Voice of Justice

Voice of Justice

2019/07/08

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Mayelana NeBhayibheli”

1. Eminyakeni eminingi, izindlela zomdabu zabantu zokukholwa (lezo zobuKristu, okungenye yezinkolo ezintathu ezinkulu emhlabeni) bekuwukufunda iBhayibheli; ukusuka eBhayibhelini akulona ukholo eNkosini, ukusuka eBhayibhelini kuyinkolelo-ze embi, kanye nokuhlubuka, futhi ngisho lapho abantu befunda ezinye izincwadi, isisekelo salezo zincwadi kufanele kube ukuchazwa kweBhayibheli. Okungukuthi, uma uthi ukholwa eNkosini, kufanele ufunde iBhayibheli, kufanele udle uphinde uphuze iBhayibheli, futhi ngaphandle kweBhayibheli akufanele ukhonze noma iyiphi enye incwadi engaphathelene neBhayibheli. Uma ukwenza lokho, ukhaphela uNkulunkulu. Kusukela ngesikhathi lapho kwaba khona iBhayibheli, inkolelo yabantu eNkosini ibingukukholelwa eBhayibhelini. Esikhundleni sokuthi abantu bakholelwa eNkosini, kungcono ukuthi bakholelwa eBhayibhelini; kunokuba kuthiwe sebeqalile ukufunda iBhayibheli, kungcono ukuthi sebeqalile ukukholelwa eBhayibhelini; futhi kunokuthi kuthiwe sebebuyele phambi kukaNkulunkulu, kungcono ukuthi sebubuyele phambi kweBhayibheli. Ngale ndlela, abantu bakhonza iBhayibheli sengathi linguNkulunkulu, sengathi liyigazi lempilo yabo nokulahlekelwa yilo kungafana nokulahlekelwa impilo yabo. Abantu babona iBhayibheli liphakeme njengoNkulunkulu, futhi kukhona ngisho nalabo abalibona liphakeme kunoNkulunkulu. Uma abantu bengenawo umsebenzi woMoya oNgcwele, uma bengamuzwa uNkulunkulu, bayaqhubeka baphile—kodwa ngokushesha uma belahlekelwa iBhayibheli, noma balahlekelwe izahluko nezisho ezaziwayo eBhayibhelini, kumane kube sengathi balahlekelwe impilo yabo. Ngakho, ngokushesha uma abantu bekholwa kuNkulunkulu bayaqala bafunde iBhayibheli, nokwazi iBhayibheli ngekhanda, futhi lapho bazi ngekhanda ingxenye enkulu yeBhayibheli, yilapho kubonakala kakhulu ukuthi bayayithanda iNkosi futhi banokholo olukhulu. Labo abalifundile iBhayibheli futhi abakwazi ukukhuluma kwabanye ngalo bangabafowethu nodadewethu abalungile. Kuyo yonke le minyaka, ukukholwa nokuthembeka kwabantu eNkosini kukalwe ngezinga lokuqonda kwabo iBhayibheli. Abantu abaningi bamane abaqondi ukuthi kungani kufanele bakholwe kuNkulunkulu, nokuthi kufanele bakholwe kanjani kuNkulunkulu, futhi abenzi lutho ngaphandle kokucinga ngokumpumpuzela befuna imikhondo yezincazelo obala izimfihlakalo zezahluko zeBhayibheli. Abakaze bafune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele; kuze kube manje, abenzanga lutho ngaphandle kokufundisisa nokuphenya iBhayibheli, futhi akekho owake wathola umsebenzi osemusha woMoya oNgcwele, ngaphandle kwaseBhayibhelini, akekho owake wasuka eBhayibhelini, futhi abakaze balokothe basuke eBhayibhelini. Abantu balifundile iBhayibheli kuyo yonke le minyaka, baqhamuke nezincazelo eziningi kakhulu, bazikhandla kakhulu; banokuhluka ngemibono okuningi, futhi abaphikisana ngayo bengaphezi, ngendlela yokuthi sekunezinhlelo zamabandla ezingaphezu kwezi-2000 ezakhiwe namuhla. Zonke zifuna ukuthola izincazelo ezithile ezikhethekile, noma izimfihlakalo ezijule kakhulu eBhayibhelini, zifuna ukulihlola, nokuthola isendlalelo ngomsebenzi kaJehova kwa-Israyeli, noma isendlalelo ngomsebenzi kaJesu eJudiya, noma ezinye izimfihlakalo ezingaziwa muntu. Indlela abantu abalithatha ngayo iBhayibheli yile enokuthatheka nokukholwa, futhi akekho ocacelwe ngokuphelele indaba yangaphakathi noma ingqikithi yeBhayibheli. Ngakho, umphumela walokho namuhla ukuthi, abantu basenokuzwa ongachazeki wesimangaliso uma sekuza eBhayibhelini; okudlula lokho, benganyelwe yilo bathathekile, futhi bakholelwa kulo. Namhlanje, bonke abantu bafuna ukuthola iziphrofetho zomsebenzi wezinsuku zokugcina eBhayibhelini, bafuna ukuthola ukuthi imuphi umsebenzi uNkulunkulu awenzayo ngezinsuku zokugcina, nokuthi iziphi izimpawu ezikhona zezinsuku zokugcina. Ngale ndlela, ukukhonza kwabo iBhayibheli kuya kuba namandla, futhi njengoba ziya zisondela izinsuku zokugcina, baya bezikholwa kakhulu iziphrofetho zeBhayibheli, ikakhulukazi lezo ezimayelana nezinsuku zokugcina. Ngokholo olumpumpuzela kakhulu eBhayibhelini, nangokwethembela okukhulu eBhayibhelini, abanasifiso sokufuna umsebenzi woMoya oNgcwele. Ngokokubona kwabantu bacabanga ukuthi iBhayibheli kuphela elingaletha umsebenzi woMoya oNgcwele; iseBhayibhelini kuphela lapho bengathola khona izinyathelo zikaNkulunkulu; iseBhayibhelini kuphela lapho kucashe khona izimfihlakalo zomsebenzi kaNkulunkulu; iBhayibheli kuphela—hhayi ezinye izincwadi noma abantu—okungacacisa yonke into kaNkulunkulu kanye nomsebenzi wakhe sewuwonke; iBhayibheli lingaletha umsebenzi wezulu emhlabeni; futhi iBhayibheli lingaqala futhi liphethe izinkathi. Ngale mibono, abantu abanaso isifiso sokufuna umsebenzi woMoya oNgcwele. Ngakho, akukhathaleki, ukuthi iBhayibheli labe liwusizo kangakanani kubantu kudala, seliphenduke isiphazamiso emsebenzini kaNkulunkulu wakamuva. Ngaphandle kweBhayibheli abantu bangafuna izinyathelo zikaNkulunkulu kwenye indawo, kepha namuhla, izinyathelo Zakhe sezigcinwe eBhayibhelini, futhi ukwelula umsebenzi Wakhe wakamuva sekuphenduke kwanzima ngokuphindiwe, futhi kwaba umshikashika owumqansa. Konke lokhu kungenxa yezahluko nezisho ezinedumela zaseBhayibhelini, kanye neziphrofetho ezehlukene zeBhayibheli. IBhayibheli seliphenduke isithixo emiqondweni yabantu, seliphenduke indida ezingqondweni zabo, futhi bamane abakwazi ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu angasebenza ngaphandle kweBhayibheli, abakwazi ukukholwa ukuthi abantu bangathola uNkulunkulu ngaphandle kweBhayibheli, kungasaphathwa ukuthi bakholwe ukuthi uNkulunkulu angashiya iBhayibheli ngesikhathi somsebenzi wokugcina futhi aqale kabusha. Lokhu kuyinto engacabangeki kubantu; abayikholwa, futhi abakwazi ukuyibona nangamehlo engqondo. IBhayibheli seliphenduke isiphazamiso esikhulu ekwamukeleni kwabantu umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi lenze kwanzima ukusabalalisa lo msebenzi omusha.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

2. Ezikhathini zasendulo, ngaphambi kweNkathi Yomusa abantu babelifunda iBhayibheli, kodwa ngaleso sikhathi kwakukhona iTestamente Elidala kuphela; lalingekho iTestamente Elisha. Njengoba kwabe kukhona iTestamente Elidala leBhayibheli, abantu baqala bafunda imibhalo engcwele. Emva kokuthi ukuqondiswa kwakhe nguNkulunkulu sekuphelile, uMose wabhala uGenesise, u-Eksodusi, kanye noDuteronomi…. Wakhumbula umsebenzi kaJehova ngaleso sikhathi, wawubhala phansi. IBhayibheli incwadi yomlando. Kunjalo, futhi liqukethe okunye ukubikezela kwabaprofethi, futhi phela, lokhu kubikezela akuwona neze umlando. IBhayibheli linezingxenye eziningi—akukho nje ukuprofetha kuphela, noma umsebenzi kaJehova kuphela, futhi akukho zincwadi zokuthunyelwa zikaPawulu kuphela. Kufanele wazi ukuthi iBhayibheli linezingxenye ezingaki; iTestamente Elidala liqukethe uGenesise, uEksodusi…, futhi kukhona kanye nezincwadi zeziprofetho abazibhala. Ekugcineni, iTestamente Elidala ligcina ngeNcwadi kaMalaki. Kubhalwe umsebenzi weNkathi Yomthetho, owaholwa nguJehova; kusuka kuGenesise kuya eNcwadini kaMalaki, kungumbhalo ogcwele wawo wonke umsebenzi weNkathi Yomthetho. Okungukuthi, imibhalo yeTestamente Elidala ingakho konke abantu ababeqondiswa nguJehova abadlula kukho ngeNkathi Yomthetho. NgeNkathi Yomthetho weTestamente Elidala, inani eliningi labaprofethi abamiswa nguJehova bamprofethela, banikeza imiyalelo, ezizwaneni nezizwe ezihlukahlukene, futhi babikezela umsebenzi uJehova abe ezowenza. Laba bantu ababemisiwe bonke babenikwe uMoya wokuprofetha nguJehova: Babekwazi ukubona imibono evela kuJehova, nokuzwa izwi Lakhe, ngakho bagqugquzelwa Nguyena futhi babhala ngokuprofetha. Umsebenzi abawenza wawuveza izwi likaJehova, kwabe kungumsebenzi wokuprofetha ababewenzela uJehova, futhi umsebenzi kaJehova ngaleso sikhathi kwabe kumane kuwukuqondisa abantu ngokusebenzisa uMoya. Akazange athathe isimo senyama, futhi abantu abazange babubone ubuso Bakhe nakancane. Ngakho, wamisa abaprofethi abaningi ukuze benze umsebenzi Wakhe, futhi wabanika imibiko abayidlulisela kuzo zonke izizwe nezizalo zakwa-Israyeli. Umsebenzi wabo kwabe kuwukuprofetha, futhi abanye babhala imiyalelo kaJehova kubo ukuze bakhombise abanye. UJehova wabamisa laba bantu ukuze baprofethe, babikezele umsebenzi wangesikhathi esizayo noma umsebenzi owawusadinga ukwenziwa ngaleso sikhathi, ukuze abantu babone ubuhle obumangalisayo nobuhlakani bukaJehova. Lezi zincwadi zokuprofetha zazihlukile nokho kunezinye izincwadi zeBhayibheli; zabe zingamazwi ayekhulunywe noma ebhalwe yilabo ababekade benikwe uMoya wokuprofetha—yilabo ababethole imibono noma izwi elivela kuJehova. Ngaphandle kwezincwadi zokuprofetha, yonke into eTestamenteni Elidala imibhalo ebhalwe ngabantu emuva kokuthi uJehova wayeseqedile umsebenzi Wakhe. Lezi zincwadi ngeke zikwazi ukumela ukubikezela okwakhulunywa ngabaprofethi njengoba uGenesise no-Eksodusi bengeke baqhathaniswa neNcwadi ka-Isaya kanye neNcwadi kaDaniyeli. Iziprofetho zakhulunywa ungakenziwa umsebenzi; lezi ezinye izincwadi, nokho, zabhalwa lapho sewuqediwe, okuyilokho abantu ababekwazi ukukwenza. … Ngale ndlela, lokho okubhalwe eBhayibhelini umsebenzi kwa-Israyeli kuphela ngaleso sikhathi. Amazwi akhulunywa ngabaprofethi, u-Isaya, uDaniyeli, uJeremiya, kanye noHezekeli … amazwi abo abikezela omunye umsebenzi Wakhe emhlabeni, abikezela umsebenzi kaJehova uqobo Lwakhe. Konke lokhu kwavela kuNkulunkulu, kwabe kungumsebenzi woMoya oNgcwele, futhi ngaphandle kwalezi zincwadi zabaprofethi, yonke into ngumbhalo ngalokho abantu abadlule kukho emsebenzini kaJehova ngaleso sikhathi.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

3. Umsebenzi wokudala wenzeka ngaphambi kokuba khona kwesintu, kodwa iNcwadi kaGenesise yabakhona lapho sekukhona isintu; incwadi eyabhalwa nguMose ngeNkathi Yomthetho; Injengezinto ezenzeka phakathi kwenu namhlanje: Emuva kokuthi sezenzekile, nizibhala phansi ukuze nizikhombise abantu ngesikhathi esizayo, futhi kubantu bangesikhathi esizayo, lokho enakubhala izinto ezenzeka ezikhathini ezedlule—zimane zingumlando nje. Izinto ezibhalwe eTestamenteni Elidala zingumsebenzi kaJehova kwa-Israyeli, futhi lezo ezibhalwe eTestamenteni Elisha ngumsebenzi kaJesu ngeNkathi Yomusa; abhala ngomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu ezinkathini ezimbili ezihlukene. ITestamente Elidala libhala ngomsebenzi owenziwa nguNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho, ngakho iTestamente Elidala liyincwadi yomlando, lapho iTestamente Elisha liphethe umsebenzi weNkathi Yomusa. Lapho umsebenzi omusha uqala, lezi zincwadi zibe seziphelelwa isikhathi—ngakho iTestamente Elisha nalo liyincwadi yomlando. Kusobala ukuthi, iTestamente Elisha alihambisi ngomthetho njengeTestamente Elidala, futhi alibhali ngezinto eziningi kangako.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

4. Liyincwadi enjani iBhayibheli? ITestamente Elidala liwumsebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. ITestamente Elidala eBhayibhelini libhala wonke umsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho kanye nomsebenzi Wakhe wokudala. Lonke libhala umsebenzi owenziwa nguJehova, futhi ekugcineni liphothula zonke izindaba zomsebenzi kaJehova ngeNcwadi kaMalaki. ITestamente Elidala libhala ngezingxenye ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu: Omunye ngumsebenzi wokudala, futhi omunye ngukumisa umthetho. Yomibili yenziwa nguJehova. INkathi Yomthetho imele umsebenzi kaNkulunkulu ngaphansi kwegama likaJehova; yiwo wonke umsebenzi owenziwa ngaphansi kwegama likaJehova. Ngakho, iTestamente Elidala libhala ngomsebenzi kaJehova, kanti iTestamente Elisha libhala ngomsebenzi kaJesu, umsebenzi owenziwa ikakhulukazi ngaphansi kwegama likaJesu. Ukubaluleka okukhulu kwegama likaJesu kanye nomsebenzi awenza kubhalwe eTestamenteni Elisha.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

5. Uma ufisa ukubona umsebenzi weNkathi Yomthetho, nokubona ukuthi abakwa-Israyeli bayilandela kanjani indlela kaJehova, kufanele ufunde iTestamente Elidala; uma ufisa ukuqonda umsebenzi weNkathi Yomusa, kufanele ufunde iTestamente Elisha. Kepha uwubona kanjani umsebenzi wezinsuku zokugcina? Kufanele wamukele ubuholi bukaNkulunkulu wanamhlanje, futhi ungene emsebenzini wanamuhla, ngoba umsebenzi omusha lo, futhi akekho owake wawubhala eBhayibhelini. Namhlanje, uNkulunkulu uthathe isimo senyama futhi waqoka abanye abakhethiweyo eShayina. UNkulunkulu uyasebenza kulaba bantu, uyaqhubeka esuka emsebenzini wakhe emhlabeni, uyaqhubeka esuka emsebenzini weNkathi Yomusa. Umsebenzi wanamuhla uyindlela umuntu angakaze ayithathe, futhi indlela okungekho muntu owake wayibona—umsebenzi kaNkulunkulu wakamuva emhlabeni. Ngakho umsebenzi ongakaze wenziwe phambilini akuwona umlando, ngoba manje yimanje, futhi usazobuye ube owakudala. Abantu abazi ukuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi omkhulu futhi omusha kakhulu emhlabeni, futhi ngaphandle kwakwa-Israyeli, ukuthi sewuze wahamba wadlula esilinganisweni sakwa-Israyeli, waphinde wadlula ukubikezela kwabaprofethi, ukuthi umsebenzi omusha futhi omangalisayo ongaphandle kweziprofetho, kanti futhi umsebenzi wanamuhla okude le nakwa-Israyeli, uphinde waba umsebenzi abantu abangawuqondi futhi abangakaze bawubone ngamehlo engqondo. IBhayibheli lingaba kanjani nemibhalo ebeka ngokusobala ngalo msebenzi onjena? Ubani obengabhala ngakho konke ngomsebenzi wanamuhla, angashiyi lutho, kungakafiki isikhathi? Ubani obengabhala ngalo msebenzi onamandla futhi ohlakaniphe kakhulu ophambana nesiko encwadini endala ekhuntile? Umsebenzi wanamuhla awuwona umlando, ngakho, uma ufuna ukuhamba endleleni entsha yanamhlanje, kufanele ulishiye iBhayibheli, kufanele udlule ezincwadini zeziprofetho noma umlando weBhayibheli. Yilapho kuphela uyokwazi ukuhamba indlela entsha ngokufanele, futhi yilapho kuphela uyokwazi khona ukungena embusweni omusha kanye nasemsebenzini omusha. Kufanele uqonde ukuthi kungani, namhlanje, ucelwa ukuba ungalifundi iBhayibheli, kungani kukhona omunye umsebenzi ohlukene neBhayibheli, kungani uNkulunkulu engabheki eBhayibhelini ukuze athole izindlela zokwenza ezintsha futhi ezinemininingwane, kungani esikhundleni salokho kukhona umsebenzi onamandla nangaphezulu ongaphandle kweBhayibheli. Yilokhu konke okufanele ukuqonde. Kufanele uwazi umahluko phakathi komsebenzi omdala nomusha, futhi nakuba ungalifundi iBhayibheli kufanele ukwazi ukulihlaziya; uma kungenjalo, uzolokhu ukhonza iBhayibheli, futhi kuzoba nzima kuwe ukuthi ungene emsebenzini omusha futhi ubhekane nezinguquko ezintsha.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

6. Njengoba kukhona indlela ephakeme, kungani uzofunda le ndlela esezingeni eliphansi esiphelelwe isikhathi? Njengoba kunamazwi amasha, futhi nomsebenzi omusha kakhulu, kungani uphila phakathi kwemibhalo emidala yemilando? Amazwi amasha angakuhlinzeka, okubonisayo ukuthi lokhu ngumsebenzi omusha; imibhalo emidala ayikwazi ukukwenelisa, noma igculise izidingo zamanje, okufakazela ukuthi ingumlando, futhi ayiwona umsebenzi walo mzuzu. Indlela ephakeme kunazo zonke, indlela entsha kunazo zonke, futhi ngomsebenzi omusha, akusho lutho ukuthi iphakeme kangakanani indlela yakudala, isewumlando wemicabanga yabantu, futhi akusho lutho ukuba wusizo kwayo uma uhlola okwedlule, iseyindlela endala. Nakuba ibhaliwe “encwadini engcwele,” indlela endala iwumlando; nakuba kungekho okubhaliwe ngayo “encwadini engcwele,” indlela entsha eyalo mzuzu. Le ndlela ingakusindisa, futhi le ndlela ingakushintsha, ngoba lokhu ngumsebenzi woMoya oNgcwele.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

7. IBhayibheli incwadi yomlando, futhi uma bewudle waphinda waphuza iTestamente Elidala ngesikhathi seNkathi Yomusa—uma bewenze okwakufuneka ngesikhathi seTestamente Elidala ngeNkathi Yomusa—uJesu ngabe wakudikila futhi wakulahla; uma ubusebenzise iTestamente Elidala emsebenzini kaJesu, ubuyoba umFarisi. Uma namuhla, ufaka iTestamente Elidala Nelisha ndawonye bese udla futhi uphuze, uNkulunkulu wanamuhla uzokulahla; uzobe usele emsebenzini wanamuhla woMoya oNgcwele! Uma udla iTestamente Elidala futhi udle iTestamente Elisha, ungaphandle komfula woMoya oNgcwele! Ngesikhathi sikaJesu, uJesu wahola amaJuda kanye nabo bonke labo ababemlandela ngokuhambisana nomsebenzi woMoya oNgcwele Kuye ngaleso sikhathi. Akazange athathe iBhayibheli njengesisekelo salokho abe ekwenza, kodwa wakhuluma ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe; wakushaya indiva okwakushiwo yiBhayibheli, futhi akazange afune eBhayibhelini ukuze athole indlela ayezohola ngayo abalandeli Bakhe. Kusukela ngesikhathi eqala ukusebenza, wasakaza indlela yokuphenduka—izwi elalingakaze liphathwe eziprofethweni zeTestamente Elidala. Akazange enze ngokuhambisana neBhayibheli, kodwa wavula indlela entsha futhi wenza umsebenzi omusha. Wayengakaze abhekise eBhayibhelini uma eshumayela. NgeNkathi Yomthetho, akekho owake wakwazi ukwenza izimangaliso Zakhe zokuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni. Umsebenzi Wakhe, izimfundiso Zakhe, igunya Lakhe—akekho owayeke wakwenza lokhu ngeNkathi Yomthetho. UJesu wenza umsebenzi Wakhe omusha nje, futhi nakuba abantu abaningi bamsola besebenzisa iBhayibheli—futhi baze basebenzisa iTestamente Elidala ukuze bambethele—umsebenzi Wakhe walidlula iTestamente Elidala; ukuba lokhu bekungenjalo kungani abantu bambethela esiphambanweni? Akuve kungenxa yokuthi iTestamente Elidala lalingasho lutho ngemfundiso Yakhe, nekhono Lakhe lokuphulukisa abagulayo nokukhipha amadimoni? Umsebenzi Wakhe kwakungowokuvula indlela entsha, kwabe kungewona owokuqala uchuku ngamabomu nokumelana neBhayibheli noma ukuphetha ngamabomu iTestamente Elidala. Weza kuphela ukuzokwenza inkonzo Yakhe, ukuletha umsebenzi omusha kulabo ababemlangazelela futhi bemfuna. Akazange afikele ukuzochaza iTestamente Elidala noma ukuphakamisa umsebenzi walo. Umsebenzi Wakhe kwabe kungekhona ukuvumela iNkathi Yomthetho ukuthi iqhubeke ithuthuke, ngoba umsebenzi Wakhe awuzange uzihluphe ngokubonelela ukuthi wawungenalo iBhayibheli njengesisekelo sawo; uJesu wamane wafika nje ukuze enze umsebenzi ayefanele ukuwenza. Ngakho akazange achaze iziprofetho zeTestamente Elidala, noma asebenze ngokuhambisana namazwi eNkathi Yomthetho yeTestamente Elidala. Wakushaya indiva okwabe kushiwo iTestamente Elidala, akazange anake noma lalivumelana yini nomsebenzi Wakhe noma cha, futhi akazange anake nokuthi abanye baba ini ngomsebenzi Wakhe, noma ukuthi babewusola kangakanani. Wamane waqhubeka nokwenza umsebenzi okwakufanele awenze, nakuba abantu abaningi babesebenzisa ukubikezela kwabaprofethi beTestamente Elidala ukumlahla. Kubantu, kwakubukeka sengathi umsebenzi Wakhe awunasisekelo, futhi kwakukuningi ngawo okwakungavumelani nemibhalo yeTestamente Elidala. Ingabe akubona ubuwula lobu? Ingabe imfundiso iyadinga ukusetshenziswa emsebenzini kaNkulunkulu? Futhi kumele yini ukuba kuhambisane nokubikezela kwabaprofethi? Kanti phela, ubani omkhulu: uNkulunkulu noma iBhayibheli? Kungani umsebenzi kaNkulunkulu kufanele uhambisane neBhayibheli? Kungenzeka yini ukuthi uNkulunkulu akanalo ilungelo lokudlula iBhayibheli? Angeke yini uNkulunkulu akwazi ukushiya eBhayibhelini futhi enze omunye umsebenzi? Kungani uJesu nabafundi Bakhe babengaligcini iSabatha? Uma wayengaligcina iSabatha futhi enze ngokuhambisana nemiyalelo yeTestamente Elidala, kungani uJesu wayengaligcini iSabatha emva kokufika, kodwa kunalokho, wageza izinyawo, wamboza ikhanda, wahlephula isinkwa, futhi waphuza iwayini? Akuve konke lokhu kungekho emiyalelweni yeTestamente Elidala? Uma uJesu wayelihlonipha kakhulu iTestamente Elidala, kungani wazishaya indiva lezi zimfundiso?


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (1)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

8. IBhayibheli futhi libizwa ngokuthi iTestamente Elidala neTestamente Elisha. Niyazi ukuthi “itestamente” kuchaza ukuthini? “Itestamente” eTestamenteni Elidala livela esivumelwaneni sikaJehova kanye nabantu bakwa-Israyeli, ngesikhathi ebulala abantu baseGibhithe futhi wasindisa abakwa-Israyeli kuFaro. Impela, ubufakazi balesi sivumelwano kwabe kuyigazi le wundlu elalibhecwe eminyango, uNkulunkulu amisa ngalo isivumelwano nomuntu, lapho okwathiwa bonke labo ababenegazi lewundlu emakhothameni nasezinsikeni zomnyango kwabe kungama-Israyeli, babengabantu baNkulunkulu abakhethiweyo, futhi bonke babeyosindiswa nguJehova (ngoba uJehova ngaleso sikhathi wayesezobulala wonke amadodana angamazibulo eGibhithe kanye namazibulo ezimvu nezinkomo) Lesi sivumelwano sinamazinga amabili encazelo. Abekho abantu noma imfuyo yaseGibhithe eyabe izosindiswa nguJehova; Yena wayezobulala wonke amadodana abo angamazibulo kanye namazibulo ezimvu nezinkomo. Ngakho, ezincwadini eziningi zeziphrofetho kwabikezelwa ukuthi abaseGibhithe babeyojeziswa kanzima ngenxa yesivumelwano sikaJehova. Lokhu izinga lokuqala lencazelo. UJehova wabulala amadodana angamazibulo aseGibhithe kanye namazibulo ayo yonke imfuyo, futhi wasindisa bonke abakwa-Israyeli, okwakuchaza ukuthi bonke labo basezweni lakwa-Israyeli wayebazisa kakhulu uJehova, futhi babezosindiswa; Yena wayefisa ukwenza umsebenzi wesikhathi eside kubo, futhi wamisa isivumelwano nabo ngokusebenzisa igazi lewundlu. Kusukela lapho kuqhubeka, uJehova wayengeke ababulale abakwa-Israyeli, futhi wathi babeyohlala bengabakhethiweyo bakhe ingunaphakade. Wayeyoqala umsebenzi Wakhe eNkathini Yomthetho iyonke phakathi kwezizwe eziyi-12 zakwa-Israyeli. Wayezokwembula yonke imithetho Yakhe kuma-Israyeli, futhi akhethe phakathi kwabo abaphrofethi kanye namajaji, futhi babeyoba maphakathi komsebenzi Wakhe. Wenza isivumelwano nabo: Ngaphandle uma inkathi yayishintsha, wayeyosebenza phakathi kwabakhethiweyo kuphela. Isivumelwano sikaJehova sasingenakuguqulwa, ngoba senziwa ngegazi futhi samiswa nabantu Bakhe abakhethiweyo. Okubaluleke kakhulu, Yena wayekhethe isilinganiso nabantu abafanelekile ayezosebenza kubo inkathi iyonke, ngakho abantu basibona isivumelwano njengesibaluleke kakhulu. Lokhu izinga lesibili lencazelo. Ngaphandle kwekaGenesise, eyayingaphambi kokumiswa kwesivumelwano, zonke ezinye izincwadi eTestamenteni Elidala zikhuluma ngomsebenzi phakathi kwama-Israyeli emuva kokumiswa kwesivumelwano. Impela, ngezinye izikhathi kukhona izindaba ngabeZizwe, kodwa jikelele, iTestamente Elidala likhuluma ngomsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli. Ngenxa yesivumelwano sikaJehova nabakwa-Israyeli, izincwadi ezibhalwe ngeNkathi Yomthetho zibizwa “ngeTestamente Elidala.” Zibizwa ngesivumelwano sikaJehova nabakwa-Israyeli.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (2)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

9. ITestamente Elisha libizwa ngegazi likaJesu elachitheka esiphambanweni kanye nesivumelwano Sakhe nabo bonke abakholwa Kuye. Isivumelwano sikaJesu kwabe kuyilesi: Abantu babedinga ukukholwa kuye nje ukuze izono zabo zithethelelwe ngegazi Lakhe elalichithekile, ngaleyo ndlela babeyosindiswa, futhi bazalwe kabusha Ngaye, futhi babengeke besaqhubeka ukuba yizoni. Abantu babedinga ukuthi bakholwe Kuyena ukuze bathole umusa Wakhe, futhi babengeke bahlupheke esihogweni emuva kokufa. Zonke izincwadi ezabhalwa ngeNkathi Yomusa zaba khona emuva kwalesi sivumelwane, futhi zonke zikhuluma ngomsebenzi namazwi akuso. Lezi zincwadi azidluli ekusindiseni kwesiphambano seNkosi uJesu noma isivumelwano; zonke ziyizincwadi ezabhalwa bangafowethu eNkosini ebabedlule kokuthile. Ngakho, nalezi zincwadi zibizwa ngesivumelwano: Zibizwa ngokuthi ITestamente Elisha. La matestamente amabili aphethe kuphela iNkathi Yomusa kanye neNkathi Yomthetho, futhi awaxhumene nenkathi yokugcina. Ngakho, iBhayibheli alilona olutheni kubantu banamuhla ezinsukwini zokugcina. Okuningi elingakwenza ukusiza ukubuyekeza noma ukuhlola okwesikhashana, kodwa kancane empeleni.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (2)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

10. Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi. Izinto abantu abadlula kuzo ziyangcoliswa imibono nolwazi lwabantu, lokhu okungenakugwemeka. Ezincwadini eziningi zeBhayibheli kunemibono yabantu, ukubandlulula kwabantu, kanye nezincazelo zabantu ezingenangqondo. Impela, ubuningi bamazwi bungumphumela wokukhanyiselwa nokukhanyisa koMoya oNgcwele, futhi ayizincazelo ezifanele—nokho kungeke kwashiwo ukuthi awukuvezwa kweqiniso okuqondile ngokuphelele. Imibono yawo kwezinye izinto imane iwulwazi lwalokho abantu abadlule kukho mathupha, noma ukukhanyiselwa nguMoya oNgcwele. Ukubikezela kwabaphrofethi kwabe kuyalwe nguNkulunkulu mathupha: Iziphrofetho zika-Isaya, uDaniyeli, u-Ezra, uJeremiya, kanye noHezekeli zavela emiyalelweni eyayisuka oMoyeni oNgcwele ngqo, la bantu babengabaphrofethi, babenikwe uMoya wokuphrofetha, bonke babengabaphrofethi baseTestamenteni Elidala. Ngesikhathi seNkathi Yomthetho laba bantu, ababethole ukuphefumulelwa nguJehova, bakhuluma iziphrofetho eziningi, ababeziyalwe nguJehova. Futhi kungani uJehova ayesebenza kubo? Yingoba abantu bakwa-Israyeli babengabantu bakaNkulunkulu abakhethiweyo: Umsebenzi wabaphrofethi kwakufanele wenziwe phakathi kwabo, futhi babefanelekile ukuthola izambulo ezinjalo. Empeleni, bona uqobo lwabo babengaziqondi izambulo zikaNkulunkulu kubo. UMoya oNgcwele wakhuluma lawo mazwi ngemilomo yabo ukuze abantu bangesikhathi esizayo baziqonde lezo zinto, futhi babone ukuthi ngokoqobo zabe zingumsebenzi woMoya kaNkulunkulu, ezoMoya oNgcwele, futhi zazingavelanga kumuntu, futhi nokubanika isiqiniseko ngomsebenzi kaMoya oNgcwele.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (3)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

11. Namhlanje, abantu bakholwa ukuthi iBhayibheli nguNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu iBhayibheli. Futhi, bayakholelwa ukuthi wonke amazwi aseBhayibhelini yiwo wodwa amazwi uNkulunkulu awakhuluma, futhi nokuthi wonke ashiwo nguNkulunkulu. Labo abakholwa kuNkulunkulu bacabanga ngisho ukuthi nakuba zonke izincwadi ezingama-66 zeTestamente Elidala neTestamente Elisha zabhalwa ngabantu, zonke zanikezwa ngokuphefumulelwa nguNkulunkulu futhi zabe zingumbhalo wamazwi oMoya oNgcwele. Lokhu kuyincazelo eyiphutha yabantu, futhi ayivumelani namaqiniso. Empeleni, ngaphandle kwezincwadi zokuphrofetha, iningi lokubhalwe eBhayibhelini lingumlando nje. Ezinye zezincwadi zeTestamente Elisha zivela kulokho abantu abadlule kukho mathupha, futhi ezinye zivela ekukhanyiselweni nguMoya oNgcwele; izincwadi zikaPawulu, isibonelo, zavela emsebenzini womuntu, zabe zingumphumela wokukhanyiselwa nguMoya oNgcwele, futhi zabe zibhalelwe amabandla, zingamazwi okuyala nokukhuthaza abazalwane emabandleni. Kwabe kungewona amazwi ayekhulunywe nguMoya oNgcwele—uPawulu wayengeke akhulumele uMoya oNgcwele, futhi wabe engeyena umprofethi, kungasaphathwa okokubona imibono. Izincwadi zakhe zazibhalelwe amabandla ase-Efesu, eFiladelfiya, eGalathiya, kanye namanye amabandla. Ngakho, izincwadi zikaPawulu zeTestamente Elisha zabe ziyizincwadi uPawulu azibhalela amabandla, hhayi ukuphefumulelwa okuvela eMoyeni oNgcwele, futhi aziwona amazwi avela ngqo eMoyeni oNgcwele. Zimane zingamazwi okuyala, okududuza, nokukhuthaza awabhalela amabandla ngesikhathi enza umsebenzi wakhe. Ngakho nazo, zingumbhalo womsebenzi omningi kaPawulu ngaleso sikhathi. Zazibhalelwe bonke abazalwane eNkosini, futhi zabe zingezokwenza ukuthi abazalwane emabandleni ngaleso sikhathi ukuba balandele izeluleko zakhe nokuthi bagcine zonke izindlela zeNkosi uJesu. Akazange uPawulu athi, noma kumabandla angaleso sikhathi noma angesikhathi esizayo, bonke kufanele badle futhi baphuze izinto kuye, futhi akazange athi wonke amazwi akhe avele kuNkulunkulu. Ngokuhambisana nezimo ebandleni ngaleso sikhathi, wamane waxoxisana nabazalwane, futhi wabayala, wagqugquzela ukholo kubo; futhi wayemane ashumayele noma akhumbuze abantu futhi abayale. Amazwi akhe ayesukela emthwalweni wakhe, futhi wayesekela abantu ngala mazwi. Wenza umsebenzi womphostoli wamabandla angaleso sikhathi, wabe engumsebenzi owasetshenziswa yiNkosi uJesu, ngakho wanikwa umthwalo wokuphatha amabandla, wathunywa ukuba enze umsebenzi wamabandla, kwadingeka ukuba afunde ngezimo ababekuzo abazalwane—futhi ngenxa yalokhu, wabhalela izincwadi bonke abazalwane eNkosini. Konke akusho okwabe kwakha futhi kukuhle kubantu kwakulungile, kodwa kwabe kungamele amazwi oMoya oNgcwele, futhi wayengeke amele uNkulunkulu. Kungukuqonda okuyiphutha ngokumangalisayo, nokuhlambalaza okukhulu kakhulu, ukuthi abantu bathathe imibhalo yalokho umuntu adlule kukho nezincwadi zomuntu njengamazwi akhulunywa nguMoya oNgcwele emabandleni! Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi uma kuza ezincwadini lezi uPawulu azibhalela amabandla, ngoba izincwadi zakhe zazibhalelwe abazalwane ngokubhekelela izinselelo nezimo zebandla nebandla ngaleso sikhathi, futhi kwabe kungezokuyala abazalwane eNkosini, ukuze bathole umusa weNkosi uJesu. Izincwadi zakhe kwakungezokuvuselela abazalwane bangaleso sikhathi. Kungashiwo ukuthi lokhu kwabe kungumthwalo wakhe, futhi kwakungumthwalo ayewunikwe nguMoya oNgcwele; phela wabe engumphostoli ehola amabandla ngaleso sikhathi, owabhalela izincwadi emabandleni futhi wabayala—lokhu kwabe kungumsebenzi wakhe. Ubuyena kwakumane kuyilobo bomphostoli osebenzayo, futhi wabe emane engumphostoli owayethunywe nguNkulunkulu; wabe engeyena umphrofethi, noma umbikezeli. Ngakho kuye, umsebenzi wakhe kanye nezimpilo zabazalwane kwakubaluleke kakhulu impela. Ngakho, wayengakwazi ukukhulumela uMoya oNgcwele. Amazwi akhe kwakungewona amazwi oMoya oNgcwele, kungasaphathwa ukuthi kuthiwe amazwi kaNkulunkulu, ngoba uPawulu wayemane engelutho ngaphandle kwesidalwa sikaNkulunkulu, futhi ngokuqinisekileyo wabe engeyena uNkulunkulu osenyameni. Ubuyena babungafani nalobo bukaJesu. Amazwi kaJesu kwabe kungamazwi kaMoya oNgcwele, kwakungamazwi kaNkulunkulu, ngoba ubuyena kwakunguKristu—indodana kaNkulunkulu. UPawulu wayengaba kanjani untanga Wakhe? Uma abantu bebona izincwadi noma amazwi kaPawulu njengamazwi oMoya oNgcwele, futhi bewakhonze njengoNkulunkulu, ngakho kungathiwa bemukela noma yini bakhohliseka kalula. Ukukusho ngesankahlu, akuve lokhu kuwukumthuka uNkulunkulu? Umuntu angakhulumela kanjani uNkulunkulu? Futhi abantu bangakhothama kanjani ngaphambi kwemibhalo yezincwadi zakhe namazwi awakhuluma ongathi ayeyincwadi engcwele, noma incwadi yasezulwini? Ingabe amazwi kaNkulunkulu ayengakhulunywa ngumuntu ngokunganaki? Wayengamkhulumela kanjani uNkulunkulu umuntu? Ngakho, wena uthini—kungenzeka yini ukuthi izincwadi azibhalela amabandla zazingcoliswe yimibono yakhe ngokwakhe? Zazingeke kanjani zingangcoliswa imibono yobuntu? Wabhalela izincwadi amabandla esusela kulokho ayedlule kukhona yena uqobo kanye nezinga lempilo yakhe. Isibonelo, uPawulu wabhalela izincwadi amabandla aseGalathiya ezazinombono othile, futhi uPetru wabhala enye, nokho eyayinombono ohlukile. Yiziphi ezazivela eMoyeni oNgcwele? Akekho ongasho ngokuqinisekile. Ngakho, kungathiwa kuphela zombili zazinomthwalo ngamabandla, kepha izincwadi zawo zibonisa izinga lawo, zibonisa ukuhlinzeka nokusekela kwazo abazalwane, kanye nomthwalo mayelana namabandla, futhi zibonisa umsebenzi womuntu; zazingezona ezoMoya oNgcwele ngokuphelele. Uma uthi izincwadi zakhe zingamazwi kaMoya oNgcwele, ngakho awunangqondo, futhi uyamhlambalaza uNkulunkulu! Izincwadi zikaPawulu kanye nezinye izincwadi zeTestamente Elisha zingalinganiswa nomlando walabo ababenegalelo elikhulu kwezikamoya kamuva nje. Zisezingeni elifanayo nezincwadi zikaWatchman Nee noma lokho uLawrence adlula kukho, njalo njalo. Ukuthi nje izincwadi zalabo bakamuva ababenegalelo elikhulu kwezikamoya, aziqoqelwanga eTestamenteni Elisha, kepha ingqikithi yala bantu iyafana: Babengabantu ababesetshenziswa uMoya oNgcwele ngesikhathi esithile, futhi babengeke bamele uNkulunkulu ngqo.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (3)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

12. IVangeli ngokukaMathewu eTestamenteni Elisha lilandisa ngohlu lozalo lukaJesu. Ekuqaleni, lithi uJesu wabe eyinzalo ka-Abrahama, indodana kaDavide, indodana kaJosefa; okulandelayo lithi uJesu wazalwa ngoMoya oNgcwele, futhi wazalwa yintombi—okuchaza ukuthi wayengeyona indodana kaJosefa noma inzalo ka-Abrahama, ukuthi wayengeyona indodana kaDavide. Uhlu lozalo, nokho, luyaphikelela ukuhlanganisa uJesu noJosefa. Okulandelayo, uhlu lozalo luyaqala ukucacisa ngenqubo uJesu azalwa ngayo. Luthi uJesu wazalwa ngoMoya oNgcwele, ukuthi wazalwa yintombi, futhi wayengeyona indodana kaJosefa. Kepha ohlwini lo zalo kubhalwe ngokusobala ukuthi uJesu wabe eyindodana kaJosefa, futhi ngoba uhlu lozalo lubhalelwe uJesu, lubhala izizukulwane ezingama-42. Uma seluza esizukulwaneni sikaJosefa, ngokushesha luthi uJosefa wabe engumyeni kaMariya, amazwi okubonisa ukuthi uJesu wabe eyinzalo ka-Abrahama. Akukhona yini ukuphikisa lokhu? Uhlu lozalo luyabhala ngokusobala isizukulwane sokhokho bakaJosefa, kusobala ukuthi uhlu lozalo lukaJosefa, kodwa uMathewu uyaphikelela ukuthi uhlu lozalo lukaJesu. Ingabe lokhu akuphikisi iqiniso lokuzalwa kukaJesu ngoMoya oNgcwele? Ngakho ingabe uhlu lozalo olubhalwe nguMathewu, aluwona umbono womuntu? Akunangqondo! Ngale ndlela, uyazi ukuthi le ncwadi ayiveli kuMoya oNgcwele ngokuphelele. Kukhona, mhlawumbe, abantu abacabanga ukuthi uNkulunkulu kufanele abe nohlu lozalo emhlabeni, ngakho babela uJesu njengesizukulwane sama-42 sika-Abrahama. Lokho akunangqondo ngempela! Emuva kokufika emhlabeni uNkulunkulu wayengaba kanjani nohlu lozalo? Uma uthi uNkulunkulu unohlu lozalo, Awumbeki esikhundleni phakathi kwezidalwa zikaNkulunkulu? Ngoba uNkulunkulu akayena owomhlaba, uyiNkosi yendalo, nakuba Yena engowenyama, akanaso isiqu esifana nesomuntu. Ungambeka kanjani uNkulunkulu esikhundleni esifanayo nesesidalwa sikaNkulunkulu? U-Abrahama ngeke amele uNkulunkulu; wabe engumenziwa womsebenzi kaJehova ngaleso sikhathi, wayemane eyisikhonzi esithembekile esasemukelwe nguJehova, futhi wabe engomunye wabantu bakwa-Israyeli. Wayengaba kanjani ukhokho kaJesu?


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (3)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

13. Izincwadi zevangeli zeTestamente Elisha zabhalwa eminyakeni engama-20 noma engama-30 ngemuva kokubethelwa kukaJesu. Phambilini, abantu bakwa-Israyeli babefunda iTestamente Elidala kuphela. Okungukuthi, ngeNkathi Yomusa abantu babefunda iTestamente Elidala. ITestamente Elisha lavela kuphela ngeNkathi Yomusa. ITestamente Elisha labe lingekho ngesikhathi uJesu esebenza; abantu emuva kokuvuka nokunyukela Kwakhe ezulwini babhala phansi umsebenzi Wakhe. Yilapho kuphela kwaba khona amaVangeli Amane, ukwengeza kulokho, kwakukhona izincwadi zikaPawulu noPetru, kanye neNcwadi yeSambulo. Emuva kweminyaka engaphezu kwama-300 uJesu enyukela ezulwini, yilapho kuphela izizukulwane ezalandela zaqoqa ndawonye imibhalo, kwaba khona iTestamente Elisha. Kuphela emuva kokuthi lo msebenzi wabe sewuqediwe, kwaba khona iTestamente Elisha; lalingazange libe khona phambilini. UNkulunkulu wayekade enze wonke loya msebenzi, umphostoli uPawulu wayekade enze wonke loya msebenzi futhi emva kwalokho izincwadi zikaPawulu noPetru zihlangene, kanye nombono omkhulu kakhulu owabhalwa nguJohane esiqhingini sasePhatimose wabekwa ekugcineni, ngoba wawuphrofetha umsebenzi wezinsuku zokugcina. Lokhu konke kwabe kungukuhlela kwezizukulwane ezeza kamuva, futhi kuhlukile kunamazwi anamhlanje. Okubhalwe namuhla kuhambisana nezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu; lokho abantu ababhekana nakho namhlanje umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu mathupha, namazwi akhulunywe nguye mathupha. Awudingi ukugxambukela—amazwi asuka kuMoya oNgcwele ngqo, ahleliwe isinyathelo ngesinyathelo, futhi ahlukile kunamalungiselelo emibhalo yomuntu. Lokho abakubhala, kungathiwa, kwakuhambisana nezinga le mfundo nezinga lomuntu lokukhalipha. Ababekubhala kwabe kuyilokho abantu ababedlule kukho, futhi ngamunye babenezindlela zabo zokubhala nokwazi, futhi umbhalo ngamunye wabe uhlukile. Ngakho, uma ukhonza iBhayibheli njengoNkulunkulu uwunalwazi futhi uyisiphukuphuku ngokwedlulele! Kungani ungafuni umsebenzi kaNkulunkulu wanamhlanje? Umsebenzi kaNkulunkulu kuphela ongasindisa umuntu. IBhayibheli ngeke limsindile umuntu, futhi alishintshanga nhlobo eminyakeni eyizinkulungwane eziningi, futhi uma ukhonza iBhayibheli awusoze wawuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (3)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

14. Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu oke walifunda iBhayibheli uyazi ukuthi likhuluma ngezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu ngesikhathi seNkathi Yomthetho kanye neNkathi Yomusa. ITestamente Elidala lilanda umlando ka-Israyeli kanye nomsebenzi kaJehova kusukela ngesikhathi sokudala kuze kube sekugcineni kweNkathi Yomthetho. ITestamente Elisha likhuluma ngomsebenzi kaJesu emhlabeni, osemaVangelini Amane, kanye nomsebenzi kaPawulu; akuyona yini imibhalo yomlando? Ukuletha izinto zakudala namuhla kuzenza umlando, futhi akukhathaleki ukuthi ziyiqiniso noma zingokoqobo kangakanani, zisewumlando—futhi umlando awukwazi ukubhekana nesikhathi samanje. Ngoba uNkulunkulu akabheki emuva emlandweni! Ngakho, uma uqonda iBhayibheli kuphela, futhi ungaqondi lutho ngomsebenzi uNkulunkulu aqonde ukuwenza namuhla, futhi uma ukholwa kuNkulunkulu kodwa ungawushisekeli umsebenzi woMoya oNgcwele, ngakho awuqondi ukuthi kusho ukuthini ukufuna uNkulunkulu. Uma ufunda iBhayibheli ukuze ufundisise umlando wakwa-Israyeli, ukucwaninga umlando wokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba, awukholwa kuNkulunkulu. Kodwa, namuhla, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, futhi ushisekela ufuna ukuphila, njengoba ushisekela ulwazi lukaNkulunkulu, futhi ungazishisekeli izincwadi nezimfundiso ezifile, noma ukuqonda umlando, kufanele ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje, futhi kufanele ufune ukuqondisa komsebenzi woMoya oNgcwele. Uma ubungumphenyi wezinto zasendulo ubungalifunda iBhayibheli—kodwa awuyena, ungomunye walabo abakholwa kuNkulunkulu, futhi kungcono ukumane ufune intando kaNkulunkulu wanamhlanje.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (4)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

15. IBhayibheli umbhalo womlando womsebenzi kaNkulunkulu kwa-Israyeli, futhi lilandisa ngokuningi ukubikezela kwabaphrofethi basemandulo kanye namanye amazwi kaJehova emsebenzini Wakhe ngaleso sikhathi. Ngakho, bonke abantu bayithatha le ncwadi njengencwadi engcwele (ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi mkhulu). Phela, lokhu kungenxa yokuhlonipha kwabo uJehova okukhulu kanye nokumthanda kakhulu uNkulunkulu. Abantu bayibiza ngale ndlela le ncwadi kuphela ngenxa yokuthi abadaliweyo bakaNkulunkulu bamthanda kakhulu uMdali wabo, futhi kukhona ngisho labo le ncwadi abayibiza njengencwadi yasezulwini. Empeleni, imane iwumbhalo wabantu. Ayizange iqanjwe igama nguJehova mathupha, futhi uJehova akazange aqondise ukwenziwa kwayo mathupha. Ngamanye amazwi, umbhali wale ncwadi akuyena uNkulunkulu, kodwa abantu. IBhayibheli Elingcwele yigama elinokuhlonipha elinikwe yona ngabantu. Leli gama alizange liqokwe nguJehova noJesu emva kokuthi bekade benengxoxo ndawonye; ayiyilutho ngaphezu kokuba umbono womuntu. Ngoba le ncwadi ayibhalwanga nguJehova, kungasaphathwa uJesu. Kunalokho iyizindaba zabaprofethi, abaphostoli kanye nababoni abaningi basendulo, ezabuthelwa ndawonye yizizukulwane zakamuva ukwenza incwadi yemibhalo yasendulo, kubantu ebonakala sengathi ingcwele kakhulu, incwadi abakholelwa ukuthi inezimfihlakalo ezingeqondwe futhi ezijulile ezilinde ukudalulwa izizukulwane ezizayo. Ngale ndlela, abantu bathanda ngisho ukukholwa ukuthi le ncwadi incwadi yasezulwini. Uma kwengezwa amaVangeli Amane kanye neNcwadi yeSambulo, isimo sengqondo sabantu ngayo sihluke nakakhulu kunanoma iyiphi enye incwadi, ngakho akekho olokothayo ukuhlaziya le ncwadi yasezulwini—ngoba ingcwele kakhulu.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (4)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

16. Namhlanje, ngihlaziya iBhayibheli ngale ndlela futhi akusho ukuthi ngiyalizonda, noma ngiyaphika ukubaluleka kwalo lapho ufuna ukubuyekeza. Ngichaza ukubaluleka kwalo kwemvelo kanye nemvelaphi yeBhayibheli kuwena ukukuvimba ukuthi uhlale emnyameni ungazi. Ngoba abantu banemibono eminingi ngeBhayibheli, futhi eminingi yayo iyiphutha; ukufunda iBhayibheli ngale ndlela akubavimbi nje kuphela ekuzuzeni okufanele bakuthole, kodwa, okubaluleke kakhulu, kuthikazisa umsebenzi Mina engihlose ukuwenza. Kuyinkathazo enkulu kakhulu emsebenzini wesikhathi esizayo, futhi kuletha izinkinga kuphela, hhayi okusizayo. Ngakho, engikufundisa khona kumane kuyingqikithi kanye nomnyombo weBhayibheli. Angiceli ukuba ungalifundi iBhayibheli, noma ukuthi uhambe umemezela ukuthi aliwusizo lwalutho, kodwa ukuthi ube nolwazi nombono ofanele ngeBhayibheli. Ungabuki ohlangothini olulodwa ngokweqile! Nakuba iBhayibheli liyincwadi yomlando ebhalwe ngabantu, liphethe izimiso eziningi abangcwele nabaphrofethi basemandulo ababekhonza ngazo uNkulunkulu, kanye nalokho abaphostoli bakamuva abadlula kukho ekukhonzeni uNkulunkulu—konke okwabonwa futhi kwaziwa ngempela yilaba bantu, futhi lingasebenza njengesibonelo kubantu bale nkathi ekuphokopheleni ukufuna indlela yeqiniso. Ngakho, ekufundeni iBhayibheli abantu bangazuza izindlela eziningi zokuphila ezingatholakali kwezinye izincwadi. Lezi zindlela yizindlela zokuphila zomsebenzi woMoya oNgcwele abadlula kuzo abaphrofethi nabaphostoli ezinkathini eziphambilini, futhi amazwi amaningi ayigugu, futhi angakuhlinzeka lokho abantu abakudingayo. Ngakho, bonke abantu bayathanda ukufunda iBhayibheli. Ngenxa yokuthi kuningi kakhulu okufihlakele eBhayibhelini, imibono yabantu ngalo ayifani naleyo ngemibhalo yabantu ababenegalelo elikhulu kwezikaMoya. IBhayibheli umbhalo kanye nenqolobane yalokho abantu abadlule kukho nolwazi lwabantu ababekhonza uJehova noJesu enkathini endala nentsha, ngakho izizukulwane zakamuva zikwazile ukuzuza okuningi ukukhanyiseleka, ukukhanyiswa, kanye nezindlela zokwenza kulona. Isizathu sokuthi iBhayibheli liphakeme kunemibhalo yanoma iliphi iqhawe kwezomoya yingoba yonke imibhalo yawo ithathelwe eBhayibhelini, konke abadlule kukho kuvela eBhayibhelini, futhi wonke achaza iBhayibheli. Ngakho, nakuba abantu bengathola ukuhlinzekwa ezincwadini zanoma yiliphi iqhawe kwezomoya, basalokhu bekhonza iBhayibheli, ngoba libonakala liphakeme futhi lijule kakhulu kubo! Nakuba iBhayibheli liletha ndawonye ezinye zezincwadi zamazwi okuphila, njengezincwadi zikaPawulu kanye nezincwadi zikaPetru, futhi nakuba abantu bengahlinzekwa futhi basizwe yilezi zincwadi, lezi zincwadi zishiywe yisikhathi nokho, ngezenkathi endala, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zilungele isikhathi esisodwa kuphela, futhi akuzona ezaphakade. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uhlale uthuthuka, futhi awukwazi ukumane ume ngesikhathi sikaPawulu noPetru, noma uhlale eNkathini Yomusa ngenkathi lapho uJesu abethelwa kuyo. Ngakho, lezi zincwadi zilungele iNkathi Yomusa kuphela, hhayi iNkathi Yombuso wezinsuku zokugcina. Zingahlinzeka kuphela amakholwa eNkathi Yomusa, hhayi abangcwele beNkathi Yombuso, futhi noma ngabe zinhle kangakanani, zisalokhu zibhuntshile zingasasetshenziswa. Kuyafana nomsebenzi kaJehova wokudala noma umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli: Akukhathaleki noma wawumkhulu kangakanani lo msebenzi, wawuselokhu ubhuntshile, uphelelwe isikhathi, futhi sasiyofika isikhathi lapho wawuyodlula. Umsebenzi kaNkulunkulu nawo uyefana: Muhle kakhulu, kodwa kuyofika isikhathi lapho uyophela; ngeke ulokhu ukhona phakathi komsebenzi wokudala, noma phakathi komsebenzi wokubethela. Akukhathaleki noma ngabe ukholisa kanjani umsebenzi wokubethelwa, akukhathaleki noma ngabe waphumelela kangakanani ukwehlula uSathane, umsebenzi phela, kusewumsebenzi, futhi nezinkathi, phela ziseyizinkathi; umsebenzi ngeke uhlale esisekelweni esisodwa futhi nezikhathi ngeke zingashintshi, ngoba kwakukhona ukudalwa, futhi kufanele kube khona izinsuku zokugcina. Lokhu akunakugwemeka! Ngakho, namhlanje amazwi okuphila eTestamenteni Elisha—izincwadi zabaphostoli, kanye namaVangeli Amane—asephenduke izincwadi zomlando, asephenduke amakhalenda amadala aphethe izinsuku zonyaka, futhi amakhalenda amadala abengabangenisa kanjani abantu enkathini entsha? Noma ngabe la makhalenda akwazi kangakanani ukunika abantu ukuphila, noma ngabe akwazi kanjani ukuholela abantu esiphambanweni, akuve ephelelwe isikhathi? Akuve engasewusizo lwalutho? Ngakho, ngithi akufanele ukholwe ngokumpumpuzela kula makhalenda. Madala kakhulu, ngeke akwazi ukukuletha emsebenzini omusha, futhi azokuthwalisa okusindayo nje kuphela. Akukhona ukuthi angeke akulethe emsebenzini omusha nokungena okusha kuphela, kodwa akuyisa emasontweni amadala enkolo—futhi uma kunjalo, akuve uhlehla nyova ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu?


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (4)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

17. Ukuqonda iBhayibheli, ukuqonda umlando, kodwa ukungaqondi ukuthi uMoya oNgcwele wenzani namhlanje — lokho kuyiphutha! Wenze kahle kakhulu ukufunda umlando, wenze umsebenzi omuhle kakhulu, kodwa awuqondi lutho ngomsebenzi owenziwa uMoya oNgcwele namhlanje. Akubona yini lobo ubuwula? Abanye abantu bayakubuza: “Wenzani uNkulunkulu namhlanje? Yini okufanele ungene kuyo namhlanje? Kuhamba kanjani ukushisekela kwakho ukuphila? Ingabe uyayiqonda intando kaNkulunkulu? Ngeke ube nampendulo ngalokho abakubuzayo—ngakho yini oyaziyo? Uzothi: Mina ngazi ukuthi kufanele ngifulathele inyama futhi ngizazi ubumina kuphela. Futhi uma bephinde bebuza ukuthi "Yini enye onolwazi ngayo?" Uzobe sewuthi uyazi nokuthi kufanele ulalele konke ukuhlela kukaNkulunkulu, futhi uqonde kancane ngomlando weBhayibheli, yilokho kuphela nje. Yikho konke okuzuzile ekukholweni kuNkulunkulu yonke le minyaka? Uma kuyilokho kuphela enikuqondayo, ngakho nishoda kakhulu.


kwesithi " Mayelana NeBhayibheli (4)" encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Okutuswayo: Yini iqiniso? Yini ulwazi lweBhayibheli
nemfundiso?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana