Voice of Justice

Voice of Justice

2019/06/22

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba. Ngakho, abantu abaningi ziyabadida izinto eziningi ezimayelana noNkulunkulu. Anigcini nje ngokungacacelwa ukuthi yini okufanele ningene kuyo; niwushaya indiva umsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu kungaphezu kokwenza amaphutha kini: Kuyisici esibi kakhulu sabo bonke abantu abakholwayo emhlabeni. Lokhu kuyisihluthulelo esenza abantu bangamazi uNkulunkulu, ngakho lesi isici esivamile, bonke abafuna Yena abanaso. Akekho noyedwa umuntu owake wamazi uNkulunkulu, noma wabona ubuso Bakhe bangempela. Yilokhu okwenza umsebenzi kaNkulunkulu ube nzima njengokugudluza izintaba noma ukumunca amanzi olwandle. Bangakanani abantu abanikele ngezimpilo zabo ngenxa yomsebenzi Wakhe; bangakanani abakhishiwe kulo msebenzi Wakhe; bangakanani ababulewe ngenxa yomsebenzi Wakhe; bangakanani abanamehlo agcwele izinyembezi ngenxa yokuthanda kwabo uNkulunkulu, abashone kungafanele; bangakanani abakhohlakele futhi bashushiswa ngokujwayelekile…? Ukuthi lezi zinhlekelele zizele ukudlula—akukhona ukuntula kwabo bonke abantu ulwazi ngoNkulunkulu? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu ongamazi uNkulunkulu akwazi ukuza phambi Kwakhe? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu okholelwa kuNkulunkulu kodwa ongamphathi kahle asondele Kuye? Lana akuwona nje amaphutha alabo abasenkolweni, kodwa ayizinto ezivamile kini nakubo. Abantu bakholelwa kuNkulunkulu bengamazi; yilokho okwenza ukuthi bangamhloniphi uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo, futhi bangamesabi ezinhliziyweni zabo. Kuphinde kube nalabo okuthi ngenxa yenala abanayo nezimo ezibavunayo, benze umsebenzi osezingqondweni zabo kulo mthombo, futhi benze umsebenzi kaNkulunkulu ngokuvumelana nezinto ezithandwa yibo nezifiso zabo. Abantu abaningi banobulwane, abamhloniphi uNkulunkulu kodwa balandela okuthandwa yibo. Ingabe lokhu akusinikezi isithombe esicacile ngobugovu obusezinhliziyweni zabantu? Ingabe lokhu akuvezi ukuchichima kwenkohliso abantu abanayo?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


2. Kungenzeka abantu bahlakaniphe kakhulu, kodwa izipho zabo zingayithatha kanjani indawo yomsebenzi kaNkulunkulu? Kungenzeka abantu banendaba ngempela nomthwalo kaNkulunkulu, kodwa abanakuba nomhobholo kakhulu. Ingabe izenzo zabantu zingcwele ngempela? Ingabe umuntu engaqiniseka ngempela? Ukufakaza ngoNkulunkulu, ukuthola inkazimulo Yakhe—lokhu kusho ukuqhakambisa uNkulunkulu nokuphakamisa abantu; bangaba kanjani usizo? Umsebenzi kaNkulunkulu usanda kuqala, amazwi Akhe asanda kuqala ukukhulunywa. Kuleli qophelo, abantu bayaziqhenya, akuyona yini leyo into ehlazisayo? Kuncane kakhulu abakuqondayo. Ngisho nezazi zezinkolelo ezihlonishwayo eziningi, nezikhulumi eziningi zaseshashalazini ezinobuciko, azikwazi ukuyichaza yonke inala kaNkulunkulu—kangakanani-ke ngawe? Wenze kahle wangazibona uphakeme kunamazulu, kodwa wazibona ungomncane kunabo bonke labo bantu abafuna ukuthanda uNkulunkulu. Lena indlela okufanele ungene kuyo: ukuzibona umncane kunabo bonke abanye. Kungani uzibona uphakeme? Kungani ulindela izinto ezinkulu kangaka kuwe? Ohambweni olude lokuphila, usuwathathile amagxathu ambalwa. Okubonayo nje ingalo kaNkulunkulu, hhayi uNkulunkulu ephelele. Kudingeka nibone okunye okuningi ngomsebenzi kaNkulunkulu, nithole okuningi ngendawo okufanele ningene kuyo, ngoba kuncane kakhulu enikushintshile.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


3. Eqinisweni, phakathi kwezinto eziningi ezihlukahlukene endalweni kaNkulunkulu, umuntu usezansi. Nakuba engumbusi wazo zonke izinto, umuntu uyena kuphela ochayeke emaqhingeni kaSathane, uyena oyisisulu senkohlakalo yakhe engapheli. Umuntu akakaze azibuse. Abantu abaningi baphila ezweni elingcolile likaSathane, futhi liyabalulaza; libahlupha ngezindlela eziningi kuze kube yilapho kuphila khona ingxenye kubo, babekezelela zonke izinguquko, nabo bonke ubunzima emhlabeni. Ngemva kokudlala ngabo, uSathane uyaqeda ngekusasa labo. Ngakho abantu badideka ukuphila kwabo konke, abakaze bajabulele izinto uNkulunkulu abalungiselele zona, kodwa kunalokho balinyazwa uSathane, abashiye bemanaphanapha. Namhlanje bakhandlekile futhi abanamandla ngezinga lokuthi abanaso nesincane isifiso sokubona umsebenzi kaNkulunkulu. Uma abantu bengenaso isifiso sokubona umsebenzi kaNkulunkulu, izinto zabo ziyoqothulwa phakade zibe izicucu, futhi ukungena kwabo kuyoba isikhala esingenalutho kuze kube phakade.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



4. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi kusukela uNkulunkulu afika emhlabeni, uNkulunkulu usebenzise bonke abantu abanemibono emihle ukuze benze umsebenzi Wakhe iminyaka eminingi; kodwa labo abazi umsebenzi Wakhe bayidlanzana njengokungathi abekho. Ngenxa yalesi sizathu, abantu abangenakubalwa bathatha indima yokwenqaba uNkulunkulu ngesikhathi esifanayo nabathatha ngaso umsebenzi Wakhe, ngenxa yokuthi kunokwenza umsebenzi Wakhe, empeleni benza umsebenzi womuntu esikhundleni abasinikwe uNkulunkulu. Ingabe lokhu kungabizwa ngomsebenzi? Bengangena kanjani kukho? Abantu bawuthathe bawungcwaba umusa kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, ezizukulwaneni eziningi ezedlulile, labo abenza umsebenzi Wakhe banomnyango omncane. Abakhulumi ngokwazi umsebenzi kaNkulunkulu, ngoba kuncane abakuqondayo ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi, nakuba bebaningi kangaka abakhonza uNkulunkulu, bahlulekile ukubona indlela aphakeme ngayo, futhi yingakho bonke beziphakamise njengoNkulunkulu ukuze abanye babakhonze.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


5. Kule minyaka eminingi kangaka uNkulunkulu ubelokhu ecashile phakathi kwendalo; ubone iziphethu nemithombo eminingi kumbozwe inkungu; ubelokhu ebuka phansi esezulwini lesithathu izinsuku nobusuku obuningi kakhulu; uhambe phakathi kwabantu izinyanga neminyaka eminingi kakhulu. Uhlale ngokuthula phakathi kwabo bonke abantu elinde ngezinkathi ezibandayo zasebusika. Akakaze ngisho kanye aziveze ngokucacile kunoma imuphi umuntu, noma enze umsindo omncane, ahambe ngaphandle kophawu futhi abuye ngokuthula. Ubani ongazi ubuso Bakhe bangempela? Akakaze ngisho nakanye akhulume nomuntu, futhi akakaze alokothe avele kumuntu. Kulula kangakanani kubantu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu? Akucacile kubo ukuthi ukumazi kuyinto enzima kunazo zonke. Namuhla uNkulunkulu ukhulume nomuntu, kodwa umuntu akakaze amazi, ngoba umnyango wakhe ekuphileni mncane kakhulu. Ngokombono Wakhe, bonke abantu akufanele bavele phambi kukaNkulunkulu. Banokuqonda okuncane kakhulu ngoNkulunkulu futhi baqhelelene kakhulu Naye. Ngaphezu kwalokho, izinhliziyo abakholelwa ngazo kuNkulunkulu ziyinkimbinkimbi kakhulu, futhi abanaso isithombe sikaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Ngenxa yalokho, imizamo ebuhlungu kaNkulunkulu, nomsebenzi Wakhe, njengezingcezu zegolide ezithukuswe esihlabathini, azikwazi ukukhipha ngisho okuncane ukukhanya. Izinga, izisusa, kanye nemibono yalaba bantu uNkulunkulu ukwenyanya kakhulu. Ukuntula kwabo ulwazi, ukungabi nazwela ngezinga lokuthi kuze kungazweli lutho, ukuncipha nokuwohloka, ukulandela ngendlela eyihaba, ubuthaka nokungabi namandla, kufanele kuholwe ngendlela okuholwa ngayo izinkomo namahhashi. Mayelana nokungena kwabo emoyeni, noma emsebenzini kaNkulunkulu, abanake nakunaka, abazimisele ngisho nokunambitha encane inhlupheko ngenxa yeqiniso. Ngeke kube lula ukuthi uNkulunkulu aphelelise lolu hlobo lomuntu. Ngakho kubalulekile ukuthi umnyango wakho uwuqondanise nalokhu—ukuthi ngomsebenzi nangomnyango wakho uyasondela ekwazini umsebenzi kaNkulunkulu.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


6. Lapho kukhulunywa ngomsebenzi, umuntu ukholelwa ukuthi umsebenzi kufanele wenzelwe uNkulunkulu, ashumayele kuzo zonke izindawo futhi angene ezindlekweni ngenxa kaNkulunkulu. Nakuba le nkolelo ineqiniso, kodwa ayihlanganisi konke; into uNkulunkulu ayicela kumuntu ayikho mayelana nohambo lwakhe ngoNkulunkulu kuphela; imayelana nenkonzo kanye nokusebenza kukamoya. Abazalwane abaningi abakaze bacabange ngokusebenzela uNkulunkulu ngisho noma bedlule ezintweni eziningi, ngoba umsebenzi owenziwa umuntu awuvumelani nalokho uNkulunkulu akucelayo. Ngakho, ayikho into umuntu anendaba nayo kulo msebenzi, futhi lesi yiso kanye isizathu esenza umnyango womuntu ubheke ohlangothini olulodwa. Nonke kufanele niqale ukungena emsebenzini kaNkulunkulu, ukuze nazi zonke izinto ezimayelana nawo. Yilokhu okufanele ningene kukho. Umsebenzi awubhekiseli kokwenzela uNkulunkulu; ubhekisela ekutheni ukuphila komuntu nalokho akuphilelayo kujabulisa uNkulunkulu yini. Umsebenzi ubhekisela ekwethembekeni komuntu kuNkulunkulu nolwazi analo ngoNkulunkulu ukuze afakaze ngoNkulunkulu futhi akhonze umuntu. Lesi isibopho somuntu nakho konke umuntu okufanele akuqaphele. Ngamanye amazwi, ukungena kwakho kungumsebenzi wakho; ufuna ukungena phakathi nenkambo yakho yomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuphawula uNkulunkulu akupheleli nje ekutheni ukwazi ukudla nokuphuza izwi Lakhe; kodwa kumele ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, ukhonze uNkulunkulu, bese ukhonza uphinde unakekele umuntu. Lona umsebenzi nokungena kwakho; yilokhu wonke umuntu okufanele akufeze.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


7. Kunabaningi abagxile kuphela ohambweni lukaNkulunkulu, abashumayela kuzo zonke izindawo, kodwa bangazinaki izinto ezimayelana nabo futhi bakushaye indiva ukungena kwabo ekuphileni kukamoya. Yilokhu okwenza abantu abakhonza uNkulunkulu ukuthi bamelane noNkulunkulu. Iminyaka eminingi, labo abakhonza uNkulunkulu futhi bakhonze umuntu bebebheka lokho kusebenza nokushumayela njengokungena, futhi abekho ababheke izinto abadlule kuzo ngokomoya njengomnyango obalulekile. Kunalokho, bagqamisa ukukhanyiselwa umsebenzi woMoya oNgcwele lapho befundisa abanye. Lapho beshumayela, bathwala kakhulu futhi bamukela umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi ngalokhu bakhuluma izwi loMoya oNgcwele. Ngaleso sikhathi, bayajabula futhi bagculiseke ngaphakathi, njengokungathi umsebenzi woMoya oNgcwele uyinto engokomoya eyenzekayo kubo; bazizwa sengathi wonke amazwi abawakhuluma ngaleso sikhathi ayisiqu sabo uqobo…. Ngemva kokushumayela ngaleyo ndlela, uzwa sengathi isimo sakho sangempela asisincane njengoba wawucabanga. Ngemva kokuba uMoya oNgcwele usebenza ngendlela efanayo kuwe izikhathi eziningana, ucabanga ukuthi usunaso kakade leso simo futhi ngephutha ukholelwa ukuthi umsebenzi woMoya oNgcwele uwumnyango nesiqu sakho. Lapho uhlale udlula kulezi zinto, awubi nemithetho eqinile ngokungena kwakho. Ube usuvilapha ungaboni, futhi awube usawunaka nhlobo umnyango wakho. Ngakho, lapho ukhonza abanye, kumele uwenze ucace umehluko phakathi kwesimo sakho nomsebenzi woMoya oNgcwele. Lokhu kuyokwenza kube lula ukungena kwakho futhi kuyokuzuzisa kangcono. Kumuntu umsebenzi woMoya oNgcwele unjengento adlule kuyo uyisiqalo sokuwohloka komuntu. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi wenza muphi umsebenzi, kufanele ubheke umnyango wakho njengesifundo esimqoka.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


8. Umuntu usebenzela ukufeza intando kaNkulunkulu, ukuletha bonke labo abafuna inhliziyo kaNkulunkulu phambi Kwakhe, ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu, nokwethula umsebenzi woMoya oNgcwele nokuqondisa umuntu kukaNkulunkulu, ngalokho ephelelisa izithelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Ngenxa yalokhu, kubalulekile ukuba wazi isiqu somsebenzi. Njengomuntu osetshenziswa uNkulunkulu, bonke abantu kufanele basebenzele uNkulunkulu, okusho ukuthi, bonke banethuba lokusetshenziswa uMoya oNgcwele. Nokho, kunephuzu elilodwa okufanele niliqaphele: Lapho umuntu enza umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu unethuba lokusetshenziswa uNkulunkulu, kodwa okushiwo nokwaziwa umuntu akuncikile ngokuphelele esimweni somuntu. Ungazi kangcono kuphela izinto ezidingwa umsebenzi wakho, futhi uMoya oNgcwele ukukhanyisele nakakhulu, ngalokho ukuvulele umnyango ongcono emsebenzini wakho. Uma umuntu ebheka ukuqondiswa uNkulunkulu njengomnyango womuntu nalokho okuyifa lomuntu, alikho ithuba lokuthi isiqu esingokomoya somuntu sikhule. UMoya oNgcwele ukhanyisela umuntu lapho esesimweni esijwayelekile; ezikhathini ezinjalo, umuntu ujwayele ukuphambanisa ukukhanya akuthola esimweni sakhe esingokoqobo, njengokungathi uMoya oNgcwele uletha ukukhanya ngendlela ejwayelekile: ngokusebenzisa lokho umuntu angazitholela khona. Lapho umuntu esebenza futhi ekhuluma, noma phakathi nomkhuleko womuntu wokuzinikela kwakhe komoya, iqiniso liyohlala obala kubo. Nokho ngokoqobo, lokho umuntu akubonayo kuwukuphela kokukhanya okulethwa uMoya oNgcwele (ngokwemvelo, lokhu kuvame ukubambisana nomuntu) hhayi isimo sangempela somuntu. Ngemva kwenkathi umuntu adlula kuyo ebunzimeni obuningi, isimo sangempela somuntu siyacaca ezimweni ezinjalo. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu ebona khona ukuthi isiqu esingokomoya somuntu asisikhulu kangako, futhi ubugovu, ukuzicabangela yena yedwa, kanye nomhobholo womuntu konke kuyavela. Kungemva kweziwombe eziningi kuphela zalezo zinto lapho iningi lalabo abavusiwe emoyeni wabo beyobona khona ukuthi bebengekho esimweni sangempela, kodwa ukukhanya kwesikhashana koMoya oNgcwele, futhi umuntu wakuthola ukukhanya. Lapho uMoya oNgcwele ukhanyisela umuntu ukuze aqonde iqiniso, lokho uvamise ukukwenza ngendlela ecacile nengagwegwesi, ngaphandle komongo. Lokho kusho ukuthi, akahlanganisi ubunzima bomuntu kulesi sambulo, kunalokho ulembula ngokuqondile iqiniso. Lapho umuntu ehlangabezana nobunzima ekungeneni, umuntu ube eseba nokukhanya kukaMoya oNgcwele, futhi lokhu kuba yinto umuntu abhekana nayo ngokoqobo. … Ngakho, lapho wamukela umsebenzi kaMoya oNgcwele, ufuna okunye okuningi bese ugxila ekungeneni kwakho ngesikhathi esifanayo, ubona ngokucacile ukuthi uyini umsebenzi woMoya oNgcwele nokuthi uyini umnyango wakho, kanye nokubona umsebenzi woMoya oNgcwele ekungeneni kwakho, ukuze upheleliswe Nguye futhi uvumele isiqu somsebenzi woMoya oNgcwele kuwe. Phakathi nohambo lwakho emsebenzini woMoya oNgcwele, wazi uMoya oNgcwele, kanye nawe siqu, kanye nezikhathi eziningi zokuhlupheka ngokwedlulele, uba nobuhlobo obujwayelekile noNkulunkulu, futhi usuku nosuku uyasondelana noNkulunkulu. Phakathi nezikhathi eziningi zokuhlungwa nokucwengwa, uba nothando lwangempela ngoNkulunkulu. Yingakho kufanele ubone ukuthi lokho kuhlupheka, ukushaywa kanye nezinsizi akufanele kwethuse; okwethusayo ukuba nomsebenzi woMoya oNgcwele kuphela hhayi ukungena kwakho. Lapho kufika usuku umsebenzi kaNkulunkulu ophela ngalo, uyobe ufukuzelele ize; nakuba uwenzile umsebenzi kaNkulunkulu, uyobe ungawazi uMoya oNgcwele noma umnyango wakho. Ukukhanyiselwa komuntu uMoya oNgcwele akukhona okokwanelisa isifiso somuntu; kuwukuvulela umuntu indlela ukuze angene, kanye nokuvumela umuntu ukuba azi uMoya oNgcwele, futhi kulokho kuhluma inhliziyo ehlonipha futhi yazise uNkulunkulu.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


9. UNkulunkulu ubaphathise okuningi abantu futhi ukhulume ngezindlela ezingabaleki ngokungena kwabantu. Kodwa ngenxa yokuthi izinga labantu liphansi kakhulu, amazwi amaningi kaNkulunkulu awakaze agxile. Kunezizathu eziningi zaleli zinga eliphansi, njengokukhohlakala komcabango nesimilo somuntu, nokungakhuliswa ngendlela efanele; izinkolelo zesidala esezibambe kakhulu inhliziyo yomuntu; izindlela zokuphila ezonakele nezihlehlela emuva esezifake ububi obuningi emagumbini asekujuleni kwenhliziyo yomuntu; ukuqonda okukha phezulu ngolwazi lwamasiko, okwenza kube nabantu abacishe babe amaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili abantula imfundo ngolwazi lwamasiko, bese, ngaphezu kwalokho, beba mbalwa kakhulu abathola amazinga aphezulu emfundo yamasiko, okwenza ukuthi abantu empeleni bangabi nalwazi lokuthi kuchazwani ngoNkulunkulu noma uMoya, kodwa banesithombe esifiphele futhi esingacacile sikaNkulunkulu abasithole ezinkolweni zabo zesidala; amathonya alimazayo ashiywe yizinkulungwane zeminyaka “yomoya ophakeme wobuzwe” ekujuleni kwenhliziyo yomuntu kanye nokucabanga kwesidala abantu ababoshwe ngakho bakinatelwa, ngaphandle kwenhlayiyana yenkululeko, bengenasifiso sokulangazelela noma ukubekezela, esikhundleni salokho besala bemi ndawonye futhi behlehlela emuva, bebambeke emqondweni wobugqila. Njalo njalo. La maqiniso azimele akhe isithombe esibi ngokungacisheki ekubukeni impilo, izinhloso-nqangi, isimilo, nesimo sesintu. Kubonakala sengathi abantu baphila ezweni labesabisi lobumnyama, okungekho ofuna ukuphuma kulo, futhi akekho phakathi kwabo ocabanga ukuqhubekela ezweni eliphelele; Kunalokho, benelisekile ngabayikho empilweni,[1] ukuchitha zonke izinsuku zabo bezala futhi bekhulisa izingane, bezabalaza, bejuluka, benza imisebenzi yabo, bephupha ngomndeni othokomele nojabulayo, umshado onothando, ukuzwana nezingane zabo, ukuthokozela iminyaka yokuguga njengoba belandela ukuphila ngokuthula…. Amashumi, izinkulungwane, amashumi ezinkulungwane zeminyaka kuze kube manje, abantu bebelokhu bechitha isikhathi sabo ngale ndlela, kungekho obakha ukuphila okuphelele, bonke bezimisele kuphela ngokubulalana kuleli zwe elimnyama, emjahweni wodumo nomcebo, bakhelana uzungu bodwa. Ubani oseke wafuna intando kaNkulunkulu? Ingabe ukhona oseke walalela umsebenzi kaNkulunkulu? Zonke izingxenye zesintu ezithathwe yithonya lobumnyama kudala zaba yimvelo yomuntu, ngakho kunzima kakhulu ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu futhi abantu banenhliziyo encane kakhulu yokunaka lokho abaphathise khona namuhla. Noma kunjalo, ngikholwa ukuthi abantu ngeke baphatheke kabi uma ngikhuluma la mazwi ngoba engikhuluma ngakho ngumlando wezinkulungwane zeminyaka. Ukukhuluma ngomlando kusho amaqiniso, futhi, ngaphezu kwalokho, nezigameko ezimbi ezisobala kubo bonke, ngakho kunamsebenzi muni ukusho okuphambene neqiniso?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


10. Izenzo zezinkolelo abantu abazenzayo ziyilokhu uNkulunkulu akuzonda kakhulu, kodwa abantu abaningi abakakwazi ukuzidedela, becabanga ukuthi lezi zinkolelo ziyimiyalo kaNkulunkulu, futhi nanamuhla abakazilahli ngokuphelele. Izinto ezinjalo ezifana namadili omshado noma izimpahla zomakoti; izipho zemali, nenala yokudla, kanye nezindlela ezifanayo okugujwa ngazo izehlakalo zenjabulo; izindlela ezaqala endulo; nayo yonke imicimbi yezinkolelo ezingenamqondo eyenzelwa abangasekho kanye nemicimbi yomngcwabo: konke lokhu uNkulunkulu uyakuzonda kakhulu. Ngisho neSonto (iSabatha, njengoba ligcinwa amaJuda) uyalizonda; futhi ubudlelwane babantu nokuxhumana kwasemhlabeni phakathi komuntu nomuntu konke uNkulunkulu uyakuzonda futhi uyakuchitha. Ngisho noMkhosi Wasentwasahlobo noSuku LukaKhisimusi, okwaziwa yiwo wonke umuntu, akuwona umyalo kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyamathoyizi nemihlobiso (izinkondlo ezimigqa mibili, ikhekhe loNyaka Omusha, amakrikhethi, izibani, izipho zikaKhisimusi, amaphathi kaKhisimusi neSidlo esiNgcwele) yalezi zikhathi zemikhosi—ingabe akuzona yini izithixo ezingqondweni zabantu? Ukuhlephula isinkwa ngeSabatha, iwayini, nelineni elicolekile kuyizithixo nakakhulu. Zonke izinsuku zemikhosi yomdabu ezidumile eChina, efana nobizwa ngokuthi Usuku Lokuphakamisa Amakhanda kaDrako, iDragon Boat Festival, uMkhosi Waphakathi Nekwindla, uMkhosi weLaba kanye Nosuku LukaNcibijane, kanye nemikhosi yenkolo efana nePhasika, uSuku Lokubhapathizwa, noSuku LukaKhisimusi, yonke le mikhosi engenasizathu yahlelwa futhi yehliswa kusukela endulo kuze kube manje ngabantu abaningi, futhi ayihambelani nhlobo nesintu esidalwe uNkulunkulu. Ukuzakhela izithombe-mqondo kwesintu nemibono yaso enobuchule okwenze yehla yaze yafika namuhla. Ibonakala ingenazici, kodwa empeleni ingamaqhinga kaSathane awenza esintwini. Lapho indawo igcwala oSathane abaningi, futhi lapho indawo isiphelelwe yisikhathi futhi isele emuva, iwagcina ngokujulile amasiko esidala. Lezi zinto zibabamba zibaqinise abantu, azivuli ngisho nesikhala esincane sokunyakaza. Imikhosi eminingi emhlabeni wenkolo ibonakala iveza ikhono lokuqamba elikhulu nokwakha ibhuloho eliya emsebenzini kaNkulunkulu, kodwa empeleni ziyizibopho ezingabonakali uSathane abopha ngazo abantu ukuba bangafinyeleli ekwazini uNkulunkulu—yonke ingamaqhinga obuqili bukaSathane. Eqinisweni, lapho isigaba somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile, usuke esewephulile amathuluzi nendlela yangaleso sikhathi akashiya mkhondo wakho. Nokho, “amakholwa azinikele” ayaqhubeka nokukhonza lezo zinto eziphathekayo; ngaleso sikhathi lokho uNkulunkulu anakho bakubeka emuva emiqondweni yabo, bangaqhubeki nokukucubungula, babonakala begcwele uthando lukaNkulunkulu, kanti empeleni bamxosha kudala endlini babeka uSathane etafuleni ukuze bamkhonze. Imidwebo kaJesu, yeSiphambano, kaMariya, yokuBhabhathizwa kukaJesu neyeSidlo Sokugcina - abantu bakwesaba njengeNkosi yeZulu belokhu bememeza ngokuphindaphinda bethi “Nkulunkulu uBaba.” Ingabe konke lokhu akulona ihlaya? Kuze kube namuhla, izisho nezenzo eziningi ezifanayo ezazidluliswa phakathi kwesintu ziyazondwa uNkulunkulu; ziyiphazamisa kakhulu indlela eya phambili kaNkulunkulu futhi, kwakha ukulahlekelwa okukhulu ekungeneni kwesintu. Uma kubekwa eceleni izinga uSathane onakalise ngalo isintu, ingaphakathi labantu ligcwaliswe ngokuphelele ngezinto ezinjengomthetho kaWitness Lee, izigameko zikaLawrence, inhlolovo kaWatchman Nee nomsebenzi kaPawulu. Ayikho indlela uNkulunkulu angasebenza ngayo kubantu ngoba ngaphakathi kugcwele ububona, imithetho, imitheshwana imiyalo izinhlelo, kanye nezinto ezinjalo; lezi zinto, ngaphezu kwezinjwayezi zezinkolelo zesidala zibathumbile futhi zasishwabadela isintu. Kufana nokuthi imicabango yabantu iyifilimu exoxa inganekwane ngombala ogcwele, nabantu abamangazayo abagibele amafu, eyakhiwe kahle kakhulu ngengqondo ukuze imangalise abantu, ishiya abantu bemangele futhi bevaleke imilomo.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



11. Indlela engcono kakhulu yokuguqula isimo somuntu ukuphendukezela lezo ngxenye zezinhliziyo ezingaphakathi kakhulu kubantu esezifakwe ubuthi kakhulu, kuvunyelwe abantu ukuba baqale ukuguqula izinkolelo zabo nokuziphatha kwabo. Okokuqala, abantu kudingeka babone ngokucacile ukuthi wonke amasiko enkolo, imisebenzi yenkolo, izinsuku, imikhosi, konke uNkulunkulu uyakuzonda. Kufanele bagqashule kulezi zibopho eziwukucabanga ngendlela endala, baqede yonke inhlese ezinzile yokukhonza kwabo izinkolelo. Konke lokhu kuyingxenye yokungena komuntu. Kufanele niqonde ukuthi kungani uNkulunkulu ehola abantu ebasusa ezweni, nokuthi kungani ebahola ebasusa emithethweni. Leli isango eniyongena kulo, nakuba lingahlanganise lutho nesimo senu esingokomoya, lezi izinto eziyimigoqo emikhulu evimbe indlela yenu, zinivimbele ukuthi nazi uNkulunkulu. Zakha inetha elibamba abantu. Abantu abaningi balifunda kakhulu iBhayibheli futhi bakwazi ukusho ngekhanda amavesi amaningi eBhayibheli. Ekungeneni kwabo namuhla, abantu ngokunganaki basebenzisa iBhayibheli ukuze balinganise umsebenzi kaNkulunkulu njengokungathi isisekelo somsebenzi kaNkulunkulu yiBhayibheli nomthombo wawo yiBhayibheli. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uvumelana neBhayibheli, abantu baweseka kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu futhi uNkulunkulu bambheka ngelinye iso; lapho umsebenzi kaNkulunkulu ungavumelani neBhayibheli, abantu bakhathazeka kuze kuconse umjuluko befuna kulo isisekelo somsebenzi kaNkulunkulu; uma umsebenzi kaNkulunkulu kungakhulunywa ngawo eBhayibhelini, abantu bayomziba uNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi, ngokomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, abantu abaningi bamemukela ngokucophelela okunokunwabuluka uNkulunkulu, balilalela ngokukhetha, fuhti abazikhathazi ngokulazi; ngokwezinto zakudala, babambelela engxenyeni eyodwa bayilahle enye. Ingabe lokhu kungabizwa ngokuthi ukungena? Ngokuthatha izincwadi zabanye njengamagugu, ukuziphatha njengesihluthulelo segolide sokuvula amasango ombuso, abantu abanandaba nezinto uNkulunkulu azifunayo namuhla. Ngaphezu kwalokho, “ochwepheshe abahlakaniphile” abaningi babamba amazwi kaNkulunkulu esandleni sesokunxele “nomsebenzi wobungcweti” kwesokudla, ngokungathi bafuna ukuthola isisekelo samazwi kaNkulunkulu kule misebenzi yobungcweti ukuze babonise ngokugcwele ukuthi amazwi kaNkulunkulu aqinisile, futhi baze bachazele abanye ngemisebenzi kaNkulunkulu ngokuwahlanganisa nemisebenzi yobungcweti, sengathi bayasebenza. Ukukhuluma iqiniso, baningi “abacwaningi abangososayensi” phakathi kwesintu abangakaze bayithokozele impumelelo yakamuva yesayensi engakaze yandulelwe yilutho (okusho ukuthi, umsebenzi kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu nomzila oya ekungeneni ekuphileni), ngakho bonke abantu “bazethemba bona,” “bashumayela” kuzo zonke izindawo ngamandla obugagu babo, bamemezele “igama elihle likaNkulunkulu.” Nokho, ukungena kwabo kusengozini futhi babonakala bekude nalokho okufunwa uNkulunkulu njengoba isikhathi sokudala siqhelelene nalo mzuzu. Kulula kangakanani ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


12. Kubonakala sengathi abantu sebenqumile kakade ukushiya isigamu sabo kokwayizolo balethe esinye namuhla, banike uSathane isigamu bese esinye besinika uNkulunkulu, ngokungathi lena indlela yokukhulula unembeza bezwe umuzwa othile wokunethezeka. Imihlaba yangaphakathi kubantu igcwele ubuqili, abesabi nje kuphela ukulahlekelwa yikusasa, kodwa nezolo, besaba kakhulu ukucasula uSathane noNkulunkulu wanamuhla, obonakala enguye kodwa futhi engewuye. Ngenxa yokuthi abantu sebehlulekile ukukhulisa ukucabanga nesimilo sabo ngokufanele, bayantula kakhulu ekuqondeni, futhi abakwazi ukusho ukuthi umsebenzi wanamuhla okaNkulunkulu yini noma cha. Mhlawumbe kungenxa yokuthi imicabango yabantu yesidala neyezinkolelo ijule kangangokuba kade babeka inkolelo neqiniso, uNkulunkulu nezithixo emkhakheni owodwa, abanandaba nokwahlukanisa phakathi kwalezi zinto, futhi babonakala bengakwazi ukwehlukanisa ngokucacile noma sebexukuza ubuchopho babo. Yingakho abantu sebemi ndawonye futhi bengasakwazi ukuya phambili. Zonke lezi zinkinga zisuka ekuntuleni kwabantu uhlobo olufanele lwemfundo yomqondonkolelo, okudala izingqinamba ezinkulu ekungeneni kwabo. Ngenxa yalokho, abantu abaze bangaba nendaba nomsebenzi kaNkulunkulu weqiniso, kodwa balokhu bephikelela begxile[2] emsebenzini womuntu (njengalabo ababukwa njengabantu abakhulu) njengokungathi kushiselwe ngensimbi yokwenza uphawu. Ingabe lezi akuzona izihloko zakamuva umuntu okumele angene kuzo?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


13. Uma umuntu engakwazi ngempela ukungena ngokuvumelana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, ukuphila kwakhe kuyohluma ngokushesha njengamagatsha oqalo ngemva kwemvula yasentwasahlobo. Uma sibuka isimo samanje sabantu, akekho obheka ukuphila njengokubalulekile. Kunalokho, abantu babheka izinto ezingatheni njengezibalulekile. Noma bagijima ngokuxhamazela futhi basebenza ngokungenamgomo futhi abagxilile, abazi ukuthi bayephi, ingasaphathwa eyokuthi kubani. Bamane “bazibheka njengabathobekile.” Iqiniso liwukuthi, idlanzana kini elazi izinhloso zikaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina. Akuvamisile ukuthi kini kube khona owazi imikhondo kaNkulunkulu, futhi akukho ngisho abambalwa kini abazi ukuthi uNkulunkulu uyofezani ekugcineni. Kodwa wonke umuntu, usamukela ngothando isiyalo nokusebenzelana nabanye, njengokuphakama[3] futhi balindele usuku lapho besekwazile ekugcineni bayakhululeka. Ngeke ngiphawule ngalezi “zimangaliso” zabantu, kodwa kunento eyodwa nonke okufanele niyiqonde. Okwamanje abantu abaningi benza okungajwayelekile,[4] izinyathelo zabo seziyela ngasekugcineni.[5] Mhlawumbe abaningi bacabanga ukuthi umuntu ulangazelela “iShangri-La”, bakholelwa ukuthi “indawo yenkululeko.” Eqinisweni, akunjalo. Noma omunye angase athi abantu baphambukile.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


14. UNkulunkulu uwumuntu ezweni elibanzi lamaShayina, balibiza kanjalo abomdabu baseHong Kong nabaseTaiwan ugu. Lapho uNkulunkulu ehlela emhlabeni, akekho ezulwini owayazi ngalokho, ngoba lena incazelo yangempela yokubuya kukaNkulunkulu ngendlela efihlekile. Ubelokhu eyinyama esebenza futhi ephila isikhathi eside, kodwa akekho owaze ngakho. Kuze kube namuhla, akekho obonayo. Mhlawumbe lokhu kuyoba impicabadala kuze kube phakade. Ukuba yinyama kukaNkulunkulu kulokhu akuyona into engabonwa yinoma ubani. Kungakhathaliseki ukuthi umsebenzi kaMoya ubanzi futhi unamandla kangakanani, uNkulunkulu uhlale ezolile, akalokothi aphaphazele. Omunye angase athi kunjengokungathi lesi sigaba somsebenzi Wakhe senzeka endaweni yasezulwini. Nakuba kusobala kuwo wonke umuntu, akekho okuqaphelayo. Lapho uNkulunkulu eqeda lesi sigaba somsebenzi Wakhe, wonke umuntu uyovuka emaphusheni akhe amade abuyise umbono ayenawo ekuqaleni.[6] Ngikhumbula ukuthi uNkulunkulu wake wathi, “Ukuza enyameni kulokhu kufana nokuwela esibayeni sezingwe.” Lokhu kuchaza ukuthi ngenxa yalesi siwombe somsebenzi kaNkulunkulu, ukuza kukaNkulunkulu enyameni nokuzalelwa endaweni okuhlala kuyo udrako omkhulu obomvu, ukuza Kwakhe emhlabeni kulokhu kuhambisana ngisho nakakhulu nezingozi ezinkulu. Ubhekene nemimese nezibhamu kanye nezagila; ubhekene nesilingo; ubhekene nezixuku ezinenswebu yokubulala. Uzifaka engozini yokubulawa noma yinini. UNkulunkulu wafika enolaka. Nokho, wafikela ukwenza umsebenzi wokuphelelisa, okusho ukwenza ingxenye yesibili yomsebenzi Wakhe eqhubeka ngisho nangemva komsebenzi wokuhlenga. Ngenxa yalesi sigaba somsebenzi Wakhe, uNkulunkulu unikele ngayo yonke imicabango futhi usebenzisa zonke izindlela ukuze agweme izilingo, uyazithoba futhi akalokothi aveze ubuntu Bakhe. Lapho esindisa umuntu esiphambanweni, uJesu wayemane ephelelisa umsebenzi wokuhlenga; wayengenzi umsebenzi wokuphelelisa. Ngakho kwakwenziwa uhhafu womsebenzi kaNkulunkulu, futhi ukuqeda umsebenzi wokuhlenga kwakuyingxenye yalo lonke icebo Lakhe. Njengoba inkathi entsha yayisizoqala futhi endala isiphela, uNkulunkulu uBaba waqala ingxenye yesibili yomsebenzi Wakhe futhi waqala ukuyilungisa. Esikhathini esedlule, lokhu kuba samuntu ngezinsuku zokugcina kungenzeka kwaprofethwa, ngakho lokho kwabeka isisekelo emfihlweni edlondlobalayo yokuza kukaNkulunkulu enyameni ngalesi sikhathi. Lapho kusa, kungazi muntu, uNkulunkulu weza emhlabeni waqala ukuphila enyameni. Abantu babengawunakile lo mzuzu. Mhlawumbe babezumekile, mhlawumbe labo ababebhekile begadile babelindile, mhlawumbe abanye babethandaza buthule kuNkulunkulu ezulwini. Kodwa phakathi kwabo bonke labantu abaningi, akekho noyedwa owayazi ukuthi uNkulunkulu wayesefikile kakade emhlabeni. UNkulunkulu wasebenza ngale ndlela ukuze awufeze ngaphandle kwezingqinamba umsebenzi Wakhe futhi athole imiphumela engcono, nokuthi agweme ezinye izilingo. Lapho umuntu ephaphama, umsebenzi kaNkulunkulu wawusuphele kudala futhi wayesehamba, waqhubeka nokuphila noma uhambo lwasemhlabeni. Ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu udinga ukuthi uNkulunkulu azenzele futhi akhulume mathupha, nokuthi ayikho indlela umuntu asiza ngayo, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu bokuza emhlabeni ezozenzela umsebenzi. Umuntu akakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu uzifake engozini izikhathi eziyizinkulungwane eziningi kunezangeNkathi Yomusa eza lapho kuhlala khona udrako omkhulu obomvu ezokwenza umsebenzi Wakhe, ezozama ngazo zonke izindlela ukuzohlenga leli qembu elingenabani labantu, ezotakula leli qembu labantu elibishe odakeni. Noma engekho owazi ngokuba khona kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akanankinga ngoba kuwuzuzisa kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu. Wonke umuntu ukhohlakele kakhulu, ngakho umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Yingakho emhlabeni uNkulunkulu ehlale engasho lutho. Akunandaba ukuthi umuntu ukhohlakele kangakanani, akukho lukho uNkulunkulu akufaka enhliziyweni, kodwa uqhubeka enza umsebenzi okudingeka awenze ukuze afeze umsebenzi omkhulu awunikwe uBaba osemazulwini. Ubani phakathi kwenu obone uthando lukaNkulunkulu? Ubani okhathakazeka kakhulu ngomthwalo kaBaba uNkulunkulu ukwedlula iNdodana Yakhe? Ubani okwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu uBaba? Umoya kaNkulunkulu, uBaba osezulwini uhlale uhlukumezeka, iNdodana Yakhe emhlabeni ihlale ithandaza ngentando kaNkulunkulu uBaba, ikhathazeke inhliziyo Yakhe ibe izicucu. Ingabe ukhona owazi uthando uNkulunkulu uBaba analo ngeNdodana Yakhe? Ingabe ukhona owazi ukuthi iNdodana ethandwayo imkhumbula kangakanani uNkulunkulu uYise? Behlukaniswe izulu nomhlaba, laba ababili bahlale bexhumana nakuba beqhelelene, besebenzisa uMoya. Nina sintu! Niyokhathazeka nini ngenhliziyo kaNkulunkulu? Niyoyiqonda nini inhloso kaNkulunkulu? UBaba neNdodana bebelokhu bebambisene. Kungani pho kufanele bahlukaniswe, omunye abe sezulwini omunye abe semhlabeni? UBaba uyayithanda iNdodana Yakhe neNdodana iyamthanda uYise. Kungani pho kufanele silinde ngokulangazela nokukhathazeka okunjalo? Nakuba bengakahlukaniswa isikhathi eside, ingabe ukhona owaziyo ukuthi uBaba ubelokhu elangazelela izinsuku eziningi ukubona iNdodana Yakhe ayithandayo ibuya? Uyabuka, ahlale buthule, alinde. Konke kumayelana nokubuya ngokushesha kweNdodana Yakhe ayithandayo. Kunini lapho ayophinde khona abe neNdodana Yakhe ezulazula emhlabeni? Ngisho noma bake baba ndawonye, basazoba ndawonye kuze kube phakade, angazibekezelela kanjani izinkulungwane zezinsuku bengekho ndawonye, omunye esemhlabeni omunye esezulwini? Amashumi eminyaka emhlabeni afana nezinkulungwane zeminyaka ezulwini. UNkulunkulu uBaba angahlala kanjani engakhathazeki? Lapho uNkulunkulu efika emhlabeni, wenza izinguquko eziningi ezweni labantu njengoba nje kwenza umuntu. UNkulunkulu Uqobo umsulwa, ngakho kungani uNkulunkulu kufanele ezwe ubuhlungu obufana nobomuntu? Yingakho uNkulunkulu uBaba eyilangazelela kangaka iNdodana Yakhe; ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu? UNkulunkulu unika umuntu okuningi; umuntu angayikhokhela ngani inhliziyo kaNkulunkulu? Kodwa kuncane kakhulu umuntu akunika uNkulunkulu; angahlala kanjani-ke uNkulunkulu angakhathazeki?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


15. Esimweni esingajwayelekile, omunye kubantu uyakuqonda ukuphuthuma kwenhliziyo kaNkulunkulu ngenxa yokuthi izinga labantu liphansi kakhulu nokuthanda kwabo uNkulunkulu kusivivi, futhi bonke abakunaki okwenziwa uNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu ulokhu ekhathazeka ngomuntu, ngokuthi ubulwane bomuntu bungagqashuka noma inini. Lokhu kuphinde kuveze ukuthi ukuza kukaNkulunkulu emhlabeni kuhambisana nezilingo ezinkulu. Kodwa ngenxa yokuqedela iqembu labantu, uNkulunkulu wodumo, watshela umuntu zonke izinhloso Zakhe, wangafihla lutho. Unqume ngokuqinile ukuqedela leli qembu labantu. Ngakho, lapho kuza ubunzima noma izilingo, unquma ukukushalazelela konke. Uwenza buthule umsebenzi Wakhe, ukholelwa ngokunamandla ukuthi ngelinye ilanga lapho uNkulunkulu ethole inkazimulo, umuntu uyomazi uNkulunkulu, nokuthi lapho uNkulunkulu eseqedile ngomuntu, umuntu uyoyiqonda inhliziyo kaNkulunkulu. Okwamanje kungenzeka kunabantu abalinga uNkulunkulu noma abangamqondi noma abambeka amabala uNkulunkulu; akukho kulokho uNkulunkulu akufaka enhliziyweni. Lapho uNkulunkulu ehla eba inkazimulo, bonke abantu bayoqonda ukuthi konke okwenziwa uNkulunkulu kungenxa yenhlala-kahle yomuntu, futhi bayoqonda ukuthi uNkulunkulu usuke enzela ukuthi abantu baphile kangcono. Ukuza kukaNkulunkulu kuphelezelwa izilingo, futhi uNkulunkulu uza ngamandla nangolaka. Lapho uNkulunkulu eshiya izulu, uyobe eseyitholile kakade inkazimulo, uyobe esekhazinyuliswe ngokuphelele futhi kuyoba nenhlokomo lapho ebuya. UNkulunkulu osebenza emhlabeni akafaki izinto enhliziyweni, kungakhathaliseki ukuthi abantu bamphika kangakanani. Umane nje wenza umsebenzi Wakhe.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


16. Ukudala kukaNkulunkulu umhlaba kwenzeka eminyakeni eyizinkulungwane edlule, uze emhlabeni ukuze enze umsebenzi omkhulu kakhulu, futhi ukubone ngokuphelele ukuphikwa abantu nokunyundelwa. Akekho owamukela ukufika kukaNkulunkulu; bonke abamnakile. Endabeni yezinkulungwane zeminyaka yobunzima, ukuziphatha komuntu kade kwaba yize enhliziyweni kaNkulunkulu. Akasakunaki ukuhlubuka kwabantu, kodwa esikhundleni salokho wenza icebo elihlukile lokuguqula nokuhlanza umuntu. Ukululazwa, ukunyundwa, ukushushiswa, usizi, ukubulawa esiphambanweni, ukucwaswa komuntu, nokunye uNkulunkulu akubone enyameni—uNkulunkulu usekubone kwanela. UNkulunkulu osenyameni uzwe ubuhlungu obukhulu ezweni labantu. Umoya kaNkulunkulu uBaba osezulwini kade wathola ngalezo zinto futhi wavala amehlo ngoba azibekezeleleki, ulinde ukubuya kweNdodana ethandekayo. Konke akufisayo ukuthi bonke abantu balalele, bakwazi ukubona usizi olusenyameni Yakhe, futhi bangahlubuki Kuye. Konke akufisayo ukuthi bonke abantu bakholwe ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kade ayeka ukufuna izinto ezinkulu kumuntu ngoba uNkulunkulu usekhokhe inani elikhulu kakhulu, kodwa umuntu uyabukela,[7] akawufaki nhlobo umsebenzi kaNkulunkulu enhliziyweni.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


17. Namuhla nonke niyazi ukuthi uNkulunkulu uholela abantu emgudwini ofanele wempilo, ukuthi uholela umuntu ekuthatheni isinyathelo esilandeleyo sokungena kwenye inkathi, ukuthi uhola umuntu ukuba aphume kule nkathi emnyama endala, aphume enyameni, asuke ekucindezelweni amandla obumnyama nethonya likaSathane, ukuze umuntu ngamunye aphile ezweni lenkululeko. Ngenxa yekusasa eliqhakazile, futhi ukuze abantu babe nesibindi ezinyathelweni zabo kusasa, uMoya kaNkulunkulu umhlelela konke umuntu, futhi ukuze umuntu ajabule kakhulu, uNkulunkulu unikela wonke amandla Akhe enyameni ukulungisa indlela engaphambili komuntu, esheshisa ukufika kosuku alulangazelelayo. Ngifisa ukuba nonke niwuthande lo mzuzu omuhle; akuyona into elula ukuhlangana noNkulunkulu. Nakuba ningakaze nimazi, kade nilokhu naba ndawonye Naye. Uma nje wonke umuntu engazikhumbula phakade lezi zinsuku ezimfishane, bazenze izinto zabo eziyigugu emhlabeni.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (5)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


18. Izinkulungwane zeminyaka, amaShayina ebephila impilo yezigqila, lokhu sekuyikhinyabezile imicabango yawo, imibono, ukuphila, ulimi, ukuziphatha, kanye nezenzo kwaze kwabashiya bengenayo nencane inkululeko. Umlando oyizinkulungwane eziningi zeminyaka uthathe abantu abanempilo abagcwele umoya wabatuba baba yinto efuze izidumbu ezingenawo umoya. Abaningi yilabo abaphila ngaphansi kommese wasesilaheni kaSathane, abaningi yilabo abaphila emakhaya afana nezikhundla zezilwane, abaningi yilabo abadla ukudla okufanayo nezinkomo noma amahhashi, futhi abaningi balala bengezwa lutho, futhi amakhanda ephithene, “ezweni labafileyo.” Ngokubukeka kwangaphandle abantu abehlukile kumuntu wasemandulo, indawo yabo yokuphumula ifana nesihogo, futhi okokubahlalisa bazungezwe yilo lonke uhlobo lwamadimoni angcolileyo nemimoya emibi. Ngaphandle, abantu babonakala “beyizilwane” eziphakeme; eqinisweni, baphila futhi bahlale namadimoni angcolile. Kungekho muntu wokubanakekela, abantu baphila ogibeni olucashile lukaSathane, bebambeke konoxhaka bakhe, kungekho ndlela yokuphunyuka. Kunokukhuluma ukuthi bahlangana nezihlobo zabo emakhaya athokomele, baphile ukuphila okumnandi nokugculisayo, umuntu kufanele athi abantu baphila eHayidesi, bebhekana namadimoni futhi bephila nodeveli. Eqinisweni, abantu basaboshiwe nguSathane, bahlala lapho amademoni angcolile ehlangana khona, futhi baqondiswa yila madimoni angcolile, ngokungathi imibhede yabo iyindawo yokulala izidumbu zabo, sengathi iyizidleke ezithokomele.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (5)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


19. Umuntu uphila kanye nezilwane, futhi bayezwana, ngaphandle kwezingxabano noma ukuphikisana ngamagama. Umuntu akanaqiniso kakhulu ekunakekeleni nasekukhathaleleni kwakhe izilwane, futhi izilwane zikhona ukuze kuphile umuntu, ngokwenzuzo yakhe kuphela, zona azisizakali ndawo futhi zilalela umuntu ngokuphelele. Kukho konke okubonakalayo, ubuhlobo phakathi komuntu nesilwane busondelene[4] futhi bunokuzwana[5] —kanti kubonakala sengathi amadimoni angcolile ayinhlanganisela enhle yomuntu nesilwane. Ngakho, umuntu namadimoni angcolile emhlabeni basondelene kakhulu, futhi abehlukaniseki: Noma ehlukene namadimoni angcolile umuntu ulokhu exhumekile kuwo; khona lapho, amadimoni angcolile awagodli lutho kumuntu, futhi “enikela” konke anakho kuye. Nsuku zonke, abantu badansa “esigodlweni senkosi yesihogo,” bengqabashiya “nenkosi yesihogo” (ukhokho wabo), futhi besetshenziswa yiyo, ukuze kuthi, namuhla, abantu sebecwile ekungcoleni, futhi njengoba behlale isikhathi eside eHayidesi, kade bayeka ukulangazela ukubuyela “ezweni labaphilayo.” Ngakho, lapho nje bebona ukukhanya, bebona okufunwa uNkulunkulu, nobunjalo bukaNkulunkulu, nomsebenzi Wakhe, bazizwa bengaqinile fuhti benokukhathazeka, besalangazelela ukubuyela emuva baphile nezipoki. Kudala bamkhohlwa uNkulunkulu, ngakho bahlale bezulazula emangcwabeni.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (5)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



20. Umsebenzi nokungena kuyizinto ezizuzwa ngokoqobo futhi eziqondiswe emsebenzini kaNkulunkulu nasekungeneni komuntu. Umuntu akabuqondisisi ubuso bukaNkulunkulu bangempela nomsebenzi kaNkulunkulu olethe ubunzima obukhulu ekungeneni kwakhe. Kuze kube namuhla, abantu abaningi abakawuboni umsebenzi uNkulunkulu awufeza ngezinsuku zokugcina noma ukuthi kungani uNkulunkulu ebekezelela ukuhlazeka okungaka bokuza enyameni abhekane nosizi lomuntu. Umuntu akazi lutho ngenhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, nangenhloso yecebo likaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina. Ngenxa yezizathu eziningi, abantu njalo basivivi futhi abanakho kuqonda[10] ekungeneni okufunwa uNkulunkulu, okuyinto elethe ubunzima obukhulu emsebenzini kaNkulunkulu enyameni. Abantu kubonakala sebezinqobe zonke izingqinamba, kodwa kuze kube manje abanakho okuqonda okucacile. Ngakho ngizokhuluma ngomsebenzi uNkulunkulu awenza kumuntu, nenhloso ephuthumayo kaNkulunkulu, ukuze nonke nibe yizinceku eziqotho kuNkulunkulu, njengoJobe, wancamela ukufa kunokuphika uNkulunkulu, futhi wabekezelela konke ukuhlazeka, futhi njengoPetru, uyonikela ngesiqu sakho kuNkulunkulu ube nobungani noNkulunkulu obuzuzwe ngezinsuku zokugcina. Kwangathi bonke abafowethu nodadewethu bangenza konke okusemandleni abo ukuze banikele ngakho konke abanakho entandweni kaNkulunkulu osezulwini, babe izinceku ezingcwele endlini kaNkulunkulu, bajabulele izibusiso zaphakade ezibekwe uNkulunkulu, ukuze inhliziyo kaBaba uNkulunkulu ibe nokuthula. “Ukufeza intando kaNkulunkulu uBaba” kufanele kube into ephambili kubo bonke abathanda uNkulunkulu. La mazwi kufanele abe isiqondiso sokungena komuntu futhi alawule izenzo zakhe. Lesi isinqumo umuntu okufanele asenze. Ukuwuqeda wonke umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni nokubambisana nomsebenzi kaNkulunkulu enyameni—lona umsebenzi womuntu. Ngelinye ilanga, lapho umsebenzi kaNkulunkulu usuphelile, umuntu uyosheshe amvalelise lapho esebuyela kuYise ezulwini. Ingabe lesi akusona isibopho umuntu okufanele asifeze?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


21. Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu. Yingakho uNkulunkulu ethi, “Nakuba ukuba kwaba umuntu kwangizwisa ubuhlungu ngaze ngafa, lokho kwakungeyona yonke inhloso yokuba Kwami umuntu. UJesu iNdodana Yami engiyithandayo futhi waphanyekwa esiphambanweni ngenxa Yami, kodwa akawuqedanga wonke umsebenzi Wami. Wenza ingxenye yawo.” Ngakho uNkulunkulu waqala isiwombe sesibili secebo lokuqhubeka nomsebenzi wakhe enyameni. Ekugcineni, uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa nokuzuza wonke umuntu amsindise ezandleni zikaSathane, yingakho uNkulunkulu ezimisele ukuphinde azifake engozini yokungena enyameni.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


22. Ezindaweni eziningi, uNkulunkulu waprofetha ngokuzuza iqembu labanqobi ezweni laseSinimi. Abanqobi bazuzwa eMpumalanga yezwe, ngakho ukuba sesimweni somuntu kwesibili kukaNkulunkulu akungatshazwa ukuthi kusezweni laseSinimi, lapho udrago omkhulu abomvu azithukuse khona. UNkulunkulu uyozuza inzalo kadrako omkhulu obomvu ukuze linqotshwe lonke futhi lihlaziswe. UNkulunkulu ufuna ukuvusa lesi sizwe esihlupheka kakhulu, asivuse unomphela, siphume emfologweni, simenqabe ngokugcwele udrako omkhulu obomvu. UNkulunkulu ufuna ukusisangulukisa emaphusheni aso, abembulele isiqu sikadrako omkhulu obomvu, banikele ngazo zonke izinhliziyo zabo kuNkulunkulu, bakhululeke ekucindezelweni amandla obumnyama, bame eMpumalanga yezwe, babe ubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uyoyithola ngaleso sikhathi inkazimulo. Ngenxa yalesi sizathu, uNkulunkulu ulethe umsebenzi ozoqeda ngo-Israyeli ezweni lapho udrako omkhulu obomvu azithukuse khona, cishe emva kokuhamba iminyaka eyizinkulungwane ezimbili, uphinde waba senyameni ukuze aqhubeke nomsebenzi weNkathi Yomusa. Ngokweso lomuntu, uNkulunkulu uqala umsebenzi omusha enyameni. Kodwa kuNkulunkulu, uqhubeka nomsebenzi weNkathi Yomusa, bahlukaniswa izinkulungwane ezimbalwa kuphela zeminyaka, nendawo abasebenza kuyo kanye nomsebenzi abawenzayo. Nakuba isithombe senyama sikaNkulunkulu sesingenisile emsebenzini namuhla siwumuntu ohlukile kuJesu, banesiqu nempande efanayo, futhi bavela endaweni efanayo. Mhlawumbe ngaphandle bahluke ngezindlela eziningi, kodwa ingaphakathi lomsebenzi Wabo lihlukile. Izinkathi, azifani njengobusuku nemini. Kungenzeka kanjani ukuthi ungashintshi umsebenzi kaNkulunkulu? Noma kungenzeka kanjani ukuthi umsebenzi ungaphazamisi omunye?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


23. UJesu waba umJuda, wabukeka njengomJuda, futhi wakhula edla ukudla kwamaJuda. Lena indlela ajwayeleke ngayo. Kodwa inyama Yakhe njengomuntu namuhla ifana neyabantu base-Asia abakhuliswa ukudla kwesizwe sikadrako omkhulu obomvu. Lokhu akushayisani nomgomo kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Kunalokho, kuyaphelelisana, kukuphelelisa kakhulu ukubaluleka kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngenxa yokuthi isimo somuntu kubhekiselwa kuso “njengeNdodana yomuntu” noma “uKristu,” ingaphandle likaKristu wanamuhla alihlangene noJesu Kristu. Ngemva kwakho konke, inyama ibizwa ngokuthi “iNdodana yomuntu” futhi isesithombeni senyama. Zonke izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zinencazelo ejule kakhulu. Into eyenza uJesu wakhuleliswa uMoya oNgcwele ukuthi wayezohlenga izoni. Kwakufanele angabi nasono. Kodwa kusekugcineni kuphela lapho aphoqwa khona ukuba abe enyama enesono wathatha izono zezoni wazisindisa esiphambanweni sesiqalekiso uNkulunkulu ayesisebenzisela ukusola abantu. (Isiphambano ithuluzi likaNkulunkulu lokuqalekisa nokusola abantu; uma kukhulunywa ngokuqalekisa nokusola kusuke kukhulunywa ngokuqalekisa nokusola izoni.) Umgomo wawungukwenza zonke izoni ziphenduke, ukubulawa esiphambanweni zikusebenzisele ukuvuma izono zazo. Lokho kusho ukuthi, ukuze ahlenge sonke isintu, uNkulunkulu waba sesimweni somuntu Ngokwakhe enyameni eyakhuleliswa uMoya oNgcwele futhi wathatha izono zaso sonke isintu. Indlela ejwayelekile yokuchaza lokhu ukunikela ngenyama engcwele ngenxa yazo zonke izoni, ukuba kukaJesu umnikelo wesono kubekwe phambi kukaSathane ukuze “kunxuswe” uSathane abuyele kuNkulunkulu naso sonke isintu asithuthumelisile. Ngakho ukufeza lesi sigaba somsebenzi wokuhlenga kudinga uMoya oNgcwele. Lesi simo sasidingeka, “isivumelwano” empini eyayiphakathi kukaNkulunkulu uBaba noSathane. Yingakho uJesu anikelwa kuSathane, futhi saphela lapho lesi sigaba somsebenzi. Nokho, umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlenga kakade ubaluleke kakhulu, uSathane akanasizathu sokufuna izinto ezithile, ngakho ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu akuwudingi umbono woMoya oNgcwele, ngoba uNkulunkulu ungcwele futhi umsulwa. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kulokho akuseyena uJesu wangeNkathi Yomusa. Kodwa usalethwe intando kaNkulunkulu uBaba nangenhloso yokufeza izifiso zikaNkulunkulu uBaba. Kungashiwo kanjani ukuthi lokhu akunamqondo? Ingabe uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele alandele imithetho?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


24. Abantu abaningi bafuna ubufakazi eBhayibhelini, bafuna isiprofetho esimayelana noNkulunkulu osesimweni somuntu. Umuntu angazi kanjani ukuthi uNkulunkulu manje usenza umsebenzi ayevele ewuhlelile ongekho eBhayibhelini, osekuyisikhathi eside ewuhlela kodwa akamtshelanga umuntu? Kuningi abantu abangakwazi. Ngemva kokunambitha isimo sikaNkulunkulu, bavame ukuphakama bahlale ezindaweni eziphezulu bahlole umsebenzi kaNkulunkulu, bafundise abantu izinto ezinkulu, izinto ezingasasebenzi. Kaningi “ixhegu,” lifaka izibuko lishefe nentshebe, livule “iBhayibheli lalo elidala” elilifunde ukuphila kwalo konke. Likhulume amazwi adonsa indlebe, bese livula iNcwadi yesAmbulo lilandele ngeNcwadi kaDaniyeli, bese manje lifunda iNcwadi eyaziwa kakhulu ka-Isaya. Wonke amazwi liwafundela ngaphakathi, nengqondo ibe izula. Kungazelelwe libe selizama ukuphulula le ntshebe eliyishefile. Libe selizwa ukuthi ayisekho. Lokho kulenze lihluthuke. “Kungani lisebenzisa amandla amangaka? Yini le elenza liphambane?” Ixhegu selibuyise izihlonze. Emashiyeni alo kunokusazimpaphe okubili osekuphume uphondo, njengokungathi linjalo isidalo, kodwa umuntu omdala uyaqhubeka ethe njo kulawo makhasi. Ulokhu ephindaphinda izenzo ezilandelanayo zezinkathi, bese eshiya aqale ukukhuluma-okuncane[11] nothile, nakuba amehlo akhe engakasuki kule nto ayifundayo. Kungazelelwe uyalivala lelo khasi, adlulele “komunye umhlaba.” Unyakaza ngokuxhamazela futhi ngokwethuka, cishe uyabamangaza abantu. Njengamanje, igundane eliphume emgodini walo seliqala “ukungalawuleki” njengoba ethule, kodwa lapho enyakaza laphindela ngokushesha liqonde emgodini walo, kwangabonakala nomkhondo walo. Manje le ndoda engasanyakazi iyaqhubeka kodwa isilevu silokhu siya phansi naphezulu. Iyasukuma esihlalweni, ishiye incwadi etafuleni. Ivule kancane umnyango kanye newindi kungene umoya, bese ilokhu iyivula iyivala incwadi. Kunento engachazeki kulesi simo, ngaphandle kwamakhasi encwadi apheshulwa umoya, konke sekusecwaka. Ibe isizinwaya ngemuva ngesandla, iyeke izulazule endlini, inikine ikhanda bese ilokhu ithi “Kodwa Nkulunkulu! Ungakwenza ngampela lokho?” Ilokhu inqekuzisa ikhanda isikhathi eside ithi.

“Hhawu kodwa Nkulunkulu” ubani ongaqonda umsebenzi Wakho? Akukho nzima yini ukufunda imikhondo Yakho? Ngikholelwa ukuthi awuzenzi izinto ezingenangqondo.” Ngaleso sikhathi umuntu omdala usabuyise izihlonze, ucimezile, ubonakala edumazekile, futhi ezwa ubuhlungu, njengokungathi ufuna ukuzindla. Lokho kuyibekela inselelo enkulu “indoda esegugile.” Kulesi sigaba sokugcina ekuphileni kwayo, “ngeshwa” isibhekene nale ngwadla. Yini engenziwa ngayo? Ngisalahlekile futhi anginamandla okwenza utho. Ubani owenza intshebe yayo yaba “mhloshana”? Ubani owenza intshebe namashiya ayo abamhlophe njengeqhwa ezindaweni ezehlukene zobuso bayo? Kunjengokungathi intshebe yayo imelela ikamuva layo. Kodwa ubani owayazi ukuthi umuntu angaba yisiwula ngale ndlela, afune ukuba khona kukaNkulunkulu kokuphelelwe isikhathi? Mangaki amakhasi umqulu omdala onawo? Ingabe ungaziloba zonke izenzo zikaNkulunkulu? Ubani ongalokotha aqinisekise lokho? Empeleni umuntu ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu futhi uzama ukufeza intando kaNkulunkulu ngalawo mazwi ahlaziya ngokweqile.[12] Ingabe kulula ngaleyo ndlela ukungena ekuphileni ngaleyo ndlela? Ingabe akubona yini ubuphukuphuku, nakucabanga okuyiphutha? Akuhlekisi yini?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


25. Namuhla uNkulunkulu ubeka phakathi kwabantu ngenhloso yokuguqula imicabango nomoya wabo kanye nomfanekiso kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo ababe nawo izinkulungwane zeminyaka. Ngaleli thuba, uyomphelelisa umuntu. Okusho ukuthi, ngolwazi lomuntu uyoyishintsha indlela abamazi ngayo nombono wabo Ngaye, ukuze ulwazi lwabo luqale kabusha, nezinhliziyo zabo zivuselelwe futhi ziguqulwe. Ukusebenzelana nokuyala kuyizindlela, kuyilapho ukunqoba nokwenziwa musha kuyimigomo. Ukuqeda ngemicabango engemihle yomuntu, kuxosha uNkulunkulu oyinqaba futhi bekulokhu kuyinhloso kaNkulunkulu, futhi muva nje kube into ephuthumayo Kuye. Ngithemba ukuthi bonke bazocabangisisa ngalokhu. Bashintshe indlela wonke umuntu acabanga ngayo ukuze le nhloso ephuthumayo kaNkulunkulu yenziwe ngokushesha, nesigaba sokugcina somsebenzi Wakhe emhlabeni sibe nesiphetho esinezithelo. Yiba nothando oluqotho njengoba kufanele, ududuze inhliziyo kaNkulunkulu okokugcina. Ngethemba akekho noyedwa wabafowethu nodadewethu ozosibalekela lesi sibopho noma amane enzele ukugcina icala.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


26. Kulokhu uNkulunkulu uza ngesimemo enyameni, nangenxa yesimo somuntu. Okusho ukuthi, uzele ukuzonika umuntu akudingayo. Uzokwenza wonke umuntu, kuwo wonke amazinga nalana azalwa khona, abone izwi likaNkulunkulu kanye, nasezwini Lakhe, abone ukuba khona nokubonakala kukaNkulunkulu futhi amukele ukupheleliswa uNkulunkulu kuwo. Izwi Lakhe liyoshintsha imicabango nemibono yomuntu ukuze ubuso bangempela bukaNkulunkulu bungene bujule emajukujukwini enhliziyo yomuntu. Lesi ukuphela kwesifiso sikaNkulunkulu emhlabeni. Akunandaba ukuthi imvelo yomuntu inkulu kangakanani, ukuthi uhlupheka kangakanani, noma ukuthi umuntu wenza kanjani esikhathini esidlule, uNkulunkulu akanamsebenzi nalokho. Unethemba lokuthi umuntu uzowuvuselela ngokuphelele umfanekiso kaNkulunkulu anawo enhliziyweni yakhe futhi azi isiqu sesintu, ngalokho ashintshe indlela umuntu abheka ngayo izinto. Wethemba ukuthi umuntu uyakwazi ukumazisa ngokujulile uNkulunkulu futhi asondelane kuze kube phakade Naye. Yikho nje kuphela uNkulunkulu akufuna kumuntu.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



27. Ulwazi lweminyaka eyizinkulungwane eziningi ngesiko nangomlando wasendulo kuwuqede nya umcabango nombono womuntu oqine kakhulu ukuthi ungabhodlozwa futhi ushintshwe. Umuntu uphila esigabeni seshumi nesishiyagalombili sesihogo, njengokungathi uNkulunkulu umphose ebumnyameni, ngeke aphinde akubone ukukhanya. Umcabango wobugqila umcindezele kakhulu umuntu ngezinga lokuthi akabange esakwazi ngisho nokuphefumula. Akanawo namancane amandla okwala futhi umane wakubekezelele buthule…. Akekho owake walokotha walwela ukulunga nobulungiswa; umane nje uyaziphilela, akahlukile esilwaneni, esiphila ngaphansi kokuhlukunyezwa nokugqilazwa amakhosi, unyaka nonyaka, usuku nosuku. Umuntu akakaze acabange ukufuna uNkulunkulu ukuze ajabule emhlabeni. Kunjengokungathi umuntu ucindezelwe, njengamaqabunga awile asekwindla, wazaca waze wagqwala. Umuntu akasakhumbuli lutho futhi akakwazi ukuzisiza ekuphileni kwasesihogweni ngenxa yegama lomhlaba wesintu, ulinde usuku lwabo lokugcina ukuze babhubhe kanye kanye esihogweni, njengokungathi usuku lokugcina abalulangazelelayo usuku abayophumula ngalo ngokuthula. Izimfundiso zobugqila yizo ezise umuntu “eHayidesi,” ukuze umuntu engabi nawo amandla okwenqaba. Ukucindezelwa komuntu ngezindlela eziningi yikho okumenze wangena wajula kancane kancane eHayidesi waqhelelana noNkulunkulu. Manje, uNkulunkulu ubengaziwa nhlobo kumuntu, futhi umuntu usamgwema lapho behlangana. Umuntu akamboni futhi uyambalekela njengokungathi umuntu akakaze amazi noma ambone Yena phambilini. … Ulwazi ngesiko lasendulo lumthumbe ngesinyenyela umuntu phambi kukaNkulunkulu lwamenza inkosi yodeveli namadodana akhe. IziNcwadi Ezine kanye neziNcazelo Ezinhlanu kuthathe umcabango nombono womuntu kwawubeka kwenye inkathi yokuhlubuka, kwenza umuntu wabakhonza nakakhulu labo abaloba iziNcwadi Nezincazelo, bandisa imibono yabo ngoNkulunkulu. Inkosi yodeveli imxoshe ngokungabi nanhliziyo uNkulunkulu ngaphandle kokunaka, kuyilapho ingena isinyelela enhliziyweni yomuntu. Kusukela lapho, umuntu ubelokhu enomphefumulo omubi nobuso benkosi yodeveli. Ukuzonda kwabo uNkulunkulu kugcwele izifuba zabo, ukukhohlisa kwenkosi yodeveli kusakazeka kumuntu usuku nosuku kuze kube yilapho umuntu edliwa khona aphele. Umuntu wayengasenayo inkululeko futhi engasakwazi ukugqashula izibopho nenkosi yodeveli. Ngakho, umuntu angahlala kuphela endaweni aqothulwe, azinikele kuyo bese imnqoba. Kade yatshala imbewu yokungakholelwa ekutheni uNkulunkulu ukhona enhliziyweni yomuntu, yafundisa umuntu izimbudane ezifana nokuthi “funda ngesayensi nangezobuchwepheshe, bone izinto Ezine Zesimanjemanje, akekho uNkulunkulu emhlabeni.” Yamemezela ngokuphindaphindiwe ukuthi akukhona kuphela lokho, “Ake sakhe ikhaya elihle ngomsebenzi wethu wokufukuza,” sicela konke kusukela ebuntwaneni ukuba kukhonze izwe labo. Umuntu walethwa engaboni phambi kwakho, futhi udumo kwaluthatha ngaphandle kokunqikaza (kubhekiselwa kuNkulunkulu ephethe sonke isintu ngezandla Zakhe). Akukaze nakanye kuphoxeke noma kudumazeke. Ngaphezu kwalokho, kwabathumela endlini yako bonke abantu bakaNkulunkulu ngaphandle kwamahloni, kuyilapho kufana negundane etafuleni futhi abaningi bekukhonza njengoNkulunkulu. Kuwubungozi obukhulu! Kuvusa izigameko ezishaqisayo, “Akekho uNkulunkulu emhlabeni. Umoya ubangelwa imithetho yemvelo; imvula iwubumanzi obehla noma buwe bungamaconsi phezu komhlaba; umhlaba uzamazama emhlabeni ngenxa yezinguquko zezindawo; isomiso sibangelwa ukoma komoya kumkhathi osendaweni yelanga. Lezi izinto zemvelo ezikhona. Ikuphi okuyisenzo sikaNkulunkulu?” Ize isho[a] la mazwi ngaphandle kwamahloni: “Umuntu usuka ezinkawini zasendulo, futhi njengoba abantu sebebaningi kangaka nje babeyizilwane cishe eminyakeni eyizigidigidi edlule. Ukuthi izwe liyachuma noma liyawa kusezandleni zabantu.” Ngemva kwalo, linomuntu ubhekisa izindonga zalo phansi naphezulu alibeke ematafuleni ukuze limkhonze. Lapho lilila, “Kusuke kungenaNkulunkulu,” lizibheka njengoNkulunkulu, likhipha uNkulunkulu emingceleni yomhlaba. Lima endaweni kaNkulunkulu lenzise okwenkosi yodeveli. Ubuphukuphuku obuphindwe kabili! Lenza umuntu adliwe inzondo ewushevu. UNkulunkulu ubonakala eyisitha salo futhi uNkulunkulu uhlukile kulo. Liceba ukuxosha uNkulunkulu kuyilapho lingajeziswa ngobuningi.[13] Yilona hlobo lwenkosi udeveli ayilo! Singakubekezelela kanjani ukuba khona kwalo? Ngeke liphumule kuze kube yilapho liphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu lawushiya unhlakanhlaka ngokuphelele,[14] njengokungathi lifuna ukulwa noNkulunkulu kuze kube sekugcineni, kuze kube yilapho inhlanzi ifa noma inetha lidabuka. Limelana ngenhloso noNkulunkulu futhi liya ngokuya lisondela. Ubuso balo obungathandeki kade bembulwa ngokuphelele futhi manje bunezibazi kanye nemivimbo,[15] buyanyantisa, kodwa aliyiyeki inzondo yalo ngoNkulunkulu, njengokungathi lifuna ukushwabadela uNkulunkulu unomphela ukuze kuphele inzondo esezinhliziyweni zalo. Singasibekezelela kanjani, lesi sitha esinonya sikaNkulunkulu! Ukuqedwa nyá kwaso kuphela okuyokhulula izimpilo zethu unomphela. Singavunyelwa kanjani ukuba sicanase? Simonakalise kakhulu umuntu ngezinga lokuthi umuntu akalazi ilanga lasezulwini, futhi waze wafa futhi wangafuna ukuqonda. Umuntu ulahlekelwe isizathu esivamile somuntu. Kungani singanikelanga ngesiqu sethu ukuze sisibhubhise futhi sisishise ukuze siqede nyá ngokwesaba nengozi esele futhi sivumele umsebenzi kaNkulunkulu ukuba uchume? Leli qembu lezixhwanguxhwangu seliphakathi kwabantu futhi lenza iziyaluyalu neziphithiphithi ngokuphelele. Lilethe sonke isintu onqenqemeni lwentaba, lihlose ngeziphansi ukubaphushela phansi nokubaqoba babe izicucu futhi lishwabadele izidumbu zabo. Lifuna ngobukhoshosho ukuphazamisa icebo likaNkulunkulu futhi lincintisane noNkulunkulu ngokugembula okungekude.[16] Lokho akulula nhlobo! Ngemva kwakho konke, kulungiswe isiphambano senkosi yodeveli onecala eliyingozi lobugebengu obukhulu kakhulu. UNkulunkulu akayena owesiphambano futhi usishiyele udeveli. UNkulunkulu kade anqoba futhi akasaluzwa usizi phezu kwezono zabantu. Uyosindisa sonke isintu.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



28. Kusukela phezulu kuye phansi, nasekuqaleni kuya ekugcineni, besilokhu siphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi singahambisani Naye. Zonke izinkulumo zokugujwa kwamasiko asendulo, ulwazi olunzulu ngamasiko asendulo, izimfundiso zobuTao nezobuConfucian, izincazelo zobuConfucian kanye namasiko obugqila kuse umuntu esihogweni. Isayensi nezobuchwepheshe okuphambili kwesimanjemanje, kanye nemikhakha ethuthukile, ezolimo, nezamabhizinisi akusabonwa nangokhalo. Kunalokho kuqhakanjiswa amasiko obugqila asungulwe “ngezinkawu” zasendulo ukuze kuphazanyiswe ngenhloso, kuphikiswe futhi kuqedwe ngomsebenzi kaNkulunkulu. Akugcinanga nje ngokuhlukumeza umuntu kuze kube manje, kodwa kufuna ukumshwabadela[17] umuntu ngokuphelele. Imfundiso yobugqila nokudlulisa ulwazi lwamasiko asendulo kumthonye kakhulu umuntu, abantu baphenduka odeveli abakhulu nabancane. Kunedlanzana elizimisele ngokwamukela uNkulunkulu futhi elijabulayo ngokuza kukaNkulunkulu. Ubuso bomuntu bugcwele ukubulala, futhi kuzo zonke izindawo, ukufa kusabalele. Bafuna ukugudluza uNkulunkulu ezweni; baphethe imimese nemikhonto, bafuna ukulwa nokuqothula uNkulunkulu. Izithixo zisakazeke zagcwala lonke izwe likadeveli lapho umuntu atshelwe khona ukuthi akunaNkulunkulu. Phezu komhlaba kugcwele iphunga elinyanyisayo lephepha nempepho eshayo, likhulu ngendlela ecinanisayo. Kubonakala kuyiphunga lodaka elikhuphukayo lapho inyoka izisonga, futhi likhulu ngendlela yokuthi umuntu ngeke ahlale engahlanzi. Ngaphandle kwalokho, kungazwakala nemisinjwana yamademoni exoxa ngemibhalo. Lo msindo uzwakala uvela kude esihogweni, futhi ayikho into engenziwa umuntu ngaphandle kokwehlisa umoya. Ngaphesheya kwaleli zwe kunezithixo ezithe chithi saká, ezinemibalabala yothingo wenkosazane, eyenza izwe libe lihle, nenkosi yodeveli iziklolodela ebusweni, njengokungathi icebo lokuphumelela. Kodwa umuntu akaboni lutho oluqhubekayo, akaboni nokuthi udeveli usemonakalise ngezinga lokuthi akusazweli lutho futhi unqotshiwe. Ufisa ukumwisa ngegalelo elilodwa uNkulunkulu, amthele ngechilo futhi amqothule, uzama ukucekela phansi nokuphazamisa umsebenzi Wakhe. Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba abe “sezingeni elifanayo”? Angakubekezelela kanjani “ukugxambukela” kukaNkulunkulu emsebenzini wakhe kubantu emhlabeni? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba amembule ubuso bakhe obubi? Angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba aphazamise umsebenzi wakhe? Lo develi, uvutha bhé intukuthelo, angamvumela kanjani uNkulunkulu ukuba engamele amandla akhe emhlabeni? Angawucela kanjani umaluju? Ozakwabo bembuliwe ukuthi bangobani, futhi umuntu akazi nokuthi kufanele ahleke noma akhale yini, yinto okunzima ngampela ukukhuluma ngayo. Ingabe lesi akusona isiqu sakhe? Ngomphefumulo ongcolile, usacabanga ukuthi muhle ngendlela emangalisayo. Leli qembu lezigelekeqe! Kade befile kodwa sebezitika ngenjabulo futhi babanga izinxushunxushu. Ukuphazamisa kwabo kwenza izwe lishintshashintshe[18] futhi kwenza inhliziyo yomuntu yethuke, bamshintshile umuntu wagcina esefana nesilwane esibi ngokwedlulele, ayisekho neyodwa insalela yokuthi umuntu ekuqaleni wayengcwele. Bafisa ukucanasa emhlabeni. Bawenza ube nzima umsebenzi kaNkulunkulu ukuze bona baye phambili bavimbe indlela yomuntu kube sengathi ivinjwe udonga lwethusi kanye nolwensimbi. Ngemva kokwenza izono eziningi kangaka nokubanga izinkinga ezingaka, yini enye abangayilindela ngaphandle kokusolwa? Amademoni nemimoya emibi bekulokhu kuvuke umbhejazane emhlabeni futhi kuvimbe intando kanye nemizamo kaNkulunkulu, kwenza izinto zaba nzima. Yisono esikhulu leso! Angahlala kanjani angakhathazeki uNkulunkulu? Angahlala kanjani engabi nolaka uNkulunkulu? Awuphazamisa kakhulu futhi amelene nomsebenzi kaNkulunkulu. Izihlubuki ezinkulu! Ngisho nalawo mademoni, amakhulu namancane, anamandla amakhulu futhi angodeveli abanamandla aqala ukungenwa itwetwe. Alenqabe ngamabomu iqiniso, naphezu kokucaca kwalo. Amadodana okuhlubuka! Kunjengokungathi, manje njengoba inkosi yesihogo yehlele esihlalweni sobukhosi, ayiziqhwaga ezihlukumeza abanye. Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lezinambuzane odakeni ukuze amakhanda azo asangane bese esusa uthuthuva.[19] Akholelwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, awaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuncika kubazali bawo abayizingulube nezinja. Izimpukane ezincane zicabanga ukuthi abazali bazo bakhulu njengomkhoma onamazinyo.[20] Aziboni yini ukuthi zincane, kodwa abazali bazo bayizingulube nezinja ezingcole izikhathi eziyizigidigi ukwedlula zona? Zingakuboni ukuba phansi kwazo, ziyatshakadula nephunga lalezo zingulube nezinja futhi ziyazikhohlisa ngekusasa lezizukulwane ezizayo. Lokho kushayisa amahloni! Anezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kukhulunywa ngokusho kwawo ukuthi akholelwa kuNkulunkulu), aqala ukukhohliseka futhi ahambe ezishaya isifuba ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kumuntu. Ayizigelekeqe, njengokungathi amaphiko amabili othingo lwenkosazane amibalabala anokungcola, ngakho ahlasela ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kukhulunywa ngesimo sangaphakathi sezinkolo zomhlaba). Kuncane umuntu akwaziyo ngalokho, nakuba amaphiko empukane emahle, awahluke ndawo namaphiko empukane encane egcwele ukungcola namagciwane. Emandleni ezingulube nezinja zabo zabazali, avuka umbhejane ngaphesheya kwezwe (lana kukhulunywa ngezikhulu zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe zikhaphele uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngamanga axakile. Kunjengokungathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kuNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sawo sakudala. Aphinde aqala umsebenzi wawo wokushushisa, aqhubeka nomsebenzi wawo wezinkulungwane zeminyaka. Leli qembu elibolile nakanjani lizogcina libhujisiwe emhlabeni! Kubonakala sengathi ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile isingabakhohlisi namaqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokuwudicilela phansi ngobukhoshosho umsebenzi kaNkulunkulu. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule ibilokhu ifuna ukuphamba nokukhohlisa abantu ezweni. Lokhu kwacishe kwamthukuthelisa kakhulu uNkulunkulu waletha isililo, kunzima ukuthi azithibe ekubuyeni ezulwini lesithathu ukuze abaqothule. Ukuze umuntu athande uNkulunkulu, kumele aqonde intando Yakhe nenjabulo nosizi Lwakhe, kanye nalokho akuzondayo. Lokhu kuwuhlelemba kahle umnyango womuntu. Ukushesha kokungena komuntu, yilapho nenhliziyo kaNkulunkulu igculiseka khona; lapho umuntu eqonda inkosi yodeveli, yilapho asondelana khona noNkulunkulu, ukuze izifiso Zakhe zigcwaliseke.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


29. Sengikhulume kaningi ngomsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina ukuze ngishintshe umoya womuntu, ngishintshe umphefumulo wabo bonke abantu, njengezinhliziyo zabo, ezihlupheke kakhulu, zaba zintsha, zasindisa imiphefumulo yazo, ezilinyazwe kakhulu ububi; umgomo wakho ukuvusa umoya wabantu, kuncibilike izinhliziyo zabo ezineqhwa, ukuze nabo baphinde babe basha. Lena intando enkulu kakhulu kaNkulunkulu. Siyeke ukukhuluma ngokuchuma nokubaluleka kokuphila komuntu; lapho izinhliziyo zabantu zivusiwe, lapho bevuswe emaphusheni abo futhi bewazi kahle umonakalo kadrako omkhulu obomvu, umsebenzi wenkonzo kaNkulunkulu uyobe usuqediwe. Usuku umsebenzi kaNkulunkulu oyoqedwa ngalo yilapho umuntu eqala indlela efanele yokukholelwa kuNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, iyobe isiphelile inkonzo kaNkulunkulu: Umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyobe usuphele wonke, futhi umuntu uyoqala ngokusemthethweni ukwenza umsebenzi ayewufuna—uyokwenza inkonzo yakhe. Lezi yizinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho, kufanele niphumputhe umnyango wenu lapho niqala ukwazi lezi zinto. Konke lokhu kufanele nikuqonde.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


30. Ukungena komuntu kuyothuthuka kuphela lapho izinguquko sezingene zajula enhliziyweni yakhe, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uwukunqotshwa okuphelele komuntu—umuntu ohlengiwe, osaphila ngaphansi kwamandla obumnyama, ongakaze avuke—kule ndawo okuhlangana kuyo amademoni; kungenxa yokuthi umuntu akhululwe ezinkulungwaneni zeminyaka yesono, futhi athandwe uNkulunkulu, amshaye amqede udrako omkhulu obomvu, amise umbuso kaNkulunkulu, futhi alethe ukuphumula ngokushesha enhliziyweni kaNkulunkulu, kuwukuvuthela ngolaka, ngokungazigodli, inzondo evuvukalisa isilwane senu, ukubulala lawo magciwane akhuntile, unenza niphile ukuphila okungahlukile kokwenkunzi noma kokwehhashi, ningabe nisaba isigqila, kungabe kusaba bikho okunithuthumelisayo, noma ninikezwe udrako omkhulu obomvu umyalo; ngeke nisaba kulesi sizwe esehlulekayo, ngeke nesaba ngokadrako omkhulu obomvu, ngeke nisaba isigqila sakhe. Isidleke samademoni nakanjani siyohlakazwa uNkulunkulu, niyobe nime eceleni kukaNkulunkulu—ningabakaNkulunkulu, futhi awuyena owalo mbuso wezigqila. UNkulunkulu ubelokhu ewenyanya ngazo zonke izindlela lo mphakathi ongcolile. Uthukuthele kakhulu, ulangazelela ukunyathela omubi, inyoka endala, ukuze ingaphinde ivuke, futhi ingaphinde ihlukumeze umuntu; ngeke azixolele izenzo zayo ezedlule, ngeke akabukezelele ukukhohlakala komuntu, uyolungisa izono zawo wonke umuntu phakathi nenkathi edlule; uNkulunkulu ngeke nakancane acicize ngengqongqo yabo bonke ububi,[21] nakanjani uyoyishaya ayibhuqe.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



31. Izinkulungwane zeminyaka leli bekulokhu kuyizwe eligcwele ukungcola, lingcole ngokwedlulele, ligcwele usizi, izipokwe zigcwele zonke izinkalo, bayaphamba futhi bakhohlise, basola ngaphandle kwesizathu,[22] banonya futhi babi, bathuthumelisa izipokwe bazishiye nezidumbu; ukubola kumboze izwe kungcolisa nomoya, kuqashwe kakhulu.[23] Ubani ongabona umhlaba ongale kwesibhakabhaka? Udeveli uwubambe ngqi wonke umzimba womuntu, umkopolote womabili amehlo, wawuvala wawuqinisa umlomo wakhe. Inkosi yodeveli ibilokhu uphulukundlela zonke lezi zinkulungwane zeminyaka, kuze kube namuhla, ngesikhathi isanake idolobha lezipoki, njengokungathi isigodlo samademoni esiqinile; ngesikhathi esifanayo, lezi zinja ezigadile, ziwakhiphe wonke amehlo, zesaba ukuthi uNkulunkulu uzozibamba zinganakile aziqothule, azishiye zingasenayo indawo yokuthula nokujabula. Babengambona kanjani uNkulunkulu abantu besipokwe sedolobha abafana nalaba? Ingabe bake baluzwa uthando lukaNkulunkulu? Bayazazisa yini izindaba zomhlaba wesintu? Ubani kubo ongaqonda ugqozi lwentando kaNkulunkulu? Okuncane okudidayo nje mayelana nokuzifihla kukaNkulunkulu osesimweni somuntu: Emphakathini omnyama njengalona, lapho kunamademoni anonya nangenabo ubuntu, kungenzeka kanjani ukuba inkosi yodeveli, ebulala abantu ngokuphazima kweso, ibekezelele ukuba khona kukaNkulunkulu onothando, onomusa, futhi ongcwele? Zingakujabulela futhi zikuhalalisele kanjani ukufika kukaNkulunkulu? Labo thathekile! Babonga umusa ngenzondo, bebelokhu bengamthandi uNkulunkulu, bemhlukumeza, bakhohlakele kabi, abamazi nokuthi uyini uNkulunkulu, bayamntshontshela futhi bamthuke, abasenawo nhlobo unembeza, abanawo ngisho nomncane umusa, benza omsulwa angabi nangqondo. Ingabe bangokhokho basendulo? Abaholi abathandwayo? Bonke bamelene noNkulunkulu! Ukuba kwabo ogaxekile kushiye bonke abasezulwini besesimweni sobumnyama nesiyaluyalu! Ingabe inkululeko yenkolo? Ingabe amalungelo nezinto ezithandwa izakhamuzi? Konke kungamacebo okumboza isono! Ubani owamukele umsebenzi kaNkulunkulu? Ubani obeke phansi ukuphila kwabo noma wachitha igazi ngenxa yomsebenzi kaNkulunkulu? Izizukulwane ngezizukulwane, kusukela kubazali kuya ezinganeni, umuntu oyisigqila ngokushesha uphenduke isigqila sikaNkulunkulu—kungahlala kanjani lokhu kungamthukuthelisi? Izinkulungwane zeminyaka yenzondo zigxile enhliziyweni, izinkulungwane zesono zisenhliziyweni—kungahlala kanjani lokhu kungayikhuthazi inzondo? Kuphindiselele uNkulunkulu, kubuqede bonke ubutha, ungabe usakuvumela, ungakuvumeli ukuba kudale ezinye izinkinga njengoba kufisa! Manje isikhathi: Umuntu ubelokhu eqoqa amandla akhe, unikele ngayo yonke imizamo yakhe, wakukhokha konke, ngenxa yalokhu, ukuze embule ubuso bamademoni futhi avumele abantu, abenziwe izimpumputhe, wabekezelela lonke uhlobo lokuhlupheka nobunzima, ukuze aqede ubuhlungu futhi ajikele lo develi omdala omubi. Kungani uhlanganisa lezi zithikamezo emsebenzini kaNkulunkulu? Kungani uceba okubi ukuze ukhohlise abantu bakaNkulunkulu? Ikuphi inkululeko yangempela namalungelo kanye nokuthandwayo? Buphi ubulungiswa? Iphi induduzo? Iphi imfudumalo? Kungani usebenzisa inkohliso ukuze uphambe abantu bakaNkulunkulu? Kungani usebenzisa amandla ukuze ucindezele ukuza kukaNkulunkulu? Kungani ungamvumeli uNkulunkulu azulazule emhlabeni awudala? Kungani uba isicefe kuNkulunkulu aze angabi nayo indawo yokuphumuza ikhanda Lakhe? Ikuphi imfudumalo kubantu? Ukuphi umoya wokwamukelana kubantu? Kungani nikhathaza uNkulunkulu? Kungani nifuna uNkulunkulu elokhu enibiza? Kungani niphoqa uNkulunkulu ukuba akhathazeke ngeNdodana Yakhe ayithandayo? Kungani lo mphakathi onesinyama nezinja zawo ezilusizi kungamvumeli uNkulunkulu ukuba angene aphume emhlabeni awudala? Kungani umuntu engaqondi, umuntu ophila ngobuhlungu nokuhlupheka? Ngenxa yenu, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu, uyibeke ngobuhlungu obukhulu iNdodana Yakhe ayithandayo, inyama negazi Lakhe kini—ngakho kungani ninganaki? Wonke umuntu uyakuphika ukufika kukaNkulunkulu, enqabe ubungani bukaNkulunkulu. Kungani ningenanembeza kangaka? Ingabe nizimisele ukubekezelela ukungabi nabulungiswa emphakathini onesinyama njengalona? Kungani, esikhundleni sokugcwalisa izisu zenu ngezinkulungwane zeminyaka, nizigcwalisa “ngamasimba” enkosi yodeveli?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


32. Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni zihlanganisa ubunzima obukhulu: Ubuthaka bomuntu, ukuntula, ubungane, ukunganaki, nakho konke okwenziwa umuntu—konke kuhleliwe futhi uNkulunkulu ukwenze kwaba nobulungiswa. Umuntu ufana nengwe esephepheni okungekho muntu olokotha ayicasule; ngokuthinta nje kancane iyamluma, noma iwe, futhi kunjengokungathi ngokunganaki nje okuncane, kuphinde kusuke lokho, angamnaki uNkulunkulu, noma agijimele kuyise oyingulube nonina oyinja azingcolise ngezinto ezisemizimbeni yabo. Lokho kuyisithikamezo esikhulu! Kuzo zonke izigaba zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu uyavivinywa, futhi sonke isigaba siyingozi kakhulu. Amazwi Akhe aqotho futhi athembekile, awakhohlisi, kodwa ubani ozimisele ukuwamukela? Ubani ozimisele ukuzithoba ngokugcwele kuwo? Aphula inhliziyo kaNkulunkulu. Umuntu umbekezelela ubusuku nemini, uhlale ekhungethwe usizi lokuphila komuntu, uyazwelana nobuthaka bomuntu. Ubekezelele izimbaxa eziningi wenza isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe, ngenxa yawo wonke amazwi awakhulumayo; uhlale ephakathi kwedwala nendawo eqinile, ucabanga ngobuthaka bomuntu, ukungalaleli, ubungane, izinto achayeke kuzo … njalo nje. Ubani owake wakwazi lokhu? Ubani angathulula kuye isifuba Sakhe? Ubani oyokwazi ukuqonda? Uyohlale ezizonda lezi zono zomuntu, nokungabi nasisekelo, into ewumgogodla yomuntu, futhi akalokothi akhathazeke ngokuchayeka komuntu, unaka indlela ehlalele umuntu ngaphambili; ngaso sonke isikhathi lapho ebona amazwi nezenzo zomuntu, ingabe uba nomusa, nentukuthelo, futhi njalo lapho ebona lezi zinto uzwa ubuhlungu enhliziyweni Yakhe. Ngakolunye uhlangothi, abamsulwa nabo sebekhohlakele; kungani uNkulunkulu kumele ehlale enza izinto zibe nzima kubo? Umuntu obuthaka njalo akakwazi ukubekezela; kungani uNkulunkulu kufanele ahlale emthukuthelele? Umuntu obuthaka nongenamandla akasenalutho olubalulekile kuye; kungani uNkulunkulu kufanele ahlale emjezisela ukungalaleli kwakhe? Ubani ongamelana nezinsongo zikaNkulunkulu osezulwini? Umuntu ngakolunye uhlangothi ubuthaka, futhi entekenteke kanjalo uNkulunkulu ufake intukuthelo Yakhe yajula enhliziyweni Yakhe, ukuze umuntu asimame kancane. Kodwa umuntu, obhekene nethuna, akayazisi nakancane intando kaNkulunkulu; uhlale ethuthumeliswa inkosi endala yodeveli, noma kunjalo akaboni lutho, uhlale emelana noNkulunkulu, akashisi futhi akabandi kuNkulunkulu. UNkulunkulu ukhulume amazwi amaningi, kodwa ubani oke wawathatha njengabalulekile? Umuntu akawaqondi amazwi kaNkulunkulu, kodwa uhlale ezolile, ngaphandle kokulangazela, futhi akakaze asazi ngempela isiqu sikadeveli omdala. Abantu baphila eHayidesi, esihogweni, kodwa bacabanga ukuthi baphila esigodlweni esisogwini lolwandle; bashushiswa udrako omkhulu obomvu, kodwa bacabanga ukuthi bayathandwa[24] ezweni likadrako; bakhohliswa udeveli kodwa bacabanga ukuthi bajabulela injabulo yesikhashana yenyama. Bayiqeqebana elingcolile, abantukazana abaphansi! Umuntu uhlangabezane namashwa, kodwa akazi futhi kulo mphakathi onesinyama, ubhekana neshwa emva kwelinye,[25] kodwa lutho ukuvuka emaqandeni. Uyoyeka nini ukuzicabangela nokuba nomhobholo? Kungani engenandaba nenhliziyo kaNkulunkulu? Ingabe ubugqugquzela buthule ubunzima nokucindezelwa? Ingabe akalufisi usuku lapho angashintsha khona ubumnyama bube ukukhanya? Ingabe akafisi ukuphinde abuyise ubulungiswa ekulungeni naseqinisweni? Ingabe uzimisele ukubukela angenzi lutho lapho abantu beshiya iqiniso futhi belisonta? Ingabe kuyamjabulisa ukuqhubeka ebekezelela lokhu kungaphathwa kahle? Ingabe uzimisele ukuba isigqila? Ingabe uzimisele ukushabalala ezandleni zikaNkulunkulu kanye nozakwabo abayizehluleki? Siphi isinqumo sakho? Siphi isifiso sakho? Siphi isithunzi zakho? Buphi ubuqotho bakho? Ikuphi inkululeko yakho? Ingabe uzimisele ukunikela ngokuphila kwakho konke kudrako omkhulu obomvu, inkosi yodeveli? Ingabe kuyakujabulisa ukuthi uyokuhlukumeza uze ufe? Ingaphandle liyaxokozela futhi limnyama, linabantu abajwayelekile, abahluphekayo, abakhala Ezulwini futhi bakhononda emhlabeni. Umuntu uyokwazi nini ukuphakamisa ikhanda lakhe? Umuntu uzacile futhi wondile, angakwazi kanjani ukulwa nalesi sikhohlakali sikadeveli? Kungani enganikeli ngokuphila kwakhe kuNkulunkulu ngokushesha lapho esekwazi? Kungani esashalaza, lapho engakwazi ukuqedela umsebenzi kaNkulunkulu? Ngakho uyaxhashazwa futhi acindezelwe enganakile, ekugcineni ukuphila kwakhe konke kuphelela ezeni; kungani ejahe kangaka ukufika, futhi ephuthuma kangaka ukuhamba? Kungani engagcini okuthile okuyigugu azokunika uNkulunkulu? Ingabe useyikhohliwe inzondo yeminyaka eyizinkulungwane?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


33. Ngalesi sikhathi uNkulunkulu uphenduke inyama ukuze enze lowo msebenzi, aphothule umsebenzi asezowuqeda, aqede ngale nkathi, ahlulele le nkathi, ahlulele izoni ezinkulu ezweni lasolwandle lwezinhlupheko futhi aziguqule. AmaJuda abethela uNkulunkulu esiphambanweni, ngalokho aqeda uhambo Lwakhe eJudiya. Esikhathini esingeside ngemva kwalokho, uNkulunkulu waphinde weza phakathi kwabantu, wafika isinyenyela ezweni likadrako omkhulu obomvu. Eqinisweni, uphakathi wenkolo yamaJuda ubulokhu uphanyeke isithombe sikaJesu ezindongeni zawo, futhi abantu bebelokhu bekhala bethi “iNkosi uJesu Kristu.” Kuncane abebekulangazela kusukela uJesu amukela umyalo kaYise wokubuyela kubantu ukuze aqedele isigaba sesibili somsebenzi Wakhe ubungakapheleli. Ngenxa yalokho, abantu bamangala lapho bembona: Wazalwa emhlabeni sekudlule izinkathi eziningi, wavela phakathi kwabantu njengomuntu ojwayeleke kakhulu. Eqinisweni, njengoba kudlula izinkathi, izimpahla Zakhe nakho konke ukubonakala Kwakhe kwashintsha, njengokungathi uzalwe kabusha. Abantu bangazi kanjani ukuthi useyiNkosi uJesu Kristu efanayo nalena eyehla esiphambanweni futhi yavuswa? Akanawo nomncane umyocu wokulimala, njengoba nje uJesu engenakho ukufana noJehova. UJesu wanamuhla sekudlule izikhathi eziningi ekhona. Abantu bangamazi kanjani? “UTomasi” onamanga uhlale engabaza ukuthi uJesu wavuswa, uhlale efuna ukubona izibazi namanxeba ezipikili ezandleni zikaJesu ovusiwe ngaphambi kokuvuma engqondweni yakhe; engakawaboni uhlale enezinsolo, futhi akakwazi ukunyathela emhlabeni oqinile alandele uJesu. “UTomasi” wabantu—angazi kanjani ukuthi uJesu uzele umsebenzi ayalwa uNkulunkulu uYise ukuba awenze? Kungani kufanele uJesu abe nezibazi zokubethelwa Kwakhe? Ingabe izibazi zokubethelwa ziwuphawu lukaJesu? Uzele ukuzosebenzela intando kaYise; kungani kufanele agqoke futhi azihlobise njengomJuda njengoba enza ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka ezedlule? Ingabe indlela uNkulunkulu abukeka ngayo enyameni iphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu? Imfundiso kabani lena? Ingabe lena imfundiso esunguliwe? Kungani, lapho uNkulunkulu esebenza, kumele kuvumelane nomcabango womuntu? Okuwukuphela kwento uNkulunkulu ayilwelayo emsebenzini Wakhe ukuthi ube nomphumela. Akanamatheli emthethweni, futhi ayikho imithetho emsebenzini Wakhe—umuntu angawuqonda kanjani? Umbono womuntu ungawubona kanjani umsebenzi kaNkulunkulu? Ngakho unganethezeka ngendlela efanele: Ungalibali izinto ezingathi shú, ungazenzi into enkulu izinto ngenxa nje yokuthi zintsha kuwe—lokhu kuyokwenza ukuthi ungazenzi inhlekisa nabantu bangakuhleki. Ukholelwe kuNkulunkulu yonke le minyaka kodwa awukamazi uNkulunkulu; uyogcina usolwa, wena “osesigabeni esiphezulu,”[26] usesigabeni sokusolwa. Kuyoba ukuhlakanipha ukungasebenzisi izindlela zobuqili ukuze ukuhlakanipha kwakho; ingabe ukunqundeka kwamehlo akho kungamkhohlisa uNkulunkulu, obona yonke into? Ingabe izinto odlule kuzo ziyayichaza intando kaNkulunkulu? Ungakhohliswa. Ngemva kwakho konke, uNkulunkulu akayena owaleli zwe—ngakho umsebenzi Wakhe ungaba kanjani yilona owulindele?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (8)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


34. Izimfundiso zamasiko kanye nemibono engashintsheki bekulokhu kukhona kusukela kwaba khona umoya womuntu ofana nowengane, zihlasele umphefumulo womuntu ngaphandle kobuntu obuncane, njengokungathi kunomuzwa noma kuzwa okuthile. Izindlela zala mademoni zigcwele inkohlakalo eyedlulele, kunjengokungathi “imfundo” kanye “nokukhulisa” kuphenduke izindlela zesiko inkosi yodeveli ebulala ngazo umuntu; isebenzisa “imfundiso ejulile” yayo ukwemboza umphefumulo wayo omubi, yembathe isikhumba semvu ukuze yethenjwe abantu, bese idlala ngabo lapho belele ukuze ibashwabadele ngokuphelele. Isintu sabantu—singazi kanjani ukuthi izwe esakhuliselwa kulo izwe likadeveli, ukuthi lowo owabakhulisa isitha esibahlukumezayo. Kodwa umuntu akavuki nhlobo emaqandeni; ubulawa indlala nokoma, ulungiselela ukubuyisa “umusa” “kubazali” bakhe ngokumkhulisa. Unjalo umuntu. Nanamuhla, akakazi ukuthi inkosi eyamkhulisa iyisitha sakhe. Umhlaba ugcwele amathambo abangasekho, udeveli akayeki ukuhalalisa, unikela ngenyama yomuntu “ezweni labafileyo,” uhlanganyela ithuna namathambo omuntu futhi ufuna ukucoboshisa okusele komzimba womuntu. Kodwa umuntu akanaki, futhi akakaze abheke udeveli njengesitha sakhe, kunalokho umkhonza ngayo yonke inhliziyo yakhe. Abantu abanjalo abakwazi ukwazi uNkulunkulu.Kulula ngoNkulunkulu ukuthi abe inyama phakathi kwabo, afeze wonke umsebenzi Wakhe wensindiso? Kungenzeka kanjani ukuthi umuntu, ozifihle eHayidesi, ukwazi ukwanelisa okufunwa uNkulunkulu?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (9)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



35. Abaningi abalali ebusuku ngenxa yokuthi uNkulunkulu ubekezele ngenxa yomsebenzi wesintu. Kusukela phezulu kuye phansi, wehlele esihogweni sabaphilayo okuphila kuso umuntu, sekudlule izinsuku enomuntu, akazange akhononde ngesidala kubantu, akazange asole umuntu ngokungalaleli kwakhe, kodwa ubekezelela ihlazo eliphindwe kabili njengoba efeza umsebenzi Wakhe. UNkulunkulu angaba kanjani ngowasesihogweni? Angakuchitha kanjani ukuphila Kwakhe esihogweni? Kodwa ngenxa yaso sonke isintu, ukuze bonke abantu baphumule maduze, ubekezelele ukuhlazwa nokungabi nabulungiswa lapho eza emhlabeni, wazizela “esihogweni” kanye “naseHayidesi,” esibayeni sengwe, ukuze asindise umuntu. Umuntu angamelana kanjani noNkulunkulu? Unasiphi isizathu sokuphinde akhononde ngoNkulunkulu? Angasithathaphi isibindi sokuphinde abuke uNkulunkulu? UNkulunkulu wezulu uze ezweni elingcolile lobubi, akakaze abuveze ubuhlungu Bakhe, noma akhononde ngomuntu, kodwa kunalokho uyakwamukela ukonakaliswa[27] nokucindezelwa umuntu. Akazange ahluthuke ngezinto ezingenangqondo ezifunwa umuntu, akazange afune okwedlulele kumuntu; umane enze wonke umsebenzi awufuna kumuntu ngaphandle kokukhononda: ukufundisa, ukuletha ukukhanya, ukusola, ukucwenga amazwi, ukukhumbuza, ukuzikhandla, ukududuza, ukwahlulela kanye nokwambula. Yini ezigabeni Zakhe engekho mayelana nokuphila komuntu? Nakuba esewalahlile amathemba nomphumela womuntu, yiziphi kulezi zigaba ezifezwa uNkulunkulu ezingekho mayelana nomphumela womuntu? Yisiphi kuzo esingekho mayelana nokusinda komuntu? Yisiphi kuzo esingekho mayelana nokukhulula umuntu ekuhluphekeni nasekucindezelweni amandla obumnyama amnyama njengobusuku? Yisiphi kuzo esingekho ngenxa yomuntu? Ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu, efana nekamama onothando? Ubani ongaqonda inhliziyo kaNkulunkulu enogqozi? Inhliziyo kaNkulunkulu enogqozi nezinto azilindele kukhokhwe ngezinhliziyo ezibandayo, ezinonya, ngamazwi anokhahlo aphindaphindwayo, izinhlamba zabantu, ngezinkulumo ezihlabayo nezibhuqayo, neziyize, zikhokhwe ngobuphukuphuku bomuntu, ngokungabaza nokungavumi kwakhe, ngokungaqondi kwakhe, ngokulila, ukunganaki, esebenzisa inkohliso, ukuhlasela nonya. Amazwi afudumele aye ahlangabezana namagalelo kanye neminwe eyizinkulungwane elwisana nawo. UNkulunkulu angabekezela, akhothamise ikhanda, akhonze abantu njengenkabi ezimisele.[28] Mangaki amalanga nezinyanga, uzibone kangaki izinkanyezi, usephume kangaki ezintatha abuye sekuhwalele, ahambe abuye, abekezelele ubuhlungu obedlula obazwiwa uYise lapho ehamba ngezinkulungwane eziningi zezikhathi, abekezelele ukuhlaselwa umuntu, nokuchwensa komuntu. Ukuthobeka nokuzifihla kukaNkulunkulu kuye kwabuyiswa ngokucwasa komuntu, ngemibono engenabulungiswa[29] nempatho yomuntu, ukuzifihla Kwakhe nokubekezela kukhokhwe ngobugovu bomuntu; umuntu uzama ukuqothula uNkulunkulu, ngaphandle kokushaywa unembeza, uzama ukuthuthumelisa uNkulunkulu emhlabathini. Umbono womuntu ngempatho anayo ngoNkulunkulu “unobuqili obungavamile,” futhi uNkulunkulu, oxhashazwa yisedeleli esiwumuntu, uhlukunyezwa amashumi ezinkulungwane zabantu ngesikhathi umuntu esaphakeme, njengokungathi uyoba inkosi yesigodlo, njengokungathi uwafuna wonke amandla,[30] abambe inkantolo emva kwesihenqo, ukuze enze uNkulunkulu aphathe ngale kwekhethini, ongavunyelwe ukuphindisela noma abangele inkinga; uNkulunkulu kumele adlale indima yoMbusi Wokugcina, kumele abe unodoli,[31] anikele ngayo yonke inkululeko. Akunakulandiswa ngezenzo zomuntu, ngakho ufaneleka kanjani ukufuna lokhu nalokhuya kuNkulunkulu? Ufaneleka kanjani ukusikisela kuNkulunkulu? Ufanele kanjani ukutshela uNkulunkulu ukuthi abe nobubele ngobuthaka bakhe? Ufanele kanjani ukuthola umusa kaNkulunkulu? Ufaneleka kanjani ukuthola isikhathi sikaNkulunkulu ngokuphindiwe? Ufaneleka kanjani ukulokhu ethethelelwa uNkulunkulu? Ukuphi unembeza wakhe? Wayiphula kudala inhliziyo kaNkulunkulu, kade ayishiya iyizicucu inhliziyo kaNkulunkulu. UNkulunkulu weza kubantu enamehlo agqamile, ngethemba lokuthi umuntu uyoba nobubele Kuye, ngisho noma kuyimfudumalo engatheni. Kodwa inhliziyo kaNkulunkulu ayinakududuzwa ngumuntu, okuwukuphela kwento ayitholile ukuhlaselwa kanye nokuhlushwa okukhulayo;[32] inhliziyo yomuntu inomhobholo, ufuna izinto ezinkulu, akaneli, uhlale eshinga futhi unobuwula, akalokothi avumele uNkulunkulu ukuba akhululeke noma akhulume, wenza uNkulunkulu azihlaze, futhi uvumela umuntu amkhohlise ngendlela ayithandayo.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (9)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


36. Kusukela endalweni kuze kube manje, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu, wahlaselwa kaningi. Kodwa kuze kube namuhla, umuntu akakayeki ukufuna izinto kuNkulunkulu, usacwaninga ngoNkulunkulu, abakambekezeleli, abakwenzayo nje ukumeluleka, nokumgxeka, nokumyala, njengokungathi besaba ukuthi uNkulunkulu uzothatha indlela engafanele, ukuthi uNkulunkulu osemhlabeni akacabangi, noma ulandela isixuku, noma ukuthi ngeke abone lutho. Umuntu ubehlale enalo mbono ngoNkulunkulu. Angahlala kanjani angadabuki uNkulunkulu? Lapho eba inyama, uNkulunkulu ubekezelele ubuhlungu obukhulu nokuhlazwa; kufanele kube obungakanani obenza uNkulunkulu amukele izimfundiso zomuntu? Ukufika Kwakhe kubantu kumphuce yonke inkululeko, njengokuthi aboshwe eHayidesi, wamukele uhlinzwa umuntu ngaphandle kokunqikaza. Ingabe lokhu akulona ihlazo? Lapho eza emndenini womuntu ovamile, uJesu wabona ukungabi nabulungiswa okukhulu. Okuhlazisa nakakhulu ukuthi uze emhlabeni onothuli wazithoba kokuphansi kakhulu, waqhubeka nomzimba wenyama ejwayelekile. Ekubeni umuntukazana, ingabe uNkulunkulu oPhakeme Kakhulu akabhekani nobunzima? Ingabe lokhu akukhona okwaso sonke isintu? Ingabe zikhona izikhathi lapho ayecabanga khona Ngaye? Ngemva kokuphikwa nokubulawa ngamaJuda, nokuchwenswa abantu, akazange akhononde emaZulwini noma abhikishe emhlabeni. Namuhla, inhlekelele enezinkulungwane zeminyaka iphinde yavela kubantu abafana namaJuda. Ingabe abenzi izono ezifanayo? Yini eyenza umuntu afaneleke ukuthola izithembiso zikaNkulunkulu? Ingabe akamelani noNkulunkulu bese emukela izibusiso Zakhe? Kungani umuntu engenabo ubulungiswa, noma afune iqiniso? Kungani engalokothi abe nendaba ngokwenziwa uNkulunkulu? Kukuphi ukulunga kwakhe? Buphi ubulungiswa bakhe? Ingabe angakwazi ukumelela uNkulunkulu? Bukuphi ubulungiswa bakhe? Kungakanani okuthandwa umuntu okuthandwa nawuNkulunkulu? Umuntu akakwazi ukubona ushoki kushizi,[33] uhlale ehluleka ukwehlukanisa phakathi kokumhlophe nokumnyama, uphambanisa ubulungiswa neqiniso, ukungabi nabulungiswa nokungalungi. Ubalekisa ukukhanya, futhi ahambe phambi kobumnyama. Labo abafuna iqiniso nobulungiswa bagcina bexosha ukukhanya, labo abafuna uNkulunkulu bayathuthumela ngaphansi kwezinyawo zabo, futhi baziphakamisele esibhakabhakeni. Umuntu akahlukile kumphangi.[34] Siphi isizathu sakhe? Ubani ongahlukanisa okulungile nokungalungile? Ubani ongavimba ubulungisa? Ubani ozimisele ukuhlupheka ngenxa yeqiniso? Abantu bakhohlakele futhi babi ngokwedlulele! Ngemva kokubethela uNkulunkulu esiphambanweni bashaya izandla bajabula, isililo esingenangqondo sabo asipheli. Bafana nezinkukhu nezinja, bayaphahlazeka bese behlangana, bakhe owabo umbuso, ithonya labo liphazamise yonke indawo, bavale amehlo abo babubula, bahlangene labo abangaboni bazihlanganisa nabanye abangaboni, bonke baphethe amagama “asabekayo” oyise. Lezi zinja nezinkukhu kade zimkhipha zimfaka uNkulunkulu ezingqondweni zazo, futhi azikaze zisinake isimo senhliziyo kaNkulunkulu. Yingakho uNkulunkulu ethi abantu bafana nezinja nezinkukhu, inja eyodwa ekhonkothayo yenza ezinye zishaye umkhulungwane; uwuthenge ngale ndlela umsebenzi kaNkulunkulu osukwini lwamanje, njengomsebenzi onganakiwe unjalo umsebenzi Wakhe, kungakhathaliseki ukuthi unobulingiswa, unendawo yokubeka izinyawo Zakhe, nokuthi ikusasa lizobe linjani, ukuba phansi kwakhe, nenzondo yakhe. Umuntu akakaze akucabange kakhulu lokhu, akakaze akhathazeke ngekusasa, ukufukamele konke okunenzuzo, akukho akushiyele uNkulunkulu ngaphandle kwezicucu nezinsalela.[35] Yeka ukuthi isintu sikhohlakele kanjani! Asinayo imizwa kaNkulunkulu, ngemva kokunika uNkulunkulu konke ngesinyelela, simlandela kude kakhulu uNkulunkulu, asikunaki ukuba khona Kwakhe. Sijabulela uNkulunkulu, kodwa siyamelana Naye, siyathuthumela, kodwa emlonyeni siyambonga futhi siyamdumisa uNkulunkulu; sithandaza kuNkulunkulu, sincike kuNkulunkulu, kuyilapho sikhohlisa uNkulunkulu; “siphakamisa” igama likaNkulunkulu, futhi sibheke ubuso bukaNkulunkulu, kodwa ngaphandle kwamahloni sihlale esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu futhi sahlulele “abangalungile” kuNkulunkulu; emlonyeni wakhe kuphuma amazwi athi uzibophezele kuNkulunkulu, futhi ubheka amazwi kaNkulunkulu, kodwa enhliziyweni yakhe uyabubula ngoNkulunkulu; “uyambekezelela” uphinde amcindezele uNkulunkulu, umlomo wakhe uthi kungenxa kaNkulunkulu; ezandleni zakhe uphethe izinto zikaNkulunkulu, emlonyeni wakhe uhlafuna izinto azinikwe uNkulunkulu, kodwa emehlweni akhe ulokhu egqolozele uNkulunkulu, njengokungathi ufisa ukukuphanga konke; ubuka iqiniso bese eqinisa ngokuthi liyicebo likaSathane; ubuka ubulungiswa bese ebuphika ngaphakathi kuye; ubheka izenzo zomuntu bese ethi ziyilokhu uNkulunkulu ayikho; ubheka iziphiwo zomuntu bese ethi ziyiqiniso; ubheka izenzo zikaNkulunkulu bese ethi zingamanga; lapho umuntu ubona uNkulunkulu, ufuna ngenkani ukumbiza ngomuntu, futhi uzama kanzima ukumbeka esihlalweni sesidalwa esifuze uSathane; wazi kahle kamhlophe ukuthi izinto zikaNkulunkulu, kodwa ukubiza ngemibhalo yabantu; wazi kahle kamhlophe ukuthi uMoya uyaqapheleka enyameni, uNkulunkulu uba inyama, kodwa uthi leyo nyama iyinzalo[36] kaSathane; wazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu uthobekile futhi uzifihlile, kodwa uthi kuhlaziswe uSathane kuphela, uNkulunkulu unqobile. Izinto ezingelusizo lwalutho! Umuntu akafaneleki ngisho nokuba yinja yasendle! Akakwazi ukuhlukanisa okumnyama nokumhlophe, futhi ukuphambanisa nangamabomu okumnyama nokumhlophe. Ingabe amandla omuntu nokukhathaza umuntu kuyayiphazamisa imithetho kaNkulunkulu? Ngemva kokumelana ngamabomu noNkulunkulu, umuntu akanandaba, futhi angaze ambulale, angamniki ithuba lokuziveza. Kuphi ukulunga? Lukuphi uthando? Uhlala eceleni kukaNkulunkulu, aguqise uNkulunkulu ngamadolo ukuze azinxusele intethelelo, ukuze alalele wonke amalungiselelo akhe, ajwayelane namaqhinga akhe, futhi wenza uNkulunkulu athathe uphawu Lwakhe kuye kukho konke akwenzayo, kungenjalo uvele agcwale intukuthelo.[37] UNkulunkulu angahlala kanjani angakhungathwa usizi ezikhathini zobumnyama ezinjalo, ikuphi ukuphambanisa okumhlophe nokumnyama? Angahlala kanjani angakhathazeki? Kungani kuthiwa lapho uNkulunkulu eqala umsebenzi Wakhe wakamuva, kufana nokuqala kwesenzakalo esisha? Izenzo zomuntu zicebile, zichuma amanzi omthombo amnandi angapheli anisela insimu eyinhliziyo yomuntu, kuyilapho “umthombo wamanzi aphilayo” omuntu uqophisana noNkulunkulu ngaphandle kokungabaza;[38] laba ababili abanakuzwana, kwenza abantu babheke uNkulunkulu ngokufanayo, kuyilapho umuntu ekwenza ngaphandle kokucabanga ngezingozi ezihilelekile. Kuze kube nini? Angambuyisela eceleni uNkulunkulu, ambeke kude, lapho abantu bengeke bamnake khona, besabe ngokujulile ukuthi uzodonsa iso labo, ubethuse kakhulu umthombo kaNkulunkulu wamanzi aphilayo, wokuzuza umuntu. Ngakho ngemva kokudlula eminyakeni eminingi yokukhathazeka kwabantu, uphamba uNkulunkulu aze enze uNkulunkulu isisulu sokugxeka kwakhe. Kunjengokungathi uNkulunkulu ufana nombhalo wezenzakalo emehlweni akhe, umfuna ngazo zonke izindlela uNkulunkulu ukuze acwengwe futhi ahlanzwe. Ukubona ukungahlaliseki kukaNkulunkulu, umuntu uyahleka, adanse, athi uNkulunkulu ucwengiwe, athi uzohlanza okungahlanzekile ngoNkulunkulu, njengokungathi lokhu kwenza umqondo, njengokuthi kunobulungiswa futhi kuyizindlela zeZulu ezinomqondo. Lokhu kuziphatha komuntu okunodlame kubonakala kunenhloso futhi kunokunganaki. Umuntu wembula ubuso bakhe obubi, umphefumulo ongcolile, kanye nokubonakala enxusa; ngemva kokuphulukundlela, uthatha ukubonakala futhi anxuse intethelelo yamaZulu, abonise ubukhulu bamandla enja. Umuntu uhlale enza okungalindelekile, uhlale “eyigibela ngemuva ingwe ukuze ethuse abanye,”[b] uhlale ufuna ukuhleka nomaphi lapho engakwazi khona, akacabangi nakancane ngenhliziyo kaNkulunkulu, futhi akanandaba nesithunzi sakhe. Umane amelane buthule noNkulunkulu, njengokungathi uNkulunkulu umonile, futhi akamfuni ukumphatha kanjalo, njengokungathi izulu alinawo amehlo futhi lenza izinto zibe nzima kuye. Ngakho kuyenzeka umuntu awafeze isinyelela amacebo amabi, futhi angazithambisi izimfuneko zikaNkulunkulu, abuke ngamehlo akhe, awubuke ngokucophelela umnyakazo kaNkulunkulu olandelayo, angacabangi ukuthi uyisitha sikaNkulunkulu, ngethemba lokuthi usuku luyofika lapho ingxenye kaNkulunkulu yemfologo, yenza izinto zicace ngokuthi imsindise “emlonyeni wengwe” futhi imphindiselele. Nsuku zonke abantu abakacabangi ukuthi bamelene nendima kaNkulunkulu ukuthi bekulokhu kudlalwa ngabo kuzo zonke lezi zinkathi; bangakwazi kanjani lokho kukho konke abakwenzayo, abaphambuki futhi konke abakuqondayo sekuyisikhathi eside kwagcina ukumbozwa ulwandle.

Ubani owake wamukela iqiniso? Ubani owake wamukela uNkulunkulu ngazo zombili? Ubani owake wakufisa ngenjabulo ukubona uNkulunkulu? Ukuziphatha komuntu kade kwabola, futhi ukungcola kwakhe kade kwalishiya lodwa ithempeli likaNkulunkulu. Ngaleso sikhathi, umuntu usafeza umsebenzi wakhe, usaqalaza uNkulunkulu. Kunjengokungathi ukumela kwakhe noNkulunkulu sekube yiqoqo lamatshe, futhi akushintshi, futhi ngenxa yalokho angancamela ukuqalekisa kunokuphathwa kabi ngamazwi nezenzo zakhe. Abantu abafana nalaba bangamazi kanjani uNkulunkulu? Bangakuthola kanjani ukuphumula noNkulunkulu? Bangafaneleka kanjani ukusondela phambi kukaNkulunkulu?


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (9)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


37. Ziningi izinsuku engizichithe nomuntu, ngihlale nomuntu ezweni, angifunanga lutho olunye kumuntu; angenzi lutho ngaphandle kokuqondisa umuntu, ngenxa yekusasa lomuntu, ngiwufeza ngokungakhathali umsebenzi wokuhlela. Ubani owake waqonda intando kaBaba osezulwini? Ubani oke waya ezulwini nasemhlabeni? Angifisi ukuphinde ngichithe nomuntu “inkathi yakhe yokuguga,” ngoba umuntu udla ngoludala, akaqondi lutho, okuwukuphela kwento ayaziyo ukuzigxinxa ngokudla engikubekile—angalokothi acabange ngokunye. Isintu sinosizi kakhulu, isixakaxaka, umsindo nengozi yabantu inkulu kakhulu, ngakho angifisi ukuba nengxenye ezithelweni zabo abazitholile eziyigugu ezinsukwini zokugcina. Umuntu makajabulele izibusiso ezicebile azenzele zona, ngoba umuntu akangemukeli—kungani kufanele ngiphoqe isintu ukuba simomotheke? Kuwo wonke amagumbi omhlaba kugcwele ulaka, awutholakali umthombo kulo lonke izwe, ngoba njengamanzi ahlala izidalwa, akanalo noluncane ulaka, ufana nesidumbu, futhi igazi eligijima ngemithambo yakhe yegazi liqine liyiqhwa elipholisa inhliziyo. Luphi ulaka? Umuntu wabethela uNkulunkulu esiphambanweni ngaphandle kwesizathu, futhi ngemva kwalokho akenzanga amaphutha. Akekho owake wazisola kanje, futhi lezi zikhohlakali zisaceba “ukuyithumba iphila”[39] iNdodana yomuntu okwesibili ziyisondeze emlilweni, ukuze ziqede inzondo ezinayo enhliziyweni yazo. Iyiphi inzuzo engisalele kuleli zwe eliyingozi? Uma ngisala, okuwukuphela kwento engizoyiletha izinxushunxushu nodlame, ngeke ziphele izinkinga, ngoba angilethile ukuthula kumuntu, impi kuphela. Izinsuku zokugcina zesintu kumele zigcwale impi, ikusasa lomuntu kumele libe nobudlova nezinxushunxushu. Angizimisele ukubamba iqhaza empini, ngeke ngihambisane nokugobhoza kwegazi nomnikelo womuntu, ngoba ukuchithwa komuntu kuxoshe Nami, futhi anginayo inhliziyo yokubuka izimo zomuntu—umuntu makalwele ukwaneliseka enhliziyweni yakhe, ngifisa ukuphumula, ukulala, amademoni mawahambisane nomuntu phakathi kwezinsuku zokugcina! Ubani owazi intando Yami? Ngoba angemukelekile kumuntu, akangilindanga, engingakwenza nje ukumvalelisa, nokubeka ikusasa lesintu kuye, ngishiye wonke umcebo Wami kuye, nokuphila Kwami kumuntu, ngitshale imbewu yokuphila Kwami ensimini eyinhliziyo yomuntu, ngimshiyele izinkumbulo zaphakade, engingamshiyela khona nje uthando Lwami ngesintu, nginike umuntu konke lokhu isintu esikwazisayo, njengesipho sothando sokuthi siyathandana. Siyothandana kuze kube phakade, okwenzeke izolo into enhle esinikane yona, ngoba sengilubeke lonke uqobo Lwami esintwini—yiziphi izinto umuntu akhononda ngazo? Kakade sengikushiyile ukuphila Kwami, futhi ngaphandle kwezwi, ngibekezele kanzima ukuze ngitshalele isintu izwe elihle lothando; angikaze ngenze okufunekayo okufana nalokho, futhi angenzanga lutho ukuze nje ngethule amalungiselelo omuntu futhi ngakhele isintu ikusasa elihle.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (10)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


38. UNkulunkulu osesimweni somuntu uthumele amagagasi kuwo wonke amagumbi namaqembu enkolo, “uhlelo lokuqala” ulwenze lwaphithana, wanyakazisa izinhliziyo zabo bonke abafuna ukubona uNkulunkulu. Ubani ongenalo uthando? Ubani ongalangazeleli ukubona uNkulunkulu? UNkulunkulu ubelokhu ephakathi komuntu iminyaka eminingi, kodwa umuntu ubelokhu engaboni. Namuhla, uNkulunkulu Uqobo uye wabonakala, waveza isiqu Sakhe ezindaweni eziningi—kungahlala kanjani lokhu kungayijabulisi inhliziyo yomuntu? UNkulunkulu wake wajabula futhi waba lusizi ngomuntu, namuhla uphinde wabuyisana nesintu, sekudlule izikhathi eziningi enomuntu. Ngemva kokuphuma eJudiya, abantu abatholanga ngisho nomkhondo Wakhe. Balangazelela ukuphinde bahlangane noNkulunkulu, abazi ukuthi namuhla sebephinde bahlangana Naye, babuyisana Naye. Kungahlala kanjani lokhu kungayivusi imicabango yayizolo? Eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili eyedlule namuhla, uSimoni iNdodana kaJona, ozalwa amaJuda, wabona uJesu uMsindisi, wadla etafuleni elilodwa Naye, futhi ngemva kokumlandela iminyaka eminingi wamthanda kakhulu: Wamthanda ngokusuka enhliziyweni yakhe, wayithanda kakhulu iNkosi uJesu. Abantu abangamaJuda babengazi lutho ngalo mfana onezinwele ezimhlophe, ozalelwe ezindaweni ezibandayo, wayengumfanekiso wokuqala kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Babecabanga ukuthi ufana nabo, akekho owayecabanga okuhlukile Ngaye—abantu babengambona kanjani lo Jesu ojwayelekile? Abantu abangamaJuda babecabanga ukuthi ungumJuda, becabanga ukuthi uyindodana yomJuda. Akekho owayembheka njengoNkulunkulu onothando, futhi abantu bavaleka amehlo Ngaye, becela umusa ngobuningi, ingcebo, ukuthula nenjabulo. Babazi lokho kuphela, njengosozigidi, wayenakho konke umuntu angakufisa. Kodwa abantu abamphathanga njengothandekayo; abantu ngaleso sikhathi babengamthandi, babegcina ngokububula Ngaye, befuna izinto eziningi Kuye, akakaze ayeke ukunika umuntu umusa, nakuba umuntu ayengamazi. Akwenza nje kwaba ukunika umuntu imfudumalo, uthando, umusa, kanye nokunye, wanika umuntu indlela entsha yokwenza, wakhulula umuntu emigoqweni yomthetho. Umuntu akakaze amthande, wayegcina ngokumzonda, nokubona ubungcweti Bakhe. Isintu esingaboni, singayazi kanjani indlela uJesu uMsindisi ahlazeka kakhulu ngayo lapho efika phakathi kwesintu? Akekho owacabanga ngobunzima Bakhe, akekho owazi ngothando Lwakhe ngoNkulunkulu uBaba, akekho owayazi ngokuba yedwa Kwakhe; nakuba uMariya ayengunina owamzala, wayengayazi kanjani imicabango esenhliziyweni yeNkosi enomusa uJesu? Ubani owayazi ngokucindezeleka okungachazeki okwabekezelelwa iNdodana yomuntu? Ngemva kokuyinxusela, kubantu bangaleso sikhathi yaba yinto yokugcina abayicabangayo, bayilahlela ngaphandle. Ngakho yazulazula ezitaladini, usuku nosuku, unyaka nonyaka, kwadlula iminyaka yaze yaba neminyaka engamashumi amathathu nantathu enzima, eminyaka eyaba mide futhi yaba mifishane. Lapho abantu bemdinga, babemmema emakhaya abo bemomotheka, bezama ukufuna izinto Kuye—futhi ngemva kokuthi enikele kubo, babemkhiphela ngaphandle kwesicabha ngokushesha. Abantu babedla okwakuvela emlonyeni Wakhe, babephuza igazi Lakhe, babejabulela izibusiso abanika zona, kodwa futhi bamelana Naye, ngoba babengazi ukuthi ukuphila babekunikwe ubani kwabo. Ekugcineni, bambethela esiphambanweni, kodwa noma kunjalo akenzanga msindo. Ngisho nanamuhla, usathule. Abantu badla inyama Yakhe, badla ukudla abenzela khona, bahamba endleleni abavulele yona, baphuza igazi Lakhe, futhi basafuna ukumphika, empeleni babheka uNkulunkulu obadalile njengesitha sabo, esikhundleni salakho baphatha labo abayizigqila kanye nabo njengoYise osezulwini. Kulokhu, ingabe abamelani Naye ngamabomu? Kwenzeka kanjani ukuba uJesu afele esiphambanweni? Ingabe uyazi? Ingabe akakhashelwanga uJuda, owayesondelene Naye, wamphuzisa, wajabula Naye? Ingabe isizathu sokukhaphela kukaJuda sasingekhona ukuthi uJesu wayengekho ngaphezu komfundisi ojwayelekile? Uma abantu babona ngempela ukuthi uJesu wayengajwayelekile, owayehle ezulwini, babengambethela kanjani esiphambanweni ephila amahora angamashumi amabili nane, kwaze kwaba yilapho engasakwazi ukuphefumula? Ubani ongazi uNkulunkulu? Abantu bajabulela uNkulunkulu benomhobholo, kodwa abakaze bamazi. Banikwe isandla bathatha ingalo yonke, benza uJesu alalele imithetho yabo. Ubani owake wabonisa iNdodana yomuntu umusa, engenayo indawo yokufihla ikhanda Layo? Ubani owake wacabanga ukuhlangana Nayo ukuze aqedele umsebenzi kaNkulunkulu uYise? Ubani owake wacabanga Ngayo? Ubani owake wacabanga ngobunzima Bayo? Engenalo noluncane uthando, umuntu uyisa ngapha nangapha; umuntu akazi ukuthi ukukhanya nokuphila kwakhe kuvelaphi, akwenzayo nje ukusungula icebo ngesinyelela lokuphinde abethele uJesu esiphambanweni njengaseminyakeni eyizinkulungwane ezimbili edlule, ozwiswe abantu ubuhlungu. Ingabe ngempela uJesu ukhuthaza inzondo enjalo? Ingabe konke akwenza kade kwakhohlwa? Inzondo yaseminyakeni eyizinkulungwane edlule iyogcina iqubukile. Niwuhlobo lwamaJuda! Wake wanizonda nini uJesu, njengoba nimzonda kangaka? Unenzele okuningi, wakhuluma okuningi—akukho yini okunizuzisayo? Unikele ngokuphila Kwakhe kini ngaphandle kokufuna ukubuyiselwa ngokuthile, uninike uqobo Lwakhe—ingabe nisafuna ukumbona ephila? Akagodlanga lutho ezintweni aninike zona, akajabulelanga lutho lwezwe, imfudumalo phakathi kwabantu, uthando phakathi kwabantu, nazo zonke izibusiso phakathi kwabantu. Abantu baluhlaza Kuye, akakaze ajabulele imicebo yezwe, unikele ngoqobo Lwakhe ngobuqotho, waba nenhliziyo enogqozi ngomuntu, konke okwakhe ukunike isintu njengefa—futhi ubani omnike imfudumalo? Ubani oke wamduduza? Umuntu umcindezele kakhulu, umnike wonke amashwa akhe, umnike konke okubi okwehlela umuntu, usola Yena ngakho konke ukungabi nabulungiswa, futhi Yena ukwamukele. Ingabe ukhona Ake wabhikisha kuye? Ingabe kukhona ngisho okuncane Ake wakucela kothile? Ubani owake wambonisa uzwela? Njengabantu abajwayelekile, ubani kini ongakaze akhule ngothando? Ubani ungangqabavulanga ebusheni bakhe? Ubani ongayizwa imfudumalo yezihlobo zakhe? Ubani ongenalo uthando lwezihlobo nabangani? Ubani ongahlonishwa abanye? Ubani ongenawo umndeni ofudumele? Ubani ongenaye umuntu athululela kuye isifuba? Yena ingabe kukhona kulokhu Ake wakujabulela? Ubani owake wamnika imfudumalo? Ubani owake wamduduza? Ubani owake wambonisa isimilo esincane? Ubani owake wambekezelela? Ubani owake waba Naye ezikhathini ezinzima? Ubani owake wadlula Naye ezikhathini ezinzima ekuphileni? Umuntu akakaze ehlise izinto azifuna Kuye; uhlale efuna izinto ngaphandle kokulibala, njengokungathi, njengoba esesezweni labantu, useyinkabi yabo noma ihhashi, isiboshwa somuntu, futhi kumele anike umuntu konke okwakhe; uma kungenjalo umuntu akasobe amxolela, akusobe kwaba lula Kuye, ngeke aphinde ambize ngoNkulunkulu, futhi ngeke aphinde amhloniphe. Umuntu uqinile endleleni abheka ngayo uNkulunkulu, njengokungathi ufuna ukuhlukumeza uNkulunkulu ekufeni, kungemva kwalokhu kuphela lapho eyolahlekelwa khona izinto azifuna kuNkulunkulu; ngale kwalokho umuntu ngeke ehlise izinga lakhe ngenxa kaNkulunkulu. Umuntu ofana nalona angahlala kanjani angamzondi uNkulunkulu? Ingabe akuyona inhlekelele yanamuhla? Umuntu akasenawo nhlobo unembeza. Ulokhu ethi uzobuyisa uthando lukaNkulunkulu, kodwa uphamba uNkulunkulu amhlukumeze ekufeni. Ingabe lena akuyona “imfihlo” okholweni lwakhe kuNkulunkulu, ayinikwa okhokho bakhe? “AmaJuda” awasabonwa nangokhalo, futhi namuhla asenza umsebenzi ofanayo, asenza umsebenzi ofanayo wokumelana noNkulunkulu, kodwa bacabanga ukuthi baphakamisa uNkulunkulu. Amehlo omuntu angambona kanjani uNkulunkulu? Umuntu ophila enyameni, uNkulunkulu osamuntu ovela eMoyeni angamphatha kanjani njengoNkulunkulu? Ubani phakathi kwabantu ongamazi? Likuphi iqiniso phakathi kwabantu? Kukuphi ukulunga kweqiniso? Ubani ongaqonda isimo sikaNkulunkulu? Ubani ongancintisana noNkulunkulu osezulwini? Yingakho lapho eza phakathi komuntu, engekho oke wamazi uNkulunkulu, futhi bemenqabile. Umuntu angakubekezelela kanjani ukuba khona kukaNkulunkulu? Angakuvumela kanjani ukukhanya kumuse ebumnyameni bezwe? Ingabe konke lokhu akukhona ukuzinikela ngenhlonipho komuntu? Ingabe lona akuwona umnyango oqondile womuntu? Ingabe umsebenzi kaNkulunkulu awuzungezi ukungenza komuntu? Ngingawuhlanganisa umsebenzi kaNkulunkulu nokungena komuntu, futhi aqalise ubuhlobo obuhle obuphakathi kukaNkulunkulu nomuntu, ngenze umsebenzi okufanele wenziwe umuntu ngamandla akhe. Ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu uyogcina uphelile, uphele ngokukhazinyuliswa Kwakhe!


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (10)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni



Imibhalo yaphansi:

1. “Ukwaneliswa abanakho ekuphileni” kubonisa ukuthi abantu banamathela emithethweni futhi abenzi lutho olwephula imithetho.

2. “Ukunamathela okuqhubekayo” kusetshenziswa ngendlela yokubhuqa. Lamazwi abonisa ukuthi abantu banenkani futhi abanakulungiseka, babambelele ezintweni esezaphelelwa yisikhathi zakudala futhi abafuni ukuziyeka.

3. “Ukuphakama” kushiwo ngokubhuqa.

4. “Okungajwayelekile” kubonisa ukuthi ukungena kwabantu kuyanhlanhlatha kanti okuhlangenwe nakho kwabo kunxanye.

5. “Ukuyela ngasekugcineni” kubonisa ukuthi abantu bahamba endleleni ephikisana nentando kaNkulunkulu.

6. “Ukubuyisa umbono ababenawo ekuqaleni” kubhekisela endleleni abantu abacabanga nababheka ngayo uguquko lukaNkulunkulu lapho sebazi uNkulunkulu.

7. “Ukubukela” kubonisa ukuthi abantu abanaki umsebenzi kaNkulunkulu futhi abawuboni njengobalulekile.

8. “Busondelene” kusetshenziselwa ukuhlekisa.

9. “Buyavumelana” kusetshenziselwa ukuhlekisa.

10. “Abanakho ukuqonda” kubonisa ukuthi abantu abaqondi ngokucacile umsebenzi kaNkulunkulu.

11. “Ukukhuluma-okuncane” umfanekiso wobuso obubi babantu lapho becwaninga umsebenzi kaNkulunkulu.

12. “Amazwi ahlaziya ngokweqile” kusetshenziselwa ukuhlekisa ngezazi zezinkolelo-ze, ezahlukanisa izinwele emazwini kodwa zingafuni iqiniso noma ukwazi umsebenzi kaMoya oNgcwele.

13. “Kuyilapho lingajeziswa ngobuningi” kubonisa ukuthi udeveli uqhubeka nokuphambana ikhanda kanye nokuvuka umbhejazana.

14. “Unhlakanhlaka ngokuphelele” kubhekisela endleleni yokuziphatha kobudlova kukadeveli okungabekezeleleki kubantu.

15. “Izibazi kanye nemivimbo” kubhekise ebusweni obubi benkosi yodeveli.

16. “Ukugembula okungekude” umfanekiso wamacebo kadeveli okuyenga ngokuqili, okubi. Kusetshenziselwa ukuhlekisa.

17. “Ukushwabadela” kubhekise endleleni yokuziphatha kobudlova kwenkosi yodeveli, okuphanga abantu ngokuphelele.

18. “Izwe lishintshashintshe” kubonisa ukuthi uma othile ecebile futhi enamandla, abantu bayazincengela kubo, kanti uma umuntu engenamali futhi engenamandla, abantu abamnaki. La mazwi abhekise ekungabini nabulungiswa kwezwe.

19. “Ukususa uthuthuva” kubhekise endleleni abantu abanamademoni abasusa ngayo isiphithiphithi, bavimbele futhi bamelane nomsebenzi kaNkulunkulu.

20. “Umkhoma onamazinyo” kusetshenziselwa ukuhlekisa. Kungumfanekiso wendlela izimpukane ezincane ngayo ngangokuba izingulube nezinja zibonakala zizinkulu njengemikhoma kuzo.

21. “Ingqongqo yabo bonke ububi” kubhekise kudeveli omdala. La mazwi abonisa ukwenyanya okwedlulele.

22. “Ukusola ngaphandle kwesizathu” kubhekise ezindleleni udeveli alimaza ngazo abantu.

23. “Kuqashwe kakhulu” kubonisa ukuthi izindlela udeveli ahlupha ngazo abantu zimbi ngokukhethekile futhi ulawula abantu kangangokuthi abanalo ithuba lokunyakaza.

24. “Bayathandwa” kusetshenziselwa ukuhlekisa ngabantu ababonakala bebuthuntu futhi bengenalo ulwazi lokuzihlola.

25. “Ishwa emva kwelinye” kubonisa ukuthi abantu bazalwa ezweni likadrako omkhulu obomvu, futhi abakwazi ukuphakamisela amakhanda abo phezulu.

26. “Isigaba esiphezulu” kusetshenziselwa ukuhlekisa ngalabo abafuna ngokungaphezi uNkulunkulu.

27. “Ukonakaliswa” kusetshenziselwa ukudalula ukungalaleli kwesintu.

28. “Ahlangabezana namagalelo kanye neminwe eyizinkulungwane elwisana nawo, akhothamise ikhanda akhonze abantu njengenkabi ezimisele” ekuqaleni umusho owodwa, kodwa lapha wehlukaniswe kabili ukuze wenze izinto zicace kakhudlwana. Umusho wokuqala ubhekise esezweni somuntu, ngesikhathi owesibili ubonisa ukuhlupheka abhekana nakho uNkulunkulu, nokuthi uNkulunkulu uthobekile futhi uzifihlile.

29. “Okungenabulungiswa” kubhekise ekuziphatheni kokungalaleli kwabantu.

30. “Ufuna wonke amandla” kubhekise ekuziphatheni kokungalaleli kwabantu. Bayaziphakamisa, bacindezele abanye, babenze balandele bona futhi bahluphekele bona. Bangamandla aphikisana noNkulunkulu.

31. “Unodoli” usetshenziselwa ukuhleka usulu labo abangamazi uNkulunkulu.

32. “Okukhulayo” kusetshenziselwa ukugqamisa ukuziphatha okwehlile kwabantu.

33. “Akakwazi ukwehlukanisa ushoki kushizi” kubonisa lapho abantu besonta intando kaNkulunkulu ibe yinto yobusathane, ikakhulu kubhekise ekuziphatheni kwabantu kokwenqaba uNkulunkulu.

34. “Umphangi” kusetshenziselwa ukubonisa ukuthi abantu abanangqondo futhi bantula ukuqonda.

35. “Izicucu nezinsalela” lisetshenziselwa ukubonisa ukuziphatha kwabantu okucindezela uNkulunkulu.

36. “Inzalo” lisetshenziselwa ukuhlekisa.

37. “Ukugana unwabu” kubhekise ebusweni obubi bomuntu othukuthele kakhulu.

38. “Ngaphandle kokungabaza” kubhekise lapho abantu benganaki, futhi bengenakho nokuncane ukuhlonipha uNkulunkulu.

39. “Ukuyithumba iphila” kubhekise ekuziphatheni komuntu kobudlova nokubi. Umuntu unesihluku futhi akanakho nokuncane ukuthethelela uNkulunkulu futhi wenza izimfuno ezingenangqondo Kuye.

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Abanye baze bamemeza.”

b. Lesi yisisho sesiShayina.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Okutuswayo:Iyini Imvelo Yothando LukaNkulunkulu?

Awekho amazwana:

Thumela amazwana