Voice of Justice

Voice of Justice

2019/04/29

Indlela… (7)

UNkulunkulu uSomandla,Iqiniso


        Sonke siyabona ngalokho esibhekana nakho ukuthi sekukaningi uNkulunkulu esivulela indlela ngokwakhe uqobo ukuze sihambe endleleni eqondile, nengeyeqiniso. Lokhu kudalwa ukuthi le ndlela ngesiyivulelwe uNkulunkulu kusukela ekuqaleni futhi yadluliselwa esizukulwaneni sethu emuva kweminyaka yamashumi ezinkulungwane. Ngakho sedlula abasandulele abangahambanga endleleni kwaze kwaba sekugcineni; siyilabo abakhethwe uNkulunkulu ukuze sihambe esigabeni sokugcina salo mgwaqo.

2019/04/27

Indlela … (8)

UNkulunkulu uSomandla,Iqiniso


        Uma uNkulunkulu eseza emhlabeni ukuzohlanganyela nesintu, ukuhlala naso, akusiyo into yosuku olulodwa noma ezimbili. Mhlawumbe kuso sonke lesi sikhathi abantu banolwazi oluncane noma abangenalo nhlobo ulwazi ngoNkulunkulu, futhi mhlawumbe basanda kwambulelwa kabanzi ngokusebenzela uNkulunkulu, futhi sebegxilile okholweni lwabo kuNkulunkulu. Noma kungaba njani, abantu bayasiqonda isimo sikaNkulunkulu, futhi baveza zonke izinhlobo zezimo zabantu ezahlukene.

2019/04/25

Ekukholweni Kwakho kuNkulunkulu Kumele Ulalele uNkulunkulu

uthando lukankulunkulu,ivangeli,

Kungani ukholwa kuNkulunkulu? Abantu abaningi bayabaxakwa yilo mbuzo. Banemibono emibili eyehlukene ngoNkulunkulu ongokoqobo kanye noNkulunkulu osezulwini, okukhombisa ukuthi bakholwa kuNkulunkulu bengaqonde kulalela, kodwa ukuthola izinzuzo ezithile, noma befuna ukubalekela ukwehlelwa yinhlekelele. Kungaleso sikhathi lapho bemlalela khona, kodwa ukumlalela kwabo kunemibandela, kungenxa yokuphumelelisa bona uqobo, futhi kuphoqiwe kubo. Ngakho-ke: kungani ukholwe kuNkulunkulu? Uma kungukuthi kungenxa yokubhekiwe, nesiphetho sakho, kungcono-ke ungakholwa.

2019/04/23

Izithembiso Kulabo Abaphelelisiwe

uthando lukankulunkulu,iNkosi uJesu,ivangeli

Iyiphi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu? Yiziphi izingxenye ezifakiwe? Ingabe uzimisele ukupheleliswa nguNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukwamukela isahlulelo kanye nokusolwa uNkulunkulu? Yini oyaziyo ngale mibuzo? Uma ungeke ukhulume ngalolu lwazi olunjalo, ngakho lokhu kukhombisa ukuthi awukawazi namanje umsebenzi kaNkulunkulu nokuthi awukakukhanyiseli nhlobo uMoya oNgcwele. Uhlobo olunjalo lomuntu ngeke lupheleliswe.

2019/04/21

Ababi Kumele Bajeziswe

Amazwi KaNkulunkulu USomandla,Iqiniso,
     
        Ukuhlola ukuthi konke okwenzayo kulungile yini, nokuthi uNkulunkulu uyazibona yini zonke izenzo zakho, kuyimiyalo yokuziphatha yalabo abakholelwa kuNkulunkulu. Uzobizwa ngokuthi ulungile ngoba uyakwazi ukujabulisa uNkulunkulu, nangenxa yokuthi wamukela ukunakekela nesivikelo sikaNkulunkulu.

2019/04/19

Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu

insindiso,Iqiniso
      
       Namuhla, ngizobe ngikhuluma ikakhulu ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu, ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho. Kumele nikuqonde konke lokhu.

2019/04/17

Indlela Yokwazi Iqiniso

uthando lukankulunkulu,iziprofetho zeBhayibheli,

        UNkulunkulu unguNkulunkulu ongokoqobo: Wonke umsebenzi Wakhe ungokoqobo, wonke amazwi awakhulumayo angokoqobo, futhi wonke amaqiniso awavezayo angokoqobo. Yonke into engewona amagama Akhe ayinalutho, ayikho, futhi ayinampilo. Namhlanje uMoya oNgcwele uzoholela abantu emazwini kaNkulunkulu. Uma abantu bezophokophela ukungena eqinisweni, kufanele bafune iqiniso, futhi bazi iqiniso, emuva kwalokho bazizwele iqiniso, baphinde baliphile iqiniso.

2019/04/15

Okuqondene Nabo Bonke Abenza Umsebenzi Wabo

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,insindiso


        Esimweni samanje, wonke umuntu omthanda ngeqiniso uNkulunkulu unethuba lokulungiswa NguYe. Akusho lutho ukuthi basemusha noma bamdala, inqobo uma ezinhliziyweni zabo belalela uNkulunkulu futhi bemhlonipha, yeNa uzokwazi ukubalungisa. UNkulunkulu uphelelisa abantu ngokwemisebenzi yabo ehlukahlukene. Inqobo uma usebenzise amandla akho wonke futhi wazithoba emsebenzini kaNkulunkulu uzokwazi ukupheleliswa nguYe.

2019/04/13

Imithetho YeNkathi Entsha

UNkulunkulu uSomandla,uthando lukankulunkulu

Nitshelwe ukuthi nizihlomise ngamazwi kaNkulunkulu, ukuthi ngaphandle kwalokhu enikuhlelelwe, konke kuhlelwe yisandla sikaNkulunkulu, nokuthi asikho isidingo somthandazo wenu oqotho noma wokunxusa – akunalo usizo.

2019/04/11

Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo

uJesu,ivangeli,iziprofetho zeBhayibheli


        
Yini okumele uyazi ngoNkulunkulu wokoqobo? UMoya, uMuntu, kanye neZwi kwenza uNkulunkulu wokoqobo uqobo, futhi lokhu kuyincazelo yeqiniso kaNkulunkulu uqobo.

2019/04/09

Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

uthando lukankulunkulu,ivangeli

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kulezi zikhathi, esikhathini esiningi, ukwazi ukuthi iyini inkonzo esemqoka kaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, nokuthi uzokwenzani emhlabeni. Ngishilo ngaphambili emazwini ami ukuthi uNkulunkulu ufike emhlabeni (ngezinsuku zokugcina) ukuzokwenza isiboniso ngaphambi kokuthi ahambe. UNkulunkulu usenza kanjani lesi siboniso? Ngokukhuluma amazwi, ngokusebenza nokukhuluma ezweni lonke. Lo nguumsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina; Uyakhuluma kuphela, ukuze umhlaba ube ngumhlaba wamazwi, khona wonke umuntu ezohlinzekwa futhi akhanyiselwe ngamazwi akhe, futhi khona umoya womuntu uzophaphama futhi acacelwe ngemibono.

2019/04/07

Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?

Njengomuntu okholwa kuNkulunkulu, kufanele uqonde ukuthi, namhlanje, ekutholeni umsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina nawo wonke umsebenzi wohlelo lukaNkulunkulu kuwe, uthole ngempela ukuphakanyiswa nensindiso enkulu okuvela kuNkulunkulu. Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. <br /

2019/04/05

Umele Ukuphilela Iqiniso Njengalokhu Ukholelwa KuNkulunkulu

uthando lukankulunkulu,uJesu,ivangeli

Inkinga ejwayelekile ekhona kubo bonke abantu ukuthi bayaliqonda iqiniso kodwa abakwazi ukulenza. Imbangela eyodwa edala lokhu ukuthi abantu abafuni ukwenza konke okusemandleni ukuzimisela, futhi enye imbangela yalokhu ukuthi ukuhlakanipha komuntu akwenele; akakwazi ukubuka izinkinga angahlangabezana nazo ezikhona empilweni ngeso elidlulayo futhi akakwazi ukuthatha izinyathelo ezifanele. Njengalokhu umuntu enolwazi oluncane, izinga eliphansi, kanye nokuqonda olulinganiselwe kweqiniso, akakwazi ukuxazulula ubunzima ahlangabezana nabo empilweni.

2019/04/03

Ukunqenqeza Kwemidumo Eyisikhombisa – Okuyisiprofetho Sokuthi Ivangeli Lombuso Lizosabalala Ligcwale Umhlaba Wonke

uthando lukankulunkulu,ivangeli,UNkulunkulu uSomandla

Ngisabalalisa umsebenzi Wami ezizweni. Inkazimulo Yami ikhazimula emhlabeni wonke; intando Yami ikubantu abahlakazeke lapha nalaphaya, bonke beqondiswa yisandla Sami benza umsebenzi engibanike wona. Kusuka kuleli qophelo, Sengingene enkathini entsha, ngilethe bonke abantu komunye umhlaba. Lapho ngibuyela “ezweni Lami lokuzalwa,” ngiqale enye ingxenye yomsebenzi osohlelweni Lwami lwasekuqaleni ukuze abantu bezokwazi Ngami ngokujulile. Ngibuka umhlaba wonke jikelele ngibone ukuthi[a] kuyisikhathi esifanele somsebenzi Wami, ngakho-ke ngiyaphuthuma ngehla ngenyuka ngenza umsebenzi Wami omusha kumuntu. Yinkathi entsha le, vele, futhi sengilethe umsebenzi omusha ozothatha abanye abantu abasha ubangenise enkathini entsha bese ubeka eceleni labo engizobakhipha.

2019/04/01

Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Ongumuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu

uthando lukankulunkulu,uJesu,ivangeli

       Iminyaka eminingi uMoya kaNkulunkulu ubefuna ngokungaphezi njengoba esebenza emhlabeni. Ezinkathini eziningi uNkulunkulu usesebenzise abantu abaningi kakhulu ukwenza umsebenzi Wakhe. Kepha uMoya kaNkulunkulu awukabi nayo indawo efanele ongaphumulela kuyo. Ngakho uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe, eya kubantu abehlukene ngokungaphezi, futhi kukho konke usebenzisa abantu ukuze enze lokhu.