Voice of Justice

Voice of Justice

2019/06/30

"Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu" Enjoy the Word of God and Praise God



Zulu Song "Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu" Enjoy the Word of God and Praise God

UNkulunkulu uMninimandla onke useyinyama, Wena sikuculela kakhulu izindumiso.
Usiletha ekuphileni kombuso.
Thina bantu bombuso sisedilini laKho,
sijabulela amazwi aKho, sihlanzwe ekonakaleni kwethu.
Izwi laKho liyasihola futhi sikulandela eduze.
Kungenxa yomusa kaNkulunkulu ukuthi isimo sethu sobusathane siye sagezwa.
Sijabulela izwi likaNkulunkulu futhi siphila ukuphila okusha phambi kwaKhe.

2019/06/26

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

UNkulunkulu uSomandla,uthando lukankulunkulu

Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu.

2019/06/22

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba. Ngakho, abantu abaningi ziyabadida izinto eziningi ezimayelana noNkulunkulu. Anigcini nje ngokungacacelwa ukuthi yini okufanele ningene kuyo; niwushaya indiva umsebenzi kaNkulunkulu.

2019/06/19

Inkulumo Emfushane “Umbuso wokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane Sewufikile”

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,insindiso

Uwubona kanjani umbono woMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Abanye abantu bacabanga kakhulu ngawo, futhi bathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyoba khona iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, ngakho uma amalungu amadala kunamanye ebandleni engashadile, ingabe kufanele ashade? Umndeni wami awunamali, ingabe kufanele ngiqale ngenze imali? … Uyini uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Ingabe uyazi? Abantu babona kalufifi futhi bathwele kanzima kakhulu.

2019/06/16

Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu

UNkulunkulu uSomandla,Umsebenzi kaMoya oNgcwele

UNkulunkulu ukhuluma amazwi Akhe enze nomsebenzi Wakhe ngokwezinkathi ezehlukene, nasezinkathini ezehlukene, ukhuluma amazwi ehlukene. UNkulunkulu akathobeli mithetho, noma aphinde umsebenzi ofanayo, noma abe nenkumbulo yezinto zesikhathi esedlule; unguNkulunkulu ohlala emusha njalo akabi mdala, futhi nsuku zonke ukhuluma amazwi amasha. Kumele uthobele konke okumele kuthotshelwe namuhla; lona ngumthwalo nomsebenzi womuntu.Kubalulekile ukuthi okwenziwayo kubekwe ekukhanyeni nasemazwini kaNkulunkulu amanje.UNkulunkulu akathobeli mithetho, futhi uyakwazi ukukhuluma ngezindlela ezehlukene ukuze ukuhlakanipha nokuba namandla onke Kwakhe kucace. Akunandaba noma ukhuluma njengoMoya, noma njengomuntu, noma njengomuntu wesithathu—uNkulunkulu uhlale enguNkulunkulu, futhi awunakusho ukuthi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi ukhuluma esesimweni somuntu.

2019/06/13

Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile

Amazwi KaNkulunkulu USomandla,ukuhamba noNkulunkulu,

       Nibonile yini ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzofezani kuleli qembu labantu? UNkulunkulu uthe, ngisho eMbusweni Weminyaka Eyinkulungwane abantu kusazodingeka ukuthi baqhubeke balandele amazwi Akhe, futhi kusasa la mazwi kaNkulunkulu azoqondisa ukuphila kwabantu ezweni elihle laseKhanani. Lapho uMose esehlane, uNkulunkulu wamfundisa futhi wakhuluma naye ngokuqondile.

2019/06/08

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

UNkulunkulu uSomandla,ukukholwa ngeqiniso

Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu. Uma imiqondo nemizimba yethu ingeyona eyomsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu kanye nendlela elungile yesintu, ngakho imiphefumulo yethu ngeke ifanele labo ababulawelwa umsebenzi abawuphathiswe nguNkulunkulu, ngeke ifanele uNkulunkulu nhlobo, osihlinzeke ngakho konke.

2019/06/06

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

uhlelo lukankulunkulu,umthombo wokuphila,Iqiniso,

       Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi.

2019/06/04

2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)



Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,
kumele sifune intando Yakhe,
sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.
Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,
kunephimbo Lakhe;
lapho kunezinyathelo Zakhe,
kunemisebenzi Yakhe.
Lapho kunokuzwakalisa Kwakhe,
kunokuvela Kwakhe,
futhi lapho kunokuvela Kwakhe,
kuneqiniso, nendlela, nokuphila.

2019/06/02

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X

UNkulunkulu uSomandla,uthando lukankulunkulu

       UNkulunkulu Uwumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (IV)

       Namuhla sidlulisa umlayezo onesihloko esikhethekile. Kuwo wonke amakholwa, zimbili kuphela izinto okumele azazi, nizibandakanye nazo niphinde niziqonde—yiziphi-ke lezo zinto? Eyokuqala yindlela umuntu angena ngayo empilweni, eyesibili ukwazi uNkulunkulu. Nicabanga ukuthi lokhu osekuchaziwe ngokwazi uNkulunkulu yinto enokwenzeka? Kulungile ukusho ukuthi le nto ingaphezulu komuntu. Kungenzeka ukuthi ningawakholwa la mazwi.