Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/02

2. Kuyoba yini umphumela uma umuntu ekholelwa kuNkulunkulu Oyedwa ngokwethembela olwazini lwesayensi yezindaba zenkolo eBhayibhelini?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ivangeli,Isiphambano

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Laba bantu basondela kimi ngomlomo wabo, futhi bangidumisa ngezindebe zabo; kodwa inhliziyo yabo ikude nami. Kodwa bangikhonza ngeze, bafundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu” (UMathewu 15:8-9).

“Ngoba igama liyabulala, kodwa umoya unika ukuphila” (2 Korinte 3:6).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

lapho abantu bekhuluma ngokwengeziwe amazwi nezimfundiso, baya ngokuya beqhela kuNkulunkulu, bese kwanda ukungabi namandla okwazi ingqikithi yomuntu, futhi uma bekhula ekungalalelini uNkulunkulu, baya ngokuya beqhela kokufunwa nguNkulunkulu.

kwesithi “Ukuhunyushwa Kwezwi Leshumi Nesithupha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani abantu abaningi bechitha amandla amakhulu befunda amazwi kaNkulunkulu kodwa benolwazi kuphela futhi bengakwazi kusho lutho ngendlela yangempela kamuva? Ingabe ucabanga ukuthi ukuba nolwazi kulingana nokuba neqiniso? Akuwona yini lowo umbono odidekile? Uyakwazi ukukhuluma izilimi eziningi njengesihlabathi esisebhishi, kodwa alukho kuzo olunendlela yangempela. Kulokhu, awubakhohlisi yini abantu? Awukhulumeli yini safuthi kodwa ungenzi? Ukwenza ngale ndlela kuyabalimaza abantu! Ukuphakama kwemfundiso, kusho ukuphenduka ize kokungokoqobo, futhi ayanda namathuba okungakwazi ukuletha abantu kokungokoqobo; ukuphakama kwemfundiso, kukwenza ungcolise futhi umelane noNkulunkulu. Ungaphathi izimfundiso eziphakeme kakhulu njengomcebo oyigugu; ziyalimaza futhi azinamsebenzi! Mhlawumbe abanye abantu bayakwazi ukukhuluma ngezimfundiso eziphakeme kakhulu—kodwa izimfundiso ezinjalo azinalutho olungokoqobo, ngoba laba bantu abakaze babhekana nazo ngqo, ngakho abanandlela abangayenza. Labo bantu abakwazi ukuhambisa umuntu emgudwini ofanele, futhi bayogcina ngokuphambukisa abantu. Akubona yini abantu abalimazayo laba? Okungenani, kumele ukwazi ukuxazulula izinkinga zamanje futhi uvumele abantu bafinyelele ukungena; yilokhu kuphela okusebenza njengokuzinikela, futhi kulapho kuphela lapho uyokwazi khona ukusebenzela uNkulunkulu. Ungahlale ukhuluma okuphakeme, amazwi akhazimulayo, futhi ungababophi abantu ubenze bakulalele ngezenzo zakho eziningi ezingafanele. Ukwenza kanjalo ngeke kube namphumela, kungandisa kuphela ukudideka kwabantu. Ukuhola abantu ngale ndlela kuyokwakha izingxenye eziningi zomthetho, okuyokwenza abantu bakuzonde. Leli iphutha lomuntu, futhi alithandeki ngempela.

kwesithi “Gxila Kakhulu Kokungokoqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ulwazi lwenu lungakwazi ukusiza abantu isikhashana nje. Ngokuhamba kwesikhathi, uma uqhubeka usho into efanayo, abanye abantu bazokwazi ukubona; bazothi awuzinzile kakhulu, untula kakhulu ekujuleni. Akukho ongakwenza ngaphandle kokuzama ukudukisa abantu ngokukhuluma izimfundiso. Uma uhlale uqhubeka ukhuluma kanje, labo abangaphansi kwakho bazolandela izindlela, izinyathelo nesibonelo sokukholelwa kuNkulunkulu nokwazi, futhi bazokwenza lawo mazwi nezimfundiso, ekugcineni, njengoba ukhuluma ngale ndlela, bayosebenzisa wena njengesibonelo. Uholela abantu ezimfundisweni, labo abangaphansi kwakho bazofunda izimfundiso kuwe, njengoba izinto ziqhubeka uyobe uthathe inkambo engafanele. Bonke abangaphansi kwakho bayakulandela, ngakho uyacabanga: “Nginamandla manje; ngakho abantu abaningi bayangilalela, izwe lizwa ngami.” Lokhu kukhaphela okukubantu unganakile kukwenza ujikele uNkulunkulu umenze inhloko engelutho, nawe uqobo ube usuzakhela umbuso thizeni noma iqembu. Idlondlobala kanjani imibuso namaqembu? Idlondlobala ngale ndlela. Buka abaholi bayo yonke imibuso namaqembu. Bonke banenkani, bazenza osiyazi, bachaza iBhayibheli ngaphandle komongo walo nangokwemicabango yabo. Bonke bancike eziphweni nasolwazini olunzulu ukuze benze umsebenzi wabo. Ukube akukho ababekwazi ukukushumayela, ingabe labo bantu bebeyobalandela? Ngemva kwakho konke, kukhona abakufundayo, futhi kuncane abangakusho ngemfundiso, noma ukwazi indlela yokunqoba abanye nendlela yokusebenzisa obunye ubuqili, abalethe ngakho abantu phambi kwabo futhi babakhohlisa. Ngokulindelekile, labo bantu bakholelwa kuNkulunkulu—kodwa eqinisweni balandela abaholi babo. Uma behlangana nalabo abashumayela indlela yeqiniso, abanye kubo bayothi, “Kudingeka sixhumane naye ngokukholelwa kwethu kuNkulunkulu.” Buka indlela abadinga ngayo imvume yomuntu othile ukuze bakholelwe kuNkulunkulu; akuyona yini inkinga leyo? Baphenduke ini labo baholi? Ingabe abakabi yini abaFarisi, abelusi bamanga, abaphikikrestu, nezikhubekiso ekwamukeleni kwabantu indlela yeqiniso?

kwesithi “Ukufuna Iqiniso Kuphela Okuwukukholelwa Ngeqiniso KuNkulunkulu” encwadini ethi Izinkulumo ZikaKristu Ezilotshiwe

Nsuku zonke bafuna imikhondo Yami eBhayibhelini bathole izingxenye “ezifanele” benganakile abazifunda bangaqedi bese bezisho “njengemibhalo”. Abakwazi ukuthi bafanelane Nami, abazi ukuthi kusho ukuthini ukungazwani Nami, baphinde bafunde “imibhalo” ngokunganaki. Bazicindezela ngeBhayibheli kuNkulunkulu ongabonakali abangakaze bambone, futhi abangeke bakwazi ukumbona, bazinikeze isikhathi sokubheka esikhathini sabo esiseceleni. Bayakholwa ukuthi ngikhona ngokweBhayibheli kuphela. Kubona, ngiyafana neBhayibheli; ngaphandle kweBhayibheli angikho Mina, futhi ngaphandle Kwami alikho iBhayibheli. Abanendaba nobukhona noma izenzo Zami, kunalokhu banake kakhulu igama negama lombhalo ongcwele, futhi abaningi babo bakholelwa ukuthi kufanele ngingenzi lutho engifisa ukukwenza ngaphandle kokuthi kwabikezelwa umbhalo ongcwele. Benza umbhalo ongcwele ubaluleke kakhulu. Kungathiwa nje ukuthi babona amazwi nezinkulumo zibaluleke kakhulu, ukufika ekutheni basebenzisa amavesi aseBhayibhelini ukulinganisa igama negama engilishoyo, nokungehlulela. Lokho abakufunayo akuyona indlela yokufanelana Nami, noma indlela yokufanelana neqiniso, kodwa indlela yokufanelana namazwi eBhayibheli, futhi bakholelwa wukuthi noma yini engahambelani neBhayibheli, ngaphandle kokukhetha, akusiwo umsebenzi Wami. Ingabe abantu abanjalo abazona izizukulwane ezilalelayo zabaFarisi? AbaFarisi abangamaJuda babesebenzisa umthetho kaMose ukwehlulela uJesu. Abazange bafune ukufanelana noJesu wangaleso sikhathi, kodwa ngokukhuthala balandela umthetho kwaze kwaba yilapho kufinyelela ekutheni babethele uJesu ongenacala esiphambanweni, bembeke icala bengalandelanga umthetho weTestamente Elidala nokuthi akayena uMesiya. Kwakuyini umnyombo wabo? Kwakungekhona yini ukuthi abazange bafune izindlela zokufanelana neqiniso? Babenentshisekelo ngawo wonke amazwi ombhalo ongcwele, bebe bengenandaba nentando Yami nezinyathelo nezindlela zomsebenzi Wami. Babengebona abantu abafuna iqiniso, kodwa abantu abalandela ngokomthetho amazwi ombhalo ongcwele; bebengebona abantu abakholelwa kuNkulunkulu, kodwa abantu abakholelwa eBhayibhelini. Empeleni, bebengonogada beBhayibheli. Ukuze bavikele okungokweBhayibheli, baqhakambise isithunzi seBhayibheli, bavikele isithunzi salo, baze bafika ekubetheleni uJesu onomusa esiphambanweni. Lokhu bakwenze nje ngoba befuna ukuvikela iBhayibheli, nokugcina ukuma kwegama ngalinye eliseBhayibhelini nawo wonke amazwi aseBhayibhelini esezinhliziyweni zabantu. Ngakho-ke bakhethe ukushiya ikusasa labo nomnikelo wesono ukwahlulela uJesu, ongazange ahambelane nezimfundiso zombhalo oyingcwele, ukuya ekufeni. Ingabe babengezona izinceku egameni ngalinye loMbhalo ongcwele?

Bese kwenzekani ngabantu namuhla? UKristu uzele ukuzokhulula iqiniso, kodwa babona kungcono ukumxosha ebantwini ukuze bathole umusa. Bangamane baphike ngokuphelele ukuza kweqiniso ukuze bavikele okweBhayibheli, nokuthi bangamane babethele uKristu obuyele enyameni esiphambanweni ukuze baqinisekise ukuba khona kweBhayibheli ingunaphakade. … Umuntu ufuna ukufanelana ngamazwi, ngeBhayibheli kodwa akekho noyedwa umuntu oza phambi Kwami afune indlela yokufanelana neqiniso. Umuntu ubheka Kimi ezulwini, anikele ukukhathazeka okuthile ebukhoneni Bami ezulwini, kodwa akekho onginakayo enyameni, ngoba Mina engihlala phakathi kwabantu angibalulekanga nhlobo. Labo abafuna kuphela ukufanelana namazwi eBhayibheli, abafuna ukufanelana noNkulunkulu ongabonakali, bayisinengiso Kimi. Kungenxa yokuthi lokho abakukhonzayo kungamazwi afile, noNkulunkulu okwazi ukubanikeza ingcebo engelinganiswe. Abamukhonzayo uNkulunkulu ozibeka emseni womuntu futhi ongekho. Manje, abantu abanjalo bangazuzani Kimi? Umuntu uhlwempu kakhulu ngamazwi. Labo abaphikisana Nami, abenza izimfuno ezingapheli Kimi, abangalithandi iqiniso, abahlubukayo Kimi – bangafanelana kanjani Nami?

kwesithi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abanaka kuphela amazwi eBhayibheli abangenamsebenzi neqiniso noma ukufuna ezinyathelweni Zami—baphikisana Nami, ngoba bangibekela umngcele ngokweBhayibheli, bangicindezele eBhayibhelini, kanjalo bayahlambalaza kakhulu Kimi. Bangeza kanjani abantu abanjalo Kimi? Abaziqapheli izenzo Zami, noma intando Yami, noma iqiniso, kodwa kunalokho ba bathathekile ngamazwi, amazwi abulalayo. Bangafanelana kanjani Nami abantu abanjalo?

kwesithi “Kufanele Ufuna Indlela Yokufanelana NoKristu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa kulokho okumangalisayo okwenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[c] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!

…………

… Labo abalawulwa imithetho, ngezincwadi, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi adungekile alokhu emile izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni izincwadi ezingakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho?

kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

c. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana