulu. Okufunekayo namhlanje ukuthi ungapheleliswa ngokuphelele, kodwa ekuqaleni kufanele unqotshwe— kufanele ube nolwazi olwanele ngokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu, kufanele ube nokholo ukuze ulandela, futhi ube ngumuntu ofuna ushintsho nokuthi kube khona imithelela. Yilapho kuphela uyoba khona ngumuntu ofuna ukupheleliswa. Kufanele uqonde ukuthi endleleni yokupheleliswa uzonqotshwa, futhi endleleni yokunqotshwa uyopheleliswa. Namhlanje, ungafuna ukupheleliswa noma ufune izinguquko kubuntu bakho bangaphandle kanye nobungcono ezingeni lakho, kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uqonde ukuthi yonke into uNkulunkulu ayenzayo namhlanje inengqondo futhi iwusizo: Isiza wena ophila ezweni lo kungcola ukuba uphunyuke ekungcoleni futhi ukuthintithe, ikusiza ukuba unqobe ithonya likaSathane, uphinde ushiye kude ithonya elimnyama likaSathane—futhi ngokugxila kulezi zinto, uyavikeleka kulelizwe lokungcola. Ekugcineni, ibuphi ubufakazi oyocelwa ukuba ubethule? Uhlala ezweni lo kungcola kodwa uyakwazi ukuba ngcwele, futhi ungabe usangcola noma ungabi msulwa, uphila endaweni kaSathane kodwa uyahlukana nethonya likaSathane, futhi uphile ezandleni zikaSomandla. Lokhu ubufakazi, nobuqinisayo ngokunqoba empini noSathane. Uyakwazi ukufulathela uSathane, lokhu okuphilayo akuvezi uSathane, kodwa yilokho uNkulunkulu ayedinga ukuba umuntu abe nakho ngesikhathi edala umuntu: ubuntu obujwayelekile, ukucabanga okujwayelekile, ukuqonda okujwayelekile, ukuzimisela okujwayelekile, kanye nokuthembeka kuNkulunkulu. Bunjalo ubufakazi obuthulwa odaliweyo kaNkulunkulu.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Umsebenzi wezinsuku zokugcina awuhambisani nayo yonke imithetho, futhi akukhathaleki noma uqalekisiwe noma ujezisiwe, inqobo nje uma usiza umsebenzi Wami, futhi uwusizo emsebenzini wokunqoba wanamuhla. Futhi akukhathalekile noma uyinzalo kaMowabi noma uyinzalo kadrako omkhulu obomvu, inqobo nje uma wenza umsebenzi walowo odalwe nguNkulunkulu kulesi sigaba somsebenzi, futhi wenza konke okusemandleni akho, umthelela ofanele uzofezeka. Uyinzalo kadrako omkhulu obomvu, futhi uyinzalo kaMowabi; sekukonke, bonke abaphila enyameni bayizidalwa zikaNkulunkulu, futhi badalwa nguMdali. Ungodaliweyo kaNkulunkulu, akufanele ube nokuzikhethela, futhi lona ngumsebenzi wakho. Impela, namhlanje umsebenzi woMdali uqondiswe endaweni yonke. Akukhathaleki ukuthi uyinzalo kabani, Ngaphezu kwakho konke ungomunye wabadaliwe bakaNkulunkulu, wena—nzalo kaMowabi—niyingxenye yabadalwe nguNkulunkulu, ukuthi nje ninezinga eliphansi kakhulu. Njengoba, namhlanje, umsebenzi kaNkulunkulu wenziwa phakathi kwabo bonke abadaliwe, futhi uqondiswe endaweni yonke, uMdali ukhululekile ukukhetha noma ibaphi abantu, izindaba, noma izinto ukuze kwenziwe umsebenzi Wakhe. Akukhathaliseki ukuthi wawuyinzalo kabani; inqobo nje uma ungomunye wabadaliwe Bakhe, futhi inqobo nje uma uwusizo emsebenzini Wakhe—umsebenzi wokunqoba kanye nokufakaza—uzokwenza umsebenzi Wakhe kuwe ngaphandle kokungabaza. Lokhu kuyahlakaza imibono yabantu yendabuko, engukuthi uNkulunkulu akasoze asebenza phakathi kwabeZizwe, ikakhulukazi labo abaqalekisiwe futhi abaphansi; ngoba labo abaqalekisiwe, izizukulwane zabo ezilandelayo nazo ziyoqalekiswa ungunaphakade, abasoze baba nethuba lokusindiswa; uNkulunkulu akasoze ehla futhi asebenze ezweni labeZizwe, futhi akasoze abeka unyawo ezweni elinokungcola ngoba Yena ungcwele. Yazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wabo bonke abadaliwe, ubusa phezu kwamazulu nomhlaba nazo zonke izinto, futhi akayena uNkulunkulu wabantu bakwa-Israyeli kuphela. Ngakho, lo msebenzi usemqoka kakhulu eShayina, futhi angeke yini usabalele ezizweni zonke? Ubufakazi obukhulu bangesikhathi esizayo ngeke bugcine eShayina; uma uNkulunkulu ubenqobe wena kuphela, amadimoni abengakholiseka? Abakuqondi ukunqotshwa, noma amandla amakhulu kaNkulunkulu, futhi uma bonke abadaliwe sebenqotshiwe ilapho kuphela abantu abakhethiweyo bakaNkulunkulu beyobona imithelela yasekugcineni yalo msebenzi. Abekho abasemuva noma abakhohlakele njengenzalo kaMowabi. Uma nje laba bantu benganqotshwa—bona abakhohlakele kunabo bonke, abangazange bamvume uNkulunkulu noma bakholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona, uma sebenqotshiwe, futhi bavuma uNkulunkulu ngemilomo yabo, baMdumisa, futhi bakwazi ukumthanda—ilapho lokhu kuyoba ubufakazi bokunqotshwa. Nakuba ungeyena uPetru, uphila njengoPetru, uyakwazi ukuba nobufakazi bukaPetru, kanye nobukaJobe, futhi lobu ubufakazi obukhulu kakhulu.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. Umphumela ongatholakala emsebenzini wokunqoba, ngokuyinhloko ukuthi inyama yomuntu iyeke ukuhlubuka, okusho ukuthi, ingqondo yomuntu imqonde kabusha uNkulunkulu, inhliziyo yakhe imlalele ngokugcwele uNkulunkulu, nokuthi yena abe ngokaNkulunkulu. Indlela isimo noma inyama yomuntu okushintsha ngayo akunqumi ukuthi unqotshiwe yini. Kunalokho, kusuke kuyilapho kushintsha indlela ocabanga ngayo, ukuba nonembeza, nomqondo—okusho ukuthi lapho sonke isimo somqondo wakho sishintsha—lapho niyobe ninqotshwe khona uNkulunkulu. Lapho ninqume ukulalela futhi nabheka izinto ngendlela entsha, lapho ningasafaki imibono noma izinhloso zenu ezwini nasemsebenzini kaNkulunkulu, lapho izingqondo zenu zikwazi ukucabanga ngendlela evamile, okusho ukuthi lapho nikwazi ukuzinikela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yenu—lolu hlobo lomuntu lunqotshwe ngokuphelele.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Ngokwenkolo, abantu abaningi abahlupheki ukuphila kwabo konke, banqoba imizimba yabo noma bathwala isiphambano, bahlupheka futhi babekezela kwaze kwaba yilapho bephefumula okokugcina! Abanye basesaba ukufa kwabo. Kukho konke ukuphila kwabo, bazincisha ukudla okumnandi nokugqoka kahle, babekezelele ukuhlupheka. Abakwazi ukunqoba imizimba yabo nokushiya inyama yabo. Umoya wabo wokubekezelela ukuhlupheka udinga ukunconywa. Kodwa ukucabanga kwabo, imibono yabo, indlela ababheka ngayo izinto, kanye nesimo sabo esidala—akukho kulokhu abaye babhekana nakho. Abaziqondi ngeqiniso. Isithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu esakudala soNkulunkulu oyinkimbinkimbi ongaqondakali. Ukuhlupheka kwabo ngenxa kaNkulunkulu kungenxa yentshiseko yabo kanye nombono wabo omuhle ngezinto. Nakuba bekholelwa kuNkulunkulu, abayiqondi futhi abayazi intando Yakhe. UNkulunkulu bamsebenzela ngobumpumputhe futhi bamhluphekela ngobumpumputhe. Abakubheki njengegugu ukuthi bayakwazi ukuqonda futhi abanandaba kangako nendlela yokuba nesiqiniseko sokuthi inkonzo yabo iyayifeza yini intando kaNkulunkulu. Ingasaphathwa eyokwazi ukuthi bengamqonda kanjani uNkulunkulu. UNkulunkulu abamkhonzayo akawona umfanekiso kaNkulunkulu wangempela, kodwa nguNkulunkulu abazenzele yena, uNkulunkulu abezwe ngaye, noma uNkulunkulu wakudala otholakala ezintweni ezibhaliwe. Babe sebesebenzisa ukukhalipha kwemicabango yabo nonkulunkulu abasezinhliziyweni zabo ukuze bahlupheke ngenxa kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza. Inkonzo yabo iyinkimbinkimbi kakhulu, ngezinga lokuthi akekho nhlobo okhonza uNkulunkulu ngendlela efeza intando Yakhe. Kungakhathaliseki ukuthi bazimisele kangakanani ukuhlupheka, umbono wabo wangempela ngenkonzo nesithombe sabo sengqondo ngoNkulunkulu akushintshi ngenxa yokuthi abakaze badlule esahlulelweni nasekusolweni uNkulunkulu, kanye nasekucwengeni nasekuphelelisweni Nguye, nokuthi akekho oke wabahola ngeqiniso. Ngisho noma bekholelwa kuJesu uMsindisi, akekho kubo owake wabona uMsindisi. Bamazela kuphela ezinganekwaneni nakuyinzwabethi. Ngakho inkonzo yabo ingaphezu kokumane ukhonze amehlo evaliwe, njengempumputhe ikhonza uyise. Yini engafezwa ekugcineni ngalolu hlobo lwenkonzo? Ubani oyolwamukela? Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, inkonzo yabo ayishintshi nhlobo. Bamukele kuphela izifundo zomuntu futhi basekela inkonzo yabo ezintweni abazithandayo nabajwayelene nazo kuphela. Lokhu kungaba namuphi umvuzo? Ngisho noPetru, owayazi uJesu, wayengazi ukuthi angakhonza kanjani ngendlela efeza intando kaNkulunkulu. Kwaze kwaba sekupheleni, lapho esemdala , lapho aqala khona ukuqonda. Lokhu kusho ukuthini ngezimpumputhe ezingakaze zibhekane nalutho ezingakaze zibe namuntu oziqondisayo? Ingabe inkonzo yenu namuhla ayifani neyalezo zimpumputhe? Bonke labo abangakaze basamukele isahlulelo, abangakaze balungiswe futhi bashintshwe—ingabe abakanqotshwa ngokugcwele? Banamsebenzi muni abantu abanjalo? Uma ukucabanga kwakho, ukuqonda kwakho ukuphila, nokuqonda kwakho uNkulunkulu kungabonisi ushintsho olusha futhi kungaphumeli ngisho nasekuzuzeni okuncane, awusoze wathola into esile enkonzweni yakho! Ngaphandle kombono nangaphandle kokuqonda okusha umsebenzi kaNkulunkulu, awunakuba umuntu onqotshiwe. Indlela yakho yokulandela uNkulunkulu iyofana neyalabo abahluphekayo futhi abazila ukudla—ngeke ibaluleke kakhulu! Kumane kungenxa yobufakazi obuncane balokho abakwenza enkonzweni yabo obungenza ngithi inkonzo yabo iyize leze! Kukho konke ukuphila kwabo, labo bantu bayahlupheka, babhadla emajele, futhi ngaso sonke isikhathi bayabekezela, babonise uthando nomusa, bathwale nesiphambano sabo. Izwe libakhipha inyumbazane futhi babhekane nabo bonke ubunzima. Balalela kuze kube sekupheleni, kodwa noma kunjalo abanqotshiwe futhi abukho ubufakazi bokunqotshwa abangabethula. Abakaze bahlupheke nakancane, kodwa ngaphakathi abamazi nhlobo uNkulunkulu. Abakaze bayigcine imicabango yabo emidala, imibono emidala, amasiko enkolo, nokuqonda komuntu, kanye nemibono yomuntu. Lokhu akukhona nhlobo ukuqonda okusha kubo. Akukho ngisho nokuncane ukuqonda ngoNkulunkulu okuyiqiniso noma okunembile kubo. Abayiqondi kahle intando kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kungaba ukukhonza uNkulunkulu? Nokho benimqonda uNkulunkulu esikhathini esedlule, uma ningakwazi ukuqhubeka nakho namuhla futhi niqhubeka nisekela ukuqonda kwenu uNkulunkulu emibonweni kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wenzani. Lokho kufana nokuthi ungabi nakho ukuqonda okusha ngoNkulunkulu futhi wehluleke ukwazi umfanekiso wangempela kaNkulunkulu nesimo Sakhe seqiniso. Ake sithi ukuqonda kwakho uNkulunkulu kulawulwa iqembu labantu, imibono engenalo iqiniso futhi kuseyimicabango nezimfundiso zomuntu. Uma kunjalo, khona-ke kusho ukuthi awukanqotshwa. Inhloso yami ngokusho wonke la mazwi kini ukuthi nginivumele niqonde futhi nisebenzise lolu lwazi ukuze luniholele ekuqondeni okunembile nokusha. Ahloselwe nokuxosha izimfundiso ezindala nolwazi oludala eninakho ukuze nikwazi ukuba nokuqonda okusha. Uma niwadla ngempela futhi niwaphuze amazwi Ami, khona-ke ukuqonda kwenu kuyoshintsha kakhulu. Uma nje nisenenhliziyo elalelayo lapho nidla futhi niphuza amazwi kaNkulunkulu, nombono wenu uzoshintsha. Uma nje nisakwazi ukwamukela izijeziso eziningi, isimo somqondo wenu esidala siyoshintsha kancane kancane. Uma nje isimo somqondo wenu esidala sithathelwe indawo ngokuphelele esisha, nendlela enenza ngayo nayo iyoshintsha. Ngale ndlela, inkonzo yenu kancane kancane iyoba into ebalulekile, ikwazi ukufeza intando kaNkulunkulu. Uma ningakwazi ukushintsha ukuphila kwenu, ukuqonda kwenu ukuphila, nemibono yenu eminingi ngoNkulunkulu, isimo senu esingokwemvelo siyoncipha kancane kancane. Lokhu, kuwumphumela wangemva kokuthi uNkulunkulu enqobe umuntu; lolu ushintsho oluyobonakala kumuntu. Nakuba ekukholelweni kuNkulunkulu, okuwukuphela kwento eniyaziyo ukunqoba imizimba yenu nokubekezela kanye nokuhlupheka, futhi akunicaceli ukuthi enikwenzayo kuhle noma kubi, ingasaphathwa eyokuthi kungokukabani, khona-ke lolu hlobo lokwenza izinto lungaholela kanjani oshintshweni?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Kufanele niqonde ukuthi engikudinga kini akukhona ukuthi imizimba yenu ingasebenzi noma ukuthi izingqondo zenu zilawulwe futhi zingacabangi. Lokhu akuyona inhloso yomsebenzi futhi akuwona umsebenzi okudingeka wenziwe njengamanje. … Kudingeka niqonde umsebenzi kaNkulunkulu nendlela enakheke ngayo, isiqu senu esingokomoya, nokuphila kwenu okudala. Kubalulekile nokuthi nikwazi ukubona imikhuba yakudala eyiphutha nendlela yenu yokwenza. Ukuze nishintshe, kumele niqale nishintshe ukucabanga kwenu. Qale ufake umcabango omusha esikhundleni somdala, uvumele ukucabanga kwakho okusha kuqondise amazwi nezenzo kanye nokuphila kwakho. Yilokhu okucelwa kumuntu ngamunye kini njengamanje. Ningenzi noma nilandele ngobumpumputhe. Kufanele nibe nesisekelo kanye nomgomo. Ningazikhohlisi. Kufanele nazi ukuthi olwani ukholo lwenu kuNkulunkulu, nizozuzani kulo, nokuthi kufanele ningene kuphi njengamanje. Kubaluleke kakhulu ukuba nikwazi konke lokhu.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. Lapho ukuqonda kwenu izenzo zikaNkulunkulu kushintsha, lapho ninokuqonda okusha ngeqiniso lazo zonke izinto ezishiwo uNkulunkulu, futhi lapho ukuqonda kwenu kwangaphakathi kuthuthuka, ukuphila kwenu kuyoshintsha kube ngcono. Yonke into abantu abayenzayo nabayishoyo manje izoba ngokoqobo. Lezi akuzona izimfundiso, kodwa ziyilokho abantu abakudingayo ekuphileni kwabo nokufanele babe nakho. Lolu ushintsho olwenzeka kumuntu phakathi nomsebenzi wokunqoba, ushintsho umuntu okufanele adlule kulo, futhi luwumphumela wokunqotshwa komuntu. Lapho usushintshe ukucabanga kwakho, wabheka izinto ngelinye iso, washintsha imibono nezinhloso zakho nendlela owawucabanga ngayo, walahla lezo zinto ezimbelwe zajula ngaphakathi kwakho, futhi wathola ukuqonda okusha ngokholo kuNkulunkulu, khona-ke ubufakazi obethulayo buyoba ngobuphakeme nesiqu sakho sonke siyoshintsha ngempela. Konke lokhu kudingeka ngempela, kunomqondo, futhi kubaluleke kunazo zonke izinto—izinto okwakunzima ngabantu ukuthi bazithinte esikhathini esedlule nezinto abangakwazi ukuzithinta. Ziwumsebenzi wangempela kaMoya.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Ekupheleni kwawo wonke umsebenzi wokunqoba, kubalulekile ukuthi nonke niqonde ukuthi uNkulunkulu akuyena uNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, kodwa nguNkulunkulu wayo yonke indalo. Wadala sonke isintu, hhayi nje ama-Israyeli kuphela. Uma uthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela noma uthi uNkulunkulu akanakuba umuntu kunoma isiphi isizwe ngaphandle kwesakwa-Israyeli, khona-ke awukawuqondi kahle umsebenzi wokunqoba futhi awuboni nhlobo ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu. Okuwukuphela kwento oyibonayo ukuthi uNkulunkulu wasuka kwa-Israyeli waya eShayina futhi uphoqwa ukuba abe uNkulunkulu wakho. Uma lena kuseyindlela obona ngayo izinto, khona-ke umsebenzi Wami awubanga nazithelo kuwe futhi ayikho into engiyishilo oyiqondayo. Ekugcineni, uma wena, njengoMathewu, ningaphinde nibhale uhlu lozalo Lwami, ningitholele ukhokho ofanele, nemvelaphi efanele—njengokuthi uNkulunkulu unozalo olukabili loNkulunkulu Bakhe ababili abasamuntu—ngeke yini lelo kube yihlaya elikhulu kunawo wonke emhlabeni? Ngeke yini wena, lo “muntu onezinhloso ezinhle” othole uhlu lozalo Lwami, uphenduke umuntu ohlukanisa uNkulunkulu? Ingabe uyakwazi ukuthwala umthwalo wesono? Ngemva kwawo wonke lo msebenzi wokunqoba, uma ungakakholwa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wayo yonke indalo, uma usacabanga ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, ingabe awuyena umuntu omphika obala uNkulunkulu? Inhloso yokunqoba wena namhlanje ukuthi ubone ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wakho, nomunye uNkulunkulu, futhi okubaluleke nakakhulu, uNkulunkulu wabo bonke abamthandayo, uNkulunkulu wayo yonke indalo. UnguNkulunkulu wama-Israyeli noNkulunkulu wabantu baseGibhithe. UnguNkulunkulu wamaNgisi noNkulunkulu wamaMelika. Akayena nje uNkulunkulu ka-Adamu no-Eva, kodwa unguNkulunkulu wayo yonke inzalo ka-Adamu no-Eva. UnguNkulunkulu wakho konke okusezulwini nokusemhlabeni.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. Imindeni yama-Israyeli nayo yonke imindeni yabeZizwe yayisezandleni zikaNkulunkulu oyedwa. Akasebenzanga nje kwa-Israyeli kuphela izinkulungwane eziningi zeminyaka futhi wazalelwa eJudiya, kodwa namuhla wehlele eShayina, lena indawo udrako omkhulu obomvu azithukuse kuyo. Uma ukuzalelwa eJudiya kumenza iNkosi yamaJuda, khona-ke ingabe ukwehlela Kwakhe phakathi kwenu namuhla akumenzi yini uNkulunkulu wenu? Wahola ama-Israyeli futhi wazalelwa eJudiya, futhi waphinde wazalelwa ezweni labeZizwe. Ingabe umsebenzi Wakhe akusona sonke isintu asidala? Ingabe ama-Israyeli uwathanda izikhathi eziyikhulu azonde abeZizwe izikhathi eziyinkulungwane? Ingabe lowo umbono wenu? Yinina eningamqapheli uNkulunkulu; akukhona ukuthi uNkulunkulu akakaze abe nguNkulunkulu wenu. Yinina enenqaba uNkulunkulu; akukhona ukuthi uNkulunkulu akafuni ukuba uNkulunkulu wenu. Ubani phakathi kwezidalwa ongekho ezandleni zikaSomandla? Ekunqobeni nina namuhla, ingabe inhloso akukhona ukunenza nibone ukuthi uNkulunkulu akayilutho olunye ngaphandle kokuba nguNkulunkulu wenu? Uma nisathi uNkulunkulu unguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, futhi ningayeki ukuthi indlu kaDavide kwa-Israyeli iyilapho kwazalelwa khona uNkulunkulu nokuthi asikho esinye isizwe ngaphandle kwama-Israyeli “ezingakhiqiza” uNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuthi imindeni yabeZizwe ikwazi ukwamukela umsebenzi kaJehova—uma nisacabanga ngale ndlela, khona-ke ingabe lokho akunenzi yini nibe yizijaka? Ningalokhu nigqoloze ku-Israyeli. UNkulunkulu ukhona khona lapha phakathi kwenu namhlanje. Ningalokhu nibheka ezulwini. Yekani ukukhomba uNkulunkulu wenu ezulwini! UNkulunkulu uze phakathi kwenu, ngakho angaba kanjani sezulwini? Anikakholelwa isikhathi eside kakhulu kuNkulunkulu, kodwa ninemibono eminingi Ngaye, ngezinga lokuthi nize nicabange ukuthi uNkulunkulu wama-Israyeli uyonibonisa umusa ekubeni khona Kwakhe. Anilokothi nizihluphe ngokucabanga ngendlela eningabona ngayo ubuntu bukaNkulunkulu, ngenxa yonya eninalo. Futhi anikaze nicabange ngendlela uNkulunkulu angehlela ngayo ezweni labeZizwe. Ufuna ukwehlela eNtabeni yaseSinayi noma eNtabeni Yeminqumo avele kuma-Israyeli. Ingabe abeZizwe (okusho ukuthi, abantu bangaphandle kwakwa-Israyeli) abazona izisulu zenzondo Yakhe? Angasebenza kanjani ngokoqobo phakathi kwabo? Konke lokhu imibono engene yajula enibe nayo iminyaka eminingi. Injongo yokuninqoba namuhla ukuqeda le mibono yenu. Nimbonile uNkulunkulu evela ngokoqobo phakathi kwenu—hhayi eNtabeni yaseSinayi noma eNtabeni Yeminqumo, kodwa phakathi kwabantu angakaze abahole phambilini.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

18. Ngemva kokuba uNkulunkulu enze izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe kwa-Israyeli, ama-Israyeli kanye nabo bonke abeZizwe bawubamba lo mbono: Nakuba kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto, uzimisele ukuba nguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, hhayi uNkulunkulu wabeZizwe. Ama-Israyeli akholelwa kulokhu okulandelayo: UNkulunkulu angaba nguNkulunkulu wethu kuphela, hhayi uNkulunkulu wabeZizwe, futhi ngenxa yokuthi animhloniphi uJehova, uJehova—uNkulunkulu wethu—uyanizonda. Lawo maJuda akukholelwa nakakhulu lokhu: INkosi uJesu yathatha isithombe sethu njengabantu futhi inguNkulunkulu onophawu lwabantu abangamaJuda. UNkulunkulu usebenza phakathi kwethu. Umfanekiso kaNkulunkulu nowethu kuyafana; umfanekiso wethu usondele kokaNkulunkulu. INkosi uJesu iyiNkosi yethu njengamaJuda; abeZizwe akufanele bamukele insindiso enkulu kanjalo. INkosi uJesu iwumnikelo wesono kithi maJuda. Kwakungenxa yalezi zigaba ezimbili zomsebenzi kuphela lapho ama-Israyeli kanye namaJuda bakha imibono eminingi kangaka. Bonke ngothi lwabo, bathi uNkulunkulu ungowabo, abakuvumi ukuthi uNkulunkulu uphinde abe oweZizwe. Ngale ndlela, uNkulunkulu akalutho ezinhliziyweni zabeZizwe. Lokhu kungenxa yokuthi bonke bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akafuni ukuba nguNkulunkulu wabezizwe nokuthi uthanda ama-Israyeli kuphela—uyawathanda amaJuda, kodwa ikakhulukazi labo abamlandelayo. Ingabe anazi ukuthi umsebenzi owenziwa uJehova noJesu wawungowokuthi sonke isintu sisinde? Ingabe manje niyabona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu wenu nonke eningaphandle kuka-Israyeli? Akukho yini uNkulunkulu lapha phakathi kwenu namuhla? Lokhu akunakuba yiphupho, akunjalo? Ingabe uyafuna ukubhekana nesimo esingokoqobo? Anilokothi nikukholelwe noma nicabange ngakho. Kungakhathaliseki ukuthi ukubona kanjani, ingabe uNkulunkulu akekho phakathi kwenu? Ingabe nisesaba ukukholelwa kula mazwi? Kusukela namhlanje, ingabe bonke ababona abantu abanqotshiwe nalabo abafuna ukuba abalandeli bakaNkulunkulu abantu abakhethile? Ingabe nonke nina eningabalandeli namuhla, nikhethwe kubantu abangaphandle kuka-Israyeli? Ingabe igama lenu alifani nelama-Israyeli? Ingabe akukhona konke lokhu okufanele nikuqaphele? Ingabe lona akuwona umgomo womsebenzi wokuninqoba? Njengoba ungambona uNkulunkulu, khona-ke uyoba nguNkulunkulu wakho kuze kube phakade kusukela ekuqaleni kuze kube sesikhathini esizayo. Ngeke akulaxaze, njengoba nonke nizimisele ukumlandela nokuba indalo Yakhe eqotho Kuye nemlalelayo.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

19. Kusho ukuthini ukupheleliswa? Kusho ukuthini ukunqotshwa? Yini umuntu okufanele ayenze ukuze anqotshwe? Futhi yini okufanele ayenze ukuze apheleliswe? Ukunqotshwa nokupheleliswa kuwumgomo womuntu osebenzayo ukuze abuyele esimweni sakhe sasekuqaleni, akhululeke esimweni sikaSathane esikhohlakele nasekuyengweni nguSathane. Lokhu kunqoba kusheshe kufike kumuntu osebenzayo, okusho ukuthi kuyisigaba sokuqala somsebenzi. Ukuphelelisa kuyisigaba esilandelayo, noma umsebenzi wokuphetha. Wonke umuntu kufanele adlule ekunqotshweni; uma kungenjalo ngeke amazi uNkulunkulu futhi ngeke azi ukuthi kunoNkulunkulu, okusho ukuthi ngeke akwazi ukuphawula uNkulunkulu. Uma umuntu engamboni uNkulunkulu, ngeke akwazi ukupheleliswa uNkulunkulu ngenxa yokuthi akazifinyeleli izimfuneko zalokhu kupheleliswa. Uma uhluleka ukubona uNkulunkulu, ungamazi kanjani? Futhi ungamfuna kanjani? Ngeke ukwazi nokufakaza Ngaye, ingasaphathwa eyokuba nokholo olumgculisayo. Ngakho, noma ubani ofuna ukupheleliswa, isinyathelo sokuqala ukuthi adlule emsebenzini wokunqoba. Lona umbandela wokuqala. Kodwa ukunqoba noma ukuphelelisa, kuyimigomo yomuntu osebenzayo futhi kuyamshintsha, futhi ngakunye kubalulekile ekuqondiseni komuntu. Lezi zinyathelo ezimbili ziyadingeka ekuguquleni umuntu abe ophelele; asikho isinyathelo okufanele seqiwe. Kuyiqiniso ukuthi “ukunqotshwa” akuzwakali kahle, kodwa empeleni inqubo yokunqoba umuntu iyinqubo yokumguqula. Ngemva kokunqotshwa, ungase ungakwazi ukuqeda ngokuphelele ngesimo sakho esikhohlakele, kodwa uyosazi. Ngomsebenzi wokunqoba niyobazi ubuntu benu obuphansi kanye nokuthi anilaleli ngezinga elingakanani. Nakuba ningeke nikwazi ukukulahla noma nikushintshe ngesikhashana somsebenzi wokunqoba, niyokwazi ngakho. Lokhu kubeka isisekelo sokupheleliswa kwenu. Ngakho ukunqoba nokuphelelisa kokubili kwenziwa umuntu oguqukayo, kokubili inhloso yakho ukuqeda ngesimo sakhe esikhohlakele sobusathane ukuze azinikele ngokugcwele kuNkulunkulu. Kumane kuwukuthi ukunqotshwa kuyisinyathelo sokuqala ekushintsheni isimo somuntu nasekutheni umuntu azinikele ngokugcwele kuNkulunkulu, okuyisigaba esiphansi kunesokupheleliswa. Isimo sokuphila somuntu onqotshiwe sishintsha kancane kunesomuntu ophelelisiwe. Ukunqotshwa nokupheleliswa kuyehluka ngezinga elithile kumuntu ngamunye ngenxa yokuthi kuyizigaba ezingafani zomsebenzi nangenxa yamazinga angafani abantu, ukunqoba kubenza babe sezingeni eliphansi kuyilapho ukupheleliswa kubenza baphakame. Abaphelelisiwe abantu abalungile, abantu abangcwelisiwe futhi bahlanzwa; bawumphumela womsebenzi wokuqondiswa komuntu, noma isiphetho. Nakuba bengebona abangasoleki, bangabantu abafuna ukuphila okunomgomo. Kodwa kuthiwani ngokunqotshwa? Bagcina ngokusho ukuthi uNkulunkulu ukhona; bayabona ukuthi uNkulunkulu uzenze umuntu, ukuthi iZwi livela lisenyameni, nokuthi uNkulunkulu wehlele emhlabeni ukuze enze umsebenzi wokwahlulela nokusola. Bayabona nokuthi ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu nokuyala Kwakhe kanye nokucwenga konke kuyamzuzisa umuntu. Okusho ukuthi, sebeqala ukufana nabantu, bayakuqonda ngezinga elithile ukuphila kodwa inkungu isagcwele amehlo. Ngamanye amazwi, bamane nje baqala inqubo yabantu. Lena imiphumela yokunqotshwa. Lapho abantu bethatha isinyathelo sokupheleliswa, isimo sabo esidala singashintshwa. Ngaphezu kwalokho, ukuphila kwabo kuyakhula futhi kancane kancane bangena bajule eqinisweni. Abakwazi ukuzonda izwe noma bazonde bonke abangalifuni iqiniso. Bazizonda bona ikakhulu, kodwa okukhulu nakakhulu, ukuthi bazazi ngokucacile. Bazimisele ukuphila ngeqiniso futhi bakwenza umgomo wabo ukufuna iqiniso. Abazimisele ukuphila ngemicabango yezingqondo zabo, futhi bayakuzonda ukuzibona komuntu elungile, nokuzidla kwakhe. Bakhuluma into ehluzekile ngokulunga, banokuqonda, banokuhlakanipha, futhi baqotho ekulaleleni uNkulunkulu. Lapho bedlula ezikhathini zokujeziswa nokwahlulelwa, abagcini nje ngokubonisa ubuthaka, kodwa bayazazisa. Abakwazi kwenza lutho ngaphandle kokusolwa nesahlulelo sikaNkulunkulu; bangathola isivikelo Sakhe kukho. Abafuni ukholo lokuthula nenjabulo, futhi abasifuni isinkwa esizovala iphanga labo. Abayilandeli futhi injabulo yenyama. Lokhu yinto abaphelelisiwe abanayo.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

20. Nithi niyamazi uNkulunkulu osamuntu futhi niyazi ukuthi iZwi livela lisenyameni, kodwa kukhona izinto enizenza ngasese, futhi aniziphathi ngendlela Yena ayifunayo, futhi animesabi. Ingabe lokhu ukwazi uNkulunkulu? Niyakwazi akushoyo, kodwa niyenqaba ukwenza ngisho nezinto enikwazi ukuzenza futhi aninamatheli endleleni Yakhe. Ingabe lolu ulwazi? Ninolwazi Ngaye, kodwa izingqondo zenu zimelene Naye, azimhloniphi nhlobo. Uma umbonile futhi wazi nomsebenzi Wakhe, wazi nokuthi unguNkulunkulu, kodwa ungashintshi ngokuphelele, khona-ke usengumuntu onganqotshiwe.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

21. Umuntu onqotshiwe wenza konke angakwenza; ufuna ukungena nokufinyelela izinga eliphakeme lamaqiniso ngisho noma engakwazi ukwenza kanjalo. Kungenxa yokuthi unemingcele kulokhu angakungenisa futhi izinto azenzayo zinemikhawulo. Kodwa okungenani kufanele enze konke okusemandleni akhe. Uma ungenza lezi zinto, kuyoba ngenxa yomsebenzi wokunqoba. Ake sithi uthi, “Uma esho amazwi amaningi kangaka umuntu angakwazi ukuwakhuluma, uma engeyena uNkulunkulu, ungubani?” Ukucabanga ngale ndlela akusho ukuthi uyamazi uNkulunkulu. Uma wazi uNkulunkulu, kumele ukubonise ngezenzo zakho lokho. Ukuhola ibandla kodwa ungakwazi ukwenza okulungile, nokubhinca imali futhi uhlale ufihla ngobukhoshosho imali yebandla emaphaketheni akho—ingabe lokho kubonisa ukuthi uyamazi uNkulunkulu? UNkulunkulu unguSomandla futhi kufanele esatshwe. Ungahlala kanjani ungesabi uma ubona ngempela ukuthi kunoNkulunkulu? Ningazenza kanjalo lezo zinto ezilichilo? Kungashiwo yini ukuthi ningamakholwa? Ingabe nimazi ngempela uNkulunkulu? Ingabe nikholelwa kuNkulunkulu? Enikholelwa kukho uNkulunkulu ongaqondakali; yingakho ningesabi! Labo abambona ngempela uNkulunkulu futhi abamaziyo, bonke bayamesaba futhi abesabi ukwenza noma yini emelene Naye noma engavumelani nonembeza wabo; bayesaba ukwenza noma yini engavumelani nentando kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungabizwa ngokwazi ukuthi uNkulunkulu ukhona. Yini okufanele uyenze lapho abazali bakho benqaba ukuthi ukholelwe kuNkulunkulu? Kufanele umthande kanjani uNkulunkulu lapho umyeni wakho ongakholwa ekuphatha kahle? Futhi kufanele umthathe kanjani uNkulunkulu lapho abafowenu nodadewenu bekuzonda? Uma umazi uNkulunkulu, uyoziphatha ngokufanele futhi ubhekane ngokoqobo nazo zonke izimo. Uma wehluleka ukwenza kodwa ugcine ngokuthi uyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, khona-ke uyobe wande ngomlomo nje kuphela! Uthi ukholelwa Kuye futhi uyamazi. Kodwa wazini Ngaye? Ukholelwa ngayiphi indlela Kuye? Ingabe uyamesaba? Ingabe uyamhlonipha? Ingabe umthanda ngokujulile? Lapho udangele futhi ungenamuntu ongakhalela kuye, uyasibona isidingo sokuthanda uNkulunkulu, kodwa ngemva kwalokho umkhohlwa nyá. Lokho akukhona ukuthanda uNkulunkulu noma ukukholelwa kuNkulunkulu! Ekugcineni, yini uNkulunkulu afuna umuntu ayifeze? Wonke amazwi engiwashilo, njengokucabanga ukuthi umkhulu, ucabange ukuthi uyashesha ukubamba izinto, ukulawula abanye, ukubukela abanye phansi, ukwahlulela abantu ngendlela ababukeka ngayo, ukuxhaphaza abantu abathembekile, ukufisa imali yebandla, njalo njalo—ukulahla isimo esinjalo esikhohlakele sobusathane yinto okufanele ibonakale kuwe ngemva kokunqotshwa.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

22. Umsebenzi wokunqoba owenziwa kini ubaluleke kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, inhloso yalo msebenzi ukuphelelisa iqembu labantu, okusho ukuthi, ukubaphelelisa eqenjini labanqobi, njengeqembu lokuqala labantu abaphelelisiwe, okusho ukuthi bayizithelo zokuqala. Ngakolunye uhlangothi, kuwukwenza izinto ezidaliwe zijabulele uthando lukaNkulunkulu, zamukele insindiso enkulu kaNkulunkulu, nensindiso Yakhe egcwele, futhi umuntu abe nomusa, ububele, kodwa okukhulu nakakhulu ukusolwa nokwahlulelwa. Kusukela ekudalweni kwezwe kuze kube manje, konke uNkulunkulu akwenze emsebenzini Wakhe kuwuthando, ngaphandle kokuzonda umuntu. Ngisho nokusola kanye nokwahlulela enikubonile kuwuthando, uthando lweqiniso futhi lwangempela, uthando oluholela umuntu endleleni efanele yokuphila. Okwesithathu, kuwubufakazi phambi kukaSathane. Okwesine, kwakha isisekelo sokusakaza ivangeli esikhathini esizayo. Wonke umsebenzi awenzile, uwenzele ukuholela abantu endleleni efanele ekuphileni, ukuze isintu siphile ngendlela ejwayelekile, kodwa umuntu akazi ukuthi kuqondiswa kanjani ukuphila. Ngaphandle kwalokho kuqondisa, uyophila ukuphila okungasho lutho, uyophila ukuphila okungasizi ngalutho futhi okungenamgomo, futhi ngeke wazi nhlobo ukuthi kunjani ukuba umuntu ojwayelekile. Lokhu ukubaluleka kokunqoba umuntu.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

23. Nonke niphila endaweni yesono futhi aninasimilo; nonke nixegelwa yisimilo futhi niyizoni. Namuhla anigcini nje ngokubona uNkulunkulu, kodwa okubaluleke nakakhulu, namukele ukusolwa nesahlulelo, namukele insindiso enkulu, okusho ukuthi, namukele uthando olukhulu lukaNkulunkulu. Kodwa akwenzayo kuwuthando lweqiniso kini; akanazo izinhloso ezimbi. Unahlulela ngenxa yezono zenu, ukuze nizihlole bese namukela insindiso enkulu. Konke lokhu kwenziwa kumuntu osebenzayo. Kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, uNkulunkulu ubelokhu enza lokhu ukuze asindise umuntu, futhi akazimisele nhlobo ukubhubhisa abantu abadale ngezandla Zakhe. Manje uzele ukuzosebenza phakathi kwenu; akuyona yini enye insindiso lena? Uma enizondile, ingabe ubezowenza umsebenzi omkhulu kangako wokunihola ngokuqondile? Kungani kufanele ahlupheke kanjalo? UNkulunkulu akakuzondi noma abe nezinhloso ezimbi ngawe. Kufanele nazi ukuthi uthando lukaNkulunkulu lulwedlula lonke uthando lweqiniso. Ukungalaleli kwabantu okwenza uNkulunkulu abasindise ngokubahlulela; kungenjalo bebengeke basindiswe. Njengoba ningazi ukuthi nikuqondise kanjani ukuphila noma ukuthi niphile kanjani futhi nixegelwa yisimilo, niphila nasendaweni yesono futhi ningodeveli abenyanyekayo, uNkulunkulu akanayo inhliziyo yokunivumela nikhohlakale nakakhulu; futhi akanayo nenhliziyo yokunivumela niphile endaweni engcole kanje, nidlale uSathane, futhi akanayo inhliziyo yokunivumela niwele eHayidesi. Uma nje ufuna ukuzuza leli qembu lenu anisindise ngokuphelele. Lena inhloso eyinhloko yokwenza umsebenzi wokunqoba kini—kungokwensindiso kuphela.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

24. Uma ningakwazi ukubona ukuthi yonke into eyenziwe kini iwuthando nensindiso, uma nicabanga ukuthi kumane kuyindlela nje, indlela yokuhlupha umuntu okungafanele yethenjwe, khona-ke ningabuyela ezweni lenu niyoququdwa izinhlungu nobunzima! Uma nithanda ukuba kulo mthombo futhi nijabulele lezi zahlulelo nensindiso ejulile, ukujabulela zonke lezi zibusiso ezingatholakali ndawo ezweni labantu, ukujabulela lolu thando, nokuzithoba kulo mthombo ngokwamukela umsebenzi wokunqoba ukuze upheleliswe. Nakuba manje nizwa ubuhlungu futhi nicwengwa ngenxa yezahlulelo, lobu buhlungu bubalulekile futhi bunenhloso. Nakuba ukusola nokwahlulela kuwukucwengwa futhi kuyizinto ezingenamusa kumuntu, kuhloselwe ukujezisa izono nenyama yakhe, awukho umsebenzi kulona ohloselwe ukuyala nokubhubhisa inyama yakhe. Iziphetho ezinkulu zezwi zonke zihloselwe ukukuholela endleleni efanele. Senibhekane nokuningi kakhulu kulo msebenzi, ngokusobala akuniholelanga endleleni yokukhohlakala! Konke kuhloselwe ukunenza niphile ngendlela ejwayelekile; konke kungafezwa ubuntu benu obujwayelekile. Zonke izigaba zomsebenzi ezenziwayo zisekelwe ezidingweni zenu, ebuthakathakeni benu, nasesimweni senu sangempela, futhi awukho umthwalo ongathwaleki obekwe emahlombe enu. Nakuba ningakwazi ukukubona ngokucacile lokhu futhi nicabanga ukuthi nginokhahlo kini, nakuba nicabanga ukuthi into eyenza nginijezise futhi nginisole nsuku zonke ukuthi ngiyanizonda, futhi nakuba nisolwa futhi nahlulelwa, empeleni konke kuwukunibonisa uthando, nesivikelo esikhulu kini. Uma ningakwazi ukubamba incazelo ejulile yalo msebenzi, khona-ke anikwazi ukuzihambela nina le ndlela. Kufanele niduduzelwe leyo nsindiso. Ningenqabi ukusebenzisa umqondo. Njengoba sesifike kuleli qophelo, kufanele nikubone ngokucacile ukubaluleka kwalo msebenzi wokunqoba. Akusafanele nibe nombono onjalo!

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana