Voice of Justice

Voice of Justice

2019/04/27

Indlela … (8)

UNkulunkulu uSomandla,Iqiniso


        Uma uNkulunkulu eseza emhlabeni ukuzohlanganyela nesintu, ukuhlala naso, akusiyo into yosuku olulodwa noma ezimbili. Mhlawumbe kuso sonke lesi sikhathi abantu banolwazi oluncane noma abangenalo nhlobo ulwazi ngoNkulunkulu, futhi mhlawumbe basanda kwambulelwa kabanzi ngokusebenzela uNkulunkulu, futhi sebegxilile okholweni lwabo kuNkulunkulu. Noma kungaba njani, abantu bayasiqonda isimo sikaNkulunkulu, futhi baveza zonke izinhlobo zezimo zabantu ezahlukene. Ngokubona kwami, okwahlukahlukene okuvezwa abantu kwanele ukuze uNkulunkulu akusebenzise njengesibonelo, futhi abakwenza ngomqondo kwanele ukuze akusebenzise njengenkomba. Mhlawumbe lokhu kungokukodwa okumayelana nokusebenzisana kwesintu noNkulunkulu, ukusebenzisana kwesintu ngokuzimisela noNkulunkulu, ukuze lokhu okwenziwayo okuqondiswa uNkulunkulu kugqame futhi kube njengempilo, kucace ngokusobala. Lezi zinto Ngizisho kubafowethu nodadewethu njengomqondisi-jikelele walo mdlalo—noma omuphi phakathi kwethu angakhuluma nemicabango kanye nemizwa yethu emuva kokwenza lokhu, futhi baxoxe ngalokho omunye nomunye wethu abhekana nakho ezimpilweni zethu ezikulo mdlalo. Singaze sibe nohlelo olusha lokuvula izinhliziyo sixoxe ngemisebenzi yobuciko obudlalwayo esikubonayo, sibone ukuthi uNkulunkulu usihola kanjani ngamunye ngamunye ukuze umsebenzi olandelayo sikwazi ukuveza izinga eliphezulu lobuciko bethu futhi omunye nomunye adlale indima yakhe ngamunye ngendlela enkulukazi, engamuphoxi uNkulunkulu. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bangakuthatha ngokubucayi lokhu—angabikho ongakuthatha kancane ngoba ukudlala indima akusiyo into engafezwa osukwini olulodwa noma ezimbili. Kubiza ukuthi sibhekane nempilo futhi sijule ezimpilweni zethu esikhathini eside, futhi nokuba nesipiliyoni sangempela sezimpilo ezinhlobonhlobo. Yilapho kuphela esiyokwazi khona ukuma esiteji. Nginethemba elikhulu ngabafowethu nodadewethu, futhi Ngikholwa ukuthi aniphazamisekanga ezinhliziyweni noma aniphelile amandla, futhi noma uNkulunkulu Angenzani, ninjengebhodwe lomlilo—aniphelelwa amandla kanti nikwazi ukubekezela kuze kube sekugcineni, kuze kube wukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyadalulwa, futhi kuze kube umdlalo uNkulunkulu awuqondisayo ufika esiphethweni sawo sokugcina. Akukho engikudinga kuwe. Enginifisela khona ukuthi niqhubeke nokubambelela, ukuthi ningabi nexhala ngemiphumela, ukuze nisebenzisane naMi khona Ngizowenza kahle umsebenzi, futhi angabikho odala ukuphazamisa noma ukuthikameza. Uma le ngxenye yomsebenzi seyiqediwe, uNkulunkulu uzokudalulela yonke into. Emva kokuba umsebenzi waMi sewuqediwe, Ngizokuncoma phambi kukaNkulunkulu ukuze Uphendule kuYe. Akungcono lokho? Asikwazi ukusizana ukuze sifeze izinhloso zethu. Akusiso isisombululo esiphuma phambili sabo bonke abantu lesi? Lesi isikhathi esinzima esidinga ukuthi ukhokhe inani elithile. Ngoba njengamanje Ngingumqondisi, Ngethemba ukuthi akekho ocikekayo phakathi kwenu. Lona ngumsebenzi owenziwa yiMi. Mhlawumbe ngelinye ilanga Ngiyoshintshela "ophikweni olufanele" olungcono futhi Ngingabe ngisanenza ukuthi nibhekane nobunzima. Ngizonikhombisa noma yini enifuna ukuyibona, futhi Ngizonigcwalisa nganoma yini enifuna ukuyizwa. Kodwa hhayi manje—lona ngumsebenzi wanamuhla futhi angikwazi ukunikhulula njengabalingisi Nginivumele ukuthi nenze noma yini enifuna ukuyenza. Ngaleyo ndlela, umsebenzi waMi angeke kube lula ukuwenza. Empeleni, lokho angeke kuthele izithelo futhi ngeke kube nanzuzo kini. Ngakho manje kudingeka ukuthi "nibhekane nobunzima," futhi uma sekufika usuku lapho okuyobe sekuqedwe lesi sigaba somsebenzi waMi Ngiyokhululeka. Angikuzukuwubekezelela lo mthwalo osinda kangaka, futhi ngizovumela noma yini eniyicela kiMi; nqobo uma izosiza izimpilo zenu Ngizoziphendula izicelo zenu. Sengitshathe umsebenzi onzima manje. Angikwazi ukuphambana nemiyalelo kaBaba uNkulunkulu, futhi Angikwazi ukuphazamisa izinhlelo zomsebenzi waMi. Angikwazi ukuphatha imisebenzi eqondene naMi ngezindaba zebhizinisi laMi. Ngethemba ukuthi nonke ningaqonda futhi nixolele Mina ngoba konke okwenziwa yiMi kuhambisana nenhloso kaNkulunkulu uBaba. Ngenza konke Afuna Ngikwenze noma ngabe Angafunani, futhi angizimisele ngokusukela intukuthelo yaKhe noma ulaka lwaKhe. Ngenza lokho okumele Ngikwenze. Ngakho egameni likaNkulunkulu uBaba, Ngikweluleka ngokuthi uqhubeke nokubekezela. Asikho isidingo sokukhathazeka. Emva kokuba sengiqede okumele Ngikwenze, ningenza noma yini eniyifunayo futhi nibone noma yini eniyifisayo, kodwa kumele Ngiqedele umsebenzi okumele Ngiwenze.

        Kulesi sigaba somsebenzi ukukholwa okukhulu kanye nothando olukhulu kuyadingeka kithi sonke. Singase sinqikaze ekubeni budedengu okuncane ngoba lesi sigaba somsebenzi sehlukile kunazo zonke ezinye. UNkulunkulu Ulungisa ukholo lwesintu—umuntu ngeke akubone noma akuthinte. Okwenziwa uNkulunkulu ukuguqula amazwi abe ukholo, uthando, kanye nempilo. Abantu kumele bafinyelele esimweni lapho bebekezelele ukucolisiswa okuningi futhi babe nokholo olukhulu ngaphezu kolukaJobe. Kudingeka babekezelele ukuhlupheka okukhulu kanye nezinhlobo ezahlukene zokuhlushwa ngaphandle kokusuka kuNkulunkulu noma kungathini. Uma behlonipha kuze kube sekufeni, futhi benokholo olukhulu kuNkulunkulu, lesi sigaba somsebenzi kaNkulunkulu siyophothulwa. Yilo msebenzi Engiwuthathile, ngakho Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bakwazi ukuqonda ubunzima Bami futhi bangasadinga lutho kiMi. Lokhu kudingwa uNkulunkulu uBaba kiMi futhi Angikwazi ukubalekela iqiniso. Kumele Ngenze umsebenzi okumele Ngiwenze. Engikwethembayo ukuthi angenzi izinto ngaphandle kokucabanga, ukuthi niqale niqonde kabanzi futhi izimo azinithatheli phezulu ningazibhekisisanga. Indlela enicabanga ngayo igcwele ubungane, nikhohliseka kalula. Umsebenzi kaNkulunkulu awulula ngendlela eningase niyicabange, okungukuthi uvele Enze noma yini Afuna ukuyenza. Ukuba bekunjalo uhlelo lwaKhe beluzokonakala. Aniboni kanjalo? Ngenza umsebenzi kaNkulunkulu. Angenzi imisebenzi yabantu engatheni, lapho Ngingenza noma yini Engifuna ukuyenza futhi Ngizihlelele ukuthi into Ngiyayenza noma cha. Akulula ngaleyo ndlela njengamanje. Ngithunywe uBaba ukuthi ngisebenze njengomqondisi—ingabe ucabanga ukuthi Ngizihlelele futhi Ngazikhethela lokhu Ngokwami? Indlela abantu abacabanga ngayo iphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ngakho, emva kokuba Ngisebenze isikhathi esithile, kube nezicelo eziningi ezivela kubantu Engingakwazanga ukuzigcwalisa kanti bonke abantu bayishintshile imicabango yabo Ngami. Kumele nonke nicaciseleke ngale mibono eninayo—Anginaso isidingo sokukhomba ngamunye ngamunye. Akukho Engingakwenza ngaphandle kokuchaza umsebenzi Engiwenzayo; imizwa yaMi ayilimele nhlobo. Uma seniqonda lokho, ningakubheka nganoma iyiphi indlela enithanda ngayo. Angeke Ngiphikise lutho ngoba le indlela uNkulunkulu Asebenza ngayo. Angiphoqelekanga nhlobo ukuthi Ngiyichaze yonke. Ngizele nje ukuqedela umsebenzi wamagama, ukusebenza nokwenza umyalelo wamagama. Akudingeki ukuthi ngisho okuningi ngalokho, futhi akukho okunye Engikwazi ukukwenza. Ngichaze konke okumele Ngikusho. Noma ngabe yini eniyicabanga ngalokhu, akusho lutho kiMi. Kodwa Ngisangathanda ukunikhumbuza ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulula njengoba nicabanga. Ukungahambisani kwawo nokuqonda kwabantu kuwenza ubaluleke ngokujulile, futhi uma ungahambisani nokuqonda kwabantu, usuke ungenasigqi kangako, futhi usuke ungabalulekile nhlobo. Cabangisisa la mazwi—Ngisho okukodwa vo ngalokho, kanti nina uqobo ningazicubungulela okunye. Angizukuchaza lutho.

        Abantu bacabanga ukuthi uNkulunkulu wenza izinto ngendlela ethile, kodwa onyakeni odlule noma ngaphambilini, ingabe esikubonile futhi sabhekana nalokho umsebenzi kaNkulunkulu obe yikho ngokokuqonda kwabantu? Kusukela ekudalweni komhlaba kuze kube yimanje, akekho noyedwa umuntu okwaze ukufinyelelela ezigabeni noma emithethweni yomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuba bebekwazile, kungani labo baholi bezenkolo bengaboni ukuthi uNkulunkulu Usebenza ngale ndlela njengamanje? Kungani bembalwa kangaka abantu abaqonda iqiniso namuhla? Ngalokhu sikwazi ukubona ukuthi akekho umuntu oqonda umsebenzi kaNkulunkulu—abantu bakwazi ukwenza izinto ngokuholwa uMoya waKhe kuphela, kodwa abakwazi ukusebenzisa imithetho yomsebenzi waKhe ngokuqondile. Uma nithatha umfanekiso kanye nomsebenzi kaJesu niwuqhathanise nomsebenzi kaNkulunkulu wamanje, kufana nabantu abangamaJuda abafuna uJesu achaze ngomqondo omayelana[a] noJehova. Akusikho ukulahlekelwa lokhu? NoJesu Wayengazi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina uyoba njani; Ayekwazi nje ukuthi kwakumele Aqede umsebenzi wokubethelwa, pho abanye bangaba nalo kanjani ulwazi? Bangaba kanjani nolwazi lokuthi uNkulunkulu Uzokwenza msebenzi muni kusasa? UNkulunkulu ubengaludalula kanjani uhlelo lwaKhe kubantu, abahambisana noSathane? Akusibo ubuwula lobo? UNkulunkulu Ukuvumela ukuthi wazi futhi uqonde intando yaKhe. Akakuvumeli ukuthi ucabange ngomsebenzi waKhe wakusasa. Okumele sikwenze nje ukukholwa kuNkulunkulu futhi senze izinto ngokuholwa Nguye, sibhekane nobunzima ngqo singenzi ukuthi uNkulunkulu abhekane nobunzima noma simdalele izinkinga. Kumele siyokweza okumele sikwenze—inqobo uma sizoba semsebenzini kaNkulunkulu wamanje kwanele! Le indlela Enginiholela kuyo. Kumele siqhubekele phambili, futhi uNkulunkulu angeke Aphathe kabi noma oyedwa wethu. Onyakeni odlule enizuze kuwo ukukhula okuhle nithole izinto eziningi ezinkulu; Ngikholwa ukuthi anizukwamukela kanzima lokho. Indlela Enginiholela kuyo ingumsebenzi waMi, umthwalo waMi, futhi yagcotshwa uNkulunkulu kudala ukuze sikwazi ukuyihamba kuze kube yilapha, kuze kube yinamuhla—lapho esesikwaze khona ukwenza lokhu okuyisibusiso sethu esikhulu, futhi kungabanga indlela elula, ubungani bethu buyingunaphakade, futhi buzodluliselwa kwabanye iminyaka ngeminyaka. Noma ngabe kwaba nokujabula noma ukuhleka noma ukudangala noma izinyembezi, konke kwakhe okuhle okuyokhunjulwa! Mhlawumbe kumele nazi ukuthi Anginazo izinsuku eziningi zokwenza umsebenzi waMi. Nginemiklamo yomsebenzi eminingi, futhi ngeke Ngikwazi ukuniphelekezela njalo. Ngethemba ukuthi Niyangiqonda—ngoba ubungani bethu basekuqaleni busafana. Mhlawumbe ngelinye ilanga Ngiyophinda Ngivele phambi kwenu, futhi Ngethemba ukuthi anizukungenzela izinto zibe nzima. Phela, Ngehlukile kini. Ngihamba zonke izindawo ngenxa yomsebenzi waMi, Angiphili impilo yaMi ngokuzichithela isikhathi emahhotela. Noma ngabe ninjani, Ngenza lokho okumele Ngikwenze nje. Ngethemba ukuthi izinto esabelana ngazo ngaphambilini zibe yimbali yobungani bethu.

        Kungashiwo ukuthi le ndlela yavulwa yiMi, futhi noma ingangabi mnandi ngokugcwele, Ngiyiphembile indlela. Njengoba sikwaze ukuqhubeka kuze kube yinamuhla kube ngenxa yomusa kaNkulunkulu. Kungase kube khona ababonga Mina, futhi kungaba khona abakhonondayo Ngami, kodwa lokho akubalulekile. Engifuna ukukubona nje ukufezwa kwalokho okumele kufezwe kuleli qembu labantu. Lokhu kumele kubungazwe. Ngakho, angibambeli muntu igqubu kwabakhononda Ngami; engikufunayo nje ukugcwalisa umsebenzi waMi ngokushesha ukuze inhliziyo kaNkulunkulu ikwazi ukushesha iphumule. Ngaleso sikhathi ngeke Ngibe nomthwalo onzima, futhi akuzukuba khona kukhathazeka enhliziyweni kaNkulunkulu. Ingabe uzimisele ngokusebenza ngendlela engcono? Ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu akusiyo inhloso engcono emizabalazweni yethu? Impela kungashiwo ukuthi sibhekane nobunzima obukhulu futhi saba nentokozo enkulu kanye nobuhlungu ngalesi sikhathi, phezu kwakho konke, umsebenzi womuntu ngamunye ucishe wangaba nazihibe. Mhlawumbe kusasa kuzodingeka umsebenzi ongconywama enizobhekana nawo, kodwa ningahlali nicabanga Mina, kufanele nenze okumele nikwenze nje. Okumele ngikwenze sekuzofezeka, futhi ngethemba ukuthi nizokwethembeka ngaso sonke isikhathi nokuthi anizukufikelwa mizwa ngomsebenzi waMi. Kumele nazi ukuthi Owami umsebenzi ukuqedela esisodwa isigaba somsebenzi, okungesikho nhlobo ukwenza wonke umsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu kuyinto okumele niyiqonde. Ningafikelwa miqondo eminye ngakho. Umsebenzi kaNkulunkulu udinga okuningi ukuze ufezeke; futhi ngeke nihlale nethembele kiMi. Mhlawumbe nabona kudala ukuthi Engikwenzayo kuyingxenye eyodwa yomsebenzi; akumele uJehova noma uJesu. Umsebenzi kaNkulunkulu wahlukaniswe izigaba eziningi, ngakho ningabi ngabami kokukodwa kakhulu. Ngenkathi ngisebenza nani kumele nilalele Mina. Umsebenzi kaNkulunkulu wehlukile enkathini ngayinye; awuhlali ufana, futhi akulalwa kuculwa iculo elilodwa. Kunomsebenzi waKhe ofanele isigaba ngasinye futhi ungashintsha ngokwenkathi. Njengoba nazalwa kule nkathi, kumele nidle futhi niphuze amazwi kaNkulunkulu niphinde nifunde amazwi aKhe. Usuku lungase lufike lapho umsebenzi waMi uyoshintsha futhi kumele niqhubeke ngokwalokho okumele nikwenze. Amaphutha awakwazi ukuba khona emsebenzini kaNkulunkulu. Noma ungashintsha kanjani umhlaba ngaphandle, uNkulunkulu Akakwazi ukuba sephutheni futhi umsebenzi waKhe awukwazi ukuba ongalungile. Ukuthi nje ngesinye isikhathi umsebenzi kaNkulunkulu wakudala uyadlula bese kuqala umsebenzi waKhe omusha; nokho, kungethiwe ngenxa yokufika komsebenzi omusha, omdala ubungalungile. Lokhu kungukulahlekisa! Umsebenzi kaNkulunkulu kungethiwe ulungile noma awulungile, kungathiwa nje ungowangaphambilini noma ongowesinye isikhathi. Lo umhlahlandlela wenkolelo yabantu kuNkulunkulu futhi angeke ushaywe indiva nhlobo.

        Imibhalo yaphansi:

        a. Umbhalo wokuqala awunawo amagama athi "umqondo omayelana."

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana