Voice of Justice

Voice of Justice

2019/05/29

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII

            

Uhlolojikelele Lwegunya likaNkulunkulu, Isimo Esilungile SikaNkulunkulu, kanye noBungcwele BukaNkulunkulu

       Uma seniyiqedile imikhuleko yenu, ingabe izinhliziyo zenu zinakho ukuzola phambi kukaNkulunkulu? (Yebo). Uma ngabeinhliziyo yomuntu ingazoliswa, bangakwazi ukuzwa nokuqonda izwi likaNkulunkulu futhi bangakwazi ukuzwa nokuqonda iqiniso. Uma inhliziyo yakho ingakwazi ukuzoliswa, uma ngabeinhliziyo yakho ihlale izula, noma ihlale icabanga ngezinye izinto, izothinta ukuhlanganyela kwakho ukuba uzwe izwi likaNkulunkulu. Manje, yini esenhliziyweni yalokhu esikhuluma ngakho manje? Ake sicabangeleni emuva kancane ngephuzu elibalulekile. Mayelana nokwazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, engxenyeni yokuqala, sixoxe ngegunya likaNkulunkulu. Engxenyeni yesibili, sixoxe ngesimo sikaNkulunkulu sokulunga. Futhi sixoxe ngobungcwele bukaNkulunkulu engxenyeni yesithathu. Ngabe ebesikuxoxa ngesikhathi ngasinye kunithintile? Engxenyeni yokuqala ethi “Igunya likaNkulunkulu,” yikuphi okunikhangile kakhulu, iyiphi ingxenye enithinte kakhulu (UNkulunkulu waqala wakhuluma ngegunya namandla ezwi likaNkulunkulu; uNkulunkulu muhle njengezwi Lakhe futhi izwi Lakhe lizoba yiqiniso. Lokhu kuyingqikithi eyimvelo kaNkulunkulu.) (UNkulunkulu ukhipha izwi lokuthi uSathane angamlinga uJobe, kodwa angayithathi impilo yakhe. Kulokhu sibona igunya lezwi likaNkulunkulu.) Ingabe kukhona okunye eningakwengeza? (UNkulunkulu wasebenzisa amazwi ukudala amazulu nomhlaba nakho konke okokukho, futhi uyakhuluma ukwenza isivumelwano nomuntu nokubeka izibusiso Zakhe kumuntu. Lezi yizona zonke izibonelo zegunya lezwi likaNkulunkulu. Ngale kwalokho, sibona ngenkathi iNkosi uJesu elayela uLazaru ukuba aphume ethuneni lakhe ukuthi ukuphila nokufa kungaphansi kokulawula kukaNkulunkulu, uSathane angakwazi ukukulawula, nokuthi noma ngabe umsebenzi kaNkulunkulu wenziwe enyameni noma eMoyeni, igunya Lakhe lehlukile.) Lokhu ukuqonda enikuzuze rmva kokuzwa ukuhlanganyela, angithi? Uma sikhuluma ngegunya likaNkulunkulu, yini eniyiqondayo ngegama elithi “igunya”? Phakathi kwendawo yegunya likaNkulunkulu, kulokho uNkulunkulu akwenzayo nakwembulayo, babonani abantu? (Sibona ukuba umninimandla nobuhlakani bukaNkulunkulu.) (Sibona ukuthi igunya likaNkulunkulu lihlala likhona nokuthi likhona ngempela. Sibona igunya likaNkulunkulu kakhulu ekubuseni Kwakhe ezulwini nasemhlabeni, futhi silibona kancane uma elawula impilo yomuntu. UNkulunkulu empeleni uyahlela futhi ulawula izigaba eziyisithupha zempilo. Ngaphezu kwalokho, siyabona ukuthi igunya likaNkulunkulu limele uNkulunkulu uqobo Lwakhe, oyingqayizivele, futhi asikho isidalwa esidaliwe nesingadaliwe esingaba nalo. Igunya likaNkulunkulu limele isikhundla Sakhe.) “Izimpawu zesikhundla nesimo sikaNkulunkulu,” nibonakala ninokuqonda la mazwi ngokwemfundiso. Ninalo ulwazi olubambekayo lwegunya likaNkulunkulu? (UNkulunkulu usibhekile wasivikela kusukela ebuncaneni bethu, futhi sibona igunya likaNkulunkulu kulokho. Besingazi ngezingozi ezisehlelayo, kodwa uNkulunkulu ubehlala esivikela singaboni; nalokhu nakho igunya likaNkulunkulu.) Kuhle kakhulu, kubekeke kahle.

       Uma sikhuluma ngegunya likaNkulunkulu, siqondeni, iphuzu elisemqoka? Kungani kufanele sixoxe ngalokhu okuqukethwe lapha? Okokuqala, inhloso yokuxoxa ngalesi sihloko ukuba siqinisekise isikhundla sikaNkulunkulu njengoMdali nesikhundla Sakhe phakathi kwezinto zonke; lokhu kuyinto abangayiqonda, into abangayibona futhi bayizwe. Okubonayo nokuzwayo kubuya ekwenzeni kukaNkulunkulu, emazwini kaNkulunkulu nokulawula kukaNkulunkulu emhlabeni. Ngakho-ke, yikuphi ukuqonda kwangempela abantu abakuzuzayo kukho konke abakubonayo, abakufundayo, nabakwaziyo ngegunya likaNkulunkulu? Lokhu okokuqala, esesikuxoxile. Okwesibili, uma abantu bebona konke lokho uNkulunkulu akwenzile nakushilo nakulawulile ngegunya Lakhe, kwenza ukuthi babone amandla nobuhlakani bukaNkulunkulu. Kwenza ukuthi babone amandla amakhulu kaNkulunkulu okulawula zonke izinto nokuthi uhlakaniphe kanganani uma enza konke lokho. Ingabe lokhu akukhona okuqondiwe nephuzu elisemqoka legunya likaNkulunkulu elehlukile esikhulume ngalo ngaphambilini? Akukadluli isikhathi eside kodwa abanye sebekukhohliwe lokhu, okukhombisa khona ukuthi aniliqondanga ngokuphelele igunya likaNkulunkulu; omunye angaze athi anikaliboni igunya likaNkulunkulu. Ingabe manje niyakuqonda nje lokhu? Uma ubona igunya likaNkulunkulu lisebenza, uzozizwa kanjani ngempela? Ingabe uke wawezwa amandla kaNkulunkulu ngempela? (Siwezwile) Uma ufunda izwi likaNkulunkulu ngokudala Kwakhe izulu nomhlaba uyawezwa amandla Akhe, uzwa ubumninimandla Bakhe. Uma nibona ukubusa kukaNkulunkulu ekudalelweni kwabantu, nizwani? Ingabe nizwa amandla nobuhlakani Bakhe? Uma ngabe uNkulunkulu akabanga nawo lawa mandla, uma ngabe akabanga nabo lobu buhlakani, ubengafanela ukubusa izulu nomhlaba abuse nasekusaseni labantu? Uma umuntu engenalo ikhono lokwenza umsebenzi wakhe, engenawo amandla adingekayo engenawo amakhono nolwazi olufanele, angawufanela yini umsebenzi wakhe? Ngeke ngempela awufanele; ikhono lomuntu lokwenza izinto ezinkulu lincike ekuthini amakhono akhe angakanani. UNkulunkulu unalawo mandla kanye nobuhlakani, ngakho unegunya; lokhu kwehlukile. Uke wazi isidalwa noma umuntu munye ezulwini nasemhlabeni onamandla afanayo nalawo uNkulunkulu anawo? Ingabe kukhona umuntu noma into enamandla okudala amazulu nomhlaba nazo zonke izinto kanye nokulawula nokubusa phezu kwazo? Ingabe kukhona umuntu noma into engabusa nengahola sonke isintu nengahlala ikhona njalo, ibe nasezindaweni zonke? (Cha, ayikho.) Ingabe manje niyayiqonda incazelo yalokho okuqukethwe yigunya elihlukile likaNkulunkulu? Ingabe unakho ukuqonda okuthize? (Sinakho.) Sesibuyekeze amaphuzu akhuluma ngokwehluka kwegunya likaNkulunkulu manje.

       Engxenyeni yesibili, sikhulume ngesimo esilungile sikaNkulunkulu. Asixoxanga ngezinto eziningi ezimayelana nesimo esilungile sikaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi umsebenzi omkhulu kaNkulunkulu ukwahlulela nokujezisa kulesi sigaba. Isimo esilungile sikaNkulunkulu sambulwe ngokucacile eNkathini yoMbuso, kahle ngempela. Usho amazwi angakaze awasho ukusuka ngesikhathi sokudala; futhi emazwini Akhe bonke abantu, bonke ababone izwi Lakhe, nabo bonke abalazile izwi Lakhe basibonile isimo Sakhe esilungile sembulwa. Manje yiliphi iphuzu elisemqoka lalokhu esixoxa ngakho ngesimo esilungile sikaNkulunkulu? Ingabe ube nokuqonda okunzulu ngalokhu okufundile? Ingabe uqonde okuthize ngalokhu okutholile? (Ukushiswa kweSodoma nguNkulunkulu kwakungenxa yokuthi abantu ngaleso sikhathi babekhohlakele kakhulu ngakho bavusa intukuthelo kaNkulunkulu. Kulapha lapho sibona khona isimo esilungile sikaNkulunkulu.) Okokuqala, ake sibheke: Uma Ingabe uNkulunkulu akazange abhubhise iSodoma, ubuzokwazi ngesimo Sakhe esilungile? Ubuzokwazi, akunjalo? Ungabona emazwini awashilo eNkathini yoMbuso, nangokwahlulela, ukujezisa neziqalekiso Zakhe ezibhekiswe kumuntu. Uyakubona ukulunga kwesimo sikaNkulunkulu ngokuhlenga Kwakhe iNinive? (Siyakubona.) Kule nkathi, uyabona okuthize ngomusa, ngothando, nokubekezela kukaNkulunkulu, Uyakubona uma abantu beguquka noNkulunkulu abe nokubazwela. Ukusebenzisa lezi zibonelo ezimbili njengesisekelo sokuxoxa ngesimo esilungile sikaNkulunkulu, kucaca kahle ukubona ukuthi isimo Sakhe esilungile sembuliwe. Nokho, empeleni lokhu akukhawuli kulokho okuqoshiwe kulezi zindaba ezimbili zaseBhayibhelini. Kulokho esenikufundile nenikubonile manje ngezwi nangomsebenzi kaNkulunkulu, olwazini eniluthola manje ngazo, siyini isimo esilungile sikaNkulunkulu? Xoxani ngolwazi enilutholile. (Ezindaweni lezo uNkulunkulu azidalele abantu, lapho bekwazi ukufuna iqiniso benze izinto ngaphansi kwentando kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyabahola, abalayele abenze bezwe ukukhanya ngaphakathi kwabo. Uma abantu benqaba uNkulunkulu bephikisana Naye bephambana nentando Yakhe, kunobumnyama ngaphakathi kwabo, sengathi uNkulunkulu ubashiyile. Ngisho nabo bayathandaza futhi abazi ukuthi bathini Kuye, kodwa lapho beshiya imibono nemicabango yabo bese bezimisela ukubambisana noNkulunkulu futhi bazame ukwenza kangcono, yilapha lapho ubuso bukaNkulunkulu omamathekayo buqala ukuya ngokuya bubonakala. Kulokhu sithole ubungcwele besimo esilungile sikaNkulunkulu; uNkulunkulu uvela embusweni ongcwele futhi ufihlekile ezindaweni zokungcola.) (Ngibona isimo esilungile sikaNkulunkulu ngendlela aphatha ngayo abantu. Abafowethu nodade bahlukile ngesimo nangamazinga, kanti lokho uNkulunkulu akudingayo kithina ngamunye kuyehluka nakho. Siyakwazi sonke ukuthola ulwazi ngoNkulunkulu ngamazinga ahlukene, futhi ngale ndlela ngibona ukulunga kukaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu akakwazi ukuphatha omunye ngale ndlela efanayo, uNkulunkulu kuphela ongenza lokho.) Nonke nixoxile ngolwazi oluthile lwangokoqobo.

       Ingabe niyaliqonda iphuzu elisemqoka ngokwazi isimo esilungile sikaNkulunkulu? Ningaba nokuningi eningakusho ngalokho enihlangane nakho ngalokhu, kodwa kunamaphuzu ambalwa asemqoka okufanele nginitshele ngawo. Ukuqonda isimo esilungile sikaNkulunkulu, umuntu kufanele aqale aqonde imizwa kaNkulunkulu: lokho akuzondayo, lokho akwenyanyayo lokho akuthandayo, lowo ambekezelelayo, lowo anomusa kuye nokuthi uhlobo olunjani lomuntu othola lowo musa. Lokhu yiphuzu elibalulekile okufanele laziwe. Phezu kwalokho, umuntu kufanele aqonde ukuthi noma uNkulunkulu engathanda kangakanani, noma angaba nothando olungakanani kubantu, uNkulunkulu akabekezeleli namunye ophoxa isikhundla nendawo Yakhe, noma abekezelele namunye ocekela phansi isithunzi Sakhe. Yize uNkulunkulu ebathanda abantu, akabatotosi. Unikeza abantu uthando, umusa nokubekezela Kwakhe kodwa akaze abavume kukho konke; unezimiso nemikhawulo Yakhe. Kunganakiwe ukuthi uluzwe kanjani uthando lukaNkulunkulu kuwena, kunganakiwe ukuthi lujule kanganani, akumele uphathe uNkulunkulu ngendlela ongaphatha ngayo omunye umuntu. Noma kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu uphatha abantu ngendlela esondele Kuyena, uma umuntu ebona uNkulunkulu njengomunye umuntu, sengathi ungomunye odaliwe, njengomngane noma into yokudunyiswa, uNkulunkulu uzofihla ubuso Bakhe kuye amshiye. Lokhu yisimo Sakhe, futhi akabekezeleli muntu omphatha budedengu kule ndaba. Ngakho okuvamise ukushiwo ngesimo sikaNkulunkulu ezwini Lakhe ukuthi: Akukhathalekile ukuthi zingaki izindlela ozihambile, umsebenzi owenzile unganani noma kungakanani okubekezelele, uma nje wona isimo sikaNkulunkulu, uzokhokhela omunye nomunye ngalokho okwenzile. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu ubona abantu beseduze Naye, kodwa abantu bangaphathisi uNkulunkulu okomngane noma isihlobo. Ungamthathi njengomngane uNkulunkulu. Noma ngabe uthole uthando olungakanani Kuyena, noma ngabe ukubekezelele kangakanani, akufanele ukuba uphathise uNkulunkulu okomngane. Lesi isimo esilungile sikaNkulunkulu. Uyakuqonda lokho, angithi? Ingabe ngidinga ukusho okuthe xaxa ngalokhu? Ingabe ninokuqonda kwangaphambili ngale ndaba? Ngokusho ngokuvamile, leli iphutha elilula abantu abalenzayo kunganakiwe ukuba bayaziqonda izimfundiso, noma abacabanganga ngalo ngaphambilini. Uma abantu bona uNkulunkulu, ngeke kwaba isehlo esisodwa, noma into eyodwa abayishilo, kodwa kuba ngenxa yesimo somqondo ababa kuso noma isimo abakusona. Le yinto ethusayo kakhulu. Abanye abantu bakholelwa ukuthi bayamqonda uNkulunkulu, ukuthi bayamazi, nokuthi bangenza nezinto ezizomjabulisa uNkulunkulu. Baqala bazizwe belingana noNkulunkulu nokuthi sekungabangane ngokuhlakanipha okuthize noNkulunkulu. Lolu hlobo lwemizwa lubi kakhulu. Uma ngabe awukuqondi lokhu ngokujulile, uma ngabe awukuqondi ngokucacile lokhu, kuba lula-ke ukona uNkulunkulu nokona isimo Sakhe esilungile. Uyakuqonda lokhu manje, akunjalo? Akukona ukuba isimo esilungile sikaNkulunkulu sehlukile? Ingabe siyalingana nobuntu noma nezimpawu zomuntu? Phinde, akunjalo? Ngakho ungakhohlwa ukuthi noma ngabe uNkulunkulu ubaphatha kanjani abantu, noma ngabe ucabangani ngabantu, isimo sikaNkulunkulu, igunya nesikhundla azisoze ziguquke. Kubantu, uNkulunkulu uselokhu eyiNkosi noMdali wakho konke. Uyezwa, akunjalo?

       Nifundeni ngobungcwele bukaNkulunkulu? Ngaphandle kokuphikisa ububi bukaSathane, bekuyini isihloko esiphambili ekuxoxeni ngobungcwele bukaNkulunkulu? Akukhona lokho uNkulunkulu anakho nayikho? Ingabe lokho uNkulunkulu anakho nayikho kwehlukile kuNkulunkulu uqobo Lwakhe? (Yebo.) Akukho endalweni Yakhe okunalokhu. Ngakho sithi ubungcwele bukaNkulunkulu behlukile. Lokhu kuyinto ongayiqonda. Sibe nemihlangano emithathu ngobungcwele bukaNkulunkulu. Ningachaza ngamazwi enu, ngokuqonda kwenu, ngalokho enikholelwa ukuthi ubungcwele bukaNkulunkulu buyikho? (Isikhathi sokugcina uNkulunkulu akhuluma ngaso nathi sakhothama phambi Kwakhe. UNkulunkulu wahlanganyela nathi iqiniso elimayelana nokuwa phansi nokukhothama ukuze simkhonze. Sabona ukuthi kwakungahambelani nentando Yakhe ukuthi sikhothame futhi simkhonze lapho sisilele ezidingweni Zakhe, futhi kulokhu sabona ubungcwele bukaNkulunkulu.) Yiqiniso ngempela. Ingabe kukhona okunye? (Ezwini likaNkulunkulu esintwini, siyabona ukuthi ukhuluma ngokuvamile nangokucacile, uqondile futhi usho khona. USathane ukhuluma ngendlela ezungezayo futhi ugcwele amanga. Kulokhu okwenzekile ngesikhathi esedlule silale sathi jabalala phambi kukaNkulunkulu, sabona ukuthi amazwi nezenzo Zakhekuhlala kunemithetho. Uhlala ecacile futhi eqonde ngqo uma esitshela ngokuthi kufanele siziphathe kanjani, kufanele sihlale kanjani nokuthi sifanele senzeni. Kodwa abantu abekho ngale ndlela; ngemva kokuba abantu boniwa nguSathane, abantu bafuna ukuthola abakukhuthazelayo nemigomo yabo nezifiso zabo ezenzweni nasemazwini abo. Ngendlela uNkulunkulu abheka ngayo isintu, ukusuka ekubanakekeleni nasekubavikeleni Kwakhe, siyabona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuhle futhi lokhu kucace bha. Kungale ndlela lapho sibona khona ukwembulwa koqobo lobungcwele bukaNkulunkulu.) Kubekeke kahle! Ingabe ukhona ongagcwalisa kulokhu? (Sibona ubungcwele bukaNkulunkulu uma eveza obala ububi bukaSathane. Lapho uNkulunkulu ambula ingqikithi kaSathane sibazi kakhudlwana ububi bakhe, futhi sibona umthombo wokuhlupheka kwesintu. Esikhathini esedlule, besingazi ngokuhlupheka ngaphansi kwesandla sikaSathane. Lapho uNkulunkulu akuveze khona yilapho sabona ukuthi konke ukuhlupheka okuvela ekulandeleni udumo nokuceba konke kudalwe nguSathane. Kungalokhu kuphela lapho sizizwa sengathi ubungcwele bukaNkulunkulu insindiso yempela yesintu. Futhi, uNkulunkulu ulungisa izimo zokuba sithole insindiso; noma angeke asenze ukuba sizalelwe emndenini ocebe kakhulu, uyaqinisekisa ukuthi sizalwa emndenini nasendaweni efanele. Phezu kwalokho ubuye enze ukuba singahlushwa ukulinyazwa nokucindezelwa nguSathane, ukuze sibe nemibandela, sibe nemicabango evamile, nokucabanga okuvamile ekwamukeleni insindiso kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina. Kukho konke lokhu sibona nokuqonda ngqo kwamacebo kaNkulunkulu, ukuhlela Kwakhe, nokuthi ukusebenzisa kanjani. Siyakwazi ukubona kangcono umsebenzi owenzisisiwe kaNkulunkulu ekusisindiseni ekuthonyweni nguSathane futhi sibona ubungcwele bukaNkulunkulu nothando Lwakhe esintwini.) Ingabe kukhona okunye okungengezwa kulokho? (Isintu esikhohlakele sintula ulwazi oluyiqiniso sothando lukaNkulunkulu noma lona uqobo. Ngoba asiyiqondi ingqikithi yobungcwele bukaNkulunkulu, ukukhothama phambi Kwakhe ngokudumisa konakalisiwe, kunenhloso esithekile futhi kuqondiwe, okwenza uNkulunkulu angajabuli. Sibona ukuthi UNkulunkulu wehlukile kakhulu kuSathane; uSathane ufuna ukuba abantu bamthande, bamdude futhi bakhothame bamdumise. USathane akanawo umthetho. Kulokhu ngiyabubona futhi ubungcwele bukaNkulunkulu.) Kuhle kakhulu! Kulokho esikushilo ngobungcwele bukaNkulunkulu, nikubonile ukuphelelisa kukaNkulunkulu? (Siyakubona.) Niyabona ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wazo zonke izinto ezinhle? Niyakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu uyinhlanganisela yeqiniso nokulunga? Niyabona ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wothando? Niyakubona konke okwenziwa nguNkulunkulu, konke lokho akukhiphayo nakho konke lokho akwembulayo akunasici? (Siyakubona lokhu.) Zonke lezi zibonelo ezimbalwa zingamaphuzu asemqoka ngobungcwele bukaNkulunkulu engikhuluma ngabo. Namuhla, la mazwi angabonakala njengezimfundiso nje kini, kodwa ngelinye ilanga, uma uzokwazi futhi ubone uNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe ezwini nasemsebenzini Wakhe, nizosho ukusuka ekujuleni kwezinhliziyo zenu ukuthi uNkulunkulu ungcwele, ukuthi uNkulunkulu wehlukile kubantu, nokuthi inhliziyo, isimo, nengqikithi Yakhe kungcwele konke. Lobu bungcwele benza ukuthi umuntu abone ukuphelela Kwakhe futhi kuvumela umuntu ukuba abone ukuthi ubuntu bobungcwele bukaNkulunkulu bucwebile. Ubuntu bobungcwele Bakhe buveza ukuthi unguNkulunkulu ohlukile uqobo Lwakhe, futhi kukhombisa umuntu futhi kufakaze ukuthi unguNkulunkulu ohlukile uqobo Lwakhe. Akulona iphuzu elisemqoka leli? (Yilona.)

       Namuhla senze uhlolojikelele lwezingxenye ezimbalwa zokuqukethwe kwemihlangano edlule. Sizogoqa uhlolojikelele lwethu lapha. Ngiyethemba ukuthi nonke nizocabanga ngamaphuzu asemqoka ento yendaba nesihloko ngasinye. Ungacabangi nje ngazo njenge zimfundiso; fundisisa uzame ukuzithola uma unesikhathi. Zikhumbuleni ezinhliziyweni zenu futhi nizisebenzise futhi nizofunda ngempela konke lokho engikushilo ngokwembulwa kweqiniso kwesimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho. Nokho, angeke uziqonde uma uzibhala nje phansi ebhukwini lakho bese ungazifundi noma ucabange ngazo. Niyaqonda manje, angithi? Ngemva kokukhuluma ngalezi zinto ezintathu, abantu bazobe bezuze ukuqonda jikelele—noma okuthile—ngesimo sikaNkulunkulu, Ubuntu Bakhe, nesimo Sakhe. Kodwa ingabe bazomqonda ngokuphelele uNkulunkulu? (Cha.) Manje, ngokuqonda kwakho uNkulunkulu, ngabe bezingekho ezinye izindawo lapho uzwe khona udinga ukuqonda okunzulu? Okusho ukuthi, uthole ukuqonda igunya likaNkulunkulu, isimo Sakhe esilungile nobungcwele Bakhe, mhlawumbe uthole emqondweni wakho ukwazi ngesikhundla nesimo Sakhe esihlukile, kodwa kufanele ukuthi ngokwazi kwakho ukwazi futhi ubonge izenzo Zakhe, amandla Akhe nobuntu Bakhe ngaphambi kokuba uthole ukuqonda okunzulu. Senilalele lezi zingxoxo manje ningafaka ezinhliziyweni zenu le nto yokholo: Ukhona ngempela uNkulunkulu, futhi yiqiniso ukuthi ulayela zonke izinto. Akekho umuntu ofanele ukona isimo Sakhe esilungile nobungcwele Bakhe buyisiqiniseko okungekho muntu ongabungabaza. Lawa ngamaqiniso. Lezi zingxoxo zivumela isikhundla nendawo kaNkulunkulu ukuba nesisekelo ezinhliziyweni zabantu. Lapho lesi sisekelo sesimisiwe, abantu kufanele bazame ukuqonda ngokuthe xaxa.

       UNkulunkulu unguMthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto (I)

       Namuhla ngizoxoxa ngesihloko esisha nani. Sizoba yini isihloko? Isihloko sizoba “UNkulunkulu ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto.” Akusona isihloko esibanzi lesi ukuthi kuxoxwe ngaso? Ingabe kuzwakala sengathi yinto engefinyeleleke? UNkulunkulu njengomthombo wokuphila wazo zonke izinto kungezwaka njengesihloko abantu abazizwa behlukene naso, kodwa bonke abalandela uNkulunkulu kufanele basiqonde. Lokhu kungenxa yokuthi lesi sihloko sixhumene ngokungenakunyomulwa nomuntu ngamunye owazi uNkulunkulu, okwazi umenelisa nokumhlonipha. Ngakho-ke lesi sihloko kufanele kuxoxwe ngaso. Ngaphambili, abanye abantu babengaba nokuqonda okuyisisekelo kwalesi sihloko, noma mhlawumbe abanye abantu babesiqaphela. Bangaba nolwazi olulula noma ukukuqonda okungaphandle emiqondweni yabo. Abanye bangaba nokuhlanganwa nakho okuthile okukhethekile; ngenxa yolwazi olwehlukile abanalo, ezinhliziyweni zabo banokuqonda okukhulu kakhulu ngaso. Kodwa noma ulwazi lwalokhu lujulile noma kungolwangaphandle nje, kinina luhlangothi lunye alucacanga ngokwanele. Ngakho, lesi sihloko kufanele sikhulunywe, inhloso yalokhu ukuninikeza ukuqonda okucacile nokujulile. Ngizosebenzisa indlela ekhethekile ukukhuluma ngalesi sihloko nani, indlela esingakaze siyisebenzise ngaphambili leyo enizoyithola ingajwayelekile, noma ecishe ingakhululeki kahle. Noma kunjalo, ngemva kokuyizwa nizoyazi, noma ingabe kungaba iyiphi indlela. Niyathanda ukulalela izindaba? (Siyathanda.) Kubonakala sengathi benginembile ngokukhetha le ndlela yokuxoxa indaba. Niyakuthanda nonke ukulalela izindaba. Hhayi-ke, masiqaleni. Akudingeki ukuba nikubhale phansi lokhu kumanothi enu. Ngicela ukuba nithule, ningashuduzi. Ungavala amehlo akho uma uzizwa ukuthi ukuhlala ubhekile kuzokuthikameza ngenxa yezinto noma abantu abakuzungezile. Nginendaba encane emnandi engizonixoxela yona. Yindaba yembewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu. Indaba engizoyixoxa inabaphi abalingiswa abaqavile? (Imbewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu.) Ingabe uNkulunkulu uzoba khona kule ndaba? (Cha.) Kodwa ngiqinisekile ukuthi ngemva kokuxoxwa kwendaba nizozizwa nikhululekile futhi nenelisekile. Kulungile-ke, ningalalela ngokuthula.

       Indaba 1. Imbewu, Umhlaba, Isihlahla, Ukukhanya kwelanga, Izinyoni naBantu

       Imbewu encane yawela emhlabeni. Ngemva kokuna kwemvula enkulu, imbewu yaveza ihlumela elithambile nezimpande zalo zigqitshwe kancane enhlabathini ngaphansi. Lakhula laba lide ihlumela, imimoya enamandla enonya nemvula, ngenxa yokuguquka kwezikhathi zonyaka nenyanga ikhula incipha. Ehlobo, umhlaba waletha izipho zamanzi ukuze ihlumela likwazi ukumela ukushisa okuhangulayo. Ngenxa yomhlaba, ihlumela alikuzwanga ukushisa ngalokho lasinda ekushiseni kwehlobo. Uma ubusika bufika, umhlaba wamboza ihlumela ngokuligona ngemfudumalo kwankonkoshelana. Ngenxa yokufudumala komhlaba, ihlumela lasinda ekubandeni okubi, ladlula lingalimele eziphephweni zasebusika nokuwa kweqhwa ngalesi sikhathi sonyaka. Livikelwe umhlaba, ihlumela lakhula ngesibindi futhi lijabule. Lakhula laba lide lizigqaja ngokukhuliswa ngokuzidela okunikezwe ngumhlaba. Ihlumela lakhula ngokujabula. Lalicula uma imvula yehlela phansi lidansa lintengantenga nxa umoya ulokhu uvunguza. Kanjalo-ke, ihlumela nomhlaba kwancika okunye kokunye …

       Yadlula iminyaka, ihlumela labe seliyisihlahla eside. Lakhula laba namagatsha amakhulu anamaqabunga angebalwe sema saqina emhlabeni. Izimpande zesihlahla zamba emhlabeni njengoba zazenzile ngaphambili, kodwa manje zangena zajula ngaphansi emhlabathini. Lokhu okwakuvikele ihlumela kwasekuyisisekelo sesihlahla esinamandla.

       Umsebe welanga wakhanyisa phansi esihlahleni futhi isiqu sanyakaza. Isihlahla sanabisa amagatsha aso kabanzi sadonsa ngokwanele ekukhanyeni. Umhlaba ngezansi uphefumula ngesigqi esihambisana nesihlahla, umhlaba wazizwa wenziwe musha. Khona manjalo, umoya ohelezayo wavunguza emagatsheni, isihlahla sathuthumela ngenjabulo, ushaya ngamandla. Kanjalo-ke, isihlahla nokukhanya kwelanga kuncike okunye kokunye …

       Abantu bahlala emthunzini opholile wesihlahla futhi bathamela umoya onamakha amnandi. Umoya wahlanza izinhliziyo namaphaphu abo, wahlanza negazi ngaphakathi. Abantu azange basazizwa bekhathele noma benemithwalo. Kanjalo-ke, abantu nesihlahla bathembele omunye komunye …

       Iqulu lezinyoni latshiyoza uma zilokhu zihleli emagatsheni esihlahla. Mhlawumbe bezigwema isitha esithile, noma bezizalela zikhulisa amaphuphu azo, noma mhlawumbe bezithatha nje ikhefana. Kanjalo-ke, izinyoni nesihlahla zithmbele okunye kokunye …

       Izimpande zesihlahla, zisontekile ziphambene, zingene zajula emhlabeni. Isiqu saso sivikele umhlaba emoyeni nasemvuleni selula amagatsha aso amakhulu savikela umhlaba ngezansi kwaso, isihlahla senza lokhu ngoba umhlaba ungunina. Bahlala ndawonye, bancike omunye komunye, futhi angeke bahlukane …

       Manje, indaba isiphelile. Ningawavula amehlo enu manje. Ngixoxe indaba yembewu, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu. Indaba inezingxenye ezimbalwa. Ininikeze miphi imizwa? Ngendlela exoxwe ngayo, niyiqondile? (Siyiqondile.) Ningakhuluma ngemizwa yenu. Manje, nizwani ngemva kokuzwa le ndaba? Ngizoqala nginitshele ukuthi zonke izinto engizishilo kini zingabonakala futhi zithinteke; lezi yizinto zoqobo, hhayi izingathekiso. Ngifuna niqhubeke nicabange ngalokho engikuxoxile. Akukho lutho engikhulume ngakho obekunamandla kakhulu, futhi kunemisho embalwa eyakha iphuzu elisemqoka lendaba. (Indaba esiyizwile isinikeza isithombe esihle: Imbewu iyaphila kanti uma ilokhu ikhula ihlangabezana nezikhathi ezine zonyaka: intwasahlobo, ihlobo, ikwindla nobusika. Umhlaba ufana nomama ngendlela okhulisa ngayo. Unikeza imfudumalo ebusika ukuze ihlumela lisinde emakhazeni. Ngemva kokukhula kwehlumela laba yisihlahla, umsebe welanga uthinta amagatsha aso, unikeza isihlahla injabulo enkulu. Siyabona ukuthi phakathi kwazo zonke izinto zendalo kaNkulunkulu, umhlaba uyaphila futhi uncike esihlahleni. Siyabona futhi nokuthi ukukhanya kwelanga kuletha ukufudumala okukhulu esihlahleni, yize izinyoni kuyinto evamile ukubonwa, sibona ngendlela izinyoni, isihlahla nabantu kuhlangana konke ngokuzwana. Uma sizwa le ndaba umuzwa esiba nawo ezinhliziyweni zethu ukuthi eqinisweni, zonke izinto zendalo kaNkulunkulu ziyaphila.) Kushoko kahle! Ingabe ukhona onokuthize angakwengeza? (Endabeni njengoba imbewu iqhuma ikhula iba yisihlahla eside, sibona izinto ezimangalisayo uNkulunkulu azenzile. UNkulunkulu wenze zonke izinto ukuba ziphile zincikane enye kwenye futhi zonke zixhumene enye kwenye futhi ziyasebenzelana. Sibona ubuhlakani bukaNkulunkulu, izimangaliso Zakhe, futhi siyabona ukuthi ungumthombo wempilo yazo zonke izinto.)

       Zonke izinto engisanda kukhuluma ngazo yizinto enizibonile ngaphambili, njengezimbewu, niyazi ngalokhu, akunjalo? Imbewu ekhula ibe yisihlahla ingebe yinqubo ebonakala yonke imininingwane, kodwa uyazi ukuthi kuyiqiniso, akunjalo? Uyazi ngomhlaba nangokukhanya kwelanga, akunjalo? Umfanekiso wezinyoni zithe congco esihlahleni yinto ebonwe yibo bonke abantu, akunjalo? Abantu bephola emthunzini wesihlahla, nikubonile nonke lokho, akunjalo? (Sikubonile lokho.) Manje muzwa muni eniwutholayo uma nibona zonke lezi zibonelo emfanekisweni owodwa? (Ukuzwana.) Ingabe zonke lezi zibonelo ezikulo mfanekiso zibuya kuNkulunkulu? (Yebo.) Njengoba zivela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uyazi ngobugugu nokubaluleka kwalezi zibonelo ezimbalwa ezivela ndawonye emhlabeni. Ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto, ubenecebo lento ngayinye, kanti enye nenye into ayidalile ikhombisa izinhloso Zakhe futhi ufaka impilo kuzona. Udale indawo yokuphila isintu, okuxoxwe ngayo endabeni esisanda kuyizwa. Kuxoxwe ngokuncika okunye kokunye imbewu nomhlaba okunakho; umhlaba wondla imbewu, imbewu ibhangqwe nomhlaba. Ubudlelwane phakathi kwalokhu okubili bahlelwa ngaphambili nguNkulunkulu kwasekuqaleni. Isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kulo mfanekiso kuyizibonelo zendawo enokuphila uNkulunkulu ayidalele isintu. Okokuqala, isihlahla asinakuwushiya umhlaba, futhi asikwazi ukuphila ngaphandle kokukhanya kwelanga. Manje kwabe kuyini inhloso kaNkulunkulu ngokudala isihlahla? Singasho ukuthi kwakungukwenzela umhlaba nje? Singasho ukuthi bekwenzelwe izinyoni kuphela? Singasho ukuthi bekwenzelwe abantu kuphela? (Cha.) Yini ubudlelwane phakathi kwazo? Ubudlelwane phakathi kwazo ukuncika okunye kokunye lapho zingeke zikwazi ukuhlukaniswa khona. Okusho ukuthi, umhlaba, isihlahla, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu kuncike okunye kokunye ukuze kuphile futhi kuyondlana. Isihlahla sivikela umhlaba ngenkathi umhlaba wondla isihlahla; ukukhanya kwelanga kuhlinzekela isihlahla, ngenkathi isihlahla senza umoya omusha ngokukhanya kwelanga usize ukupholisa umhlaba ekushiseni kwelanga. Ubani osizakalayo lapha ekugcineni? Isintu siyasizakala kulokhu, akunjalo? Lokhu ngesinye sezimiso sokuthi kungani uNkulunkulu edalele abantu indawo enokuphila futhi enye yezinhloso esemqoka kulokhu. Yize lesi kuyisithombe esilula, singabona ubuhlakani bukaNkulunkulu nezinhloso Zakhe. Abantu bangephile ngaphandle komhlaba, noma ngaphandle kwezihlahla, noma ngaphandle kwezinyoni nokukhanya kwelanga, akunjalo? Yize bekuyindaba, kodwa yiqembu labantu abayisilinganiso somhlaba abayindalo kaNkulunkulu wamazulu nomhlaba nokunikeza Kwakhe abantu indawo enokuphila.

       UNkulunkulu udalele abantu amazulu nomhlaba nazo zonke izinto wadala indawo enokuphila futhi. Okokuqala, iphuzu elisemqoka esixoxe ngalo endabeni ubudlelwane obuxhumene nokuncika kwento kwenye kwazo zonke izinto. Ngaphansi kwalo mthetho, indawo enokuphila yabantu ivikelekile, iyaphila iyaqhubeka; ngenxa yokuba khona kwale ndawo enokuphila, abantu bangaphila bazandise. Sisibonile isihlahla, umhlaba, ukukhanya kwelanga, izinyoni nabantu enkundleni. Ingabe uNkulunkulu ube khona Naye? Abantu bangebone, akunjalo? Kodwa abantu bangabona imithetho yobudlelwane bokuxhumana phakathi kwezinto ezisesigcawini; kungale mithetho lapho abantu bangabona khona ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi unguMbusi. UNkulunkulu usebenzisa lezi zimiso nale mithetho ukugcina impilo nokuba khona kwazo zonke izinto. Kungale ndlela lapho ehlinzekela zonke izinto nesintu. Ingabe le ndaba inokuxhumana nendaba esisanda kuyifunda? Phezulu nje kungabukeka sengathi akukho, kodwa empeleni imithetho emiswe nguNkulunkulu njengoMdali nokwengamela Kwakhe zonke izinto kuxhumana kakhulu nobuqu Bakhe okungumthombo wokuphila njengoba zixhumene kakhulu Naye. Nifunde okuthize okuncane, akunjalo?

       UNkulunkulu uyiNkosi yemithetho elawula amazulu nomhlaba, ulawula imithetho ebusa ukuphila kwazo zonke izinto, futhi ulawula amazulu nomhlaba nazo zonke izinto ukuthi ziphile ndawonye; wenzela ukuba zingafi ziphele nya noma zinyamalale ukuze abantu baqhubeke baphile, umuntu angaphila endaweni enjalo ngokuholwa nguNkulunkulu. Le mithetho ebusa zonke izinto ingaphansi kokwenganyelwa nguNkulunkulu, futhi isintu singekwazi ukuyingenelela futhi angeke bakwazi ukuyiguqula; uNkulunkulu uqobo Lwakhe owazi le mithetho futhi Nguye kuphela oyiphethe. Izihlahla zizohluma nini, lizona nini, amanzi angakanani ukudla okungaki okunika amandla emzimbeni umhlaba ozowunika izitshalo, amaqabunga azowa ngasiphi isikhathi sonyaka, izihlahla zizoqhama ngasiphi isikhathi sonyaka izithelo, Amandla angakanani azonikezwa izihlahla ukukhanya kwelanga, izihlahla zizophefumulani kula mandla eziwathola ekukhanyeni kwelanga—lezi yizo zonke izinto uNkulunkulu ayesezihlelile ngenkathi edala amazulu nomhlaba futhi ziyimithetho engeke yephulwe ngabantu. Izinto ezidalwe nguNkulunkulu—noma ngabe ziyaphila noma zibukela sengathi aziphili kubantu—zonke zisezandleni zikaNkulunkulu ngaphansi kombuso Wakhe. Akekho umuntu ongashintsha noma ephule lo mthetho. Kusho ukuthi, ngenkathi uNkulunkulu edala zonke izinto waklama ukuthi kufanele zibe njani. Isihlahla besingakwazi ukuveza izimpande, ihlumela, sikhule ngaphandle komhlaba. Uma umhlaba ubungenazo izihlahla, ubuzokoma. Futhi, isihlahla ikhaya lezinyoni, yindawo lapho zikhosela khona emoyeni. BEKUNGALUNGA uma ngabe isihlahla besingahlala ngaphandle kokukhanya kwelanga? (Bekungeke KULUNGE.) Uma ngabe isihlahla besinomhlaba kuphela bekungeke kulunge. Konke lokhu kwenzelwe umuntu nokuthi aphile. Umuntu uthola umoya omusha esihlahleni, aphile emhlabeni avikelwe yiwo. Umuntu angephile ngaphandle kokukhanya kwelanga, umuntu angephile ngaphandle kwazo zonke izinto ezahlukene eziphilayo. Noma ngabe ubudlelwane phakathi kwalezi zinto buphithene, kufanele ukhumbule ukuthi uNkulunkulu udale imithetho ebusa zonke izinto ukuze zibe khona ngokuxhumana ngendlela yokuncika enye kwenye; enye nenye into ayidalile inosizo nokubaluleka. Uma ngabe uNkulunkulu udale utho ngaphandle kokubaluleka, uNkulunkulu angayishabalalisa. Le enye yezindlela azisebenzisa ekuhlinzekeni zonke izinto. Kusho ukuthini “ukuhlinzekela” bheka endabeni? Ingabe uNkulunkulu uyaphuma ayochelela izihlahla nsuku zonke? Ingabe isihlahla sidinga ukusizwa nguNkulunkulu ukuphefumula? (Cha.) “Ukuhlinzekela” kulokhu kubhekiswe ekuphatheni kukaNkulunkulu izinto zonke ngemva kokudala; konke abekudinga bekuyimithetho yokugcina izinto zihamba kahle. Isihlahla sizikhulele ngokwaso ngokutshalwa emhlabeni. Izimo zokukhula kwaso zonke zidalwe nguNkulunkulu. Wenze ukukhanya kwelanga, amanzi, inhlabathi, umoya nendawo ezungezile, umoya, isithwathwa, iqhwa, imvula nezikhathi ezine zonyaka, lezi izimo isihlahla esizidingayo ukuze sikhule, lezi yizinto ezilungiswe nguNkulunkulu. Manje, ingabe uNkulunkulu ungumthombo wayo le ndawo yokuphila? (Yebo.) Ingabe uNkulunkulu kufanele ahambe nsuku zonke ayobala iqabunga ngalinye esihlahleni? Asikho isidingo, akunjalo? UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba asize isihlahla ukuba siphefumule. UNkulunkulu futhi akudingeki ukuba avuse ukukhanya kwelanga nsuku zonke ethi, “Isikhathi sokukhanya ezihlahleni manje.” Akufanele enze njalo. Ukukhanya kwelanga kuyazikhanyela njengoba kumisiwe ngumthetho; lapho kudingekile, isihlahla simunca ukukhanya kwelanga, futhi lapho ukukhanya kwelanga kungadingeki, isihlahla sisaphila ngaphakathi kwemithetho. Ungase ungakwazi ukuchaza lesi senzeko ngokucacile, kodwa yiqiniso elibonwa futhi livunywe ngunoma ubani. Odinga ukukwenza ukubona ukuthi imithetho yokuba khona kwazo zonke izinto ibuya kuNkulunkulu wazi ukuthi ukukhula nokuphila kwazo kungaphansi kokubuswa nguNkulunkulu. Uyaqonda, angithi?

       Ingabe yisingathekiso esisetshenziswe kule ndaba, njengoba abantu besho? Ingabe ukuba nesimo somuntu? (Cha.) Lokhu engakhuluma ngakho kuyiqiniso. Konke okuphilayo, konke okunokuphila kungaphansi kombuso kaNkulunkulu. Kwanikwa ukuphila emva kokuba uNkulunkulu ekudalile; ukuphila okuvela kuNkulunkulu kanti kulandela imithetho nomkhondo akudalela kona. Lokhu akudingi ukuthi kuguqulwe umuntu, futhi akudingi nosizo oluvela kumuntu; lena iyona ndlela uNkulunkulu ahlinzekela ngayo zonke izinto. Niyaqonda, angithi? Nicabanga ukuthi sikhona isidingo sokuthi abantu bakubone lokhu? (Yebo.) Ngakho-ke, ingabe lolu daba lumayelana nesayensi yezempilo? Ingabe kuhlobene nomkhakha othile wolwazi noma isayensi? Asixoxi ngesayensi yezempilo lapha futhi ngempela asenzi naluphi na ucwaningo lwesayensi yezempilo. Yiliphi iphuzu elisemqoka esikhuluma ngalo lapha? (Elokuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto.) Nibonani phakathi kwazo zonke izinto ezidaliwe? Nike nazibona izihlahla? Nike nawubona umhlaba? (Yebo.) Nikubonile ukukhanya kwelanga, angithi? Nike nazibona izinyoni zihleli ezihlahleni? (Sizibonile.) Ingabe isintu siyakujabulela ukuhlala endaweni efana nalena? (Siyajabula.) Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu usebenzisa zonke izinto—izinto azidala Yena ukugcina ikhaya lesintu esimweni, kanti lena iyona ndlela ahlinzekela ngayo umuntu nazo zonke izinto.

       Nizizwa kanjani ngokuxoxa Kwami ngezinto ngale ndlela kanye nokukhuluma Kwami ngale ndlela? (Kulula ukukuqonda kanti zikhona nezibonelo zakho ezinokwenzeka.) Lena yindlela enomqondo yokuxoxisana ngezinto, angithi? Ingabe iyadingeka le ndaba ukusiza abantu babone ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila kwazo zonke izinto? (Yebo.) Uma kunesidingo, sizoqhubeka-ke nendaba elandelayo. Okuqukethwe endabeni elandelayo kuthe ukwehluka kancane kanti nephuzu elisemqoka nalo lithe ukwehluka kancane; izinto ezisendabeni yilezi abantu abazibonayo phakathi kwendalo kaNkulunkulu. Ngizophinda futhi ngisebenzise indlela yokunixoxela indaba, eningayilalela nonke buthule nicabange ngokuthi yini le engikhuluma ngayo. Uma sengiyiqedile indaba, ngizonibuza imibuzo ethile ukuze ngibone ukuthi nifunde okungakanani. Abalingisi abasemqoka kule ndaba yintabakazi, umfudlana omncane, umoya onamandla, kanye negagasi elikhulukazi.

       Indaba yesi-2. Intabakazi, Umfudlana Omncane, Umoya Onamandla, Kanye NeGagasi Elikhulukazi

       Kwakukhona umfudlana omncane ozombeleza uye uphinde ubuye, ekugcineni ufinyelele ekuqaleni kwentabakazi. Intaba yayivimbe indledlana yomfudlana omncane, ngakho-ke umfudlana wabuza intaba ngezwi lawo elintekenteke, elincane, “Ngicela ungidlulise, ume endleleni yami kanti futhi uvimbe indlela yami yokuya phambili.” Intaba yabe isibuza, “Uyaphi?” Lapho umfudlana waphendula ngokuthi, “Ngifuna ikhaya lami.” Intaba yathi, “Kulungile, qhubeka ungeqe!” Kodwa ngenxa yokuthi umfudlana omncane wawuntekenteke futhi umncane kakhulu, wawungeke ukwazi ukweqa phezu kwentaba enkulu kangako, ngakho-ke kwakungekho ongakwenzangaphandle kokuqhubeka ugelezele ekuqaleni kwentaba …

       Umoya onamandla wavunguza udlula, ugcwele isihlabathi nezintuli uya lapho kume khona intaba. Umoya wabhonga entabeni, “Ngidlulise!” Intaba yabuza, “Uyaphi?” Umoya wamemeza uphendula, “Ngifuna ukuya ngale kohlangothi lwentaba.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ungakwazi ukudlula phakathi nendawo, ungahamba-ke!” Umoya onamandla wavunguza waya ngapha nangaphaya, kodwa noma usuvunguza ngamandla kangakanani, wangakwazi ukufohla phakathi nentaba. Umoya wakhathala, wema waphumula. Ngakho-ke ngakulolo hlangothi lwentaba umoya ontekenteke ovunguzayo, owenelisa abantu lapho. Lokhu isibingelelo intaba esinika abantu ...

       Ogwini lolwandle, ulwandle lufutha luginqike lushaye osebeni. Khona manjalo, igagasi elikhulukazi leza libhonga liza ngasentabeni. “Suka!” kumemeza igagasi elikhulukazi. Intaba yabuza, “Uyaphi?” Igagasi elikhulukazi alizange lime, laqhubeka nokugubha liphendula, “Nginweba indawo yami futhi ngifuna ukwelula izingalo zami kancane.” Intaba yathi, “Kulungile, uma ukwazi ukudlula esiqongweni sami, ngizokudedela endleleni.” Igagasi elikhulukazi lahlehla kancane, lase liphinda ligubha liya ngasentabeni. Kodwa noma lizama kakhulu kangakanani, langakwazi ukudlula phezu kwentaba. Lalingeke likwazi ukwenza ngenye indlela ngaphandle kokuhlehla libuyele lapho liqhamuke khona …

       Emakhulwini eminyaka, umfudlana omncane ugobhoze kancane wazungeza lapho kuqala khona intaba. Ngokulandela indlela eyenziwe yintaba, umfudlana omncane wakwazi ukubuyela ekhaya lawo, wahlangana nomfula, wagelezela olwandle. Ngaphansi kokunakekelwa yintaba, umfudlana omncane awuzange ulahleke. Umfudlana omncane nentabakazi bathembela omunye komunye, bakhuzana, bancika omunye komunye.

       Emakhulwini eminyaka, umoya onamandla awuzange uyishintshe imikhuba yawo yokumemeza intaba. Umoya onamandla wawuvunguza isishwili sesihlabathi uma “uvakashele” intaba njengoba wenza nasekuqaleni. Wasongela intaba, kodwa awuzange ukwazi ukufohla phakathi nendawo nentaba. Umoya onamandla nentabakazi bathembela omunye komunye, bakhuzana, bancika komunye nomunye.

       Emakhulwini eminyaka, igagasi elikhulukazi nalo alizange liphumule, futhi alizange liyeke ukukhula. Lalibhonga ligubhe liphindelela liya ngasentabeni, kodwa intaba ayizange inyakaze nakancane. Intaba yalugada ulwandle, ngale ndlela, izidalwa ezisemanzini zanda zakhula. Igagasi elikhulukazi nentabakazi kwathembela okunye kokunye, kwakhuzana, kwancika okunye kokunye.

       Le ndaba yami isiphelile. Okokuqala, yini ongangitshela yona ngale ndaba, bekuyini ebikuqukethe okusemqoka? Okokuqala kwakukhona intaba, umfudlana omncane, umoya onamandla, kanye negagasi elikhulukazi. Kwenzekani engxenyeni yokuqala ngomfudlana omncane nentabakazi? Kungani sikhuluma ngentabakazi kanye nomfudlana omncane? (Ngoba intaba yavikela umfudlana, umfudlana awuzange ulahleke. Bathembela omunye komunye.) Ungasho ukuthi intaba yawuvikela noma yawuvimba umfudlana omncane? (Yawuvikela.) Kungenzeka ukuthi yawuvimba? Intaba nomfudlana bekundawonye; yawuvikela umfudlana, kodwa futhi yawuvimba. Intaba yawuvikela umfudlana ukuze uzokwazi ukugeleza ungene emfuleni, kodwa futhi yawuvimbela ukuthi ungagelezeli yonke indawo lapho ubungaletha izikhukhula ezazingadala inhlekelele kubantu. Ingabe leli yilona phuzu elisemqoka kulesi sigaba? Ukuvikela kwentaba ivikela umfudlana nokuba yisivimbelo sokuphephisa amakhaya abantu. Bese kuba khona umfudlana omncane ohlangana nomfula lapho kuqala khona intaba kwathi emva kwesikhathi wagelezela olwandle, ingabe akusona isibophezelo somfudlana omncane lokho? Ngenkathi umfudlana ungena emfuleni bese ungenela olwandle, ubuthembele phi? Ubungathembele entabeni? Ubuthembele ekuvikelweni yintaba kanye nokuthi intaba ibe isivimbelo, ingabe lokhu yiphuzu elisemqoka? Niyakubona ukubaluleka kwezintaba emanzini kulokhu? Ingabe uNkulunkulu unakho akuhlosile ngokudala izintaba zibe zinde ziphinde zibe phansi? (Yebo.) Lena yingxenye encane yendaba, futhi emayelana nomfudlana omncane nentaba enkulu esikwaziyo ukubona ukubaluleka nobumqoka balezi zinto ezimbili ekudalweni kwazo nguNkulunkulu. Siyakwazi futhi nokubona ukuhlakanipha Kwakhe kanye nenhloso endleleni alawula ngayo lezi zinto ezimbili. Akunjalo?

       Ingxenye yesibili yendaba ikhuluma ngani? (Umoya onamandla nentabakazi.) Ingabe umoya uyinto enhle? (Yebo.) Hhayi njalo, njengoba kwesinye isikhathi uma umoya umkhulu kakhulu ungadala inhlekelele. Ungazizwa kanjani uma kungafanela ukuthi uhlale ngaphandle emoyeni onamandla? Kuya ngokuthi ubunamandla kangakanani, angithi? Uma kwakungumoya omncane, noma kwakungowezinga lesi-3–4 lapho usengakubekezelela, imvamisa umuntu angaba nenkinga yokuhlala evule amehlo. Kodwa-ke ungakwazi ukumelana nawo uma umoya uvunguza ngamandla uze ube yisiphepho? Angeke ukwazi ukumelana nawo. Ngakho-ke, akulungile ukuthi abantu bathi umoya uhlala umuhle, noma ukuthi uhlala umubi ngoba kuncika ekubeni namandla kwawo umoya. Ngakho-ke inamsebenzi muni intaba lapha? Ingabe ayicishe ibe yisisefo somoya? Intaba ithatha umoya onamandla bese iyawusika iwenze ini? (Umoya omncane.) Abantu abaningi bangawuthinta bawuzwe endaweni abebehlala kuzo—ingabe kwakungumoya onamandla noma umoya omncane abawuzwa? (Umoya omncane.) Ingabe lokhu akuyona enye yez?

       Inhloso zokudala kukaNkulunkulu izintaba? Ingabe lokhu akuyona inhloso Yakhe? Kungaba njani ukuthi abantu baphile endaweni lapho kuvunguza khona umoya onamandla onesihlabathi ngaphandle kwento yokuvimba noma yokuwusefa? Kungenzeka ukuthi isihlabathi namatshe okuvunguzayo, kwenze abantu bangakwazi ukuphila emhlabeni? Abantu bangashayeka ekhanda beshaywa amatshe andizayo, noma abanye bangangenwa isihlabathi emehlweni bese bengakwazi ukubona. Abantu bangabanjwa umoya noma umoya ubaphephule ngamandla baze bangakwazi ukuma. Izindlu zingadilika kwenzeke zonke izinhlekelele. Ingabe umoya onamandla ubalulekile? Uma bengithi ubumubi, abantu bangase bezwe sengathi awubalulekile, kodwa ingabe kulungile lokho? Ingabe ukuwuguqula ngiwenze ihelehele akubalulekile? Yini abantu abayidinga kakhulu uma kuswakeme noma kushisa? Badinga ihelehele elincane elizoheleza phezu kwabo, ukuvuselela nokuhlakahlekisa amakhanda abo, ukukhaliphisa ukucabanga kwabo, ukulungisa nokwenza ngcono isimo sengqondo. Isibonelo, nonke nihlezi egumbini elinabantu abaningi nomoya ucinene, yini eniyidinga kakhulu? (Uhelehele omncane.) Ezindaweni ezinomoya ongacacile nogcwele udoti unganciphisa ukucabanga komuntu, kwehlise ukuhamba kwegazi labo, kubenze bengakwazi ukucabanga kahle. Kodwa-ke, umoya uba musha uma uthola ithuba lokuhamba uzungeze, kanti nabantu bazozizwa bengcono kakhulu. Yize umfudlana omncane nomoya onamandla kungadala inhlekelele, inqobo nje uma intaba isekhona izokuguqula ikwenze izinto ezingaba usizo kubantu; akunjalo?

       Ikhuluma ngani ingxenye yesithathu yendaba? (Intabakazi negagasi elikhulukazi.) Intabakazi negagasi elikhulukazi. Indawo lapha yintaba engasolwandle lapho esingabona khona intaba, ulwandle, kanye negagasi elikhulu. Iyini intaba egagasini kule ndaba? (Umvikeli nesikrini.) Ingabe iyikho kokubili ukuba umvikeli neskrini. Inhloso yokulivikela ukugcina le ngxenye yolwandle ukuthi inganyamalali ukuze izidalwa lezi ezihlala kuyo zizophila. Njengeskrini, intaba igcina amanzi olwandle—lo mzimba wamanzi—ukuthi ungakapakeli ngaphandle udale inhlekelele, okungase kulimaze abantu kudilize namakhaya abantu. Ngakho-ke singathi intaba iyikho kokubili iskrini nesivikeli.

       Lokhu kukhombisa ukubaluleka kokwethembela okunye kokunye phakathi kwentaba nomfudlana, intaba nomoya onamandla, kanye nentaba negagasi elikhulu nokuthi kuvimbana kanjani futhi kuthembela kanjani okunye kokunye, esengikhulumile ngakho. Kukhona umgomo nomthetho ophethe ukuphila kwalezi zinto uNkulunkulu azidalile. Uyabona ukuthi uNkulunkulu wenzeni ngokwenzeke endabeni? Ingabe uNkulunkulu udale umhlaba wase eziba lokhu okwenzekile emva kwalokho? Ingabe wabanika imithetho waklama izindlela esebenza ngayo wase uyabaziba emva kwalokho? Ingabe yikho lokhu okwenzeka? (Cha.) Kuyini lokho-ke? UNkulunkulu usalawula amanzi, umoya, namagagasi. Akakuvumeli ukuthi kuzigijimele nje futhi akavumi kulimaze noma kuwise amakhaya abantu, kanti ngenxa yalokhu abantu bangaqhubeka baphile badlondlobale kule ngxenye yomhlaba. Okusho ukuthi uNkulunkulu ubeseyihlelile imithetho yokuphila ngenkathi edala lezi zinto. Ngenkathi uNkulunkulu edala lezi zinto, waqinisekisa ukuthi zizoba wusizo esintwini, futhi waphinde wazilawula ukuze zingabi uhlupho noma zibe yinhlekelele esintwini. Uma bezingalawulwa nguNkulunkulu, Ingabe amanzi awagelezi noma yikuphi? Ingabe umoya awuvunguzi yonke indawo? Kuyayilandela imithetho? Uma Ingabe uNkulunkulu ubengazilawuli bezingeke zilawulwe nayimiphi imigomo, umoya ubungavunguza kanti namanzi abezophakama ageleze yonke indawo. Uma ngabe igagasi elikhulu beliphakeme kunentaba Ingabe leyo ngxenye yolwandle isingakwazi ukuba khona? Ulwandle belungeke lube khona. Uma ngabe intaba ibingaphakeme njengegagasi, leyo ngxenye yolwandle ibingeke ibe khona nentaba ibi zolahlekelwa ukubaluleka nobumqoka bayo.

       Uyakubona ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kulezi zindaba zombili? UNkulunkulu wadala izulu nomhlaba kanti uyiNkosi yakho; ukuphethe kanti futhi uyakuhlinzekela ebe ebheke igama negama nokwenza kwakho. Uphinde aqaphe wonke amakhona empilo yomuntu. Ngakho-ke uNkulunkulu wadala umhlaba nobumqoka nokubaluleka kwento ngayinye kanjalo nomsebenzi wawo, indalo yawo, nemigomo yawo wokuphila iyaziwa futhi icacile Kuye njengoba ezazi yena. UNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba; ucabanga ukuthi kumele enze ucwaningo ngale migomo elawula amazulu nomhlaba? Ingabe uNkulunkulu udinga ukuthi afunde ngolwazi lomuntu noma isayensi yokwenza ucwaningo ayiqonde? (Cha.) Ingabe ukhona phakathi koluntu ofunde kakhulu nonobuhlakani obanele bokuqonda zonke lezi zinto njengoba kwaziwa uNkulunkulu? Akekho. Angithi? Ingabe bakhona abafunda ngezinkanyezi noma ngendalo abaqonda ukuthi ziphila futhi zikhula kanjani? Ingabe bayakuqonda ukubaluleka kokuba khona kwezinto ngayinye? (Abakwazi.) Lokhu kungenxa yokuthi zonke izinto zadalwa nguNkulunkulu, futhi noma abantu bangafunda kakhulu kangakanani nanzulu kangakanani ngolwazi, noma ukuthi bathathe isikhathi esingakanani ukuthi bakufunde, angeke bakwazi ukuqonda imfihlakalo nenhloso kaNkulunkulu yokudala zonke izinto, akunjalo? Njengoba sesixoxile kuze kube manje, ingabe nizwa sengathi ninakho ukuqonda kancane incazelo yebinzana elithi “UNkulunkulu unguMthombo wokuPhila kwazo zonke Izinto”? (Yebo.) Ngazile ukuthi uma ngixoxa ngalesi sihloko abantu abaningi ngokushesha bazovele bacabange ngokuthi “uNkulunkulu uyiqiniso nokuthi uNkulunkulu usebenzisa izwi Lakhe ukusihlinzekela,” kodwa bazocabanga ngakho kuleli zinga. Abanye bangazizwa sengathi ukusihlinzekela kukaNkulunkulu ngempilo yomuntu, ehlinzeka ngokudla, okokuphuza nakho konke okuyizidingo zemihla ngemihla akubali njengokuhlinzekela umuntu. Ingabe abanye abantu abazizwa ngale ndlela? Ayicacile yini inhloso kaNkulunkulu ngendlela adala ngayo yonke into ukuze isintu sibe khona baphile ngokujwayelekile? UNkulunkulu ugcina indalo abahlala kuyo abantu kanti futhi uhlinzekela ngazo zonke izinto isintu esizidingayo. Phezu kwalokho, uphatha aphinde abuse phezu kwazo zonke izinto. Konke lokhu kuvumela isintu ukuthi siphile ngokujwayelekile futhi sikhule ngokujwayelekile; kungale ndlela uNkulunkulu ahlinzekela zonke izinto kanye nesintu. Ingabe abantu abadingi ukubona nokuziqonda lezi zinto? Mhlawumbe abanye bangathi, “lesi sihloko siqhelile olwazini lwethu ngoNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanti futhi asifuni ukukwazi lokhu ngoba umuntu angeke aphile ngesinkwa sodwa, kodwa kunalokho uphila ngezwi likaNkulunkulu.” Ingabe lokhu kuyiqiniso? Yini engalungile lapha? Ungamqonda ngokuphelele uNkulunkulu uma wazi izinto uNkulunkulu azisho? Uma wamukela kuphela umsebenzi Wakhe nokwahlulela nokujezisa Kwakhe, ungaba nokumqonda ngokuphelele uNkulunkulu? Uma wazi ingxenye encane yesimo sikaNkulunkulu, ingxenye encane yegunya likaNkulunkulu, lokhu kwanele ukuthi kukwenze uqonde uNkulunkulu, angithi? (Cha.) Izenzo zikaNkulunkulu kuqala ngendalo Yakhe yomhlaba ziyaqhubeka namuhla lapho izenzo Zakhe zibonakala ngazo zonke izikhathi ngawo wonke umzuzu. Uma abantu bekholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngenxa nje yokuthi ukhethe abanye abantu enza kubo umsebenzi Wakhe wokusindisa labo bantu, kanti uma bekholelwa ukuthi ezinye izinto azimfaki uNkulunkulu, igunya Lakhe, isimo Sakhe, kanye nezenzo Zakhe, ingabe lokho kuthathwa njengokwazi uNkulunkulu ngeqiniso? Abantu abanalokhu okubizwa ngolwazi lukaNkulunkulu—olubhekise ngasembonweni wohlangothi olulodwa—ukhawulela isenzo sikaNkulunkulu eqenjini nje Labantu. Ingabe lolu ulwazi lwangempela ngoNkulunkulu? Ingabe abantu abanalolu hlobo lolwazi lukaNkulunkulu abaphikisi yini ukudala Kwakhe zonke izinto nokubusa Kwakhe phezu kwazo? Abanye abantu abafuni ukukunaka lokhu, kanti bangazicabangela bethi: “Angikuboni ukubusa kukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto, kuyinto eqhelile kimi kanti futhi angifuni ukukuqonda. UNkulunkulu wenza noma yini ayifunayo kanti akuhlangene nami. Ngizikhathaza kuphela ngokwamukela ukuholwa nguNkulunkulu nezwi Lakhe futhi ngiyosindiswa bese ngipheleliswa uNkulunkulu. Ngizozinaka lezi zinto, kodwa angeke ngizame ukuqonda enye into noma ngicabange ngayo. Noma iyiphi imithetho uNkulunkulu ayibekile ngenkathi edala zonke izinto noma nakuphi uNkulunkulu abahlinzeka ngakho nakuhlinzekela isintu akuhlangene nami.” Ukukhuluma okunjani lokhu? Ingabe akulona ihlazo leli? Ingabe bakhona phakathi kwenu “abanolwazi” olunje? Ngiyazi ukuthi baningi abacabanga ngale ndlela ngisho ningeke nisho. Lolu hlobo lomuntu olandela imithetho bangasebenzisa lokhu okubizwa ngalokhu abame kukho kokwakamoya ngendlela ababona ngayo zonke izinto. Bafuna ukubeka imikhawulo kaNkulunkulu eBhayibhelini, babeke imikhawulo emazwini Akhe awakhulumile, baphinde babeke imikhawulo ezwini elibhaliwe. Abafisi ukwazi okuningi ngoNkulunkulu futhi abafuni uNkulunkulu anake kakhulu ukwenza ezinye izinto. Lolu hlobo lokucabanga olobungane futhi lunenkolo kakhulu. Ingabe abantu ababona kanje bangamazi uNkulunkulu? Bangakuthola kunzima ukwazi uNkulunkulu. Namuhla ngixoxe lezi zindaba ezimbili ngaphinde ngakhuluma ngalezi zingxenye ezimbili. Ngokuzizwa noma ukuhlangabezana nazo, ningase nizizwe sengathi zijulile noma zithanda ukungabambeki futhi zinzima ukuziqonda nokuzizwisisa. Kungase kube nzima ukuzihlanganisa nezenzo zikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kodwa-ke, zonke izenzo zikaNkulunkulu nakho konke akwenzile kuzo zonke izinto naphakathi kwesintu kumele kwaziwe kucace futhi kube yiqiniso laziwe yiwo wonke umuntu nawo wonke umuntu ofuna ukwazi uNkulunkulu. Lolu lwazi luzokunika isiqiniseko sokholo ekubeni khona kukaNkulunkulu kweqiniso. Kuzophinda kukunike ulwazi oluqondile lokuhlakanipha kukaNkulunkulu, amandla Akhe, nokuthi uzihlinzekela kanjani zonke izinto. Kuzokunika ithuba lokuthi ukuqonde ukuba khona kukaNkulunkulu kweqiniso nokuthi nibone ukuthi akuyona into abazenzela yona engqondweni, futhi akuyona inganekwane. Lokhu kukunika ithuba lokuthi ubone ukuthi lokhu akufiphele, futhi akuyona into okukhulunywa ngayo nje, nokuthi uNkulunkulu akakona nje okokondla umphefumulo, kodwa ukhona ngeqiniso. Phezu kwalokho kukunika ithuba lokuthi umazi Yena njengoNkulunkulu ngendlela ahlale ehlinzekela ngayo zonke izinto kanye nesintu; ukwenza lokhu ngendlela Yakhe nangokwesigqi Sakhe. Ngakho-ke, kungashiwo ukuthi kungenxa yokuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto wase ezinika imigomo ngokomthetho Wakhe zonke zenze imisebenzi ezibekelwe yona, zigcwalise okuyizibophezelo zakho, ziphinde zidlale indima ebekwe phezu kwazo ngayinye ngayinye. Zonke izinto zidlala indima yazo esintwini, kanti lokhu zikwenza endaweni lapho kuhlala khona abantu. Ukube uNkulunkulu azange azenze izinto ngale ndlela nendawo yesintu ingenjengoba injena, ukukholelwa kuNkulunkulu kwabantu noma ukumlandela Kwabo—akukho obekuzokwenzeka phakathi kwakho; bekungaba ukukhuluma nje okungasho lutho, akunjalo?

       Ake siyibheke futhi le ndaba esisanda kuyizwa—intabakazi nomfudlana omncane. Inamsebenzi muni intaba? Izinto eziphilayo zikhulela entabeni ngakho-ke kukhona ukubaluleka kokuba khona kwayo. Ngaso leso sikhathi, intaba ivimba umfudlana omncane, iqinisekise ukuthi awugelezi uye lapho uthanda khona udale inhlekelele kubantu. Akunjalo? Ngokuba khona kwayo nje intaba, inika ithuba izinto eziphilayo ezifana nezihlahla notshani nazo zonke ezinye izitshalo nezilwane ezisentabeni ukuthi kukhule ibe futhi ikhomba indlela yokuthi umfudlana ugelezele ngakuphi; intaba iqoqa amanzi omfudlana bese iyawagada ngokwendalo lapho kuqala khona intaba lapho angagelezelela emfuleni bese ekugcineni aye olwandle. Imithetho ekhona lapha azange ibekwe yindalo, kodwa kunalokho yahlelwa ngokukhethekile nguNkulunkulu ngenkathi edala. Kanti mayelana nentabakazi kanye nomoya onamandla, intaba nayo idinga umoya. Intaba idinga umoya ukuze izophephetha izinto eziphilayo eziphila kuyo, kanti ngaleso sikhathi intaba ivimbela indlela umoya onamandla ongavunguza ngayo ukuze ungabi mkhulu kakhulu ulimaze. Lo mthetho, ndlela thize, ubamba umsebenzi wentaba enkulukazi, ngakho-ke ingabe lo mthetho mayelana nomsebenzi wentaba uzenzekela ngokwawo? (Cha.) Kunalokho kwadalwa nguNkulunkulu. Intabakazi inomsebenzi wayo kanti nomoya onamandla nawo unomsebenzi wawo. Manje, mayelana nentabakazi negagasi elikhulu, ngale kokuthi intaba ibe lapha ingabe amanzi angayithola indlela yokuzigelezela ngokwawo? (Cha.) Amanzi nawo angaba ngaphezu kwamandla okwenza. Intaba ibalulekile njengentaba, ulwandle lubalulekile njengolwandle. Ngale ndlela, ngaphansi kwalezi zimo lapho zikwazi ukuhlala ndawonye ngokujwayelekile nalapho zingabangisani khona, nazo ziyavimbana; intabakazi ivimba ulwandlle ukuze lungabi nezikhukhula ngalokho-ke ivikela amakhaya abantu, kanti lokhu kuphinde kunike ithuba lokuthi ulwandle lukhulise izinto eziphilayo ezihlala kuyo. Ingabe lezi zichitshana zibe khona ngokwazo? (Cha.) Nakho kwadalwa uNkulunkulu. Siyabona kulezi zithombe ukuthi uma uNkulunkulu edala amazulu nomhlaba, wahlela ngaphambilini ukuthi intaba izoma lapha, lapho umfudlana ozoya ngakhona, ukusuka ngakuluphi uhlangothi lapho umoya onamandla uzoqala ukuvunguza khona nokuthi uzoya ngakuphi, kanjalo nokuthi lingaphakama kangakanani igagasi. Izinhloso zikaNkulunkulu zikulezi zinto zonke kanti futhi ziwukwenza Kwakhe. Manje, uyabona ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zikhona kuzo zonke izinto? (Yebo.)

       Yini inhloso yokuxoxa kwethu ngalezi zinto? Kwenzelwe ukuthi abantu benze ucwaningo ngemithetho yokudala kukaNkulunkulu amazulu nomhlaba? Kwenzelwe ukuthi abantu bazobuye babe nokuthanda isayensi yezinkanyezi kanye nokwakheka komhlaba? (Cha.) Manje kwenzelweni? Ingabe kwenzelwe ukuthi abantu baqonde izenzo zikaNkulunkulu. Ezenzweni zikaNkulunkulu, abantu bangaqinisekisa bafakazise ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wempilo wazo zonke izinto. Uma ukwazi ukuliqonda leli phuzu, ngalokho uzokwazi ukuqinisekisa indawo kaNkulunkulu enhliziyweni yakho futhi uzokwazi ukuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ohlukile uqobo Lwakhe, uMdali wezulu nomhlaba nazo zonke izinto. Ngakho-ke, ingabe liwusizo ekuqondeni kwakho ngoNkulunkulu nokwazi imithetho yazo zonke izinto nokwazi imisebenzi kaNkulunkulu? (Yebo.) Liwusizo kangakanani? Okokuqala, uma uyiqonda le misebenzi kaNkulunkulu, ingabe usenentshisekelo kusayensi yezinkanyezi kanye nezezwe nezalo? Ingabe usangalokhu unenhliziyo yongakholwa ungabaze ukuthi uNkulunkulu nguMdali wezinto zonke? Ungaba nenhliziyo yomcwaningi ungabaze ukuthi uNkulunkulu nguMdali wezinto zonke? (Cha.) Uma uqinisekisa ukuthi uNkulunkulu unguMdali wamazulu nomhlaba futhi phezu kwalokho wazi imithetho yokudala Kwakhe, Ingabe enhliziyweni yakho ungakholelwa ngeqiniso ukuthi uNkulunkulu uhlinzekela amazulu nomhlaba? (Yebo.) Ingabe “ukuhlinzeka” kushiwo kunoma yiluphi uhlobo lwencazelo noma ingabe kushiwo ezimweni ezikhethekile? Ukuthi uNkulunkulu uhlinzekela amazulu nomhlaba kunencazelo enkulu kakhulu kanjalo nokusetshenziswa kwakho. UNkulunkulu akavele ahlinzeke abantu ngezidingo zokudla neziphuzo, uhlinzeka isintu ngakho konke abakudingayo, kufaka konke lokhu abantu abakubonayo kanye nezinto ezingabonwa. UNkulunkulu uphatha, alawule, abuye abuse indawo yokuhlala edingwa abantu. Noma iyiphi indawo isintu esiyidingayo noma ingasiphi isikhathi sonyaka, uNkulunkulu useyilungisile. Noma ingabe yisiphi isimo sendawo noma izinga lokushisa esifanele ukuba khona kwabantu nakho kungaphansi kokulawula kukaNkulunkulu futhi awukho kule mithetho ozenzekelayo noma ngokungalandeli uhlelo; iyimiphumela yokuphatha kukaNkulunkulu nezenzo Zakhe. UNkulunkulu Ngokwakhe ungumthombo wayo yonke le mithetho futhi ungumthombo wokuphila wazo zonke izinto. Leli yiqiniso elaziwayo futhi elingephikiswe ukuthi uyakholelwa noma awukholelwa, ukuthi uyalibona noma cha, noma uyaliqonda noma awuliqondi.

       Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bakholwa yilokhu uNkulunkulu akushilo nakwenza eBhayibhelini, nokuthi uNkulunkulu wambula izenzo Zakhe eqenjini elincane labantu ukuze abantu bezobona ukubaluleka kokuba khona Kwakhe, futhi baqonde isimo Sakhe kanye nokwazi ukuthi ukhona ngempela. Kodwa-ke, kubantu abaningi iqiniso langempela ukuthi uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba nokuthi uphatha futhi ahlinzekele zonke izinto ezingacacile noma ezimqondombili baze babe nesimo zokungabaza. Lolu hlobo lokuphatha yokuphila lwenza abantu baqhubeke nokukholelwa ukuthi imithetho yomhlaba odalwe ngokwawo, ukuthi ushintsho, izinguquko, kanye nezimangaliso zomhlaba oyindalo kanti yona le mithetho ephethe indalo yazivelela yona ngokuthanda kwayo. Okuchazwa yilokhu ukuthi ezingqondweni zabantu, abakwazi ukucabanga ukuthi uNkulunkulu uzidale futhi uziphatha kanjani zonke izinto, abaqondi ukuthi uNkulunkulu uphatha ahlinzekele zonke izinto. Ngenxa yemikhawulo kule nkundla, abantu abakholelwa ekudaleni kukaNkulunkulu nokubusa Kwakhe phezu kwazo zonke izinto nokuthi unguMhlinzeki; ngisho namakholwa avaleleke eMinyakeni yoMthetho, eMinyakeni yoMusa naseMinyakeni yoMbuso, okungukuthi, izenzo zikaNkunkulu kanjalo nokuhlinzekela Kwakhe isintu kubekelwe umkhawulo kulabo bantu abakhethile Yena. Lokhu yinto engikuzondayo ukuyibona kanti iletha ubuhlungu obukhulu, ngenxa yokuthi isintu siyazithokozela zonke izinto uNkulunkulu azilethayo, kodwa futhi ngesikhathi esifanayo bayakuphika konke lokho akwenzayo nakho konke abanika khona. Abantu bakholelwa ukuthi izulu nomhlaba nazo zonke izinto zibuswa yimithetho yendalo futhi nangemithetho yendalo nokuthi ayinaye umlawuli wokubalawula noma namuphi umthetho wokuhlinzekela bona nokubagcina. Yize noma ukholelwa kuNkulunkulu, ungase ungakholwa ukuthi zonke lezi ziyizenzo Zakhe; lena enye yezindawo ezisalayo zingabhekwa kuwo wonke umuntu okholelwa kuNkulunkulu, kuwo wonke umuntu owemukela izwi likaNkulunkulu, kuwo wonke umuntu owamukela izwi likaNkulunkulu, nakuwo wonke umuntu olandela uNkulunkulu. Ngakho-ke, uma nje ngiqala ngikhuluma ngento engaxhumene neBhayibheli noma engafaki lawa matemu okuthiwa akamoya, abanye abantu baphelelwa umdlandla noma bakhathale noma bangakhululeki imbala. Bezwa sengathi kuzwakala sekuhlukanisiwe nabantu bakamoya kanye nezinto zikamoya. Yinto embi leyo. Uma kuza ekwazini izenzo zikaNkulunkulu, ngisho singangayibala isayensi yezinkanyezi, ezezwe nezalo, noma isayensi yendalo, siyabazi ubukhosi bukaNkulunkulu phezu kwazo zonke izinto, siyakwazi ukuhlinzekela Kwakhe zonke izinto, nokuthi Yena ungumthombo wazo zonke izinto. Lona ngumsebenzi obalulekile nokumele ufundwe, niyezwa?

       Ezindabeni zombili engisanda kuzixoxa, yize zingaba nokuthile okungajwayelekile futhi zingabe zixoxwe zadluliswa kuwe ngendlela ehlukile, kodwa-ke bengifuna ukusebenzisa ulimi oluqondile nendlela elula ukuze nizobamba namukele into ejulile. Lena bekuyinhloso Yami kuphela: bengifuna ukuthi nibone nikholwe ukuthi uNkulunkulu uMbusi wazo zonke izinto kulezi zindaba ezincane nezigcawu. Inhloso yokuxoxa lezi zindaba ukuninika ithuba lokuthi nibone futhi nazi izenzo ezingapheli zikaNkulunkulu. Ukuthi nizofinyelela nini kule miphumela ngokugcwele kini, kuncike kwenihlangabezane nakho nina kanye nalokhu enikufunayo ngabanye ngabanye. Uma ufuna iqiniso futhi uma ufuna ukwazi uNkulunkulu, ke lezi zinto zizoba yisikhumbuzo esizinzile nesiqinile kuwe; zizokusiza ukuthi uqaphele ngokujulile, ucaciseleke ekuqondeni kwakho, kanti uzosondela kancane kancane ezenzweni zangempela zikaNkulunkulu, ukusondela obungeke bube nabanga nokungenalo iphutha. Kodwa-ke, uma ungafuni ukumazi uNkulunkulu, lezo zindaba ozizwile-ke ngeke zikulimaze ngalutho. Ungazithatha njengezindaba eziyiqiniso nje.

       Ingabe kukhona enikuqondile kulezi zindaba ezimbili? (Kusukela kuNkulunkulu esixoxela lezi zindaba ezimbili, siyezwa ukuthi ngempela unguMdali, uMbusi, kanye noMphathi wazo zonke izinto. Sibona izenzo zikaNkulunkulu, ubuninimandla bonke Bakhe, kanye nokuhlakanipha Kwakhe, kanti kulokhu sizwa ukujula kothando lukaNkulunkulu analo esintwini. Yonke into uNkulunkulu ayenzayo, uyenzela isintu.) Okokuqala, ingabe lezi zindaba ezimbili ezibekwe ezingxoxweni zethu ezedlule zimayelana nokukhathazeka kukaNkulunkulu ngesintu? Ingabe kukhona ukuxhumana obungebalekelwa? Kungaba ukuthi kulezi zindaba ezimbili sibona izenzo zikaNkulunkulu nokuthi uzihlela futhi uziphatha kanjani izinto zesintu? Ingabe ukuthi zonke izinto uNkulunkulu azenzayo nayo yonke imicabango Yakhe ibheke ebukhoneni besintu? (Yebo.) Ingabe ukucabanga kahle nokuba nendaba nesintu kukaNkulunkulu kuyabonakala? Isintu asidingi ukwenza lutho. UNkulunkulu ubalungisele abantu Bakhe wona lo moya abawuphefumulayo. Imifino nezithelo abakudlayo sekukhona kuyatholakala. Ukusuka enyakatho uye eningizimu, ukusuka empumalanga uye entshonalanga, isifunda ngasinye sinesayo ingcebo yendalo kanye nezitshalo nezithelo nemifino elungiswe nguNkulunkulu. Uma sikhuluma ngendawo enkulu, uNkulunkulu wenza zonke izinto ukuthi zixhumane, zidingane ngokufanayo, zethembele kwenye nenye. Wasebenzisa le ndlela nalo mthetho ukugcina ukuphila nobukhona kwazo zonke izinto kanti ngale ndlela isintu siphile ngokuthula nangoxolo futhi sesikhulile sanda ukusuka esizukulwaneni kuya kwesinye kule ndawo yokuphila kuze kube yinamuhla. Okusho ukuthi, uNkulunkulu ubhalansisa indalo. Ukube ubukhosi nokulawula kukaNkulunkulu bekungekho, akekho umuntu obengakwazi ukubhalansisa indalo, noma ngabe yayidalwe uNkulunkulu Ukube abantu bebengenza imbewu kaplastiki bayitshale enhlabathini, ingaqhuma? Ukube abantu bebengenza isihlahla sikaplastiki basifake emhlabathini, eminyakeni engamakhulu athile angeke siveze icembe, angithi? Kwezinye izindawo awukho umoya, ngakho-ke abantu abakwazi ukuhlala lapho kanti uNkulunkulu ngeke akuvumele ukuthi uye lapho. Ngakho-ke, ungaphumeli ngaphandle kwemingcele, lokhu kwenzelwe ukuvikela isintu kanti lezi zinto ziyimfihlakalo. Lonke ikhona lendalo, ubude nobubanzi bomhlaba, kanye nayo yonke into ephilayo emhlabeni—kokubili okuphilayo nokufile—kwakulungiswe nguNkulunkulu kanti futhi wazicabanga kahle: Kungani le nto idingeka? Kungani lokho kungenasidingo? Yini inhloso yokuba nale nto lapha futhi kungani lokhu kumele kuye laphaya? UNkulunkulu wayesekucabange kahle konke lokhu futhi asikho isidingo sokuthi abantu bacabange ngazo. Kukhona abanye abantu abayiziphukuphuku abahlala becabanga ngokugudluza izintaba, kodwa esikhundleni sokwenza lokho, kungani bengayi kumathafa? Uma ungazithandi izintaba, pho uyelani ukuyohlala kuzo? Akubona ubulima lobu? Kwenzekani uma ususa leyo ntaba? Isiphepho esinamandla sizovunguza noma igagasi elikhulukazi lizogugula bese amakhaya abantu eyabhidlika. Ngeke kube ukwenza into ewubulima lokho? Abantu bayabulala kuphela. Abakwazi ngisho ukugcina indawo okuyiyona eyodwa abanayo yokuhlala, kodwa bafuna ukuhlinzekela zonke izinto. Lokhu akukwazi ukwenzeka.

       UNkulunkulu unika abantu ithuba lokuphatha zonke izinto nokubusa phezu kwazo, kodwa abantu benza umsebenzi omuhle? Isintu siya ekubhubhiseni; isintu asihluleki kuphela ukugcina izinto njengoba uNkulunkulu ezidalile, empeleni uzibulele. Isintu sehlise izintaba sezizenze imfucumfucu, bafuthanisa izilwandle ngomhlaba, bashintsha izindawo ezinotshani zaba ugwadule lapho kungeke kuhlale muntu khona. Kodwa kukhona ugwadule abantu asebelenze izimboni bakha izizinda zenukliya bese kuvela imbubhiso kuzo zonke izinkalo. Imifula ayiseyona imifula, ulwandle aluselona ulwandle…. Uma isintu sinqamula ibhalansi kanye nemithetho yendalo, usuku lwalo lwenhlekelele nokufa aluqhelile futhi lungeshintshwe. Uma inhlekelele ifika, bayokwazi ukuthi uNkulunkulu iyigugu kanjani indalo kaNkulunkulu nokuthi yonke ibaluleke kanjani esintwini. Umuntu uma ehlala endaweni enesimo sezulu esihle kufana nokuba sepharadesi. Abantu abasiboni lesi sibusiso, kodwa uma nje belahlekelwa yikho konke bazobona ukuthi akuvamile kanjani futhi kuyigugu kanjani konke. Konke lokhu kungabuyela kanjani kumuntu? Abantu bangenzani uma uNkulunkulu wayengafisi ukukudala futhi? Ningenzenjani? (Akukho esingakwenza.) Empeleni, kukhona eningakwenza futhi kulula kakhulu futhi uma nginitshela ukuthi kuyini nizobona ukuthi kuyenzeka. Kungani umuntu ezithola ebunzimeni bendawo yamanje akuyo? Ingabe ingenxa yomhobholo nencithakalo yomuntu? Uma umuntu eqeda le ncithakalo, imvelo ephilayo ngeke kancane kancane izilungise? Uma uNkulunkulu engenzi lutho, uma uNkulunkulu engasafisi ukusenzela lutho isintu—lokho ukuthi, akasafuni ukungenelela—indlela enhle kuzoba ukuthi isintu siyeke ukumosha bese lubuyisela izinto lapho ebezikhona. Ukuqeda le ncithakalo kusho ukuyeka ukuntshontsha nokulinyazwa kwezinto uNkulunkulu azidalile. Lokhu kuzonika imvelo lapho abantu behlala khona ithuba lokuvuseleleka kancane kancane. Ukuhluleka ukwenza lokhu kuzobangela ukuthi kube khona enye incithakalo yemvelo futhi kuzoqhubekela phambili. Ngabe indlela Yami ilula? Ilula futhi inokwenzeka, angithi? Ilula impela, futhi inokwenzeka kwabanye abantu, kodwa ingabe lokhu kunokwenzeka kubantu abaningi emhlabeni? (Akunakho ukwenzeka.) Kinina, okungenani, kunokwenzeka? (Yebo.) Usuka kuphi u “yebo” wenu? Umuntu angasho ukuthi kuhlanganisa ukusungula isisekelo sokuqonda ngezenzo zikaNkulunkulu? Ikhona indlela yokuguqula konke lokhu, kodwa lokho akusona isihloko esixoxa ngaso manje. UNkulunkulu unomthwalo ngempilo yomuntu ngamunye futhi iwumthwalo Wakhe kuze kube sekugcineni. UNkulunkulu uyakuhlinzekela, yize noma uke wacasukiswa yimvelo eyoniwe nguSathane, noma ethikanyezwe ukungcoliseka komoya noma ethole okunye ukulimala, akunandaba; uNkulunkulu uyakuhlinzekela futhi uzokuyeka uqhubeke nokuphila. Ingabe uyakholelwa kulokhu? (Yebo.) UNkulunkulu akayithathi kancane impilo yomuntu.

       Ingabe senikuzwile ukubaluleka kokubona uNkulunkulu njengomthombo wempilo wazo zonke izinto? (Yebo, sesikuzwile) Ninomuzwa muni? Qhubeka ngizolalela. (Ngesikhathi esidlule, asikaze sicabange ukuxhumanisa izintaba, ulwandle namachibi nemisebenzi kaNkulunkulu. Namuhla, ngokuhlanganyela kukaNkulunkulu, manje sesiyaqonda ukuthi lezi zinto zazivele ziwukwenza kukaNkulunkulu nokuthi zavela ngokuhlakanipha Kwakhe, ngakho-ke siyabona ukuthi ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto kwakuhleliwe ekuqaleni kanti zonke zinentando enhle kaNkulunkulu. Zonke izinto zixhumene kanti isintu yiso esizuza kakhulu. Esikuzwe namuhla kuzwakala kukusha, futhi sizwile ukuthi izenzo zangempela zikaNkulunkulu zinjani. Eqinisweni nasezimpilweni zethu zansuku zonke izinto sizibona ngeqiniso ngendlela eziyiyo uma sihlangana nezinto eziphilayo.) Uyakubona ngempela, angithi? Ukuhlinzekela kukaNkulunkulu ehlinzekela abantu hhayi ukuthi akunaso isisekelo, akaveli nje akhulume amagama ambalwa bese kuphela kanjalo. UNkulunkulu wenza okuningi, ngisho nezinto ongaziboni uzenzela ukuthi kusizakale wena. Abantu baphila kule ndawo, lo mhlaba uNkulunkulu wawudalela wena, kanti kuwo abantu nezinye izinto zithembele enye kwenye, njengokuthi igesi ephuma ezitshalweni ihlanza umoya bese isiza abantu abawuphefumulayo. Kodwa-ke, ezinye izitshalo ziwubuthi kubantu, kodwa kukhona ezinye izitshalo ezingamakhambi okulwa nazo. Lokhu okunye kwemimangaliso yendalo kaNkulunkulu! Asizange sixoxe ngalesi sihloko namuhla, kunalokho sixoxe ukuthembela komunye nomunye komuntu nezinye izinto. Kubaluleke ngani ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto? Abantu abakwazi ukuphila ngaphandle kwezinye izinto, njengoba abantu bedinga umoya nokuthi uma wena ububekwe emkhathini, ubuzoshesha uhambe emhlabeni. Lona ngumgomo olula wokukunika ithuba lokuthi ubone ukuthi abantu babone ukuthi badinga ezinye izinto. Ngakho-ke, abantu bazithatha kanjani lezi zinto? Zenze igugu, uzivikele, uzisebenzise ngempumelelo, ungazilimazi, ungazoni futhi ungaziguquli ngoba unomuzwa othile odlulayo, ngoba zonke izinto zivela kuNkulunkulu futhi zihlinzekelwe isintu kanti isintu kumele siziphathe ngokuzinakekela. Namuhla sixoxe lezi zihloko ezimbili, futhi ningabuyela emuva nizicabangisise. Ngesikhathi esizayo sizoxoxa ngezinye izinto kabanzi. Inkonzo yethu izophelela lapha namuhla. Nisale kahle! (Hambani kahle!)

uMasingana 18, 2014

Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Ingabe lokhu akuyona enye yez: uMoya Ongcwele

Awekho amazwana:

Thumela amazwana