Voice of Justice

Voice of Justice

2019/05/31

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IX


      UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Wazo Zonke Izinto (III)

      Kulesi sikhathi, sikhulume ngezinto eziningi ezithinta ukumazi uNkulunkulu kanti kungekudala nje sikhulume ngento ebalulekile kulokhu. Sithini isihloko? (UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.) Kubonakala sengathi izinto nesihloko engikhulume ngaso kugqamele wonke umuntu.

2019/05/29

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VII

            

Uhlolojikelele Lwegunya likaNkulunkulu, Isimo Esilungile SikaNkulunkulu, kanye noBungcwele BukaNkulunkulu

       Uma seniyiqedile imikhuleko yenu, ingabe izinhliziyo zenu zinakho ukuzola phambi kukaNkulunkulu? (Yebo). Uma ngabeinhliziyo yomuntu ingazoliswa, bangakwazi ukuzwa nokuqonda izwi likaNkulunkulu futhi bangakwazi ukuzwa nokuqonda iqiniso. Uma inhliziyo yakho ingakwazi ukuzoliswa, uma ngabeinhliziyo yakho ihlale izula, noma ihlale icabanga ngezinye izinto, izothinta ukuhlanganyela kwakho ukuba uzwe izwi likaNkulunkulu.

2019/05/27

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VIII

UNkulunkulu uSomandla,iNkosi uJesu
                 
       UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto (II)

       Masiqhubekeni nesihloko sengxoxo sangesikhathi esidlule. Ningasikhumbula isihloko esasikhulume ngaso ngesikhathi esidlule? (UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto.) Ngabe isihloko esithi “UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Kwazo Zonke Izinto,” yisihloko esizwakala sikude kakhulu nani? Ninakho ukusiqonda ezingeni elikha phezulu?

2019/05/25

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI

UNkulunkulu uSomandla,uthando lukankulunkulu

Ubungcwele bukaNkulunkulu (III)

Nizizwa kanjani emuva kokusho imithandazo yenu? (Sithokozile futhi sithintekile kakhulu.) Masiqale ingxoxo yethu. Ingabe isiphi isihloko esixoxe ngaso sigcina? (Ubungcwele bukaNkulunkulu.) Futhi ingabe iyiphi ingxenye kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe, ubungcwele bukaNkulunkulu obuphathelene nayo? Ingabe buphathelene nobukhona bukaNkulunkulu? (Yebo.) Ngakho yini ngempela indaba ephathelene nobukhona bukaNkulunkulu? Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu? (Yebo.) Ubungcwele bukaNkulunkulu: lobu ubukhona bukaNkulunkulu obuyingqayizivele.

2019/05/23

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele V

UNkulunkulu uSomandla.UMoya oNgcwele


Ubungcwele BukaNkulunkulu (II)

        Sigcinane sixoxe ngesihloko esibaluleke kakhulu, yisihloko abantu abebevamile ukukhuluma ngaso, futhi yigama elivamile ukuvela lapho kukhulunywa ngokukholwa kuNkulunkulu, kepha kuyigama ekungathi lijwayelekile liphinde lingajwayeleki futhi kubantu. Kepha kungani lokho? Kuyigama elivela ezilimini zabantu; nokho, kubantu incazelo yalo isobala futhi ifiphele, Yiliphi leli gama? (Ubungcwele.) Ubungcwele: leso bekuyisihloko sigcina ukuxoxa. Sixoxile kancane ngalesi sihloko.

2019/05/21

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele IV

UNkulunkulu uSomandla,insindiso kaNkulunkulu


Ubungcwele BukaNkulunkulu (I)

        Sibe nokuhlanganyela okwengeziwe ngegunya likaNkulunkulu ekuhlangeneni kwethu kokugcina, futhi angeke sikhulume ngokulunga kukaNkulunkulu okwamanje. Namhlanje, sizokhuluma ngesihloko esisha sha—ubungcwele bukaNkulunkulu. Ubungcwele bukaNkulunkulu bungesiye futhi isibonakaliso futhi ebuntwini obuyingqayizivele bukaNkulunkulu, ngakho kunesidingo esikhulu sokuxoxa ngalesi sihloko lapha.

2019/05/19

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele III

insindiso,Umsebenzi kaMoya oNgcwele

Igunya LikaNkulunkulu (II)

Namhlanje sizoqhubeka nengxoxo yethu ngokukhuluma ngesihloko esithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele.” Sesixoxe kabili ngalesi sihloko, okokuqala bekumayelana negunya likaNkulunkulu, okwesibili kumayelana nesimo sikaNkulunkulu esilungile. Ngemva kokulalela lezi zingxoxo ezimbili, ingabe kukhona ukuqonda okusha okutholile ngokuthi uNkulunkulu ungubani, isikhundla nesimo? Ingabe lokhu kukhanyiselwa kukusizile waba nolwazi olunesisekelo esengeziwe futhi waqiniseka ngokuba khona kukaNkulunkulu? Namhlanje ngihlele ukwenaba ngesihloko “segunya likaNkulunkulu.”

2019/05/17

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II

UNkulunkulu uSomandla,uthando lukankulunkulu

Isimo SikaNkulunkulu Esilungile

Manje njengoba benikade nilalele ingxoxo yangaphambilini mayelana negunya likaNkulunkulu, ngiqinisekile ukuthi senihlome ngenqwaba yamagama ngalolo daba. Ukuthi nizokwazi ukwemukela futhi niqonde, konke, kuncike ekutheni nizozikhandla kanganani ekukusebenziseni. Kuyithemba Lami ukuthi ningayithatha le ndaba ngobuqotho; ningalinge niyenze ngokuzidonsa nje! Manje, ukwazi igunya likaNkulunkulu kufana nokwazi konke ngoNkulunkulu? Ungathi ukwazi igunya likaNkulunkulu wukuqala ukwazi uNkulunkulu oyingqayizivele uqobo Lwakhe, futhi ungathi futhi ukwazi igunya likaNkulunkulu kusho ukuthi umuntu usengenile empeleni esangweni lokwazi ubukhona bukaNkulunkulu oyingqayizivele Uqobo Lwakhe.

2019/05/15

UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I

UNkulunkulu uSomandla,Yini insindiso?

Igunya likaNkulunkulu (I)

Izinhlanganyelo zami eziningana ezedlule bezimayelana nomsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, kanye noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Emuva kokuzwa lezi zinhlanganyelo ngabe nizwa sengathi nizuze ukuqonda nolwazi ngesimo sikaNkulunkulu? Ingabe ukuqonda nolwazi okukhulu kangakanani? Ingabe ningaba nesibalo salokho? Ingabe lezi zinhlanganyelo zininikile ukuqonda okujulile ngoNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi lokhu kuqonda kuwulwazi oluyiqiniso ngoNkulunkulu? Kungashiwo ukuthi lolu lwazi nokuqonda kuwulwazi ngaso sonke isimo sikaNkulunkulu, nakho konke anakho nayikho? Cha, ngokusobala akunjalo! Yingoba lezi zinhlanganyelo zinike ukuqonda ingxenye nje yesimo sikaNkulunkulu, nalokho anakho nayikho—hhayi konke, noma konke sekuphelele.

2019/05/13

Ukuba Semzimbeni Wobuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Semzimbeni Wobuntu

uJesu Iqiniso

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sinokubaluleka kwaso ngokoqobo. Kudala, lapho uJesu efika, wayengowesilisa, kodwa lapho uNkulunkulu eza manje, ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu wadala kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe, futhi Kuye awukho umehluko wobulili. Lapho uMoya Wakhe ufika, ungathatha noma yisiphi isimo senyama ngokuthanda, futhi leyo nyama ingammela. Noma owesilisa noma owesifazane, ingamela uNkulunkulu inqobo nje uma iyinyama Yakhe esesimweni somuntu.

2019/05/11

Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)

UJesu Kristu,ivangeli

ENkathini Yomusa, uJohane walungiselela uJesu indlela. Wayengeke akwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo futhi wamane wafeza umsebenzi womuntu. Nakuba uJohane alungisela iNkosi indlela, wayengeke amele uNkulunkulu; wayengumuntu nje kuphela owayesetshenziswa uMoya oNgcwele. Ngemva kokubhabhathizwa kukaJesu, “uMoya oNgcwele wehlela Kuye njengejuba.” Wabe eseqala umsebenzi Wakhe, okungukuthi, waqala ukwenza inkonzo kaKristu. Yingakho athatha isimo sikaNkulunkulu, ngoba wayevela kuNkulunkulu.

2019/05/09

Mayelana neBhayibheli (4)

ukukholwa ngeqiniso,Izwi likaNkulunkulu
           
        Abantu abaningi bakholwa ukuthi ukuqonda nokukwazi ukuchaza iBhayibheli kufana nokuthola indlela yeqiniso—kodwa empeleni, Ingabe izinto zicace kanjalo ngempela? Akekho owazi iqiniso leBhayibheli: ukuthi aliyilutho oludlula umbhalo womlando ngomsebenzi kaNkulunkulu, kanye nobufakazi bezigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu zaphambilini, futhi alikuniki ukuqonda izinhloso zomsebenzi kaNkulunkulu.

2019/05/07

Mayelana neBhayibheli (3)

iziprofetho zeBhayibheli,UMoya oNgcwele

        Akuyona yonke into eseBhayibhelini engumbhalo wamazwi akhulunywa nguNkulunkulu mathupha. IBhayibheli lethula izigaba ezimbili zomsebenzi kaNkulunkulu waphambilini, ingxenye eyodwa ingumbhalo ngokubikezela kwabaphrofethi, enye ingxenye yilokho abantu abadlule kukho kanye nolwazi olubhalwe ngabantu abebesetshenziswa nguNkulunkulu ngesikhathi sonke sezinkathi.

2019/05/05

Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)


        INkathi Yomusa yashumayela ivangeli lokuphenduka, futhi uma umuntu ekholwa, wayezosindiswa. Namuhla, esikhundleni sensindiso kunenkulumo yokunqoba nokuphelelisa. Akushiwo nhlobo ukuthi uma umuntu oyedwa ekholwa, wonke umndeni wakhe uyobusiswa, noma ukuthi insindiso ngeyawo wonke umuntu. Namuhla, akekho okhuluma la mazwi, futhi lezi zinto seziphelelwe yisikhathi.

2019/05/03

Indlela… (5)

insindiso ,Izwi likaNkulunkulu

Wayengekho owayazi uMoya Ongcwele ngaphambilini, futhi empeleni babengazi ukuthi indlela kaMoya Ongcwele iyini. Yingakho abantu bebehlala bezihlaza phambi kukaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi cishe bonke abantu abakholelwa kuNkulunkulu abamazi uMoya, kodwa. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi abantu abamuqondi uNkulunkulu, futhi noma bethi bayakholelwa kuYe, ngokweqiniso, ngokususela ezenzweni zabo bakholelwa kubo uqobo, hhayi kuNkulunkulu.

2019/05/01

Indlela… (6)

Ukukholwa KuNkulunkulu,UMoya oNgcwele


        Umsebenzi kaNkulunkulu owenze ukuthi silethwe esikhathini samanje. Ngakho, sonke singabasindile ohlelweni lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi ukuze sikwazi ukugcinwa osukwini lwesimanje kuwukuphakanyiswa nguNkulunkulu okukhulu. Ngokohlelo lukaNkulunkulu, izwe likadrako obomvu omkhulu kumele lishatshalaliswe, kodwa Ngicabanga ukuthi mhlawumbe Usungule olunye uhlelo, noma Ufuna ukwenza enye ingxenye yomsebenzi waKhe.