Voice of Justice

Voice of Justice

2018/12/27

South African Latest Gospel Music "Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho"



South African Latest Gospel Music "Lapho Uvulela UNkulunkulu Inhliziyo Yakho"


I
Lapho ungamqondi uNkulunkulu futhi ungayazi imvelo Yakhe,
izinhliziyo zenu azisoze zavuleka ngokweqiniso, zivulekela uNkulunkulu.
Lapho usumqonda uNkulunkulu wakho, 
uzokuqonda okusenhliziyweni Yakhe,
bese ujabulela okukuye ngakho konke ukukholwa nokunaka kwakho. 
Lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu, kancane kancane, usuku nosuku,
lapho ujabulela okusenhliziyweni kaNkulunkulu,
inhliziyo yakho izovulekela Yena.
II
Lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso, 
lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso,
uzobona ukwedelela,
uzobona ihlazo lezicelo zakho ezinkulukazi nezobugovu.
Lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso,
lapho inhliziyo yakho ivuleka ngokweqiniso,
uzobona umhlaba ongenamkhawulo wenhliziyo kaNkulunkulu, 
futhi ube sendaweeni yezimanga okungakaze kuxoxwe ngazo.
Kule ndawo akukho ukuwaka,
ayikho inkohliso, futhi abukho ububi.
Kuphela kunobuqotho nokwethembeka; ukulunga nomusa kuphela.
III
Uwuthando, uyanakekela, unozwelo olunganqamukiyo.
Empilweni yakho, kuzwakala intokozo, lapho uvulela uNkulunkulu inhliziyo yakho.
Ukuhlakanipha namandla Akhe kugcwalisa umhlaba ongenasiphetho,
kanjalo negunya nothando Lwakhe.
Ungakwazi ukubona lokho uNkulunkulu anakho nayikho,
okujabulisa Yena, 
okukhathaza Yena, okudabukisa nokucasula Yena, kukhona ukuze kubonwe abantu bonke,
lapho uvulela uNkulunkulu inhliziyo Yakho, umeme Yena angene.

Kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Awekho amazwana:

Thumela amazwana