Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/06

3. Yini ngempela intando yomuntu olandela uNkulunkulu? Futhi yini ubufakazi beqiniso ngokukholwa kuNkulunkulu?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka, Waye sethi, Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze: iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI” (UJobe 1:20-21).

“Waye sethi, Thatha manje indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo u-Isaka, oyithandayo, bese uya ezweni laseMoriya; bese uyonikela ngaye lapho abe umnikelo wokushiswa entabeni … Futhi u-Abrahama welula isandla sakhe wathatha ummese ukuba ahlabe ngawo indodana yakhe” (UGenesise 22:2,10).

“Laba yilabo abangazange bangcoliswe yisifazane; ngoba basemsulwa. Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, bayizithelo zokuqala kuNkulunkulu nakuWundlu. Kanti emilonyeni yabo akutholakalanga manga: ngoba abanasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” (IsAmbulo 14:4-5).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

UJesu wakwazi ukufeza umyalelo kaNkulunkulu—umsebenzi wokuhlengwa kwesintu sonke—ngokuba wanikeza konke ukunakekela intando kaNkulunkulu, ngaphandle kwamacebo Akhe nokuzicabangela Yena. Ngakho, futhi, Naye wayesondelene noNkulunkulu—uNkulunkulu uqobo Lwakhe, into eniyiqonda kahle nonke. (Empeleni, wayenguNkulunkulu uqobo Lwakhe owafakazelwa nguNkulunkulu; Ngikusho lokhu lapha ukusebenzisa iqiniso likaJesu ukucacisa indaba.) Wakwazi ukubeka phambili uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu, futhi wayehlala ethandaza kuBaba osezulwini futhi wayefuna intando kaBaba osezulwini. Wakhuleka wathi: “Nkulunkulu Baba! Feza lokho okuyintando Yakho, futhi ungenzi ngokwezinhloso Zami; ngifisa Wenze ngokohlelo Lakho. Umuntu angaba buthakathaka, kodwa kungani umnakekela? Kungani umuntu eyisihloko sokukhathazeka Kwakho, umuntu ofana nentuthwane esandleni Sakho? Enhliziyweni Yami, ngifisa ukufeza intando Yakho kuphela, futhi ngifisa Wenze njengalokhu ufisa ukwenza Kimi ngokwezinhloso Zakho.” Endleleni eya eJerusalema, uJesu wezwa umunyu, kusengathi ummese uphendulwa enhliziyweni Yakhe, kepha wayengenayo ngisho encane inhloso yokushintsha izwi ayelishilo; njalo kwakukhona amandla amakhulu amqhubezela phambili ekubethelweni Kwakhe. Ekugcineni, wabethelwa esiphambanweni futhi wafana nenyama yesono, efeza lowo msebenzi wokuhlenga isintu, futhi waphakama ngaphezu kwamaketanga okufa neHayidesi. Phambi Kwakhe, ukufa, isihogo kanye neHayidesi kwaphelelwa amandla, kwanqotshwa Nguye. Waphila iminyaka engamashumi amathathu nantathu, kuyo yonke wenza njalo ngamandla Akhe onke ukufeza intando kaNkulunkulu ngokomsebenzi kaNkulunkulu ngaleso sikhathi, akanakanga inzuzo Yakhe ngokwakhe noma ukulahlekelwa, futhi ngaso sonke isikhathi wayecabanga intando kaNkulunkulu uBaba. Ingakho, emva kokuba esebhapathiziwe, uNkulunkulu wathi: “Le iNdodana Yami ethandekayo, engithokozile ngayo.” Ngenxa yenkonzo Yakhe phambi kukaNkulunkulu eyayihambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, uNkulunkulu wabeka umthwalo onzima wokuhlenga sonke isintu phezu kwamahlombe Akhe. Wamenza ukuba aphokophelele phambili ukuwufeza. Wayefaneleka futhi enelungelo lokufeza lo msebenzi obalulekile.

kwesithi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abakhonza uNkulunkulu kufanele babe ngabantu abasondelene noNkulunkulu, kufanele bathandwe uNkulunkulu, futhi bakwazi ukwethembeka ngamandla abo wonke kuNkulunkulu. Akukhathalekile noma nikwenza abantu bengazi, noma phambi kwabo, niyakwazi ukuzuza intokozo kaNkulunkulu phambi kukaNkulunkulu, niyakwazi ukuma niqine phambi kukaNkulunkulu, futhi akukhathalekile noma ngabe abantu baniphatha kanjani, nihlala nihamba indlela yenu, futhi ninike konke ukunakekela emthwalweni kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela ukusondelana noNkulunkulu. Ukuthi abasondelene noNkulunkulu bakwazi ukumkhonza ngokuqondile yingoba baphathiswe umyalelo omkhulu kaNkulunkulu, nomthwalo kaNkulunkulu, futhi bayakwazi ukuthatha inhliziyo kaNkulunkulu njengeyabo, nomthwalo kaNkulunkulu njengowabo, futhi abakhathali noma bayazuza noma bayalahlekelwa isithembiso: Ngisho bengenawo amathemba, futhi bengeke bazuze lutho, bayohlala njalo bekholwa kuNkulunkulu ngenhliziyo enothando. Ngakho, lolu hlobo lomuntu lusondelene noNkulunkulu. Abantu abasondelene noNkulunkulu bayizethenjwa Zakhe futhi; izethenjwa zikaNkulunkulu kuphela ezingazwelana Naye ekukhathazekeni Kwakhe, nokufuna Kwakhe, nakuba inyama yabo ibuhlungu futhi ibuthakathaka, bayakwazi ukubekezelela ubuhlungu, badele lokho abakuthandayo ukuze banelise uNkulunkulu. UNkulunkulu unika imithwalo eminingi kubantu abanjalo, nalokho uNkulunkulu azokwenza kubonakaliswa kulaba bantu. Kanjalo-ke, laba bantu bayathandwa nguNkulunkulu, bayizinceku zikaNkulunkulu ngokwenhliziyo Yakhe, futhi abantu abafana nalaba kuphela abangabusa noNkulunkulu.

kwesithi “Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu owenza intando kaNkulunkulu uzokwazi ukuveza indumiso evela ekujuleni kwenhliziyo yakhe phakathi kwesahlulelo sikaNkulunkulu, ukusola, nezilingo futhi uyakwazi ukulalela uNkulunkulu ngokugcwele futhi bazidele bona uqobo, kanjalo bathande uNkulunkulu ngenhliziyo eqotho, engaguquguquki, nemsulwa; onjalo umuntu ophelele, futhi kungumsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza, futhi kuyilokho uNkulunkulu afuna ukukufeza.

kwesithi “Ezinyathelweni Zomsebenzi kaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UPetru wayefuna ukwanelisa uNkulunkulu kukho konke ayekwenza, wayelalela konke okuvela kuNkulunkulu. Engakhonondi ngisho nakancane, wakwazi ukwamukela ukusolwa nokwahlulelwa, kanye nokucwengwa, usizi kanye nokuntula ekuphileni kwakhe, akukho okwaqeda uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Ingabe lolu akulona uthando lwakhe olukhulu ngoNkulunkulu? Ingabe lokhu akukhona ukugcwaliseka komsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu? Ukusolwa, ukwahlulelwa, usizi—ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni, futhi yilokhu okufanele kufezwe isidalwa sikaNkulunkulu, lobu ubumsulwa bothando lukaNkulunkulu. Uma umuntu engafeza okungaka, kusho ukuthi uyisidalwa sangempela sikaNkulunkulu, futhi akukho okungcono okwanelisa isifiso soMdali.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma nje kuthintwa igama likaPetru, wonke umuntu ugcwala indumiso…. Wanaka kakhulu ukuthi kungabi kuphela ukudla nokuphuza amazwi Ami, kodwa kakhulu ukuqonda izinhloso Zami, futhi wayehlala enobuhlakani futhi eqaphele emicabangweni yakhe, ngalokho wayehlala ejulile ekhaliphile emoyeni wakhe, yikho wayekwazi ukungijabulisa kukho konke ayekwenza. Empilweni ejwayelekile, waqinisekisa ukuthi uyazididiyela izifundo zalabo abahlulekile esikhathini esedlule ukuze azigqugquzele emizamweni yakhe, ngokwesaba okukhulu kokuthi angase awele ogibeni lokwehluleka. Waphinde waqinisekisa ukuthi uyaluthatha alugcine ukholo nothando lwabo bonke eminyakeni ababeke bathanda ngalo uNkulunkulu. Ngale ndlela akubanga kokubi kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, kokuhle ukusheshisa kwakhe inqubekela phambili yokukhula kwakhe, waze waba nguyena muntu phambi Kwami owangazi kahle. Ngenxa yalokhu, akunzima ukubona ukuthi wayengakubeka kanjani konke ayenakho ezandleni Zami, akasaziphethe ngisho ekudleni, ekugqokeni, ekulaleni, noma indawo ahlala kuyo, kodwa wenza ukunganelisa kuzo zonke izinto isisekelo sokuthokozela inala Yami. Izikhathi eziningi ngambeka ngaphansi kwezilingo, okwamshiya ecishe wafa, kodwa naphakathi kwalezi zilingo ezingamakhulukhulu, akazange nakanye aphelelwe ukholo Kimi noma adumazeke Ngami. Yize noma sengithe sengimlahlele eceleni, akazange aphelelwe isibindi noma aphelelwe ithemba, kodwa waqhubeka njengaphambilini wenza izimiso zakhe ukuze abone uthando analo Ngami.…Ngenxa yokuthembeka kwakhe phambi Kwami, nangenxa yezibusiso Zami phezu kwakhe, ube yisibonelo nesifanekiso kubantu iminyaka eyizinkulungwane.

kwesithi “Izwi Lesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana Ezwini Elivela Lisenyameni

Lapho uJobe edlula ezilingweni okokuqala, waphucwa yonke impahla yakhe kanye nezingane zakhe, kodwa akazange awe noma asho into eyisono kuNkulunkulu. Wazinqoba izilingo zikaSathane, wanqoba nomuzwa wokulahlekelwa impahla yakhe kanye nezingane zakhe, okusho ukuthi wakwazi ukulalela uNkulunkulu futhi wadumisa uNkulunkulu ngenxa yakho. Yiyona ndlela uJobe ayeziphatha ngayo phakathi nesilingo sokuqala sikaSathane, futhi yibona bufakazi obanikezwa uJobe ovivinyweni lokuqala lukaNkulunkulu. Ovivinyweni lwesibili, uSathane welula isandla sakhe ukuze alimaze uJobe, futhi nakuba uJobe ezwa ubuhlungu ayengakaze abuzwe, ubufakazi bakhe babanele ukushiya abantu bebambe ongezansi. Wasebenzisa isibindi, ukholo, nokulalela kwakhe uNkulunkulu, ukuze aphinde anqobe uSathane, futhi uNkulunkulu wakwamukela ukuziphatha kanye nobufakazi abunikeza. Phakathi nalesi silingo, uJobe wasebenzisa ukuziphatha kwakhe ukuze azise uSathane ukuthi ubuhlungu benyama babungeke bushintshe ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu, noma bumenze angazinikeli noma esabe uNkulunkulu; wayengeke amphike uNkulunkulu noma ashiye ukulunga nobuqotho bakhe ngenxa yokwesaba ukufa. Ukuzimisela kukaJobe kwenza uSathane wangenwa amanzi emadolweni, ukholo lwakhe lwashiya uSathane ethuthumela futhi eqhaqhazela, amandla empi yakhe yokuphila nokufa noSathane enza uSathane waba nenzondo enkulu, ukulunga nobuqotho bakhe akumsizanga ngalutho uSathane, ngezinga lokuthi wayeka ukumhlasela nokumangalela uJobe phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kwakusho ukuthi uJobe ulinqobile izwe, wayinqoba inyama kanye noSathane, futhi wakunqoba ukufa; wayengumuntu kaNkulunkulu ngokuphelele. Phakathi nalezi zilingo ezimbili, uJobe waqina ebufakazini bakhe, futhi waphila ngokulunga nobuqotho, waphila ngazo zonke izindlela ngomyalo wokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngemva kokudlula kulezi zilingo, uJobe waba nokuhlangenwe nakho okungeke kwatholakala ndawo, futhi kwamenza wavuthwa, kwamenza waba namandla, nokholo oluqinile, kwamenza wazethemba futhi waba qotho ngenxa yokuqina kwakhe. Ukuvivinya kukaJehova uNkulunkulu uJobe, kwenza uJobe wakuqonda ngokujulile ukukhathazeka kukaNkulunkulu ngomuntu, kwamenza wabona ukuba yigugu kothando lukaNkulunkulu, okuyilapho okwakhula khona uthando lwakhe ngoNkulunkulu ekwesabeni kwakhe uNkulunkulu. Uvivinyo lukaJehova uNkulunkulu alumhlukanisanga Yena noJobe, kodwa lwasondeza inhliziyo yakhe kuNkulunkulu. Lapho izinhlungu zenyama zikaJobe zifinyelela ekugcineni, ukubona uJehova uNkulunkulu ekhathazeka ngaye kwamenza waqalekisa usuku azalwa ngalo. Ukuziphatha okunjalo kwakungeyona into ehleliwe, kodwa ukwambulwa okungokwemvelo kothando ayenalo ngoNkulunkulu enhliziyweni yakhe, kwakuyisambulo esingokwemvelo esasibangelwa uthando lwakhe ngoNkulunkulu. Okusho ukuthi, ngenxa yokuthi uJobe wazizonda, wayengazimisele futhi wayengeke akwazi ukuhlukumeza uNkulunkulu, ngaleyo ndlela uthando lwakhe lwalungenabo ubugovu. Ngalesi sikhathi, kwakubalulekile kuJobe ukuba nobuhlobo obude nokulangazelela uNkulunkulu nokuzinikela kuNkulunkulu kuze kufike ezingeni lokucabangelana nothando. Ngesikhathi esifanayo, wayelubheka njengolubalulekile ukholo nokulalela kwakhe uNkulunkulu nokwesaba uNkulunkulu ngezinga lokumcabangela nokumthanda. Akazange avume ukwenza noma yini eyayingalimaza uNkulunkulu, akazange aziphathe ngendlela engalimaza uNkulunkulu, akavumanga ukwenza uNkulunkulu abe lusizi ngenxa yakhe, ngisho nokuthi angajabuli ngenxa yakhe. Emehlweni kaNkulunkulu, nakuba uJobe ayengakashintshi, ukholo lukaJobe, ukulalela kanye nokwesaba uNkulunkulu, kwenza uNkulunkulu wagculiseka futhi wajabula. Ngalesi sikhathi, uJobe wafinyelela ekulungeni uNkulunkulu ayefuna afinyelele kukho, waba indoda okufanele ngempela kuthiwe “ilungile futhi iqotho” emehlweni kaNkulunkulu. Izenzo zakhe ezilungile zamenza wanqoba uSathane futhi wafakaza ngoNkulunkulu. Ngakho izenzo zakhe ezilungile zamenza waphelela, zamenza wakwazisa ukuphila kwakhe, wadlondlobala nakakhulu, waba umuntu wokuqala owayengasahlaselwa futhi alingwe uSathane. Ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamangalelwa futhi walingwa uSathane; ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wanikelwa kuSathane; futhi ngenxa yokuthi uJobe wayelungile, wamnqoba futhi wamehlula uSathane, wama waqinisa ebufakazini bakhe. Ngenxa yalokho, uJobe waba ngumuntu wokuqala owayengasoze anikelwa kuSathane, weza ngempela ngaphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, waphila ekukhanyeni, ngaphansi kwezibusiso zikaNkulunkulu ngaphandle kokonakaliswa uSathane.… Waba indoda yeqiniso emehlweni kaNkulunkulu, wakhululwa.…

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ungasho yini ukuthi sewunqotshiwe, kodwa ungakwazi ukulalela kuze kube sekufeni? Kufanele ukwazi ukulandela kuze kube sekugcineni ngci, akukhathaleki noma akhona yini amathemba noma cha, futhi akufanele ulahlekelwe ukholo lwakho kuNkulunkulu noma ngabe isimo sinjani. Ekugcineni, kufanele ube nezingxenye ezimbili zobufakazi: ubufakazi bukaJobe—ukulalela kuze kube sekufeni—kanye nobufakazi bukaPetru—uthando olukhulu kakhulu ngoNkulunkulu. Ngenye ingxenye kufanele ube njengoJobe: Wayengenazimpahla eziphathekayo, futhi wayekhungethwe ubuhlungu enyameni, kepha akazange alifulathele igama likaJehova. UPetru wakwazi ukuthanda uNkulunkulu kwaze kwaba sekufeni. Ngesikhathi eshona—ngesikhathi bembethela esiphambanweni—wayesamthanda uNkulunkulu: akazange acabange izithembiso zakhe noma amathemba aletha udumo noma imicabango ehlaphazekile, futhi wayefuna kuphela ukuthanda uNkulunkulu nokulalela wonke amalungiselelo kaNkulunkulu. Yilelo izinga okufanele ufike kulona ngaphambi kokuba uthathwe ngokuthi ubethulile ubufakazi, ngaphambi kokuba ube ngumuntu ophelelisiwe emva kokuba sewunqotshiwe.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Buyini ngempela ubufakazi beqiniso? Ubufakazi okukhulunywa ngabo lapha bunezingxenye ezimbili: Okokuqala ngubufakazi bokunqotshwa, obunye ngubufakazi bokupheleliswa (ngokuvamile, ngubufakazi obulandela izilingo noshushiso olukhulu kwesikhathi esizayo.) Ngamanye amazwi, uma ukwazi ukuma uqine ngezikhathi zezilingo noshushiso, lokho kusho ukuthi usunesinyathelo sesibili sobufakazi. Okubalulekile namuhla isinyatahelo sokuqala sobufakazi: ukukwazi ukuma uqine ngesikhathi sezilingo zokujeziswa nokwahlulelwa. Lobu ngubufakazi bokunqotshwa. Lokhu kungenxa yokuthi namuhla yisikhathi sokunqoba. (Kufanele nazi ukuthi namuhla yisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni; umsebenzi oyinhloko kaNkulunkulu osenyameni emhlabeni ukusebenzisa ukwahlulela nokujezisa ukunqoba leli qembu labantu abamlandelayo emhlabeni.) Ukuthi uyakwazi noma awukwazi ukunqotshwa akuncikile kuphela ekutheni uyakwazi ukulandela kuze kube sekupheleni, kodwa, okubaluleke kakhulu, ekutheni, njengoba udlula esinyathelweni ngasinye somsebenzi kaNkulunkulu, uyakwazi ukuba nolwazi lweqiniso lokujeziswa nokwahlulelwa kulo msebenzi, nokuthi uyawubona ngempela wonke lo msebenzi. Akukhona ukulandela ngokuhlwathiza nje kuze kube sekupheleni. Kumele ukwazi ukuyeka konke lokhu phakathi naso sonke isikhathi sokungakujeziswa nokwahlulelwa, kumele ube nolwazi lweqiniso lwesinyathelo ngasinye somsebenzi owubonile, futhi kumele ukwazi ukuthola ulwazi, kanye nokuthobela isimo sikaNkulunkulu. Lobu ubufakazi bangempela bokunqotshwa okudingekayo kuwe. Ubufakazi bokunqotshwa busho ulwazi onalo ngoNkulunkulu osenyameni. Okubalulekile, lesi sinyathelo sobufakazi bukaNkulunkulu osenyameni. Akunandaba ukuthi wenzani noma uthini phambi kwabantu emhlabeni noma labo abasebenzisa amandla; okubaluleke kakhulu ukuthi uyakwazi na ukuthobela wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu kanye nayo yonke imisebenzi yaKhe. Ngakho-ke, lesi sinyathelo sobufakazi siqondiswe kuSathane nazo zonke izitha zikaNkulunkulu—amademoni nalabo abangakholwa ukuthi uNkulunkulu uzoba senyameni okwesibili futhi eze ngenjongo yokwenza umsebenzi omkhulu, ngaphezu kwalokho, abangakholelwa eqinisweni lokuthi uNkulunkulu uzobuya enyameni. Ngamanye amazwi, kubhekiswe kubo bonke labo abangabaphik’ukristu—zonke izitha ezingakholelwa ekutheni uNkulunkulu usenyameni.

…………

Ubufakazi bezinsuku zokugcina bufakazela ukuthi uyokwazi yini ukupheleliswa noma cha—okungukuthi, ubufakazi bokugcina bokuthi, usuwamukele wonke amazwi akhulunywe umlomo kaNkulunkulu osenyameni, waba nalo lonke ulwazi ngoNkulunkulu futhi waqiniseka ngaye, uphila ngawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu, futhi ufinyelela imibandela efunwa nguNkulunkulu kuwe—indlela kaPetru nokholo lukaJobe, uzokwazi ukuthoba kuze kube sekufeni, uzinikele ngokuphelele kuNkulunkulu, kuthi ekugcineni ufinyelele ekubeni umuntu osezingeni elifanelekileokusho ukuthi uzobonakala njengomuntu onqotshiwe, ojezisiwe, ohluleliwe, futhi owenziwe waphelela. Lobu ngubufakazi okumele wonke umuntu ophelelisiwe abe nabo.

kwesithi “Isenzo (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukunikeza ubufakazi obucacile ngoNkulunkulu ngokuyinhloko kuncike ekutheni uyamqonda yini noma cha uNkulunkulu osebenzayo, nokuthi uyakwazi yini noma cha ukulalela phambi kwalo muntu ongagcini nje ngokuba ojwayelekile, kodwa ovamile, futhi olalela kuze kube sekufeni. Uma ngempela ufakaza ngoNkulunkulu phakathi nalokhu kulalela, lokho kusho ukuthi uNkulunkulu ukuzuzile. Ukukwazi ukulalela kuze kube sekufeni, nokukhululeka ezikhalazweni phambi Kwakhe, ungenzi izahlulelo, unganyundeli, ungabi nemibono futhi ungabi nezinye izinhloso—uNkulunkulu uyoyizuza ngale ndlela inkazimulo. Ukulalela phambi komuntu ojwayelekile abantu abamubukela phansi futhi ukwazi ukulalela kuze kube sekufeni ngaphandle kwemibono—lokhu kuwubufakazi bangempela. Iqiniso uNkulunkulu afuna abantu bangene kukho ukuthi ukwazi ukulalela amazwi Akhe, ukwazi ukwenza amazwi Akhe, ukwazi ukukhothama phambi kukaNkulunkulu osebenzayo, futhi ukwazi ukukhohlakala kwakho, ukwazi ukuvula inhliziyo yakho phambi Kwakhe, futhi ekugcineni uzuzwe Nguye ngala mazwi Akhe. UNkulunkulu uzuza inkazimulo lapho la mazwi ekunqoba futhi akwenze umlalele ngokugcwele; ngalokhu uhlaza uSathane aqede umsebenzi Wakhe.

kwesithi “Abantu Abangakulalela Ngokugcwele Ukuba Ngokoqobo KukaNkulunkulu Yilabo Abamthanda Ngeqiniso UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Akunandaba ukuthi uNkulunkulu ukucwenga kanjani, uhlala uzethemba ngokugcwele futhi awuyeki ukwethemba uNkulunkulu. Wenza lokhu umuntu okufanele akwenze. Yilokhu uNkulunkulu akufuna kumuntu, futhi inhliziyo yomuntu kufanele ikwazi ukubuyela Kuye ngokugcwele, iphendukele Kuye ngawo wonke umzuzu. Lona ngumnqobi. Labo uNkulunkulu athi bayanqoba yilabo abasakwazi ukufakaza, bangayeki ukuba nethemba, nokuzinikela kuNkulunkulu lapho bengaphansi kokuvinjezelwa nguSathane, okusho ukuthi, lapho bengaphansi kwamandla obumnyama. Uma usakwazi ukuba nenhliziyo ehlanzekile nokumthanda ngobuqotho uNkulunkulu kungakhathaleki ukuthi izimo zinjani, ufakaza phambi kukaNkulunkulu, futhi yilokhu uNkulunkulu athi ukuba ngumnqobi.

kwesithi “Kufanele Ningayeki Ukuzinikela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuzo zonke izigaba zomsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubukeka sengathi ukuxhumana phakathi kwabantu, ongathi yinto edaleke emalungiselelweni enziwa umuntu noma kuvela ekuphazameni nokugxambukela komuntu. Kodwa esithe, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Thatha isibonelo lapho uJobe wayevivinywa: Esithe, uSathane wabheja noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokugxambukela kwabantu. Emuva kwaso sonke isinyathelo uNkulunkulu asenzayo kuwe kunokubheja kukaSathane noNkulunkulu—emuva kwakho konke kunempi. Isibonelo, uma unobandlululo kubafowenu nodadewenu, uzoba namazwi ofuna ukuwasho—amazwi ozwa ukuthi angeke amthokozise uNkulunkulu—kodwa kuzoba nzima phakathi kuwe, futhi ngaleso sikhathi, impi izoqala ngaphakathi kuwe: Ngikhulume noma cha? Yilokhu-ke okuyimpi. Ngakho, kuyo yonke into kunempi, futhi uma kunempi kuwe, ngenxa yokubambisana kwakho nokuhlukumezeka kwakho uNkulunkulu uyasebenza phakathi kwakho. Ekugcineni, ngaphakathi kwakho uyakwazi ukubeka udaba eceleni kanti nentukuthelo iyacima ngokwemvelo. Unjalo-ke umthelela wokubambisana noNkulunkulu. Yonke into oyenzayo idinga ukuthi ukhokhe inani elithile ngokuzikhandla. Ngaphandle kobunzima bangempela, awukwazi ukwanelisa uNkulunkulu, ayifiki nakancane ekutheni yenelise uNkulunkulu, futhi iyiziqubulo ezingasho lutho nje! Lezi ziqubulo ezingasho lutho zingamanelisa yini uNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu noSathane belwa embusweni kamoya, kufanele umenelise kanjani uNkulunkulu, futhi kufanele ume kanjani uqine ebufakazini bakho Kuye? Kufanele wazi ukuthi yonke into eyenzeka kuwe ingukuvivinywa okukhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu ekudinga ukuthi ube nobufakazi. Ngaphandle, azibukeki zibalulekile kangako, kodwa lapho lezi zinto zenzeka ziyakhombisa ukuthi uyamthanda yini uNkulunkulu noma cha. Uma umthanda, uyokwazi ukuma ebufakazini bakho Kuye, futhi uma ungalukhombisi uthando Lwakhe, lokhu kukhombisa ukuthi awuyena umuntu owenza iqiniso, ukuthi awuyena ongenalo iqiniso, futhi awunakho ukuphila, nokuthi ungamakhoba! Yonke into eyenzeka kubantu ilapho uNkulunkulu ebadinga ukuthi bame baqine ebufakazini babo Kuye. Ayikho into enkulu eyenzeke kuwe njengamanje, futhi awunabo ubufakazi obukhulu, kodwa yonke imininingwane yempilo yakho yansuku zonke iphathelene nobufakazi bakho kuNkulunkulu. Uma ungawina ukunconywa ngabafowenu nodadewenu, amalungu omndeni wakho, kanye nabo bonke abaseduze nawe; uma, ngelinye ilanga, abangakholwa befika, futhi bethanda konke okwenzayo, futhi bebona ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuhle kakhulu, uyobe wethule ubufakazi. Nakuba ungenakuqonda futhi izinga lakho liphansi, ngokupheleliswa kwakho nguNkulunkulu, uyakwazi ukumanelisa nokuqikelela intando Yakhe. Abanye bazobona ukuthi Wenze umsebenzi omkhulu kangakanani kubantu abasezingeni eliphansi kunabo bonke. Abantu bafika ekumazini uNkulunkulu, futhi babe ngabanqobi phambi kukaSathane futhi bathembeke kuNkulunkulu ibanga elithile. Ngakho-ke abekho abayoba nesibindi njengaleli qembu labantu. Lokhu kuyoba ubufakazi obukhulu kakhulu.

kwesithi “Ukuthanda uNkulunkulu kuphela Okuwukukholwa kuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekugcineni, ibuphi ubufakazi oyocelwa ukuba ubethule? Uhlala ezweni lo kungcola kodwa uyakwazi ukuba ngcwele, futhi ungabe usangcola noma ungabi msulwa, uphila endaweni kaSathane kodwa uyahlukana nethonya likaSathane, futhi uphile ezandleni zikaSomandla. Lokhu ubufakazi, nobuqinisayo ngokunqoba empini noSathane. Uyakwazi ukufulathela uSathane, lokhu okuphilayo akuvezi uSathane, kodwa yilokho uNkulunkulu ayedinga ukuba umuntu abe nakho ngesikhathi edala umuntu: ubuntu obujwayelekile, ukucabanga okujwayelekile, ukuqonda okujwayelekile, ukuzimisela okujwayelekile, kanye nokuthembeka kuNkulunkulu. Bunjalo ubufakazi obuthulwa odaliweyo kaNkulunkulu. Uthi, “Siphila ezweni lo kungcola, kodwa ngenxa yokuvikelwa nguNkulunkulu, ngenxa yobuholi Bakhe, futhi ngenxa yokuthi Yena usinqobile, sikwazile ukulahla ithonya likaSathane. Ukuthi siyakwazi ukulalela namhlanje nakho kuwumthelela wokunqotshwa nguNkulunkulu, futhi akuve kungenxa yokuthi silungile, noma ngoba sasithanda uNkulunkulu ngokwemvelo. Yingoba uNkulunkulu wasikhetha, wasimisela phambilini, ukuthi sinqotshiwe namhlanje, siyakwazi ukufakazela Yena, futhi sikwazi ngisho ukumkhonza Yena; ngakho-ke yingoba usikhethile, futhi wasivikela, yingakho sisindisiwe futhi sakhululwa endaweni ephethwe nguSathane, futhi sikwazi ukushiya ngemuva ukungcola futhi senziwe msulwa ezweni likadrago omkhulu obomvu.” Ngaphezu kwalokho, lokho okuphilayo okubonakalayo kuzokhombisa ukuthi unobuntu obujwayelekile, kunomqondo lokho okushoyo, futhi ufana nomuntu ojwayelekile. … Uma abantu bekubuka bese bethi, “Nakuba uNkulunkulu wathi uyinzalo kaMowabi, lokho okuphilayo kufakazela ukuthi ulishiye ngemuva ithonya likaSathane; nakuba lezo zinto zisekhona ngaphakathi kuwe, uyakwazi ukuzifulathela,” lokho kukhombisa ukuthi usunqotshiwe ngokuphelele. Nina eninqotshiwe futhi nasindiswa nizothi, “Kuyiqiniso ukuthi siyinzalo kaMowabi, kodwa sisindisiwe nguNkulunkulu, futhi nakuba inzalo kaMowabi yayikade ilahliwe futhi iqalekisiwe, futhi idingisiwe phakathi kwabeZizwe ngabantu bakwa-Israyeli, namhlanje uNkulunkulu usisindisile. Kuyiqiniso ukuthi singabantu abakhohlakele kunabo bonke—lokhu kwamiswa nguNkulunkulu, kuyiqiniso, futhi kungephikiswe yibo bonke. Kodwa namhlanje siphunyukile kulelo thonya. Siyamzonda ukhokho wethu, sizimisele ukumfulathela ukhokho wethu, ukumshiya ngokuphelele kanye nokulalela ngokuphelele amalungiselelo kaNkulunkulu, senze ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu futhi sifeza izidingo Zakhe kithi, siphinde sikwazi ukwenelisa intando kaNkulunkulu. UMowabi wakhaphela uNkulunkulu, akazange enze ngokwentando kaNkulunkulu, futhi wayezondwa nguNkulunkulu. Kodwa kufanele sikhombise ukunakekela inhliziyo kaNkunkulu, futhi namhlanje, njengoba sesiqonda intando kaNkulunkulu, asikwazi ukukhaphela uNkulunkulu, futhi kufanele silahle ukhokho wethu omdala!”

kwesithi “Ukuthanda uNkulunkulu kuphela Okuwukukholwa kuNkulunkulu Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma uNkulunkulu esephenduke ukuphila phakathi kwabantu, angeke besakwazi ukushiya uNkulunkulu. Ingabe lokhu akusona yini isenzo sikaNkulunkulu? Abukho ubufakazi obukhulu kunalobu! UNkulunkulu usesebenze wafinyelela ezingeni elithile; uthe ukuze abantu benze inkonzo, futhi basolwe, noma bafe, abantu abakabuyeli emuva, okubonisa ukuthi sebenqotshiwe uNkulunkulu. Abantu abaneqiniso yilabo asebebhekane nezimo ngeqiniso, abangama beqinile ebufakazini babo, futhi bame baqinile endaweni yabo, bame ngakuNkulunkulu, ngaphandle kokuhlehla, futhi abangaba nobudlelwano obujwayelekile nabantu abathanda uNkulunkulu, abathi uma izinto zenzeka kubo, bekwazi ukulalela uNkulunkulu ngokupheleleyo, futhi bamlalele uNkulunkulu kuze kube sekufeni. Ukwenza kwakho nezambulo zokuphila kwangempela kuwubufakazi bukaNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuphila ngokuvumelana komuntu kanye nobufakazi ngoNkulunkulu, futhi lokhu kuwukuthokozela uthando lukaNkulunkulu ngeqiniso; uma usufinyelele kuleli zinga, umphumela ofanele uzobe usufeziwe. Usunokuphila okuvumelana ngempela futhi zonke izenzo zakho zibhekwe ngabanye ngokuncoma. Ukubonakala kwakho akunakekile, kodwa uphila ngokuvumelana nempilo yokukholeka, futhi lapho ukhuluma amazwi kaNkulunkulu, uyaqondiswa futhi ukhanyiselwe Nguye. Uyakwazi ukukhuluma intando kaNkulunkulu ngamazwi akho, ukhulume iqiniso, futhi uyakuqonda ukukhonza ngomoya. Ukhulume ngokusobala, uhloniphekile futhi uqotho, awulwisani futhi awuphoxi, uyakwazi ukulalela ukuhlela kukaNkulunkulu futhi ume uqinele ebufakazini bakho uma izinto zenzeka kuwe, uzothile futhi unokuzibamba noma ngabe ubhekene nani. Lolu hlobo lomuntu olubone uthando lwangempela lukaNkulunkulu. Abanye abantu basebancane, kodwa benzisa okomuntu ophakathi nendawo ngokukhula, bakhulile, bangenwe iqiniso, futhi banconywa abanye—futhi yilaba bantu abanobufakazi, futhi bawukubonakaliswa kukaNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma sebefundile ukufika ezingeni elithile, ngaphakathi bayokuba nokucacelwa ngoNkulunkulu, ngakho nesimo sabo sangaphandle siyazinza.

kwesithi “Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Phakathi nomsebenzi Wakhe wokulungisa nokweseka umuntu, uNkulunkulu wembulela umuntu yonke intando nezimfuneko Zakhe, futhi uveza izenzo Zakhe, isimo, nalokho anakho nayikho kumuntu. Inhloso Yakhe ukuhlomisa umuntu, nokuthi amvumele azi amaqiniso amaningi ngoNkulunkulu ngesikhathi emlandela—amaqiniso ayizikhali umuntu azinikwe uNkulunkulu ukuze alwe noSathane. Njengoba ehlonyisiwe, umuntu kumele abhekane novivinyo lukaNkulunkulu. UNkulunkulu unezindlela eziningi zokuvivinya umuntu, kodwa eziningi zazo, zihlanganisa “ukubambisana” nesitha sikaNkulunkulu: uSathane. Okusho ukuthi, ngemva kokunika umuntu izikhali azolwa ngazo noSathane, uNkulunkulu unikela umuntu kuSathane avumele uSathane ukuba “amvivinye.” Uma umuntu engakwazi ukumelana namaqhinga okulwa kaSathane, uma ephunyuka ephila kuSathane, khona-ke umuntu uyobe uphumelele ovivinyweni. Kodwa uma umuntu ehluleka ukumelana namaqhinga okulwa kaSathane, ezithoba kuSathane, khona uyobe wehlulekile ovivinyweni. Kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu uhlola ini kumuntu, into ayihlolayo ukuthi umuntu uyaqina yini lapho uSathane ehlasela ubufakazi bakhe, nokuthi uyamshiya yini uNkulunkulu azithobe kuSathane ngesikhathi uSathane emdwengula. Kungashiwo ukuthi ukusindiswa komuntu kuncike ekutheni uyamnqoba yini uSathane, noma ukuthi uyayithola yini inkululeko kuncike ekutheni uyakwazi yini ukuphakamisa izikhali azinikwe uNkulunkulu ukuze anqobe uSathane, enze uSathane ahlukane naye ngokuphelele. Uma uSathane ephelelwa ithemba futhi emshiya, lokho kusho ukuthi uSathane akasoze azama ukuthatha lowo muntu kuNkulunkulu, ngeke aphinde amangalele lowo muntu, ngeke aphinde amhlasele; umuntu onjalo kuphela oyozuzwa uNkulunkulu. Lena inqubo ephelele uNkulunkulu azuza ngayo abantu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana