Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/04

1. Yini ukulandela intando KaNkulunkulu? Ingabe ukulandela intando kaNkulunkulu uma umuntu enza umsebenzi wokuhambisa ivangeli likaNkulunkulu kuphela?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ivangeli

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

"Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle? Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi" (Mathewu 7:21-23).

“Wothanda iNKOSI uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke, nangomphefumulo wakho wonke, nangengqondo yakho yonke. Lo umyalelo wokuqala futhi omkhulu. Nowesibili uyafana nawo, Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena ngokwakho” (Mathewu 12:6-8).

“Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami…. Ongangithandiyo akagcini amazwi ami” (UJohane 14:23-24).

“Uma nimi ezwini lami, khona-ke ningabafundi bami isibili …” (UJohane 8:31).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Kuyimanje nje, indlela ehanjwa nguMoya oNgcwele ingamazwi oqobo kaNkulunkulu. Ukuze umuntu akwazi ukuyihamba, kumele athobele, adle aphinde aphuze lawa mazwi oqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Wenza umsebenzi wamazwi, futhi yonke into ikhulunywe ngamazwi Akhe, futhi konke kusukela emazwini Akhe. Amazwi Akhe oqobo. Noma ngabe kungukungangabazi ngokuphelele ngoNkulunkulu osenyameni noma ukumazi uNkulunkulu, umuntu kumele aqinise emazwini Akhe. Ngaphandle kwalokho ngeke afeze lutho, futhi uyosala engenalutho. Ngokwazi uNkulunkulu kuphela uphinde umgculise esisekelweni sokudla nokuphuza amazwi Akhe kancane kancane umuntu angakha ubuhlobo beqiniso Naye. Ukudla nokuphuza amazwi Akhe uphinde uwasebenzise indlela ebonisa ukusebenzisana kahle kakhulu noNkulunkulu, iphinde ibeyindlela efakazela ukuthi umuntu ungomunye wabantu Bakhe. Uma umuntu eqonda futhi ekwazi ukuthobela ngokoqobo amazwi kaNkulunkulu, loyo muntu usuke ephila endleleni eholwa nguMoya oNgcwele futhi usuke esengene endleleni efanele kaNkulunkulu ephelelisa umuntu.

…………

Uma ngabe uyakwazi ukwamukela lokho uNkulunkulu akuphathise kona, yamukela isithembiso Sakhe futhi ulandele indlela kaMoya oNgcwele, lokhu kungukufeza intando kaNkulunkulu.

kwesithi “Labo Abasimo Sabo Siguqukile Yilabo Abangena Esimweni Sangempela Seqiniso”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kuzo zonke izinkathi, uNkulunkulu ubeka amazwi athile phezu komuntu lapho esebenza emhlabeni, atshele umuntu amaqiniso athile. La maqiniso asebenza njengendlela umuntu okufanele anamathele kuyo, njengendlela umuntu okufanele ahambe kuyo, indlela evumela umuntu ukuba esabe uNkulunkulu agweme okubi, nendlela abantu okufanele bayenze futhi banamathele kuyo ukuphila kwabo konke nakulo lonke uhambo lwabo lwempilo. Kungenxa yalesi sizathu uNkulunkulu ebeke la mazwi kumuntu. La mazwi avela kuNkulunkulu, umuntu kufanele anamathele kuwo, futhi ukunamathela kuwo kusho ukuthola ukuphila. Uma umuntu enganamatheli kuwo, engawenzi, futhi engaphili ngamazwi kaNkulunkulu ekuphileni kwakhe, khona-ke lo muntu akalenzi iqiniso. Futhi uma abantu bengalenzi iqiniso, basuke bengamesabi uNkulunkulu futhi bengakugwemi okubi, futhi bengamenelisi uNkulunkulu. Uma othile engamenelisi uNkulunkulu, kusho ukuthi ngeke uNkulunkulu abatuse; lolu hlobo lomuntu alunawo umphumela.

kwesithi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuhamba endleleni kaNkulunkulu akukho mayelana nokugcina imithetho obala. Kunalokho, kusho ukuthi uma ubhekene nendaba, okokuqala, uzoyibheka njengesimo esihlelwe uNkulunkulu, isibopho uNkulunkulu asibeke kuwe, noma njengokuthile akuphathise khona, ukuthi lapho ubhekene nalesi simo, kufanele usibheke njengesihlelwe uNkulunkulu. Lapho ubhekene nale ndaba, kumele ube nezinga, kumele ucabange ukuthi ivela kuNkulunkulu. Kumele ucabange ngendlela ozosingatha ngayo le ndaba ukuze ufeze isibopho sakho, sokwethembeka kuNkulunkulu; ungakwenza kanjani ngendlela engamcasuli uNkulunkulu, noma ecasula isimo Sakhe.

kwesithi “Indlela Yokwazi Isimo SikaNkulunkulu Nomphumela Womsebenzi Wakhe” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Qonda izwi likaNkulunkulu futhi ulenze. Yiba nemigomo ezenzweni zakho; lokhu akusikho ukuhambisana nemithetho noma ukwenze njalo ngokungathandi kodwa ukuze ubonwe. Kunalokho, lokhu kuwukwenza iqiniso kanye nokuphila ngezwi likaNkulunkulu. Ukwenza okunjalo kuphela okugculisa uNkulunkulu. Noma yiliphi isiko elijabulisa uNkulunkulu aliwona umthetho kodwa lingukwenza iqiniso.

kwesithi “Ukukholwa KuNkulunkulu Kumele Kugxile Eqinisweni, Hhayi Emasikweni Enkolo”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho kukhulunywa ngomsebenzi, umuntu ukholelwa ukuthi umsebenzi kufanele wenzelwe uNkulunkulu, ashumayele kuzo zonke izindawo futhi angene ezindlekweni ngenxa kaNkulunkulu. Nakuba le nkolelo ineqiniso, kodwa ayihlanganisi konke; into uNkulunkulu ayicela kumuntu ayikho mayelana nohambo lwakhe ngoNkulunkulu kuphela; imayelana nenkonzo kanye nokusebenza kukamoya.…Umsebenzi awubhekiseli kokwenzela uNkulunkulu; ubhekisela ekutheni ukuphila komuntu nalokho akuphilelayo kujabulisa uNkulunkulu yini. Umsebenzi ubhekisela ekwethembekeni komuntu kuNkulunkulu nolwazi analo ngoNkulunkulu ukuze afakaze ngoNkulunkulu futhi akhonze umuntu. Lesi isibopho somuntu nakho konke umuntu okufanele akuqaphele. Ngamanye amazwi, ukungena kwakho kungumsebenzi wakho; ufuna ukungena phakathi nenkambo yakho yomsebenzi kaNkulunkulu. Ukuphawula uNkulunkulu akupheleli nje ekutheni ukwazi ukudla nokuphuza izwi Lakhe; kodwa kumele ukwazi ukufakaza ngoNkulunkulu, ukhonze uNkulunkulu, bese ukhonza uphinde unakekele umuntu. Lona umsebenzi nokungena kwakho; yilokhu wonke umuntu okufanele akufeze. Kunabaningi abagxile kuphela ohambweni lukaNkulunkulu, abashumayela kuzo zonke izindawo, kodwa bangazinaki izinto ezimayelana nabo futhi bakushaye indiva ukungena kwabo ekuphileni kukamoya. Yilokhu okwenza abantu abakhonza uNkulunkulu ukuthi bamelane noNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (2)”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Zicabange ukwazi ukusebenzela uNkulunkulu, kodwa awumlaleli uNkulunkulu, awukwazi ukumthanda ngempela uNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke ugcine nje ungawufezanga umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu, kodwa uyohlulelwa nawuNkulunkulu, ngoba ungumuntu ongenalo iqiniso, ongakwazi ukulalela uNkulunkulu, uyihlonga-ndlebe. Unendaba kuphela nokusebenzela uNkulunkulu, awunandaba nokuphila ngeqiniso, noma ukuzazi. Awumqondi futhi awumazi uMdali, awumlaleli futhi awumthandi uMdali. Ungumuntu ngokwemvelo ongezwani nokulalela uNkulunkulu, ngakho abantu abanjalo abathandwa uMdali.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngokubuka okukha phezulu, abantu babebonakala behlala bephithizela ngenkathi bezikhandla futhi besebenzela uNkulunkulu, lapho empeleni babehlela, phakathi ekufihlakaleni kwezinhliziyo zabo, isinyathelo esilandelayo okwakumele basithathe ukuze bazuze izibusiso noma babuse njengamakhosi. Umuntu angasho ukuthi, ngenkathi inhliziyo yomuntu ithokozela uNkulunkulu, ngaso leso sikhathi yayakhela uNkulunkulu amacebo. Isintu kulesi simo sihlangana nokucasuka nokwenyanya okujulile kukaNkulunkulu; isimo sikaNkulunkulu asimbekezeleli umuntu omkhohlisayo noma omsebenzisayo.

Kwesithi Amazwi Kanye Nobufakazi bukaKristu Ekuqaleni

Abaningi abalabo abalandela uNkulunkulu bazihlupha ngokuthi bangazithola kanjani izibusiso noma bagweme isinhlekelele. Uma kuphathwa umsebenzi nokuphatha kukaNkulunkulu, bayathula nya bangabe besaba nendaba kwakona. Bakholelwa ukuthi ukwazi imibuzo eyisinengiso njengaleyo ngeke kuzithuthukise izimpilo zabo noma kube usizo oluthile, ngakho nakuba bezizwile izintshumayelo ngokuphatha kukaNkulunkulu, baziphatha ngokunganaki. Futhi abaziboni njengezinto eziyigugu ezidinga ukwamukelwa, kungasaphathwa ukuthi bazemukele njengengxenye yezimpilweni zabo. Abantu abanjalo banenhloso elula nje ekulandeleni uNkulunkulu: ukuzuza isibusiso, futhi bavilapha kakhulu ukunaka noma yini engaphathelene nale nhloso. Kubo, ukukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso, iwona mgomo ofanele ngokomthetho kunayo yonke kanye nokubaluleka kwangempela kokholo lwabo. Abathintwa yinoma yini engeke ifeze leyo njongo. Isimo sinjalo eningini lalabo abakholwa kuNkulunkulu namhlanje. Inhloso nentshisekelo yabo ibukeka ifanelekile, ngoba ngaleso sikhathi bekholwa uNkulunkulu, bayazikhandla ngoNkulunkulu, bayazinikela uqobo lwabo kuNkulunkulu, futhi bayawenza umsebenzi wabo. Banikela ngobusha babo, bashiye imindeni nemisebenzi, futhi baze bachithe iminyaka bematasatasa kude namakhaya. Ngenxa yomgomo wabo ekugcineni, bashintsha ngisho izinto abazithandayo, bashintshe indlela ababuka ngayo impilo, baze bashintshe ngisho amabombo lapho befuna ukuya khona, kepha abakwazi ukushintsha inhloso yabo yokukholwa kuNkulunkulu. Baya le nale belungisela ukuphathwa kwemiqondo yabo abayiphokophele; akunandaba ukuthi yinde kangakanani indlela, noma ngabe bungakanani ubunzima neziphazamiso endleleni, bayaphokophela bayaqhubeka babe nesibindi bengasabi ukufa. Ngamaphi la mandla abenza baqhubeke nokuzinikela ngale ndlela? Unembeza wabo? Isimilo sabo esihle nesiqotho kakhulu? Ukuzimisela kwabo ukulwa namandla obumnyama kuze kube sekugcineni ngci? Ukukholwa kwabo okubenza bafakazele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umklomelo? Ukuthembeka kwabo okwenza bazimisele ukunikela ngakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu? Noma umoya wabo wokuzinikela obenza badele izidingo ezimoshayo zesiqu sabo? Ukuthi abantu abangakaze bazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha banikele ngokungaka, impela nje kuyisimanga esikhulu! Okomzuzwana nje, ake singakhulumi ngokuthi la bantu banikele kangakanani. Ukuziphatha kwabo, kepha, kufanelekela kakhulu ukucubungula kwethu. Ngaphandle kwezinzuzo ezihlobene nabo kakhulu, kungaba khona esinye isizathu laba bantu abangakaze baqonde uNkulunkulu ukuthi banikele kangaka Kuye? Kulokhu, sithola inkinga ebingabonakalanga ekuqaleni: ubudlelwano bomuntu noNkulunkulu kumane kumayelana nokuzihlenga yena siqu kuphela nje. Kubudlelwano phakathi kowemukela izibusiso nophisana ngezibusiso. Ukukubeka ngokusobala, kunjengobudlelwano phakathi kumqashi nomsebenzi. Umsebenzi usebenzela ukuthola imivuzo ayinikwa ngumqashi. Ebudlelwaneni obunjalo, alukho uthando, kukhona isivumelwano kuphela; akukho ukuthanda nokuthandwa, ukuphana nomusa kuphela; akukho ukuqonda, kuphela ukuduba nenkohliso; akukho ukuzwana, kuphela igebe elingenakuvalwa. Uma izinto sezifika lapha, ubani ongasihlehlisa lesi simo esiqhubekayo? Futhi bangaki abantu abakwazi ukuqonda ngempela ukuthi lobu budlelwano busesimweni esibucayi futhi esiqeda ithemba? Ngikholwa ukuthi abantu uma bezicwilisa enjabulweni yokubusiseka, abekho abakwazi ukucabanga ukuthi ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu budala amahloni futhi abubukeki kangakanani.

kwesithi “Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye abantu bathi, “uPawulu wenza umsebenzi omkhulu, wathwala umsebenzi omkhulu wamabandla wanikela kakhulu kuwo. Izincwadi eziyishumi nantathu ezabhalwa uPawulu zaphakamisa iminyaka eyizi-2 000 yeNkathi Yomusa, zingezesibili kuphela emaVangelini Amane. Ubani ongaqhathaniswa naye? Akekho ongacubungula isAmbulo sikaJohane, kuyilapho izincwadi zikaPawulu zinika ukuphila, futhi umsebenzi awenza wazuzisa amabandla. Ubani omunye owayengafeza izinto ezinjalo? UPetru wenza umsebenzi onjani?” Lapho umuntu elinganisa abanye, kuhambisana nomnikelo wabo. Lapho uNkulunkulu elinganisa umuntu, kuhambisana nesimo sakhe. Phakathi kwalabo abafuna ukuphila, uPawulu wayengumuntu owayengayazi ingqikithi yakhe. Wayengathobekile nakancane futhi engalaleli, futhi wayengayazi ingqikithi yakhe eyayiphikisana noNkulunkulu. Ngakho wayengumuntu owayengadlulanga ezintweni eziningi, wayengakaze alenze iqiniso. UPetru wayehlukile. Wayazi ubuthakathaka bakhe, nokukhohlakala kwesimo sakhe njengesidalwa sikaNkulunkulu, ngakho wayenendlela ayengayisebenzisa aguquke isimo sakhe; wayengeyena omunye walabo abanemfundiso kodwa bengaphethe iqiniso. Labo abaguqukayo bangabantu abasha abasindisiwe, bayafaneleka ukufuna iqiniso. Abantu abangaguquki bangabalabo ngokwemvelo asebephelelwe yisikhathi; bayilabo abangasindisiwe, okusho ukuthi labo abenyanywe futhi baphindwe bachithwa uNkulunkulu. UNkulunkulu ngeke abakhumbule ngisho umsebenzi wabo umkhulu kangakanani. Lapho uqhathanisa lokhu nezinto nokufuna kwakho, kungakhathaleki ukuthi ekugcineni ufana noPetru noma noPawulu kufanele uzazi. Uma lingekho iqiniso kokufunayo, futhi namanje usazithwele futhi usenenkani njengoPawulu, usazikhukhemeza njengaye, khona-ke uyoba yisonakali esiyisehluleki. Uma ufuna okufana nokukaPetru, uma ufuna ukwenza noguquko kwangempela, ungenakho ukuzidla nokuba nenkani, kodwa ufuna ukwenza umsebenzi wakho, khona-ke uyoba isidalwa sikaNkulunkulu esinqobayo.

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo”encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ngaso sonke isikhathi uphila ngokuvumelana nezifiso zakho zobugovu, njalo wenelisa izifiso zakho zobugovu, khona-ke lolu hlobo lomuntu alunabo ubufakazi emehlweni kaNkulunkulu futhi alunabo ubufakazi emehlweni kaSathane. Lolu uphawu olwenza uNkulunkulu abe namahloni, olwenza uNkulunkulu abe namahloni ezintweni zonke; Uthi, “Kodwa angenzanga lutho; ngingamenza kanjani uNkulunkulu abe namahloni?” Emicabangweni yakho, ezinhlosweni, emigomweni, nasezizuseni zezenzo zakho, kanye nasemiphumeleni yalokho okwenzile—ngakho konke wanelisa uSathane, uba inhlekisa, futhi uzibeka ekubeni usoleke, futhi awunabo ngisho nobuncane ubufakazi okufanele ukuthi ube nabo njengomKristu. Kuzo zonke izinto uhlambalaza igama likaNkulunkulu futhi awunabo ubufakazi bangempela. Ngakho, ingabe uNkulunkulu uzozikhumbula izinto ozenzile? Ekugcineni, yisiphi isiphetho uNkulunkulu azofinyelela kuso ngezenzo zakho nangomsebenzi owenzile? Ingabe ngeke yini kube nomphumela? Umbono? EBhayibhelini, iNkosi uJesu uthi, “Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle?” (Mathewu 7:22). Khona-ke yini iNkosi uJesu ayishoyo? (“Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi" (Mathewu 7:23).) Kungani iNkosi uJesu esho lokhu? Kungani labo abaye baphulukisa abagulayo futhi bakhipha amadimoni ngegama leNkosi, bahamba beyoshumayela ngegama leNkosi, beba abenzi bokubi? Obani laba benzi bokubi? Ingabe yilabo abangakholelwa kuNkulunkulu? (Cha.) Obani? (Yilabo abakholelwa kuNkulunkulu kodwa abangalenzi iqiniso.) Yebo. Bayakholelwa kuNkulunkulu futhi balandela uNkulunkulu. Futhi bayazikhandla ngoNkulunkulu, benzela uNkulunkulu izinto, futhi benze umsebenzi wabo. Nokho, ekwenzeni umsebenzi wabo abathembekile futhi abanabo ubufakazi, futhi ukwenza kwabo umsebenzi kube ububi. Ngakho, iNkosi uJesu uthi, “Sukani kimi, nina enenza okubi.”

kwesithi “Ungathola Iqiniso Ngemva Kokuyiguqulela Inhliziyo Yakho Yangempela KuNkulunkulu” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Ngeke ngibazwele nakancane labo kini abahlupheka iminyaka eminingi futhi basebenze kanzima bengabi nalutho oluphathekayo ngalokho. Ngokuphambene nalokho, ngiyabajezisa labo abangakaze bakwenze engikufunayo, akunamivuzo, nozwelo luncane. Mhlawumbe lokho nikucabanga ekubeni ngabalandeli iminyaka eminingi nenza umsebenzi onzima noma kunjani, ngakho kunoma yisiphi isimo ningasithola isitsha selayisi endlini kaNkulunkulu ngokwenza inkonzo. Ngingathi iningi lenu licabanga ngale ndlela ngoba kuze kube manje benilandela umyalo wokusizakala ngento ethile hhayi ukuthi kusizakalwe ngani. Ngakho manje ngiyanitshela futhi angidlali: Anginandaba nokuthi umsebenzi wakho onzima muhle kangakanani, nokuthi uhlaba umxhwele kangakanani, nokuthi ungilandela eduze kangakanani, nokuthi waziwa kangakanani, noma ukuthi usungcono kangakanani umbono wakho; uma nje ungakwenzi engikufunayo, awusoze wadunyiswa Yimi. Sula ngokushesha yonke leyo mibono nezibalo zakho, uqale ukuzibheka njengezibalulekile izinto engizifunayo. Kungenjalo, bonke abantu ngiyobaphendula umlotha ukuze ngiqede ngomsebenzi Wami, futhi ekugcineni iminyaka yomsebenzi Wami nokuhlupheka kuyophenduka ize, ngoba ngeke ngilethe izitha Zami, nabantu abenza okubi belingisa uSathane embusweni Wami, enkathini elandelayo.

kwesithi “Iziphambeko Ziyokwenza Umuntu Aye Esihogweni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uthi uhlale uhlupheka ube ulandela uNkulunkulu, nokuthi umlandele kumnyama kubomvu, waba Naye ezikhathini ezimnandi nezinzima, kodwa awukaphili ngamazwi uNkulunkulu awakhulumile; ufisa ukuba umlandele njalo ngosuku kodwa awukaze ukucabange ukuphila ukuphila okunenjongo. Uthi kunoma yisiphi isimo uyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ulungile: Usuhluphekile ngenxa Yakhe, wayaluza ngenxa Yakhe, futhi wazinikela Kuye futhi ususebenze kanzima naphezu kokunganakwa; nakanjani uNkulunkulu uzokukhumbula. Kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu ungcwele, nokho ubungcwele bakhe abuthintwa ngisho nobuncane ububi: Ubungcwele bukaNkulunkulu abuhambi ngentando yomuntu, abungcolisiwe inyama futhi abuthengwa. Bonke abavukelayo nabaphikisayo futhi abangahambi ngendlela Yakhe, bayojeziswa; abekho abathethelelwe futhi abekho abayobuye badingeke uma kunesidingo! … Kumuntu onjalo ofana nawe, isimo Sami sokulunga sihlanganisa ukusola nokwahlulela, siyimpindiselo Yami futhi siyindlela Yami elungile yokusola abenzi bobubi; bonke labo abangahambi endleleni Yami bazojeziswa nakanjani, ngisho noma bengilandela kuze kube sekugcineni. Lokhu ukulunga kukaNkulunkulu. … Ukulunga kungcwele, futhi buyisimo esingakubekezeleli ukona komuntu, konke okungcolile nokungakashintshi kuyamnyanyisa uNkulunkulu. Isimo sokulunga kukaNkulunkulu asiwona umthetho, kodwa siwumyalo: Bungumyalo embusweni futhi lo myalo uwukusolwa ngokulunga kwabo bonke abantu abangaphili ngeqiniso futhi abangakashintshi, futhi awukho umngcele wensindiso. Ngoba lapho umuntu ehlukaniswa ngokohlobo ayilo, abalungile bayothola umvuzo, ababi bona bayojeziswa. Kulapho kucaciswa khona lapho umuntu eyogcina khona, kuyisikhathi lapho kuyophela khona umsebenzi wensindiso, umsebenzi wokusindisa abantu uyobe ungasenziwa, nempindiselo iyolethwa kulabo abenza okubi.

kwesithi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye bayogcina bethi, “Ngikusebenzele kakhulu, futhi nakuba kungabanga yimpumelelo ebatshazwayo, bengikhuthele emizamweni yami. Angeke nje ungivumele ngingene ezulwini ngidle isithelo sokuphila?” Kumele wazi ukuthi ngifisa uhlobo olunjani lwabantu; abangcolile abavunyelwe ukungena embusweni, abangcolile abavunyelwe ukungcolisa umhlabathi oNgcwele. Nakuba kungenzeka wenze umsebenzi omkhulu, futhi ususebenze iminyaka, uma ekugcineni useokungcola okuthunazayo—akubekezeleleki emthethweni weZulu ukuthi ufuna ukungena embusweni Wami! Kusukela ekusekelweni komhlaba kuze kube namuhla, angikaze ngilokothe ngivule intuba elula yokungena embusweni Wami ngenxa yalabo abazincengela Kimi. Lona umthetho wezulu, akekho ongawephula! Kumele ufune ukuphila. Namuhla, labo abayopheleliswa bawuhlobo olufana noPetru: Yilabo abafuna uguquko esimweni sabo semvelo, abafuna ukufakaza ngoNkulunkulu benze nomsebenzi njengesidalwa sikaNkulunkulu. Abantu abafana nalaba kuphela abayopheleliswa. Uma ufuna kuphela imiklomelo, ungafuni ukuguqula isimo sokuphila kwakho kuphela, yonke imizamo yakho iyoba yize—lokho iqiniso elingenakuguqulwa!

kwesithi “Impumelelo Noma Ukwehluleka Kuncike Endleleni Umuntu Ayihambayo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nginquma isiphetho somuntu ngamunye hhayi ngokweminyaka, ubukhulu, izinga lokuhlupheka, lingasaphathwa izinga abamema ngalo ukudatshukelwa kodwa ngokuthi banalo yini iqiniso. Akukho okunye ukukhetha ngaphandle kwalokhu. Kumele nikubone ukuthi labo abangalandeli intando kaNkulunkulu bayojeziswa. Leli iqiniso elingenakuguqulwa. Ngakho-ke, bonke labo abajeziswayo bajeziswa kanjalo ngenxa yokulunga kukaNkulunkulu futhi njengokujeza ngenxa yezenzo zabo ezimbi.

kwesithi “Kumele Wenze Izenzo Ezinhle Ezanele Ukulungiselela Isiphetho Sakho” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana